#yiyona
Explore tagged Tumblr posts
Text
Loner (Feat. g0nny 거니)
Loner (Feat. g0nny 거니)
You brought me down I can hardly see me there See me there You’re just too bright to be here Yes you are always with people around you And not me with you I don’t really need any boys to make me feel love and joy I don’t care what you wear at the club I don’t want any of gossiping that are going on in this stupid world Of course you think it is fun to see Of course you think I am boring and I’m…
View On WordPress
1 note
·
View note
Photo
P R E C I O S A❤ Te extraño un montón, mi yiyona🙈 #Alexia #todaunaseñorita💁 #latiateamaunmonton😍 https://www.instagram.com/p/BtZI8SSl94AHhKPe_zukATdPNVRNSa-wRF3nnY0/?utm_source=ig_tumblr_share&igshid=3ip1oc3702v5
2 notes
·
View notes
Video
youtube
이요나 (yiyona) - Loner (Feat. g0nny 거니) Lyric Video https://youtu.be/gYKwSlfmgN4 이요나 (yiyona) - Loner (Feat. g0nny 거니) Lyric Video 이요나 (yiyona) “Loner (feat. g0nny거니)” akin에서 선보이는 첫 번째 프로젝트, 주인공의 이름은 ‘이요나 yiyona’. 이제 막 스물이 된 그녀는 그녀의 주위를 둘러싼 모든 것이 불만족스럽다. 바보 같은 세상과 지루한 나, 시간이 갈수록 점점 더 멀어져만 가는 관계들, 외로움이라는 말로 보호하는 미운 마음. “Loner.” [Credit] Executive produced by (주) 인플래닛 Lyrics by g0nny (거니) Composed by g0nny (거니) & Mantra Arranged by Mantra Main vocals by g0nny (거니) Background vocals by g0nny (거니) Recorded by 서준호 at Inplanet Studio Mixed by Jay Cry at Inplanet Studio Mastered by Jay Cry at Inplanet Studio A&R Director 염정봉 A&R 서준호 Artwork by PEGACON Lyric Video by Josee Cho Publishing/Distribution management by 박배건 Presented by akin Music #이요나 #yiyona #Loner Stone Music Entertainment
0 notes
Text
Ukufa nokuphila kwabangakholwayo
Masiqale ngokufa nokuphila kwabangakholwayo. Emva kokuthi umuntu afe, uthathwa asuswe ahanjiswe yisithunywa esivela emhlabeni kamoya. Sizothi yini yakhe esuswayo? Akuyona inyama, kodwa umphefumulo. Uma ususwa umphefumulo wakhe, ufikela endaweni esebenzela umhlaba kamoya, okuyindawo eyamukela imiphefumulo yabantu abafile. (Qaphela lokhu: Indawo yokuqala afikela kuyo umuntu ofile awuyazi umphefumulo.) Uma efika kule ndawo, kunesisebenzi esimhlolayo, esiqinisekisa igama lakhe, ikheli, iminyaka yobudala, kanye nokuthi wenzeni ngempilo yakhe. Konke akwenzile ngempilo yakhe kubhalwa phansi encwadini kuqinisekiswe ukuthi kushaya emhlolweni. Uma sekuhloliwe konke, ukuziphatha kwakhe lowo muntu kanye nezenzo zakhe empilweni yakhe yonke kusetshenziselwa ukuthola ukuthi kumele ajeziswe noma aqhubeke nokuvuselelwa njengomuntu, okuyisigaba sokuqala. Ngabe siyethusa lesi sigaba sokuqala? Asethusi kakhulu, ngoba into yokuqala eseyenzekile ukuthi lo muntu usefikile endaweni emnyama nengajwayelekile. Akwethusi kakhulu lokho.
Esigabeni sesibili, uma lo muntu enze izinto ezimbi eziningi empilweni yakhe yonke, enze izenzo ezingezinhle, uzobe eseyiswa endaweni yesijeziso ayojeziswa. Yiyona ndawo azoyiswa kuyo, indawo ebekelwe ukujezisa abantu. Imininingwane yokujeziswa kwakhe incike ezonweni azenzile, nokuthi zingaki izinto ezimbi azenzile ngaphambi kokuthi afe—okuyisimo sokuqala esifika uma usesigabeni sesibili. Ngenxa yezinto azenzile nobubi abenzile ngaphambi kokufa, uma ebuyiselwa enyameni emva kokujeziswa—uma ephinda futhi ezalelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo—abanye abantu bazoqhubeka babe ngabantu, abanye babe yizilwane. Lokho kusho ukuthi, emva kokuba umuntu ebuyele emhlabeni kamoya, uyajeziswa ejeziselwa ububi abenzile; ngaphezu kwalokho, ngenxa yezinto ezimbi azenzile, ukubuyiselwa enyameni okulandelayo akabi ngumuntu, kodwa uba yisilwane. Izilwane abangaba yizo abanjengaye zibandakanya izinkomo, amahhashi, izingulube, kanye nezinja. Abanye abantu bangaba yizinyoni esibhakabhakeni, noma amadada noma amahansi…. Emva kokubuyiselwa enyameni babe yizilwane, uma sebefa babuyela emhlabeni kamoya, bese, njengakuqala, ngokokuziphatha kwabo kokuqala uma sebefa manje umhlaba kamoya uzokhetha ukuthi babuyiselwa enyameni babe ngabantu yini noma cha.
Abaningi abantu benza ububi obukhulu, izono zabo zimbi kakhulu, ngalokho uma bebuyiselwa enyameni baba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili—akwesabisi lokho? Yini oyesabayo wena? Ukuthi umuntu abe yisilwane, kuyesabisa lokho. Kumuntu, yini esingathi ibuhlungu ngokuphenduka isilwane? Ukungabi nalulimi ozolukhuluma, ukuba nemicabango elula, ukukwazi kuphela ukwenza izinto ezenziwa yizilwane nokudla izinto ezidliwa yizilwane, ukuba nomqondo ongajulile kanye nokusebenzisa umzimba ukudlulisa imilayezo njengesilwane, ukungakwazi ukuhamba uqondile, ukungakwazi ukukhuluma nabantu, nokuthi akukho ukuziphatha kwabantu nezinto abazenzayo ezibahlanganisa nezilwane. Okusho ukuthi, kuzo zonke izinto, ukuba yisilwane kukwenza umuntu osezingeni eliphansi kunazo zonke izinto eziphilayo, futhi kubuhlungu kakhulu kunokuphila njengomuntu phaqa. Eyodwa lena yezinto zomhlaba kamoya eziyisijeziso kulabo abenze ububi benza nezono ezinkulu. Uma kubhekiswa ebunzimeni besijeziso, lokho kuya nokuthi silwane sini umuntu aphenduka abe yiso. Isibonelo, ngabe ukuba yingulube kungcono kunokuba yinja? Ngabe ingulube iphila impilo engcono kuneyenja? Embi kakhulu, noma kanjani. Uma umuntu eba yinkomo noma yihhashi, ngabe uphila kangcono kunengulube? (Kangcono.) Kubukeka sengathi, uma ithuba ulinikiwe, kuba khona okuzwayo. Ngabe umuntu uphila kangcono uma eyikati? Nempela kungcono kunokuba yihhashi noma yinkomo. Uma bewukhethiswa ezilwaneni ongaba yizo, ungakukhetha ukuba yikati, kungakuphatha kangcono, ngoba ungaba yivila esikhathini esiningi uzilalele nje. Ukuba yinkomo noma yihhashi kunomsebenzi omkhulu, ngakho uma abantu bebuyiselwa enyameni ngokuphendulwa inkomo noma ihhashi, kumele basebenze kanzima—okubukeka kuyisijeziso esisindayo. Ukuba yinja kuthe ukuba ngcono kunokuba yinkomo noma yihhashi ngoba inja inobuhlobo obuhle nomniniyo. Okunye ngaphezu kwalokho, namhlanje, abantu abaningi banezinja, kanti emva kweminyaka emithathu emihlanu inja ibe seyikuzwa okuningi abakushoyo! Kungoba inja iyamuzwa umniniyo uma ekhipha amazwi, imqonda kangcono umniniyo, futhi iyakwazi nokumelana nendlela azizwa ngayo kanye nezidingo zakhe, ngakho umniniyo uyiphatha kahle, bese idla kahle iphuza kahle, futhi uma igula inakekelwa kakhulu—ngabe inja ayiphili impilo emnandi? Ngaleyo ndlela ukuba yinja kungcono kunenkomo noma ihhashi. Kulokhu, ubunzima besijeziso somuntu buvezwa ukuthi ubuyiselwa izikhathi ezingaki enyameni babe yizilwane, nokuthi yiziphi izinhlobo zezilwane ababuyiselwa enyameni babe yizo. Uyakuzwa lokho, yebo?
Kungoba benze izono eziningi besaphila, abanye abantu bazojeziswa ngokubuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Uma isijeziso sesithathe izikhathi eziningi ngokwanele, uma umuntu ebuyela emhlabeni kamoya udluliselwa kwenye indawo. Imiphefumulo eyahlukahlukene kule ndawo seyisitholile isijeziso, manje izobe seyiba sezingeni lokubuyiselwa enyameni ibe ngabantu. Le ndawo ihlukanisa imiphefumulo ngokwezinhlobo ukuthi izoya kuluphi uhlobo lomndeni uma izalwa, ukuthi izobamba liqhaza lini uma seyibuyiselwe enyameni, kanjalo kanjalo. Isibonelo, abanye abantu baba ngabaculi uma befika kulo mhlaba, bese bebekwa eqeqebeni labaculi; abanye bazoba ngosomabhizinisi uma befika kulo mhlaba, bese babekwe eqeqebeni losomabhizinisi, kuthi uma umuntu ezoba ngumcwaningi owusosayensi uma eba ngumuntu, abekwe eqeqebeni labacwaningi bezesayensi. Uma sebefakiwe emikhakheni yabo, umuntu ngamunye uthunyelwa ngesikhathi esihlukile nangosuku olukhethiwe, kufane nendlela abantu abathumela ngayo ama-imeyili namhlanje. Ngalokhu umuntu useqede umzuliswano owodwa wokuphila nokufa, kanti kuba nomnyakazo omkhulu. Kusukela ngosuku afika ngalo umuntu emhlabeni kamoya kuze kube kuphela isijeziso sakhe, angaphendulwa isilwane izikhathi eziningi, bese ebuyiselwa ekuphendulweni abe ngumuntu futhi; wumjikelezo ophelele lona.
Ngabe labo abaqede izijeziso zabo, abangasezubuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane, banokuthunyelwa masinya emhlabeni wezinto ezibambekayo njengabantu? Noma kuthatha isikhathi esingakanani ukuthi babuye babe ngabantu? Laba bantu baba ngabantu izikhathi ezimi kanjani? Kunemikhawulo yesikhashana kulokhu. Konke okwenzeka emhlabeni kamoya kulawulwa imikhawulo nemithetho efanele—uma ngingachaza ngokusebenzisa izinombolo, nizoqonda. Kulabo ababuyiselwa enyameni ngokuthatha isikhathi esincane, uma befa ukuphinda bazalwe njengabantu kuyalungiselelwa. Isikhathi esifushane kunazo zonke kuba yizinsuku ezintathu. Kwabanye abantu, kuba yizinyanga ezintathu, kwabanye kube yiminyaka emithathu, kuthi kwabanye kube yiminyaka engamashumi amathathu, kanti kwabanye kuba ngamakhulu amathathu eminyaka, kuze kuthi kwabanye kube yizinkulungwane ezintathu zeminyaka, njalo-njalo. Yini-ke engaphawulwa ngale mithetho yesikhashana, yini eyiqukethe ngempela? Ukufika komphefumulo emhlabeni wezinto ezibambekayo, okuwumhlaba wabantu, kuncike esidingweni: Kuya ngokuthi qhaza lini elizobanjwa yilo muntu emhlabeni. Uma abantu bebuyiselwa enyameni njengabantu abejwayelekile, abaningi babo babuyiselwa enyameni masinya, ngoba umhlaba wabantu unesidingo esikhulu sabantu abanjalo, bese bebuyiselwa ezinsukwini ezintathu ezilandelayo emindenini ehlukile kunale abebekuyo ngaphambi kokufa. Kodwa kukhona labo okufanele badlale indima ekhethekile kulo mhlaba. “Ekhethekile” kusho ukuthi asikho isidingo esikhulu salaba bantu emhlabeni wabantu; ababaningi okudingeka badlale leyo ndima, ngakho bangathatha iminyaka engamakhulu amathathu ngaphambi kokuthi babuyiselwe enyameni. Lokho kusho ukuthi, lowo mphefumulo uzobuya kanye njalo emva kweminyaka engamakhulu amathathu, noma kube kanye emva kweminyaka eyizinkulungwane ezintathu. Kungani kunjalo? Kungoba eminyakeni engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu aludingeki lolo hlobo lomuntu emhlabeni wabantu, ngalokho bagcinwa endaweni ethile emhlabeni kamoya. Masibheke umuntu onjengoConfucius, njengesibonelo. Wayenethonya elijulile emasikweni omdabu eChina. Cishe niyamazi nonke; ukufika kwakhe kwaba nomphumela omkhulu emasikweni, olwazini, kokomdabu, kanye nasekucabangeni kwabantu bangaleso sikhathi. Kodwa umuntu onjengalona akadingeki minyaka yonke, kwabe sekudingeka ukuthi ahlale emhlabeni kamoya, walinda khona iminyaka engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu ngaphambi kokuthi abuyiselwe enyameni. Kungoba umhlaba wabantu wawungamdingi umuntu onjengalona, kwadingeka alinde engenzi lutho, ngokuthi kwakunesidingo esincane somuntu onjengaye, kwabe kukuncane okwakumele akwenze, ngakho kwadingeka agcinwe ndawana thile emhlabeni kamoya isikhathi esithile, engenzi lutho, ukuze akhishelwe emhlabeni wabantu uma sewumdinga. Lena yimithetho yokomoya yesikhashana eholela ekuthini abantu babuyiselwe enyameni. Noma bangaba ngabantu abejwayelekile noma abakhethekile, umhlaba kamoya unemithetho efanele nezindlela ezinembayo ukwenza umsebenzi wokubuyisela enyameni abantu, kanti le mithetho kanye nezindlela kuphuma kuNkulunkulu, yehlika ivela kuNkulunkulu, ayinqunywa noma ilawulwe yisithunywa noma ibe semhlabeni kamoya. Manje seniyaqonda, yebo?
Umphefumulo noma yimuphi, iqhaza olibamba emva kokubuyiselwa enyameni—ukuthi yiliphi iqhaza lawo kule mpilo—ukuthi uzalelwa kumuphi umndeni, nokuthi impilo yawo injani kuncike empilweni yawo edlule. Zonke izinhlobo zabantu ezifika kulo mhlaba wabantu, iqhaza ezilibambayo kalifani, njengemisebenzi eziyenzayo lezi zinhlobo. Yimiphi leyo misebenzi? Abanye abantu bafikela ukuzokhokha izikweletu: Uma bebekweleta abanye izimali eziningi empilweni yabo edlule, bayazikhokha lezo zikweletu. Abanye abantu, ngaleyo nkathi, babuyela ukuzoqoqa izikweletu: Babeqolwe izinto eziningi, nemali eningi empilweni yabo edlule, emva kokufika emhlabeni kamoya banikwa ubulungiswa bavunyelwe ukuzoqoqa izikweletu kule mpilo. Abanye abantu babuyela ukuzokhokha izikweletu zokubonga: Empilweni yabo edlule—ngaphambi kokuthi bafe—kunomuntu osuke eye waba nomusa kubo, kuthi empilweni yabo yamanje banikwe ithuba elikhulu lokubuyiselwa enyameni bazalwe futhi ukuba bazokhokha isikweletu sokubonga. Abanye, ngaleyo nkathi, baphinde bazalwa kulesi sikhathi samanje ukuba bathole ukuphila nje. Iyiphi impilo abayitholayo? Kusuke kunomuntu obabulele empilweni yabo edlule. Uma sihlanganisa, wonke umuntu ophilayo manje impilo yakhe ihlobene nempilo yakhe edlule, ihlobene ngokungehlukaniswe. Okusho ukuthi, impilo yomuntu wonke ophila manje ithola ithonya empilweni yakhe eyedlule. Isibonelo, ngaphambi kokuthi afe uZhang wenza inkohlakalo ngemali kaLi eningi kakhulu. Ngabe uZhang unesikwelethu esikhulu kuLi? Uma kunjalo, ngabe kuyimvelo ukuthi uLi aqoqe isikweletu sakhe kuZhang? Ngakho, emva kokufa kwabo, kunesikweletu okufanele sikhokhwe phakathi kwabo, uma bebuyiselwa enyameni uZhang bese eba ngumuntu, ngabe uLi usiqoqa kanjani isikweletu sakhe kuye? Kokunye okungenzeka ukuthi uLi azalwe njengendodana kaZhang bese siqoqeka isikweletu, ingani uZhang usenguyise. Yilokho okunokwenzeka kule mpilo, empilweni yanamuhla. Uyise kaLi okunguZhang uthola imali eningi, ilokhu idliwa nguLi nje. Noma angathola malini uZhang, uLi indodana yakhe “umsiza” ngokuyisebenzisa. Noma angathola malini uZhang, ayeneli, umfana wakhe, ngaleso sikhathi, ngasizathu sithile uzithola edla imali kayise ngezindlela eziningi ezahlukene. UZhang udidekile nje: “Kwenzekani? Kungani indodana yami imosha nje? Kungani amadodana abanye abantu eziphethe kahle kangaka? Kungani indodana yami ingenanhloso enhle empilweni, kungani ingento yalutho ingakwazi ukuzenzela imali ngokwayo, kungani kudingeka njalo ngiyixhase? Ngoba kudingeka ngiyixhase, ngizoyixhasa-ke, kungani kodwa ukuthi noma ngingayinika malini, idinga enye eningi futhi? Kungani ingenzi umsebenzi wosuku nje onokwethembeka? Kungani iwulova nje, iyadla, iyaphuza, iyafeba, iyabheja—ikwenza konke? Kwenzekani nje kimi?” UZhang athi ukucabanga kancane: “Ngabe kungoba ngamkweleta kakhulu empilweni yakhe edlule? Kungenzeka kambe ukuthi kungoba bengimkweleta imali empilweni edlule. O, kuhle-ke, ngizosikhokha isikweletu! Ngeke kuphele lokhu ngize ngisikhokhe sonke ngokuphelele!” Lungafika usuku lapho uLi esithola khona sonke isikweletu sakhe, kuthi ngenkathi efika eminyakeni engamashumi amane noma amahlanu, kufike usuku lapho efikelwa khona wumcabango ophusile: “Angenzanga lutho oluhle kuwo wonke uhhafu wokuqala wempilo yami! Ngiyidle yonke imali ubaba ayisebenzile—kumele ngiziphathe kahle! Ngizolungisa isimo sami: Ngizokwethembeka, ngiphile impilo efanele, ngingaphindi ngimkhubekise ubaba futhi!” Kungani ecabanga ngale nto? Kungani eseguquka manje eba ngumuntu okahle? Ngabe sikhona isizathu salokhu? Siyini sona leso sizathu? Eqinisweni, kungoba esesiqoqe sonke isikweletu sakhe; sikhokhiwe isikweletu. Kulokhu, kukhona imbangela nomphumela. Indaba yaqala kudaladala, ngaphambi kokuthi bazalwe bobabili, ngakho le ndaba yabo yempilo edlule ibuyiselwe empilweni yamanje, akekho kubo ozolahla omunye ngecala. Lokhu nalokhuya uZhang ayifundise khona indodana yakhe, ayizange ikulalele, ayizange yenze nomncane umsebenzi noma ngowosuku nje—kodwa kuthe ngosuku isikweletu esaphela ngalo, akubanga khona sidingo sokuthi ayifundise indodana yakhe; yavele yaqonda izinto ngokwemvelo. Yisibonelo esilula njena lesi, kukhona, ngaphandle kokuthandabuza, eziningi ezinye izibonelo ezifana nalezi. Kusho ukuthini kubantu lokhu? (Ukuthi kumele baziphathe kahle.) Ukuthi akumele benze okubi, kuzoba khona imiphumela engemihle kubo ngokwenza okubi! Abaningi abangakholwa, uyababona, benza okubi, kanti ububi ababenzile sebube nayo imiphumela engemihle kubo, angithi kunjalo? Kungabe-ke imiphumela engemihle kubo ayibafanele? Konke okuholele emiphumeleni engemihle kubo kunesizathu. Ucabanga ukuthi akukho okuzokwenzeka kuwe uma wenze inkohlakalo kumuntu ngemali yakhe? Ucabanga ukuthi, emva kokuqola umuntu imali, akukho miphumela kuwe emva kokuthatha imali yakhe? Ngeke kungenzeki lutho: Isondo liyajika—kuliqiniso lokhu! Okusho ukuthi noma ngabe bangobani, noma bayakholwa noma cha ukuthi uNkulunkulu ukhona, wonke umuntu kumele azithwalele yena imiphumela yokuziphatha kwakhe, amukele okulandela emva kwezenzo zakhe. Mayelana nalesi sibonelo esilula—uZhang esejezisiwe, noLi esekhokhelekile—kwamukelekile lokhu? Kwamukelekile. Uma abantu benza izinto ezinjena, kukhona imiphumela enjalo emelwe ukuba khona. Ingabe ikhishiwe ekuphathweni komhlaba kamoya? Akuhlukaniseki nokuphathwa komhlaba kamoya. Phezu kokuba bengabangakholwayo, labo abangakholwa uNkulunkulu, ubukhona babo buyayithinta inqubo yezulu nemiyalelo yalo akekho noyedwa ongayibalekela; noma ngabe unesikhundla esiphakeme kangakanani emhlabeni wabantu, akekho okwazi ukuvika leli qiniso.
