Tumgik
#Isivikelo
kimludcom · 4 months
Video
youtube
Kelly Khumalo - Isivikelo ft. Mbuso Khoza
0 notes
aadhyathmikakendra · 1 year
Video
youtube
S9058-343 - Aadhyathmik Isivikelo Raksha Kavach Mixed Metal Pendant Remo...
0 notes
Video
youtube
African Gospel Song 2018 "Ukusola Nokwahlulela KukaNkulunkulu Kungukukhanya Kwensindiso Yomuntu"
I
Ukuze uhlanzwe ekuphileni kwakho, ukuze uguqulwe isimo,
uphile impilo enenhloso, ufeze umsebenzi wakho njengesidalwa,
kufanele wamukele ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu,
akufanele uvumele ukuqondisa nokushaya kukaNkulunkulu ukuba kusuke kuwe, ukuze uzikhulule ekusetshenzisweni nguSathane,
Kufanele uvumele uNkulunkulu akushaye futhi abhekane nawe.
ukuze ukhululeke ethonyeni likaSathane,
emandleni akubambela embusweni wakhe,
futhi ungaphila, futhi ungaphila, futhi ungaphila ngokwengeziwe ekukhanyeni kukaNkulunkulu.
II
Ukusola kukaNkulunkulu, kuwukukhanya; ukwahlulela Kwakhe nakho, ukukhanya kwensindiso.
Kuwumusa omkhulu kakhulu kuwe, isivikelo esiqinile esikuzungezile.
Ukusola kukaNkulunkulu, kuwukukhanya; ukwahlulela Kwakhe nakho, ukukhanya kwensindiso.
Kuwumusa omkhulu kakhulu kuwe, isivikelo esiqinile esikuzungezile.
kufanele wamukele ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu,
akufanele uvumele ukuqondisa nokushaya kukaNkulunkulu ukuba kusuke kuwe, ukuze uzikhulule ekusetshenzisweni nguSathane,
Kufanele uvumele uNkulunkulu akushaye futhi abhekane nawe.
ukuze ukhululeke ethonyeni likaSathane,
emandleni akubambela embusweni wakhe,
futhi ungaphila, futhi ungaphila, futhi ungaphila ngokwengeziwe ekukhanyeni kukaNkulunkulu.
Umthombo Izwi Livela Lisenyameni
1 note · View note
Text
Ababi Kumele Bajeziswe
Ukuhlola ukuthi konke okwenzayo kulungile yini, nokuthi uNkulunkulu uyazibona yini zonke izenzo zakho, kuyimiyalo yokuziphatha yalabo abakholelwa kuNkulunkulu. Uzobizwa ngokuthi ulungile ngoba uyakwazi ukujabulisa uNkulunkulu, nangenxa yokuthi wamukela ukunakekela nesivikelo sikaNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, bonke abamukela ukunakekela, isivikelo nokuphelela kukaNkulunkulu nabamukelwa nguYe, balungile futhi uNkulunkulu ubabheka ngokwazisa. Uma uqhubeka wamukela amazwi kaNkulunkulu alapha futhi uwamukela manje, uzoqhubeka wamukela futhi uqonda intando kaNkulunkulu, futhi ngaleyo ndlela uzoqhubeka uphila ngamazwi kaNkulunkulu futhi wanelisa izimfuneko zaKhe. Lo ngumyalo uNkulunkulu akunike wona nokuyinto okufanele uyithole. Uma usebenzisa imibono ukuze ukale futhi uchaze uNkulunkulu, njengokungathi uNkulunkulu uyisithombe sobumba esingashintshi, futhi uma ulinganisela uNkulunkulu eBhayibhelini, umlinganisela emsebenzini othile kuphela, lokhu