#ukubuya kwesibili
Explore tagged Tumblr posts
Text
Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha
Ingabe uyafisa ukubona uJesu? Ingabe uyafisa ukuhlala noJesu? Ingabe uyafisa ukuzwa amazwi akhulunywe uJesu? Uma kunjalo, uyokwamukela kanjani ukubuya kukaJesu? Ingabe ukulungele ngokupheleleyo? Uyokwamukela ngayiphi indlela ukubuya kukaJesu? Ngicabanga ukuthi bonke abafowethu nodadewethu abalandela uJesu bangathanda ukwamukela uJesu kahle. Kodwa uke wacabanga lokhu: Ingabe uyomazi ngeqiniso uma esebuya? Ingabe uyoyiqonda yonke into ayishoyo? Ingabe uyowemukela wonke umsebenzi awenzayo ngaphandle kwemibandela? Bonke labo abalifundile iBhayibheli bayazi ngokubuya kukaJesu. Futhi bonke labo abafunde iBhayibheli ngokuzimisela balinde ukubuya Kwakhe. Nonke ninogqozi ngokufika kwalowo mzuzu, futhi ubuqotho benu buyancomeka, ukukholwa kwenu kuyafiseka ngempela, kodwa niyabona yini ukuthi nenze iphutha elikhulu? Uyobuya kanjani uJesu? Nikholwa ukuthi uJesu uyobuya ngefu elimhlophe, kodwa Ngiyanibuza: Lisho ukuthini leli fu elimhlophe? Bebaningi kangaka abalandeli bakaJesu abalindele ukubuya Kwakhe, uzokwehlela kubaphi abantu? Uma ningabokuqala uJesu ayokwehlela kubo, abanye ngeke yini babone lokhu njengokwenzelela okubi? Ngiyazi ukuthi ninobuqotho nokwethembeka okukhulu kuJesu, kodwa nake nahlangana noJesu? Ingabe niyasazi isimo Sakhe? Ingabe nake nahlala Naye? Nazi okungakanani Ngaye? Abanye bazothi la mazwi ababeka esimweni esibucayi. Bazothi, “Ngilifundile iBhayibheli kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni izikhathi eziningi. Kungenzeka kanjani ukuthi ngingamqondi uJesu? Ingasaphathwa eyesimo sikaJesu—Ngazi nezimpahla ayethanda Ukuzigqoka. Awungeyi yini uma uthi Angimqondi?” Ngibona kungcono ukuthi ningaphikisani nalezi zindaba; kungcono ukuba nehlise umoya bese nihlanganyela ngale mibuzo elandelayo: Okokuqala, niyazi ukuthi yini okuyiqiniso, futhi yini okucatshangwayo kuphela? Okwesibili, niyazi ukuthi yini umbono, futhi liyini iqiniso? Okwesithathu, niyazi ukuthi uyini umcabango, futhi kuyini okuyikho?
Abanye abantu baphika iqiniso lokuthi abamqondi uJesu. Nokho, ngithi animqondi nakancane, futhi aniqondi nezwi elilodwa likaJesu. Kungenxa yokuthi nimlandela ngenxa yokushiwo iBhayibheli, ngenxa yokwashiwo abanye. Anikaze nimbone uJesu, ingasaphathwa eyokuhlala Naye, futhi anikaze nibe Naye noma isikhashana esincane. Ngalokho kusho, ukuqonda kwenu uJesu akuve kuyilokho okucatshangwayo nje kuphela? Akuve yini kungenaqiniso? Kungenzeka ukuthi abanye abantu babone isithombe sikaJesu, noma abanye bake bavakashele ikhaya likaJesu mathupha. Kungenzeka, abanye bake bathinta izingubo zikaJesu. Nokho ukumqonda kwakho yilokhu okucatshangwayo futhi hhayi okungokoqobo, ngisho noma ubudle ukudla okudliwe uJesu mathupha. Noma kuthiwani-ke, awukaze umbone uJesu, futhi awukaze ube Naye enyameni, ngakho ukuqonda kwakho uJesu kuyohlala njalo kuyinto ecatshangwayo eyize futhi engenaqiniso. Mhlawumbe amazwi Ami awakuthokozisi, kodwa ngikubuza lokhu: nakuba ufunde izincwadi eziningi zombhali wakho omthandayo, ungamqonda yini ngokugcwele uma ungakaze uchithe isikhathi naye? Uyazi yini ukuthi sinjani isimilo sakhe? Uyazi yini ukuthi uphila impilo enjani? Uyayazi yini imizwa yakhe? Awukwazi ngisho ukuqonda ngokupheleleyo umuntu omthandayo, ngakho ungamqonda kanjani uJesu Kristu? Konke enikuqonda ngoJesu kugcwele imicabango nemibono, akunaqiniso futhi kuyinto engekho. Kuyanuka, kugcwele inyama. Kungenzeka kanjani ukuthi ukuqonda okunje kukwenze ufanele ukwamukela ukubuya kukaJesu? UJesu ngeke abamukele labo abagcwele izithombe ezisemqondweni kanye nemibono yenyama. Labo abangamqondi uJesu, bafanele kanjani ukuba ngamakholwa Akhe?
Niyafisa ukwazi umsuka wokuthi kungani abaFarisi babephikisana noJesu? Niyafisa ukwazi ubunjalo babaFarisi? Babegcwele imicabango ngoMesiya. Okungaphezulu, ukuthi babekholwa ukuthi uMesiya uyofika, kodwa abafunanga iqiniso lokuphila. Ngakho, nanamuhla, basalindele uMesiya, ngokuba abanalwazi ngendlela yokuphila, futhi abazi ukuthi iyiphi indlela yeqiniso. Kungenzeka kanjani, kusho nina, ukuthi abantu abayiziwula, abanenkani futhi abangazi njengalaba bazuze isibusiso sikaNkulunkulu? Babengambheka kanjani uMesiya? Baphikisana noJesu ngoba babengayazi indlela yomsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba babengayazi indlela yeqiniso eyakhulunywa uJesu, okunye futhi, ingoba babengamqondi uMesiya. Futhi njengoba babengakaze bambone uMesiya, futhi bengakaze bahlalisane noMesiya, benza iphutha lokuba nokuhlonipha igama likaMesiya okuyize kulapho bephikisana nobunjalo bukaMesiya nanoma ingayiphi indlela. Laba baFarisi ngobunjalo babo babenenkani, bezikhukhumeza, futhi bengalilaleli iqiniso. Umgomo wenkolo yabo kuNkulunkulu uthi: Noma intshumayelo Yakho inomqondo kangakanani, noma ngabe igunya Lakho liphezulu kangakanani, awusiye uKristu, ngaphandle uma ubizwa ngoMesiya. Ayive le mibono ingezwakali futhi ingenangqondo na? Ngiyabuza futhi: Akulula kakhulu na kinina ukuthi nenze amaphutha abaFarisi basekuqaleni, njengoba ningenakho nokuncane ukuqonda ngoJesu? Niyakwazi yini ukubona indlela yeqiniso? Ningaqinisekisa ukuthi ngeke nimelane noKristu? Niyakwazi yini ukulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele? Uma ungazi noma uyomphikisa yini uKristu, ngithi vele usuphila engcupheni yokufa. Labo ababengamazi uMesiya babekwazi ukuphikisana noJesu, noma bamdikile uJesu, noma bamhlebe. Bonke abantu abangamqondi uJesu bangakwazi ukumphika, futhi bamthuke. Ikakhulukazi, bangakwazi ukubona ukubuya kukaJesu njengenkohliso kaSathane, futhi abantu abaningi bazomehlulela uJesu obuyele enyameni. Akukusabisi yini konke lokhu? Lokhu oyobhekana nakho ukuhlambalaza uMoya oNgcwele, ukona amazwi kaMoya oNgcwele emabandleni, nokulahla konke okwabonakaliswa uJesu. Ungazuzani kuJesu uma udideke kangaka? Ningawuqonda kanjani umsebenzi kaJesu uma ebuya enyameni ngefu elimhlophe, uma ninqaba ngenkani ukubona amaphutha enu? Nginitshela lokhu: abantu abangalamukeli iqiniso, nokho, ngobumpumputhe balindele ukufika kukaJesu ngamafu amhlophe, ngokuqinisekileyo bayohlambalaza uMoya oNgcwele, futhi bayisigaba esiyobhujiswa. Nimane nifisa umusa kaJesu, futhi nimane nifuna ukuthokozela umkhathi wasezulwini onentokozo, kepha anikaze niwalalele amazwi akhulunywa uJesu, futhi anikaze nilamukele iqiniso elakhulunywa uJesu uma Ebuya enyameni. Yini oyoyiphakamisela ukubuya kukaJesu ngefu elimhlophe? Ubuqotho enenza ngabo izono niphindelela bese niyazivuma, njalo njalo? Yini oyoyenza ibe umnikelo kuJesu Kristu uma ebuya ngefu elimhlophe? Ingabe iminyaka yokusebenza eniziphakamisa ngayo? Yini oyoyiphakamisa ukuze uJesu osebuyile akwethembe? Ingabe imvelo yakho yokuzikhukhumeza, engalilaleli nanoma iliphi iqiniso?
