Tumgik
#umbuso wezulu
Text
South African Gospel Choir Music “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Okugqamile 1 (Zulu Subs)
youtube
Gospel Choir Song “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Okugqamile 1: Ukugubha Umbuso (Zulu Subs)
Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?
Phakathi kwabantu, ngubani ophila ebuhlungwini futhi obekezelele izinkulungwane zeminyaka yokukhohlakala kukaSathane, ongalangazeleli—ongafisi—ukufika kukaNkulunkulu? Mangaki amakholwa nabalandeli baNkulunkulu kuyo yonke le minyaka, ngaphansi kwethonya likaSathane, ababekezelele ukuhlupheka nobunzima, ukushushiswa nokulahlwa? Ngubani ongenathemba lokuthi umbuso kaNkulunkulu uzofika masinyane? Emva kokuzwa injabulo nosizi lwesintu, ngubani esintwini ongalangezeleli ukuba iqiniso nokulunga kube yikho okunamandla phakathi kwabantu?
Lapho umbuso kaNkulunkulu ufika, usuku olulindwe ngabomvu yizo zonke izizwe nabantu luyofika ekugcineni! Ngaleso sikhathi, yikuphi okuyobonakala phakathi kwazo zonke izinto ezulwini nasemhlabeni? Iyoba yinhle kangakanani impilo embusweni? Ngencwadi ethi “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni,” imithandazo yeminyaka eyizinkulungwane izofezeka!
Okusanda Kukhishwa: list of South African gospel songs
0 notes
Link
0 notes
Video
youtube
South African Gospel Choir Music "Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni" Worship Song (Zulu Subs)
Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi  kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?
Phakathi kwabantu, ngubani ophila ebuhlungwini futhi obekezelele izinkulungwane zeminyaka yokukhohlakala kukaSathane, ongalangazeleli—ongafisi—ukufika kukaNkulunkulu? Mangaki amakholwa nabalandeli baNkulunkulu kuyo yonke le minyaka, ngaphansi kwethonya likaSathane, ababekezelele ukuhlupheka nobunzima, ukushushiswa nokulahlwa? Ngubani ongenathemba lokuthi umbuso kaNkulunkulu uzofika masinyane? Emva kokuzwa injabulo nosizi lwesintu, ngubani esintwini ongalangezeleli ukuba iqiniso nokulunga kube yikho okunamandla phakathi kwabantu? Lapho umbuso kaNkulunkulu ufika, usuku olulindwe ngabomvu yizo zonke izizwe nabantu luyofika ekugcineni! Ngaleso sikhathi, yikuphi okuyobonakala phakathi kwazo zonke izinto ezulwini nasemhlabeni? Iyoba yinhle kangakanani impilo embusweni? Ngencwadi ethi “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni,” imithandazo yeminyaka eyizinkulungwane izofezeka!
Okusanda Kukhishwa: best south african gospel song 2019
0 notes
Text
Inkulumo Emfishane Mayelana “Nombuso Weminyaka Eyinkulungwane Osufikile”
Tumblr media
Uwubona kanjani umbono woMbuso Weminyaka Eyinkulungwane? Abanye abantu bacabanga kakhulu ngawo, futhi bathi uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane uyoba khona iminyaka eyinkulungwane emhlabeni, ngakho uma amalungu amadala kunamanye ebandleni engashadile, ingabe kufanele ashade? Umndeni wami awunamali, ingabe kufanele ngiqale ngenze imali? … Uyini uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane? Ingabe uyazi? Abantu babona kalufifi futhi bathwele kanzima kakhulu. Empeleni, uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane awukakafiki ngokusemthethweni. Esigabeni sokupheleliswa kwabantu, uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane, umane uwumfanekiso onesilinganiso esincane; ngesikhathi soMbuso Weminyaka Eyinkulungwane okhulunywe nguNkulunkulu, umuntu uyobe esephelelisiwe. Phambilini, kwathiwa abantu bayofana nabangcwele abaqinile ezweni laseSinimu. Kuphela lapho abantu sebephelelisiwe—uma sebengabangcwele akhulume ngabo uNkulunkulu—uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane uyobe usufikile ngempela. Lapho uNkulunkulu ephelelisa abantu, uyabahlambulula futhi ngokuya bebamsulwa kakhulu, baya beqhubeka nokupheleliswa nguNkulunkulu. Uma ukungcola, ukuhlubuka, ukuphikisana, kanye nezinto zenyama phakathi kuwe zixoshwa, uma usuhlanjululiwe, uyobe sewuthandwa nguNkulunkulu (futhi ngamanye amazwi, uyobe sewuba ngcwele); uma usuphelelisiwe nguNkulunkulu futhi waba ngcwele, uyobe sewuseMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane. Njengamanje iNkathi Yombuso. ENkathini Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane abantu bayothembela emazwini kaNkulunkulu ukuze baphile, futhi zonke izizwe ziyoba ngaphansi kwegama likaNkulunkulu, futhi ziyofika zonke ukuzofunda amazwi kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi abanye bayoshaya ucingo, abanye bayosebenzisa i-feksi … bayosebenzisa noma iyiphi indlela ukuze bathole iZwi likaNkulunkulu, nawe ngokunjalo uyongena ngaphansi kwamazwi kaNkulunkulu. Konke lokhu ilokhu okwenzeka emuva kokuthi abantu sebephelelisiwe. Namhlanje, abantu bayapheleliswa, bayacwengwa, bakhanyiselwe, futhi baqondiswe ngamazwi; lena iNkathi Yombuso, yisigaba sokupheleliswa kwabantu, futhi ayinakho ukuxhumana noMbuso Weminyaka Eyinkulungwane. Ngesikhathi soMbuso Weminyaka Eyinkulungwane, abantu bayobe sebephelelisiwe kakade futhi isimo esikhohlakele kubona siyobe sesihlanjululiwe. Ngaleso sikhathi, amazwi akhulunywe nguNkulunkulu ayohola abantu ngegxathu negxathu, futhi aveze zonke izimfihlo zomsebenzi kaNkulunkulu kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube namhlanje, futhi amazwi Akhe azotshela abantu ngezenzo zikaNkulunkulu ezinkathini zonke nansuku zonke, ukuthi Yena ubahola kanjani abantu ngaphakathi, umsebenzi awenzayo embusweni wakamoya, futhi uzotshela abantu ngamandla asembusweni wakamoya. Yilapho kuphela kuyoba iNkathi Yezwi ngempela; okwamanje kumane kungumfanekiso oyisilinganiso esincane nje. Uma abantu bengaphelelisiwe futhi bahlanjululwa, ngeke babe nayo indlela yokuphila iminyaka eyinkulungwane emhlabeni, futhi inyama yabo iyobola ekugcineni; uma abantu behlanjululiwe ngaphakathi, futhi bengasebona abakaSathane kanye nenyama, bayohlala bephila emhlabeni. Kulesi sigaba niselokhu nibona lufifi, futhi konke enikuzwayo ukuthanda uNkulunkulu nokumfakazela zonke izinsuku niphila emhlabeni.
“UMbuso Weminyaka Eyinkulungwane Sewufikile” isiphrofetho, sifaniselana nokubikezela komphrofethi, leso lapho uNkulunkulu ephrofetha okuyokwenzeka ngesikhathi esizayo. Amazwi uNkulunkulu awakhulumayo ngesikhathi esizayo namazwi awakhuluma namhlanje awafani: Amazwi angesikhathi esizayo ayohola inkathi, kanti amazwi awakhuluma namhlanje aphelelisa, acwenge futhi abhekane nabantu. INkathi Yezwi yangesikhathi esizayo ihlukile kuneNkathi Yezwi yanamhlanje. Namhlanje wonke amazwi akhulunywe nguNkulunkulu—akukhathaleki indlela enza ngayo—esewonke, awokuphelelisa abantu, ukuhlambulula lokho okungcolile ngaphakathi kubo, nokubenza babengcwele, futhi balunge phambi kukaNkulunkulu. Amazwi akhulunywa namhlanje kanye namazwi akhulunywa ngesikhathi esizayo ayizinto ezimbili ezihlukene. Amazwi akhulunywa ngeNkathi Yombuso awokwenza ukuthi abantu bangene ekuqeqeshweni, ukufaka abantu emgudwini olungile kukho konke, ukukhipha konke okungemsulwa kubona. Kunjalo lokho uNkulunkulu akwenzayo kule nkathi: Udala isisekelo samazwi Akhe kuwona wonke umuntu. Wenza amazwi Akhe impilo yawo wonke umuntu, futhi usebenzisa amazwi Akhe ukubakhanyisela nokubahola ngaphakathi ngaso sonke isikhathi. Futhi lapho bengayikhathalele intando kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu azobe engaphakathi kwabo ukubasola nokubaqondisa. Amazwi anamuhla kumele abe ngukuphila komuntu, ahlinzeka ngqo konke lokho umuntu akudingayo, konke lokho okuswele ngaphakathi kuhlinzekwa ngamazwi kaNkulunkulu, futhi bonke labo abemukela amazwi kaNkulunkulu bayakhanyiselwa ngokuwadla nokuwaphuza amazwi Akhe. Amazwi akhulunywa nguNkulunkulu ngesikhathi esizayo ahola abantu basemhlabeni wonke jikelele; namhlanje la mazwi akhulunywa eShayina kuphela, futhi akamele lawo akhulunywa emhlabeni wonke jikelele. UNkulunkulu uzokhuluma emhlabeni jikelele ngesikhathi uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane sewufikile. Azi ukuthi amazwi akhulunywa nguNkulunkulu namhlanje wonke awokuphelelisa umuntu; amazwi akhulunywa nguNkulunkulu kulesi sigaba awokuhlinzeka izidingo zabantu, hhayi ukukuvumela ukuba wazi izimfihlo noma ubone izimangaliso zikaNkulunkulu. Ukuthi uyakhuluma ngezindlela eziningi kwenzelwa ukuze kuhlinzekwe izidingo zabantu. INkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane isazofika—iNkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane okukhulunywa ngayo ngosuku lodumo lukaNkulunkulu. Emuva kokuthi umsebenzi kaJesu eJudiya wawusuphelile, uNkulunkulu wadlulisela umsebenzi Wakhe eShayina uqobo lwayo futhi wabe esedala olunye uhlelo. Wenza enye ingxenye yomsebenzi Wakhe kuwena, wenza umsebenzi wokuphelelisa abantu ngamazwi, futhi usebenzisa amazwi ukuzwisa abantu ubuhlungu obukhulu kanye nokuthi bazuze umusa kaNkulunkulu omkhulu. Lesi sigaba somsebenzi sizokwakha iqembu labanqobi, futhi emuva kokwenza leli qembu labanqobi, bazokwazi ukufakazela izenzo Zakhe, lizokwazi ukuphila iqiniso, futhi liMenelise ngempela futhi lithembeke kuYena kuze kube sekufeni, futhi ngaleyondlela uNkulunkulu uyodunyiswa. Uma uNkulunkulu ethola udumo, uma esephelelise leli qembu labantu, kuyobe sekuyiNkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane.
UJesu waba semhlabeni iminyaka engama-33 nohhafu, wayefike ukuzokwenza umsebenzi wokubethelwa, futhi ngokubethelwa uNkulunkulu wazuza ingxenye eyodwa yodumo. Lapho uNkulunkulu efika esenyameni wakwazi ukuthobeka nokuzifihla, futhi wayekwazi ukubekezelela ubuhlungu obumangalisayo. Nakuba wabe enguNkulunkulu Uqobo Lwakhe, nokho wabekezelela konke ukululazeka, nakho konke ukuthukwa, futhi wabekezelela ubuhlungu obukhulu ekubethelweni esiphambanweni ukuze aqede umsebenzi wokuhlenga. Emuva kokuthi lesi sigaba somsebenzi sesiqediwe, nakuba abantu babona ukuthi uNkulunkulu wayethole udumo olukhulu, kwakungelona udumo Lwakhe selulonke; kwakuyingxenye yodumo Lwakhe ayeluthole kuJesu. Nakuba uJesu wakwazi ukubhekana nabo bonke ubunzima, ukuthobeka nokuzifihla, nokubethelelwa nguNkulunkulu, uNkulunkulu wazuza ingxenye eyodwa kuphela yodumo Lwakhe, futhi udumo Lwakhe lwazuzwa kwa-Israyeli. UNkulunkulu usenenye ingxenye yodumo: ukuza emhlabeni ukuze empeleni asebenze nokuphelelisa iqembu labantu. Ngesigaba somsebenzi sikaJesu, wenza izinto ezithile ezidlula amandla emvelo, kodwa lesi sigaba somsebenzi kwabe kungesona neze esokwenza izimanga nezimangaliso kuphela. ikakhulukazi kwakungesokukhombisa ukuthi uJesu wayekwazi ukuzwa ubuhlungu, futhi abethelelwe uNkulunkulu, ukuthi uJesu wabe ekwazi ukuzwa ubuhlungu obumangalisayo ngoba wayemthanda uNkulunkulu, futhi nokuthi nakuba uNkulunkulu wamshiya, wayesazimisele ukunikela impilo Yakhe ngenxa yentando kaNkulunkulu. Emuva kokuthi uNkulunkulu wayeseqedile umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli futhi uJesu wayebethelwe esiphambanweni, uNkulunkulu wadunyiswa, futhi uNkulunkulu wayethule ubufakazi phambi kukaSathane. Awazi futhi awukaboni ukuthi uNkulunkulu usethathe kanjani isimo somuntu eShayina, ngakho ungabona kanjani ukuthi uNkulunkulu uselutholile udumo? Uma uNkulunkulu enza umsebenzi omningi wokunqoba kuwe, futhi ume uqine, ngakho lo msebenzi kaNkulunkulu unempumelelo, futhi lokhu yingxenye yodumo lukaNkulunkulu. Ubona lokhu kuphela, futhi awukapheleliswa nguNkulunkulu, awukayinikeli ngokuphelele inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Awukaluboni ngokuphelele lolu dumo; ubona kuphela ukuthi uNkulunkulu useyinqobile inhliziyo yakho, ukuthi awusoze wamshiya, futhi uyolandela uNkulunkulu kuze kube sekugcineni ngci futhi inhliziyo yakho ngeke ishintshe. Lunjalo-ke udumo lukaNkulunkulu. Ulubona kuphi udumo lukaNkulunkulu? Emitheleleni yomsebenzi Wakhe kubantu. Abantu babona ukuthi uNkulunkulu uthandeka kakhulu, banoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, futhi abazimisele ukumshiya, futhi lokhu udumo lukaNkulunkulu. Uma amandla abafowethu nodadewethu emabandleni ephakama, futhi bekwazi ukuthanda uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, babone amandla amakhulu kakhulu omsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, amandla amazwi Akhe angenakuqhathaniswa nalutho, lapho bebona ukuthi amazwi Akhe ahambisana negunya futhi angaqala umsebenzi Wakhe endaweni enemimoya emibi yaseShayina uqobo lwayo, lapho, nakuba abantu bebuthakathaka, izinhliziyo zabo ziyaguqa phambi kukaNkulunkulu futhi bazimisele ukwemukela amazwi kaNkulunkulu. Futhi lapho, nakuba bebuthakathaka futhi bengafanelekile, bayakwazi ukubona ukuthi amazwi kaNkulunkulu athandeka kakhulu, futhi akufanele kakhulu ukwaziswa yibo, lokhu udumo lukaNkulunkulu. Uma usuku lufika lapho abantu bepheleliswa nguNkulunkulu, futhi bakwazi ukuzinikela phambi Kwakhe, futhi bakwazi ukulalela uNkulunkulu ngokuphelele, futhi bashiye amathemba kanye nesiphetho sabo ezandleni zikaNkulunkulu, lapho ingxenye yesibili yodumo lukaNkulunkulu iyobe seyizuziwe ngokuphelele. Okungukuthi, uma umsebenzi kaNkulunkulu obonakalayo sewuqediwe ngokuphelele, umsebenzi Wakhe eShayina uqobo lwayo, uyobe sewuphela; ngamanye amazwi, uma labo ababemiselwe ngaphambilini futhi bekhethiwe nguNkulunkulu sebephelelisiwe, uNkulunkulu uyothola udumo. UNkulunkulu uthe ulethe ingxenye yesibili yodumo Lwakhe eMpumalanga, kepha lokhu akubonakali ngamehlo enyama. UNkulunkulu ulethe umsebenzi Wakhe eMpumalanga: Usefikile eMpumalanga, futhi lokhu udumo lukaNkulunkulu. Namhlanje, nakuba umsebenzi Wakhe usazoqedelelwa, ngenxa yokuthi uNkulunkulu unqume ukusebenza, ngokuqinisekile, uzofezeka. UNkulunkulu unqume ukuthi uzowuqedela lo msebenzi eShayina, futhi wanquma ukukuphelelisa. Ngakho, akakuniki ntuba yokuphulukundlela—usezinqobile izinhliziyo zenu, futhi kufanele uqhubeke nendlela noma uyathanda noma awuthandi, futhi uma sewuzuzwe nguNkulunkulu, uNkulunkulu uyadunyiswa. Namhlanje, uNkulunkulu akakadunyiswa ngokuphelele, ngoba awukakapheleliswa, futhi nakuba izinhliziyo zenu zibuyele kuNkulunkulu, busebuningi ubuthakathaka enyameni yenu, anikwazi ukwanelisa uNkulunkulu, anikwazi ukuqikelela intando kaNkulunkulu, futhi ziningi izinto okufanele zisuswe kinina.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
1. Yini umehluko osemqoka phakathi komsebenzi kaNkulunkulu nomsebenzi womuntu?
Tumblr media
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo ubandakanya umsebenzi wabo bonke abantu, futhi uphinde umele umsebenzi waso sonke isikhathi somlando. Lokhu kusho ukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu uwodwa umela ukunyakaza nomsebenzi kaMoya oNgcwele, kuyilapho umsebenzi wabaphostoli ulandela umsebenzi kaNkulunkulu futhi awusiholi isikhathi somlando, noma akumeli umsebenzi oqhubekayo kaMoya oNgcwele kuso sonke isikhathi somlando. Benza umsebenzi okumele wenziwe ngabantu kuphela, okungabandakanyi umsebenzi wokuqondisa. Umsebenzi kaNkulunkulu uwumsebenzi oyingxenye yomsebenzi wokuqondisa. Umsebenzi womuntu nguwo kuphela umsebenzi womuntu osetshenziswayo futhi ongahlangene nhlobo nomsebenzi wokuqondisa. Ngenxa yokwahlukana kwezinhlobo kanye nokumelwa komsebenzi, yize empeleni konke kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele kunomehluko ocacile nomkhulu phakathi komsebenzi kaNkulunkulu uqobo kanye nomsebenzi womuntu.
kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Amazwi kaNkulunkulu osenyameni aqala inkathi entsha, aqondisa bonke abantu, aveza izimfihlakalo, akhombise umuntu indlela eya enkathini entsha. Ukukhanyiseleka okutholwe ngumuntu kumane kungumsebenzi noma ulwazi olulula. Ngeke kukwazi ukuqondisa bonke abantu kubayise enkathini entsha noma kuveze izimfihlakalo zikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ekugcineni kwakho konke, uNkulunkulu nguNkulunkulu, kanti umuntu ngumuntu.
kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni
Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu uyongenisa inkathi entsha, labo abayoqhubeka nomsebenzi Wakhe bayobe bengabantu abasetshenziswa Nguye. Wonke umsebenzi owenziwa umuntu ungaphansi kwenkonzo yomuntu kuNkulunkulu osesimweni somuntu, awukwazi ukudlula umthamo wawo. Uma uNkulunkulu osesimweni somuntu engezi azokwenza umsebenzi Wakhe, abantu ngeke bakwazi ukuqeda inkathi endala, futhi abakwazi ukungenisa inkathi entsha. Umsebenzi owenziwa umuntu umane uyilokho okungafezwa umuntu futhi awummeli uNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongeza aqede umsebenzi okufanele awenze, ngaphandle Kwakhe, akekho omunye ongenza lo msebenzi. Eqinisweni, engikhuluma ngakho kumayelana nomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu.
kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
uNkulunkulu ongumuntu wehlukile kunabantu abasetshenziswa uNkulunkulu. UNkulunkulu ongumuntu angenza umsebenzi wobuNkulunkulu kodwa abantu abasetshenziswa uNkulunkulu abakwazi. Ekuqaleni kwesikhathi ngasinye, uMoya kaNkulunkulu ngokwawo wethula isikhathi esisha futhi udlulisele umuntu esiqalweni esisha. Uma Eqeda ukukhuluma Kwakhe, kuveza ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu kubuNkulunkulu uyenziwa. Ngakho, bonke abantu balandela indlela yalabo abasetshenziswa uNkulunkulu ukuze bangene ezimweni zokuphila.
kwesithi “Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Amagama nomsebenzi wabaprofethi kanye nalabo abasetshenziswa uMoya oNgcwele babenza umsebenzi womuntu bebonke, benza umsebenzi Wakhe njengezidalwa ezidaliweyo, kanye nokwenza lokho okumele kwenziwe umuntu. Nokho, amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu kwakuwukuqhuba imisebenzi Yakhe. Yize isimo Sakhe sangaphandle kwakungesesidalwa esakhiwe, umsebenzi Wakhe wawungesikho ukuqhubezela umsebenzi Wakhe kodwa owenkonzo Yakhe. Igama elithi "umsebenzi" lisetshenziselwa izidalwa ezidaliweyo, kube elithi "inkonzo" lisetshenziselwa inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Lokhu kungumehluko obalulekile phakathi kwalokhu okubili, futhi lokhu okubili akunakushintshisana. Umsebenzi womuntu uphathelene nomsebenzi wakhe kuphela, kube umsebenzi kaNkulunkulu kungukuphatha, nokuqhuba inkonzo Yakhe. Ngakho, yize abaphostoli abaningi babesetshenziswa uMoya oNgcwele futhi abaprofethi babegcwalisiwe Ngaye, umsebenzi kanye namazwi kwakungawokwenza umsebenzi wawo kuphela njengesidalwa esidaliwe. Yize iziprofetho zabo zingase zibe ngaphezu kwendlela yokuphila okukhulunywa ngayo kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi ngisho ubuntu babo babeqa lokho kukaNkulunkulu osesimweni somuntu, babenza umsebenzi wabo, kanye nokungagcwaliswa kwenkonzo. Umsebenzi womuntu umayelana nomsebenzi womuntu, futhi kuyinto umuntu angafinyelela kuyo. Nokho, inkonzo eqhutshwa uNkulunkulu osesimweni somuntu uphathelene nokuphatha Kwakhe, futhi umuntu angakwazi ukufinyelela kukho. Ukuthi ngabe uNkulunkulu osesimweni somuntu uyakhuluma, uyasebenza, noma ubonakala ngezimangaliso, wenza umsebenzi omkhulu kakhulu ngaphakathi kokuphatha Kwakhe, futhi umsebenzi onjalo ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Umsebenzi womuntu ukwenza umsebenzi wakhe kuphela odalwe esigabeni esithile somsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu. Ngaphandle kokuphatha kukaNkulunkulu, okusho ukuthi, uma inkonzo kaNkulunkulu osesimweni somuntu bekufanele ilahleke, kanjalo nomsebenzi walokho okudaliwe. Umsebenzi kaNkulunkulu ekuqhubeni inkonzo Yakhe ukuphatha umuntu, ekubeni umsebenzi womuntu ngukwenza umsebenzi wakhe ngokwezibopho zakhe zokuhlangabezana noMdali futhi kungethathwe ngokuthi ukuqhuba inkonzo yakhe. Empeleni kumongo kaNkulunkulu, okusho ukuthi, uMoya Wakhe, umsebenzi kaNkulunkulu ukuphatha Kwakhe, kodwa uNkulunkulu osesimweni somuntu ugqoke okungaphandle kwalokho okudaliwe, umsebenzi Wakhe ukuqhuba inkonzo Yakhe. Noma ngabe wenza muphi umsebenzi ekuqhubeni inkonzo Yakhe, futhi konke umuntu angakwenza ukwenza okusemandleni akhe onke okuyingxenye yokuphatha kwakhe nokungaphansi kobuholi Bakhe.
kwesithi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Onesimo Somuntu kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
UJesu ubemele uMoya kaNkulunkulu, futhi enguMoya kaNkulunkulu obusebenza ngqo. Wenze umsebenzi wenkathi entsha, umsebenzi ongakaze wenziwe ngumuntu ngaphambilini. Uvule indlela entsha, umele uJehova waze wamela noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kanti ngoPetru, uPawulu noDavide, kungakhathalekile ukuthi babebizwa ngani, bebemele nje ukubonakala kwesidalwa sikaNkulunkulu, noma bebethunywe nguJesu noma nguJehova. Manje noma ungakanani umsebenzi abawenzile noma ngabe zingakanani izimangaliso abazenzile bebelokhu beyizidalwa nje zikaNkulunkulu bengakwazi ukumela uMoya kaNkulunkulu. Basebenza egameni likaNkulunkulu noma ngemva kokuthunywa nguNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, basebenza ezinkathini ezaqalwa uJesu noma uJehova, nomsebenzi abawenza ubungehlukene. Bebeyizidalwa nje zikaNkulunkulu.
kwesithi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
UJohane wenza kuphela umsebenzi wokuqala; umsebenzi omusha omningi wenziwa nguJesu. UJohane wawenza naye umsebenzi omusha, kodwa akuyena owangenisa inkathi entsha. … Nakuba uJohane waphinde wathi, “Phendukani: ngokuba umbuso wezulu ususondele,” waphinde washumayela ivangeli lombuso wezulu, umsebenzi wakhe wawungajulile kangako futhi wawuphethe isiqalo nje. Ngokuqhathaniseka nalokho, uJesu waletha inkathi entsha futhi waqeda inkathi endala kodwa futhi wagcwalisa umthetho weTestamente Elidala. Umsebenzi awenza wawumkhulu kunokaJohane futhi weza ukuzokhulula sonke isintu—wenza leso sigaba somsebenzi. UJohane yena wamane nje walungisa indlela. Nakuba umsebenzi wakhe wawumkhulu, amazwi akhe emaningi, nabafundi abamlandela babebaningi, umsebenzi wakhe awuzange wenze okungaphezu nje kokuba ulethele abantu isiqalo esisha. Abantu abazange bathole kuye ukuphila, indlela noma amaqiniso ajulile ngisho nokuthola ngaye ukuqonda mayelana nentando kaNkulunkulu. UJohane wayengumphrofethi omkhulu (u-Eliya) owavula indlela entsha yomsebenzi kaJesu walungiselela okhethiweyo; wayehambela phambili iNkathi Yomusa. Izindaba ezinje ngeke zimane zibonakale nje ngokuqaphela ukubonakala komuntu. Ikakhulukazi uJohane wenza umsebenzi omkhulu; ngaphezu kwalokho waba khona ngenxa yesithembiso sikaMoya oNgcwele futhi umsebenzi wakhe wavunyelwa nguye uMoya oNgcwele. Ngaleyo ndlela, ukuhlukanisa phakathi kobunjalo babo kungenziwa ngokubuka umsebenzi wabo, ngoba ukubukeka kwangaphandle komuntu akusho lutho ngengqikithi yakhe, futhi umuntu akakwazi ukuqinisekisa ubufakazi bangempela ngoMoya oNgcwele. Umsebenzi owenziwa nguJohane nalowo owenziwa nguJesu wawungafani futhi izimvelo zawo zazingefani. Yilokho okufanele kunqume ukuthi unguNkulunkulu noma cha. Umsebenzi kaJesu wawungukuqala, ukuqhubeka, ukuphetha kanye nokufeza. Leso naleso sinyathelo kulezi sasenziwa nguJesu, kanti umsebenzi kaJohane wona wawungowesiqalo. Ekuqaleni uJesu wasabalalisa ivangeli washumayela indlela yokuphenduka, ngemva kwalokho wabhabhathiza, welapha izifo futhi waxosha amadimoni. Ekugcineni, wakhulula isintu esonweni futhi waqedela umsebenzi wakhe waleyo nkathi. Washumayeza abantu futhi wasabalalisa ivangeli lombuso wezulu kuzo zonke izindawo. Lokhu kwakufana nakuJohane, kodwa umahluko kwakuwukuthi uJesu owangenisa inkathi entsha futhi waletha iNkathi Yomusa kumuntu. Emlonyeni Wakhe kwaphuma izwi lalokho umuntu okufanele akwenze nendlela umuntu okumele ayilandele eNkathini Yomusa futhi ekugcineni, waqedela umsebenzi wokukhulula. Umsebenzi onjalo wawungeke wenziwe nguJohane. Ngakho, kwakunguJesu owenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi nguye onguNkulunkulu uqobo futhi omele uNkulunkulu ngokuquondile.
kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umsebenzi womuntu unamazinga kanye nemikhawulo. Umuntu oyedwa ukwazi ukwenza umsebenzi wesigaba esithile kuphela futhi ngeke akwazi ukwenza umsebenzi wesikhathi sasendulo esithile—kungenjalo, uyoholela abantu emithethweni. Umsebenzi womuntu ungakwazi ukusebenza ngesikhathi noma ngesigaba esithile kuphela. Lokhu kwenziwa ukuthi ulwazi lomuntu ngalokho ake abhekana nakho luhleliwe. Umuntu angeqhathanise umsebenzi womuntu nomsebenzi kaNkulunkulu. Izindlela zomuntu zokuqhuba kanye nolwazi lwakhe lweqiniso konke kusebenza ohlelweni oluthile. Ungathi indlela ethathwa umuntu igcwele intando kaNkulunkulu, ngoba umuntu angakhanyiselwa uMoya oNgcwele kuphela futhi ngeke akwazi ukugcwaliswa uMoya oNgcwele ngokuphelele. Izinto umuntu abhekana nazo zizonke zingena ngaphansi kohlelo lwesimo somuntu esejwayelekile futhi zingedlule uhlelo lwemicabango esimweni somqondo somuntu esejwayelekile. Bonke labo abake babhekana nokuthile bakuveza kulolu hlobo.
kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngesikhathi esisodwa, uNkulunkulu angase abe nezinhlobo zomsebenzi eziningana kanye nezindlela ezehlukile zobuholi, okwenza abantu bahlale bengenisa okusha futhi benza ushintsho. Ngeke uze uthole imithetho emisha yomsebenzi Wakhe ngoba uhlala ekhanda izindlela ezintsha. Abalandeli baNkulunkulu bakwazi ukungena emithethweni ngale ndlela kuphela. Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo uhlala ugwema imizwa yabantu futhi uhlangabezana nemizwa yabo. Yilabo abamlandelayo kuphela futhi abalandela Yena abanenhliziyo yeqiniso kuphela abangakwazi ukuba nezimo eziguquliwe futhi abakwazi ukuphila ngokukhululeka ngaphandle kokuphoqeleleka ukulandela imithetho noma ukuthiywa yimibono yezenkolo. Okufunwa imisebenzi yabantu kubantu kususelwa kulokho adlule kukho kanye nalokho angafinyelela kukho ngokwakhe. Imigomo yalokhu okudingekayo inomkhawulo wohlelo oluthile, futhi izindlela zokuqhuba nazo zinomkhawulo omkhulu. Ngakho abalandeli benganakile baphile ngaphansi kwalolu hlelo; kuthi ngokuhamba kwesikhathi, kube yimithetho nezinqubo.
kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umsebenzi wendlela kaMoya oNgcwele, noma ngabe kuwumsebenzi kaNkulunkulu noma ukusetshenziswa komsebenzi wabantu, kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele. … umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo uwumsebenzi kaMoya oNgcwele; awukho omunye umsebenzi wobuntu bukaNkulunkulu ngaphandle komsebenzi kaMoya oNgcwele. Umsebenzi wabantu abasetshenziswayo usewumsebenzi kaMoya oNgcwele. Wukuthi nje umsebenzi kaNkulunkulu uyisibonakaliso esigcwele sikaMoya oNgcwele, futhi awukho umehluko, kube umsebenzi wabantu usetshenziselwa ukuxutshaniswa nezinto zabantu eziningi, futhi akusikho ukubonakaliswa kukaMoya oNgcwele okuqondile, ngingasakubali ukubonakaliswa ngokugcwele.
kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Lokho okuvezwa uNkulunkulu yilokho uNkulunkulu uqobo ayikho, futhi lokhu kungaphezu kokufinyelela komuntu, kungaphezu kwemicabango yomuntu. Uveza umsebenzi Wakhe wokuhola bonke abantu, futhi lokhu akuhambisani nemininingwane yalokho umuntu ake wabhekana nakho, kodwa kunalokho kumayelana nendlela Yakhe yokuphatha. Umuntu ubonakalisa lokho ake abhekana nakho ngenkathi uNkulunkulu eveza ubuyena—lokhu kuyisimo Sakhe esingokomlando futhi singaphezu kokufinyelela komuntu. Lokho umuntu ake abhekana nakho ngalokho akubonayo kanye nolwazi alutholile sisuselwa ekubonakaliseni kukaNkulunkulu ubuyena. Lokho okubonwayo nolwazi kubizwa ngokuthi isimo somuntu. Sibonakaliswa esisekelweni sesimo somuntu semvelo kanye nasemandleni akhe angempela; ngakho kubizwa ngokuthi isimo somuntu. … Umuntu ukhuluma ngalokho abhekane nakho. Yilokho engikubonile, lokho imiqondo yabo ekwazi ukufinyelela kukho kanye nalokho imizwa yabo engakuzwa. Yilokho abangakwazi ukukukhonza. Amazwi akhulunywe uNkulunkulu esesimweni somuntu enyameni akuveza ngokuqondile ngoMoya futhi aveza umsebenzi owenziwe nguMoya. Inyama ayikabhekani futhi ayikakuboni, kodwa kusaveza ubuyena ngoba inyama iphila ngoMoya, futhi uveza umsebenzi kaMoya. Yize noma inyama yehluleka ukufinyelela kuwo, kuwumsebenzi osewenziwe nguMoya. Emuva kokuba sesimweni somuntu, ngokuveza kwenyama, wenza abantu bakwazi ukumazi uNkululunkulu uqobo futhi kuvumeleke ukuthi abantu babone isimo sikaNkulunkulu kanye nomsebenzi awenzile. Umsebenzi womuntu wenza abantu bacacelwe kabanzi ngalokho okumele bangene kukho kanye nalokho okumele bakuqonde; okubandakanya ukuholela abantu ekuqondeni nasekubhekaneni neqiniso. Umsebenzi womuntu wukuqhubekisa abantu; umsebenzi kaNkulunkulu ukuvula izindlela ezintsha kanye nokuvulela abantu izinkathi zokomlando zabantu ezintsha, kanye nokudalulela abantu lokho okungaziwa abantu benyama, okwenza ukuthi bazi isimo Sakhe. Umsebenzi kaNkulunkulu ukuhola bonke abantu.
kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Kumele wazi indlela yokwahlukanisa phakathi komsebenzi kaNkulunkulu nomsebenzi womuntu. Ungabonani emsebenzini womuntu? Kunezinto eziningi lokho umuntu ake ahlangabezana nakho ngaphambilini emsebenzini wakhe; lokhu okuvezwa umuntu yilokho ayikho. Umsebenzi kaNkulunkulu uqobo uphinde uveze lokho ayikho, kodwa lokho ayikho kwehlukile kunalokho umuntu ayikho. Lokho umuntu ayikho kumele lokho adlule kukho kanye nempilo (lokho umuntu adlula kukho noma abhekana nakho empilweni yakhe, noma izimfundiso anazo), futhi abantu abaphila ezindaweni ezahlukene baveza izimo zabantu ezahlukene. Ukuthi ngabe unalo ulwazi ngalokho owake wabhekana nakho ngaphambilini okuphathelene nabantu okuthi uphila kanjani futhi ubhekana kanjani nomndeni wakho kungabonakala kulokho okubonakalisayo, kube ngeke uze ubone emsebenzini kaNkulunkulu esesimweni somuntu ukuthi ngabe Yena uke wabhekana nabantu yini. Wazi kahle kamhlophe ingqikithi yomuntu, angakwazi ukudalula zonke izinhlobo zemisebenzi ephathelene nezinhlobo zabantu. Uphuma phambili kakhulu ekudaluleli isimo sokukhohlakala somuntu kanye nokuziphatha kabi. Akaphili phakathi kwabantu abaphila impilo yasemhlabeni, kodwa wazi kahle ngesimo semvelo sabantu basemhlabeni kanye nayo yonke inkohlakalo yabantu abaphila impilo yasemhlabeni. Unjalo nje. Yize engabhekani nomhlaba, uyayazi imithetho yokubhekana nomhlaba, ngoba usiqonda kahle isimo somuntu. Unolwazi ngomsebenzi kaMoya ongeke ubonwe ngamehlo omuntu futhi ongeke kuzwiwe izindlebe zomuntu, namuhla kanye nangaphambilini. Lokhu kubandakanya ukuhlakanipha okungasiyo imfundiso yempilo futhi ukuzibuza ukuthi kungani abantu bebhekana nobunzima bokuqonda lokhu. Yingakho eyilokhu ayikho, kwenziwe kwavuleleka kubantu futhi kufihlakele kubantu. Lokho akuvezayo akusikho lokho umuntu onokwehlukile ayikho, kodwa yilokho okuyigalelo elitholakalayo kanye nesimo sikaMoya. Akahambi emhlabeni kodwa wazi konke okukuwo. Uxhumana "nezazi zomlando" ababengenalwazi noma ukukhanyiseleka, kodwa ukhipha amazwi aphakeme kunolwazi futhi angaphezu kwabantu abakhulu. Uphila phakathi kwabantu abandikindiki abangenabo ubuntu futhi abangaziqondi izivumelwano zabantu kanye nempilo, kodwa angacela isintu ukuthi siphile ngobuntu obujwayelekile, khona manjalo aveze isisekelo kanye nobuntu obuphansi besintu. Konke lokhu kuyilokho ayikho, kungaphezu kwalokho umuntu wenyama negazi ayikho. Kuye, asikho isidingo sokuthi ubhekane nempilo ethinta abantu exakile, nezima nengcolile ukuze wenze umsebenzi adinga ukuthi uwenza futhi udalula ingqikithi yenkohlakalo yesintu. Impilo yokuphila nabantu engcolile ayiyingcwelisi inyama. Umsebenzi kanye namazwi Akhe kudalula ukungalaleli komuntu futhi akuhlinzeki umuntu ngolwazi lwalokho ake abhekana nakho ngaphambilini kanye nezifundo zokubhekana nomhlaba. Akadingi ukwenza uphenyo ngomphakathi noma ngomndeni womuntu uma enika umuntu ukuphila. Ukudalula nokwahlulela umuntu akusikho ukuveza ulwazi Lwakhe ngalokho Ake abhekana nakho ngaphambilini enyameni Yakhe; kuwukudalula ukungalungi komuntu emuva kokwazi ukungalaleli komuntu kwesikhathi eside kanye nokubekezelela inkohlakalo yomuntu. Umsebenzi awenzayo ukudalula isimo Sakhe kubantu nokuveza ubuyena. Nguye kuphela ongenza lokhu, akusiyo into engenziwa umuntu wenyama negazi. Mayelana nomsebenzi Wakhe, umuntu akanakusho ukuthi uwuhlobo luni lomuntu. Umuntu akakwazi ukumahlukanisa ngokwezigaba njengoba Kunguye owadala umuntu ngesisekelo somsebenzi Wakhe. Lokho ayikho kuphinde kumenze angakwazi ukwahlukaniswa ngokwezigaba njengomuntu odaliwe. Umuntu ukwazi ukumcubungula ngendlela engasiyo eyomuntu, kodwa akazi ukuthi angamfaka kuziphi isigaba, ngakho umuntu uphoqeleleka ukuthi amfake esigabeni sikaNkulunkulu. Akumangazi ukuthi kungani umuntu enza nje, ngoba wenze umsebenzi omkhulu kakhulu phakathi kwabanu kangangoba umuntu akakwazi ukwenza njalo.
kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu awuvezi ulwazi analo ngalokho ake wahlangabezana nakho ngaphambili okuphathelene nenyama; umsebenzi owenziwa umuntu umela ulwazi umuntu analo ngalokho ake abhekana nakho ngaphambilini. Wonke umuntu ukhuluma ngalokho abhekane nakho. UNkulunkulu ukwazi ukuveza iqiniso ngokuqondile, kube umuntu uveza abhekane nakho okuhambisanayo emuva kokubhekana neqiniso. Umsebenzi kaNkulunkulu awunayo imithetho futhi awuncikanga esikhathini noma kuzingqinamba zendawo. Angaveza ayikho noma kunini, noma kukuphi. Usebenza ngendlela emthokozisayo. Umsebenzi womuntu unemigomo nengqikithi; kungenjalo, akakwazi ukusebenza futhi akakwazi ukuveza ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu noma indlela abhekane neqiniso ngayo. Okufanele ukwenze ukuqhathanisa umehluko phakathi kwakho ukuze ukwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu uqobo noma umsebenzi womuntu. Uma ungekho umsebenzi owenziwe uNkulunkulu Uqobo futhi uma kunomsebenzi womuntu kuphela, uzokwazi ukuthi izimfundiso zabantu ziphakeme kakhulu, ngaphezu kwamandla omunye umuntu; indlela abakhuluma ngayo, imigomo abayilandelayo uma bebhekene nezimo kanye nendlela yabo asebeke babhekana nayo ngaphambilini futhi engasheshi ekusebenzeni ingaphezu kokufinyelela kwabanye abantu. Nonke niyabahlonipha abantu abanobuntu obukhulu, kodwa aniwuboni umsebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi okuphakama kobuntu Bakhe. Kunalokho, ungojwayelekile, futhi uma kusetshenzwa, ungojwayelekile futhi ongoweqiniso kodwa futhi angelinganiswe abantu, okwenza abantu bamhloniphe ngendlela ehlukile. Mhlawumbe isimo umuntu abhekane naso emsebenzini wakhe siphakeme kakhulu, noma imicabango nokuqonda kwakhe kuphakeme kakhulu, futhi ubuntu bakhe bungokulungile; lokhu kungenza abantu bamthande impela, kodwa kungenzi babe nokumesaba. Abantu babathanda bonke abakwazi ukusebenza futhi ulwazi olunzulu ngalokho ake abhekana nakho ngaphambilini futhi abakwazi ukwenza iqiniso, kodwa bayehluleka ukuveza ukwesaba, kuba nje ukuthanda nokumhalela. Kodwa abantu abake bahlangabezana nomsebenzi kaNkulunkulu abangamthandi uNkulunkulu, kunalokho abona ukuthi umsebenzi Wakhe ungaphezu kokufinyelela kwabantu futhi ungeqondwe umuntu, futhi omusha nomangalisayo. Uma abantu behlangabezana nomsebenzi kaNkulunkulu, ulwazi lwabo lokuqala Ngaye kuba ukuthi akaqondakali, ukhaliphile futhi uyamangalisa, futhi bamhloniphe ngokuzenzakalela bengaboni futhi bezwe imfihlakalo yomsebenzi awenzayo, ongaphezu kokufinyelela komuntu. Abantu bafuna ukukwazi ukuhlangabezana nezidingo Zakhe, ukwanelisa ukulangazelela Kwakhe; abafisi ukumedlula, ngoba umsebenzi awenzayo ungaphezu kokucabanga komuntu futhi umuntu ngeke aze akwazi ukuwenza. Ngisho umuntu uqobo akazazi izici zakhe, kube uvule indlela entsha futhi uzofaka abantu emhlabeni omusha nomuhle kakhulu, ukuze isintu sibe nenye inqubekelaphambili futhi siqale kabusha. Le mizwa umuntu ayizwayo Ngaye akusilo uthando, noma kunalokho, akusilo uthando kuphela. Ababhekana nakho kakhulu ukwesaba nothando, umuzwa wabo wukuthi uNkulunkulu umangalisa ngempela. Wenza umsebenzi abantu abangeke bakwazi ukuwenza, usho izinto abantu abangeke bakwazi ukuzisho. Abantu ababhekane nomsebenzi Wakhe bahlala bebhekana nomuzwa ongachazeke. Abantu ababhekana nokujulile bamthanda kakhulu uNkulunkulu. Bahlala bezwa ubuhle Bakhe, babona ukuthi umsebenzi Wakhe ukhaliphe kakhulu, muhle kakhulu, futhi lokhu kubanika amandla angelinganiswe. Akusikho ukwesaba noma uthando lwesikhashana noma inhlonipho, kodwa umuzwa ojulile wokuthanda uNkulunkulu nokubekezela komuntu. Nokho, abantu ababhekane nokusolwa nokwahlulelwa Kwakhe bambona enomlingo futhi engathikanyezwa.
kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma umuntu ubengenza lo msebenzi, ubuzoba nemingcele eminingi kakhulu: Bekungamthatha ibanga elithile umuntu, kodwa bekungeke kumfikise esiphethweni sakhe saphakade. Umuntu akakwazi ukunquma ngesiphetho somuntu, futhi, ngaphezu kwalokho, akakwazi ukuqinisekisa ngamathemba nesiphetho esikhathini esizayo. Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu, kepha, uhlukile. Njengoba adala umuntu, Yena uyamhola; njengoba esindisa umuntu, uzomsindisa nokumsindisa, futhi uzomzuza ngokwempela; njengoba ehola umuntu, uzomletha esiphethweni esifanele; futhi njengoba adala futhi ephethe umuntu, uyena okufanele abonelele mayelana nomphumela womuntu namathemba. Yilokhu umsebenzi owenziwa nguMdali.
kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Ngakwamukela Ukubuya KweNkosi
Tumblr media
uQingxin, eMyanmar
Abazali bami bobabili bangamaKristu futhi kusukela ebuncaneni bami ngaqala ukuya nabo enkonzweni ukuze ngithamele izinkonzo. Lapho ngineminyaka eyi-12 ngahambela ikhempu enkulukazi yamaKristu eMyanmar, futhi ngenkathi ngilapho umfundisi othile wathi kimina: “Ukuphela kwendlela yokugwema ukufa beseungena embusweni wezulu ukubhaphathizwa.” Ngakho-ke ukuze ngingene embusweni wezulu nganquma ukubhaphathizwa ngenkathi ngikule khempu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeka, ngaba ngumKristu wangempela.
Ngemva kokufinyelela ebudaleni, ngaba ngusihlalo wenhlangano yentsha ebandleni lami iminyaka eminingi, futhi noma nini lapho abashumayeli bengekho, ngangiye ngihole abafowethu nodadewethu ngomkhuleko, izifundo zeBhayibheli, ukucula izingoma, kanye nokwabelana ngobufakazi. Ngemva kokushada, ngabekwa esikhundleni sokwamukela iminikelo yangeSonto kanye nokweshumi. Ekuqaleni ibandla lethu lalinomsebenzi kaMoya oNgcwele: Umfundisi wayekhuluma kahle futhi ngokucacile, futhi abafowethu nodade babejabulela izintshumayelo futhi bezizwa ukuthi bayaqiniswa yizo. Wonke umuntu wayegcwele ukuzethemba, futhi sonke sasihambela izinkonzo zebandla futhi sisakaza ivangeli nakuphi lapho sinokukwenza ngentshisekelo enkulu. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi izintshumayelo zomfundisi zaba yimpindampindo futhi zingasenamdlandla, futhi zazingasakwazi ukuhlinzeka ngalokho esikudingayo. Ngakho-ke, ukuqiniseka kwabafowethu nodadewethu kwaqala ukwehla, futhi base beba nentshisekelo kakhulu emalini nasenjabulweni yenyama. Inani lamalungu ebandla laqala ukwehla, kwaze kwaba yilapho umfundisi kudingeka enze ubizo njalo ngoMgqibelo ukuze azame ukuthi wonke umuntu abe khona. Ngisho nalapho abafowethu nodade befikile babehlabelela izingoma ngokunganaki nangaphandle kokuzinikela, bazilalele ngesikhathi sezintshumayelo, bazixoxele ngezamabhizinisi uma nje izinkonzo ziphuma. Izinkonzo zase zingamazwi nje kodwa angenasisindo. Futhi ngangikhathazeke kakhulu ngalokhu. Ngazicabangela ngathi: “Ibandla lethu liphenduke kanjani laba amadlelo nje angenalutho?” Kodwa ngase ngikhumbula ukuthi eminyakeni engaphezu kwengama-30 eyedlule ngangivame ukuzwa abefundisi abahlukene besho into eyodwa: “Sikholwa eNkosini uJesu, ngakho-ke izono zethu zonke zithethelelwe.” “Sithola insindiso ngomusa kaNkulunkulu ngenxa yokholo lwethu.” INkosi uJesu seyivele iqedile umsebenzi Wayo wokuhlenga kanye, ngakho-ke thina abakholwa eNkosini sisindisiwe vele futhi siyongena embusweni wezulu. Ngenxa yalokhu, ukuthi “Ngisindisiwe vele, ngizongena embusweni wezulu” ngibe yisisekelo sokukholwa kwami ​​kuNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi ibandla lalibuthakathaka kangakanani, noma ukuthi abakholwayo babentekenteke futhi benganakile kanjani, ngangiyohlale ngizitshela ukuthi: “Kumele ngigcine indlela yeNkosi. Inqobo nje uma ngingashiyi iNkosi, ngeke ingishiye. Lapho iNkosi ibuya, iyongingenisa embusweni wezulu.” Nakuba ngangilokhu ngizixwayisa ngale ndlela, ngangisakwazi ukuqhubeka endleleni yeNkosi: Ngangona emini bese ngivuma izono ebusuku, kodwa noma nini lapho ngithandaza, ngangingayizwa iNkosi eduze kwami. Umoya wami wawumnyama futhi wawungenalutho, futhi ngangizizwa sengathi ngiya ngokuya ngiqhela eNkosini, njengokungathi yayingishiyile. Lokhu kwangibangela ukuhlupheka okukhulu, kodwa ngangingakwazi ukuthola umthombo wenkinga ...
NgoFebhuwari 2016 ngahlangana noMfowethu uZheng noDade uLi Hui ku-inthanethi. Ngemva kokwabelana ngokuhlangenwe nakho mayelana nokholo eNkosini komunye nomunye, ngabatshela mayelana nokudideka kwami ​ngokuthi ibandla lase liphenduke amadlelo angenalutho. UMfowethu uZheng wathi kimi: “Akusilona nje ibandla lenu elibuthakathaka nelilahliwe: Umphakathi wonke wenkolo uphazamiseke njengamanje. Kufana nethempeli elase lishiyiwe laphenduka umhhume wamasela ngenkathi iNkosi uJesu yenza umsebenzi Wayo. Uma siqonda ukuthi leliya thempeli laphenduka kanjani incithakalo vele kwasekuqaleni, lapho-ke sizokwazi ukuthi kwenzeke kanjani ukuba ibandla lonkana liphenduke libe yincithakalo futhi libe buthakathaka kanje manje. Ngenkathi iNkosi uJesu iphetha iNkathi Yomthetho futhi iqala iNkathi Yomusa, uMoya oNgcwele awuzange wenze umsebenzi ethempelini kodwa kunalokho wawenza kulabo bantu abamukela futhi balandela iNkosi uJesu. Labo ababekhonza uJehova baphuthelwa umsebenzi kaMoya oNgcwele ngoba babengakwazi ukuhambisana nesivinini somsebenzi kaNkulunkulu. Ngaphandle kokuvikelwa nokunakekelwa nguNkulunkulu, bahlala esonweni, njengalokhu kwabonakala ithempeli labo seliphenduke indawo yokuthengisa izinkomo, izimvu, namajuba nokushintshanisa ngemali. Ithempeli kuqala elalibenyezela ngenkazimulo kaJehova laba umhhume wamaphangi, ngaleyo ndlela lacasula isimo sikaNkulunkulu futhi lafulathelwa NguYe ngokwenyanya. Lokhu kwaba esinye sezizathu zokuthi kungani ithempeli ekuqaleni lawela encithakalweni.” Sabe sesihlola amavesi amabili avela eNcwadini ka-Amose eBhayibhelini: “Futhi ngiyimisile imvula kinina, kusezinyanga ezintathu ngaphambi kokuvuna: ingxenye eyodwa yaniselwa, futhi lapho line khona akuzange kushe” (u-Amose 4:7). “Bhekani, izinsuku ziyeza, kwasho iNkosi UNKULUNKULU, engizothumela ngazo indlala ezweni, hhayi indlala yesinkwa, noma ukomela amanzi, kodwa eyokuzwa amazwi kaJehova” (u-Amose 8:11). Umfowethu uZheng waphinda wangithumelela imibhalo emibili yamazwi kaNkulunkulu uSomandla: “UNkulunkulu uyofeza leli qiniso: Uyokwenza ukuthi bonke abantu emhlabeni wonke beze phambi Kwakhe, futhi bakhonze uNkulunkulu emhlabeni, futhi omunye umsebenzi Wakhe kwezinye izindawo uyophela, futhi abantu bayophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Kuyoba njengakuJosefa: Bonke babeya kuye ukuze bathole ukudla, futhi bamkhothamele, ngoba wayenezinto ezidliwayo. Ukuze bagweme indlala abantu bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Wonke umphakathi wamakholwa ubhekene nendlala enzima, futhi uNkulunkulu wanamuhla kuphela ongumthombo wamanzi okuphila, umthombo ogeleza njalo owenzelwe ukuba abantu bajabule, futhi abantu bazoza bancike Kuye” (“Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). “Kube empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu okubo waphela kudala, futhi umsebenzi kaMoya oNgcwele awukho kubo. Umsebenzi kaNkulunkulu wadluliseleka kwelinye iqembu labantu kudala, iqembu ayehlose ukuqedela umsebenzi wakhe omusha kulo. Ngoba labo abakwezenkolo bayehluleka ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu omusha, futhi babambelela emsebenzini wakudala, ngakho uNkulunkulu ubalahlile labo bantu, futhi wenza umsebenzi Wakhe omusha kubantu abamukela lo msebenzi omusha. Laba ngabantu abasebenzisana nomsebenzi Wakhe omusha, futhi umsebenzi wokuphatha ungafezeka ngale ndlela kuphela” (“Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). UMfowethu uZheng wabe esethi: “Amabandla njengamanje ayincithakalo njengoba ithempeli lalinjalo, futhi kungenxa yokuthi uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha. INkosi uJesu ebesiyilindele ngokulangazela manje isizelwe enyameni futhi ibuyele phakathi kwethu. Ithathe igama elithi Nkulunkulu uSomandla ukwambula iqiniso nokwenza umsebenzi wokwahlulela, ukuhlanza nokusindisa umuntu ezinsukwini zokugcina. Ufikile ukuzophetha iNkathi Yomusa bese eqala iNkathi Yombuso. UMoya oNgcwele usevele uwashiyile amabandla manje useqala iNkathi Yomusa futhi manje usesebenza kulabo abamukela umsebenzi uNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina. Bonke labo abagcina nje igama leNkosi uJesu kuphela kodwa bengahambisani nomsebenzi omusha kaNkulunkulu abasenaye uNkulunkulu eduze kwabo, bengasenawo umsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi ngeke baphinde banikwe amanzi aphilayo okuphila. Ngakho-ke, vele la mabandla azoqhubeka nokuba yincithakalo ... ”
Ngokulalela uMfowethu uZheng, ngaqaphela ukuthi isimo namabandla namuhla sifana ncamashi namathempeli lapho iNkosi uJesu yaqala khona umsebenzi wayo. Nganginomuzwa wokuthi kwakukhona ukukhanya okusha nokuqondiswa kweNkosi kulokho uMfowethu uZheng ayehlanganyela ngakho. Kodwa ngangizizwa ngidideka kulokho ayekushilo mayelana neNkosi uJesu ibuyela ukwenza umsebenzi wokwahlulela nokuhlanza umuntu: Kungenzeka ukuthi iNkosi uJesu ibuyile, kodwa thina makholwa sase sisindisiwe vele, ngakho lapho iNkosi ibuya kufanele isiyise ngqo embusweni wezulu, hhayi ukwenza esinye isigaba sesahlulelo nomsebenzi wokuhlanza! Kodwa-ke ngabona ukuthi ukubuya kweNkosi kwakuyisehlakalo esikhulu ngakho-ke kufanele ngiqale ngifune kanzima izimpendulo.