kuwubufakazi bokuthi uyamenqaba uNkulunkulu. Phela ezinhliziyweni zawo, amaJuda angezikhathi zeTestamente Elidala enza uNkulunkulu waba yisithombe esibunjiwe, njengokungathi uNkulunkulu angase abizwe ngokuthi unguMesiya kuphela, futhi yilowo owayebizwa ngoMesiya kuphela owayenguNkulunkulu, ngoba babekhonza futhi bekhulekela uNkulunkulu njengokungathi ungubumba olungaphili. Babethela uJesu wangaleso sikhathi esiphambanweni, bemgwebela ukufa—bebulala uJesu ongenacala. Alikho icala elenziwe uNkulunkulu, noma kunjalo abantu baqhubeka nokusola uNkulunkulu, ngesibindi bamgwebela ukufa. Ngakho uJesu wabethelwa. Abantu bahlale bekholelwa ukuthi uNkulunkulu akashintshi, futhi bamchaza ngokwalokho okushiwo iBhayibheli, njengokungathi abantu bake bakubona ukuqondisa kukaNkulunkulu, njengokungathi konke okwenziwa uNkulunkulu kusesandleni somuntu. Abantu bayiziwula ngezinga elikhulu, bazithwele ngendlela engachazeki futhi bahamba phambili ngokukhuluma into engaqondakali. Kungakhathaliseki ukuthi unolwazi olukhulu kangakanani ngoNkulunkulu, ngisasho ukuthi awumazi uNkulunkulu, akekho ophikisana kakhulu noNkulunkulu ukwedlula wena, futhi wenqaba uNkulunkulu, ngoba awunakukwazi ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu nokuhamba endleleni evumela uNkulunkulu ukuba akwenze uphelele. Kungani uNkulunkulu engeneliseki ngokwenziwa abantu? Kungoba abantu abamazi uNkulunkulu, kungoba banemibono eminingi, futhi kunokuba bavumelane neqiniso konke abakwaziyo ngoNkulunkulu kusikwe endwangini efanayo, futhi kusebenzisa indlela efanayo kuso sonke isimo. Ngakho futhi, njengoba uNkulunkulu eye weza emhlabeni namuhla, abantu baphinde bambethela esiphambanweni. Abantu abanonya nabanesihluku! Ubuqili nokusongelana, ukududulana, ukugijimela udumo nokuceba, ukubulalana—kuzophela nini? UNkulunkulu uye wakhuluma izinto eziningi kakhulu, nokho akekho noyedwa oye waziqonda. Abantu benza izinto becabangela imindeni yabo, futhi becabangela amadodana namadodakazi abo, imisebenzi yabo, ikusasa labo, ukuma kwabo, ukuqhosha nemali, benzela ukugqoka, ukudla nemizimba yabo—yini eyenzelwa uNkulunkulu ngempela? Ngisho nalabo abenza okuthile egameni likaNkulunkulu, bambalwa kakhulu abamaziyo uNkulunkulu. Bangaki abangacabangi ngezinto abazifunayo lapho benza okuthile? Bangaki abangabacindezeli abanye noma babacwase ngoba nje befuna ukuvikela igama labo? Ngakho, uNkulunkulu uye wenqatshwa ngokuqinile futhi wabulawa izikhathi eziningi. Abahluleli abangenakubalwa abenza ngendlela yobulwane bamenqabile uNkulunkulu, okuwukubethela uNkulunkulu esiphambamweni futhi. Bangaki abangase babizwe ngokuthi balungile ngoba benza okuthile ngenxa kaNkulunkulu ngokweqiniso?