Ukwethembeka kwenu kusemazwini kuphela, ulwazi lwenu ukuhlakanipha nokucabanga, imisebenzi yenu eyokuzuza izibusiso zasezulwini, ngakho, ukukholwa kwenu kungabe kunjani? Nanamuhla, nisavala izindlebe zenu kulona lonke izwi leqiniso. Anazi ukuthi uNkulunkulu uyini, anazi ukuthi uKristu uyini, anazi ukuthi niMhloniphe kanjani uJehova, anazi ukuthi ningene kanjani emsebenzini kaMoya oNgcwele. Anazi futhi ukwahlukanisa phakathi komsebenzi kaNkulunkulu uqobo kanye nokukhohlisa komuntu. Nazi kuphela ukwahlulela noma iliphi izwi leqiniso elikhulunywa uNkulunkulu elingahambisani nomcabango wenu. Kuphi ukuthobeka kwenu? Kuphi ukulalela kwenu? Kuphi ukwethembeka kwenu? Kuphi ukulangazelela kwenu ukufuna iqiniso? Kuphi ukumhlonipha uNkulunkulu? Ngiyanitshela, labo abakholwa kuNkulunkulu ngenxa yezibonakaliso, impela bayisigaba esiyozwa ukubhujiswa. Labo abangakwazi ukwamukela amazwi kaJesu osebuyile enyameni, impela bayinzalo yesihogo, isizukulwane sengelosi enkulu, isigaba esizoya ekubhujisweni okuphakade. Abantu abaningi kungenzeka bangakunaki engikushoyo, kodwa ngisafuna ukutshela bonke ababizwa ngabangcwele abalandela uJesu ukuthi, lapho nibona uJesu ehla ezulwini ngefu elimhlophe ngamehlo enu, lokhu kuyoba ukubonakala emphakathini kweLanga lokulunga. Kungenzeka, leso kuyoba isikhathi sokujabula kini, nokho kumele nazi ukuthi ngesikhathi nibona uJesu ehla ezulwini, kuyoba futhi isikhathi sokuthi niye phansi esihogweni niyojeziswa. Kuyoba sekuphela isikhathi sohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, futhi kuyoba isikhathi lapho uNkulunkulu eyovuza abahle bese ejezisa ababi. Ngokuba ukwahlulela kukaNkulunkulu kuyophela ngaphambi kokuba umuntu abone izibonakaliso, lapho kukhona ukuvezwa kweqiniso kuphela. Labo abemukela iqiniso, bengabheki izibonakaliso, futhi sebehlanziwe, bayobe sebebuyela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu futhi sebengene ekugonweni nguMdali. Labo kuphela abaphokophelela enkolweni ethi “uJesu ongagibeli efwini elimhlophe unguKristu wamanga” bayothola ukujeziswa okuphakade, ngokuba bakholwa kuphela kuJesu obonisa izibonakaliso, kodwa abamazisi uJesu omemezela ngokwahlulelwa okunzima bese ekhipha indlela yeqiniso yokuphila. Futhi kungaba kuphela ukuthi uJesu ubhekana nabo uma ebuya ngokusobala ngefu elimhlophe. Banenkani kakhulu, banokuzethemba kakhulu, futhi bayazikhukhumeza. Kungenzeka kanjani abantu abonakele kanje bavuzwe uJesu? Ukubuya kukaJesu kuyinsindiso enkulu kulabo abakwazi ukwamukela iqiniso, kodwa kulabo abangakwazi ukwamukela iqiniso, kuwuphawo lokwahlulelwa. Kumele nikhethe indlela yenu, ningahlambalazi uMoya oNgcwele futhi nenqabe iqiniso. Kumele ningabi abantu abangenalwazi futhi abakhukhumele, kodwa abantu abalalela ukuholwa uMoya oNgcwele, balangazelele futhi bafune iqiniso; ingalendlela kuphela lapho niyothola ukusizakala. Ngiyaniyala ukuthi nithathe indlela yokukholwa kuNkulunkulu ngokunakekela. Ningathathi izinqumo ngokushesha; Ngaphezu kwalokho, ningabi abantu abathatha kalula futhi abangenandaba ekukholweni kwenu kuNkulunkulu. Kumele nikwazi lokhu, okungenani, labo abakholwa kuNkulunkulu kumele bazithobe futhi bahloniphe. Labo abalizwile iqiniso nokho baziqhenya, bayiziwula futhi abanalwazi. Labo abalizwile iqiniso nokho ngokunganaki benza izinqumo ngokushesha noma balichitha bahlushwa ukuzikhukhumeza. Akekho okholwa uJesu ofanele ukuqalekisa noma ahlulele abanye. Kumele nonke nibe nengqondo futhi namukele iqiniso. Mhlawumbe, emva kokuba usuzwile ngendlela yeqiniso futhi wafunda ngezwi lokuphila, ukholwa ukuthi izwi elilodwa kwayizi-10,000 ahambisana nokukholwa kwakho neBhayibheli, ngakho kumele uqhubeke nokufuna kuleli zwi lezi-10,000 kulawa mazwi. Ngisaniluleka ukuba nizithobe, ningazethembi ngokweqile, ningaziphakamisi kakhulu. Ngezinhliziyo zenu eziphethe ukuhlonipha okuncane kakhulu kukaNkulunkulu, niyothola ukukhanya okukhulu. Uma niwahlola ngokuqaphela futhi niwacabange niphindelela la mazwi niyoqonda noma ayilo noma akalona yini iqiniso, noma ayikho noma akasikhona ukuphila. Mhlawumbe, emva kokufunda imisho embalwa, abanye abantu bazokwahlulela la mazwi ngobumpumputhe, bethi, “Lokhu akulutho kunokukhanyiselwa okuthile uMoya oNgcwele,” noma, “Lona uKristu wamanga ozokhohlisa abantu.” Labo abasho izinto ezinje, ababoni ngenxa yokungazi! Niqonda okuncane kakhulu ngomsebenzi nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, futhi ngiyaniyala ukuba niqale futhi ekuqaleni! Akufanele nahlulele ngobumpumputhe amazwi akhulunywa nguNkulunkulu ngenxa yokuvela koKristu bamanga ezinsukwini zokugcina, futhi ungabi umuntu ohlambalaza uMoya oNgcwele ngoba wesaba inkohliso. Ngeke lokho kube okudabukisayo okukhulu? Uma emuva kokuhlola okukhulu usakholwa ukuthi lawa mazwi akalona iqiniso, akayona indlela, akakhona ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, uyojeziswa ekugcineni, futhi ungabi nezibusiso. Uma ungenakho ukwemukela iqiniso elinje elikhulunywe ngokusobala nokucacile kakhulu, ngakho awufanelwe yini insindiso kaNkulunkulu? Awuyena umuntu ongenayo inhlanhla yokubuyela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu? Ake ukucabanga lokho! Ungagagameli futhi ube namawala, futhi ungakuthathi ukukholwa kuNkulunkulu njengomdlalo. Cabanga ngenxa yesiphetho sakho, ngenxa yamathemba akho, ngenxa yempilo yakho, futhi ungadlali ngawe. Ungawamukela la mazwi?
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Video
youtube
Zulu Gospel Song “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” | Ukubuka Okungakabonwa Okwengeziwe
Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?
Phakathi kwabantu, ngubani ophila ebuhlungwini futhi obekezelele izinkulungwane zeminyaka yokukhohlakala kukaSathane, ongalangazeleli—ongafisi—ukufika kukaNkulunkulu? Mangaki amakholwa nabalandeli baNkulunkulu kuyo yonke le minyaka, ngaphansi kwethonya likaSathane, ababekezelele ukuhlupheka nobunzima, ukushushiswa nokulahlwa? Ngubani ongenathemba lokuthi umbuso kaNkulunkulu uzofika masinyane? Emva kokuzwa injabulo nosizi lwesintu, ngubani esintwini ongalangezeleli ukuba iqiniso nokulunga kube yikho okunamandla phakathi kwabantu?
Lapho umbuso kaNkulunkulu ufika, usuku olulindwe ngabomvu yizo zonke izizwe nabantu luyofika ekugcineni! Ngaleso sikhathi, yikuphi okuyobonakala phakathi kwazo zonke izinto ezulwini nasemhlabeni? Iyoba yinhle kangakanani impilo embusweni? Ngencwadi ethi “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni,” imithandazo yeminyaka eyizinkulungwane izofezeka!
Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
#Amahubo#Iqembu Eliculayo#IBandla LikaNkulunkulu USomandla#Unyazi LwaseMpumalanga#Zulu Gospel Song#top south african gospel songs#South African Gospel Song
3 notes
·
View notes
Text
South African Christian Songs News 2018 “UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila”
youtube
Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu “UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila” I Akuyena wonke umuntu onendlela yokuphila; Akuyona into noma ubani angayithola kalula. Ngokuba ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Kusukela kudalwa umhlaba uNkulunkulu usenze umsebenzi omkhulu ohlanganisa amandla okuphila aletha ukuphila kumuntu; Ukhokhele umuntu inani eliphezulu ukuze azuze ukuphila. Ngokuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe ungukuphila okuphakade; Uyindlela yokuthi umuntu athole ukuvuswa.
II UNkulunkulu akakaze angabi khona enhliziyweni yomuntu, Uhlale ephila phakathi komuntu. Uyena ongamandla aqhuba ukuphila kwabo, nesisekelo sobukhona babo; Uyisibambiso esicebile umuntu angaphila ngaso. Wenza ukuba umuntu azalwe kabusha, enze ukuba baphile ngamandla ezindimeni zabo ezahlukene. UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Ngenxa yamandla Akhe namandla okuphila angahluleki, umuntu uphilile ezizukulwaneni nezizukulwane. Amandla okuphila kukaNkulunkulu alekelela umuntu ngokuphikelela; UNkulunkulu ukhokhe inani elingakaze likhokhwe muntu ophilayo. III Amandla empilo kaNkulunkulu ayachuma phezu kwawo wonke amandla; futhi adlula wonke amandla. Impilo Yakhe ingunaphakade, amandla Akhe awavamile. Asikho isidalwa noma isitha esinganqoba amandla Akhe, okukhona futhi okukhanya ukukhanya okugqamile nganoma isiphi isikhathi noma iyiphi indawo, nganoma isiphi isikhathi noma iyiphi indawo. UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Izulu, umhlaba kungaguquka kakhulu, impilo kaNkulunkulu yona ngeke; Zonke izinto azisekho, kodwa impilo kaNkulunkulu ilokhu ikhona, UNkulunkulu ungumsuka nempande yobukhona bazo zonke izinto, ngokuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe ungukuphila okuphakade. IV Ukuphila komuntu kuvela kuNkulunkulu, izulu likhona ngenxa kaNkulunkulu, nomhlaba ukhona ngenxa yamandla empilo kaNkulunkulu. Ayikho into equkethe amandla engadlula ubukhosi bukaNkulunkul, futhi ayikho into enobungqabavu engaphunyuka ebubanzini begunya likaNkulunkulu. UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila, UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila, nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo. Ngale ndlela, kungakhathaleki ukuthi si ngobani, isintu sonke asithobe, asithobe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu, siphile ngaphansi komyalo Wakhe. Akekho ongaphunyuka, akekho ongaphunyuka, ongaphunyuka ekulawuleni Kwakhe. Umthombo Izwi Livela Lisenyameni
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
#uNkulunkulu#Unyazi Lwasempumalanga#IBandla LikaNkulunkulu USomandla#uJesu#uKristu#UNkulunkulu uSomandla
0 notes
Text
2018 South Africa Best Gospel Music Video “Uthando Lwangempela LukaNkulunkulu”
youtube
Uthando Lwangempela LukaNkulunkulu
Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, ngibona ubuso Bakhe obuthandekayo. Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, sengishiye imuva lami lokuzula ngemuva. Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, ukuthokozela izwi Lakhe kungigcwalisa ngenjabulo. Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, inhliziyo yami inokuningi engakusho. Ngamazwi Akhe athambile anginiselayo futhi angondlayo ukuze ngikhule. Ngamazwi Akhe aqinile angikhuthaza ukuba ngiphinde ngime. Oh Nkulunkulu! Singakudumisa ngoba usiphakamisile! Singakuhlabelelela namuhla konke ngenxa yesibusiso nomusa Wakho.