Labo abangenakho ukukholwa bavame ukukholwa ukuthi yonke into ebonakalayo ikhona, kanti konke okungabonwa, noma okukude kakhulu nabantu, akukho. Bakhetha ukukholwa ukuthi ayikho into okuthiwa “yisikhathi sokuphila nokufa,” futhi asikho “isijeziso,” ngakho bayona benze isono ngaphandle kokuzisola—emva kwalokho bajeziswe, noma babuyiselwe enyameni ngokwenziwa izilwane. Iningi kulabo abangakholwayo bawela kulo mzuliswano onzima. Kungani kunjalo? Kungoba abazi ukuthi umhlaba kamoya uyakumela ukulawula kwawo konke okuphilayo. Noma ngabe uyakholwa noma awukholwa, leli qiniso limile, ngokuthi akukho noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuvika lokho uNkulunkulu akubonayo ngamehlo Akhe, akekho futhi noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuphunyula emithethweni kanye nasemikhawulweni yezulu nemiyalelo kaNkulunkulu. Kanjalo futhi ngiyasho ukuthi bonke kinina ngamunye ngamunye lesi sibonelo esilula; noma uyakholwa noma kawukholwa uNkulunkulu, akwamukelekile ukwenza isono nokwenza okubi, kunemiphumela, lokhu kuliqiniso eliphelele. Uma kungukuthi umuntu oqole omunye imali uthola isijeziso esinje, leso sijeziso simfanele simlingene, silungile. Ngokujwayelekile kwesikubonayo okufana nalokhu okuthola isijeziso emhlabeni kamoya, kungukujeziswa okuvela ngemiyalelo kanye nemigomo kaNkulunkulu, ngakho ukuziphatha okunobugcwelegcwele nobubi—ukudlwengula nokuqola, ukukhwabanisa nokukhohlisa, ukweba nokubamba inkunzi ukubulala nokuthungela ngomlilo, kanjalo kanjalo—kuholela ezijezisweni eziningi ezinamazinga angalingani ngobunzima. Zibandakanya ini nani lezi zijeziso ezehlukene ngamazinga obunzima? Ezinye zazo zithatha isikhathi ukufinyelela ezingeni lobunzima, ezinye zikwenza lokho ngezindlela ezahlukahlukene, kuthi ezinye zikwenze ngendawo lapho abantu beya khona uma bebuyiselwa enyameni. Isibonelo, abanye abantu banokukhuluma kabi. Kusho ukuthini “ukukhuluma kabi”? Kusho ukukhipha inhlamba wethuke abanye kanye nokusebenzisa ulimi olunendelelo, ulimi oluqalekisa abantu. Yini ebalulwa wulimi olubi? Lubalula ukuthi lowo muntu unenhliziyo embi. Ulimi olubi oluqalekisa abanye abantu luvame ukuvela emilonyeni yabantu abanjalo, kanti lolo lulimi olubi luhambisana nemiphumela enzima. Emva kokuthi laba bantu bafe bathola isijeziso esifanele, bangazalwa futhi kodwa bazalwe beyizimungulu. Abanye abantu bathanda ukucubungula kakhulu uma besaphila, bavame ukuqinela abanye, amaqhinga abo avama ukuhlelwa kahle, okuningi abakwenzayo kuyabalimaza abanye. Uma bezalwa futhi, bangazalwa bengaphelele engqondweni kungenjalo babe yizinhlanya. Abanye bavama ukuzinikela ekucingeni babone ingasese labanye abantu; amehlo abo abona okuningi abangafanele ukukubona, bazi okuningi abangafanele ukukwazi, bese bezalwa beyizimpumputhe. Abanye abantu bashesha kakhulu uma besaphila, bayalwa, benza okuningi okubi, bese kuthi uma bezalwa futhi babe nokukhubazeka, babe yizinyonga noma ngabangenaso isitho esithile mhlawumbe bangabi nangalo, kungenjalo babe yizifumbu, baxhwale ngemiqala, baxhuge, noma babe nomlenze omfushane kunomunye, njalo-njalo. Ngalokhu bawela ezijezisweni eziningi ezahlukahlukene eziya nokuthi benze ububi obungakanani ngenkathi besaphila. Bese wena uthi, kungani abanye abantu beyinsanga? Kungabe baningi abantu abanjalo? Bakhona baningi kulezi zinsuku. Abanye abantu bayinsanga ngoba empilweni yabo edlule bawasebenzise kakhulu amehlo abo, benze izinto eziningi ezimbi ngawo, uma bezalwa futhi kulo mhlaba amehlo abo aba yinsanga, ezimeni ezimbi kakhulu baba yizimpumputhe. Ngokwakho abantu abayinsanga ngabe kumnandi ukubabuka? Bayasenza isimo sibe sihle? Bheka nje ukuthi banobuso obumi kahle kanjani, isikhumba sabo sicacile siyakhanya, banamehlo amakhulu nezinkophe ezingathi zihamba ngambili—kodwa ngeshwa amehlo abo ayinsanga. Babukeka kanjani? Ngabe lokhu akuvezi ithonya lemikhuba yabo emibi? Ngalelo thonya, impilo yabo injani? Uma behlangana nabanye abantu, bacabanga bathi: “O, ngiyinsanga! Akufanele ngibuke abantu kakhulu, angifuni ukuthi babone amehlo ami. Kumele njalo uma ngikhuluma ngibheke phansi, angikwazi ukubabheka ebusweni.” Amehlo abo ayinsanga enza ukuthi ukubheka kwabo kube nendlela ethile, kuthikameza nendlela ababheka ngayo abantu ebusweni. Kulokhu, singethi balahlekelwe yindlela yokusebenzisa amehlo? Ngakho-ke, ngabe ukusebenzisa kwabo amehlo ngokweqile empilweni yabo eyedlule akulungisiwe? Ngakho, empilweni yabo elandelayo, ngeke balokothe benze into embi njengale. Ukuphindiselela lokhu!
Abanye abantu bazwana kahle nabanye ngaphambi kokuthi bafe, bebenzela okuningi okuhle labo abahlalisene nabo, abathandiweyo babo, abangani, ozakwabo, noma abantu abaxhumene nabo. Basiza abanye abantu, bayaphana futhi bayabanakekela abanye abantu, mhlawumbe babasize ngemali, abanye bayabahlonipha laba bantu, kuthi uma abantu abanjalo bebuyela emhlabeni kamoya bangakutholi ukujeziswa. Ukuze umuntu ongakholwa angajeziswa kumele abe ngumuntu oziphethe kahle kakhulu. Esikhundleni sokukholwa nguNkulunkulu, bakholwa kuphela yiNdoda Endala Yasesibhakabhakeni. Bakholwa kuphela ukuthi kunomoya ongaphezu kwabo obona konke abakwenzayo—ukuphela kwento abakholwa yiyo. Umphumela wabo yini? Baziphethe kahle. Labo bantu banezinhliziyo ezinomusa bayaphana, ekugcineni sebebuyela emhlabeni kamoya, wona umhlaba kamoya bese ubaphatha kahle baphinde babuyiselwe enyameni bazalwe futhi masinya. Luhlobo luni lomndeni abazofikela kuwo? Nakuba ungeke ube yizigwili, impilo yalowo mndeni nokho kuzoba ngenokuthula, kuzoba noxolo emalungwini awo, awuzuba namsindo, izinsuku zawo zinenjabulo, wonke umuntu kuwo uthakasile, unempilo enhle. Uma lowo muntu eba mdala, uzozala amadodana namadodakazi amaningi, abe nomndeni omkhulu, izingane zakhe zibe neziphiwo zithokozele impumelelo, kuthi zona nemindeni yazo zibe nenhlanhla ejabulisayo—umphumela onjalo usukela kakhulu empilweni yakhe edlule. Okusho ukuthi, impilo yonke yomuntu, kuze kube semva kokufa afike lapho eyiswa khona uma ebuyiselwa enyameni, noma kungowesilisa noma ngowesifazane, noma ngabe yimuphi umsebenzi wakhe, noma ngabe udlule kukuphi nakukuphi empilweni, izinkinga zakhe, izibusiso azithokozele, noma ngubani azohlangana naye, kuzokwenzekani kuye—akekho okwazi ukwenza umhlahlo walokhu, ukukuvika, noma ukuzifihla kukho. Lokho kusho ukuthi, emva kokuthi impilo yakho seyihleliwe, okuzokwenzeka kuwe, noma ungazama kanjani ukukuvika, noma yingani ozama ukuvika ngayo, awunayo indlela yokugwema uhlelo lwempilo olubekelwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya. Kungoba uma ubuyiselwa enyameni, impilo yakho isuke isihleliwe. Noma ingaba yimbi noma ingaba yinhle, wonke umuntu kumele abhekane nalokhu, aqhubekele phambili; yinto lena angekho kwabaphila kulo mhlaba ongayivika, akukho futhi kulokhu okuliqiniso kakhulu kunokunye. Kulungile-ke, uyakuqonda konke lokhu, yebo?
Uma sewukuqonda-ke lokhu, ngabe uyabona ukuthi uNkulunkulu unezindlela ezinembayo zokuqaphela kanye nokulawula impilo yokuphila nokufa kwabantu abangakholwa? Okokuqala, uNkulunkulu wenze imithetho yezulu eminingi, imiyalelo, nezinhlelo ngokomoya, emva kokwethulwa kwale mithetho, imiyalelo, kanye nezinhlelo, konke kulandelwa ngokuqinisileyo, njengokusho kukaNkulunkulu, ngabantu abasezikhundleni ezahlukahlukene emhlabeni kamoya, akekho onesibindi sokuyephula. Ngakho-ke, empilweni yabantu yokuphila nokufa emhlabeni wabantu, noma ngabe umuntu ubuyiselwe enyameni waba yisilwane noma wabangumuntu , kunemithetho kukho kokubili. Kungoba le mithetho ivela kuNkulunkulu, akekho onesibindi sokuyephula, futhi akekho nokwazi ukuyephula. Ngenxa yobukhulu bukaNkulunkulu, ngoba-ke kunale mithetho, ethi umhlaba wezinto ezibambekayo ubonwa ngabantu njengohlelekile noqondile; kungenxa yalobu bukhulu bukaNkulunkulu ukuthi umuntu akwazi ukuphila ngokuthula nomunye umhlaba ongabonakali nhlobo kumuntu, akwazi ukuphila ngoxolo nawo—kanti konke ongeke ukwehlukanise nobukhulu bukaNkulunkulu. Emva kokufa komphefumulo wenyama, umphefumulo usuke usaphila, ngakho bekuzokwenzekani uma ubungaphethwe uNkulunkulu? Lo mphefumulo bewuzozulazula yonke indawo, ungene le nale, uze ulimaze izinto eziphila emhlabeni wabantu. Lokho kulimala bekungeke kugcine kubantu, bekuzofinyelela nasezitshalweni nasezilwaneni—kodwa okokuqala okungalimala ngabantu. Uma bekungenzeka lokhu—ukuba lowo mphefumulo bewungangalawulwa, wase ulimaza abantu, wenza izinto ezimbi—bekuyoze ulawulwe emhlabeni kamoya: Uma izinto bezinqala, lowo mphefumulo bewuyoshabalala masinya, bewuyolimala uphele; uma kwenzeka, bewuyobekwa ndawana thile uze ubuyiselwe enyameni. Lokho kusho ukuthi, ukulawula komhlaba kamoya okwenzeka emiphefumulweni enhlobonhlobo kuhlelekile, kwenziwa kulandelwa izinyathelo nemithetho efanele. Kungenxa yalokhu kulawulwa ukuthi umhlaba wezinto ezibambekayo wabantu awusona isiphithiphithi, ukuthi isintu emhlabeni wezinto ezibambekayo siziphethe ngendlela eyamukelekayo, indlela enokuhlakanipha, nempilo yenyama ehlelekile. Kusemva kokuthi isintu sibe nempilo eyamukelekayo ukuthi labo abaphila enyameni bakwazi ukuqhubeka nokuphila bazalane ezizukulwaneni ngezizukulwane.
…… Uma sibhekisa kwabangakholwayo, kungabe umgomo uthi izenzo zikaNkulunkulu zivuza abahle zijezise ababi? Uyabona ukuthi kunomgomo ezenzweni zikaNkulunkulu? Kumele ukwazi ukubona ukuthi ukhona umgomo. Abangakholwayo abakholwa kuNkulunkulu, abazigcini izinhlelo zikaNkulunkulu, ababunakile nobukhulu bukaNkulunkulu, abamamukeli nakancane uNkulunkulu. Okukhulu kakhulu, bayamhlaza uNkulunkulu, bayamqalekisa futhi, benjalo nje bavukela labo abakholwa wuNkulunkulu. Nakuba laba bantu beziphethe kanjalo kuNkulunkulu, ukulawula kukaNkulunkulu kubo akusuki emigomeni Yakhe; ubaphatha ngokuhlelekile elandela imigomo Yakhe kanye nokuziphatha Kwakhe. Ngabe uyithatha kanjani indlela abamelana ngayo Naye? Uyithatha njengeyokungazi! Kubehlele laba bantu—iningi labo okungabangakholwayo—ukuthi babuyiselwe enyameni kanye ngokuba yizilwane. Manje uthini, ngabe abangakholwayo basemehlweni kaNkulunkulu? (Imfuyo.) Emehlweni kaNkulunkulu, bayilolu hlobo, bayimfuyo. UNkulunkulu uyayelusa imfuyo, uyabelusa abantu, unemigomo efanayo nakulolu hlobo lwabantu. Nasekubeluseni laba bantu ukubalawula Kwakhe kanye nezenzo Zakhe ezibhekiswe kubo, kusabonakala isimo sikaNkulunkulu kanye nemithetho Yakhe ezintweni zonke. Kulokho, niyabubona na ubukhulu bukaNkulunkulu emigomeni Yakhe aphatha ngayo labo abangakholwayo engikhulume ngabo?Niyasibona isimo sokulunga kukaNkulunkulu? (Siyasibona.) Niyabubona ubukhulu bukaNkulunkulu, niyasibona isimo Sakhe? Okusho ukuthi, noma ngabe yiziphi izinto asebenza ngazo, uNkulunkulu ulandela imigomo Yakhe kanye nesimo Sakhe. Lobu ubuqu bukaNkulunkulu. Akaveli ayephule kalula nje imiyalelo noma kungaba yimithetho yasezulwini ayibeka Yena ngoba ethatha lolu hlobo lwabantu njengemfuyo; uNkulunkulu wenza izinto elandela imigomo, akagudluki nakancane, izenzo Zakhe azithonywa nakancane okunye, noma ngabe wenzani, konke ukwenza elandela imigomo Yakhe. Lokhu kufakazela ukuthi uNkulunkulu unobuNkulunkulu Kuye Uqobo, okuyinto engajwayelekile engekho kunoma yini edaliwe. UNkulunkulu uyazinikela akubeke emahlombe Akhe konke akwenzayo, indlela enza ngayo, indlela akuphethe ngayo, indlela akusebenza ngayo, nendlela abusa ngayo yonke into, abantu, kanye nezinto eziphilayo kuzo zonke izinto azidala, akakaze futhi abe nobudedengu kulokhu. Kulabo abaziphethe kahle, unomusa nobubele; kulabo ababi, ubanika isijeziso angazisoli neze ngaso; kubantu abehlukahlukene abaphilayo, wenza izinhlelo ezifanele ngesikhathi esifanele ngendlela efanele ngokulandela izidingo ezahlukahlukene zabantu emhlabeni ngezikhathi ezahlukahlukene, ukuze abantu abaphilayo babuyiselwe enyameni kulandelwa iqhaza abalibambe ngendlela ehlelekile, bahambahambe phakathi komhlaba wezinto ezibambekayo nomhlaba kamoya ngendlela ehlelekile.
Ukufa komuntu ophilayo—ukumiswa kwempilo yomzimba—kusho ukuthi umuntu useye wahamba emhlabeni wezinto ezibambekayo waya emhlabeni kamoya, kanti ukuzalwa kwempilo yenyama entsha kusho ukuthi umuntu ophilayo ufikile evela emhlabeni kamoya efika emhlabeni wezinto ezibambekayo wayeseqala indima yakhe, yokubamba iqhaza lakhe. Noma ngabe ukuhamba noma ukufika kwento ephilayo, kokubili akuhlukaniseki emsebenzini womhlaba kamoya. Uma kufika umuntu emhlabeni wezinto ezibambekayo, amalungiselelo kanye nezidingo zakhe kusuke sekwenziwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya kwenzelwa umndeni aya kuwo, inkathi afika ngaso, ihora afika ngalo, iqhaza azolibamba. Impilo yonke yalo muntu—izinto azenzayo, izindlela azithathayo— ziqhubeka ngokwamalungiselelo akhe enziwe emhlabeni kamoya, ngaphandle kwephutha noma ngabe lincane kangakanani. Isikhathi lapho impilo yenyama iphela khona, okwesikhashana, nangendlela nendawo lapho iphelela khona, kucacisiwe kwafakazelwa futhi emhlabeni kamoya. UNkulunkulu ubusa umhlaba wezinto ezibambekayo, aphinde abuse emhlabeni kamoya, kanti akawubambezeli umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa, akenzi phutha futhi ekulungiseleleni umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa. Isithunywa ngasinye ezikhundleni ezisemthethweni emhlabeni kamoya siqala umsebenzi waso, senze njengoba kufanele, silandele imiyalelo nemithetho kaNkulunkulu. Ngakho, emhlabeni wesintu, yonke into eyenganyelwe ngumuntu ihlelekile, ayinasiphithiphithi. Konke lokhu kungenxa yohlelo lwemithetho ehleliwe kaNkulunkulu abusa ngayo zonke izinto, kuphinde kube ngegunya likaNkulunkulu elibusa phezu kwakho konke, kanti konke lokho abusa phezu kwakho kubandakanya umhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo umuntu, kuphinde futhi, phezu kwakho lokho, kube umhlaba kamoya ongabonakali kumuntu. Ngakho, uma isintu sifisa impilo enhle, sifisa futhi ukuhlala ezindaweni ezinhle, phezu kokuphiwa umhlaba wezinto ezibambekayo ophelele obonakalayo, umuntu uyadinga ukuphiwa umhlaba kamoya, ongabonakali kumuntu, obusa phezu kwakho konke okuphilayo egameni lesintu, ophinda ube ngohlelekile. Ngalokho, uma kuthiwa uNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto, akwengezwanga lutho ekuqapheleni nasekuqondeni “zonke izinto”?
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Funda Okwengeziwe: Iyini intando kaNkulunkulu?
0 notes
Text
Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo
Isinyathelo somsebenzi wabenzi bomsebenzi yisinyathelo sokuqala somsebenzi wokunqoba; njengamanje lokhu kuyisinyathelo sesibili somsebenzi wokunqoba. Kungani kuxoxwa ngokupheleliswa komsebenzi wokunqoba? Kuwukwakha isisekelo sekusasa—lokhu njengamanje kuyisinyathelo sokugcina somsebenzi wokunqoba, futhi emuva kwalokhu, abantu bazobhekana nobunzima okukhulu, futhi ngaleso sikhathi umsebenzi wokuphelelisa abantu uzoqala ngokusemthethweni. Into yokuqala manje ukunqoba; nokho, lokhu kuphinde kube isinyathelo sokuqala sokuphelelisa, ukuphelelisa ukuqonda nokulalela kwabantu, nakanjani okuseyisisekelo somsebenzi wokunqoba. Uma ufuna ukupheleliswa, kumele ukwazi ukuma ugxile phakathi kwezinhlupheko ezizayo futhi ufake amandla akho ekwandiseni isigaba esilandelayo somsebenzi. Lokhu kuyapheleliswa, futhi uNkulunkulu uyokwazi lapho ukuthola abantu ngokuphelele. Okudingidwayo njengamanje ukunqotshwa, nakho okuwupheleliswa; nokho, okwenziwa njengamanje kuyisisekelo sokupheleliswa okuzayo. Ukuze abantu bapheleliswe, kumele babhekane nobunzima, futhi kumele babhekane nakho esisekelweni sokunqotshwa. Uma abantu bengenaso lesi sisekelo, uma benganqotshwanga ngokugcwele, kuyoba nzima ukuthi bakwazi ukuma baqine esinyathelweni esilandelayo somsebenzi. Ukunqotshwa nje akusiwo umgomo wokugcina—kuwukuba ufakazi kaNkulunkulu phambi kukaSathane. Ukupheleliswa kuwumgomo wokugcina, futhi uma ungakapheleliswa, uzobalwa njengomuntu ongelutho. Uma ubhekana nobunzima esikhathini esizayo, siyobonakala lapho kuphela isimo sabantu sangempela, okuwukuthi, kuyobonakala uthando olumsulwa lweqiniso lukaNkulunkulu. Manje, bonke abantu bathi: “Noma uNkulunkulu angenzani sizolalela, futhi sizimisele ngokuba okokuqhathanisa ukugqamisa ubukhulu bukaNkulunkulu nesimo sikaNkulunkulu. Noma ngabe ubeka umusa Wakhe kithi noma ngabe uyasiqalekisa noma uyasehlulela, sizombonga.” Ukusho kwakho lokhu manje kuwukuqonda okuncane, kodwa ukuthi kungasetshenziswa yini okwangampela kuncike ekuthini ukuqonda kwakho kungokweqiniso yini. Manje abantu sebebonile futhi baqonda ukuthi lezi zinto ziwukufezeka komsebenzi wokunqoba; ukuthi wena ungapheleliswa yini kuyobonakala uma usufikelwa ubunzima. Ngaleso sikhathi kuzobonakala ukuthi umthanda ngempela yini uNkulunkulu enhliziyweni yakho, kanye nokuthi unalo yini uthando Lwakhe olumsulwa: “Simane siyiziqhathaniso; siyizidalwa ezandleni zikaNkulunkulu,” Futhi uma usabalalisa ivangeli kwezinye izizwe, uzothi: “Ngiyisisebenzi nje futhi kungenxa yezimo zenkohlakalo uNkulunkulu akhulume ngazo kangangoba size sabona isimo Sakhe sokulunga. Ukuba uNkulunkulu akazange azisho lezo zinto besingeke size sikwazi ukumbona, besingeke sikwazi ukuzwa ukuhlakanipha Kwakhe, futhi besingeke sikwazi ukuthola insindiso enkulu kangaka, isibusiso esikhulu kangaka.” Uma kuwukuthi ubona kanjalo ngempela, uqhuba kahle. Manje ususho izinto eziningi kalula nje futhi ubuhlala umemeza iziqubulo: “Siyiziqhathaniso futhi sngabenzi bomsebenzi; sizimisele ngokunqoba futhi sibe ngofakazi bakaNkulunkulu abakhulu….” Ngeke uvele umemeze nje kube sekuphelile njalo, okungafakazeli ukuthi ungumuntu onesithunzi. Kumele ube nokuqonda kwangempela, futhi ukuqonda kwakho kumele kuvivinywe.