Ngakho-ke, ngatshela uMfowethu uZheng ngokudideka kwami yena wathi: “Abafowethu nodade abaningi beNkosi banalowo mbono wakho. Babuye bacabange ukuthi ngenxa yokuthi samukele iNkosi uJesu njengoMsindisi wethu, khona-ke izono zethu zithethelelwe, sizothola insindiso ngomusa Wakhe, futhi lapho ebuya sonke sizongena ngqo embusweni wezulu. Ngakho-ke, beyenqaba ukwamukela insindiso kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. Isizathu esiqavile salokhu ukuthi asiyiqondi imiphumela emihle umsebenzi weNkosi uJesu eyilethile futhi asiwazi umsebenzi kaNkulunkulu. UNkulunkulu uSomandla wathi: ‘Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono’ (‘Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)’ kwethi Izwi Livela Lisenyameni). ‘Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila’ (kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni). Kusuka emazwini kaNkulunkulu siyabona ukuthi umsebenzi weNkosi uJesu phakathi neNkathi Yomusa kwakuyilowo wokuhlengwa kwesintu. INkosi uJesu yabethelwa esiphambanweni ukuba ibe ngumnikelo wezono, ukusikhulula ekulahlweni ngumthetho. Ngokuza phambi kweNkosi, ukuvuma izono zethu, nokuphenduka, siyakwazi ukuthethelelwa ezonweni zethu. Lokhu kungukusindiswa. Ngamanye amazwi, ukusindiswa kusho ukuthi izono zithethelelwe futhi akukho ukulahlwa yisono phansi komthetho, kodwa akusho ukuthi siphunyukile esimweni sikaSathane esonakele noma esimweni sethu sobusathane futhi ngeke siphinde sone. Imvelo yethu yobusathane njengokuziqhenya nokuzidla, ubuqili nokukhohlisa, ubugovu nokuthobeka, ububi nokuhaha kusekhona. Ngenxa yokubusa kwesimo sethu sobusathane, sisaqhubeka senza izono njalo, sivukele futhi simelane noNkulunkulu. Ikakhulukazi uma kungahambisani nemibono yethu, sivame ukwahlulela uNkulunkulu ngokunganaki, siyammangalela uNkulunkulu futhi simelane noNkulunkulu. Ngabe isintu esinjengathi esonekele kakhulu futhi esimelana noNkulunkulu sithola kanjani indumiso Yakhe? Ingabe sifanelekile na ukungena embusweni wezulu? Uma uNkulunkulu asingenisa—isintu esonakele esimelana Naye futhi esingesikaSathane—embusweni Wakhe, khona-ke ngeke kube khona indlela yokuveza ukulunga nobungcwele bukaNkulunkulu. Ngakho-ke, ukholo lwethu eNkosini lusilethela ukuthethelelwa kwezono zethu kodwa hhayi ukuphunyuka okuphelele esonweni noma ukungena embusweni wezulu. Sidinga uNkulunkulu ukuba enze isigaba somsebenzi wokwahlulelwa kanye nokuhlanzwa ukuze kuguqulwe isimo sethu esibi futhi sisuse ngokuphelele izikhonkwane zesimo sethu sesono. Uma izimo zempilo yethu seziguquliwe, ngeke sisavukela noma simelane noNkulunkulu futhi siyokwazi ukumlalela futhi simkhulekele ngokweqiniso, sitholwe ngokuphelele Nguye, sisindiswe ngokuphelele Nguye futhi singene embusweni wezulu ukuze sizuze ifa alithembisile.”
Lapho ngizwa amazwi kaNkulunkulu uSomandla kanye nokuhlanganyela kukaMfowethu uZheng, ngabona ukuthi lokho iNkosi uJesu ekwenzile ngeNkathi Yomusa kwakuwumsebenzi wokuhlenga, hhayi umsebenzi wokuhlanza umuntu nokuguqula ngokuphelele isimo somuntu esikhohlakele. Njengoba abantu benza izono, kufanele babekwe icala futhi bajeziswe ngaphansi komthetho, kodwa ngenxa yokuhlenga kweNkosi, uma siza phambi kweNkosi uJesu futhi sivuma futhi siphenduka, khona-ke siyothokozela umusa Wakhe futhi sithethelelwe izono zethu. UNkulunkulu akasiboni njengabagcwele isono futhi uyasikhulula ekujezisweni, lokho-ke kuyinsindiso. Kodwa le insindiso ayisho ukuthi umuntu uhlanzwe futhi usindiswe ngokuphelele. Kubonakala sengathi abantu abaliqondi iqiniso, ngakho-ke banokungaqondisisi mayelana nokuthi iyini insindiso yangempela. Ngicabanga ngalokhu ukuthi manje sisaphila impilo yesono—senza izono bese sizivuma nsuku zonke—ngakho-ke yingakho sidinga esinye isigaba somsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela nokuhlanza. Lapho ngicabanga ngalokho umfundisi akusho ekhempini—“Indlela eyodwa yokuthi umKristu agweme ukufa futhi angene embusweni wezulu ukubhaphathizwa ”—Ngibona ukuthi le ndlela yokucabanga ayiwenzi ngempela umqondo. Singaze sisho ukuthi ingukucabangisa okwengane futhi iyihlaya. Kamuva lapho sengikwazi ukuxoxa isikhathi eside noMfowethu uZheng noDade uLi Hui futhi ngikwetshise kahle ukuhlanganyela kwabo, ngaba nomuzwa wokuthi kukhona iqiniso emazwini kaNkulunkulu uSomandla, ukuthi ayawenza umqondo kakhulu, futhi angangihlomulisa futhi angisize kokuningi. Kodwa ukubuya kweNkosi kuyinto enkulu, futhi ukuze kuphathwe njengokubaluleka kwakho nangokucophelela nganquma ukuqhuba uphenyo olunzulu ngomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina.
Ngakho, emavikini alandelayo ngaqala ukucinga ku-inthanethi ulwazi ngomsebenzi wezinsuku zokugcina zikaNkulunkulu uSomandla. Ngaphambi kokungena ku-inthanethi, ngathandaza eNkosini: “Nkosi, uma uNyazi LwaseMpumalanga ngempela kuwukubuya kwesibili kweNkosi uJesu engikholwa Kuye, ngiyakuncenga ukuba ungikhanyisele futhi ungivumele ukuba ngilazi iphimbo Lakho.” Nginganakile, ngachofoza kuwebhusayithi futhi ngamangala ukuthi kwakuyikho konke ukwahlulelwa, ukuhlaselwa, nokusolwa kukaNkulunkulu uSomandla nebandla Lakhe kusuka emphakathini wenkolo kanye neCCP. Ngashaqeka kakhulu futhi ngaba novalo lokuthi ngase ngingene endleleni eyingozi. Ngakho, ngathumela ilinki kuMfowethu uZheng noDade uLi Hui futhi ngababuza: “Ingabe nikuchaza kanjani konke lokhu?” Ekuqaleni ngangicabanga ukuthi uMfowethu uZheng nabanye babengeke babe nayo impendulo kule mininingwane engangiyithumele, ngakho ngamangala lapho bephendula ngokungatatazeli nangesibindi: “UNkulunkulu uSomandla unguNkulunkulu wangempela, iNkosi uJesu ebuyile. Izinto umphakathi wenkolo kanye neCCP abazisakaza ku-inthanethi konke kuyinzwabethi namahemuhemu okwenzelwe ukudidisa abantu. Kuyingxenye yecebo labo elibi lokuvimbela abantu ukuba balandele uNkulunkulu .... ”
Lokho okwakushiwo uMfowethu uZheng kwangithinta ngempela, futhi enhliziyweni yami ngaqala ukuba nenkinga yokukuqonda konke lokhu. Ngaphuma ku-inthanethi ngase ngithandaza eNkosini: “Nkosi, uma uNkulunkulu uSomandla enguwe ngempela obuyile ngicela ukuba ungikhanyisele futhi ungicacisele ukuze ngikwazi ukuqonda indlela Yakho futhi ngingaphuthelwa ithuba lokubona ukubuya Kwakho. Uma konke lokho okuku-inthanethi kungamahemuhemu nje asakazwa ngumphakathi wenkolo kanye neCCP, kwangathi ungayigcina inhliziyo yami ukuze ngithole ukuqonda futhi ngingawalaleli amaqhinga kaSathane.” Ngemva kokuthandaza ngazizwa nginokuthula, ngase ngikhumbula izikhathi lapho nami nganginamekwe ngecala ngingalenzanga, kanye nesikhathi lapho umgcinisitolo othile engangimazi owayeqhuba ibhizinisi elilungile edayisa imikhiqizo ye-jade igama lakhe langcoliswa ngamahemuhemu asakazwa owayencintisana naye owayenomhawu. Ukukhanya okuncane kwaqala ukukhanya enhliziyweni yami futhi ngabona ukuthi leli zwe limnyama futhi limbi kangakanani nokuthi okuningi kwalokho okuku-inthanethi—okuhle noma okubi—abantu nje bezikhulumela nje. Ngabe sengicabanga ngokucophelela ngezinsolo zaku-inthanethi mayelana noNkulunkulu uSomandla nebandla Lakhe ezazisakazwa ngumphakathi wenkolo kanye neCCP: Kwakungekho ubufakazi obunikezwayo futhi akukho kulokhu okwakubonakala kukholakala. Ngaphezu kwalokho, ngangifunde amazwi kaNkulunkulu uSomandla futhi ngathintana nabafowethu nodade beBandla likaNkulunkulu uSomandla. Lokho ababekusho kwakungahlangani nokuhlangana namahemuhemu ayesakazwa ku-inthanethi, futhi babengazange bazame ukungiphoqa ukuba ngijoyine ibandla labo. Ezinyangeni ezimbalwa zokuxhumana nabo, ngaphandle kokuhlola iBhayibheli, ukufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, nokuhlanganyela ngamazwi kaNkulunkulu nami, sasingazange sikhulume ngokunye. Uma ngibuka indlela ababekhuluma ngayo, kwakubonakala ukuthi babengamaKristu alungile. Ukuhlanganyela kwabo kwakugcwele ukukhanya futhi ngangizwa ukuthi kwakuwusizo kimi, futhi ibandla labo laliyibandla ngempela elinemisebenzi kaMoya oNgcwele. Ngicabanga ngalokhu, ngabona ukuthi ibandla elinomsebenzi kaMoya oNgcwele liyibandla likaNkulunkulu, ngakho-ke uSathane uzolihlasela futhi aliphikise futhi kube khona inkulumo-ze engalungile elizungezile.
Ngosuku oluthile ngifunda ku-inthanethi mayelana nezenzo eziningi ezimbi ze-CCP: Ukuthi baxosha kanjani izithunywa zevangeli eChina, bashisa amaBhayibheli, badiliza amasonto, futhi bavalela baphinde babulala amaKristu .... Inzondo nentukuthelo ngeCCP yakhula enhliziyweni yami. Bangaba kanjani nobubi obungaka baze bashushise amaKristu angenacala, angahlomile? I-CCP elokhu yayiphikisana njalo noNkulunkulu ngokukhuthaza ukungakholwa kuNkulunkulu, futhi ebambe yashushisa amaKristu ngendlela enesihluku nobulwane, ngakho kwakungekho indlela yokwazi ukuthi ngabe lokho okwakushiwo kwakuyiqiniso noma amanga. Ngakho-ke, ngaqala ukuxhumana noMfowethu uZheng nabanye, futhi bahlanganyela ngamaqiniso amaningi aphathelene nomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina nendlela yokwahlukanisa amacebo kaSathane obuqili.... Emva kokubalalela ngangizwa sengathi nginokuqonda kangcono umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina futhi ngangikwazi ukwahlukanisa ukuthi uvobe owawusabalaliswa nge-inthanethi ngumphakathi wenkolo ne-CCP konke kwakungamahemuhemu angenasisekelo nangenangqondo ayeyingxenye yamasu kaSathane okuvimbela abantu ukuthi bamukele umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla. Nganquma ukungalaleli lutho lomphakathi wenkolo kanye neCCP. Ukukhathazeka nokwesaba enhliziyweni yami kwanyamalala futhi, ngesikhathi esifanayo, ngaqaphela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla kanye nomsebenzi weNkosi uJesu kwakufana futhi bobabili babeye babhekana nokuphikiswa nokumangalelwa yezombangazwe enobusathane okuvela kwabezenkolo. Kimina, lokhu kwaqinisekisa nakakhulu ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla yiyona ndlela yeqiniso!
Ngelinye ilanga lapho ngisebenzisa u-Facebook, ngezwa iculo elidumisa uNkulunkulu, engalizwa liwunyakazisa umphefumulo ngokukhethekile. Ngempela, uNkulunkulu kuphela ofanelwe udumo futhi ufanelwe ukuphakanyiswa. Le ngoma yayinokuhola kukaMoya oNgcwele futhi lapho ngibheka ukuthi ivelaphi, ngathola ukuthi ingenye yezingoma zeBandla likaNkulunkulu uSomandla. Ngahluleka ukuzibamba ngezwa izinyembezi zehla ngenxa yalokhu, futhi ngenjabulo ngafuna abafowethu nodade ukuba ngibatshele ukuthi uNkulunkulu unyakazise inhliziyo yami futhi wangihola .... Manje ngikholwa ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi uJesu ebuyile, futhi ngizimisele ukulandela uNkulunkulu uSomandla kuze kube sekupheleni kwendlela.
Manje ngikhonza eBandleni LikaNkulunkulu uSomandla, futhi angigcini nje ngokujabulela ukuhlinzekwa ngamanzi aphilayo okuphila okuvela esihlalweni sobukhosi, kodwa ukuzethemba kwami nothando sekuhlunyelelisiwe. Okubaluleke nakakhulu, manje ngiyakwazi ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile, ubumnyama nokukhanya. Ngiyazi ukuthi yikuphi okungamaqiniso futhi yikuphi okungamahemuhemu. Amaqiniso avela kuNkulunkulu, ngenkathi amahemuhemu evela kuSathane. Uma sizwa amahemuhemu, akufanele nje sihambisane nawo kalula nje kodwa kufanele sahlukanise ngokucophelela iqiniso namanga, sithandaze ngobuqotho, sifune ngokuthobeka futhi sihlole indlela yeqiniso. Yilapho kuphela-ke lapho siyokwazi ukuphunyuka emaketangeni amahemuhemu bese sibuyela phambi kukaNkulunkulu.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
1. Yini umehluko phakathi kwamagama akhulunywe yiNkosi uJesu Ngenkathi Yomusa kanye namagama akhulunywe uNkulunkulu uSomandla Ngenkathi Yombuso?
Tumblr media
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Phendukani: ngoba umbuso wezulu ususondele” (UMathewu: 4:17).
“Futhi ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono kufanele kushunyayelwe egameni lakhe ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema” (ULuka 24:47).