Oh Nkulunkulu, ngempela usithanda kangaka! Usenza sijabulele amazwi Akho nsuku zonke! Oh Nkulunkulu, ngempela usithanda kangaka! Usikhanyisela nsuku zonke! Oh Nkulunkulu, ngempela usithanda kangaka! Unisela futhi wondle abantu Bakho. Usihola usisuse ethonyeni likaSathane. Bafowethu nodadewethu! Sheshani nivuke! Asidumise uNkulunkulu wethu! Asiyazise indlela asiqoqele ngayo lapha namuhla. Sikhululeke kuyo yonke imithwalo yenyama! Sidumise uNkulunkulu uSomandla ngokuzinikela! Sigcwalise umsebenzi wethu ngayo yonke inhliziyo namandla ethu, sikhombise uthando lwethu kuNkulunkulu ngezenzo. Siyokuthanda kuze kube phakade, Nkulunkulu wangempela onamandla onke!
kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
#iBandla likaNkulunkulu uSomandla#uKristu#uJesu#uNkulunkulu#Unyazi LwaseMpumalanga#UNkulunkulu uSomandla#Dumisani
0 notes
Text
UMLANDO WOKUHLUSHWA NGENXA YENKOLO ECHINA: NGUBANI UMENZI WOKUBI? (Iziqeshana)
youtube
Selokhu lathatha izintambo Ezweni laseShayina ngo-1949, iqembu iChinese Communist Party alikaze liyeke ukuhlupha abantu abakholwayo. Libophe futhi labulala amaKristu ngokuzimisela okukhulu, laxosha futhi lahlukumeza amamishinari asebenza eShayina, lashaqa futhi lashisa inqwaba yamakhophi eBhayibheli, lavala futhi lacekela phansi amasonto, futhi ngaphandle kwempumelelo lazama ukuqeda onke amandla akhonzela ezindlini. Le filimu ichaza izehlo zangempela kumaKristu aseShayina, uZhou Haijiang owaboshwa nguhulumeni we-CCP, wahlukunyezwa, futhi wafa ngenxa yokungaphathwa kahle ngenxa yokukholelwa kwakhe kuNkulunkulu nokwenza umsebenzi. Emva kokufa kukaZhou Haijiang, umndeni wakhe walandelwa, wasatshiswa, wathuswa yi-CCP. Abagcinanga nje ngokuthi bangakwazi ukuthola ubulungiswa ngokushonelwa, baphinda badidwa ukuhlukunyezwa yi-CCP.
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
0 notes
Link
Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe, nakanjani alisungulwanga umuntu. Namuhla, amazwi kaNkulunkulu uSomandla, amavidiyo evangeli,amahubo endumiso nokunye sekusabalele umhlaba wonke kwinethiwekhi. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile!
0 notes
Video
Thanda uNkulunkulu Ngenhliziyo Yami Yonke "Ngizothanda UNkulunkulu Kuze Kube Phakade" (Ividiyo Yomculo Esemthethweni)
Ngizothanda UNkulunkulu Kuze Kube Phakade
I O Nkulunkulu! Amazwi aKho angibuyisele Kuwe. Ngiyakwamukela ukuqeqeshwa embusweni waKho imini nobusuku. Ngokuvivinywa kaningi nangezinhlungu, ngezinsizi eziningi. Izikhathi eziningi ngichiphiza izinyembezi futhi ngizizwa ngihlabekile enhliziyweni, futhi izikhathi eziningi ngiye ngawela esicuphweni sikaSathane. Kodwa awukaze ungishiye. Uye wangihola ebunzimeni obuningi, wangigcina ezingozini eziningi. Manje ngiyazi ukuthi ungithandile.
II O Nkulunkulu! Ungiholele ekuphileni okusha. Ngijabulela amazwi aKho, ngiyiqondile intando Yakho. Amazwi aKho ayangahlulela futhi angijezise, futhi ahlanza ukonakala kwami. Ekuvivinyweni ngiye ngafunda ukulalela Wena. Ukukhula ezwini likaNkulunkulu, ngiye ngazi uNkulunkulu. Ngizimisele ukwenza umsebenzi wami ukuze ngifakaze futhi ngikukhazimulise. Ngizokuthanda ngaso sonke isikhathi. Kungakhathaliseki ukuthi ngiyabusiswa noma ngiyaqalekiswa, ngizokujabulela ukuba semuseni waKho. Ngizokunika uthando lweqiniso, futhi ngeke ngikulindise. Ngizokunika uthando olumsulwa, futhi ngicela ulujabulele uthando lwami. Ngizokunika lonke uthando lwami, futhi ngikwenze uluthole uthando lwami. Ngizokuthanda ngaso sonke isikhathi; ukukwanelisa kuyisifiso sami.
Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.
E-mail: [email protected] inombolo: +33-62-95-66-925
#Vimeo#thandaunkulunkulu#christianvideos#god#amahubo#umculowevangeli#iculolokukhonza#dumisaniinkosi#iculolamakristu#uthandokunkulunkulu#umthandazo
0 notes
Link
Iglesia de Dios Todopoderoso 🍄🌿🍄🌿🍄🌿🍄🌿 Ngilubonile Uthando LukaNkulunkulu Ngilubonile Uthando LukaNkulunkulu
Ngizwa izwi elijwayelekile lilokhu lingibiza. Ngaphaphama ukuze ngibone, ukuthi ubani lo okhulumayo. Izwi laKhe lipholile kodwa linohlonze, isithombe saKhe sihle! Uyahlushwa futhi ubekezelela ubuhlungu obukhulu, egonwa yisandla saKhe esinothando. Ngase ngiqaphela ukuthi uMninimandla onke engilwa naye. Ngazizonda, ngazisola kakhulu, ngicabanga ngalokho engikwenzile. Ngonakele kakhulu, ngingenamusa, manje sengiyalibona iqiniso. Ngesiqalo esisha, ngiphishekela ukuphila okusha, ngenza umsebenzi wami. Ngokwesimo, ukuncintisana noNkulunkulu, angilutho. UNkulunkulu usenguNkulunkulu, abantu bangabantu nje—anginalwazi. Ngiyisilima kakhulu futhi ngiqhosha kakhulu ukuba ngizazi ngokweqiniso. Ngangingenamahloni futhi ngihlazekile; inhliziyo yami igcwele ukuzisola. Ngiyazizonda, angazi ukuthi ngiphile kanjani. UDeveli ungibambe iminyaka eminingi, ngibe ngodelelekile.
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.
Youtube: https://www.youtube.com/channel/UCSTP... Facebook: https://www.facebook.com/EasternLight... Twitter: https://twitter.com/cagchurchzu Wordpress: https://ibandlalikankulunkuluumninima... Blogger: http://kingdomsalvationzu.blogspot.co... E-marll: [email protected]
0 notes
Text
EZwini LikaNkulunkulu USomandla, Ngithole Indlela Yami Yempilo
UNovo ePhillippines
Igama lami nginguNovo, ngingumFiliphi. Kusela ngisemncane, ngangikholwa uNkulunkulu nomama wami. Ngangiya enkonzweni nabafowethu nodadewethu siyolalela izintshumayelo. Nakuba ngangikholwa yiNkosi iminyaka eminingi, ngangizizwa sengathi angikholwa. Ngaphakathi enhliziyweni yami, usuku lonke, ngangiye ngicabange ukuthi ngingayihola kanjani imali eningi ngiphile impilo engcono. Ngaphezu kwalokho, ngangike ngiye kophuza nabangani. Uma ngike ngaba nemali eningi, ngiyohamba ngiye kogembula. Nakuba ngangazi ukuthi engikwenzayo kumbi ngangimane ngithandaze ngithi ngizoziyeka lezi zenzo zami ezimbi kodwa ngingakwenzi lokhu engikushoyo. Ngale ndlela, ngangilokhu ngiqhubeka ngehla. Ngangingathandazi ngeqiniso kuNkulunkulu. Isonto ngalinye, ngangimane nje ngithandaze imithandazo elula ngokungazimiseli. Kwesinye isikhathi, ngangizizwa nginexhala ngoba ngangazi ukuthi uma iNkosi ibuya, iyokwahlulela izenzo zawo wonke umuntu. Uyonquma ukuthi umuntu uya ezulwini noma uya esihogweni. Ngazizwa ngingowehlile nokuthi uNkulunkulu ngeke angithethelele. Emva kwesikhathi ngashadelwa ngaba nabantwana. Konke engangikucabanga kwakuwunkosikazi wami nabantwana bami. Uma ngicabanga ngokholo lwami ngangivele ngikuzibe nje emqondweni wami.Ukuze nginikeze abantwana bami ikusasa elingcono nokuthi ngikwazi ukuthi ngicebe, nganquma ukushiya izwe lami ngiyofuna umsebenzi. Ekugcineni, ngafika eTaiwan. Nakuba sengiwutholile umsebenzi angiyintshanga indlela yami endala yokuphila. Ngesikhathi sami sokuphumula, ngangiye ngiyophuza futhi sicule nozakwethu. Ngangiphila impilo yomuntu ongakholwa.