Cabanga uhlehlele kowabhekana nakho ngalesi sikhathi futhi ubuye ubheke lezi zinto engizishilo kamuva nje, bese uziqhathanisa nalokho okwenzayo. Kuyiqiniso ngokugcwele ukuthi uyisiqhathaniso soqobo! Manje unokuqonda okukuliphi izinga? Imibono yakho, imicabango, indlela yokuziphatha, amazwi nezenzo zakho, konke okwenzayo—akuve konke kuyisiqhathaniso sokulunga nobungcwele bukaNkulunkulu? Konke okwambulwa ngamazwi kaNkulunkulu manje akusikhona yini okumayelana nesimo esikhohlakele sesintu? Isimo sokulunga sikaNkulunkulu kanye nobungcwele kuvezwe ngemibono kanye nezinhloso zakho, kanye nangalokho okwambulayo. Yena, naye ophila ezweni elingcolile, akangcoliswanga nhlobo ukungcola. Uphila kulo mhlaba ongcolile njengawe, kodwa unomqondo nokukhanyiseleka; Uyakwenyanya ukungcola. Wena uqobo ngeke uzibone izinto ezingcolile emazwini nasezenzweni zakho kodwa Yena uyakwazi—angakukhombisa. Lezo zinto zakho zakudala—ukungabi nakugqugquzelwa, ukukhanyiseleka, kanye nomqondo, izindlela zokuphila kwenu ezisemuva—konke kwembulekile ngokudalulwa kwakho Nguye manje. UNkulunkulu uze emhlabeni ukuze asebenze ngale ndlela, ukuze abantu babone ubungcwele Bakhe kanye nesimo Sakhe sokulunga. Uyahlulela futhi akusole futhi akwenze uziqonde. Ngenye inkathi isimo sakho sobudimoni siyavela futhi angakukhombisa sona. Ingqikithi yesintu uyazi njengoba ezazi. Uphila ngendlela wena ophila ngayo, udla ukudla okunjengokwakho, uphila ekhaya lohlobo olufanayo nolwakho, kodwa Yena wazi okuningi kakhulu kunawe. Kodwa into ayizonda kakhulu imibono yesintu ngempilo kanye nokungathembeki kanye nokukhohlisa kwaso. Uyazizonda lezi zinto futhi akazimisele ukuzinaka. Ikakhulu uyakuzonda ukusebenzisana kwesintu ngokwenyama. Yize engaziqondi ezinye izinto ngokugcwele eziwulwazi olujwayelekile lokusebenza kwabantu, wazi kahle hle lapho abantu beveza okunye kwesimo sabo esikhohlakele. Emsebenzini Wakhe, ukhuluma futhi afundise abantu ngezinto ezikubo, futhi ngalezi zinto wehlulela abantu futhi embule nesimo Sakhe sokulunga nobungcwele. Yiyona ndlela abantu ababa ngayo yiziqhathaniso zomsebenzi Wakhe. UNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongadalula zonke izinhlobo zezimo zenkohlakalo yesintu kanye nabo bonke ubuso obubi bukaSathane. Akakujezisi, angakwenza nje ukuthi ube isiqhathaniso sobungcwele bukaNkulunkulu, futhi-ke ngeke ukwazi ukuma uqine ngokwakho ngoba ungcole kakhulu. Ukhuluma ngalezo zinto ezivezwa abantu futhi uyazidalula ukuze abantu bazi ukuthi uNkulunkulu ungcwele kangakanani. Ngeke aze avumele ngisho nokungcola okuncane kwabantu, noma ngabe umbono omncane ongcolile osezinhliziyweni noma emazwini abo kanye nezenzo ezingahambisani nentando Yakhe. Ngamazwi Akhe, akukho ukungcola kanye nento ezosala kumuntu noma entweni —kuzodalulwa konke. Yilapho kuphela lapho uzobona khona ukuthi wehluke ngempela kubantu. Wenyanya ngokugcwele ngisho nokungcola okuncane kwesintu. Ngesinye isikhathi abantu abaqondi nhlobo, bese bethi: “Nkulunkulu, kungani uhlala uthukuthele? Kungani ungacabangeli ubuthakathaka besintu? Kungani ungenakho ukuthethelela okuncane isintu? Kungani ungenazwelo kumuntu? Uyazi ukuthi abantu bakhohlakele kangakanani, pho kungani usaphatha abantu ngale ndlela?” Unyanya isono; Uyasizonda isono. Okumnyanyisa kakhulu ukuhlubuka okungase kube kuwe. Uma uveza isimo sokuhlubuka unyanya ngokwedlulele. Isimo sakhe singavezwa ngalezi zinto. Uma ukuqhathanisa nawe, uzobona ukuthi yize edla ukudla okufanayo, egqoka impahla efanayo, futhi ethokozela izinto ezithokozelwa abantu, yize ephilisana nesintu, Yena akafani naso. Akuve yini lokhu kuyiyo kanye incazelo yokuba isiqhathaniso? Kungenxa yalezi zinto kubantu lapho amandla kaNkulunkulu amakhulu enziwa khona ukuba angabi nakho ukukhululeka okukhulu; kuwubumnyama obugqamisa ukuba khona kokukhanya okuyigugu.
Akanisebenzisi ngenhloso ngempela njengesiqhathaniso, kodwa uma lo msebenzi sewenzeka, ukhombisa ukuhlubuka kwesintu njengesiqhathaniso sesimo sokulunga sikaNkulunkulu. Yingoba nenze njengeziqhathaniso okwenze naba nethuba lokwazi isimo semvelo sokulunga kukaNkulunkulu. Kungenxa yokuhlubuka kwenu niye nabhekana nokwahlulelwa nokusolwa, kodwa futhi ngenxa yokuhlubuka kwenu nenze njengeziqhathaniso futhi nathola umusa omkhulu ovele kuNkulunkulu. Ukuhlubuka kwenu okuyisiqhathaniso sobukhulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, futhi kungenxa yakho niye nathola insindiso enkulu, okuyisibusiso esikhulu. Yize nithole isijeziso Sami ngokuphindaphindiwe, niphinde nathola insindiso enkulu labo abaphambi kwenu abangazange bayithole. Lo msebenzi unenjongo enhle ngokumangalisayo kinina. Lesi “siqhathaniso” siyigugu kakhulu kinina—kungenxa yokwenza njengesiqhathaniso nithole insindiso kanye nomusa. Ngabe ukuba yilolu hlobo lwesiqhathaniso akusilo igugu elikhulu? Ngabe akunayo injongo enkulu? Yingoba nihlala endaweni eyodwa noNkulunkulu, ngoba nihlala Naye kuleli zwe elingcolile naze naba isiqhathaniso Sakhe futhi nase nithola le nsindiso emangalisa kangaka. Ukube akazange abe yinyama, ubani owayeyoba nomusa kini, futhi ubani owayeyoninakekela nina bantu abaphansi? Ubani owayenganinakekela? Ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu ubengasebenzi phakathi kwenu, beniyokwazi nini ukuthola le nsindiso engakaze itholwe muntu ngaphambilini? Ukube akazange abe yinyama ukuze aninakekele futhi ahlulele izono zenu, bekungeke yini kube wukuthi ngabe kade nawela eHayidesi? Ukube Angizange ngibe yinyama ukuze ngizithobe phakathi kwenu, yiliphi ilungelo ebeningaba nalo lokuba isiqhathaniso sesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Akusikhona yini ukuthi nenza njengeziqhathaniso ngenxa yokuthi ngibe inyama phakathi kwenu ukuze nikwazi ukuthola le nsindiso enkulu? Futhi akusikhona yini ngokuphelele ukuthi kungenxa yokuthi ngibe inyama? Ukuba bekungengenxa kaNkulunkulu osesimweni somuntu ophila phakathi kwenu, ngabe nikwazile yini ukuthola ukuthi niphila esihogweni nisemhlabeni, okubi ngaphezu kwengulube noma inja? Ngabe ukwahlulela nokusola enibhekane nakho kungenxa yokuthi niyiqhathaniso zomsebenzi Wami enyameni? Umsebenzi wokuba yiziqhathaniso unilungele kakhulu nina ngoba unensindiso yokwahlulela kukaNkulunkulu ngenxa yalokhu. Anikuzwa yini ukuthi kuyisibusiso sempilo yenu ukuthi nikwazi ukusebenza njengesiqhathaniso esifanelekayo? Konke enikwenzile kuwumsebenzi wokuba yiziqhathaniso, kodwa nithole insindiso ebeningakaze nibe nayo noma ebeningakaze niyicabange ngaphambilini. Ukuba yisiqhathaniso kungumsebenzi wenu manje, futhi izibusiso zaphakade enizozithokozela esikhathini esizayo zizoba umklomelo onifanele. Insindiso eniyizuzayo ayikhona ukukhanyiseleka noma ulwazi lwesikhashana namuhla, kodwa iyisibusiso esikhulu, ukuqhubeka kwempilo kwaphakade. Yize kungenxa yokuba yisiqhathaniso ukuthi niyanqotshwa, kumele nazi ukuthi le nsindiso, lesi sibusiso ngesokuthi nitholakale ngokuphelele; iwukunqoba futhi iyindlela engcono yokukusindisa. Ukuba yisiqhathaniso kuyiqiniso, kodwa ngenxa yokuhlubuka kwakho uyisiqhathaniso futhi uthole izibusiso okungekho muntu owake wazithola. Namuhla niyabona futhi nizwe, futhi kusasa nizozuza, futhi namukele ngisho nezibusiso ezinkulu. Ngakho ukuba yilolu hlobo lwesiqhathaniso akuyinto eyigugu kakhulu? Umsebenzi wokunqoba uthela izithelo ngenxa yokuqhathaniswa nokuhlubuka kwenu, okuwukuthi, uvuthwandaba lokusola nokujezisa kwesibili ukwenza ukungcola kanye nokuhlubuka kwenu kube yiziqhathaniso ukuze nibone isimo sikaNkulunkulu sokulunga. Uma seniphinda nilalela ekusolweni nokwahlulelwa kwesibili, isimo Sakhe esiphelele sokulunga sizobonakaliswa kini. Okuwukuthi, lapho ukwenziwa kini komsebenzi wokunqoba sekuqediwe kuyoba yilapho senifeze khona umsebenzi wenu wokuba yiziqhathaniso. Akukhona ukuninika igama ngenhloso, kodwa kuwukuqeda umsebenzi wokuqala wokunqoba ngeqhaza lenu lokuba abenzi bomsebenzi, ukuveza ukulunga kukaNkulunkulu, kwesimo esingacasuleki. Ngenxa yokwenza kwenu njengesiqhathaniso, ngokuhlubuka kwenu njengesiqhathaniso, umphumela womsebenzi wesibili wokunqoba usutholakele. Isimo sokulunga Sakhe esingembulwanga ngokugcwele kini ekuqaleni manje sesivulelwe nina ukuze nikwazi ukubona isimo Sakhe sokulunga esiphelele, nibone konke ayikho, okuwukuhlakanipha nokumangalisa komsebenzi Wakhe, ubungcwele nokuhlanzeka Kwakhe. Lezi zithelo zomsebenzi Wakhe zitholakale ngezikhathi zokunqoba ezahlukene kanye nokwahlulela kwamazinga ehlukene. Ngenkathi ukwahlulela Kwakhe kufinyelela ovuthwandabeni, kungale nkathi ekwazi khona ukudalula isimo sokuhlubuka sabantu futhi yilapho ekwazi khona ukuthola umphumela womsebenzi wokunqoba. Sonke isimo Sakhe sokulunga sembulwa yilolu hlobo lomsebenzi wokunqoba. Umsebenzi wokunqoba wehlukaniswe ngezinyathelo ezimbili ezenziwa ngezikhathi ezahlukene futhi ezisemazingeni ahlukene. Futhi, ngokusobala, imiphumela etholakalayo nayo ayifani; okuwukuthi, izinga lokulalela kwabantu liya ngokuya lijula. Kusukela kuleli qophelo kuya phambili sekuzogcina sekwenzeka ukuthi kulethwe abantu endleleni eyiyo ukuze bapheleliswe. Emuva kokuba wonke umsebenzi wokunqoba usuqediwe (uma ukwahlulela kwesibili sekuthole imiphumela yokugcina) uNkulunkulu ekugcineni ngeke esahlulela isintu, kodwa uzosenza singene endleleni eyiyo yokuphila. Lokhu kungenxa yokuthi ukwahlulela kumela ukunqoba, futhi indlela yokunqoba ukwahlulela kanye nokusola.
Kungokuba yinyama kukaNkulunkulu kuphela endaweni esemuva kakhulu futhi engcole kakhulu lapho ekwazi khona ukuveza nesimo Sakhe esingcwele esinokulunga ngokuphelele. Sivezwa ngani-ke isimo sakhe sokulunga? Ngokwahlulela izono zabantu, ukwahlulela uSathane, ukwenyanya izono, kanye nokuzonda izitha Zakhe ezimhlubukayo nezimphikisayo. Engikushoyo namuhla ukwahlulela izono zabantu kanye nokungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabantu. Ukukhohlisa nokugwegwa kwabo, kanye namazwi nezenzo zabo, zonke lezi zinto ezingahambisani nentando Yakhe kuzobhekana nokwahlulelwa, futhi ukuhlubuka kwabantu kuyalahlwa njengokuyisono. Ukhuluma ngokuvumelana nezimiso zokwahlulela, futhi uveza isimo Sakhe sokulunga ngokwahlulela ukungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabo, futhi adalule bonke ubuso babo obubi. Ubungcwele bumela isimo Sakhe sokulunga; ubungcwele Bakhe empeleni buyisimo Sakhe sokulunga. Isisekelo samazwi Ami namuhla ukukhuluma, ukwahlulela, kanye nokwenza umsebenzi wokunqoba ngenxa yezimo zenu ezikhohlakele. Yilokhu kuphela okuwumsebenzi wangempela, futhi yilokhu kuphela okungabeka ngokuphelele ubungcwele bukaNkulunkulu obala. Uma ubungenaso nhlobo isimo senkohlakalo, uNkulunkulu ubengeke akwahlulele, nawe ubungeke ukwazi ukubona isimo Sakhe sokulunga. Njengoba unesimo senkohlakalo, uNkulunkulu ngeke aze akudedele. Ubungcwele Bakhe bubonakaliswa ngalokhu. Uma ukungcola kwabantu kanye nokuhlubuka kukukhulu kakhulu futhi Yena wakubona kodwa wangasho lutho futhi wanganahlulela noma wanganisola ngokungalungi kwenu, kungaveza ukuthi ubengesiye nhlobo uNkulunkulu ngoba ngabe akasizondi isono, kodwa Naye ngabe ungcole njengesintu. Ukunahlulela Kwami kwanamuhla kungenxa yokungcola kwenu; ukunisola Kwami namuhla kungenxa yenkohlakalo kanye nokuhlubuka kwenu. Inhloso akusikho ukukhombisa amandla amakhulu nokulaleleka phakathi kwenu noma ukunihlupha ngenhloso, kodwa yingoba nina eniphila ezweni lokungcola nilinyazwe ukungcola okukhulu. Nivele naphelelwa ubuqotho benu, ubuntu benu, futhi anehlukile ezingulubeni ezihlala ezindaweni ezinyanyekayo. Ngenxa yalokhu niyahlulelwa ngalezi zinto futhi ulaka Lwakhe lwehlela phezu kwenu. Ngenxa yalokhu kwahlulelwa nikwazile ukubona ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungile, ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongcwele. Ngenxa yobungcwele nokulunga Kwakhe unahlulele futhi waletha ulaka Lwakhe phezu kwenu. Ngenxa yokuthi angaveza isimo Sakhe sokulunga uma ebona ukuhlubuka kwesintu, nangenxa yokuthi angaveza ubungcwele Bakhe uma ebona ukungcola kwesintu, lokhu kwanele ukuveza ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe ongcwele nongenasici, kodwa naye futhi owazalelwa ezweni elingcolile. Ukube ubengumuntu ozingcolisa kanye nabanye futhi engenakho okumyizimpawu zobungcwele noma isimo sokulunga, ubengeke afaneleke ukwahlulela ukungalungi kwesintu noma ukwahlulela isintu. Ukuba umuntu ubengahlulela umuntu, bekungeke yini kufane nokuzishaya ngempama ebusweni? Angakwazi kanjani umuntu ukuba nelungelo lokwahlulela uhlobo lomuntu olufana naye, ongcole njengaye? Okunguye kuphela ongahlulela sonke isintu esingcolile uNkulunkulu ongcwele uqobo, futhi umuntu angakwazi kanjani ukwahlulela izono zomuntu? Umuntu angakwazi kanjani ukubona izono zomuntu futhi angakufanela kanjani ukulahla umuntu ngecala? Uma uNkulunkulu ubengenalo ilungelo lokwahlulela izono zomuntu, ubengaba kanjani uNkulunkulu olungile? Uma izimo zenkohlakalo zabantu zidalulwa, ukhuluma ngokubahlulela, futhi yilapho kuphela lapho bengabona khona ukuthi ungcwele. Ukwahlulela, ukusola, kanye nokudalula izono zesintu—akekho noyedwa umuntu noma into engabalekela ukwahlulela kwakhe. Konke okungcolile kwahlulelwa Nguye. Kungenxa yalokhu kuphela kuthiwa isimo sakhe silungile. Ngale kwalokho, bekungashiwo kanjani ukuthi nifanelwe ukubizwa ngeziqhathaniso?