“Futhi uma noma ngabe yimuphi umuntu ezwa amazwi ami, engawakholwa, angimahluleli: ngoba angizanga ukuzokwahlulela umhlaba, kodwa ukusindisa umhlaba. Lowo ongalayo, engawamukeli namazwi ami, ukhona ozomahlulela: izwi engilikhulumile, lona lizomehlulela ezinsukwini zokugcina” (Johane 12:47-48).
“Ngoba sesifikile isikhathi sokuqala kwesahlulelo endlini kaNkulunkulu ...” (1 Petru 4:17).
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Ekuqaleni uJesu wasabalalisa ivangeli washumayela indlela yokuphenduka, ngemva kwalokho wabhabhathiza, welapha izifo futhi waxosha amadimoni. Ekugcineni, wakhulula isintu esonweni futhi waqedela umsebenzi wakhe waleyo nkathi.
kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umsebenzi kaJesu wawumayelana nokuhlengwa komuntu kanye nokubethelwa Kwakhe kuphela. Ngakho, sasingekho isidingo sokuba asho amazwi amaningi ukuze anqobe umuntu. Okuningi kwalokho akufundisa umuntu kwakuthathwe emiBhalweni futhi ngisho nomsebenzi Wakhe awuzange udlulele ngale kwemiBhalo, kunalokho Wakwazi ukufeza umsebenzi wokubethelwa. Umsebenzi Wakhe wawungekho mayelana nezwe, noma ukunqoba isintu, kodwa wawumayelana nokuhlenga isintu. Waba njengomnikelo wesono wesintu, futhi akazange abe njengomthombo wezwi esintwini.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngaleso sikhathi, uJesu wakhuluma kubafundi Bakhe kuphela ochungechungeni lwezintshumayelo eNkathini Yomusa, ezifana nokuthi bangenza kanjani, bangahlanganyela kanjani ndawonye, bangacela kanjani ngomkhuleko, bangabaphatha kanjani abanye, nokunye. Umsebenzi awenza wawungoweNkathi Yomusa, futhi wachaza kuphela ukuthi kumele abafundi nalabo abamlandelayo benze kanjani. Wenza umsebenzi weNkathi Yomusa kuphela akenzanga lutho okwezinsuku zokugcina. … Umsebenzi kaNkulunkulu enkathini ngayinye unemingcele ecacile; wenza kuphela umsebenzi wenkathi yangaleso sikhathi futhi akawenzi umsebenzi wesigaba esilandelayo singakafiki isikhathi sawo. Yingale ndlela kuphela ezokwenza ukuba umsebenzi wesigaba ngasinye ulethwe phambili. UJesu wakhuluma kuphela ngezimpawu zezinsuku zokugcina, ngokuthi ubekezela kanjani nokuthi usindiswa kanjani, nokuthi uyophenduka kanjani uvume nezono, kanjalo nokuthi usithwala kanjani isiphambano ubekezelele ukuhlupheka; akaze akhulume ngokuthi abantu ezinsukwini zokugcina kumele bangene kanjani noma kumele bafune kanjani ukwanelisa intando kaNkulunkulu.
kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ake sibheke ingxenye ngayinye “ye Ntshumayelo yaseNtabeni” Ingabe konke lokhu kumayelana nani? Kungashiwo ngesiqiniseko ukuthi konke lokhu kuphakeme, kuliqiniso, futhi kusondelene nezimpilo zabantu uma uqhathanisa nemibandela yeNkathi Yomthetho. Uma sikhuluma ngolimi lwamanje, kuyahambisana nendlela abantu abaphila ngayo.
Ake sifunde okuqukethwe yilokhu okulandelayo: Kumele ukuqonde kanjani ukubusiseka? Yini okumele uyazi ngomthetho? Kumele ichazwe kanjani intukuthelo? Kumele senzenjani mayelana nokuphinga? Kuthiwani, futhi imithetho enjani ehambisana nesahlukaniso, ubani ongahlukanisa? Kuthiwani ngezifungo, iso ngeso, thanda izitha zakho, isifundiso ngokunikela, kanye nokunye? Zonke lezi zinto zihambisana nayo yonke ingxenye yemikhuba yenkolelo yesintu kuNkulunkulu, kanye nokulandela kwabo uNkulunkulu. Eminye yale mikhuba isenziwa nanamuhla, ayimihle futhi ayisona isidingo kubantu. Kungamaqiniso abantu abahlangabezana nawo ngenkolelo yabo kuNkulunkulu. Kusukela ngesikhathi iNkosi uJesu iqala ukusebenza, Yayisiqalile ukusebenza ngesimo sempilo yabantu, kodwa yayisuselwa esisekelweni semithetho. Ingabe izimiso kanye nokushiwo kulezi zihloko zazihambisana yini neqiniso? Impela kunjalo! Yonke lemigomo, izimiso ezidlule, kanye nentshumayelo yeNkathi Yomusa, ingabe kwakuhambisana yini nesimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu anakho nayikho, kanjalo neqiniso futhi. Noma ngabe iyiphi into uNkulunkulu ayishoyo, noma ngabe uyisho kanjani, noma ngabe usebenzisa yiphi inhlobo yolimi, isesekelo sayo, umsuka wayo, kanye nalapho iqala khona, konke kususelwa emigomeni yesimo sikaNkulunkulu kanye nalokho anakho nayikho. Lokhu akunalo iphutha. Noma ngabe lezi zinto zibonakala zingenayo injula, kodwa ngeke uthi azinalo iqiniso, ngokuba kwakuyizinto ezazisemqoka kubantu ngeNkathi Yomusa ukuze kufezwe intando kaNkulunkulu kanye nokuzuza uguquko esimweni sempilo yabo. Ungasho yini uthi ezinye izinto entshumayelweni azihambisani neqiniso? Ngeke! Konke ngakunye kuyiqiniso ngoba konke kwakuyilokhu uNkulunkulu ayekudinga esintwini; konke kwakuyimigomo kanye nesilinganiso esasinikezwe nguNkulunkulu sokuthi kumele umuntu aziphathe kanjani, futhi zimele isimo sikaNkulunkulu. Nokho, kwakuncike ezingeni lokukhula kwabo ngaleso sikhathi, babekwazi ukuzamukela nokuqonda kuphela lezi zinto. Ngokuba isono sesintu sasingakaxazululeki, iNkosi uJesu yayikwazi ukusho la mazwi kuphela, futhi wayengasebenzisa kuphela lezi zifundiso ezilula ngaphakathi kwesilinganiso sokutshela abantu bangaleso sikhathi ukuba kumele baziphathe kanjani, kumele benzeni, nokuthi kumele bakholwe kanjani kuNkulunkulu futhi bahlangabezane nezidingo Zakhe. Konke lokhu kwakunqunyiwe kususelwa esiqwini sesintu ngaleso sikhathi. Kwakungelula kubantu ababephila ngaphansi komthetho ukuba bamukele lezimfundiso, ngakho iNkosi uJesu kwakumele ifundise ngaphakathi kwaleso silinganiso.
kwesithi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, kanye NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Amagama akhulunywa uNkulunkulu kule nkathi ahlukile kunalawo akhulunywa ngeNkathi Yomthetho, ngakho-ke, nawo, ahlukile emazwini akhulunywa ngeNkathi Yomusa. NgeNkathi Yomusa, uNkulunkulu akawenzanga umsebenzi wezwi, kodwa wachaza ukubethelwa ukuze ahlenge bonke abantu. IBhayibheli lichaza kuphela ukuthi kungani uJesu kwakumele abethelwe, kanye nokuhlupheka okwakumele adlule kukho esiphambanweni, nokuthi umuntu kumele abethelwe kanjani ngenxa kaNkulunkulu. Ngale nkathi, wonke umsebenzi owenziwa uNkulunkulu wawugxile ekubethelweni. NgeNkathi Yombuso, uNkulunkulu osesimweni somuntu ukhuluma amazwi ukuze anqobe bonke abantu abakholwa kuYe. Leli “yiZwi elivela enyameni;” uNkulunkulu uze ngezinsuku zokugcina ukuze ezokwenza umsebenzi Wakhe, okungukuthi, uze ukuzoqedela ukubaluleka kweZwi elivela enyameni.
kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngenxa yokuthi umsebenzi Wami ungumsebenzi wokunqoba, futhi ubhekiswe ekungalalelini nasemvelweni yenu endala. Amazwi anomusa kaJehova noJesu akude namazwi anzima okwahlulela namuhla. Ngaphandle kwamazwi aqine kanjalo, bekungeke kwenzeke ukuba kunqotshwe nina “bochwepheshe”, ababe ngabangalaleli iminyaka eyizinkulungwane. Imithetho yeTestamente Elidala kudala yaphelelwa ngamandla kinina futhi ukwahlulelwa kwanamuhla kuyidlula kude imithetho yakudala. Into enifanele kakhulu ukwahlulelwa hhayi imingcele engatheni yemithetho, ngoba nina anisona isintu sasekuqaleni, kodwa niyisintu esesonakele iminyaka eyizinkulungwane.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Engikushoyo namuhla ukwahlulela izono zabantu kanye nokungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabantu. Ukukhohlisa nokugwegwa kwabo, kanye namazwi nezenzo zabo, zonke lezi zinto ezingahambisani nentando Yakhe kuzobhekana nokwahlulelwa, futhi ukuhlubuka kwabantu kuyalahlwa njengokuyisono. Ukhuluma ngokuvumelana nezimiso zokwahlulela, futhi uveza isimo Sakhe sokulunga ngokwahlulela ukungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabo, futhi adalule bonke ubuso babo obubi.
kwesithi “Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu kule nkathi owokuhlinzeka ikakhulukazi amazwi empilo yomuntu, ukuvezwa ingqikithi yemvelo yomuntu kanye nesimo esonakalisiwe somuntu, ukususa kwemicabango yezenkolo, ukucabanga kwasemandulo, ukucabanga osekuphelelwe isikhathi, kanye nolwazi namasiko omuntu. Konke lokhu kufanele kunekwe obala futhi kuhlanzwe ngamazwi kaNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu usebenzisa amazwi, hhayi izimpawu nezimangaliso, ukuphelelisa umuntu. Usebenzisa amazwi akhe ukudalula umuntu, ukwehlulela umuntu, ukusola umuntu futhi nokuphelelisa umuntu, ukuze emazwini kaNkulunkulu, umuntu aze abone ukuhlakanipha nobuhle bukaNkulunkulu, futhi aze abone isimo sikaNkulunkulu, ukuze ngamazwi kaNkulunkulu, umuntu abone izenzo zikaNkulunkulu.
kwesithi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma kufika egameni elithi "ukwahlulela," uzocabanga amazwi akhulunywa nguJehova kuzo zonke izindawo futhi amazwi okusola ashiwo nguJesu kubaFarisi. Yize la mazwi ebuhlungu, akasikho ukwahlulela abantu okwenziwa uNkulunkulu;l ngamazwi kuphela akhulunywa nguNkulunkulu ezimweni ezahlukene, okusho ukuthi, ezindaweni nasezikhathini ezahlukene; futhi awafani namazwi akhulunywa nguKristu njengoba ahlulela abantu ezinsukwini zokugcina. Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.
kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Yize igama elithi “izwi” lisobala futhi livamile, izwi elivela emlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama linyakazisa lonke izulu nomhlaba; izwi Lakhe liguqula inhliziyo yomuntu, imicabango nesimo sakhe esidala nokubukeka kwakudala komhlaba wonke. Kuyo yonke iminyaka, nguNkulunkulu wanamuhla kuphela osebenza ngale ndlela, futhi NguYe kuphela okhuluma futhi asindise umuntu ngale ndlela. Emva kwalokho, umuntu uhlala ngaphansi kokuqondiswa yizwi, eluswa futhi ehlinzekwa yizwi; bahlala emhlabeni wezwi, baphila phakathi kweziqalekiso nezibusiso zezwi likaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho bahlala phansi kokwahlulela nokusola kwezwi. La mazwi nalo msebenzi kwenzelwe nje insindiso yomuntu, ukufezwa kwentando kaNkulunkulu, nokuguqula isimo semvelo somhlaba wendalo endala. UNkulunkulu wadala umhlaba ngezwi, uhola abantu emhlabeni wonke ngalo izwi, uyanqoba abuye abasindise ngezwi. Ekugcineni, uzosebenzisa izwi ukuqeda wonke umhlaba omdala. Kungaleso sikhathi-ke lapho uhlelo lokuphatha lizophelela khona.
kwesithi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi owawungaqondakali kubafundi Bakhe, futhi washo okuningi abantu abangakuqondanga. Lokhu kungenxa yokuthi, ngaleso sikhathi, wayenganiki ncazelo. …UJesu akazelanga ukuzophelelisa nokuzuza umuntu kodwa ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi: wokuzoletha ivangeli lombuso wasezulwini nokuqedela umsebenzi wokubethelwa—futhi lapho uJesu esebethelwe, umsebenzi Wakhe wafika ekugcineni. Kodwa kulesi sigaba—umsebenzi wokunqoba—maningi amazwi okumele akhulunywe, mningi umsebenzi okumele wenziwe futhi kumele kube nezinqubo eziningi. Kulindeleke okufanayo ngezimfihlakalo zomsebenzi kaJesu noJehova okumele zembulwe, ukuze bonke abantu babe nokuqonda nokucacelwa ekukholweni kwabo, ngoba lona umsebenzi wezinsuku zokugcina futhi izinsuku zokugcina ziwukuphela komsebenzi kaNkulunkulu, isikhathi sokuphela kwalo msebenzi. Lesi sigaba somsebenzi sizokukhanyisela umthetho kaJehova kanye nokuhlenga kukaJesu, futhi sibalulekile ukuze uqonde wonke umsebenzi kaNkulunkulu wohlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, nokuthi wazise konke ukubaluleka kanye nengqikithi yale minyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yohlelo lokuphatha ukuze futhi uqonde inhloso yawo wonke umsebenzi owenziwa nguJesu kanye namazwi awakhuluma, kanye ngisho nokukholwa kwakho nokuthanda kwakho iBhayibheli. Konke lokhu kuzokwenza ukuba ubone. Uzowuqonda umsebenzi owenziwe uJesu kanye nomsebenzi kaNkulunkulu namuhla; uzoliqonda futhi ulazi lonke iqiniso, ukuphila nendlela. Esigabeni somsebenzi owenziwa uJesu, kungani uJesu ahamba ngaphandle kokuqeda umsebenzi kaNkulunkulu? Kungenxa yokuthi isigaba somsebenzi kaJesu sasingewona umsebenzi wesiphetho. Lapho ebethelwa esiphambanweni, amazwi ayewakhulumile afika ekugcineni; ngemva kokubethelwa Kwakhe, umsebenzi Wakhe wawusuqedwe ngokuphelele. Isigaba esikuso manje sihlukile: Kuyoba kuphela ngemva kokuba amazwi esekhulunywe kwaze kwaba sekugcineni nomsebenzi wonke kaNkulunkulu usuphothuliwe, lapho umsebenzi Wakhe uyoqedwa khona. Phakathi nesigaba sikaJesu somsebenzi, maningi amazwi agcina engashiwongo noma angaphiniyiswanga ngokugcwele. Kodwa uJesu akakhathazekanga ngalokho akusho noma angakushongo, ngoba inkonzo Yakhe kwakungeyona inkonzo yamazwi ngakho ngemva kokubethelwa esiphambanweni wahamba. Leso sigaba somsebenzi ikakhulu sasingenxa yokubethelwa, futhi asifani nhlobo nesigaba sanamuhla. Lesi sigaba somsebenzi ikakhulu simayelana nokuqedwa, ukucaciswa kanye nokufinyelelisa wonke umsebenzi esiphethweni. Uma amazwi engakhulunywanga kwaze kwaba sekupheleni kwawo, ngeke ibe khona indlela yokuphetha lo msebenzi ngoba kulesi sigaba somsebenzi wonke umsebenzi ufikiswa ekugcineni futhi ufezwa ngokusebenzisa amazwi. Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi ongaqondakali kumuntu. Wahamba ngokuthula futhi namuhla baningi abangawaqondi amazwi Akhe, labo abanokuqonda okuyiphutha kodwa ababesakholwa ukuthi baneqiniso, abangazi ukuthi baphambukile. Ekugcineni, lesi sigaba sanamuhla sizofikisa umsebenzi kaNkulunkulu ekugcineni okuphelele, futhi silethe isiphetho sawo. Bonke bayoluqonda futhi balwazi kahle uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Imibono ekumuntu, izinhloso zakhe, ukuqonda kwakhe okuyiphutha, imicabango yakhe ngomsebenzi kaJehova noJesu, imibono yakhe ngokuqondene nabeZizwe, nakho konke ukuphambuka namaphutha akhe kuyolungiswa. Umuntu uyoziqonda zonke izindlela ezifanele zokuphila nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu nalo lonke iqiniso. Lapho lokhu kwenzeka, lesi sigaba somsebenzi sizophela.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
0 notes
Text
Indlela Eya Ekuhlanzweni
Tumblr media
UChristopher, EPhilippines
Igama lami nginguChristopher futhi ngingumfundisi webandla lomndeni ePhilippines. Ngo-1987, ngabhapathizwa futhi ngabuyela eNkosini uJesu. Ngomusa weNkosi, ngo-1996 ngaba umfundisi webandla lasendaweni. Ngaleso sikhathi, ngaphandle kokushumayela ezindaweni eziningi ezizungeze ePhilippines, ngangiphinde ngishumayele nasezindaweni ezifana neHong Kong naseMalaysia. Ngenxa yomsebenzi kanye nokuqondiswa nguMoya oNgcwele, ngangizwa sengathi nginamandla angapheli emsebenzini wami weNkosi kanye nokugeleza kwamagama okungapheli ezintshumayelweni zami. Ngangivame ukuhamba ngiyokweseka abafo nodade lapho bephelelwe yithemba futhi bebuthakathaka. Ngezinye izikhathi amalunga omndeni wabo ayengakholwa eNkosini ayengenamusa kimi, kodwa noma kunjalo ngangikwazi ukuba nesineke ngibekezele futhi ngingalahlekelwa ukholo eNkosini futhi ngangikholwa ukuthi iNkosi yayingabaguqula. Ngakho ngangizizwa sengathi ngiguquke kakhulu selokhu ngaqala ukukholwa eNkosini. Nokho, kusukela ngo-2011, angizange ngiwuzwe umsebenzi kaMoya oNgcwele ngokungamandla njengangaphambili. Kancane kancane, angizange ngibe nokukhanyiselwa okusha kwezintshumayelo zami futhi angizange ngithole amandla okuyeka ukuhlala esonweni. Ngangingakwazi ukuzibamba ekuthukutheleleni umkami nendodakazi yami bese ngibafundisa isifundo ngolaka lwami ​​lapho ngibona ukuthi babengenzi njengoba ngangifisa. Ngangazi ukuthi lokhu kwakungahambisani nentando yeNkosi, kodwa kaningi ngangingakwazi ukuzibamba. Ngazizwa ngikhathazekile kakhulu ngalokhu. Ukuze ngizikhulule empilweni yesono nokuvuma, ngazikhandla kakhulu ekufundeni iBhayibheli, ukuzila ukudla nokuthandaza futhi ngathola abefundisi bakamoya yonke indawo ukuze sifune futhi sihlole lokhu ndawonye. Kodwa yonke imizamo yami yayingenamsebenzi futhi ayenzanga mehluko ekuphileni kwami esonweni kanye nasebumnyameni bomphefumulo wami.