Ngonyaka wezi-2011, ngasebenza njengomshiseli embonini yaseTaiwan. Ngolunye usuku ngonyaka wezi-2012, omunye uzakwethu wangibuza ukuthi ngiwumKhatholika yini, ngavuma ngathi nginguye. Emva kwesikhashana wangimemela eMiseni ebandleni lakhe. Kwathi, ngelinye iSonto ekuseni, entathakusa, afike embonini ezosithatha asiyise emzini womunye umngani wakhe. Lapho, ngahlangana noMfowethu uJoseph. Wangibuza wathi, “Mfowethu, ukulindele yini ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu?” Ngaphendula ngathi ngikulindele. Waphinde wangibuza futhi, “Uyawazi umsebenzi iNkosi uJesu eyowenza mhla ibuya?” Ngaphendula ngathi, “Iyohlala esihlalweni sobukhosi esimhlophe, yahlulele isintu lonke, ihlukanise abantu ngamaqembu ehlukene. Emva kwesikhathi, uNkulunkulu uyonquma, kusekelwa ekuziphatheni nakwimisebenzi yomuntu ngamunye ukuthi umuntu uyoya ezulwini noma kwalasha.” UMfowethu uJoseph waqhubeka wangibuza wathi, “Ukuba besikutshela ukuthi iNkosi uJesu isivele isibuyile futhi yenza umsebenzi wokwahlulela, ubuzokholwa?” Ngamangala kakhulu uma ngimuzwa esho lokhu. Ngacabanga: Ngabe iNkosi uJesu isibuyile? Kungenzeka kanjani lokho? Ingangasehlulela kanjani thina uma kanti ibisivele isibuyile? Angikaze ngibone isahlulelo phambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi esimhlophe! Nokho, angizange ngimbuze le mibuzo ngokusobala ngoba ngangizwa ukuthi isahlulelo sikaNkulunkulu siyimfihlakalo nokuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kumuntu akunakulinganiswa. Imibono yami ingangaba ngelungile. Ngezwa kodwa sengathi ngingaqale ngilalele eyabo kuqala imibono. Kunalokho, ngaphendula ngathi, “Akuyona into lena okwamanje engingeke ngiyigcizelele. Qhubekani nikhulume.” Emva kwesikhashana, uMfowethu uJoseph kanye nabanye bangikhombisa iziqeshana eziningi eBhayibhelini ezikhuluma ngomsebenzi wokwahlulela ayowenza mhla ebuya. Mabili amavesi akuleli khethelo anje: “Lowo ongalayo mina, futhi angemukeli amazwi ami, unaye omehlulelayo: izwi engilikhulumile, lona lelo lizomehlulela ezinsukwini zokugcina” (Johane 12:48). “Isikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu sesifikile” (1 Petru 4:17). Emva kokubuka konke lokhu kuqagela, ngaphokophela ukugxila kulokhu odadewethu nabafowethu ababezokusho. Ngakholwa wukuthi lokho abase babelane ngakho nami kwakuyiqiniso ngoba iBhayibheli seliwuqophile umsebenzi kaNkulunkulu.
Emva kwesikhashana, uMfowethu uJoseph wafuna sifunde ezinye iziqeshana ezimbili ezisuselwe ezwini likaNkulunkulu uSomandla: “Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela.” “Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu” (“UKristu Wenza Umsebenzi Wamandla Ngeqiniso” Ezwini Elivela Lisenyameni).
Emva kokuba sengiqedile ukufunda izwi likaNkulunkulu uSomandla, baqhubeka nokukhuluma nami. Bangisiza ngiqonde ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyiqiniso elikhulu impelafuthi awukho ngamandla angaphezu kwawemvelo. Umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ngezinsuku zokugcina wawungesiyo indlela engangike ngiwucabange ngayo- uNkulunkulu uyokwendlala itafula elikhulu esibhakabhakeni bese ehlala esihlalweni sobukhosi esimhlophe. Wonke umuntu wama phambi kukaNkulunkulu njengokohlu lwezono, anqume ukuthi senze kahle noma kabi. Emva kwalokho, useyonquma ukuthi uya ezulwini noma uya kwalasha. Esikhundleni salokho, uNkulunkulu eqinisweni wathatha isimo somuntu ukuze akwazi ukuveza amazwi akhe nokwambula inkohlakalo nokungalaleli komuntu. Wahlulela izono zomuntu bese emsiza umuntu ukuthi aqonde ngenkohlakalo yemvelo yakhe. Emva kwalokho, abhubhise imvelo yethu yesono ngaphakathi bese eqeda lobu buhlungu obusemvelweni yethu bokuthi sone emini bese sizivuma ntambama. Uyasisiza ukuthi simqonde okwangempela ukuze sikwazi ukuzuza ukuhlanzwa kanye nensindiso. Ngale ndlela umuntu uzofaneleka ukuthi angene embusweni wasezulwini. Labo abangawuvumi umsebenzi wokwahlulela wezinsuku zokugcina, bangasishintshi nesimo sempilo yabo bayophonswa echibini lomlilo ekugcineni. Ngokwenza umsebenzi Wakhe wokwahlulela ngale ndlela, uNkulunkulu uvumelane nezidingo zangempela zomuntu. Ngacabanga ngami uqobo: Nakuba sengikholwe yiNkosi iminyaka eminingi, ngathandaza kaningi kuNkulunkulu, ngazivuma nezono zami, ngiqhubekile ngaphila impilo yokona. Ngagembula, ngaphuza, ngaqamba amanga futhi ngakhohlisa. Sonke isikhathi ngenze izono, ngazivuma ngabuye ngazenza futhi. Impilo yami ibigcwele ukuhlukumezeka. Ngokucacile, empeleni siyamdinga uNkulunkulu ukuthi azokwenza umsebenzi Wakhe wokwahlulela kanye nensindiso. IBhayibheli lithi: “Kanye nobungcwele, ngaphandle kwalokho akukho muntu oyokuyibona iNkosi” (KUMAHEB12:14). UNkulunkulu ungcwele. Uma umuntu engazihlanzi ezonweni zakhe, akafanelwe ukubona ubuso beNkosi. Ake sithi yiyona ndlela okumele sicabange ukuthi yiyo. UNkulunkulu ufika ngezinsuku zokugcina abeke isihlalo sobukhosi esimhlophe emoyeni ukuze ahlulele umuntu. Unquma ngokuqondile isiphetho somuntu. Uma lokhu kunjalo, umuntu uziyeka kanjani izono zakhe? Umuntu akakalahlwa futhi akakajeziswa? Kubukeka sengathi uNkulunkulu uSomandla, kungacishe kwenzeke uyiNkosi uJesu ebuyile. Kumele ngifune futhi ngiphenye ngokuzimisela. Akufanele ngidlulwe yithuba lokwamukela iNkosi.
Emva kwalokho banginika incwadi Izwi Livela Lisenyameni. Ngajabula kakhulu. Emva kokuba sengifikile endaweni lapho ngihlala khona, ngaqala ngafunda izwi likaNkulunkulu ubusuku bonke. Ngafunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla: “Imilomo yenu igcwele amazwi enkohliso nenzondo, ukukhaphela nenkani. Anikaze nikhulume amazwi obuqotho Kimi, noma amazwi angcwele, noma amazwi okulalela izwi Lami lapho nizwa izwi Lami. Ekugcineni, lunjani ukholo lwenu? Izinhliziyo zenu zigcwele izifiso nengcebo, nezingqondo zenu zinezinto zenyama. Nsuku zonke, nibala indlela eningathola ngayo okuthile kimi, nokuthi ungakanani umcebo nezinto zenyama enikuthole Kimi. Nsuku zonke, nilinda nokuthi izibusiso ezengeziwe zehlele kini ukuze nijabulele ngisho izinto eziningi ngisho nezinto, ezingcono, lezo ezijabulisayo. Akumina enimcabangayo ngaso sonke isikhathi, akulona iqiniso elivela Kimi, kodwa kunalokho nicabanga abayeni benu (omkenu), amadodana, amadodakazi, noma ukuthi nizodlani nigqokeni, nokuthi ningayandisa kanjani injabulo yenu futhi niyenze ibe ngcono. Ngisho nalapho ningagcwalisa izisu zenu, anibalulekile yini kakhudlwana kunezidumbu? Ngisho nalapho nihlobisa inyama yenu ibe nobukhazikhazi, anizona yini izidumbu ezihambayo ezingenampilo? Nisebenza kanzima ngenxa yezisu zenu nize nibe mpunga ekhanda, kodwa akekho noyedwa ozimisele ukudela unwele lwakhe olulodwa ngenxa yomsebenzi Wami. Nihlala nihamba njalo, nikhandle umzimba wenu, futhi nicindezele izingqondo zenu ngenxa yenyama yenu, nangenxa yamadodana namadodakazi enu, kodwa akekho okhathazeka ngentando Yami. Yini lokhu enisafisa ukuyizuza Kimi?” (“Baningi Ababiziweyo, Kepha Bayingcosana Abakhethiweyo” Ezwini Elivela Lisenyameni). Ngezwa izwi likaNkulunkulu lihlaba inhliziyo yami njengomcibisholo ocijile. La mazwi ambula isimo sempilo yami njengoba sinjalo. Achaza isigigaba soqobo sengaphakathi lenhliziyo yami. Ngangazi ukuthi uNkulunkulu kuphela ongahlola inhliziyo yomuntu futhi uNkulunkulu kuphela ongambula inkohlakalo yomuntu. Ngezwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu uSomandla ayilo impela izwi likaNkulunkulu. Ezwini likaNkulunkulu, ngaqonda ukuthi ukukholwa kwami kugcwele amanga nomona. Ngangivuma igama likaNkulunkulu kuphela kodwa inhliziyo yami ingenaye uNkulunkulu. Ngangizikhathaza kuphela ngomndeni wami, umsebenzi wami kanye nemibonoyami. Usuku ngalunye, ngangicabanga ngokuthi ngingayihola kanjani imali eningi nokuthi ngingawusiza kanjani um ndeni wami uphile impilo echichimayo. Nakuba ngangijwayele ukutshela uNkulunkulu ukuthi ngizomthanda, kodwa angikwenzanga engangithi ngizokwenza. Ngaqhubeka nokukhohlisa uNkulunkulu. Futhi, sonke lesi sikhathi, ngangiye ngithandaze ngicele ukuthi uNkulunkulu angibusise kakhulu nangaphezulu, ngoba ngangikholwa ukuthi uNkulunkulu kwaphakade uwuNkulunkulu wothando nokuthi uNkulunkulu ugcwele isihe ngomuntu, nokuthi nakuba ngonile, uNkulunkulu uzongithethelela zonke izono zami, abe nesihe kimi futhi angibusise. Nokho, emva kokufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, ngaqonda ukuthi akekho umuntu ovumelekile ukuthi ahlambalaze isimo sokulungakwemvelo kaNkulunkulu. Inhliziyo yami yaqala yamhlononipha kakhulu uNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu okwahlulela nokusola abangela ukuthi ngizizwe nginokuzisola kakhulu ngezolo lami. Ngadabuka kakhulu ngakhal embhedeni wami. Kwakungokokuqala, ngikhala nginomunyu ngithandaza kuNkulunkulu ngaphenduka, “Nkulunkulu, ngicela ungithethelele ngenxa yezono zami. Ngimelanile Nawe ngayo yonke indlela. Wena ngikukhohlisile. Angifanele wukucela Wena ukuba ube nami. Kufanele ngijeziswe. Nkulunkulu, ngiyabonga ngokunginika ithuba lokuthi ngiphenduke futhi ngisindiswe. Kusukela manje, ngizozama ngakho konke ukufuna iqiniso. Ngizokuthanda ngenhliziyo eqinisileyo….” Emva kokuthandaza, ngazitshela ukuthi ngidinga isahlulelo sikaNkulunkulu khona ngizoshintsha impilo yami eyayisibanjwe ekwenzeni isono ngibuye ngisivume. Kwafuneka ukuthi ngilifunde izwi likaNkulunkulu uSomandla ngizindle ngalo njalo khona ngizokwazi kangcono ngeqiniso ngibe namandla okufulathela inyama yami ngenze iqiniso nokwanelisa intando kaNkulunkulu.