Umsebenzi owenziwa ka-Israyeli wehluke kakhulu kunomsebenzi wanamuhla. UJehova waqondisa izimpilo zabo kodwa akabahlulelanga futhi wangabasola njengoba kwenziwa manje ngoba ngaleso sikhathi, abantu babeziqonda kancane kakhulu izinto zomhlaba futhi babenezimo ezincane kakhulu ezikhohlakele. Ngaleso sikhathi, ama-Israyeli ayemlalela ngayo yonke indlela uJehova. Ngenkathi ethi abakhe ama-altare babewakha beshesha, futhi uma ethi mabagqoke izembatho zabaphristi babelalela. Ngaleso sikhathi uJehova wayenjengomelusi wabo elusa umhlambi wezimvu emhlabeni, futhi zonke izimvu zazilandela umelusi lapho eziholela khona ukuba ziyokudla utshani emadlelweni. UJehova waqondisa izimpilo zabo; Wayengumqondisi wokudla kwabo, nempahla yokugqoka, nendawo yokuhlala, kanye nokokuhamba kwabo. Leso kwakungesona isikhathi sokuveza isimo sikaNkulunkulu ngoba abantu bangaleso sikhathi babengabantwana, futhi babembalwa kakhulu abantu ababehlubuka noma ababephikisa, futhi babengangcolile kakhulu. Ngakho babengeke babe yiziqhathaniso zesimo sikaNkulunkulu. Ubungcwele bukaNkulunkulu buvezwa kubantu abasezweni elingcolile. Futhi manje laba bantu ezweni elingcolile baveza ukungcola kwabo, futhi kamuva uNkulunkulu uzobahlulela. Ngale ndlela, konke lokho ayikho kubonakaliswa ekwahluleleni Kwakhe. Futhi kungani ahlulela? Yingoba unyanyiswa isono, futhi ngenxa yalokho ukwazi ukukhipha amazwi okwahlulela. Ukuba ubenganyanyiswa ukuhlubuka kwesintu, ngabe ubengaba nolaka olungaka? Ukuba bekungekho ukunyanya, kungekho angakuthandi, ukuba abantu bayahlubuka kodwa angabi nandaba, lokho bekuyoveza ukuthi Naye ungcole njengesintu. Isizathu esenza ukuthi akwazi ukwahlulela futhi asole isintu yingoba unyanyiswa ukungcola. Yonke into emnyanyisayo yileyo Yena uqobo angenayo. Ukuba ubenokuphikisa nokuhlubuka phakathi Kuye, ubengeke anyanyiswe abantu abaphikisayo nabahlubukayo. Ukuba umsebenzi wakhe ezinsukwini zokugcina ubusenziwa kwa-Israyeli ngabe awubalulekile nhlobo. Kungani umsebenzi wezinsuku zokugcina wenziwa eShayina, indawo emnyama, nesemuva kunazo zonke? Ukuba kuvezwe ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu. Ngamafuphi, indawo emnyama kakhulu inamathuba angcono okuveza ubungcwele Bakhe. Iqiniso liwukuthi ukwenza konke lokhu kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu. Uyazi manje ukuthi uNkulunkulu osezulwini wehlele emhlabeni futhi uphakathi kwethu, futhi Yena ugqanyiswe phakathi kokungcola nokuhlubuka kwenu, ukuze nikwazi ukuqala ukuqonda uNkulunkulu—akusikho ukuphakanyiswa okukhulu lokhu? Iqiniso ukuthi niyiqembu labantu baseShayina abakhethiwe, futhi ngenxa yokuthi ningabantu abakhethiwe nabajabulela umusa kaNkulunkulu, futhi ngenxa yokuthi ningabantu abalungele umusa Wakhe omkhulu, konke lokhu kuveza ukuthi kuyinto eniphakamisa kakhulu. UNkulunkulu uziveze Yena kanye naso sonke isimo Sakhe sobungcwele kini, futhi ubeke konke phezu kwenu, okunenza nikwazi ukuthokozela inqwaba yezibusiso. Anikezwa nje kuphela isimo Sakhe sokulunga, kodwa okubaluleke kakhulu, nizwe insindiso Yakhe kanye nokuhlenga kanye nothando Lwakhe olungenamkhawulo. Nina, bantu abangcole kakhulu, namukele umusa omkhulu kangaka—akusikho ukubusiseka lokhu? Akusikho yini lokhu ukuphakanyiswa uNkulunkulu? Nisesimweni esiphansi kakhulu futhi anizifanele lezi zibusiso ezinkulu, kodwa uNkulunkulu uniphakamisile noma kunjalo. Ngabe anizizwa ninamahloni? Uma ningeke nawufeza umsebenzi wenu, futhi ekugcineni nizoba namahloni kakhulu. Nizozisola nina. Okwamanje Yena akaniqondisi ubugwegwe noma anijezise; inyama yenu iphephile futhi iyaphila, kodwa ekugcineni amazwi Akhe azonilethela amahloni. Kuze kube manje angikaze ngisole muntu obala. Ngikhulume amazwi aqinile, kodwa ngibaphathe kanjani abantu? Ngibaduduzile, ngabancenga, futhi ngabaxwayisa. Lokhu kwenzelwe isizathu esisodwa vo okungukunisindisa. Kungenzeka mhlawumbe ukuthi aniyiqondi inhloso Yami? Uma ngisho lokhu nonke kumele nikuqonde futhi anikhuthaze la mazwi. Baningi asebecacelwe manje: Ngabe lesi sibusiso asitholakali ngokwenza njengesiqhathaniso? Ukuba yisiqhathaniso akusona yini isibusiso esikhulu? Ekugcineni, lapho nisabalalisa ivangeli niyothi: “Thina siyiziqhathaniso zangempela.” Bazonibuza: “Kusho ukuthini ukuba yiziqhathaniso zangempela?” Bese nithi: “Kusho labo kithi abasebenza njengesiqhathaniso zomsebenzi kaNkulunkulu namandla kaNkulunkulu. Kungenxa yokuhlubuka kwethu ukuthi sisebenza njengesiqhathaniso kuso sonke isimo Sakhe sokulunga. Siyizinto ezilekelelayo nemixhantela yomsebenzi wokugcina kaNkulunkulu—singamathuluzi.” Uma bezwa lokho, bazothinteka. Nizobe senithi: “Nathi futhi siyizibonelo nemifanekiso yokuqedela Kwakhe umsebenzi womhlaba wonke, kanye nokunqotshwa kwesintu sonke. Kungakhathaleki ukuthi singcwele noma singcolile, sibusiseke ngaphezu kwenu, ngoba sibone uNkulunkulu. Amandla kaNkulunkulu abonakalisiwe ngethuba lokunqoba thina Kwakhe, futhi kungenxa yokungcola nokukhohlakala kwethu ukuthi isimo Sakhe sokulunga sibonakaliswe. Ungakwazi ukufakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina? Awunalo ilungelo! Lokhu kungukuphakanyiswa nje kwethu Nguye! Yize singaqhoshi, siyaziqhenya ngokudumisa uNkulunkulu ngoba akekho omunye ongaphatha isethembiso esikhulu esingaka, futhi akekho ongajabulela isibusiso esikhulu kangaka. Kuyamangalisa ukuthi abantu abangcole kangaka bangenza ngempela umsebenzi wokuba yiziqhathaniso ekuphatheni kukaNkulunkulu, futhi empeleni sibonga okwedlula amazwi.” Bazobuza: “Pho-ke, siyini isibonelo nomfanekiso?” Bese nithi: “Singabahlubuka kakhulu esintwini futhi singabangcole kakhulu. Siyilabo abakhohlakaliswe uSathane ngokujulile futhi sisemuva kakhulu futhi singabantu abaphansi kakhulu abangabenyama. Siyilabo abamele ukusetshenziswa uSathane. Manje sesikhethwe uNkulunkulu ukuthi sibe yilabo abanqotshwe kuqala esintwini. Sibone isimo sokulunga sikaNkulunkulu, sathola ifa lesethembiso Sakhe, futhi uzonqoba abantu abaningi ngathi. Yingakho siyizibonelo nemifanekiso kulabo abanqotshiwe phakathi kwesintu.” Lokhu kuwubufakazi benu obungcono kakhulu, futhi lokhu kungenedlule kukho okuhle kakhulu.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Isinkwa Semihla Ngemihla: Intshumayelo Yasentabeni
0 notes
Text
Latest Gospel Songs 2018 South Africa “Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu Okubili KukaNkulunkulu”
youtube
Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu Okubili KukaNkulunkulu I UNkulunkulu waqala umsebenzi Wakhe wensindiso eNkathini Yomusa, ngemva kokuphela kweNkathi Yomthetho. Ukuba sesimweni somuntu kokuqala kwahlenga umuntu esonweni ngenyama kaJesu Kristu. Wasindisa umuntu esiphambanweni, kodwa izimo zomuntu zobusathane zazisekhona. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu uyahlulela ukuze ahlanze isintu. Kuyoba lapho lokhu sekwenziwe lapho eyoqeda khona umsebenzi Wakhe wokusindisa bese engena ekuphumuleni.
II Uphila phakathi kwabantu, ezwe ukuhlupheka kwakhe, aphe umuntu izwi Lakhe. Konke umuntu angakuthinta yinyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Kuye umuntu angathola insindiso futhi aqonde wonke amazwi namaqiniso. Ukuba sesimweni somuntu kwesibili, okwanele ukuhlanza umuntu, ngalokho eqeda wonke umsebenzi nenhloso yokuba sesimweni somuntu Kwakhe. Umsebenzi kaNkulunkulu esenyameni manje usuzofika ekugcineni. Ngeke esaba sesimweni somuntu osenyameni. III Ngemva kwalokhu kuba sesimweni somuntu, umsebenzi Wakhe esenyameni nensindiso kuyophela. Ngoba uyobe esehlukanise abantu wazuza abantu Bakhe abakhethiwe. Ukuba sesimweni somuntu kwesibili kuyokhulula labo abathethelelwe. Izimo ziyoguquka futhi bayohlanzeka. Sebephunyuke ethonyeni likaSathane, bayobuyela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu. Yebo, yiyona yodwa indlela yokungcweliswa ngokugcwele. Umthombo Izwi Livela Lisenyameni
Funa: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.
#insindiso#IBandla LikaNkulunkulu USomandla#uNkulunkulu#Unyazi Lwasempumalanga#UNkulunkulu uSomandla
0 notes
Text
Isandulela
Nakuba abantu abaningi bekholelwa kuNkulunkulu, bambalwa abaqondayo ukuthi kusho ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu, nokuthi yini okumele bayenze ukuze babe senhliziyweni kaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi, nakuba abantu belijwayele igama elithi “Nkulunkulu” namabinzana athi “umsebenzi kaNkulunkulu,” abamazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyomsebenzi Wakhe. Yingakho ngingamangali uma bonke laba abangamazi uNkulunkulu benezinkolelo ezididayo. Abantu abakuthathi njengokubalulekile ukukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso ngoba ukukholelwa kuNkulunkulu akujwayelekile, kusha ngokuphelele kubo. Ngale ndlela, abakwazi ukuhlangabezana nezimfuno zikaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, uma abantu bengamazi uNkulunkulu, bengawazi umsebenzi Wakhe, abakulungele ukusetshenziswa uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokugcwalisa okufiswa uNkulunkulu. “Ukukholwa kuNkulunkulu” kusho ukukholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu; le yiyona ndlela elula yokuqonda ukukholwa kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona akufani nokukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso; kunalokho, kuwukholo olulula olukhomba ukuqina ngokwenkolo. Ukukholwa kweqiniso kuNkulunkulu kusho ukubona amazwi nemisebenzi kaNkulunkulu ngokukholwa ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto. Ngakho-ke uzokhululeka esimweni senkohlakalo, ugcwalise okufiswa nguNkulunkulu, ufinyelele ekumazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho kungathiwa ukholelwa kuNkulunkulu. Nokho abantu babona ukukholelwa kuNkulunkulu njengento elula nengenangqondo. Ukukholwa kwabantu abanjalo akunamsebenzi futhi uNkulunkulu ngeke akwamukele, ngoba bahamba endleleni okungeyona. Namuhla, kusekhona labo abakholelwa kuNkulunkulu ezincwadini, ezimfundisweni ezifile. Abazi ukuthi ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu akunasisindo, nokuthi abakwazi ukwamukelwa uNkulunkulu, nokuthi basathandazela ukuthula nomusa owanele bona ovela kuNkulunkulu. Kumele sime sizibuze ukuthi: Ingabe ngempela ukukholelwa kuNkulunkulu kuyinto elula emhlabeni? Ingabe ukukholelwa kuNkulunkulu akusho lutho ngaphandle kokuthola umusa kuNkulunkulu? Ingabe abantu abakholelwa kuNkulunkulu kube yibo abangamazi, nabakholelwa kuNkulunkulu kodwa bemphikisa, bangakugcwalisa okufiswa uNkulunkulu?
Akunakuthiwa uNkulunkulu nomuntu bayalingana. Ubuyena nomsebenzi Wakhe kungaphezulu kokuqonda kwabantu. Uma uNkulunkulu engawenzi Yena uqobo umsebenzi Wakhe akhulume amazwi Akhe emhlabeni wabantu, kusho ukuthi abantu ngeke bakwazi ukuyiqonda intando kaNkulunkulu, ngalokho-ke, nalabo abanikele impilo yabo yonke kuNkulunkulu ngeke bakwazi ukuzuza ukwamukelwa Nguye. Ngaphandle komsebenzi kaNkulunkulu, noma ngabe umuntu wenza kahle kanjani, ngeke kusho lutho lokho, ngoba imicabango kaNkulunkulu iyohlale ingaphezulu kwemicabango yomuntu, kanti nokuhlakanipha kukaNkulunkulu akuqondakali kumuntu. Ngalokho-ke ngithi labo “ababone ngale” kukaNkulunkulu nomsebenzi Wakhe abanalo iqiniso, bayaqhosha futhi abanalwazi. Abantu akumele bachaze umsebenzi kaNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, abantu abakwazi ukuchaza umsebenzi kaNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, umuntu mncane ngisho kunentuthwane, ngakho umuntu angawuqonda kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? Labo abaphikelelayo bethi, “uNkulunkulu akasebenzi ngale ndlela noma ngaleya ndlela” noma “uNkulunkulu ufana nalokhu noma lokhuya”—ingabe bonke abaqhoshi? Sonke kumele sazi ukuthi abantu abayinyama, bonke uSathane ubenze bakhohlakala. Kungokwemvelo kubo ukuphikisana noNkulunkulu, futhi abalingani noNkulunkulu, ingasaphathwa eyokunikeza iseluleko ngomsebenzi kaNkulunkulu. Ukuthi uNkulunkulu umhola kanjani umuntu kungumsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu kumele bazithobe, futhi akumele babe nombono othile, ngoba umuntu uwuthuli. Njengoba sizama ukufuna uNkulunkulu ngeke sikwazi ukufaka ukuqonda kwethu emsebenzini kaNkulunkulu ukuze uNkulunkulu akubheke, kanjalo akumele sisebenzise isimo sethu esikhohlakele sizame ukuphikisa umsebenzi kaNkulunkulu ngenhloso. Ingabe lokho ngeke kusenze abaphikikrestu? Abantu abanjalo bangasho kanjani ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu? Njengoba sikholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, futhi njengoba sifisa ukumanelisa nokumbona, kumele sifune indlela yeqiniso, futhi sibheke indlela yokuvumelana noNkulunkulu. Akumele sibe ontamo-lukhuni siphikisane noNkulunkulu; yini enhle engavela ngokwenza kanjalo?
Namuhla, uNkulunkulu unomsebenzi omusha. Kungenzeka ungawamukeli la mazwi, angezwakala engavamisile kuwe, kodwa ngineluleka ukuba ningavezi ubunina bemvelo, ngoba yilabo abalambele nabomele ukulunga phambi kukaNkulunkulu abangathola iqiniso, futhi yilabo kuphela abazinikele ngeqiniso abangase bakhanyiselwe futhi baqondiswe uNkulunkulu. Akukho okuzovela ngokufuna iqiniso ngokuklwebhana. Imiphumela sizoyithola kuphela uma sifuna ngokuthula. Uma ngithi “Namuhla, uNkulunkulu unomsebenzi omusha,” ngibhekisele ekubuyeni kukaNkulunkulu enyameni. Mhlawumbe awunandaba nala mazwi, kungenzeka uyawazonda, noma unentshisekelo ngawo. Noma ngabe yikuphi, ngithemba ukuthi bonke laba abafisa ukuvela kukaNkulunkulu bangabhekana naleli qiniso balicabangisise. Kungcono ukungajahi ukufinyelela eziphethweni. Lena yindlela abantu abahlakaniphile okumele benze ngayo.
Ukufunda into enjengalena akunzima, kodwa kudinga ukuba sonke silazi leli qiniso: Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni[a] ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu. Indlela obukeka ngayo ngaphandle ayisho isiqu; ngaphezu kwalokho, umsebenzi kaNkulunkulu awukaze ulandele ukuqonda kwabantu. Ingabe ukubonakala kukaJesu ngaphandle akuzange kushayisane nokuqonda kwabantu? Ingabe ukubonakala Kwakhe kwangaphandle nendlela yokugqoka akuzange kuhluleke ukunika abantu izinkomba zokuthi ungubani Yena ngokweqiniso? Ingabe kwakungesona isizathu sokuthi abaFarisi bokuqala bamphikisa uJesu ngenxa yokuthi bebebuka ingaphandle Lakhe, bangawanaka amazwi ayewakhuluma? Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu bangakuphindi lokhu okwenzeke emlandweni. Akumele nibe ngabaFarisi besikhathi samanje niphinde nibethele uNkulunkulu esiphambanweni futhi. Kumele niyibhekisise indlela enizokwamukela ngayo uNkulunkulu lapho ebuya, nibe nomqondo ocacile ngokuthi ningaba kanjani ngabantu abathobela iqiniso. Lokhu kungumthwalo wawo wonke umuntu olinde ukubuya kukaJesu ngamafu. Kumele sicikice amehlo ethu kamoya, singabi yizisulu zamazwi angelona iqiniso. Kumele sicabange ngomsebenzi owenziwa uNkulunkulu, futhi sibheke uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu. Ningajabuli kakhulu noma nilibale ukuphupha emini, nibheke usuku uNkulunkulu uJesu azokwehla ngalo ngefu anithathe nina eningakaze nimazi noma nimbone, ningazi nokuthi niyenze kanjani intando Yakhe. Kungcono ukucabanga ngezinto ezizokwenzeka!
Kungenzeka ukuthi uvule le ncwadi ngoba ufuna ukucwaninga, noma ngenhloso yokwamukela; noma ngabe yikuphi, ngethemba ukuthi uzoyifunda uze ufike ekugcineni, futhi ngeke uyibeke eceleni kalula nje. Hleze ngemva kokufunda la mazwi, indlela obona ngayo izoguquka, kodwa lokhu kuncike ekutheni ukhuthazeke kangakanani, nokuthi uzibeka kalula kanjani izinto enhliziyweni. Kukhona into eyodwa kodwa okumele uyazi: Izwi likaNkulunkulu ngeke likhulunywe njengezwi lomuntu, kanjalo futhi izwi lomuntu ngeke likhulunywe njengezwi likaNkulunkulu. Umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu akayena uNkulunkulu osenyameni, kanti futhi uNkulunkulu osenyameni akayena umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu; kulokho, kukhona umehluko esiqwini. Mhlawumbe, ngemva kokufunda la mazwi, ngeke uwamukele njengamazwi kaNkulunkulu, kodwa uzowamukela kuphela njengamazwi omuntu okhanyiselwe. Uma kunjalo, ukungazi kukuvale amehlo. Amazwi kaNkulunkulu angafana kanjani namazwi omuntu okhanyiselwe? Amazwi kaNkulunkulu osenyameni aqala inkathi entsha, aqondisa bonke abantu, aveza izimfihlakalo, akhombise umuntu indlela eya enkathini entsha. Ukukhanyiseleka okutholwe ngumuntu kumane kungumsebenzi noma ulwazi olulula. Ngeke kukwazi ukuqondisa bonke abantu kubayise enkathini entsha noma kuveze izimfihlakalo zikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ekugcineni kwakho konke, uNkulunkulu nguNkulunkulu, kanti umuntu ngumuntu. UNkulunkulu unesiqu sikaNkulunkulu, kanti umuntu unesiqu somuntu. Uma umuntu ethatha amazwi akhulunywe nguNkulunkulu njengokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, bese ethatha amazwi akhulunywe ngabaphostoli nabaphrofethi njengamazwi akhulunywe nguNkulunkulu, uma kunjalo umuntu uyaphambuka. Ngale kwalokho, akumele wenze okulungile kube okungalungile, noma ukhulume ngento ephakeme njengento ephansi, noma ukhulume ngento ejulile njengento engajulile; ngale kwalokho, akumele uphike ngabomu lokhu okwaziyo ukuthi kuyiqiniso. Bonke abakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona kumele bayibheke le nkinga ngokubona kahle, futhi kumelwe bamukele umsebenzi Wakhe omusha namagama njengezidalwa zikaNkulunkulu—kungenjalo bazosuswa nguNkulunkulu.
Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova. Kwakungumsebenzi wenkathi entsha ngemva kokuba uNkulunkulu eqedile ngeNkathi Yomthetho. Ngokufanayo, ngemva kokuba uphelile umsebenzi kaJesu, uNkulunkulu waqhubeka nomsebenzi Wakhe weminyaka elandelayo, ngoba konke ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuqhubekela phambili. Lapho inkathi yakudala idlula, endaweni yayo kuzongena inkathi entsha, kuthi lapho usuphelile umsebenzi omdala, umsebenzi omusha uqhubeke nokuphatha kukaNkulunkulu. Lokhu kuba senyameni kukaNkulunkulu kungukuba senyameni kukaNkulunkulu kwesibili ngemva kokuqedwa komsebenzi kaJesu. Yebo, lokhu kuba senyameni akwenzeki ngokuzimela kodwa, kunalokho kuyisigaba sesithathu somsebenzi ngemva kweNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa. Isigaba ngasinye esisha somsebenzi kaNkulunkulu sihlala siletha ukuqala okusha nenkathi entsha. Ngakho-ke kanjalo kukhona ushintsho oluhambisanayo esimweni sikaNkulunkulu, endleleni Yakhe yokusebenza, endaweni yomsebenzi Wakhe, nasegameni Lakhe. Singama ngale ngokuthi kungani kunzima kumuntu ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu enkathini entsha. Ngale kokuthi uphikiswa kanjani abantu, uNkulunkulu uhlale enza umsebenzi Wakhe, futhi uhlale eqondisa bonke abantu ebayisa phambili. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.