Ngaphambi kukaNkulunkulu, ingabe kulula kanjalo ukwenziwa uphelele futhi ube umuntu ongcwele noma olungile? Kuyinkulumo eyiqiniso ukuthi “abekho abalungileyo kulo mhlaba, abalungileyo abekho emhlabeni.” Lapho uza ngaphambi kukaNkulunkulu, cabanga ngalokho okugqokile, cabanga ngawo wonke amazwi nezenzo zakho, yonke imicabango nemibono yakho, ngisho namaphupho owaphupha mihla yonke—konke kungokwenzuzo yakho. Akulona yini iqiniso lelo? “Ukulunga” akusho ukupha othile isipho, akusho ukuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena, futhi akusho ukungalwi, ukungaphikisani, ukungayibambi inkunzi noma ukungebi. Ukulunga kusho ukuthatha imiyalo evela kuNkulunkulu njengomsebenzi wakho nokulalela iziqondiso nezinhlelo zikaNkulunkulu njengomsebenzi osifanele ovela ezulwini, kungakhathaliseki ukuthi kunini noma ukuthi kukuphi, njengoba nje kwenza iNkosi uJesu. Yilokhu kanye ukulunga okukhulunywe uNkulunkulu. ULoti kungase kuthiwe uyindoda elungile ngenxa yokuthi wasindisa izingelosi ezimbili ezazithunyelwe uNkulunkulu ngaphandle kokukhathazwa ukuthi yini azoyizuza noma azolahlekelwa yiyo; lokho akwenza ngaleso sikhathi kubizwa ngokuthi ukulunga, kodwa akakwazi ukubizwa ngendoda elungile. Okwenza uLoti washintshanisa ngamadodakazi akhe ngenxa yezingelosi ukuthi wayebone uNkulunkulu. Kodwa akuzona zonke izenzo zakhe zangaphambili ezamelela ukulunga, futhi kungakho ngithi “abekho abalungileyo emhlabeni.” Ngisho naphakathi kwalabo abazama ukululama, akekho ongabizwa ngokuthi ulungile. Kungakhathaliseki ukuthi izenzo zakho zinhle kangakanani, kungakhathaliseki ukuthi ubonakala ukhazimulisa igama likaNkulunkulu kangakanani, awubashayi futhi awubaqalekisi abanye abantu, noma awubabambi inkunzi futhi awuzebi izinto zabo, noma kunjalo awukwazi ukubizwa ngokuthi ulungile, ngoba umuntu ovamile angaba njalo. Namuhla, okubalulekile ukuthi awumazi uNkulunkulu. Namuhla kungamane kuthiwe unokuncane okubonisa ukuthi ungumuntu, noma kunjalo awukwazi ukuba nokulunga uNkulunkulu akhuluma ngakho. Ngakho akukho kokwenzayo okuwubufakazi bokuthi unolwazi ngoNkulunkulu.
Ngaphambili, lapho uNkulunkulu esezulwini, abantu bazama ukukhohlisa uNkulunkulu ngezenzo zabo; namuhla, uNkulunkulu uye weza ebantwini—ukuthi isikhathi esingakanani, akekho owaziyo—noma kunjalo abantu abazibophezele kuNkulunkulu, futhi bazama ukukhohlisa uNkulunkulu. Ingabe indlela yomuntu yokucabanga ayisona isidala ngokwedlulele? Kwakuyinto efanayo ngoJuda: Ngaphambi kokuza kukaJesu emhlabeni, uJuda wayevame ukukhohlisa abafowabo nodadewabo, futhi ngemva kokuhamba kukaJesu, akashintshanga; wayengenalo noluncí ulwazi ngoJesu, futhi ekugcineni wamkhaphela uJesu. Kwakungengenxa yini yokuthi wayengamazi uNkulunkulu? Uma, namuhla, nawe ungamazi ukuNkulunkulu, kusho ukuthi uzoba uJuda, futhi ukubethelwa