Kusukela lapho, ngase ngiphatha incwadi Izwi Livela Lisenyameni emsebenzini. Ngesikhathi sami sekhefu ngangifunda izwi likaNkulunkulu. Ezwini likaNkulunkulu uSomandla, ngabona ukuthi imicabango nokuziphatha kwami kwakunenkohlakalo futhi kwakuvukela kanjani. UNkulunkulu uSomandla uthi: “Kufanele uthandaze, kancane kancane, ngokuhambisana nesimo sakho sangempela kanye nalokho okuzokwenziwa nguMoya oNgcwele, futhi kufanele uxoxisane noNkulunkulu njengokwentando kaNkulunkulu nezimfuno zaKhe kumuntu. Uma uqala ukuzejwayeza ukuthandaza, qala ngokunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Ungazami ukubamba intando kaNkulunkulu; zama kuphela ukukhuluma amazwi angaphakathi enhliziyweni yakho uwatshele uNkulunkulu. Lapho uza phambi kukaNkulunkulu, khuluma kanje: ‘Awu Nkulunkulu! Ngibona namhlanje ukuthi angikulalelanga Wena. Ngimubi futhi ngiyenyanyeka ngempela. Ngaphambilini, bengichitha isikhathi sami; kusukela namhlanje ngizokuphilela, ngizophila impilo enenhloso, ngenelise intando yaKho. Ngifuna ukuba uMoya waKho usebenze njalo ngaphakathi kimina, futhi uhlale njalo ungikhanyisa futhi ungikhanyisela, ukuze ngibe nobufakazi obunamandla phambi kwaKho, ngivumele uSathane abone udumo lwaKho, ubufakazi baKho, kanye nobufakazi bokunqoba kwaKho ngaphakathi kithina.’ Uma ukhuleka ngale ndlela, inhliziyo yakho izokhululwa ngokuphelele, uma usukhuleke ngale ndlela, inhliziyo yakho izoba seduze noNkulunkulu…” (“Mayelana Nenqubo Yokuthandaza” Ezwini Elivela Lisenyameni). Ezwini likaNkulunkulu, nganginendlela okwakumele ngiyilandele ukulungisa isimo sami sokukhohlakala. Ngaqala ukukhuleka kuNkulunkulu kusuka ekujuleni kwenhliziyo yami ngesimo sokuzithoba. Ngalolu hlobo lomkhuleko, ngangizizwa njalo ukuthi uNkulunkulu useyangiqondisa. Ngaphakathi ngase nginokukholwa kanye namandla. Angisaphili impilo yokwenza izono futhi sengiphendukile kuzona. Esikhundleni salokho, ngaphila ngobuqotho ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Manje ngifuna ukuziphatha ngokwezwi likaNkulunkulu. Imibono yami nayo yashintsha. Ngiphila ngokujabula kakhulu kunaphambilini. Amazwi kaNkulunkulu uSomandla asenginike umgomo okuyiwo ngempilo yami. Angisahlukumezi umqondo wami ngokufuna ukuphila impilo yokunethezeka njengoba bengenza kudala. Angisafuni ukufuna ukudlula abanye abantu. Esikhundleni salokho, ngilandela iqiniso ukuze ngigqashule kusimo sami senkohlakalo ngifumane ukuhlanzwa kanye nensindiso. Ngifuna futhi ukulalela amazwi kaNkulnkulu ezintweni zonke, ngifeze umsebenzi wami njengesidalwa ukuze ngikhokhele uNkulunkulu ngothando lwakhe.
NgoNtulikazi ngonyaka wezi-2014, ngabuyela ePhillipines. Ngajabula ukwazi ukuthi uNkulunkulu usekhethe abafowethu kanye nodadewethu abaningi. Kumanje, ngiphila impilo yebandla nokuhlanganyela ngezwi likaNkulunkulu nabafowethu kanye nodadewethu eBandleni likaNkulunkulu uSomandla. Siyasizana futhi sisekelane omunye nomunye futhi sisebenza kanzima ukushisekela iqiniso, sifune ushintsho esimweni sethu sempilo futhi sizuze insindiso. Sisebenza kanzima ukuletha ubufakazi ngomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina kubantu bezwe lakithi nabakwamanye amazwe. Sifuna bazi ukuthi iNkosi uJesu isibuyile futhi sifuna bazuze insindiso kaNkulunkulu yezinsuku zokugcina njengoba nathi sesikwenzile. Ngiyabonga Nkulunkulu Somandla! Manje, impilo yami ichichima kakhulu futhi inenjabulo zonke izinsuku. Sengizikhiphe kwaphela nje empilweni yokwehla nokufuna impilo ebizayo. UNkulunkulu uSomandla ongiholele kumgomo kanye nendlela yempilo yami. Ngizwa ukuthi ukuphila ngale ndlela kuyimpilo enenjongo!
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Best South African Gospel Songs 2018 “Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo”
youtube
“Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu I UMoya kaNkulunkulu uphethe igunya phezu kwayo yonke into. Inyama Yakhe nengqikithi Yakhe, amandla kusafana. UNkulunkulu osenyameni usengenza imisebenzi Yakhe eminingi okufanele ayenze. Wenza nje intando kaYise. Futhi uNkulunkuku unguMoya, angasindisa sonke isintu, futhi angenza njalo noNkulunkulu osenyameni. UNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe.
II Kuyinto engafanele neze iphushwe noma ifezwe yinoma yimuphi umuntu. UNkulunkulu ukhona, uyigunya, kodwa inyama Yakhe ingalithobela. Lokhu kuyincazelo yangempela yokuthi “uKristu ulalela intando kaBaba.” Futhi uNkulunkuku unguMoya, angasindisa sonke isintu, futhi angenza njalo noNkulunkulu osenyameni. UNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe. III
UNkulunkulu ngeke awuphazamise umsebenzi Wakhe, noma aphikisane nawo. Umsebenzi kaMoya nowenyama iyefana. Igcwalisa intando efanayo nomsebenzi ofanayo. Phezu kwezici ezehlukene, izingqikithi zayo ziyefana. Kokubili kunengqikithi nomfanekiso kaNkulunkulu. Futhi uNkulunkuku unguMoya, angasindisa sonke isintu, futhi angenza njalo noNkulunkulu osenyameni. UNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe. Futhi uNkulunkuku unguMoya, angasindisa sonke isintu, futhi angenza njalo noNkulunkulu osenyameni. UNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe. Kwethi Izwi Livela Lisenyameni Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
#IBandla likaNkulunkulu uSomandla#insindiso#Amahubo#UNkulunkulu uSomandla#unyazi lwasempumalanga#uJesu#uKristu
1 note
·
View note
Text
“Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” | Ubufakazi Bamandla KaNkulunkulu
youtube
Ngaso sonke isikhathi endaweni yonke, zonke izinto ezisemkhathini zihamba ngokunembile phakathi kwemizila yazo. Ngaphansi kwamazulu, izintaba, imifula, namachibi konke kunemingcele yakho, futhi zonke izidalwa ziphila futhi zizalane kuzo zonke izinkathi zonyaka ezine ngokuvumelana nemithetho yokuphila…. Lokhu konke kuklanywe ngokumangalisayo—ingabe ukhona Onamandla obusa futhi ahlele konke lokhu? Selokhu safika sikhala kulo mhlaba saqala ukufuna ukudlala izindima ezahlukene ekuphileni. Sisuka ekuzalweni siye ekugugeni siye ekuguleni siye ekufeni, sihamba phakathi kwenjabulo nosizi… Sibuya kuphi ngempela isintu, futhi sizoya kuphi ngempela? Ubani obusa isimiselo sethu? Kusukela ezikhathini zasendulo kuze kube sezikhathini zanamuhla, izizwe ezinkulu zivelile, amakhosi afikile futhi edlula, kanti amazwe nabantu bachumile futhi bashabalala emagagasini omlando…. Njengomthetho wemvelo, ukuthuthuka kwemithetho yesintu kuqukethe izimfihlakalo ezingapheli. Ingabe ungathanda ukwazi izimpendulo zazo? Idokhumentari ethi Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke izokuqondisa ukuba uthole umsuka walokhu, ukuba yembule zonke lezi zimfihlakalo!
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
1 note
·
View note
Video
youtube
Zulu gospel worship song - "Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli"
Emuva kwamakhulu eminyaka yokubanjwa ngumthetho, ama-Israyeli ekugcineni abhekana nengozi yokulahlwa nokubulawa ngumthetho ngenxa yeziphambeko zawo. Akhala ngokuphuthumayo kuNkulunkulu, owawanika isethembiso—esasizoguqula isiphetho nokuphila kwawo. Pho sasiyini ngempela lesi sethembiso? Impendulo yambulwa kulesi siqephu sebhayisikobho yobuKristu esimangalisayo esithi, Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli.
Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
Ungase Uthande Nalezi: Top south african gospel songs
0 notes
Text
4. Yini imvelo yenkinga yomuntu engakwazi ukubaluleka kwegama likaNkulunkulu hhayi ukwamukela igama elisha LikaNkulunkulu?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Esikhathini ngasinye, uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omusha, futhi esikhathini ngasinye, kuzoba nesiqalo esisha kubantu. Uma umuntu elandela iqiniso lokuthi “uJehova nguNkulunkulu” futhi “uJesu nguKristu,” okungamaqiniso asebenza kuphela enkathini eyodwa, umuntu-ke akasoze ahambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi uyohlala engakwazi ukuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Noma ngabe uNkulunkulu usebenza kanjani, umuntu ulandela ngaphandle kokungabaza, futhi ulandela eduze. Ngale ndlela, umuntu ubengasuswa kanjani uMoya ONgcwele? Noma ngabe wenzani uNkulunkulu, inqobo uma umuntu enesiqiniseko sokuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi ehambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele ngaphandle kokunqikaza, futhi ezama ukuhlangabezana nezidingo zikaNkulunkulu, pho angajeziswa kanjani? Umsebenzi kaNkulunkulu awukaze ume, izinyathelo zakhe azikaze zime, futhi ngaphambi kokuqeda umsebenzi Wakhe wokuphatha, ubelokhu ematasa, futhi akami. Kodwa umuntu wehlukile: Njengoba ethole ingxenyana yomsebenzi kaMoya oNgcwele, uwuphatha sengathi awusoze waguquka; esethole ulwazi oluncane, akaqhubekeli phambili ukuze alandele ezinyathelweni zomsebenzi kaNkulunkulu omusha; esebone ingxenyana yomsebenzi kaNkulunkulu, ubheka uNkulunkulu ngokushesha njengesithombe esibazwe ngokhuni, futhi ukholwa ukuthi uNkulunkulu uyohlala eyilesi simo asibona phambi kwakhe, ukuthi sasinje kudala futhi siyoba njalo nangesikhathi esizayo; esethole ulwazi olungatheni, umuntu uziqhenya kangangoba uyazikhohlwa futhi aqale ukumemezela ngesimo nobukhona bukaNkulunkulu okungekho nhlobo; futhi ebambelele esigabeni esisodwa sikaMoya oNgcwele, noma ngabe wuhlobo luni lomuntu olumemezela umsebenzi omusha kaNkulunkulu, umuntu akawamukeli. Laba ngabantu abangeke bakwazi ukwamukela umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele; futhi balukhuni; futhi abakwazi ukwamukela izinto ezintsha. Abantu balolo hlobo bakholwa kuNkulunkulu kodwa abamamukeli uNkulunkulu. Umuntu ukholwa ukuthi ama-Israyeli ayenephutha “ngokukholwa kuJehova bese engakholwa kuJesu,” kodwa abantu abaningi babamba iqhaza kulokhu “ukukholwa kuJehova bachithe uJesu” futhi “balangazela ukubuya kukaMesiya, kodwa baphikisa uMesiya obizwa ngokuthi uJesu.” Akumangazi-ke ukuthi abantu basaphila ngaphansi kukaSathane emuva kokwamukela isigaba esisodwa somsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi abakazitholi izibusiso zikaNkulunkulu. Lokhu akudalwa ukuhlubuka komuntu?… Noma “bethembeke ngokweqile” amazwini akhulunywe uNkulunkulu, amazwi abo nezenzo kusabonakala kunyanyisa kakhulu ngoba kuphikisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi benza inkohliso nobubi. Labo abangalandeli kuze kube sekugcineni, abasilelayo emsebenzini kaMoya oNgcwele, futhi ababambelela emsebenzini omdala abahlulekanga nje ukugcwalisa ukwethembeka kuNkulunkulu kuphela, kodwa, baphenduke labo abaphikisana noNkulunkulu, baba yilabo abachitha isikhathi esisha, futhi abazojeziswa. Ngabe bakhona abadabukisa ngaphezu kwabo?
kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma umuntu elokhu engibiza ngoJesu Kristu, kodwa engazi ukuthi ngiqale inkathi entsha phakathi nezinsuku zokugcina futhi ngiphikelele emsebenzini omusha futhi uma umuntu elindele ngokweqile ukufika kukaJesu uMsindisi, abantu abanjalo ngiyobabiza njengalabo abangazange bakholelwe Kimi. Bangabantu abangangazi, futhi ukukholwa kwabo Kimi kuwubuzenzisi. Ingabe abantu abanjalo bangakubona ukufika kukaJesu uMsindisi evela ezulwini? Abakulindele akukhona ukufika Kwami, kodwa ukufika kweNkosi yamaJuda. Abakulangazelele ukubhubhisa Kwami lo mhlaba omdala, kunalokho balindele ukufika kukaJesu kwesibili, lapho beyohlengwa khona; balangazelele ukufika kukaJesu ezophinde akhulule bonke abantu kuleli zwe elinzima nelingalungile. Abantu abanjalo bangaba kanjani abaqeda umsebenzi Wami phakathi nezinsuku zokugcina? Izifiso zomuntu azikwazi ukumenza athole izifiso Zami noma afeze umsebenzi Wami, ngoba umuntu umane nje wazisa umsebenzi engiwenzile esikhathini esedlule, futhi akaqondi nakancane ukuthi nginguNkulunkulu Uqobo ohlezi emusha nongagugi. Umuntu wazi kuphela ukuthi nginguJehova, noJesu, akanako nokuncane ukusola kokuthi ngingowokugcina, Lowo oyoletha isintu ekugcineni. Konke abantu abakulangazelelayo nabakwaziyo kumane kuyimicabango yabo, futhi kumane kuyilokho abangakubona ngamehlo abo. Akuyeli nakuyela emsebenzini engiwenzayo, akuhambisani nawo.
kwesithi “Umsindisi Usebuyile “Esefwini Elimhlophe”” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma nisebenzisa imibono ukuze nilinganise futhi nichaze uNkulunkulu, sengathi uNkulunkulu uyisithombe sobumba esingaguquki, futhi uma uchaza uNkulunkulu ngokweBhayibheli, umqoqele emkhawulweni omncane womsebenzi, lokhu kuwubufakazi bokuthi uyamphika uNkulunkulu. Ngoba ezinhliziyweni zawo, amaJuda angenkathi zeTestamente Elidala enza uNkulunkulu waba yisithombe esibunjiwe, sengathi uNkulunkulu angase abizwe ngokuthi unguMesiya kuphela, futhi yilowo owayebizwa ngoMesiya kuphela owayenguNkulunkulu, ngoba babekhonza futhi bekhuleka kuNkulunkulu sengathi ungumfanekiso wobumba (olungaphili), babethela uJesu wangaleso sikhathi esiphambanweni, bemgwebela ekufeni—bebulala uJesu ongenacala. UNkulunkulu akenze cala, kodwa abantu abamyekanga, ngokungangabazi bamgwebela ukufa. Ngale ndlela uJesu wabethelwa. Abantu bahlale bekholwa ukuthi uNkulunkulu akaguquki, futhi bamchaza ngokweBhayibheli, sengathi abantu bake bakubona ukuphatha kukaNkulunkulu, sengathi konke okwenziwa uNkulunkulu kusesandleni somuntu. Abantu bayiziwula ngezinga elikhulu, bazithwele ngendlela engachazeki futhi bahamba phambili ngokukhuluma into engaqondakali. Kungakhathaleki ukuthi unolwazi olukhulu kangakanani ngoNkulunkulu, ngisasho ukuthi awumazi uNkulunkulu, akekho ophikisana kakhulu noNkulunkulu ukwedlula wena, futhi uphika uNkulunkulu, ngoba awunakukwazi ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu nokuhamba endleleni evumela ukuba upheleliswe uNkulunkulu. Kungani uNkulunkulu engeneliseki ngokwenziwa abantu? Ngoba abantu abamazi uNkulunkulu, ngoba banemibono eminingi, futhi kunokuba bavumelane neqiniso konke abakwaziyo ngoNkulunkulu kusikwe endwangwini efanayo, kuqinile futhi akuguquguquki. Ngakho, njengoba uNkulunkulu eze emhlabeni namuhla, abantu baphinde bambethela esiphambanweni.
kwesithi “Ababi Kumele Bajeziswe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Niyafisa ukwazi umsuka wokuthi kungani abaFarisi babephikisana noJesu? Niyafisa ukwazi ubunjalo babaFarisi? Babegcwele imicabango ngoMesiya. Okungaphezulu, ukuthi babekholwa ukuthi uMesiya uyofika, kodwa abafunanga iqiniso lokuphila. Ngakho, nanamuhla, basalindele uMesiya, ngokuba abanalwazi ngendlela yokuphila, futhi abazi ukuthi iyiphi indlela yeqiniso. Kungenzeka kanjani, kusho wena, ukuthi abantu abayiziwula, abanenkani futhi abangazi njengalaba bazuze isibusiso sikaNkulunkulu? Babengambheka kanjani uMesiya? Baphikisana noJesu ngoba babengayazi indlela yomsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba babengayazi indlela yeqiniso eyakhulunywa uJesu, okunye futhi, ingoba babengamqondi uMesiya. Futhi njengoba babengakaze bambone uMesiya, futhi bengakaze bahlalisane noMesiya, benza iphutha lokuba nokuhlonipha igama likaMesiya okuyize kulapho bephikisana nobunjalo bukaMesiya nanoma ingayiphi indlela. Laba baFarisi ngobunjalo babo babenenkani, bezikhukhumeza, futhi bengalilaleli iqiniso. Umgomo wenkolo yabo kuNkulunkulu uthi: Noma intshumayelo Yakho inomqondo kangakanani, noma ngabe igunya Lakho liphezulu kangakanani, awusiye uKristu, ngaphandle uma ubizwa ngoMesiya. Ayive le mibono ingezwakali futhi ingenangqondo na? Ngiyabuza futhi: Akulula kakhulu na kinina ukuthi nenze amaphutha abaFarisi basekuqaleni, njengoba ningenakho nokuncane ukuqonda ngoJesu? Niyakwazi yini ukubona indlela yeqiniso? Ningaqinisekisa ukuthi ngeke nimelane noKristu? Niyakwazi yini ukulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele? Uma ungazi noma uyomphikisa yini uKristu, ngithi vele usuphila engcupheni yokufa. Labo ababengamazi uMesiya babekwazi ukuphikisana noJesu, noma bamdikile uJesu, noma bamhlebe. Bonke abantu abangamqondi uJesu bangakwazi ukumphika, futhi bamthuke. Ikakhulukazi, bangakwazi ukubona ukubuya kukaJesu njengenkohliso kaSathane, futhi abantu abaningi bazomehlulela uJesu uma ebuyela enyameni. Akukusabisi yini konke lokhu? Lokhu oyobhekana nakho ukuhlambalaza uMoya oNgcwele, ukona amazwi kaMoya oNgcwele emabandleni, nokulahla konke okwabonakaliswa uJesu. Ungazuzani kuJesu uma udideke kangaka? Ningawuqonda kanjani umsebenzi kaJesu uma ebuya enyameni ngefu elimhlophe, uma ninqaba ngenkani ukubona amaphutha enu? Nginitshela lokhu: abantu abangalamukeli iqiniso, nokho, ngobumpumputhe balindele ukufika kukaJesu ngamafu amhlophe, ngokuqinisekileyo bayohlambalaza uMoya oNgcwele, futhi bayisizwe esiyobhujiswa. Nimane nifisa umusa kaJesu, futhi nimane nifuna ukuthokozela umkhathi wasezulwini onentokozo, kepha anikaze niwalalele amazwi akhulunywa uJesu, futhi anikaze nilamukele iqiniso elakhulunywa uJesu uma Ebuya enyameni. Yini oyoyiphakamisela ukubuya kukaJesu ngefu elimhlophe? Ubuqotho enenza ngabo izono niphindelela bese niyazivuma, njalo njalo? Yini oyoyenza ibe umnikelo kuJesu Kristu uma ebuya ngefu elimhlophe? Ingabe iminyaka yokusebenza eniziphakamisa ngayo? Yini oyoyiphakamisa ukuze uJesu osebuyile akwethembe? Ingabe imvelo yakho yokuzikhukhumeza, engalilaleli nanoma iliphi iqiniso?