Uma abantu begcina eNkathini Yomusa, kusho ukuthi ngeke bakhululeke esimweni sabo senkohlakalo, angiyiphathi eyokwazi isimo sikaNkulunkulu ngokwendalo Yakhe. Uma abantu benale nala yomusa kodwa bengenayo indlela yokuphila ebenza bazi uNkulunkulu futhi banelise uNkulunkulu, lokho kusho ukuthi ngeke bamzuze Yena yize bekholelwa Kuye. Lolo uhlobo lokukholwa oludabukisayo. Uma usuqedile ukufunda le ncwadi, uma usuzibonile zonke izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu osenyameni eNkathini Yombuso, uzozwa ukuthi amathemba eminyaka eminingi aseyabonakala. Uzozwa ukuthi kumanje kuphela lapho osubone khona uNkulunkulu ubuso nobuso; kumanje kuphela lapho ubheke khona ubuso bukaNkulunkulu, uzwe ukukhuluma kukaNkulunkulu, uthokozele ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, uzwe ngempela ukuthi unguNkulunkulu oyiqiniso futhi umninimandla onke. Nizozwa ukuthi senizuze izinto eziningi abantu benkathi edlule abangazange bakubona noma baba nakho. Ngalesi sikhathi, nizokwazi kahle ukuthi kuyini ukukholelwa kuNkulunkulu, nokuthi kuyini ukufuna inhliziyo kaNkulunkulu. Yebo, uma ninamathela emibonweni yakudala, nichithe noma niphike iqiniso likaNkulunkulu wenyama wesibili, kusho ukuthi nizosala ningenalutho ningatholanga lutho, ekugcineni nibe necala lokuphikisa uNkulunkulu. Labo abahlonipha iqiniso bazithobe emsebenzini kaNkulunkulu bazongena ngaphansi kwegama likaNkulunkulu osenyameni okwesibili–uSomandla. Bazokwazi ukwamukela ukuholwa nguNkulunkulu, futhi bazothola okuningi neqiniso eliphakeme bathole nokuphila okuyiqiniso kwabantu. Bazobona umbono abantu bakudala abangawubonanga: “Ngase ngiphenduka ngiqalaza leliphimbo elalikhuluma nami. Futhi lapho ngiphenduka, ngase ngibona izinduku zamakhandlela zegolide eziyisikhombisa; Futhi phakathi kwezinduku zamakhandlela ayisikhombisa kunofana neNdodana yomuntu, ombethe ingubo efinyelela ezinyaweni, futhi ebophe isifuba ngebhade legolide. Ikhanda lakhe nezinwele zimhlophe kuhle kukavolo, zimhlophe kuhle kweqhwa; namehlo akhe enjengelangabi lomlilo; Nezinyawo zakhe zinjengethusi elicolekile, engathi zibaswe esithandweni somlilo; nephimbo lakhe linjengamanzi amaningi. Ephethe ngakwesokudla izinkanyesi eziyisikhombisa: futhi emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili: ubuso bakhe bunjengokukhanya okuphele kwelanga.” (IsAmbulo 1:12-16). Lo mbono ubonakalisa isimo esiphelele sikaNkulunkulu, kanti futhi umbono onjengalona wesimo Sakhe esiphelele ubonakalisa umsebenzi kaNkulunkulu uma eba yinyama ngalesi sikhathi. Ezikhukhuleni zokujezisa nokwahlulela, iNdodana yomuntu ibonakalisa isimo Sayo semvelo ngokukhuluma amazwi, ukuze bonke abemukela ukusola nokwahlulela Kwakhe babone ubuso beqiniso beNdodana yomuntu, ubuso obuyisibonakaliso esiyiqiniso sobuso beNdodana yomuntu obabonwa nguJohane. (Yebo, konke lokhu ngeke kubonakale kulabo abangawemukeli umsebenzi kaNkulunkulu eNkathini Yombuso. Ubuso beqiniso bukaNkulunkulu ngeke buchazeke kahle ngamagama omuntu, ngakho-ke uNkulunkulu usebenzisa ukubonakalisa isimo Sakhe semvelo ukukhombisa abantu ubuso Bakhe beqiniso. Okungukuthi bonke labo ababone isimo semvelo seNdodana yomuntu babubonile ubuso beqiniso beNdodana yomuntu, ngoba uNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ngeke achazeke ngamagama abantu. Uma abantu sebesibonile isinyathelo ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu eNkathini Yombuso, bayobe sebeyazi incazelo eyiqiniso yamazwi uJohane awakhuluma eNdodaneni yomuntu phakathi kwezibani: “Ikhanda lakhe nezinwele zimhlophe kuhle kukavolo, zimhlophe kuhle kweqhwa; namehlo akhe enjengelangabi lomlilo; Nezinyawo zakhe zinjengethusi elicolekile, engathi zibaswe esithandweni somlilo; nephimbo lakhe linjengamanzi amaningi. Ephethe ngakwesokudla izinkanyesi eziyisikhombisa: futhi emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili: ubuso bakhe bunjengokukhanya okuphele kwelanga.” Ngaleso sikhathi, nizokwazi ngaphandle kokungabaza ukuthi le nyama ejwayelekile ekhulume amazwi amaningi kangaka ngempela inguNkulunkulu osenyameni okwesibili. Futhi nizokwazi ukuthi nibusiseke kangakanani, nizizwe ninenhlanhla enkulu. Ngeke nifise ukwamukela lesi sibusiso?
Ingxenye yokuqala yale ncwadi ingamazwi kaMoya aya emabandleni. La mazwi amelela ukusuka ekugcineni kweNkathi Yomusa kuya ekuqaleni kweNkathi Yombuso, futhi awubufakazi obusobala beNdodana yomuntu obuya emabandleni. Futhi angukugcwaliseka kwamazwi esAmbulo athi “Onezindlebe makezwe okushiwo uMoya emabandleni.” Lokhu kungumsebenzi uNkulunkulu awuqala eNkathini Yombuso. Ingxenye yesibili yale ncwadi ingamazwi iNdodana yomuntu eyawakhuluma ngokuqondile ngemva kokuzembula ngokusemthethweni. Abandakanya izinhlobo eziningi zokuqukethwe okucebile kwamazwi nokushiwo okunjengesiprofetho, isambulo sezimfihlakalo, nendlela yokuphila. Kukhona okubikezela ikusasa lombuso, izambulo zezimfihlakalo zohlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ukuhlukaniswa kwendalo yomuntu, iziyalo nezexwayiso, ukwehlulela okunzima, amazwi enduduzo asuka enhliziyweni, ukukhuluma ngempilo, ukukhuluma ngokungena, nokunye nokunye. Kafushane nje, lokhu uNkulunkulu anakho, lokhu ayikho, nesimo sikaNkulunkulu konke kubonakaliswa emsebenzini Wakhe nasemazwini Akhe. Yebo, uma uNkulunkulu eba yinyama manje, umsebenzi Wakhe ukubonakalisa isimo Sakhe, ikakhulu ngokusola nokwahlulela. Esebenzisa lokhu njengesisekelo, uletha iqiniso kubantu, akhombise ezinye izindlela zokwenza, ngalokhu bese efinyelela kulokhu akuphokophele kokunqoba abantu nokubasindisa esimweni sabo esonakele. Yilokhu okusemsebenzini kaNkulunkulu eNkathini Yombuso. Ingabe uyafisa ukungena enkathini entsha? Ingabe uyafisa ukususa isimo sokonakala esikuwe? Uyafisa ukuthola iqiniso eliphezulu? Uyafisa ukubona ubuso beqiniso beNdodana yomuntu? Uyafisa ukuphila impilo enenjongo? Uyafisa ukupheleliswa nguNkulunkulu? Pho, uzokwamukela kanjani ukubuya kukaJesu?
Imibhalo engezansi:
a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “ngokwe-.”
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
#IBandla LikaNkulunkulu USomandla#UNkulunkulu uSomandla#uNkulunkulu#Iqiniso#UMoya oNgcwele#Unyazi Lwasempumalanga#Umthandazo
0 notes
Text
LH_ umawami unedrama
P1... Bo Mnakx ukhona kodwa u Mnakx onomama one drama njengalo wam??? . Kushuth ke ekhaya sibaningi singamantombazane bese kuba umfana Oyedwa o cc bam bayasebenza bese kuba yimin no bhut wan no cc omncane ongilamayo asisebenzi, Ubaba uyasebenza uhlala emsebenzin wakhe le ko Mbazwana ubhut wam unokumvakashela nje ubaba kushuth aze athole intombi ayikhulelise itete bese kufika iskhathi sokuthi izosikhombisa ingane ekhaya, aay ke sijabule sife ke nathi phela uyen bhut wethu wokuqala wokugcina lo osenengane, afike umama wengane ebsuku bese kuth eksen ethi mama akalandwe ezohlala nathi endlini enkulu angabhoreki bakith vele usazothumela kuyobizwa o Aunt nabo bezombona,ngimlande ke nan umama ka gal ngize naye, Kushuth ke u cc lo ungowasemakhaya naye since nasekhay kusemakhaya nje ugqokile u cc skirt sakhe eside wafaka long sleeve we skibha washuqula nje iduk elincane, kwaba ukungena nje ucc Mayeeee umama ememeza "Hhay hhay mama ka Siyamthanda yin le oyigqokile yaz uzongihlekisa ngabantu!!" maqede akhiphe Mali athi "Mi KHANYO awuyomthengela skirt esincane yehhen lona ikhanda ulenzile nje" esho ehlwitha iduku ekhanda "Sale sumphathela nalokhu kwenu nizomeluka" hhay amahlon ku cc wabantu Nkosi yam ey nam ngifile amahloni lapho ngihambe ke ngibuye anikezwe maka gal elukwe egqoke phela kusazobizwa no Aunt ebuye Mama wengane segqoke lo sheqe ka mamezala wakhe aaay ke kumane kube worse aphinde umama "Hhay bakith maka Siyamthanda ubothenga gentle magic ugcobe izitho" angith maka gal wayenamabala ezithweni eeey ngith ngiyamquza mama avel Abe nam shaqa ke ay ngimyeke bese ethi "Mama ka Siyamthanda ay uboke ujime phela nawe angimfun umama Jack LA kwami" lapho sengizivalele ekameren ngiphelile kucikeka ay ke bafike o Aunt bembone umaka gal bencome behambe kulalwe ngakusasa ethi angiyomcelela maka Siyamthanda Eze LA nangampela u cc aze besethi cela akhululeke nje kusekhaya LA naye engazenzela kudla uyingane nje yalayikhaya ay kube mnandi ke nakimi
P2.. Hhou kanti ngizothi Mangabe sengipheka ntambama bese ngicela maka gal angiphekele curry Mina ngipheke Phutu since kuthiwe kakhululeke uyingane hhay angab nenkinga ke maka gal coz mama wayezihlalele nje phandle sipheke ke angaz nokuth wangena nini mama ndini umama ka Siyamthanda ese stofin esashis u onion ngathi ngizwa nje " Aaay maka Siyamthanda Mina angiyidli ingxavungxavu, mawungakwaz kupheka yeka ntombi" eeey ngish ngenhliziyo ngith islingo sika cc wabantu ke lesi Jehova kodwa lomfazi umuzwani, silale kuse kufike ke o cc bam bamthengela u gal omncane izimpahla nje no blanket nama nappies kube mnandi since ubaba ka gal phela akasebenzi ebese eyahamba ke umama wengane ebuyele kubo e Mbazwana.
P3.. Khona u cc wam ke kulaba abasebenzayo obeselotsholiwe but umkhwenyana singamazi naye engakwazi ekhaya bese eyasho ke u cc Sne kuthi "mama uthi u Zulu cela kuzonibona kusasa" since kwakuyiholidi hhay ke avume umama angani nenkinga futhi kuse afike u Sbali wethu ahlaliswe e dinning ephakelwe adle kube mnandi bese ke uyangena no mama azobingelela coz no Sbali wayesethe usecabanga kuhamba owk abingelele maqede usbali avalelise angene emotweni ahambe sisale ke no cc bam bonke sibuyele dinning room ebese ezwakele umama " Mmmmh aaaay aaaay ngeke nje" esho eshaya izandla bese ngiyambuza kuthi yini mama lapho ke occ bam bonke bafuna kuzwa kuthi uzothin bese ivele iyasho lentombi " aaaay ngeke Sne ngane yam ngithi Old" ngivele ngiphele yinsini 😂😂😂😂😂😂 O cc bajabhe nje u Sne kasadiniwe nje aay aqhubeke mama " Noma ungadinwa cc Old and sick ay ngeke akabuyiselwe izimpahla zakhe lomuntu uzofa noma inini akushiye" kube muncu ke endlini behleke abahlekayo lapho mnikaz we ndoda kasacikekile nje aaaaay
P4.. Aaaaay ke kanti nam ngizolahlwa elakithi bese ngivele ngiyakhulelwa eeey 😢😢😢😢 ngakhulelwa ngimncane ma eeeh ngisafunda iskole kuth ngenye I day u Aunt angbone ngibuya eskolen angimise ngidlala ngakwakhe angibuze ngivume vele coz nam ngase ngibonile bese eyabuza kuthi ekhaya sebeyaz yin ngithi cha athi aay owk uzoke ayoyibika lendaba kumama ngith ay anginankinga, nangampela kanti u Aunt uzoya eksen Mina ngiseskoleni, cabangan nje ngakhuleliswa umfana abasweleyo kubo ozidayisela kwi container emgwaqeni, abikelwe ke umama kuth m preg but angicabang kuth bamtshela kuth isisu esaphi eeeey ngibuye eskolen lapho igaz lam liphansi nje sengahlale ngizihambela ngedwa ngisho endleleni ngith mangiqhamuka e gatin ekhaya weee nangu mama engadin next to gate angimemeze " we KHANYO awuze la" ngith owk ngiyeza ngisho ngibheke endlini amane amemeze kakhulu " Ngithi Khanyooo woza kimi marn" hhay ngijike ngibuyele emumva kuye ngith ngisasendleleni ngingakafik nakuyena "ungbukanisa nabantu KHANYO, KHANYO umithiii?" Yaz ngivele ngime khona lapho coz uyamemeza abadlula ngendlel nomakhelwan bayamuzwa kube sengath uyalihlisela ilizwi manje " KHANYO lomfana wakwa Vuma usekumithisile?" Angith phela wake wadlula ngimi nomfana wakwa Vuma aba ryt nje kakhulu kubo khona endawen sijola after skool yena ese taxin ebuya e drobhen wasimemeza wasithuka kanti kuzohamba iskhathi sahlukane ke nomfana bese ngithandana nalona umnini we sisu, aphinde abuze " umithephi KHANYO?" Ngith kwa SHANDU haaaaaa kwakungathi uyasangana ke esezwa kuthi angisamithile ezigwilini waqala phansi waheyiza "ubukisa ngam kubantu KHANYO eeey futh Jehova" mnxm ngivele Ngimshiye kanjalo ngiziyele endlini ngifike ngikhumule uniform yam
P5.. Kanti ngizothi ngiqeda kukhumula nje kufike o cc bam laba basebenzayo bafika angikho nje ryt bayangisasela Mina ngi down nje bethi besabuzana nje kuth kwenzenjan hhay ebese iyangena inkunzimalanga madoda abingelele ko cc ingene ime ngomnyango ingbheke emehlwen ngqo ngishalaze bese iyaqala "Ithi yeeey wena cc ngikuthuma eskolen awenqab uyavuma uthi mase ubuya uhlangan nomfana endleleni uzidayisela maklabish uthi mfana uyakwaz kubeka ingane?? Uthi umfana hau izinto ezincane kabi lezo usuthi wena hhay ngibeke mfana ekhaya silishi bengikade ngithandana nesphukuphuku sakwa Vuma esingakwaz ukbeka ingane ngibeke mfana sheshisa" lapho usho uyamemeza uzishintsha amazwi as if kukhuluma Mina nomfana yaz o cc bam bamane baphela yinsin coz babengazi kwenzakalan.
P6.. Hhay ke ziqhubeke izinsuku zihambe izinyanga lutho umfana kuzovela ekhaya kanti kuzoth one day umama esedrobhen ehamba no cc wam omncane bembone ubhut bae ay abuye mama ngathi ngimuzwa nje "ahhawuuu angikaze ngiyibone inqavula imunquluza aquelle e drobhen" ngixakeke nje kuth usho Kuban but ngizithulel kanti cc wam uzongitshela kuth ungibone uban e drobhen epheth aquelle ngakhombisa mama, ngibone ke kuthi oh yiyona nqavula leyo bimunquluza aquelle mnxm kuhambe isikhath ke mfana aze athole msebenzi Eze ekhaya akhokhe ngitete bam ayi support Ngane yakhekuyima eqalwa phansi ke manje ethandwa
P7.. Ubaba mayebuyile unomkhuba wokungiphathisa wallet wakhe ke weee ebese evele eyabona lo kuth wallet ukimi bese lokhu ethi "awungebele u R200 lapho malini ka Bab wakho" mangilokhu ngizama kunqaba ngith Baba uyayaz Mali yakhe uyibalile umuzwe esebhoka ngo laka " Yeeeeey nginike Mali yendoda yam KHANYO nawe unawo awakho ayakunika Mali angikushayeli umthetho kuyo" ngicikeke ngife ngimnike skhwama sonke uyojabula ke
P8.. Owk ngalena ke kumama ka Siyamthanda izinto zingab zisahamba ke kahle bagcine behlukene no bhut ngingaz ke noma I mbangela yokuhlukana kwabo kwaba uyena u mama lo coz ekhaya wavasha kanye wagcina wangabe esabuya sekuhamba yena u bafo noma kuze ingane cha bayaqhubeka occ bayayithengela, aze athole omunye muntu akathandannaye ke umama ka gal bese evele eyakhulelwa ke naye kanti umama uzozwa ke kuth makot wajwakhe se preg kwenye ndawo afike kimi " awunayo number ka maka Siyamthanda? " ngith ikhona athi " Mi angifakele" ngimfakele ke hhay ebese eyafona luckily mama ka gal ayibambe fone "umama ka Siyamthanda loyo? Ngith ke Mina mama wengane ngisacel uzibuyise izimpahla esezincane maka Siyamthanda eeey zazibiza kabi nje ezakwa Woolworths, ngithi Woolworths maka Siyamthanda" ngivele ngiphele yinsini aphumele phandle angaz ke waqhubeka wathin angith wayesebona kuth zizogqokiswa lengane ezotetwa okungeyon eyasekhaya. . The End benginixoxela nje kuth omama bethu bayisimo kanjan
0 notes
Text
5. Yini ngempela inkolo yeqiniso kuNkulunkulu? Kufanele umuntu akholwe kanjani kuNkulunkulu ukuze athole ukutuswa Kwakhe?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Nakuba abantu abaningi bekholelwa kuNkulunkulu, bambalwa abaqondayo ukuthi kusho ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu, nokuthi yini okumele bayenze ukuze babe senhliziyweni kaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi, nakuba abantu belijwayele igama elithi “Nkulunkulu” namabinzana athi “umsebenzi kaNkulunkulu,” abamazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyomsebenzi Wakhe. Yingakho ngingamangali uma bonke laba abangamazi uNkulunkulu benezinkolelo ezididayo. Abantu abakuthathi njengokubalulekile ukukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso ngoba ukukholelwa kuNkulunkulu akujwayelekile, kusha ngokuphelele kubo. Ngale ndlela, abakwazi ukuhlangabezana nezimfuno zikaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, uma abantu bengamazi uNkulunkulu, bengawazi umsebenzi Wakhe, abakulungele ukusetshenziswa uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokugcwalisa okufiswa uNkulunkulu. “Ukukholwa kuNkulunkulu” kusho ukukholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu; le yiyona ndlela elula yokuqonda ukukholwa kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona akufani nokukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso; kunalokho, kuwukholo olulula olukhomba ukuqina ngokwenkolo. Ukukholwa kweqiniso kuNkulunkulu kusho ukubona amazwi nemisebenzi kaNkulunkulu ngokukholwa ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto. Ngakho-ke uzokhululeka esimweni senkohlakalo, ugcwalise okufiswa nguNkulunkulu, ufinyelele ekumazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho kungathiwa ukholelwa kuNkulunkulu. Nokho abantu babona ukukholelwa kuNkulunkulu njengento elula nengenangqondo. Ukukholwa kwabantu abanjalo akunamsebenzi futhi uNkulunkulu ngeke akwamukele, ngoba bahamba endleleni okungeyona. Namuhla, kusekhona labo abakholelwa kuNkulunkulu ezincwadini, ezimfundisweni ezifile. Abazi ukuthi ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu akunasisindo, nokuthi abakwazi ukwamukelwa uNkulunkulu, nokuthi basathandazela ukuthula nomusa owanele bona ovela kuNkulunkulu. Kumele sime sizibuze ukuthi: Ingabe ngempela ukukholelwa kuNkulunkulu kuyinto elula emhlabeni? Ingabe ukukholelwa kuNkulunkulu akusho lutho ngaphandle kokuthola umusa kuNkulunkulu? Ingabe abantu abakholelwa kuNkulunkulu kube yibo abangamazi, nabakholelwa kuNkulunkulu kodwa bemphikisa, bangakugcwalisa okufiswa uNkulunkulu?
kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni
Inkolelo yangempela kuNkulunkulu ayibandakanyi ukukholelwa Kuye ukuze usindiswe futhi ingasaphathwa eyokuba umuntu olungile. Futhi ayikho mayelana nokukholelwa kuNkulunkulu ukuze uthandwe abantu. Empeleni abantu akufanele babheke ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu njengenkolelo yokuthi uNkulunkulu ukhona, akukho okungaphezu kwalokho; akukhona ukuthi kufanele umane ukholelwe ukuthi uNkulunkulu uyiqiniso, indlela, ukuphila, nanokuthi akukho okungaphezulu. Futhi akukhona ukuthi umane wazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuthi umane ukholelwe ukuthi uNkulunkulu unguMbusi wazo zonke izinto, ukuthi uNkulunkulu unguSomandla, ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto emhlabeni, ukuthi uNkulunkulu uhlukile futhi mkhulu kakhulu. Akukhona ukuthi umane ukholelwe kulokhu; kunalokho okokuthi—sonke isiqu sakho nayo yonke inhliziyo yakho—kufanele kulandele uNkulunkulu, uvume ukuba isisebenzi sikaNkulunkulu, uvume uNkulunkulu akusebenzise enkonzweni Yakhe, nokuthi kufanele wenze noma yini ngenxa kaNkulunkulu. Akukhona ukuthi nje labo abashiwo kusengaphambili futhi bakhethwa uNkulunkulu kufanele bakholelwe Kuye. Empeleni, sonke isintu kufanele sikhonze uNkulunkulu, simthobele futhi simlalele, ngoba isintu sadalwa uNkulunkulu.