kukaJesu okubuhlungu phakathi neNkathi Yomusa, eminyakeni eminingi edlule, kuzophinde kwenzeke futhi. Ingabe awukukholelwa lokhu? Kuyiqiniso? Namuhla, abantu abaningi baphila ngaphansi kwezimo ezinjalo—futhi abantu abanjalo badlala indima kaJuda. Angikhulumi uwangala, kodwa iqiniso—kumele ukukholelwe lokhu. Nakuba abantu abaningi bezenza abathobekile, ezinhliziyweni zabo bafana namanzi amile anukayo. Njengamanje baningi ngokwedlulele ebandleni abanjalo, futhi ucabanga ukuthi angokuboni nhlobo lokhu. Namuhla, uMoya Wami uyanginqumela, futhi uyangifakazela. Ucabanga ukuthi angazi lutho? Ucabanga ukuthi angiyiqondi imicabango engalungile esenhliziyweni yakho nezinto ezisenhliziyweni yakho? Ingabe uNkulunkulu ukhohliseka kalula kanjalo? Ucabanga ukuthi ungamphatha nganoma iyiphi indlela othanda ngayo? Esikhathini esingaphambili, ngangikhathazwa ukuthi nikhululekile, ngakho ngaqhubeka ngininika inkululeko, kodwa akekho phakathi kwabo owaqaphela ukuthi ngibenzela okuhle. Ngabanikeza isandla, kodwa bathatha ingalo yonke. Buzanani: Akekho engiye ngasebenzelana naye, futhi angizange ngibathethise—noma kunjalo ngizazi kahle izisusa nemiqondo yabantu. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu ngokwaKhe uNkulunkulu afakazelana naye uyisiwula? Khona-ke ngithi awuboni ngokwedlulele! Ngeke ngikuphikise, kodwa ake sibone ukuthi uye waba mubi kanjani. Ake sibone ukuthi amaqhinga akho angakusindisa yini, noma ngukuzama ukwenza konke ukuze uthande uNkulunkulu yikho okungakusindisa. Namuhla, ngeke ngimelane nawe; ake silinde kuze kufike isikhathi sikaNkulunkulu ukuze sibone ukuthi uzozibuyiselela kanjani kuwe. Okwamanje anginaso isikhathi sokukhuluma nawe njengokungathi anginangqondo, futhi ngizimisele ukubambezela imisebenzi Yami emikhulu ngenxa yakho, isibungu esinjengawe asikufanelekele ukuba uNkulunkulu angachitha isikhathi sakhe naso—ngakho ake sibone ukuthi kungakanani ozokwamukela. Abantu abanjalo abakwazi ngisho nokuthola ulwazi oluncane ngoNkulunkulu, futhi abanalo nhlobo uthando ngoNkulunkulu, noma kunjalo basafuna ukubizwa uNkulunkulu ngokuthi balungile—akuhlekisi yini lokho? Ngenxa yokuthi sincane kakhulu isibalo sabantu abaneqiniso, akukho engizikhathaza ngakho ngaphandle kokunika abantu ukuphila. Ngizokufeza konke lokho okufanele kwenziwe namuhla, futhi kamuva, imbuyiselo kufanele ilethwe ngokwezenzo zomuntu ngamunye. Ngikushilo obekufanele ngikusho, ngoba kungumsebenzi wami. Ngenza lokho okufanele ngikwenze, futhi angikwenzi lokho okungafanele ngikwenze, noma kunjalo ngisenalo ithemba ukuthi uzochitha isikhathi esiningi ucabanga ngalokhu: Lungakanani ngempela ulwazi onalo ngoNkulunkulu oluyiqiniso? Ingabe ungomunye walabo abaye bambethela futhi uNkulunkulu esiphambanweni? Okukugcina, nakhu engikushoyo: Maye kulabo ababethela uNkulunkulu.