kwesithi “Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
0 notes
Video
youtube
Gospel Choir “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni”Ukubuka Kungakabonwa: Ukungenisa Nge-Tap Dance
Gospel Choir “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni”Ukubuka Kungakabonwa: Ukungenisa Nge-Tap Dance Umbukiso omangazayo we-tap dance wokwamukela umbuso! Inkathi entsha egujwa yibo bonke isifikile ekugcineni! Umculo wekhwaya enkulu yamaKristu, “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni,” uyeza masinyane! Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.
Funda Okwengeziwe:top south african gospel songs
#Izwi likaNkulunkulu#zulu gospel song#South African Gospel Song#top south african gospel songs#South African Christian Music
0 notes
Text
1. UNkulunkulu usesimweni somuntu eShayina ngezinsuku zokugcina; yini isisekelo salokhu eBhayibhelini kanye nasemazwini kaNkulunkulu?
1. UNkulunkulu usesimweni somuntu eShayina ngezinsuku zokugcina; yini isisekelo salokhu eBhayibhelini kanye nasemazwini kaNkulunkulu?
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga ngisho nasekushoneni kwalo igama lami liyoba likhulu phakathikwaBezizwe”(UMalaki 1:11).
“Njengoba nje umbani uvela empumalanga, futhi ukhanya ngisho nasentshonalanga; kuyoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu” (Math 24:27).
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Ezindaweni eziningi, uNkulunkulu waprofetha ngokuzuza iqembu labanqobi ezweni laseSinimi. Abanqobi bazuzwa eMpumalanga yezwe, ngakho ukuba sesimweni somuntu kwesibili kukaNkulunkulu akungatshazwa ukuthi kusezweni laseSinimi, lapho udrago omkhulu abomvu azithukuse khona. UNkulunkulu uyozuza inzalo kadrako omkhulu obomvu ukuze linqotshwe lonke futhi lihlaziswe.
kwesithi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Iziprofetho zathi igama likaJehova liyoba likhulu ezizweni Zabezizwe—kungani babengasho lokhu? Uma uNkulunkulu kwabe kunguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, wayezobe esebenza kwa-Israyeli kuphela. Ngaphezu kwalokho, wayengeke awandise umsebenzi Wakhe, futhi wayengeke asenze lesi siprofetho. Njengoba enza lesi siprofetho, wayezodinga ukwandisa umsebenzi Wakhe ezizweni Zabezizwe nasezizweni nezindawo zonke. Njengoba washo lokhu, wayezokwenza njalo. Lokhu uhlelo Lwakhe, ngoba uyiNkosi eyadala amazulu nomhlaba nezinto zonke, futhi unguNkulunkulu wakho konke okudaliwe. Akunandaba ukuthi usebenza nama-Israyeli noma eJudiya yonke, umsebenzi awenzayo ngumsebenzi womhlaba jikelele nomsebenzi wesintu sonke. Umsebenzi awenzayo namhlanje esizweni sadrago omkhulu obomvu—esizweni Sabezizwe—kusewumsebenzi wesintu sonke. U-Israyeli angaba isisekelo somsebenzi Wakhe emhlabeni; ngokunjalo iShayina ingaba isisekelo somsebenzi Wakhe phakathi kwezizwe Zabezizwe. Akazange manje asigcwalise isiprofetho esithi “igama likaJehova liyoba likhulu ezizweni Zabezizwe”?
kwesithi “UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu uthathe isimo sesintu esizweni Sabezizwe sadrago omkhulu obomvu; usewenzile umsebenzi kaNkulunkulu njengoNkulunkulu wokudaliwe; usewuqedile wonke umsebenzi Wakhe wokuphatha, futhi uzoqeda ingxenye ephakathi nendawo yomsebenzi Wakhe esizweni sadrago omkhulu obomvu.
kwesithi “UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Kuyoba kuphela lapho ngidlula emhlabeni ngiya ezulwini nasemhlabeni omusha okulapho ngiyokwembula khona enye ingxenye yenkazimulo Yami okokuqala ezweni lase Khanani, ngivumele inhlansi yokukhanya ikhanye emhlabeni wonke ozobe uphonswe ebusuku obumnyama bhuqe, ukuze umhlaba wonke uzokuza ekukhanyeni. Abantu emhlabeni wonke mabeze bazothatha amandla okukhanya, bevumela inkazimulo Yami ukuba ikhule ivele kabusha kuzo zonke izizwe. Abantu bonke mabazi ukuthi kade ngafika emhlabeni wabantu, futhi kade ngayiletha inkazimulo Yami ivela kwa-Israyeli iya eMpumalanga; ngoba inkazimulo Yami ikhanya isuka eMpumalanga, lapho yalethwa khona ngeNkathi yoMusa kuze kube manje. Kodwa ngasukela kwa-Israyeli ngaya eMpumalanga. Kungenkathi ukukhanya kwaseMpumalanga kuphenduka kancane kancane kuba mhlophe kuphela lapho ubumnyama emhlabeni wonke buzoguquka bube ukukhanya, kulapho kuphela abantu bazothola khona ukuthi kade ngahamba kwa-Israyeli sengiphakama kabusha eMpumalanga. Ngenxa yokuthi ngake ngehlela kwa-Israyeli kwathi emva kwesikhathi ngahamba, ngeke ngisaphinde ngizalelwe kwa-Israyeli, ngoba umsebenzi Wami uhola wonke umhlaba, futhi, okungaphezu kwalokho, umbani ushaya ukusuka eMpumalanga kuye eNtshonalanga. Ngalesi sizathu ngehlele eMpumalanga ngaletha iKhanani kubantu baseMpumalanga. Ngifisa ukuletha bonke abantu basemhlabeni ezweni laseKhanani, yikho ngiqhubeka ngikhuluma ngezwi Lami ezweni laseKhanani ukuze ngilawule umhlaba wonke jikelele. Kulesi sikhathi, akukho kukhanya emhlabeni wonke ngaphandle kwaseKhanani, futhi bonke abantu basengozini yendlala namakhaza. Nginikeze abakwa-Israyeli inkazimulo Yami ngase ngiyisusa, ngaletha abakwa-Israyeli eMpumalanga, futhi ngaletha bonke abantu eMpumalanga. Bonke ngibaholele ekukhanyeni ukuze baphinde babumbane babe nobudlelwano nakho, bangabe besadinga nokukufuna. Ngiyovumela bonke abafunayo ukuthi bakubone futhi ukukhanya babone nenkazimulo ebenginayo kwa-Israyeli; ngizokwenza babone ukuthi kudala ngehlela emhlabeni ngefu elimhlophe phakathi kwesintu, babone amafu amhlophe angenakubaleka kanye nezixheke zezithelo, futhi phezu kwalokho, babone uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Ngizokwenza ukuthi babone iNkosi yamaJuda, uMesiya abakade bemlangazelela, kanye nokuvela Kwami ngokuphelele engikade ngangihlushwa amakhosi iminyaka. Ngizosebenza kuwo wonke umhlaba futhi ngiyokwenza umsebenzi omkhulu, ngembule yonke inkazimulo Yami nayo yonke imisebenzi Yami kubantu ezinsukwini zokugcina. Ngizoveza ubuso Bami obukhazimulayo ekugcwaleni kwabo kulabo abebengilindile iminyaka eminingi, kulabo abebelangazelela ukuthi ngize ngefu elimhlophe, ku-Israyeli olangazelela befisa ukuthi ngivele futhi, nakubo bonke abantu abangihluphayo, ukuze bonke bazi ukuthi kade ngayithatha inkazimulo Yami ngayiletha eMpumalanga. Ayikho eJudiya, ngoba izinsuku zokugcina sezifikile!