kwesithi “Isahluko 21.Ukufuna Iqiniso Kuphela Okuwukukholelwa Ngeqiniso KuNkulunkulu”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe
Namuhla, kuyini ukukholwa kuNkulunkulu kwangempela? Kungukwamukela izwi likaNkulunkulu njengeqiniso lokuphila kwakho nokwazi uNkulunkulu ezwini Lakhe ukuze uzuze uthando Lwakhe lweqiniso. Ukuze kucace: Kuwukukholwa kuNkulunkulu ukuze umlalele uNkulunkulu, uthande uNkulunkulu, bese wenza umsebenzi okumele wenziwe isidalwa sikaNkulunkulu. Lena yinhloso yokukholwa kuNkulunkulu. Kumele uthole ulwazi lokuthanda uNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ufanelwe ukudunyiswa, ukuthi, ezidalweni Zakhe, umsebenzi wensindiso uwenza kanjani futhi ubaphelelisa kanjani—lokhu ngokuncane okumele ube nakho ekukholweni kwakho kuNkulunkulu. Ukukholwa kuNkulunkulu kakhulu kungukuguquka empilweni yenyama uye empilweni yokuthanda uNkulunkulu, usuke empilweni yendalo uye empilweni yokuba ngokaNkulunkulu, kungukuphuma ngaphansi kwesandla sikaSathane uphile ngaphansi kokunakekelwa nokuvikelwa uNkulunkulu, kungukwazi ukulalela uNkulunkulu ungathobeli inyama, kungukuvumela uNkulunkulu azuze inhliziyo yakho yonke, ukuvumela uNkulunkulu akuphelelise, uzikhulule esimweni esikhohlakele sikaSathane. Ukukholwa kuNkulunkulu kwenzelwe kakhulu ukuthi amandla nenkanzimulo kaNkulunkulu kubonakale phezu kwenu, ukuze nizokwenza intando kaNkulunkulu, nifeze icebo likaNkulunkulu, nikwazi ukuba ngofakazi bakaNkulunkulu phambi kukaSathane. Ukukholwa kuNkulunkulu akumele kwenziwe ngenxa yezimpawu nezimangaliso, futhi akumele kube ngenxa yenyama yomuntu. Kumele kube okokufuna ukwazi uNkulunkulu, nokulalela uNkulunkulu, njengoPetru, umlalele kwaze kwaba sekufeni. Yilokhu okusemqoka ukuze kuzuzwe. Ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kulungele ukuba wazi futhi wenelise uNkulunkulu. Ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kukunika ulwazi olukhulu ngoNkulunkulu, okuzothi ngemva kwalokho ukwazi ukulalela uNkulunkulu. Kuphela uma wazi uNkulunkulu lapho ungakwazi ukumthanda, kanti ukuze uthole lokhu okuhlosiwe yiyona nhloso kuphela okumele umuntu afune ukufinyelela kuyo ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu. Uma, ekukholweni kwakho kuNkulunkulu, uhlala uzama ukubona izimpawu nezimangaliso, lokho kusho ukuthi ukubona kwakho kanjalo ukukholwa kuNkulunkulu akulungile. Ukukholwa kuNkulunkulu kungukwamukela izwi likaNkulunkulu njengeqiniso lokuphila. Ukusebenzisa kuphela amazwi kaNkulunkulu aphuma emlonyeni Wakhe bese uwenza ngokwakho, lokho ngukuthola inhloso kaNkulunkulu. Ekukholweni kuNkulunkulu, abantu kumele bafune ukupheleliswa uNkulunkulu, bakwazi ukuthobela uNkulunkulu, balalele uNkulunkulu ngokuphelele. Uma ungalalela uNkulunkulu ngaphandle kokukhaononda, wazi okufiswa uNkulunkulu, ufane noPetru, ube nendlela kaPetru uNkulunkulu akhulume ngayo, kulapho uzobe usukholwa kuNkulunkulu ngempumelelo, futhi kuzobe kusho ukuthi usuzuziwe nguNkulunkulu.
kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe
Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, ufanele ukudla uphuze ezwini Lakhe, uphile ngaphakathi kwalo, ubuye uliphile. Yilokhu okungukukholwa kuNkulunkulu! Uma uthi uyakholwa kuNkulunkulu kodwa ungakwazi ukukhuluma noma yimaphi amazwi Akhe noma uwenze, awuthathwa njengomuntu okholwa kuNkulunkulu. Lokhu ukufuna “isinkwa sokuqeda indlala.” Ukusho ubufakazi obuncane, izinto ezingenamsebenzi, nezinto zangaphandle, ezingenakho ngisho nokuncane okweqiniso akwenzi ukholwe kuNkulunkulu. Kanjalo,[b] awukayibambi indlela efanele yokukholwa kuNkulunkulu. Kungani ufanele ukudla nokuphuza kakhudlwana emazwini kaNkulunkulu? Ngabe kuthathwa njengokholo uma ungadli ungaphuzi emazwini Akhe ufune nje ukukhuphukela ezulwini? Yisiphi isinyathelo sokuqala salowo okholwa kuNkulunkulu? UNkulunkulu umphelelisa ngayiphi indlela umuntu? Ungapheleliswa ngaphandle kokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu? Ungathathwa njengomuntu wombuso ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu njengeqiniso lakho? Yini ngempela ukukholwa kuNkulunkulu? Abakholwa kuNkulunkulu kufanele babe nokuziphatha kahle ngaphandle, okungenani, kanti okubaluleke kakhulu ukuba nezwi likaNkulunkulu. Noma ngabe kunjani, ngeke ukwazi ukufulathela izwi Lakhe. Ukwazi kwakho uNkulunkulu nokugcwalisa intando Yakhe konke kufezeka ngezwi Lakhe. Zonke izizwe, amahlelo, izinkolo ezehlukene, nezindawo eziklanyiwe konke kuyonqotshwa ngezwi esikhathini esizayo. UNkulunkulu uzokhuluma ngqo, futhi bonke abantu bazobamba izwi likaNkulunkulu ezandleni zabo; abantu bazopheleliswa ngalokhu. Izwi likaNkulunkulu lisabalale yonke indawo: Abantu bakhuluma ngezwi likaNkulunkulu benze ngokwezwi likaNkulunkulu, nalokho abakugcine kubona kulokhu kuyizwi likaNkulunkulu. Ngaphakathi nangaphandle, bacwiliswe ezwini likaNkulunkulu, ngakho baphelelisiwe. Labo abagcina intando kaNkulunkulu bakwazi nokufakaza Ngaye yilabo abanezwi likaNkulunkulu njengeqiniso.
kwesithi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe
Ungacabanga ukuthi ukukholelwa kuNkulunkulu kusho ukuhlupheka, noma ukwenzela Yena izinto eziningi, noma ukuze kube nokuthula enyameni yakho, noma ukuze zonke izinto zikuhambele kahle, ukuze yonke into ibe ntofontofo—kodwa akukho kulokhu okumele kube yisizathu sabantu sokukholelwa kuNkulunkulu. Uma kuyilokho okukholelwayo, okusho ukuthi umbono wakho uyiphutha futhi awunakupheleliswa. Izenzo zikaNkulunkulu, Isimo sikaNkulunkulu sokulunga, ukuhlakanipha Kwakhe, izwi Lakhe, nezimangaliso kanye nokungaphenyeki Kwakhe yizo zonke izinto abantu okumele bazame ukuziqonda. Sebenzisa lokhu kuqonda ukuze ususe zonke izicelo zomuntu namathemba omuntu siqu nemibono enhliziyweni yakho. Ukususa lokhu kuphela okuzokwenza uhlangabezane nezimo ezifunwa uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho ungaba khona nokuphila futhi wanelise uNkulunkulu. Ukukholelwa kuNkulunkulu okokwanelisa uNkulunkulu, ukuphila ngesimo Asifunayo, ukuvumela izenzo Zakhe nenkazimulo kubonakale kuleli thimba elingafanelekile. Lowo umbono ofanele wokukholelwa kuNkulunkulu, nomgomo okumele ube nawo. Kumele ube nombono omuhle wokukholelwa kuNkulunkulu ufune ukuthola izwi likaNkulunkulu. Udinga ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu, futhi ukwazi ukuphila ngeqiniso, futhi ikakhulukazi ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu eziwusizo, izenzo Zakhe ezimangalisayo kuwo wonke umhlaba, ngisho nomsebenzi Wakhe awenza enyameni. Kohlangabezane nakho uqobo, ungancoma indlela uNkulunkulu enza ngayo umsebenzi Wakhe kubantu, nokuthi iyini intando Yakhe kubantu. Konke lokhu ukususa isimo esonakele sobusathane. Ukususa konke ukungcola nokungalungi ngaphakathi kuwe, ukuhlubula izinhloso zakho ezimbi, futhi ungakwazi ukudlondlobalisa ukholo lweqiniso ngoNkulunkulu. Ukuba nokholo lweqiniso kuphela ungathanda ngeqiniso uNkulunkulu. Ungakwazi ukumthanda ngobuqotho kuphela uNkulunkulu ngaphansi kwezisekelo zokukholelwa Kuye. Ungakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngaphandle kokukholelwa Kuye? Uma uzokholelwa kuNkulunkulu, ngeke uzisanganise ikhanda ngakho. Abanye abantu bazizwa beyizingqabavu ngokushesha uma bebona ukuthi ukholo kuNkulunkulu luzobalethela izibusiso, kodwa baphelelwe umdlandla ngokushesha uma bebona ukuthi kumele babhekane nokulungiswa. Ingabe lokho kuwukukholelwa kuNkulunkulu? Ekugcineni, ukukholelwa kuNkulunkulu kusho ukuzithoba ngokuphelele phambi Kwakhe. Ukholelwa kuNkulunkulu kodwa usenezinto ozifuna Kuye, unemibono eminingi yenkolo ongafuni ukuyibeka phansi, izinto ozithandayo ongafuni ukuzidedela, noma usafuna izibusiso zenyama futhi ufuna uNkulunkulu ahlenge inyama yakho, asindise umphefumulo wakho—yizo zonke izinto ezivezwa abantu abanombono ophambene. Nakuba abantu abanezinkolelo zezenkolo bekholelwa kuNkulunkulu, abafuni ukushintsha isimo, abaluphishekeli ulwazi lukaNkulunkulu, futhi bamane balandela izifiso zenyama yabo. Abaningi phakathi kwenu banezinokolo ezingaphansi kwesigaba esithile sezinkolelo. Lokho akulona ukholo lwangempela kuNkulunkulu. Ukuze ukholelwe kuNkulunkulu kumele ube nenhliziyo yokuhlupheka ngenxa Yakhe futhi uzimisele ukuzidela. Ngaphandle kokuba uhlangabezane nalezi zimo ezimbili akulona ukholo kuNkulunkulu, futhi angeke ukwazi ukuzuza isimo eshintshile. Abantu abafuna iqiniso ngobuqotho kuphela, abazama ukwazi uNkulunkulu, futhi baphishekele ukuphila yilabo abakholelwa ngempela kuNkulunkulu.
kwesithi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe
Ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, uPetru wayefuna ukwanelisa uNkulunkulu kukho konke ayekwenza, wayelalela konke okuvela kuNkulunkulu. Engakhonondi ngisho nakancane, wakwazi ukwamukela ukusolwa nokwahlulelwa, kanye nokucwengwa, usizi kanye nokuntula ekuphileni kwakhe, akukho okwaqeda uthando lwakhe ngoNkulunkulu. Ingabe lolu akulona uthando lwakhe olukhulu ngoNkulunkulu? Ingabe lokhu akukhona ukugcwaliseka komsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu? Ukusolwa, ukwahlulelwa, usizi—ungakwazi ukulalela kuze kube sekufeni, futhi yilokhu okufanele kufezwe isidalwa sikaNkulunkulu, lobu ubumsulwa bothando lukaNkulunkulu. Uma umuntu engafeza okungaka, kusho ukuthi uyisidalwa sangempela sikaNkulunkulu, futhi akukho okungcono okwanelisa isifiso soMdali. Zicabange ukwazi ukusebenzela uNkulunkulu, kodwa awumlaleli uNkulunkulu, awukwazi ukumthanda ngempela uNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke ugcine nje ungawufezanga umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu, kodwa uyohlulelwa nawuNkulunkulu, ngoba ungumuntu ongenalo iqiniso, ongakwazi ukulalela uNkulunkulu, uyihlonga-ndlebe. Unendaba kuphela nokusebenzela uNkulunkulu, awunandaba nokuphila ngeqiniso, noma ukuzazi. Awumqondi futhi awumazi uMdali, awumlaleli futhi awumthandi uMdali. Ungumuntu ngokwemvelo ongezwani nokulalela uNkulunkulu, ngakho abantu abanjalo abathandwa uMdali.
kwesithi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe
Ukukholelwa kuNkulunkulu kuyisinyathelo sokuqala sokwazi uNkulunkulu. Inqubo yokukhula ekukholweni kokuqala kuNkulunkulu kuye ekukholweni okujulile kuyinqubo yokwazi uNkulunkulu, kanye nenqubo yokubona umsebenzi kaNkulunkulu. Uma ukholelwa kuphela kuNkulunkulu ngoba wenza nje ukukholelwa kuNkulunkulu, futhi ungakholelwa kuNkulunkulu ukuze wazi uNkulunkulu, khona-ke alikho iqiniso ekukholweni kwakho, futhi ngeke kuhlanzeke—angingabazi ngalokhu. Uma, ngesikhathi ebona uNkulunkulu, umuntu eqala kancane kancane ukwazi uNkulunkulu, khona-ke nesimo sakhe sizoshintsha kancane kancane, nokukholwa kwakhe kukhule kube okweqiniso. Ngale ndlela, uma umuntu ephumelela ekukholweni kuNkulunkulu, uzozuza uNkulunkulu ngokugcwele. UNkulunkulu uze waba nenyama okwesibili futhi wenza nomsebenzi Wakhe Yena uqobo ukuze abantu bamazi, futhi bakwazi nokumbona. Ukwazi uNkulunkulu[a] umphumela wokugcina okumele kufezeke ekugcineni komsebenzi kaNkulunkulu; kuyimfuneko yokugcina kaNkulunkulu esintwini. Ukwenza lokhu ngenxa yobufakazi Bakhe bokugcina, nokuthi umuntu ekugcineni aphendukele Kuye ngokuphelele. Umuntu angathanda kuphela uNkulunkulu ngokwazi uNkulunkulu, futhi ukuze athande uNkulunkulu kumele amazi uNkulunkulu. Noma ngabe umfuna ngayiphi indlela, noma uhlose ukuzuzani, kumele akwazi ukufinyelela ekwazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu enganelisa inhliziyo kaNkulunkulu.
kwesithi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Umsebenzi wokwazi uNkulunkulu.”
b. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “wayelandela.”
0 notes
Text
EZwini LikaNkulunkulu USomandla, Ngithole Indlela Yami Yempilo
UNovo ePhillippines
Igama lami nginguNovo, ngingumFiliphi. Kusela ngisemncane, ngangikholwa uNkulunkulu nomama wami. Ngangiya enkonzweni nabafowethu nodadewethu siyolalela izintshumayelo. Nakuba ngangikholwa yiNkosi iminyaka eminingi, ngangizizwa sengathi angikholwa. Ngaphakathi enhliziyweni yami, usuku lonke, ngangiye ngicabange ukuthi ngingayihola kanjani imali eningi ngiphile impilo engcono. Ngaphezu kwalokho, ngangike ngiye kophuza nabangani. Uma ngike ngaba nemali eningi, ngiyohamba ngiye kogembula. Nakuba ngangazi ukuthi engikwenzayo kumbi ngangimane ngithandaze ngithi ngizoziyeka lezi zenzo zami ezimbi kodwa ngingakwenzi lokhu engikushoyo. Ngale ndlela, ngangilokhu ngiqhubeka ngehla. Ngangingathandazi ngeqiniso kuNkulunkulu. Isonto ngalinye, ngangimane nje ngithandaze imithandazo elula ngokungazimiseli. Kwesinye isikhathi, ngangizizwa nginexhala ngoba ngangazi ukuthi uma iNkosi ibuya, iyokwahlulela izenzo zawo wonke umuntu. Uyonquma ukuthi umuntu uya ezulwini noma uya esihogweni. Ngazizwa ngingowehlile nokuthi uNkulunkulu ngeke angithethelele. Emva kwesikhathi ngashadelwa ngaba nabantwana. Konke engangikucabanga kwakuwunkosikazi wami nabantwana bami. Uma ngicabanga ngokholo lwami ngangivele ngikuzibe nje emqondweni wami.Ukuze nginikeze abantwana bami ikusasa elingcono nokuthi ngikwazi ukuthi ngicebe, nganquma ukushiya izwe lami ngiyofuna umsebenzi. Ekugcineni, ngafika eTaiwan. Nakuba sengiwutholile umsebenzi angiyintshanga indlela yami endala yokuphila. Ngesikhathi sami sokuphumula, ngangiye ngiyophuza futhi sicule nozakwethu. Ngangiphila impilo yomuntu ongakholwa.
Ngonyaka wezi-2011, ngasebenza njengomshiseli embonini yaseTaiwan. Ngolunye usuku ngonyaka wezi-2012, omunye uzakwethu wangibuza ukuthi ngiwumKhatholika yini, ngavuma ngathi nginguye. Emva kwesikhashana wangimemela eMiseni ebandleni lakhe. Kwathi, ngelinye iSonto ekuseni, entathakusa, afike embonini ezosithatha asiyise emzini womunye umngani wakhe. Lapho, ngahlangana noMfowethu uJoseph. Wangibuza wathi, “Mfowethu, ukulindele yini ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu?” Ngaphendula ngathi ngikulindele. Waphinde wangibuza futhi, “Uyawazi umsebenzi iNkosi uJesu eyowenza mhla ibuya?” Ngaphendula ngathi, “Iyohlala esihlalweni sobukhosi esimhlophe, yahlulele isintu lonke, ihlukanise abantu ngamaqembu ehlukene. Emva kwesikhathi, uNkulunkulu uyonquma, kusekelwa ekuziphatheni nakwimisebenzi yomuntu ngamunye ukuthi umuntu uyoya ezulwini noma kwalasha.” UMfowethu uJoseph waqhubeka wangibuza wathi, “Ukuba besikutshela ukuthi iNkosi uJesu isivele isibuyile futhi yenza umsebenzi wokwahlulela, ubuzokholwa?” Ngamangala kakhulu uma ngimuzwa esho lokhu. Ngacabanga: Ngabe iNkosi uJesu isibuyile? Kungenzeka kanjani lokho? Ingangasehlulela kanjani thina uma kanti ibisivele isibuyile? Angikaze ngibone isahlulelo phambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi esimhlophe! Nokho, angizange ngimbuze le mibuzo ngokusobala ngoba ngangizwa ukuthi isahlulelo sikaNkulunkulu siyimfihlakalo nokuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kumuntu akunakulinganiswa. Imibono yami ingangaba ngelungile. Ngezwa kodwa sengathi ngingaqale ngilalele eyabo kuqala imibono. Kunalokho, ngaphendula ngathi, “Akuyona into lena okwamanje engingeke ngiyigcizelele. Qhubekani nikhulume.” Emva kwesikhashana, uMfowethu uJoseph kanye nabanye bangikhombisa iziqeshana eziningi eBhayibhelini ezikhuluma ngomsebenzi wokwahlulela ayowenza mhla ebuya. Mabili amavesi akuleli khethelo anje: “Lowo ongalayo mina, futhi angemukeli amazwi ami, unaye omehlulelayo: izwi engilikhulumile, lona lelo lizomehlulela ezinsukwini zokugcina” (Johane 12:48). “Isikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu sesifikile” (1 Petru 4:17). Emva kokubuka konke lokhu kuqagela, ngaphokophela ukugxila kulokhu odadewethu nabafowethu ababezokusho. Ngakholwa wukuthi lokho abase babelane ngakho nami kwakuyiqiniso ngoba iBhayibheli seliwuqophile umsebenzi kaNkulunkulu.
Emva kwesikhashana, uMfowethu uJoseph wafuna sifunde ezinye iziqeshana ezimbili ezisuselwe ezwini likaNkulunkulu uSomandla: “Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela.” “Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu” (“UKristu Wenza Umsebenzi Wamandla Ngeqiniso” Ezwini Elivela Lisenyameni).
Emva kokuba sengiqedile ukufunda izwi likaNkulunkulu uSomandla, baqhubeka nokukhuluma nami. Bangisiza ngiqonde ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyiqiniso elikhulu impelafuthi awukho ngamandla angaphezu kwawemvelo. Umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ngezinsuku zokugcina wawungesiyo indlela engangike ngiwucabange ngayo- uNkulunkulu uyokwendlala itafula elikhulu esibhakabhakeni bese ehlala esihlalweni sobukhosi esimhlophe. Wonke umuntu wama phambi kukaNkulunkulu njengokohlu lwezono, anqume ukuthi senze kahle noma kabi. Emva kwalokho, useyonquma ukuthi uya ezulwini noma uya kwalasha. Esikhundleni salokho, uNkulunkulu eqinisweni wathatha isimo somuntu ukuze akwazi ukuveza amazwi akhe nokwambula inkohlakalo nokungalaleli komuntu. Wahlulela izono zomuntu bese emsiza umuntu ukuthi aqonde ngenkohlakalo yemvelo yakhe. Emva kwalokho, abhubhise imvelo yethu yesono ngaphakathi bese eqeda lobu buhlungu obusemvelweni yethu bokuthi sone emini bese sizivuma ntambama. Uyasisiza ukuthi simqonde okwangempela ukuze sikwazi ukuzuza ukuhlanzwa kanye nensindiso. Ngale ndlela umuntu uzofaneleka ukuthi angene embusweni wasezulwini. Labo abangawuvumi umsebenzi wokwahlulela wezinsuku zokugcina, bangasishintshi nesimo sempilo yabo bayophonswa echibini lomlilo ekugcineni. Ngokwenza umsebenzi Wakhe wokwahlulela ngale ndlela, uNkulunkulu uvumelane nezidingo zangempela zomuntu. Ngacabanga ngami uqobo: Nakuba sengikholwe yiNkosi iminyaka eminingi, ngathandaza kaningi kuNkulunkulu, ngazivuma nezono zami, ngiqhubekile ngaphila impilo yokona. Ngagembula, ngaphuza, ngaqamba amanga futhi ngakhohlisa. Sonke isikhathi ngenze izono, ngazivuma ngabuye ngazenza futhi. Impilo yami ibigcwele ukuhlukumezeka. Ngokucacile, empeleni siyamdinga uNkulunkulu ukuthi azokwenza umsebenzi Wakhe wokwahlulela kanye nensindiso. IBhayibheli lithi: “Kanye nobungcwele, ngaphandle kwalokho akukho muntu oyokuyibona iNkosi” (KUMAHEB12:14). UNkulunkulu ungcwele. Uma umuntu engazihlanzi ezonweni zakhe, akafanelwe ukubona ubuso beNkosi. Ake sithi yiyona ndlela okumele sicabange ukuthi yiyo. UNkulunkulu ufika ngezinsuku zokugcina abeke isihlalo sobukhosi esimhlophe emoyeni ukuze ahlulele umuntu. Unquma ngokuqondile isiphetho somuntu. Uma lokhu kunjalo, umuntu uziyeka kanjani izono zakhe? Umuntu akakalahlwa futhi akakajeziswa? Kubukeka sengathi uNkulunkulu uSomandla, kungacishe kwenzeke uyiNkosi uJesu ebuyile. Kumele ngifune futhi ngiphenye ngokuzimisela. Akufanele ngidlulwe yithuba lokwamukela iNkosi.