Ngokunye ukuhlwa entwasahlobo ka-2016, umkami wangibuza wathi, "Christopher, ngiqaphele ukuthi ulokhu ukhathazeke kakhulu kamuva nje. Yini le esengqondweni yakho?" Ngemva kokuzwa umkami ebuza lokhu, ngamtshela okwakungikhathaza, "Yilokhu ngizibuza kule minyaka embalwa edlule ukuthi kungani ngingakwazi ukuphunyuka ekuphileni esonweni nakuba ngingumfundisi futhi sengikholwe eNkosini iminyaka eminingi. Angikwazi ukuthinta iNkosi manje. Kusengathi iNkosi ingishiyile. Nakuba ngishumayela kuyo yonke indawo, ngokushesha nje uma ngithola isikhathi sokukhululeka, ikakhulukazi phakathi nobusuku, ngihlale ngizizwa ngingenalutho nginokukhathazeka futhi lo muzwa uya ngokuya uqina. Ngicabanga ngokuthi sengikholwe kanjani eNkosini iminyaka eminingi nokuthi ngilifunde kakhulu kanjani iBhayibheli futhi ngazimisela kaningi ukuthwala isiphambano futhi ngizinqobe mina, kodwa nokho ngihlale ngiboshwe yizono futhi ngiyakwazi ukukhuluma amanga ngingaphili ngokuthi ‘Emilonyeni yabo akutholakalanga nkohliso’ (IsAmbulo 14:5) ukuze ngivikele izintshisekelo zami nesithunzi sami. Lapho ngibhekene nezinhlupheko nokucwengwa, nakuba ngazi ukuthi nginemvume yeNkosi, angikwazi ukuyeka ukukhononda eNkosini kanye nokungayiqondi futhi angikwazi ngokuphelele ukuzithiba ngokuzimisela. Ngesaba ukuthi lapho iNkosi ifika, ngeke ngikwazi ukungena embusweni wezulu ngenxa yokuphila esonweni kanje! "
Lapho ezwa lokhu, umkami wathi, "Christopher, ungacabanga kanjani kanje? Kumele ube nokholo; ungumfundisi! Nakuba siphila esonweni futhi singakakhululwa ezibopheni zesono, iBhayibheli lithi, “Ukuthi uma uvuma ngomlomo wakho iNkosi uJesu, futhi ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu umvusile kwabafileyo, uyosindiswa” (KwabaseRoma 10:9), “Ngoba lowo oyobiza igama leNkosi uyosindiswa” (KwabaseRoma 10:13). Uma nje siqhubeka nokufunda iBhayibheli, ukuhlangana, nokuthandaza eNkosini, futhi sithwale isiphambano siphinde sihlale silandela kuze kube sekufikeni kweNkosi kwesibili, sizokwazi ukungena embusweni wezulu futhi sithole isibusiso seNkosi. "
Ngase ngithi kumkami, “Bengicabanga kanjalo ngaphambilini, kodwa uPetru 1:16 uthi: ‘‘Ngokuba kulotshiwe, Yibani ngcwele; ngoba mina ngingcwele.’ Sengikholwe eNkosini iminyaka engamashumi amathathu, kodwa angikwazi ukugcina indlela yeNkosi futhi, ngiphila esonweni, ngisakwazi ukuphikisa iNkosi njalo; lokhu akungcwele nakancane. Awu! Kukaningi kangakanani lapho bengizimisele khona ukulalela izimfundiso zeNkosi, kodwa angikwazanga ukwenza izwi leNkosi. Ngingafanelekela kanjani ukungena embusweni wezulu ngaphansi kwezimo ezinjalo? INkosi uJesu yathi:‘Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini’ Mathewu 7:21-23). Ngokwamazwi eNkosi, akulula njengokucabanga kwethu ukungena embusweni wezulu. INkosi ingcwele, ngakho-ke abantu abangakwazi ukwenza izwi leNkosi futhi abavame ukumelana Nayo bangahlwithwa kanjani baye embusweni wezulu? Yilabo kuphela abaguqukile futhi abagcina intando kaNkulunkulu abangangena embusweni wezulu! "
Umkami wacabanga okwesikhashana wathi, "Lokhu okushoyo kunengqondo. INkosi ingcwele futhi sisona. Asiwufanele umbuso kaNkulunkulu. Ukuthi nje ... nakhu ngikhumbula ... akazange yini uMfundisi uLiu ameme umfundisi waseKorea uMfundisi uKim ebandleni? Kunganjani kulokhu sifune ngalolu daba? "Ngathi: "Empeleni, nalokho kulungile. INkosi uJesu yathi: ‘Cela, futhi uzophiwa; funa, futhi uzothola; ngqongqotha, futhi uzovulelwa’(Mathewu 7:7). Inqobo nje uma sifuna, ngiyakholwa ukuthi iNkosi izosihola. Njengomfundisi, kumele ngicabangele nezimpilo zabafowethu nodadewethu. Akufanele ngikholwe kuNkulunkulu ngokudideka kungenjalo ngizobeka abafowethu nodadewethu enkingeni futhi kwamina ngizihilele. Ngakho-ke masilinde kuze kufike uMfundisi waseKorea uKim bese sibuza kuye mayelana nalolu daba. "
Ngenxa yokuthi ngangifuna usizo lukaMfundisi uKim, ngangifuna ukwazi kancane ngomlando kaMfundisi uKim. Ngakho ngacinga ngeBandla laseKorea ku-intanethi. Emakhasini avelayo, ngabona iwebhusayithi ethi https://www.holyspiritspeaks.org. Ngavula iwebhusayithi kwathi amanye amagama kuyo angidonsa: “Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayemane enze izono, azivume njengenjwayelo ngaphandle kokuguqula izindlela zawo; zazinjalo izimo zabantu zemvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha!” (“Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). La mazwi ayemnandi kakhulu kangangokuthi angikwazanga ukuzibamba ukuqhubekela phambili nokufunda: “Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu” (“Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngifunda lokhu, ngaba nenjabulo enkulu. Nakuba ngangingakwazi ukuwaqonda ngokuphelele la mazwi futhi amanye amazwi ayengiphica nje, anginika ithemba. Nganginomuzwa wokuthi lapha ngangingathola indlela yokuzihlanza nokuguquka. Ngambonga uNkulunkulu kusuka ekujuleni kwenhliziyo yami ngokulalela umkhuleko wami. Ngafunda okunye okwakuqukethwe khona futhi ngabona sengathi amagama ayelotshwe kahle kangangokuthi anisela futhi awelusa umphefumulo wami owomileyo. Lapho ngibona kubhalwe kuwebhusayithi ukuthi: "Uma ungakwazi ukuthola i-Gospel Hotline ezweni lakho noma esifundeni sakho, sicela usishiyele umlayezo thina sizoxhumana nawe ngokushesha," Ngabheka ngokushesha, kodwa yayingekho iPhilippines Gospel Hotline ngakho-ke ngokuphuthuma ngabe sengishiya umlayezo futhi angingabazanga ukuloba phansi inombolo yokuxhumana nami nekheli le-imeyli.
Ngemva kokubuyela ekhaya ngalokho kuhlwa, ngatshela umkami lezi zindaba futhi ngemva kokuzwa lokho engangikusho, umkami wayezimisele ukufuna naye. Ngiyayibonga kakhulu iNkosi ngoba ngosuku olulandelayo baphendula umlayezo wami futhi bahlela ukukhuluma nathi ku-intanethi ngaleyo ntambama. Ngaleyo ntambama, saxoxa noDade uLiu noDade uSu. Kuleyo ngxoxo, ngaba nomuzwa wokuthi bakhuluma ngokulula, ngobuchwepheshe nangokuqonda. Umkami wayemagange kakhulu kunami futhi wathi, "Nginento engingathanda ukunibuza yona. Kulungile lokho?" Bathi ngentshiseko, "Yebo”. Umkami wathi, “Kuwebhusayithi yebandla lenu kuthi, 'UNkulunkulu wezinsuku zokugcina wenze isigaba somsebenzi wokwahlulela nokusola.' Umyeni wami nami siyazi ukuthi ngaphandle kobungcwele akekho ozobona iNkosi ngoba iNkosi ingcwele, kodwa kumaRoma kuthi,‘Ukuthi uma uvuma ngomlomo wakho iNkosi uJesu, futhi ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu umvusile kwabafileyo, uyosindiswa’ (KwabaseRoma 10:9), ‘Ngoba lowo oyobiza igama leNkosi uyosindiswa’ (KwabaseRoma 10:13). Uma sikholwa eNkosini uJesu-ke sesisindisiwe futhi singangena embusweni wezulu, pho kungani uNkulunkulu wezinsuku zokugcina enza isigaba somsebenzi wokwahlulela nokusola? Angikuqondi lokhu futhi ngethemba ukuthi ningakhuluma ngakho."
U-Liu Yumei waphendula, "Makabongwe uNkulunkulu! Masihlanganyele ndawonye futhi sivumele uNkulunkulu asihole. Ake siqale sibheke ukuthi 'ukusindiswa' kusho ukuthini lapha. Esikhathini sokugcina iNkathi Yomthetho, abantu babembalekele uNkulunkulu futhi baphelelwa ukumhlonipha uNkulunkulu. Baya ngokuya begcwala isono baze banikela ngezinkomo, izimvu namajuba okuyizimpumputhe, iyizinyonga nokugulayo lapho benza umhlatshelo. Abantu baleyo nkathi babengasawazisi umthetho futhi bonke babesengozini yokugwetshwa ngokufa ngokwephula umthetho. Ngaphansi kwezimo ezinjalo, ukuze asindise abantu ngaphansi komthetho ekufeni okuqinisekile, uNkulunkulu ngokwakhe waba sesimweni somuntu waqala umsebenzi wokuhlenga futhi ekugcineni wabethelwa ukuze ahlenge sonke isintu esonweni. Umuntu wabe esethethelelwa izono zakhe ngoba wayekholwa eNkosini uJesu futhi ngaleyo ndlela wayesefanelekile ukuza phambi kukaNkulunkulu futhi athandaze kuNkulunkulu aphinde ajabulele izibusiso zomusa kaNkulunkulu. Lokhu kuyincazelo yangempela 'yokusindiswa' eNkathini Yomusa. Ngamanye amazwi, 'ukusindiswa' kungukuthethelelwa nje kwezono zomuntu. Lokhu kungukuthi, uNkulunkulu akabheki abantu njengaboni, nakuba lokhu kungasho ukuthi abantu ngokwabo abanazo izono. Ngakho-ke, ukusindiswa ukucwengwa, kufanele samukele umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela wezinsuku zokugcina. "
Lapho sizwa ukuhlanganyela kwabo, umkami nami saqonda ukuthi "ukusindiswa," njengoba kukhulunywe ngakho eNcwadini yabaseRoma, kubhekise ekwamukelweni kwensindiso yeNkosi uJesu nokungasabikhona kokulahlwa ekufeni ngenxa yokwephula umthetho. Kwakungekhona njengoba sasicabanga ukuthi "ukusindiswa" kusho ukuhlanzeka okuphelele. Lokho ababekusho kwakwenza umqondo. Ukuchaza "ukusindiswa" ngale ndlela kwakungeyona into ephikisana nesimo sethu sokuhlala esonweni nokuvuma izono. Ngakho lokho iNkosi uJesu eyakwenza kwakungumsebenzi wokuhlenga, hhayi umsebenzi wokuhlanza ngokuphelele nokusindisa umuntu. Nakuba abantu bekholwa eNkosini futhi besindiswa, lokhu akusho ukuthi sebehlanzeke ngokuphelele. Ngokulalela ukuhlanganyela kwabo, ngezwa sengathi kwakukhona iqiniso okufanele lilandelwe kulokhu, ngakho ngaveza ukuzimisela kwami ​​ukulalela ukuhlanganyela kwabo okuqhubekayo. Ngathi, "Mayibongwe iNkosi! Nikhuluma kahle. Ekukhulumeni nani kanje, sesiyayiqonda incazelo yangempela "yokusindiswa." Sicela niqhubeke nokuhlanganyela kwenu. Kwangathi iNkosi ingasiqondisa." UDade uSu waqhubeka wathi, "Kulungile, masifunde amavesi ambalwa ezwi likaNkulunkulu uSomandla futhi konke kuzocaca. UNkulunkulu uSomandla wathi: ‘Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono’ (“Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). ‘Exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele’ (“Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). ‘Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila’ (kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni ). Siyabona emazwini kaNkulunkulu uSomandla ukuthi uma nje sigcina umsebenzi wokuhlenga kukaNkulunkulu ngeNkathi Yomusa futhi singamukeli umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina, khona-ke inkinga yomsuka wesono sethu ngeke ixazululwe. UNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina usefikile futhi wenze isinyathelo somsebenzi esisekelweni somsebenzi wokuhlenga ahlulela futhi ehlanza umuntu—ekhuluma amaqiniso ukuze embule iqiniso lenkohlakalo yomuntu, ukwahlulela isimo somuntu esinobusathane. Uze ukube aguqule isimo sobusathane ebantwini kanye nokukhulula abantu ngokuphelele ethonyeni likaSathane nokubasindisa. Kusobala ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wokwahlulela wezinsuku zokugcina ngumsebenzi obaluleke futhi oyisisekelo kunawo wonke wokuhlanza, ukusindisa nokuphelelisa abantu. Ngakho-ke, ngokwamukela umsebenzi kaNkulunkulu okwahlulela ezinsukwini zokugcina kuphela singaba nokuqonda kwangempela ingqikithi yethu yenkohlakalo kanye nesimo sikaNkulunkulu sokulunga, sihlukane ngokuphelele nethonya likaSathane, sisindiswe nguNkulunkulu futhi sibe ngabantu abalalela, abakhonza futhi abahambisana noNkulunkulu."
Lapho ngizwa lezi zinhlanganyelo, inhliziyo yami yakhanya futhi ngazizwa sengathi izinkinga zami zesikhathi eside zase zixazululiwe. Ngakho uNkulunkulu wayeqhuba nje umsebenzi wokuhlenga ngeNkathi Yomusa, hhayi umsebenzi wokukhipha kubantu isimo sabo senkohlakalo yobusathane. Umsebenzi wokwahlulela owenziwa ngamazwi eqiniso kaNkulunkulu esenyameni ezinsukwini zokugcina ngumsebenzi wokuhlanzisiswa nokusindiswa komuntu. Pho uNkulunkulu uhlanza futhi aguqule kanjani abantu futhi abasindise ngokuphelele? Ngangimagange ukuzwa impendulo yalo mbuzo. Ngakho angikwazanga ukulinda ukubuza ukuthi, "Ngikuqondile enisanda kukhuluma ngakho futhi ngiyazi ukuthi singathola kuphela ukuhlanzwa ngokubuya kwesibili kweNkosi yenza isinyathelo somsebenzi wokwahlulela. Ngempela lokhu yikho kanye ebengikulangazelela isikhathi eside. Esengifuna ukukwazi manje ukuthi uNkulunkulu uSomandla uwenza kanjani umsebenzi wokwahlulela ehlanza futhi esindisa abantu? Ngicela nisabele ngokuhlanganyela kwenu."
UDade uSu waqhubeka wathi, "Umbuzo wokuthi uNkulunkulu uSomandla uwenza kanjani umsebenzi wokwahlulela ehlanza futhi esindisa abantu ubaluleke kakhulu kunoma ubani ofuna ukufeza uguquko nokuhlanzwa. Amazwi kaNkulunkulu uSomandla akhuluma ngeqiniso lale ndaba. Ngizokuthumelela amazwi kaNkulunkulu uSomandla. Mfowethu, ngicela uwafunde! "
Ngafunda ngenkulu injabulo amazwi kaNkulunkulu uSomandla: “Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu” (“UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” kwethi Izwi Livela Lisenyameni).