Emhlabeni jikelele ngenza umsebenzi Wami, futhi eMpumalanga, ukuhlokoma okusazulu akupheli, kunyakazisa wonke amahlelo nezinkolo. Yizwi Lami elilethe bonke abantu esikhathini samanje. Ngizokwenza bonke abantu banqotshwe yizwi Lami, bawele kulo mfudlana bese bezinikela phambi Kwami, ngoba kade ngayibuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke ngayisa kabusha eMpumalanga. Ubani ongafisi ukubona inkazimulo Yami? Ubani ongalindile ngexhala ukubuya Kwami? Ubani ongakomele ukuvela Kwami futhi? Ubani ongabufuni ubuhle Bami? Ubani ongeke eze ekukhanyeni? Ubani ongeke akubone ukunotha kweKhanani? Ubani ongakufisi ukubuya koMhlengi? Ubani ongamthandi uSomandla Omkhulu? Izwi Lami lizosabalala emhlabeni wonke; ngifisa, ngibheke kubantu Bami abakhethiwe, ukukhuluma amazwi amaningana kubona. Njengamazulu anamandla anyakazisa izintaba nemifula; ngikhuluma emhlabeni jikelele nasesintwini. Yingakho amazwi asemlonyeni wami esebe yigugu kubantu, futhi bonke abantu bayawazisa amazwi ami. Umbani uphazima usuka ngaseMpumalanga uze ufinyelele eNtshonalanga. Amazwi Ami angendlela yokuthi umuntu akafuni ukuwayeka futhi khona lapho uwathola engaqondakali, kodwa phezu kwalokho, uyawathokozela. Njengosana oluzelwe, bonke abantu bayajabula bathokoze, bebungaza ukuza Kwami. Ngezwi Lami, ngizoletha bonke abantu phambi Kwami. Emva kwalokho, ngizongena ngokomthetho ohlangeni lwabantu ukuze bazongidumisa. Ngenkazimulo engiyikhiphayo namazwi asemlonyeni wami ngizokwenza ukuthi bonke abantu beze phambi Kwami bese beyabona ukuthi umbani uphazima usuka eMpumalanga, nokuthi sengehlele “eNtabeni yemiNqumo” yaseMpumalanga. Bazobona ukuthi kade ngaba semhlabeni, hhayi njengeNdodana yamaJuda kodwa njengoMbani waseMpumalanga. Ngoba kade ngavuswa ekufeni, ngasuka phakathi kwesintu, ngabuye ngavela futhi kubantu ngenkazimulo. NgiNguye lowo owayekhonzwa endulo, futhi ngingumntwana owalahlwa ngama-Israyeli endulo. Phezu kwalokho, nginguNkulunkulu uSomandla mabeze phambi kwesihlalo Sami sobukhosi bazobona ubuso Bami obukhazimulayo, bezwe izwi Lami, babuke nemisebenzi Yami. Lokhu kungukuphelela kwentando Yami; kungukuphela novuthondaba lohlelo Lwami, kanye nenhloso yokuphatha Kwami. Izizwe zonke mazingidumise, zonke izilimi zingivume, bonke abantu bangethembe, bonke abantu babe ngaphansi Kwami!
kwesithi “Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa – Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Funda Okwengeziwe: iziprofetho zeBhayibheli
0 notes
Text
Okuqondene Nabo Bonke Abenza Umsebenzi Wabo
Okuqondene Nabo Bonke Abenza Umsebenzi Wabo
Esimweni samanje, wonke umuntu omthanda ngeqiniso uNkulunkulu unethuba lokulungiswa NguYe. Akusho lutho ukuthi basemusha noma bamdala, inqobo uma ezinhliziyweni zabo belalela uNkulunkulu futhi bemhlonipha, yeNa uzokwazi ukubalungisa. UNkulunkulu uphelelisa abantu ngokwemisebenzi yabo ehlukahlukene. Inqobo uma usebenzise amandla akho wonke futhi wazithoba emsebenzini kaNkulunkulu uzokwazi ukupheleliswa nguYe. Njengamanje akekho noyedwa phakathi kwenu olungile. Ngesinye isikhathi ukwazi ukwenza uhlobo olulodwa lomsebenzi futhi ngesinye isikhathi ukwazi ukwenza emibili; ngakho inqobo uma unikela wonke amandla akho kuNkulunkulu futhi uzikhandla ngenxa yaKhe, uNkulunkulu uyogcina ekuphelelisile.
Abantu abasebasha bannamafilosofi empilo ezimbalwa, futhi bantula ukuhlakanipha nokuqonda. UNkulunkulu ukhona ukuze aphelelise ukuhlakanipha nokuqonda komuntu, futhi iZwi likaNkulunkulu ligcwalisela izinto abantu abashoda ngazo. Nokho, izimo zabantu abasebasha azizinzile futhi lokhu kudinga ukuguqulwa uNkulunkulu. Abantu abasebasha banokuqonda okulinganiselwe ngezenkolo namafilosofi empilo ambalwa. Bacabanga ngendlela elula, futhi abakucabangayo akulukhuni. Lesi yisici lapho isimo sabo sobuntu singabi yilokho okumele sibe yikho. Yisici esifiselekayo, kodwa abantu abasebasha abanaki futhi bantula ukuhlakanipha. Lesi yisici okudingeka sipheleliswe uNkulunkulu, ukuze ukhule ekuqondeni futhi uziqonde ngokucacile izinto eziningi ezingokomoya , futhi kancane kancane uphenduke ube umuntu olungele ukusetshenziswa uNkulunkulu. Abafowethu nodadewethu abadala nabo bayakwazi ukwenza eminye yemisebenzi futhi uNkulunkulu akabalahlile. Abafowethu nodadewethu abadala nabo banezici ezithile ezifiselekayo nezici ezingafiseleki. Abafowethu nodadewethu abadala banamafilosofi empilo amaningi, baziqonda kakhulu ezenkolo, izenzo zabo zibambeke ohlakeni oluqinile, balandela futhi basebenzise imithetho njengokungathi bangamarobhothi. Abakwazi ukuvumelana nezimo, kunalokho baqinile. Lesi akusona isici esifiselekayo. Nokho, abafowethu nodadewethu abadala bazolile futhi abaxhamazeli lapho bebhekene nokuthile; bazinzile. Abalali bephenduka, kodwa bayaphikelela. Bavele bamukele izinto kancane kancane, kodwa lokhu akuwona umonakalo omkhulu. Inqobo uma nikwazi ukuzithoba futhi namukele amazwi angempela kaNkulunkulu, uma ningangabazi ngokuzithoba futhi nilandela, uma ningahluleli nhlobo noma ningenayo imicabango emibi, uma namukela amazwi aKhe, niwasebenzisa, futhi uma ningalwenzi ucwaningo ngamazwi kaNkulunkulu futhi nizithoba—uma nanelisa yonke le migomo—nizokwazi ukupheleliswa.
Noma ungumuntu omusha noma ungumfowethu noma udadewethu omdala, uyawazi umsebenzi okumele uwenze. Labo abasebasha abazikhukhumezi; labo ababadala abahlali nje bangenzi lutho futhi abagugi. Futhi bakwazi ukusebenzisa amandla omunye nomunye ukuze bahlangabezane nezimo ababuthaka kuzo, futhi bakwazi ukusebenzelana ngaphandle kokucwasana. Kwakhiwa ibhuloho lobungani phakathi kwabafowethu nodadewethu abadala. Ngenxa yothando lukaNkulunkulu nikwazi ukuzwana kangcono. Abafowethu nodadewethu abasebasha abababukeli phansi abafowethu nodadewethu abadala, futhi abafowethu nodadewethu abadala nabo ababona abantu abazidlayo. Akusikho ukusebenzisana ngokuzwana lokhu? Uma nonke nixazulula izinto ngale ndlela, nakanjani intando kaNkulunkulu izofezeka esizukulwaneni senu.
Esikhathini esizayo, ukuthi uzobusiswa noma uzoqalisekiswa kuyonqunywa yizenzo zakho zanamuhla. Uma uNkulunkulu ezokuphelelisa lokho kuzokwenzeka manje kulesi sikhathi; alizukuba khona elinye ithuba esikhathini esizayo. Njengamanje, uNkulunkulu ufuna ukukuphelelisa ngempela, futhi lokhu akakwenzi ngoba egcina icala. Esikhathini esizayo, noma ungabhekana nanoma yisiphi isilingo, noma kungenzekani, noma ungehlelwa yinoma yiziphi izibhicongo, uNkulunkulu ufuna ukukuphelelisa—lokhu kuyiqiniso elimile futhi elingangabazeki. Lokhu kungabonakala kuphi? Ekutheni izwi likaNkulunkulu alikaze lifinyelele amazinga amakhulu njengawanamuhla kuyo yonke le minyaka nezizukulwane—selingene isigabeni esiphakemi kakhulu, futhi umsebenzi kaMoya Oyingcwele ophakathi kwabantu namuhla uyaqala ukuba khona. Cishe akekho umuntu ezizukulwaneni ezedlule owake wezwa lokhu. Nangesikhathi sikaJesu zazingekho izambulo ezinjengezanamuhla; kufinyelelwe amazinga aphakeme kakhulu ngamazwi akhulunywe kuwe, izinto oziqondayo, nezinto obhekana nazo. Awusuki nakuba ubhekene nezilingo nokusolwa, futhi lokhu kwanele ukufakazela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu sowufinyelele ebuhleni obuqalayo ukuba khona. Lokhu akuyona into umuntu akwazi ukuyenza futhi akuyona into umuntu akwazi ukuyigcina, kodwa ngumsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Ngakho, ngokwamaqiniso amaningi ngomsebenzi kaNkulunkulu kungabonakala ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuphelelisa umuntu, futhi nakanjani uyakwazi ukukuphelelisa. Uma ukwazi ukukubona lokhu, uma ukwazi ukuba nalokhu okusha okutholakele, awuzukukulinda ukubuya kwesibili kukaJesu kodwa kunalokho, uzovumela uNkulunkulu ukuthi akuphelelise enkathini yamanje. Ngakho, kumele umuntu ngamunye enze konke okusemandleni futhi angashiyi lutho ukuze apheleliswe uNkulunkulu.
Kulezi zinsuku kumele ungazinaki izinto ezingakhi. Kumele uqale ukubekele eceleni futhi ungakugqizi qakala konke okukwenza uphatheke kabi. Lapho usingatha izinkinga zakho kumele uhlale unenhliziyo yokufuna nokuphumputha, futhi kumele uhlale unenhliziyo elalela uNkulunkulu. Njalo lapho uthola ukuba ubuthaka obuthile ngaphakathi kuwe, kodwa awulawulwa futhi wenza umsebenzi okumele uwenze, lokhu kuyisinyathelo esihle esibheke phambili. Ngokwesibonelo: Abafowethu nodadewethu abadala banokuqonda okungokwenkolo, kodwa ukwazi ukuthandaza, futhi uyakwazi ukuzithoba, udle uphinde uphuze izwi likaNkulunkulu, ucule namahubo…. Ezwini, noma ngabe yini okwazi ukuyenza, noma ngabe yimuphi umsebenzi okwazi ukuwenza, konke kwenze, ngawo wonke amandla akho. Ungalindi ube usonge izandla. Ukukwazi ukwenza umsebenzi wakho ngendlela eyanelisa uNkulunkulu kuyisigaba sokuqala. Kuzothi lapho sewukwazi ukuqonda iqiniso futhi usungene eqinisweni lezwi likaNkulunkulu, uzokwazi ukupheleliswa nguNkulunkulu.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
#IBandla LikaNkulunkulu USomandla#umusa kaNkulunkulu#Amazwi KaNkulunkulu#Iqiniso#ukwazi uNkulunkulu#Unyazi LwaseMpumalanga#ivangeli#Ubufakazi
0 notes