Kucashunwe encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Isahluko 13
Tumblr media
Isahluko 13
Okufihlakele kokushiwo yizwi Lami yizinhloso Zami eziningi. Kodwa abantu abazi futhi abaqondi lutho kulokhu, bayaqhubeka nokuthola amazwi Ami ngaphandle bese bewalandela bengaphandle, ngaphandle kokuthi bakwazi ukubona inhliziyo Yami noma bazizwele intando Yami esemazwini Ami. Yize noma ngiwenze acaca amazwi Ami, ngabe ukhona owaqondayo? Ngavela eSiyoni ngeza kubantu. Ngenxa yokuthi ngembathe ubuntu bomuntu ojwayelekile ngazembathisa ngesikhumba somuntu, ngalokho abantu bazi indlela engibukeka ngayo ngaphandle, kodwa abayazi impilo engaphakathi Kimi, futhi abamboni uNkulunkulu onguMoya, kanti bazi umuntu wenyama kuphela. Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu uqobo akakufanele ukuzama kwenu  ukumazi? Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu uqobo akakufanele ukuzama kwenu imizamo “yokumjuqula”? Ngiyayenyanya inkohlakalo yabo bonke abantu, kodwa nginobubele kwababuthaka kukho. Ngisasebenza ngendalo endala yabo bonke abantu. Njengomunye wabantu Bami abase-China aniyona ingxenye yohlanga lwesintu? Kubo bonke abantu Bami, naphakathi kwawo wonke amadodana Ami, labo, abaphakathi kwalabo engibakhethile ohlangeni lwesintu, nina niseqenjini eliphansi kakhulu. Ngenxa yalokho, nginiphe amandla amaningi, okungumzamo omkhulu. Ingabe anikayazisi impilo yakho ebusisekile oyithokozelayo namuhla? Ingabe nisaqinisa izinhliziyo zenu ukuze ningihlubuke nilandele okwenu enizenzele kona? Ukube angizange ngiqhubeke ngibe nozwelo nothando kini, uhlanga lwesintu lonke ngabe luthunjwe nguSathane lwashintsha lwaba “yinto ethandekayo emnandi” emlonyeni wakhe. Namhlanje, phakathi kwalo lonke uhlanga lwesintu, labo abazinikela Kimi nabangithanda ngeqiniso bayingcosana impela babalwa ngeminwe yesandla esisodwa kuphela. Kungenzeka yini ukuthi namuhla isihloko esithi[a]“Abantu Bami” sesaphenduka impahla? Ingabe unembeza wenu usuvele wabanda njengeqhwa? Ingabe nikufanele ukuba ngabantu engibafunayo? Uma ngicabanga ngihlehla, ngiphinde ngibheke isikhathi sanamuhla, obani abayanelisile inhliziyo Yami? Obani kini abakhombise ukuzinaka izinhloso zami? Ukube anginigqugquzelanga, ngabe anikaphaphami, kodwa ngabe nisesesimweni okungathi esineqhwa, futhi, ngabe nikwesinye okungathi ningabantu ababanjwe ubuthongo basebusika.
Phakathi kwamagagasi amanzi, abantu babona ulaka Lwami; ekubhaxazeleni kokuguquka kwamafu amnyama, bathuka kubande nasozwanini, bengazi ukuthi babalekelephi, babukeka basaba ukuthi ukuduma kwezulu nemvula kuzobakhukhula. Bese kuthi uma sekudlule isivunguvungu seqhwa esiyaluzayo, bese beyakhululeka bajabule bethokozela ubuhle bendalo abakubonayo. Kodwa, okwamanje, ubani phakathi kwabo owake wabona uthando olungenamkhawulo enginalo ngabantu? Ezinhliziyweni zabo kunomfanekiso Wami kodwa hhayi ubuqu