Ngemva kokuqeda ukufunda amazwi kaNkulunkulu, uDade uSu waqhubeka nokuhlanganyela kwakhe, "Amazwi kaNkulunkulu uSomandla akhuluma ngokucace kakhulu ngokuthi uNkulunkulu ubahlulela futhi ubahlanza kanjani abantu. UNkulunkulu ezinsukwini zokugcina ikakhulu ukhuluma iqiniso ngokuqondene nesimo senkohlakalo yomuntu nesimo semvelo yobusathane sokumelana noNkulunkulu ukuze ahlulele, ahlanze futhi asindise umuntu. UNkulunkulu uSomandla ukhulume amaqiniso ngezinto eziningi—indlela uSathane okhohlakalise ngayo abantu, indlela uNkulunkulu asindise ngayo abantu, ukuthi yini ukulandela abantu, ukuthi yini ukulalela uNkulunkulu, yimiphi imibono umuntu okufanele abe nayo ekukholweni kuNkulunkulu, ukuthi kuyini ukuguquka kwesimo somuntu, ukuthi yini ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi, ukuthi kuyini ukucasula isimo sikaNkulunkulu, indlela yokuba umuntu othembekile, njll. La maqiniso onke aphethe ithonya namandla futhi anganika abantu impilo. Yindlela yokuphila okuphakade le uNkulunkulu ayinikeza isintu. Uma nje abantu bamukela futhi belenza izwi likaNkulunkulu, bangathola ukuhlanzwa nokusindiswa. Sihlangane neminyaka embalwa yomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wokwahlulela futhi sithole ukuhlangana nalokhu. Lapho sifunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla okwahlulela, ukujezisa nokwambulwa komuntu, sizwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu anjengenkemba ebukhali nxazonke, eveza ukuhlubuka kwethu, inkohlakalo, ukumelana, izinhloso ezingalungile, imibono kanye nemicabango ngisho nobuthi bukaSathane okufihlwe ekujuleni kwezinhliziyo zethu. Kwenza sibone ukuthi siyazikhukhumeza futhi sizenza abalungile, siyakhohlisa futhi singamaqili, singamagovu futhi sinomoya omubi siphinde sibe yizimpumputhe kukho konke ngaphandle kwezifiso zethu, sicishe singabi nakho neze ukwesaba uNkulunkulu. Siyabona ukuthi konke esikwenzayo nalokho izinhliziyo zethu ezigcwaliswe ngakho ukungcola nenkohlakalo, njengezipoki eziphilayo, ngaphandle kwenswebu yomuntu. Sonke sizizwa sinamahloni okuveza ubuso bethu. Siyabona ukuthi uma siqhubeka siphila ngesimo esonakele sikaSathane, siyohlala singabantu abenyanyisa uNkulunkulu, asisoze sakwazi ukuthola ukuncoma kukaNkulunkulu futhi isiphetho sethu kuyoba ukulahlwa nokujeziswa. Ukwahlulela kwamazwi kaNkulunkulu uSomandla nalokho akwambulayo kusenza sizizwe sengathi uNkulunkulu usahlulela ubuso nobuso, nokwenza sikwazi ukubona isimo sikaNkulunkulu esinobukhosi, ulaka nokulunga kwesimo Sakhe futhi kancane kancane sibe nenhliziyo emesabayo uNkulunkulu nokuphenduka kwangempela kanye noguquko. Manje kubonakala sengathi sesiphila kancane esimweni esifana nomuntu futhi siyabona ukuthi ngempela sesizuze insindiso kaNkulunkulu enkulu. Ukuba ukwahlulela kukaNkulunkulu bekungafikanga phezu kwethu, besingeke sisazi isimo sikaNkulunkulu sokulunga esingakubekezeleli ukwenza kwabantu okubi nengqikithi Yakhe engcwele futhi elungile futhi besingeke sibe nenzondo ngokuvukela kwethu nenkohlakalo, noma sikwazi ukubeka eceleni inkohlakalo yethu bese sihlanzwa. Ngakho lapho sihlangana ngokwengeziwe nokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu, yilapho sibona ngokwengeziwe ukuthi ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu kuyisivikelo sethu esihle kakhulu, isibusiso sethu esikhulu kunazo zonke nensindiso yangempela! "
UDade uLiu naye wahlanganyela, "Umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wokwahlulela nokusola wezinsuku zokugcina ngumsebenzi wokuhlanza, ukusindisa nokuphelelisa abantu. Uma singamukeli ukwahlulelwa phambi kwesihlalo sikaKristu wezinsuku zokugcina, khona ngeke sikwazi ukufeza ukuhlanzwa kanye nezinguquko esimweni sokuphila kwethu futh umphumela nakanjani kuyoba ukwenqatshwa nokususwa nguNkulunkulu futhi siyokwehlelwa ukufa bese sibhubha. Ngeke kube khona ithuba lokusindiswa nokungena embusweni wezulu. Lokhu akunakuphikiswa."
Ngathi ngenjabulo, "Makabongwe uNkulunkulu! Ngizizwa ngikhanya kakhulu enhliziyweni yami emva kokulalela ukuhlanganyela kwenu. Sengikholwe eNkosini iminyaka eminingi kangaka kodwa ngempela bengihleli esonweni futhi ngingenamandla okuphunyuka. Manje ngiyaqonda ukuthi uma ngingahlangani nokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, ngeke ngikwazi ukuphunyuka ekuboshweni nasekuvinjweni yisono. Manje sengiyitholile indlela yokuhlanzwa nokusindiswa." Ngemva kokuhlanganyela kwezinsuku eziningana, umkami nami saqonda amanye amaqiniso futhi samukela umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina.
Makabongwe uNkulunkulu uSomandla ngokungithanda futhi angisindise! Njengomfundisi, nginesibopho nomthwalo wokuletha bonke abefundisi nabafowethu nodade engibaziyo phambi kukaNkulunkulu. Ngemva kwesikhathi sokubambisana, abafowethu nodadewethu abaningi basebandleni ababevame ukuza emihlanganweni bonke abemukelanga uNkulunkulu uSomandla kuphela, kodwa futhi nabo baletha omunye umfundisi webandla lomndeni emndenini kaNkulunkulu futhi iningi labafowethu nodadewethu bebandla labo nabo babuyela phambi kukaNkulunkulu. Ngajabula ukubona ukuthi labo bafowethu nodadewethu babemukele insindiso kaNkulunkulu yezinsuku zokugcina futhi babephakanyiswe phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Konke lokhu kuyizithelo zomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla futhi sifisa ukuletha yonke le nkazimulo kuNkulunkulu uSomandla!
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Isithasiselo:Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe
Tumblr media
       Njengamakhulu ezigidi zabanye abalandeli beNkosi uJesu Kristu, siyayemukela imithetho nemiyalo yeBhayibheli, sijabulela inala yomusa weNkosi uJesu Kristu, bese sihlangana ndawonye, sithandaze, sidumise, futhi sikhonze egameni leNkosi uJesu Kristu—konke lokhu sikwenza ngaphansi kokunakekela nesivikelo seNkosi. Kaningi siba buthaka, futhi kaningi siba namandla. Sikholelwa ukuthi zonke izenzo zethu zivumelana nezimfundiso zeNkosi. Ngakho akuthandabuzwa ukuthi sikholelwa nawukuthi singahamba endleleni yokulalela intando kaBaba osezulwini. Silangazelela ukubuya kweNkosi uJesu, ukufika ngenkazimulo kweNkosi uJesu, ukuphela kokuphila kwethu emhlabeni, ukubonakala kombuso, kanye nazo zonke izinto ezibikezelwe eNcwadini yesAmbulo: INkosi iyafika, ilethe inhlekelele, futhi inike abalungile umklomelo nokuthi yahlulele ababi, futhi ithathe bonke abayemukelayo bese yamukele nokubuya kwabo emoyeni ukuze bahlangane Nayo. Ngaso sonke isikhathi lapho sicabanga ngalokhu, asikwazi ukunganqotshwa imizwa. Siyabonga ngokuthi sazalwa ezinsukwini zokugcina futhi sinenhlanhla enkulu ngokubona ukuza kweNkosi. Nakuba siye sashushiswa, kungenxa “yokuyisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo yaphakade”; yeka isibusiso lokho okuyiso! Konke lokhu kulangazelela nomusa esiwunikwe iNkosi kusenza sihlale sifuna ukukhuleka, futhi kusisondeza kaningi ndawonye. Mhlawumbe ngonyaka ozayo, mhlawumbe kusasa, noma mhlawumbe maduze lapho umuntu engakulindele, iNkosi iyofika kungazelelwe, futhi iyobonakala eqenjini labantu ebelilokhu liyilindile. Sonke siyaphikisana, futhi akekho ofuna ukusala ngemuva, ukuze sibe iqembu lokuqala labantu ababona ukubonakala kweNkosi, ukuze sibe ngabanye balabo abazohlwithwa. Sinikele ngayo yonke into, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, ngenxa yokuza kwalolu suku. Abanye bashiye imisebenzi yabo, abanye bashiye imindeni yabo, abanye bayeke ukushada, abanye baze banikela ngezimali zabo abazongile. Yeka ukuzinikela ngokuzidela! Ubuqotho nokuqina ekuthembekeni okunjalo kumele kudlule okwabangcwele basezinkathini ezedlule! Njengoba iNkosi ibeke umusa kunoma ubani efisa ukuwubeka Kuye, ukuzinikela kwethu kanye nokuchitha kwethu imali, sikholelwa ukuthi sekubonakele kakade emehlweni Ayo. Ngakho, imithandazo yethu ethinta inhliziyo isifinyelele ezindlebeni Zayo, futhi sethemba ukuthi iyosiklomelisa ngokuzinikela kwethu. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wayenomusa kithi ngaphambi kokudala umhlaba, futhi akunamuntu okufanele asephuce izibusiso zikaNkulunkulu nezethembiso asithembise zona. Sonke sihlelela ikusasa, futhi sizitshela ukuthi ukuzinikela kwethu nokuchitha imali kuwukuqongelela injabulo yalapho sihlangana khona neNkosi. Okukhulu nakakhulu, ngaphandle kokunqikaza, sizilungiselela ukubusa okuzayo, ukwengamela zonke izizwe nabantu, noma ukubusa njengamakhosi. Konke lokhu sikubheka njengesiphiwo, njengento okufanele ilindelwe.
        Siyabenyanya bonke labo abamelene neNkosi uJesu; ekugcineni, bonke bayoqothulwa. Ubani obatshele ukuthi bangakholelwa ukuthi iNkosi uJesu ingumSindisi? Yiqiniso, kunezikhathi lapho sifunda khona eNkosini uJesu ukuthi banobubele ngezwe, ngoba abaqondi, futhi kufanele sibabekezelele futhi sibaxolele. Konke esikwenzayo kuvumelana namazwi eBhayibheli, ngoba yonke into engavumelani neBhayibheli iyinzwabethi, nenkolelo embi. Leyo nkolelo, imbelwe yajula ezingqondweni zethu. INkosi yethu iseBhayibhelini, futhi uma singasuki eBhayibhelini, akufanele sisuke naseNkosini; uma silalela le miyalo, kufanele sisindiswe. Siyakhuthazana, sisekelane, futhi sihlangana ngaso sonke isikhathi, sinethemba lokuthi konke esikwenzayo nesikushoyo, kuvumelana nentando yeNkosi, futhi iNkosi iyakwamukela. Naphezu kwenzondo enkulu esendaweni yethu, izinhliziyo zethu ziphuphuma injabulo. Lapho sicabanga ngalezo zibusiso, ingabe akukho lutho esingalulahla? Ingabe ikhona into esingeke sikwazi ukuhlukana nayo? Konke lokhu kucashile, futhi amehlo kaNkulunkulu akubheke ngelokhozi. Singabantu abantulayo abacoshwe odakeni, sifana nabo bonke abalandeli beNkosi uJesu abajwayelekile: Siphupha ngenjabulo yokubusiswa, nokubusa zonke izizwe. Ububi bethu benekwe emehlweni kaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyazichitha izifiso nobugovu bethu. Kodwa konke lokhu kuyaphawuleka, kunengqondo futhi akekho kithi ozibuza ngokulunga kwezinto esizilangazelelayo, ingasaphathwa eyokuthi singabaze ukunemba kwezinto esibambelele kuzo. Ubani ongayazi intando kaNkulunkulu? Asikwazi ukufuna, noma ukuhlaziya, noma ngisho ukukhathazeka ngathi endleleni umuntu ahamba ngayo. Ngoba okuwukuphela kwento esikhathazeka ngayo injabulo, izibusiso, nokuthi ikhona yini indawo yethu embusweni wezulu, nokuthi sizoba nayo yini indima emanzini omfula wokuphila nasesithelweni sesihlahla sokuphila. Ingabe asikholelwa eNkosini, ingabe asibona abalandeli beNkosi, ngenxa yokuzuza lezi zinto? Izono zethu zithethelelwe, siphendukile, siyiphuzile indebe yewayini, sabeka nesiphambano emhlane wethu. Ubani ongathi inani esilikhokhile iNkosi ngeke ilamukele? Ubani ongathi asilungisanga amafutha anele? Asifuni ukuba yizintombi eziyiziwula, noma lezo ezaliwe. Ngaphezu kwalokho, asiphezi ukuthandaza, sicele iNkosi ukuba isivikele ekukhohlisweni oKristu bamanga, ngoba kulotshiwe eBhayibhelini ukuthi “Khona uma umuntu ethi kini, Bhekani, nangu uKristu, noma nanguya; ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga, futhi baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukiswe nabakhethiweyo” (Mathewu 24:23-24). Sonke siwagcine engqondweni la mavesi eBhayibheli, siwazi njengoba sizazi, futhi siwabheka njengengcebo eyigugu, njengokuphila, nanjengesigxivizo senjabulo nokusindiswa kwethu…
          Ezinkulungwaneni zeminyaka, abaphilayo baye bashona, bahamba namaphupho kanye nezinto ababezilangazelela, futhi akekho owaziyo ukuthi bawuthola yini umbuso wezulu. Abafile babuya, sebekhohlwe yizo zonke izindaba ezake zenzeka, futhi besalandela izimfundiso nezindlela zoyisemkhulu. Ngakho, njengoba iminyaka nezinsuku kudlula, akekho owazi ukuthi iNkosi yethu uJesu, uNkulunkulu wethu, bayakwamukela yini konke esikwenzayo. Simane silangazelela umphumela futhi siqagela konke okuzokwenzeka. Kodwa uNkulunkulu uye wathula, futhi akazange avele kithi, noma akhulume nathi. Ngakho siyahlulela ngothando intando nesimo sikaNkulunkulu ngokuvumelana neBhayibheli kanye nezimpawu. Siye sajwayelana nokuthula kukaNkulunkulu; sajwayelana nokubona okulungile nokungalungile ekuziphatheni kwethu sisebenzisa indlela esicabanga ngayo; siye sajwayelana nokusebenzisa ulwazi lwethu, imibono, nemithetho yethu yokuziphatha ukuze kungene esikhundleni sezinto ezifunwa uNkulunkulu; siye sajwayelana nokuthokozela umusa kaNkulunkulu; siye sajwayelana nokusiza noma nini lapho kudingeka; siye sajwayelana nokufaka isandla kuzo zonke izinto, nokuyalwa uNkulunkulu; futhi siye sajwayelana nokulandela imfundiso, nokunganaki ukuthi uMoya oNgcwele usiholela kuphi; ngaphezu kwalokho, siye sajwayelana nezinsuku esizibusa ngazo. Siyakholelwa kuNkulunkulu ofana nalona, esingakaze sihlangane Naye. Imibuzo enjengokuthi sinjani isimo Sakhe, yini anayo, unjani umfanekiso Wakhe, nokuthi siyomazi yini lapho eza, njalo njalo—akukho okubalulekile kulokhu. Okubalulekile ukuthi usezinhliziyweni zethu, nokuthi sonke silindele Yena, nokuthi siyakwazi ukubona ngeso lengqondo ukuthi unjani. Siyalwazisa ukholo lwethu, nokumkhonza kwethu. Konke sikubheka njengokuyize, futhi asinandaba nakho konke. Ngoba singabalandeli beNkosi ekhazimulayo, akunandaba ukuthi uhambo lude kangakanani, akunandaba ukuthi sehlelwa yibuphi ubunzima nezinhlekelele, ayikho into engaphazamisa imikhondo yethu njengoba silandela iNkosi. “Umfula ocwebile wamanzi okuphila ocwebezela njengekristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu. Phakathi kwesitaladi sawo nomfula, emacaleni womabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, futhi uthela izithelo zawo inyanga nenyanga: namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe. Futhi akuyikuba khona nokukodwa ukuqalekisa: kodwa isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza: Futhi ziyakubona ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo. Futhi ubusuku abusayikuba khona; nabadingi ukukhanya kwesibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba inkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela: futhi bayakubusa phakade naphakade.”(IsAmbulo 22:1-5) Ngaso sonke isikhathi lapho sicula la mazwi, izinhliziyo zethu ziphuphuma injabulo nokugculiseka, kugobhoza izinyembezi emehlweni ethu. Mayibongwe iNkosi ngokusikhetha, mayibongwe iNkosi ngomusa Wayo. Manje isinike okuningi, isinike ukuphila okungunaphakade ezweni elizayo, futhi uma ingathi asife manje, singenza kanjalo ngaphandle kokukhononda. Nkosi! Sicela uze ngokushesha! Ungephuzi ngisho nangomzuzu, ngoba siyakulangazelela, futhi sidele konke ngenxa Yakho.