Emva kwalokho banginika incwadi Izwi Livela Lisenyameni. Ngajabula kakhulu. Emva kokuba sengifikile endaweni lapho ngihlala khona, ngaqala ngafunda izwi likaNkulunkulu ubusuku bonke. Ngafunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla: “Imilomo yenu igcwele amazwi enkohliso nenzondo, ukukhaphela nenkani. Anikaze nikhulume amazwi obuqotho Kimi, noma amazwi angcwele, noma amazwi okulalela izwi Lami lapho nizwa izwi Lami. Ekugcineni, lunjani ukholo lwenu? Izinhliziyo zenu zigcwele izifiso nengcebo, nezingqondo zenu zinezinto zenyama. Nsuku zonke, nibala indlela eningathola ngayo okuthile kimi, nokuthi ungakanani umcebo nezinto zenyama enikuthole Kimi. Nsuku zonke, nilinda nokuthi izibusiso ezengeziwe zehlele kini ukuze nijabulele ngisho izinto eziningi ngisho nezinto, ezingcono, lezo ezijabulisayo. Akumina enimcabangayo ngaso sonke isikhathi, akulona iqiniso elivela Kimi, kodwa kunalokho nicabanga abayeni benu (omkenu), amadodana, amadodakazi, noma ukuthi nizodlani nigqokeni, nokuthi ningayandisa kanjani injabulo yenu futhi niyenze ibe ngcono. Ngisho nalapho ningagcwalisa izisu zenu, anibalulekile yini kakhudlwana kunezidumbu? Ngisho nalapho nihlobisa inyama yenu ibe nobukhazikhazi, anizona yini izidumbu ezihambayo ezingenampilo? Nisebenza kanzima ngenxa yezisu zenu nize nibe mpunga ekhanda, kodwa akekho noyedwa ozimisele ukudela unwele lwakhe olulodwa ngenxa yomsebenzi Wami. Nihlala nihamba njalo, nikhandle umzimba wenu, futhi nicindezele izingqondo zenu ngenxa yenyama yenu, nangenxa yamadodana namadodakazi enu, kodwa akekho okhathazeka ngentando Yami. Yini lokhu enisafisa ukuyizuza Kimi?” (“Baningi Ababiziweyo, Kepha Bayingcosana Abakhethiweyo” Ezwini Elivela Lisenyameni). Ngezwa izwi likaNkulunkulu lihlaba inhliziyo yami njengomcibisholo ocijile. La mazwi ambula isimo sempilo yami njengoba sinjalo. Achaza isigigaba soqobo sengaphakathi lenhliziyo yami. Ngangazi ukuthi uNkulunkulu kuphela ongahlola inhliziyo yomuntu futhi uNkulunkulu kuphela ongambula inkohlakalo yomuntu. Ngezwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu uSomandla ayilo impela izwi likaNkulunkulu. Ezwini likaNkulunkulu, ngaqonda ukuthi ukukholwa kwami kugcwele amanga nomona. Ngangivuma igama likaNkulunkulu kuphela kodwa inhliziyo yami ingenaye uNkulunkulu. Ngangizikhathaza kuphela ngomndeni wami, umsebenzi wami kanye nemibonoyami. Usuku ngalunye, ngangicabanga ngokuthi ngingayihola kanjani imali eningi nokuthi ngingawusiza kanjani um ndeni wami uphile impilo echichimayo. Nakuba ngangijwayele ukutshela uNkulunkulu ukuthi ngizomthanda, kodwa angikwenzanga engangithi ngizokwenza. Ngaqhubeka nokukhohlisa uNkulunkulu. Futhi, sonke lesi sikhathi, ngangiye ngithandaze ngicele ukuthi uNkulunkulu angibusise kakhulu nangaphezulu, ngoba ngangikholwa ukuthi uNkulunkulu kwaphakade uwuNkulunkulu wothando nokuthi uNkulunkulu ugcwele isihe ngomuntu, nokuthi nakuba ngonile, uNkulunkulu uzongithethelela zonke izono zami, abe nesihe kimi futhi angibusise. Nokho, emva kokufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, ngaqonda ukuthi akekho umuntu ovumelekile ukuthi ahlambalaze isimo sokulungakwemvelo kaNkulunkulu. Inhliziyo yami yaqala yamhlononipha kakhulu uNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu okwahlulela nokusola abangela ukuthi ngizizwe nginokuzisola kakhulu ngezolo lami. Ngadabuka kakhulu ngakhal embhedeni wami. Kwakungokokuqala, ngikhala nginomunyu ngithandaza kuNkulunkulu ngaphenduka, “Nkulunkulu, ngicela ungithethelele ngenxa yezono zami. Ngimelanile Nawe ngayo yonke indlela. Wena ngikukhohlisile. Angifanele wukucela Wena ukuba ube nami. Kufanele ngijeziswe. Nkulunkulu, ngiyabonga ngokunginika ithuba lokuthi ngiphenduke futhi ngisindiswe. Kusukela manje, ngizozama ngakho konke ukufuna iqiniso. Ngizokuthanda ngenhliziyo eqinisileyo….” Emva kokuthandaza, ngazitshela ukuthi ngidinga isahlulelo sikaNkulunkulu khona ngizoshintsha impilo yami eyayisibanjwe ekwenzeni isono ngibuye ngisivume. Kwafuneka ukuthi ngilifunde izwi likaNkulunkulu uSomandla ngizindle ngalo njalo khona ngizokwazi kangcono ngeqiniso ngibe namandla okufulathela inyama yami ngenze iqiniso nokwanelisa intando kaNkulunkulu.
Kusukela lapho, ngase ngiphatha incwadi Izwi Livela Lisenyameni emsebenzini. Ngesikhathi sami sekhefu ngangifunda izwi likaNkulunkulu. Ezwini likaNkulunkulu uSomandla, ngabona ukuthi imicabango nokuziphatha kwami kwakunenkohlakalo futhi kwakuvukela kanjani. UNkulunkulu uSomandla uthi: “Kufanele uthandaze, kancane kancane, ngokuhambisana nesimo sakho sangempela kanye nalokho okuzokwenziwa nguMoya oNgcwele, futhi kufanele uxoxisane noNkulunkulu njengokwentando kaNkulunkulu nezimfuno zaKhe kumuntu. Uma uqala ukuzejwayeza ukuthandaza, qala ngokunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Ungazami ukubamba intando kaNkulunkulu; zama kuphela ukukhuluma amazwi angaphakathi enhliziyweni yakho uwatshele uNkulunkulu. Lapho uza phambi kukaNkulunkulu, khuluma kanje: ‘Awu Nkulunkulu! Ngibona namhlanje ukuthi angikulalelanga Wena. Ngimubi futhi ngiyenyanyeka ngempela. Ngaphambilini, bengichitha isikhathi sami; kusukela namhlanje ngizokuphilela, ngizophila impilo enenhloso, ngenelise intando yaKho. Ngifuna ukuba uMoya waKho usebenze njalo ngaphakathi kimina, futhi uhlale njalo ungikhanyisa futhi ungikhanyisela, ukuze ngibe nobufakazi obunamandla phambi kwaKho, ngivumele uSathane abone udumo lwaKho, ubufakazi baKho, kanye nobufakazi bokunqoba kwaKho ngaphakathi kithina.’ Uma ukhuleka ngale ndlela, inhliziyo yakho izokhululwa ngokuphelele, uma usukhuleke ngale ndlela, inhliziyo yakho izoba seduze noNkulunkulu…” (“Mayelana Nenqubo Yokuthandaza” Ezwini Elivela Lisenyameni). Ezwini likaNkulunkulu, nganginendlela okwakumele ngiyilandele ukulungisa isimo sami sokukhohlakala. Ngaqala ukukhuleka kuNkulunkulu kusuka ekujuleni kwenhliziyo yami ngesimo sokuzithoba. Ngalolu hlobo lomkhuleko, ngangizizwa njalo ukuthi uNkulunkulu useyangiqondisa. Ngaphakathi ngase nginokukholwa kanye namandla. Angisaphili impilo yokwenza izono futhi sengiphendukile kuzona. Esikhundleni salokho, ngaphila ngobuqotho ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Manje ngifuna ukuziphatha ngokwezwi likaNkulunkulu. Imibono yami nayo yashintsha. Ngiphila ngokujabula kakhulu kunaphambilini. Amazwi kaNkulunkulu uSomandla asenginike umgomo okuyiwo ngempilo yami. Angisahlukumezi umqondo wami ngokufuna ukuphila impilo yokunethezeka njengoba bengenza kudala. Angisafuni ukufuna ukudlula abanye abantu. Esikhundleni salokho, ngilandela iqiniso ukuze ngigqashule kusimo sami senkohlakalo ngifumane ukuhlanzwa kanye nensindiso. Ngifuna futhi ukulalela amazwi kaNkulnkulu ezintweni zonke, ngifeze umsebenzi wami njengesidalwa ukuze ngikhokhele uNkulunkulu ngothando lwakhe.
NgoNtulikazi ngonyaka wezi-2014, ngabuyela ePhillipines. Ngajabula ukwazi ukuthi uNkulunkulu usekhethe abafowethu kanye nodadewethu abaningi. Kumanje, ngiphila impilo yebandla nokuhlanganyela ngezwi likaNkulunkulu nabafowethu kanye nodadewethu eBandleni likaNkulunkulu uSomandla. Siyasizana futhi sisekelane omunye nomunye futhi sisebenza kanzima ukushisekela iqiniso, sifune ushintsho esimweni sethu sempilo futhi sizuze insindiso. Sisebenza kanzima ukuletha ubufakazi ngomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina kubantu bezwe lakithi nabakwamanye amazwe. Sifuna bazi ukuthi iNkosi uJesu isibuyile futhi sifuna bazuze insindiso kaNkulunkulu yezinsuku zokugcina njengoba nathi sesikwenzile. Ngiyabonga Nkulunkulu Somandla! Manje, impilo yami ichichima kakhulu futhi inenjabulo zonke izinsuku. Sengizikhiphe kwaphela nje empilweni yokwehla nokufuna impilo ebizayo. UNkulunkulu uSomandla ongiholele kumgomo kanye nendlela yempilo yami. Ngizwa ukuthi ukuphila ngale ndlela kuyimpilo enenjongo!
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Isandulela
Nakuba abantu abaningi bekholelwa kuNkulunkulu, bambalwa abaqondayo ukuthi kusho ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu, nokuthi yini okumele bayenze ukuze babe senhliziyweni kaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi, nakuba abantu belijwayele igama elithi “Nkulunkulu” namabinzana athi “umsebenzi kaNkulunkulu,” abamazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyomsebenzi Wakhe. Yingakho ngingamangali uma bonke laba abangamazi uNkulunkulu benezinkolelo ezididayo. Abantu abakuthathi njengokubalulekile ukukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso ngoba ukukholelwa kuNkulunkulu akujwayelekile, kusha ngokuphelele kubo. Ngale ndlela, abakwazi ukuhlangabezana nezimfuno zikaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, uma abantu bengamazi uNkulunkulu, bengawazi umsebenzi Wakhe, abakulungele ukusetshenziswa uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokugcwalisa okufiswa uNkulunkulu. “Ukukholwa kuNkulunkulu” kusho ukukholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu; le yiyona ndlela elula yokuqonda ukukholwa kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona akufani nokukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso; kunalokho, kuwukholo olulula olukhomba ukuqina ngokwenkolo. Ukukholwa kweqiniso kuNkulunkulu kusho ukubona amazwi nemisebenzi kaNkulunkulu ngokukholwa ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto. Ngakho-ke uzokhululeka esimweni senkohlakalo, ugcwalise okufiswa nguNkulunkulu, ufinyelele ekumazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho kungathiwa ukholelwa kuNkulunkulu. Nokho abantu babona ukukholelwa kuNkulunkulu njengento elula nengenangqondo. Ukukholwa kwabantu abanjalo akunamsebenzi futhi uNkulunkulu ngeke akwamukele, ngoba bahamba endleleni okungeyona. Namuhla, kusekhona labo abakholelwa kuNkulunkulu ezincwadini, ezimfundisweni ezifile. Abazi ukuthi ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu akunasisindo, nokuthi abakwazi ukwamukelwa uNkulunkulu, nokuthi basathandazela ukuthula nomusa owanele bona ovela kuNkulunkulu. Kumele sime sizibuze ukuthi: Ingabe ngempela ukukholelwa kuNkulunkulu kuyinto elula emhlabeni? Ingabe ukukholelwa kuNkulunkulu akusho lutho ngaphandle kokuthola umusa kuNkulunkulu? Ingabe abantu abakholelwa kuNkulunkulu kube yibo abangamazi, nabakholelwa kuNkulunkulu kodwa bemphikisa, bangakugcwalisa okufiswa uNkulunkulu?
Akunakuthiwa uNkulunkulu nomuntu bayalingana. Ubuyena nomsebenzi Wakhe kungaphezulu kokuqonda kwabantu. Uma uNkulunkulu engawenzi Yena uqobo umsebenzi Wakhe akhulume amazwi Akhe emhlabeni wabantu, kusho ukuthi abantu ngeke bakwazi ukuyiqonda intando kaNkulunkulu, ngalokho-ke, nalabo abanikele impilo yabo yonke kuNkulunkulu ngeke bakwazi ukuzuza ukwamukelwa Nguye. Ngaphandle komsebenzi kaNkulunkulu, noma ngabe umuntu wenza kahle kanjani, ngeke kusho lutho lokho, ngoba imicabango kaNkulunkulu iyohlale ingaphezulu kwemicabango yomuntu, kanti nokuhlakanipha kukaNkulunkulu akuqondakali kumuntu. Ngalokho-ke ngithi labo “ababone ngale” kukaNkulunkulu nomsebenzi Wakhe abanamsebenzi, bayaqhosha futhi abanalwazi. Abantu akumele bachaze umsebenzi kaNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, abantu abakwazi ukuchaza umsebenzi kaNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, umuntu mncane ngisho kunentuthwane, ngakho umuntu angawuqonda kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? Labo abaphikelelayo bethi, “uNkulunkulu akasebenzi ngale ndlela noma ngaleya ndlela” noma “uNkulunkulu ufana nalokhu noma lokhuya”—ingabe bonke abaqhoshi? Sonke kumele sazi ukuthi abantu abayinyama, bonke uSathane ubenze bakhohlakala. Kungokwemvelo kubo ukuphikisana noNkulunkulu, futhi abalingani noNkulunkulu, ingasaphathwa eyokunikeza iseluleko ngomsebenzi kaNkulunkulu. Ukuthi uNkulunkulu umhola kanjani umuntu kungumsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu kumele bazithobe, futhi akumele babe nombono othile, ngoba umuntu uwuthuli. Njengoba sizama ukufuna uNkulunkulu ngeke sikwazi ukufaka ukuqonda kwethu emsebenzini kaNkulunkulu ukuze uNkulunkulu akubheke, kanjalo akumele sisebenzise isimo sethu esikhohlakele sizame ukuphikisa umsebenzi kaNkulunkulu ngenhloso. Ingabe lokho ngeke kusenze abaphikikrestu? Abantu abanjalo bangasho kanjani ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu? Njengoba sikholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, futhi njengoba sifisa ukumanelisa nokumbona, kumele sifune indlela yeqiniso, futhi sibheke indlela yokuvumelana noNkulunkulu. Akumele sibe ontamo-lukhuni siphikisane noNkulunkulu; yini enhle engavela ngokwenza kanjalo?
Namuhla, uNkulunkulu unomsebenzi omusha. Kungenzeka ungawamukeli la mazwi, angezwakala engavamisile kuwe, kodwa ngineluleka ukuba ningavezi ubunina bemvelo, ngoba yilabo abalambele nabomele ukulunga phambi kukaNkulunkulu abangathola iqiniso, futhi yilabo kuphela abazinikele ngeqiniso abangase bakhanyiselwe futhi baqondiswe uNkulunkulu. Akukho okuzovela ngokufuna iqiniso ngokuklwebhana. Imiphumela sizoyithola kuphela uma sifuna ngokuthula. Uma ngithi “Namuhla, uNkulunkulu unomsebenzi omusha,” ngibhekisele ekubuyeni kukaNkulunkulu enyameni. Mhlawumbe awunandaba nala mazwi, kungenzeka uyawazonda, noma unentshisekelo ngawo. Noma ngabe yikuphi, ngithemba ukuthi bonke laba abafisa ukuvela kukaNkulunkulu bangabhekana naleli qiniso balicabangisise. Kungcono ukungajahi ukufinyelela eziphethweni. Lena yindlela abantu abahlakaniphile okumele benze ngayo.
Ukufunda into enjengalena akunzima, kodwa kudinga ukuba sonke silazi leli qiniso: Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni[a] ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu. Indlela obukeka ngayo ngaphandle ayisho isiqu; ngaphezu kwalokho, umsebenzi kaNkulunkulu awukaze uhambisane nokuqonda komuntu. Ingabe ukubonakala kukaJesu ngaphandle akuzange kushayisane nokuqonda kwabantu? Ingabe ukubonakala Kwakhe kwangaphandle nendlela yokugqoka akuzange kuhluleke ukunika abantu izinkomba zokuthi ungubani Yena ngokweqiniso? Ingabe kwakungesona isizathu sokuthi abaFarisi bokuqala bamphikisa uJesu ngenxa yokuthi bebebuka ingaphandle Lakhe, bangawanaka amazwi ayewakhuluma? Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu bangakuphindi lokhu okwenzeke emlandweni. Akumele nibe ngabaFarisi besikhathi samanje niphinde nibethele uNkulunkulu esiphambanweni futhi. Kumele niyibhekisise indlela enizokwamukela ngayo uNkulunkulu lapho ebuya, nibe nomqondo ocacile ngokuthi ningaba kanjani ngabantu abathobela iqiniso. Lokhu kungumthwalo wawo wonke umuntu olinde ukubuya kukaJesu ngamafu. Kumele sicikice amehlo ethu kamoya, singabi yizisulu zamazwi angelona iqiniso. Kumele sicabange ngomsebenzi owenziwa uNkulunkulu, futhi sibheke uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu. Ningajabuli kakhulu noma nilibale ukuphupha emini, nibheke usuku uNkulunkulu uJesu azokwehla ngalo ngefu anithathe nina eningakaze nimazi noma nimbone, ningazi nokuthi niyenze kanjani intando Yakhe. Kungcono ukucabanga ngezinto ezizokwenzeka!
Kungenzeka ukuthi uvule le ncwadi ngoba ufuna ukucwaninga, noma ngenhloso yokwamukela; noma ngabe yikuphi, ngethemba ukuthi uzoyifunda uze ufike ekugcineni, futhi ngeke uyibeke eceleni kalula nje. Hleze ngemva kokufunda la mazwi, indlela obona ngayo izoguquka, kodwa lokhu kuncike ekutheni ukhuthazeke kangakanani, nokuthi uzibeka kalula kanjani izinto enhliziyweni. Kukhona into eyodwa kodwa okumele uyazi: Izwi likaNkulunkulu ngeke likhulunywe njengezwi lomuntu, kanjalo futhi izwi lomuntu ngeke likhulunywe njengezwi likaNkulunkulu. Umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu akayena uNkulunkulu osenyameni, kanti futhi uNkulunkulu osenyameni akayena umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu; kulokho, kukhona umehluko esiqwini. Mhlawumbe, ngemva kokufunda la mazwi, ngeke uwamukele njengamazwi kaNkulunkulu, kodwa uzowamukela kuphela njengamazwi omuntu okhanyiselwe. Uma kunjalo, ukungazi kukuvale amehlo. Amazwi kaNkulunkulu angafana kanjani namazwi omuntu okhanyiselwe? Amazwi kaNkulunkulu osenyameni aqala inkathi entsha, aqondisa bonke abantu, aveza izimfihlakalo, akhombise umuntu indlela eya enkathini entsha. Ukukhanyiseleka okutholwe ngumuntu kumane kungumsebenzi noma ulwazi olulula. Ngeke kukwazi ukuqondisa bonke abantu kubayise enkathini entsha noma kuveze izimfihlakalo zikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ekugcineni kwakho konke, uNkulunkulu nguNkulunkulu, kanti umuntu ngumuntu. UNkulunkulu unesiqu sikaNkulunkulu, kanti umuntu unesiqu somuntu. Uma umuntu ethatha amazwi akhulunywe nguNkulunkulu njengokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, bese ethatha amazwi akhulunywe ngabaphostoli nabaphrofethi njengamazwi akhulunywe nguNkulunkulu, uma kunjalo umuntu uyaphambuka. Ngale kwalokho, akumele wenze okulungile kube okungalungile, noma ukhulume ngento ephakeme njengento ephansi, noma ukhulume ngento ejulile njengento engajulile; ngale kwalokho, akumele uphike ngabomu lokhu okwaziyo ukuthi kuyiqiniso. Bonke abakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona kumele bayibheke le nkinga ngokubona kahle, futhi kumelwe bamukele umsebenzi Wakhe omusha namagama njengezidalwa zikaNkulunkulu—kungenjalo bazosuswa nguNkulunkulu.
Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova. Kwakungumsebenzi wenkathi entsha ngemva kokuba uNkulunkulu eqedile ngeNkathi Yomthetho. Ngokufanayo, ngemva kokuba uphelile umsebenzi kaJesu, uNkulunkulu waqhubeka nomsebenzi Wakhe weminyaka elandelayo, ngoba konke ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuqhubekela phambili. Lapho inkathi yakudala idlula, endaweni yayo kuzongena inkathi entsha, kuthi lapho usuphelile umsebenzi omdala, umsebenzi omusha uqhubeke nokuphatha kukaNkulunkulu. Lokhu kuba senyameni kukaNkulunkulu kungukuba senyameni kukaNkulunkulu kwesibili ngemva kokuqedwa komsebenzi kaJesu. Yebo, lokhu kuba senyameni akwenzeki ngokuzimela kodwa, kunalokho kuyisigaba sesithathu somsebenzi ngemva kweNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa. Isigaba ngasinye esisha somsebenzi kaNkulunkulu sihlala siletha ukuqala okusha nenkathi entsha. Ngakho-ke kanjalo kukhona ushintsho oluhambisanayo esimweni sikaNkulunkulu, endleleni Yakhe yokusebenza, endaweni yomsebenzi Wakhe, nasegameni Lakhe. Singama ngale ngokuthi kungani kunzima kumuntu ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu enkathini entsha. Ngale kokuthi uphikiswa kanjani abantu, uNkulunkulu uhlale enza umsebenzi Wakhe, futhi uhlale eqondisa bonke abantu ebayisa phambili. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.
Uma abantu begcina eNkathini Yomusa, kusho ukuthi ngeke bakhululeke esimweni sabo senkohlakalo, angiyiphathi eyokwazi isimo sikaNkulunkulu ngokwendalo Yakhe. Uma abantu benale nala yomusa kodwa bengenayo indlela yokuphila ebenza bazi uNkulunkulu futhi banelise uNkulunkulu, lokho kusho ukuthi ngeke bamzuze Yena yize bekholelwa Kuye. Lolo uhlobo lokukholwa oludabukisayo. Uma usuqedile ukufunda le ncwadi, uma usuzibonile zonke izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu osenyameni eNkathini Yombuso, uzozwa ukuthi amathemba eminyaka eminingi aseyabonakala. Uzozwa ukuthi kumanje kuphela lapho osubone khona uNkulunkulu ubuso nobuso; kumanje kuphela lapho ubheke khona ubuso bukaNkulunkulu, uzwe ukukhuluma kukaNkulunkulu, uthokozele ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, uzwe ngempela ukuthi unguNkulunkulu oyiqiniso futhi umninimandla onke. Nizozwa ukuthi senizuze izinto eziningi abantu benkathi edlule abangazange bakubona noma baba nakho. Ngalesi sikhathi, nizokwazi kahle ukuthi kuyini ukukholelwa kuNkulunkulu, nokuthi kuyini ukufuna inhliziyo kaNkulunkulu. Yebo, uma ninamathela emibonweni yakudala, nichithe noma niphike iqiniso likaNkulunkulu wenyama wesibili, kusho ukuthi nizosala ningenalutho ningatholanga lutho, ekugcineni nibe necala lokuphikisa uNkulunkulu. Labo abahlonipha iqiniso bazithobe emsebenzini kaNkulunkulu bazongena ngaphansi kwegama likaNkulunkulu osenyameni okwesibili–uSomandla. Bazokwazi ukwamukela ukuholwa nguNkulunkulu, futhi bazothola okuningi neqiniso eliphakeme bathole nokuphila okuyiqiniso kwabantu. Bazobona umbono abantu bakudala abangawubonanga: “Ngase ngiphenduka ngiqalaza leliphimbo elalikhuluma nami. Futhi lapho ngiphenduka, ngase ngibona izinduku zamakhandlela zegolide eziyisikhombisa; Futhi phakathi kwezinduku zamakhandlela ayisikhombisa kunofana neNdodana yomuntu, ombethe ingubo efinyelela ezinyaweni, futhi ebophe isifuba ngebhade legolide. Ikhanda lakhe nezinwele zakhe zimhlophe kuhle kukavolo, zimhlophe kuhle kweqhwa; namehlo akhe enjengelangabi lomlilo; Nezinyawo zakhe zinjengethusi elicolekile, engathi zibaswe esithandweni somlilo; nephimbo lakhe linjengomsindo wamanzi amaningi. Futhi ephethe ngakwesokudla izinkanyezi eziyisikhombisa: futhi emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili: nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla.” (IsAmbulo 1:12-16). Lo mbono ubonakalisa isimo esiphelele sikaNkulunkulu, kanti futhi umbono onjengalona wesimo Sakhe esiphelele ubonakalisa umsebenzi kaNkulunkulu uma eba yinyama ngalesi sikhathi. Ezikhukhuleni zokujezisa nokwahlulela, iNdodana yomuntu ibonakalisa isimo Sayo semvelo ngokukhuluma amazwi, ukuze bonke abemukela ukusola nokwahlulela Kwakhe babone ubuso beqiniso beNdodana yomuntu, ubuso obuyisibonakaliso esiyiqiniso sobuso beNdodana yomuntu obabonwa nguJohane. (Yebo, konke lokhu ngeke kubonakale kulabo abangawemukeli umsebenzi kaNkulunkulu eNkathini Yombuso.) Ubuso beqiniso bukaNkulunkulu ngeke buchazeke kahle ngamagama omuntu, ngakho-ke uNkulunkulu usebenzisa ukubonakalisa isimo Sakhe semvelo ukukhombisa abantu ubuso Bakhe beqiniso. Okungukuthi bonke labo ababone isimo semvelo seNdodana yomuntu babubonile ubuso beqiniso beNdodana yomuntu, ngoba uNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ngeke achazeke ngamagama abantu. Uma abantu sebesibonile isinyathelo ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu eNkathini Yombuso, bayobe sebeyazi incazelo eyiqiniso yamazwi uJohane awakhuluma eNdodaneni yomuntu phakathi kwezibani: “Ikhanda lakhe nezinwele zimhlophe kuhle kukavolo, zimhlophe kuhle kweqhwa; namehlo akhe enjengelangabi lomlilo; Nezinyawo zakhe zinjengethusi elicolekile, engathi zibaswe esithandweni somlilo; nephimbo lakhe linjengamanzi amaningi. Ephethe ngakwesokudla izinkanyesi eziyisikhombisa: futhi emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili: ubuso bakhe bunjengokukhanya okuphele kwelanga.” Ngaleso sikhathi, nizokwazi ngaphandle kokungabaza ukuthi le nyama ejwayelekile ekhulume amazwi amaningi kangaka ngempela inguNkulunkulu osenyameni okwesibili. Futhi nizokwazi ukuthi nibusiseke kangakanani, nizizwe ninenhlanhla enkulu. Ngeke nifise ukwamukela lesi sibusiso?
Ingxenye yokuqala yale ncwadi “ingamazwi kaKristu Ekuqaleni.” La mazwi amelela ukusuka ekugcineni kweNkathi Yomusa kuya ekuqaleni kweNkathi Yombuso, futhi awubufakazi obuNgcwele beNdodana yomuntu obuya emabandleni. Futhi angukugcwaliseka kwamazwi esAmbulo athi “Onezindlebe makezwe okushiwo uMoya emabandleni.” Lokhu kungumsebenzi uNkulunkulu awuqala eNkathini Yombuso. Ingxenye yesibili yale ncwadi ingamazwi iNdodana yomuntu eyawakhuluma ngokuqondile ngemva kokuzembula ngokusemthethweni. Abandakanya izinhlobo eziningi zokuqukethwe okucebile kwamazwi nokushiwo okunjengesiprofetho, isambulo sezimfihlakalo, nendlela yokuphila. Kukhona okubikezela ikusasa lombuso, izambulo zezimfihlakalo zohlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ukuhlukaniswa kwendalo yomuntu, iziyalo nezexwayiso, ukwehlulela okunzima, amazwi enduduzo asuka enhliziyweni, ukukhuluma ngempilo, ukukhuluma ngokungena, nokunye nokunye. Kafushane nje, lokhu uNkulunkulu anakho, lokhu ayikho, nesimo sikaNkulunkulu konke kubonakaliswa emsebenzini Wakhe nasemazwini Akhe. Yebo, uma uNkulunkulu eba yinyama manje, umsebenzi Wakhe ukubonakalisa isimo Sakhe, ikakhulu ngokusola nokwahlulela. Esebenzisa lokhu njengesisekelo, uletha iqiniso kubantu, akhombise ezinye izindlela zokwenza, ngalokhu bese efinyelela kulokhu akuphokophele kokunqoba abantu nokubasindisa esimweni sabo esonakele. Yilokhu okusemsebenzini kaNkulunkulu eNkathini Yombuso. Ingabe uyafisa ukungena enkathini entsha? Ingabe uyafisa ukususa isimo sokonakala esikuwe? Uyafisa ukuthola iqiniso eliphezulu? Uyafisa ukubona ubuso beqiniso beNdodana yomuntu? Uyafisa ukuphila impilo enenjongo? Uyafisa ukupheleliswa nguNkulunkulu? Pho, uzokwamukela kanjani ukubuya kukaJesu?
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “ngokwe-.”
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
UJobe Unqoba USathane Uphenduka Indoda Eqotho Emehlweni KaNkulunkulu
Ngivame ukuthi uNkulunkulu uhlola izinhliziyo zabantu, bese abantu bebona indlela abanye abayiyo ngaphandle. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ubona ngaphakathi ezinhliziyweni zabantu, uyasiqonda isiqu sabo, kuyilapho abantu bechaza isiqu sabantu ngokwalokho abakubona ngaphandle. Lapho uJobe evula umlomo futhi eqalekisa usuku azalwa ngalo, lesi senzo samangalisa zonke izidalwa zomoya, okubandakanya nabangani abathathu bakaJobe. Umuntu wavela kuNkulunkulu, futhi kufanele abonge ngokuphila nangenyama, kanye nosuku lokuzalwa, alunikwa uNkulunkulu, futhi akufanele aqalekise lezo zinto. Lokhu kuyaqondakala kubantu abaningi. Kuwo wonke umuntu olandela uNkulunkulu, lokhu kuqonda kungcwele, kuyiqiniso elingasoze lashintsha. Ngakolunye uhlangothi, uJobe wephula imithetho: Waqalekisa usuku azalwa ngalo. Lesi isenzo abantu abaningi abacabanga ukuthi siwukweqa imingcele. Akagcini nje ngokungafaneleki ukuqondwa nokuthola uzwelo lwabantu, akafaneleki nokuthethelelwa uNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, ngisho nabantu abaningi bayakungabaza ukulunga kukaJobe, ngoba kubonakala sengathi umusa kaNkulunkulu kuye, wenza uJobe wazazisa, wamenza waba nesibindi esamenza wangagcina ngokubonga uNkulunkulu ngokumbusisa nokumnakekela ekuphileni kwakhe, kodwa wafisa sengathi ngabe wafa ngosuku azalwa ngalo. Kungaba yini lena ngaphandle kokuphikisana noNkulunkulu? Imibono enjalo yenza abantu bamchithe uJobe, kodwa ubani ongazi lokho uJobe ayekucabanga ngempela ngaleso sikhathi? Ubani ongazi into eyenza uJobe wathatha isimo ngaleyo ndlela? UNkulunkulu kuphela kanye noJobe abayiqonda kahle indaba nezizathu ezisekelwe kuyo.
Lapho uSathane elula isandla sakhe ukuze onakalise amathambo kaJobe, uJobe waba namandla, wangafuna indlela yokuphunyuka noma amandla okumelana naye. Umzimba nomphefumulo wakhe kwezwa ubuhlungu obukhulu, futhi lobu buhlungu bamenza waqaphela ubuncane, ubuthaka, kanye nokuntula amandla ukuphila komuntu enyameni okunakho. Ngesikhathi esifanayo, waphinde wathola ukuqonda okukhulu ngokuthi kungani uNkulunkulu efuna ukunakekela isintu. Ezilingweni zikaSathane, uJobe waqaphela ukuthi umuntu, oyinyama negazi, akanamandla futhi ubuthaka. Lapho eguqa ngamadolo akhe futhi ethandaza kuNkulunkulu, wazizwa sengathi uNkulunkulu wayefihla ubuso Bakhe, ngoba uNkulunkulu wayesemshiyele ngokuphelele ezandleni zikaSathane. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu waphinde wamkhalela, waba nosizi ngenxa yakhe; uNkulunkulu wabuzwa ubuhlungu ayebuzwa…. UJobe wabuzwa ubuhlungu bukaNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu wayengakwazi ukubuthwala.… UJobe wayengasafuni ukuzwisa uNkulunkulu obunye ubuhlungu, futhi wayengasafuni uNkulunkulu amkhalele, ingasaphathwa eyokuthi kube nguyena ozwisa uNkulunkulu ubuhlungu. Ngaleso sikhathi, uJobe wayengasafuni ukuba umuntu wenyama, wayengasafuni ukuzwa ubuhlungu ayebulethelwa inyama yakhe, ngoba lokho kwakuyokwenza uNkulunkulu ayeke ukuhlushwa ukuzwa ubuhlungu bakhe—kodwa wayengeke, kwadingeka ukuthi angabekezeleli nje kuphela ubuhlungu benyama, kodwa nobuhlungu bokungafisi ukukhathaza uNkulunkulu. Lobu buhlungu obukabili—obenyama, nobomoya—benza uJobe wezwa izinhlungu ezinkulu, wabona izinto inyama engenakuzenza nendlela igazi elingamkhungathekisa ngayo umuntu. Ngaphansi kwalezi zimo, ukulangazelela kwakhe uNkulunkulu kwaba namandla, nenzondo yakhe ngoSathane yajula. Ngalesi sikhathi, uJobe wayefisa sengathi ngabe akazange azalwe ezweni labantu, nokubona uNkulunkulu ekhala izinyembezi futhi ezwa ubuhlungu ngenxa yakhe. Uqale ayizonde kakhulu inyama yakhe, aphelelwe amandla ngosuku lwakhe lokuzalwa nangakho konke okubandakanya yena. Akafisanga nokuthi kube nomunye ozalwa ngosuku olufana nolwakhe, ngakho wavula umlomo wakhe waqalekisa usuku azalwa ngalo: “Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo, nobusuku okwashiwo ngalo ukuthi, Kukhulelwe umntwana wesilisa. Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, nokukhanya kungakhanyi kulo.” (Jobe 3:3-4). Amazwi kaJobe aqukethe inzondo ayenayo ngaye, “Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo, nobusuku okwashiwo ngalo ukuthi, Kukhulelwe umntwana wesilisa,” kanye nendlela ayezisola ngokujulile ngayo ngokuzwisa uNkulunkulu ubuhlungu, “Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, nokukhanya kungakhanyi kulo.” La mavesi amabili aveza indlela uJobe ayezizwa ngayo ngempela ngaleso sikhathi, futhi akuveza obala ukulunga nobuqotho bakhe. Ngesikhathi esifanayo, njengoba nje uJobe ayefisa, ukholo nokulalela kwakhe uNkulunkulu, kanye nokwesaba kwakhe uNkulunkulu, kwakubaluleke kakhulu. Yiqiniso lokhu yikho kanye uNkulunkulu ayekulindele.
UJobe Unqoba USathane Uphenduka Indoda Eqotho Emehlweni KaNkulunkulu
Lapho uJobe edlula ezilingweni okokuqala, waphucwa yonke impahla yakhe kanye nezingane zakhe, kodwa akazange awe noma asho into eyisono kuNkulunkulu. Wazinqoba izilingo zikaSathane, wanqoba nomuzwa wokulahlekelwa impahla yakhe kanye nezingane zakhe, okusho ukuthi wakwazi ukulalela uNkulunkulu futhi wadumisa uNkulunkulu ngenxa yakho. Yiyona ndlela uJobe ayeziphatha ngayo phakathi nesilingo sokuqala sikaSathane, futhi yibona bufakazi obanikezwa uJobe ovivinyweni lokuqala lukaNkulunkulu. Ovivinyweni lwesibili, uSathane welula isandla sakhe ukuze alimaze uJobe, futhi nakuba uJobe ezwa ubuhlungu ayengakaze abuzwe, ubufakazi bakhe babanele ukushiya abantu bebambe ongezansi. Wasebenzisa isibindi, ukholo, nokulalela kwakhe uNkulunkulu, ukuze aphinde anqobe uSathane, futhi uNkulunkulu wakwamukela ukuziphatha kanye nobufakazi abunikeza. Phakathi nalesi silingo, uJobe wasebenzisa ukuziphatha kwakhe ukuze azise uSathane ukuthi ubuhlungu benyama babungeke bushintshe ukholo nokulalela kwakhe uNkulunkulu, noma bumenze angazinikeli noma esabe uNkulunkulu; wayengeke amphike uNkulunkulu noma ashiye ukulunga nobuqotho bakhe ngenxa yokwesaba ukufa. Ukuzimisela kukaJobe kwenza uSathane wangenwa amanzi emadolweni, ukholo lwakhe lwashiya uSathane ethuthumela futhi eqhaqhazela, amandla empi yakhe yokuphila nokufa noSathane enza uSathane waba nenzondo enkulu, ukulunga nobuqotho bakhe akumsizanga ngalutho uSathane, ngezinga lokuthi wayeka ukumhlasela nokumangalela uJobe phambi kukaNkulunkulu. Lokhu kwakusho ukuthi uJobe ulinqobile izwe, wayinqoba inyama kanye noSathane, futhi wakunqoba ukufa; wayengumuntu kaNkulunkulu ngokuphelele. Phakathi nalezi zilingo ezimbili, uJobe waqina ebufakazini bakhe, futhi waphila ngokulunga nobuqotho, waphila ngazo zonke izindlela ngomyalo wokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi. Ngemva kokudlula kulezi zilingo, uJobe waba nokuhlangenwe nakho okungeke kwatholakala ndawo, futhi kwamenza wavuthwa, kwamenza waba namandla, nokholo oluqinile, kwamenza wazethemba futhi waba qotho ngenxa yokuqina kwakhe. Ukuvivinya kukaJehova uNkulunkulu uJobe, kwenza uJobe wakuqonda ngokujulile ukukhathazeka kukaNkulunkulu ngomuntu, kwamenza wabona ukuba yigugu kothando lukaNkulunkulu, okuyilapho okwakhula khona uthando lwakhe ngoNkulunkulu ekwesabeni kwakhe uNkulunkulu. Uvivinyo lukaJehova uNkulunkulu alumhlukanisanga Yena noJobe, kodwa lwasondeza inhliziyo yakhe kuNkulunkulu. Lapho izinhlungu zenyama zikaJobe zifinyelela ekugcineni, ukubona uJehova uNkulunkulu ekhathazeka ngaye kwamenza waqalekisa usuku azalwa ngalo. Ukuziphatha okunjalo kwakungeyona into ehleliwe, kodwa ukwambulwa okungokwemvelo kothando ayenalo ngoNkulunkulu enhliziyweni yakhe, kwakuyisambulo esingokwemvelo esasibangelwa uthando lwakhe ngoNkulunkulu. Okusho ukuthi, ngenxa yokuthi uJobe wazizonda, wayengazimisele futhi wayengeke akwazi ukuhlukumeza uNkulunkulu, ngaleyo ndlela uthando lwakhe lwalungenabo ubugovu. Ngalesi sikhathi, kwakubalulekile kuJobe ukuba nobuhlobo obude nokulangazelela uNkulunkulu nokuzinikela kuNkulunkulu kuze kufike ezingeni lokucabangelana nothando. Ngesikhathi esifanayo, wayelubheka njengolubalulekile ukholo nokulalela kwakhe uNkulunkulu nokwesaba uNkulunkulu ngezinga lokumcabangela nokumthanda. Akazange avume ukwenza noma yini eyayingalimaza uNkulunkulu, akazange aziphathe ngendlela engalimaza uNkulunkulu, akavumanga ukwenza uNkulunkulu abe lusizi ngenxa yakhe, ngisho nokuthi angajabuli ngenxa yakhe. Emehlweni kaNkulunkulu, nakuba uJobe ayengakashintshi, ukholo lukaJobe, ukulalela kanye nokwesaba uNkulunkulu, kwenza uNkulunkulu wagculiseka futhi wajabula. Ngalesi sikhathi, uJobe wafinyelela ekulungeni uNkulunkulu ayefuna afinyelele kukho, waba indoda okufanele ngempela kuthiwe “ilungile futhi iqotho” emehlweni kaNkulunkulu. Izenzo zakhe ezilungile zamenza wanqoba uSathane futhi wafakaza ngoNkulunkulu. Ngakho izenzo zakhe ezilungile zamenza waphelela, zamenza wakwazisa ukuphila kwakhe, wadlondlobala nakakhulu, waba umuntu wokuqala owayengasahlaselwa futhi alingwe uSathane. Ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wamangalelwa futhi walingwa uSathane; ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wanikelwa kuSathane; futhi ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wamnqoba futhi wamehlula uSathane, wama waqinisa ebufakazini bakhe. Ngenxa yalokho, uJobe waba ngumuntu wokuqala owayengasoze anikelwa kuSathane, weza ngempela ngaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, waphila ekukhanyeni, ngaphansi kwezibusiso zikaNkulunkulu ngaphandle kokonakaliswa uSathane.… Waba indoda yeqiniso emehlweni kaNkulunkulu, wakhululwa.…
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
0 notes