boMoya Wami: Kungenzeka yini ukuthi abantu abangideleli ngokusobala? Uma isiphepho sesidlulile, bonke abantu kuba sengathi bavuselelekile, sengathi emva kokuhlanzwa ezinsizini sebethole ukukhanya nempilo. Kungenzeka na ukuthi anizange nani, emva kokubekezelela izehlo enginishaye ngazo, nibe nenhlanhla yokufinyelela osukwini lwanamuhla? Kodwa, uma inamuhla selidlulile bese kufika ikusasa, niyokwazi ukugcina ukuhlanzeka okufike emva kokwehla kwemvula enamandla? Nizokwazi ukugcina ukuzinikela okufike emva kokuhlanzwa kwenu? Nizokwazi ukugcina ukulalela kwanamuhla? Niqinisekile ukuthi ukuzinikela kwenu kuyoba ngokugxilile futhi kungashintshi? Ngiqinisekile ukuthi lokhu akuyona into angeke akwazi ukuyenza umuntu? Usuku nosuku ngihlala phakathi kwabantu, ngenze lokho abakwenzayo, ngibe phakathi kohlanga lwesintu, akekho kodwa oke wakuqaphela lokho. Uma bekungekhona ukuholwa uMoya Wami, kulo lonke uhlanga lwesintu, ngubani obengabe esaphila kulesi sikhathi samanje? Kungenzeka yini ukuthi, njengoba ngithi ngiphila futhi ngenza okwenziwa ngabantu, nginehaba mhlawumbe? Kudala, ngathi “Ngadala uhlanga lwesintu, ngaluhola lonke uhlanga lwesintu, ngashaya umthetho kulo lonke uhlanga lwesintu”; ngabe kwakungenjalo? Kungenzeka yini ukuthi ukubona kwenu lezi zibonakaliso akwenele? Amagama athi “umenzi womsebenzi” kumele ngabe anele ukuthi nenze imizamo yonke yempilo nicacisa. Ngaphandle kokwazi kwangempela, umuntu angeke angazi Mina, angeke akwazi ukungazi ngamaZwi ami. Kodwa namuhla ngizifikele mina uqobo phakathi kwenu: Lokho angeke kwenze ukuthi ningazi Mina? Kungenzeka ukuthi ukuba Kwami nomzimba womuntu akusikho ukusindiswa kini? Uma ngangingehlanga ngeza kubantu ngiYimi, ngabe abantu kade bagcwala yonke indawo ngemicabango okusho ukuthi, sebengabakaSathane, ngoba lokhu enikholelwa kukho yisithombe nje sikaSathane futhi akuhlangani ndawo noNkulunkulu ngoKwakhe. Kungabe lokho akukhona ukusindisa Kwami?
Uma uSathane ema phambi Kwami, angisesabi isihluku sakhe, futhi angithuswa yizinto ezesabekayo: Ngivele ngikuzibe. Uma uSathane engilinga, ngiyawabona amaqhinga akhe, okwenza ukuthi abuyele emuva ethelwe yihlazo nokululazeka. Uma uSathane elwa Nami ezama ukuhlwitha abantu Bami engibakhethile, ngenza ngakho konke okusenyameni Yami; futhi enyameni Yami ngiyabeseka ngibeluse abantu Bami ukuze bangawi kalula noma baduke, kanti ngiyabahola indlela yonke. Uma uSathane esenqotshiwe, ngizobe ngidunyisiwe abantu Bami, kanti abantu bami bazoba ofakazi Bami abangangabazeki. Ngakho-ke, ngizothatha isivikelo esisohlelweni lwami lokuphatha ngisibeke phansi unomphelo emgodini ongenamkhawulo. Lolu wuhlelo lwami, lona ngumsebenzi wami. Ezimpilweni zenu, kuzofika usuku ozohlangabezana nalesi simo ngalo: Kungenzeka yini kambe ukuthi uvume ukuba ngumthunjwa kaSathane, noma uzongivumela ngikuthole? Yilokhu okumiselwe, kumele ukucabangisise.
Impilo embusweni yimpilo yabantu noNkulunkulu uqobo lwakhe. Lonke uhlanga lwesintu lunakekelwa luphinde luvikelwe Yimi, kanti wonke umuntu usempini yokufa nokuphila nodrako omkhulu obomvu. Ukuze uphumelele kule mpi yokugcina, ukuze umehlule udrako omkhulu obomvu, bonke abantu kumele bazinikele Kimina ngokuphelele embusweni Wami. Uma ngithi “umbuso”, ngisho impilo ephilwa ngaphansi kwesisekelo sobunkulunkulu, lapho lonke uhlanga lwesintu lweluswa khona Yimi uqobo, luqeqeshwa Yimi uqobo, ukuze izimpilo zalo lonke uhlanga lwesintu, yize lusesemhlabeni, lube sengathi lusezulwini, ukuhlanganiswa kwempela kwempilo ezulwini lesithathu. Yize ngisenyameni Yami, angihlupheki ngenxa yemikhawulo yenyama. Kukangaki ngiza phakathi kwabantu ukulalela imikhuleko yabo, futhi kukangaki ngihamba phakathi kwabantu, ngithokozela indumiso yabo? Yize abantu bengakaze bazi ngokuba khona Kwami, ngiyaqhubeka nomsebenzi Wami ngale ndlela. Endaweni Yami yokuhlala, okuyindawo engicashe kuyo, nokho, kule ndawo Yami yokuhlala ngizinqobile zonke izitha zami; endaweni Yami yokuhlala ngithole ulwazi lokuhlala emhlabeni; endaweni Yami yokuhlala, ngibheke wonke amazwi kanye nokwenza komuntu, futhi ngibheke ngakhipha imiyalelo yawo wonke umuntu. Uma uhlanga lwesintu lungaba nesineke ngezinhloso zami, lwenelise inhliziyo Yami lungithokozise, ngizolubusisa lonke. Akusikho yini lokhu engikuhlosile ngohlanga lwesintu na?
Njengoba abantu belele isihlwathi, kuba ngukuduma kwezulu Lami kuphela okuvusa abantu emaphusheni abo. Uma bevula amehlo abo, abaningi bayalimala emehlweni ngenxa yokukhanya okubenyezelayo nokubandayo, baze baduke nasendleleni yabo, bangazi nokuthi baphuma kuphi nokuthi baya kuphi. Abaningi abantu bashaywa imisebe yokukhanya ehlabayo, ngenxa yalokho bawele enqwabeni ngaphansi kwesiphepho, imizimba yabo imuke namanzi agelezayo, kungasali nomzila. Ekukhanyeni bayakwazi labo abasindile ukubona ubuso Bami kahle, yilapho-ke abayaye bafinyelele khona ekwazini ukuthi ngibukeka kanjani ngaphandle, kufike lapho bengasalokothi bangibuke ngqo ebusweni, besaba kakhulu funa ngibuyise izijeziso neziqalekiso futhi enyameni yabo. Bangaki abantu abakhala bengalawuleki? Bangaki abaphelelwa yithemba? Bangaki abenza imifula ngegazi labo? Bangaki ababa yizidumbu beya ngapha nangapha bengazi lapho beya khona? Bangaki abantu, abathola indawo yabo ekukhanyeni, bese bezizwa beba nenhliziyo ebuhlungu bakhale izinyembezi iminyaka eminingi bengajabulile? Bangaki abantu, abathe uma bengaphansi kokukhanya okushayisa uvalo nokuxhophayo, abavuma ukungcola base benquma ukuziguqula? Bangaki abantu, ngokungaboni, asebelahlekelwe injabulo yokuphila bese ngenxa yalokho bangakunaki ukukhanya, baqhubeke nokungakhuli belinde umhla wokugcina? Bangaki abantu abaphakamisa izivikelo zempilo, bese ngaphansi kokuholwa ukukhanya, balindele ikusasa labo ngokulangazelela? … Namuhla, ubani phakathi kwabantu ongekho kulesi simo? Ubani ongekho ngaphansi kokukhanya Kwami? Yize unamandla noma ubuthakathaka, ungakugwema kanjani ukuza kokukhanya Kwami?
kuNdasa 10, 1992
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wasekuqaleni awuwafaki amagama athi “isihloko sa-.”
0 notes