         UNkulunkulu uthule, akakaze avele kithi, kodwa umsebenzi Wakhe awukaze ume. Uhlola wonke amazwe, futhi uyala zonke izinto, kanti ubambelela kuwo wonke amazwi nezenzo zomuntu. Ukuqondisa Kwakhe kuhambisana nezigaba futhi kuvumelana necebo Lakhe. Uqhubeka ngokuthula, ngaphandle komsindo, futhi kade imikhondo Yakhe yadlulela kumuntu, isihlalo Sakhe sokwahlulela sisendaweni yonke sihamba ngesivinini sombani, kulandelwa ngokushesha ukwehlela kwesihlalo sobukhosi Sakhe kithi. Yeka indlela leso simo esikhulu ngayo, yeka ingqopha-mlando. Njengejuba, nanjengebhubesi elibhongayo, uMoya uyafika phakathi kwethu. Uhlakaniphile, ulungile futhi unamandla amakhulu, ufika ngokuthula phakathi kwethu, abe negunya futhi aphuphume uthando nobubele. Akekho okubonayo ukuza kwakhe, akekho okwemukelayo, futhi akekho owazi konke azokwenza. Ukuphila komuntu akushintshi; inhliziyo yakhe ayinamehluko, futhi unezinsuku ezijwayelekile. UNkulunkulu phakathi kwethu uphila njengomuntu ojwayelekile, njengomlandeli omangalisayo noma obaluleke kakhulu nekholwa elijwayelekile. Unezinto Zakhe azifunayo, imigomo Yakhe, futhi ngaphezu kwalokho, unobunkulunkulu okungekho muntu ojwayelekile anabo. Akekho oye waphawula ubunkulunkulu Bakhe, futhi akekho ofune umehluko phakathi kwesiqu Sakhe nesomuntu. Siphila kanye Naye, singaboshiwe futhi singethukile, ngoba asiboni njengongaphezu kwekholwa. Ulangazelela ukuhamba kwethu, futhi yonke imicabango yethu yenekwe phambi Kwakhe. Akekho onendaba nokuba khona Kwakhe, akekho okwazi ukucabanga umsebenzi Wakhe, futhi akekho onomqondo wokuthi ungubani. Simane siqhubeka nezinto esizifunayo, njengokungathi Yena akahlanganise lutho nathi…
        UMoya oNgcwele uveza igama elithi “Ngaye,” futhi nakuba kungalindelekile, siyabona ukuthi lokhu kuyinto kaNkulunkulu, futhi siyakwamukela ngoba kuvela kuNkulunkulu. Lokho kungenxa yokuthi, kungakhathaliseki ukuthi la mazwi avela kubani, uma nje esavela kuMoya oNgcwele kufanele siwamukele, asinakuwaphika. Izwi elilandelayo lingavela ngami, noma ngawe, noma Ngaye. Kungakhathaliseki ukuthi livela ngobani, onke angumusa kaNkulunkulu. Kodwa akunandaba ukuthi umuntu ungubani, akufanele simkhonze, yena nanoma yini enye, akanakuba uNkulunkulu; ngeke nangayiphi indlela sikhethe umuntu ojwayelekile, abe uNkulunkulu wethu. UNkulunkulu wethu mkhulu futhi uhloniphekile; angamelwa kanjani umuntu ongabalulekile? Okukhulu, ukuthi sonke silinde ukufika kukaNkulunkulu ukuze asiyise embusweni wezulu, ngakho umuntu ongabalulekile angafaneleka kanjani ukwenza lowo msebenzi obalulekile? Uma iNkosi ibuya, kumele ibe sefwini elimhlophe, ibonakala kubo bonke. Yeka indlela lokho okuyokhazimula ngayo! Angakwazi kanjani ukuzifihla eqenjini labantu abajwayelekile?
         Kodwa futhi ngumuntu ojwayelekile ocashe phakathi kwabantu owenza umsebenzi omusha wokusisindisa. Akasicaciseli lutho, akasitsheli nokuthi yini ayizele. Umane wenza umsebenzi ahlose ukuwenza ezigabeni Zakhe, futhi ngokuvumelana necebo Lakhe. Amazwi nezinto Zakhe kuyejwayeleka. Kusukela ekududuzeni, ekuzikhandleni, ekukhumbuzeni, kanye nokwexwayisa, kuya ekusoleni nasekusiyaleni; kusukela ephimbweni elinomusa kuye emazwini anolaka nanamandla amakhulu—onke anobubele nokukhathazeka kumuntu. Konke akushoyo kuhlaba esikhonkosini ngezimfihlo ezithukuswe kithi, amazwi Akhe ahlaba izinhliziyo zethu, ahlaba umoya wethu, asishiye sishaywa amahloni futhi sihlazekile. Siqala ukuzibuza ukuthi uNkulunkulu enhliziyweni yalo muntu uyasithanda ngempela yini, futhi yini ngempela ahlose ukuyenza. Mhlawumbe singajabula ngemva kokubekezelela izinhlungu ezinjalo? Emakhanda ethu siyabala… ngesikhathi esizayo nangomphumela wethu. Futhi akekho kithi okholelwa ukuthi uNkulunkulu uyishiyile inyama Yakhe usebenza phakathi kwethu. Ngisho noma ebe nathi isikhathi eside, nakuba esekhulume amazwi amaningi kangaka sibhekene ubuso nobuso Naye, asikazimiseli ukwamukela umuntu ongajwayelekile njengoNkulunkulu ekusaseni lethu, ingasaphathwa eyokwethemba umuntu onjalo ngekusasa nomphumela wethu. Kuye sithola amanzi angapheli okuphila, futhi siyambonga ngoba manje siphila noNkulunkulu. Sibonga kuphela umusa weNkosi uJesu emazulwini, futhi asikaze sinake imizwa yalo muntu ojwayelekile onobunkulunkulu. Usawenza umsebenzi Wakhe ngokuzithoba ezifihle enyameni, eveza izwi lenhliziyo Yakhe, okubonakala kungenandaba ukuthi aphikwe isintu, kuze kube phakade umuntu enobungane nokunganaki, futhi Yena embekezelela umuntu.
         Engaziwa kithi, lo muntu ongabalulekile usiholele ezigabeni zomsebenzi kaNkulunkulu. Sidlula ezilingweni ezingenakubalwa, ekusolweni okungabaleki, futhi savivinywa ukufa. Sifunda ngokulunga namandla amakhulu esimo sikaNkulunkulu, futhi uthando Lwakhe nobubele, kuyawazisa amandla amakhulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, kuyalubona uthando lukaNkulunkulu, nesifiso esijulile sikaNkulunkulu sokusindisa umuntu. Emazwini alo muntu ojwayelekile, siye sazi isimo nesiqu sikaNkulunkulu, saqonda intando kaNkulunkulu, sazi isiqu nokwakheka komuntu, sabona nendlela yokusindiswa nokupheleliswa. Amazwi Akhe asenza sife, futhi asenza siphinde sizalwe; amazwi Akhe asilethela induduzo, aphinde asishiye sinecala, futhi sinomqondo wokwazisa; amazwi Akhe asilethela injabulo nokuthula, kodwa futhi nobuhlungu obukhulu. Ngezinye izikhathi sifana nezimvu ezihlatshwayo ezandleni Zakhe; kwezinye sifane nama-apula emehlweni Akhe, futhi sijabulele uthando; ngezinye izikhathi sifana nezitha Zakhe, siyiswa emlotheni ngethukuthelo Yakhe esemehlweni Akhe. Siyisintu esisindiswe Nguye, siyizimpethu emehlweni Akhe, futhi siyizimvu ezilahlekile azifuna ubusuku nemini. Unomusa kithi, uyasikhathalela, uyasiphakamisa, uyasiduduza futhi asigqugquzele, uyasiqondisa, uyasikhanyisela, uyasisola futhi asiyale, aze ngisho asiqalekise. Ukhathazeka ngathi ubusuku nemini, uyasivikela ubusuku nemini, akalokothi asishiye, usinakekela ngazo zonke izindlela akhokhe noma yiliphi inani. Phakathi kwamazwi ale nyama engatheni najwayelekile, siye sajabulela ukuphelela kukaNkulunkulu, futhi sabona ikusasa uNkulunkulu asibekele lona. Kodwa naphezu kwalokhu, ukuzidla kusagcwele ezinhliziyweni zethu, futhi asikazimiseli ukwamukela umuntu ofana noNkulunkulu wethu. Nakuba esinike inala yemana, izinto eziningi ezijabulisayo, akukho kulokhu okungathatha indawo kaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu. Siyabuhlonipha lobu buntu futhi sibubheka njengobubalulekile. Uma engasukumi asibonise ukuthi unguNkulunkulu, khona-ke ngeke siphinde simbheke njengoNkulunkulu ozofika maduze kodwa obelokhu esebenza phakathi kwethu.
        Izwi likaNkulunkulu liyaqhubeka, futhi usebenzisa izindlela eziningi ukuze asitshele okufanele sikwenze futhi embule izwi lenhliziyo Yakhe. Amazwi Akhe anamandla okuphila, asibonisa indlela okufanele sihambe ngayo, futhi asenza siqonde iqiniso. Siqala ukusondelana namazwi Akhe, siqala ukugxila endleleni akhuluma ngayo, bese siqala ukuthanda izwi lenhliziyo Yakhe ngalo muntu omangalisayo. Uzikhandla ngokukhulu ukucophelela ngenxa yethu, aqwashe futhi angafuni ukudla ngenxa yethu, akhale ngenxa yethu, alile ngenxa yethu, agule ngenxa yethu, ahlazwe ngenxa yekusasa nensindiso yethu, futhi inhliziyo Yakhe iyopha ikhale izinyembezi ngenxa yokuba ndikindiki kwethu nokuhlubuka. Ubuntu obunjalo nezinto Zakhe kungaphezu komuntu ojwayelekile, akekho umuntu okhohlakele ongaba nakho. Unokubekezela okungekho muntu omunye onakho, futhi asikho isidalwa esinothando analo. Akekho omunye ngaphandle Kwakhe ongazi imicabango yethu, noma aqonde indawo nesiqu sayo ngaleyo ndlela, noma ahlulele ukuhlubuka nokukhohlakala kwesintu, noma ekhuluma nathi futhi esebenze phakathi kwethu ngenxa kaNkulunkulu wamazulu. Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba negunya, ukuhlakanipha, nesithunzi sikaNkulunkulu; isimo sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho ukuqhakambisa ngokuphelele. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasibonisa indlela nokukhanya. Akekho ngaphandle Kwakhe ongembula izimfihlakalo uNkulunkulu angakaze azambule kusukela ekudalweni kuze kube manje. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa ekugqilazweni uSathane nasesimweni sethu esikhohlakele. Umelela uNkulunkulu, embule izwi lenhliziyo kaNkulunkulu, nezikhuthazo zikaNkulunkulu, namazwi esahlulelo sikaNkulunkulu kuso sonke isintu. Uqale inkathi entsha, waletha amazulu amasha nomhlaba omusha, umsebenzi omusha, wasilethela ithemba, waqeda ukuphila esididekile kukho, wasivumela ukuba siyibambe ngokugcwele indlela eya ensindisweni. Usinqobile, wazuza nezinhliziyo zethu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, izingqondo zethu ziqaphile, futhi umoya wethu uvuselelwe: Lo muntu ojwayelekile, ongabalulekile, ophila phakathi kwethu futhi ebesilokhu simphika—akayona yini iNkosi uJesu, ehlale isemicabangweni yethu, esiyilangazelela ubusuku nemini? Nguye! Nguye ngempela! UnguNkulunkulu wethu! Uyindlela, neqiniso nokuphila! Usivumele ukuba siphinde siphile, sibone ukukhanya, futhi wenze izinhliziyo zethu zangadideka. Sesibuyile ekhaya likaNkulunkulu, sibuyile esihlalweni Sakhe sobukhosi, sesiNaye, sizibonile izimbangi Zakhe, salubona nohambo olusihlalele. Ngaleso sikhathi izinhliziyo zethu wayesezinqobe ngokugcwele, asisangabazi ukuthi Nguye, futhi asisamelani nomsebenzi kanye nezwi Lakhe, siguqa ngokuphelele phambi Kwakhe. Asifisi lutho ngaphandle kokuhamba emikhondweni kaNkulunkulu ukuphila kwethu konke, nokupheleliswa Nguye, nokuphinde simkhokhele ngomusa Wakhe, nothando analo ngathi, nokulalela ukuqondisa namalungiselelo Akhe, nokubambisana nomsebenzi Wakhe, nokwenza konke okusemandleni ukuze sifeze asiphathise khona.
     Ukunqotshwa uNkulunkulu kufana nomqhudelwano wobuciko bokulwa.
     Izwi ngalinye likaNkulunkulu ligadla endaweni esibuthaka kuyo, lisishiye silusizi futhi sethukile. Wembula imibono yethu, imicabango yethu, kanye nesimo sethu esikhohlakele. Kukho konke esikushoyo nesikwenzayo, nayo yonke imicabango namacebo ethu, ukwakheka nesiqu sethu kwembuleka emazwini Akhe, kusishiya sikhathazekile futhi sigajwe ukwesaba. Usitshela ngazo zonke izenzo zethu, izinhloso zethu, ngisho nangesimo sethu esonakele esingakaze sisazi, asenze sizizwe sembulwe kakhulu, futhi siqiniseka nakakhulu. Uyasahlulela ngokumelana kwethu Naye, asisole ngokungalungi nokumphika, asenze sicabange ukuthi emehlweni Akhe asinamsebenzi nokuthi singoSathane abaphilayo. Amathemba ethu ayashabalala, asisalokothi sifune izinto ezingenangqondo Kuye, ngisho namaphupho ethu ebusuku ayaphela. Leli iqiniso okungekho muntu kithi ongalicabanga, futhi ongalamukela. Okomzuzwana, izingqondo zethu azisebenzi, futhi asibe sisakwazi ukuqhubeka nohambo olusihlalele, asikwazi ukuqhubeka nezinkolelo zethu. Kubonakala sengathi ukholo lwethu selubuyele kulokhu olwaluyikho, nokuthi asikaze sibone muntu ojwayelene neNkosi uJesu. Sididwa yiyo yonke into ephambi kwamehlo ethu, isenze sizizwe silahliwe. Sinetwetwe, siphoxekile, futhi ekujuleni kwezinhliziyo zethu kunentukuthelo nokuhlazeka okukhulu. Sizama ukuvula imbobo, ukuthola indlela yokuphuma, futhi siyaqhubeka sizama ukulinda uMsindisi wethu uJesu, sithululele Kuye izinhliziyo zethu. Nakuba kunezikhathi lapho singenanzondo nakuthobeka ngaphandle, kodwa ezinhliziyweni zethu silahlekelwe ngendlela esingakaze silahlekelwe ngayo. Nakuba ngezinye izikhathi singase sibonakale sizole ngendlela engajwayelekile, ngaphakathi siququdwa usizi olukhulu. Isahlulelo nesiyalo sakhe sithathe wonke amathemba namaphupho ethu, kusishiye singenazo izifiso ezinkulu, singafuni ukukholelwa ukuthi unguMsindisi Wethu futhi angakwazi ukusisindisa. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kuvule igebe elikhulu phakathi kwethu Naye futhi akekho ozimisele ukulivala. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe ziyizinto zokuqala ezisenza sisokole futhi sihlazeke kangaka. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sakwazisa ngempela ukuhlonishwa uNkulunkulu nokubekezelela Kwakhe ukona komuntu, uma kuqhathaniswa nokuthi siphansi futhi asihlanzekile. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sabona okokuqala indlela esizidla futhi sizikhukhumeze ngayo, nokuthi umuntu akasoze alingana noNkulunkulu. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze salangazelela ukungabe sisaphila esimweni esinjalo esonakele, futhi kusenze safuna ukuqeda okwakhe nesiqu sethu ngezinga esingakwazi ngalo, futhi sangabe sisamzonda noma simenyanye uNkulunkulu. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sakuthokozela ukulalela amazwi Akhe, sangabe sisazimisela ukuhlubuka ekuqondiseni nasemalungiselelweni Akhe. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kuphinde kwasinikeza ithuba lokufuna ukuphila, kwasenza sakujabulela ukumamukela njengoMsindisi wethu…. Siye saphuma emsebenzini wokunqoba, saphuma esihogweni, saphuma emathunzini amnyama okufa…. UNkulunkulu uSomandla usizuzile, leli qembu labantu! Umnqobile uSathane, futhi wanqoba zonke izitha Zakhe!
         Simane siliqembu elijwayelekile labantu abanesimo esikhohlakele sobusathane, siyilabo uNkulunkulu abanqumela kusengaphambili ngaphambi kwezinkathi, futhi singabampofu uNkulunkulu abatakule odakeni. UNkulunkulu wake wasenqaba futhi wasilahla, kodwa manje usesinqobile. Samukele ukuphila nendlela eya ekuphileni okuphakade evela kuNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi sikuphi emhlabeni, naphezu kokushushiswa nosizi, asikwazi ukuhlukana nensindiso kaNkulunkulu uSomandla. Ngoba unguMdali wethu, nomhlengi wethu!
         Uthando lukaNkulunkulu lunjengamanzi omthombo, lunikwe mina nawe naye, nabo bonke labo abalifuna ngobuqotho iqiniso futhi abalinda ukubonakala kukaNkulunkulu.
         Njengoba nje unyezi uhlale ulandela ilanga, umsebenzi kaNkulunkulu awusoze waphela, futhi wenzelwa wena, nami, naye, nabo bonke abahamba emikhondweni kaNkulunkulu futhi abamukela isahlulelo nokusolwa uNkulunkulu.
                                                                                   Yethulwa ngomhla ka-23 Mashi, 2010
          Lokhu kwabhalwa nguNkulunkulu njengesandulelo sencwadi ethi “Umsuka nokuThuthuka kweBandla likaNkulunkulu uSomandla.”
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Ungase Uthande Nalezi: Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha
0 notes
Text
1. Umuntu kufanele aqonde ukuthi umyalezo osatshalaliswa yiNkosi uJesu Ngenkathi Yomusa kwakuyindlela yokuphenduka kuphela
Tumblr media
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Phendukani: ngokuba umbuso wezulu usondele” (Mathewu 4:17).
“Ngoba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano esisha, elithululwa ngenxa yabaningi ngokuthethelelwa kwezono” (UMathewu 26:28).
“Futhi ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono kufanele kushunyayelwe egameni lakhe ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema” (ULuka 24:47).
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Ekuqaleni uJesu wasabalalisa ivangeli washumayela indlela yokuphenduka, ngemva kwalokho wabhabhathiza, welapha izifo futhi waxosha amadimoni. Ekugcineni, wakhulula isintu esonweni futhi waqedela umsebenzi wakhe waleyo nkathi.
kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umsebenzi owenziwa nguJesu wawuhambisana nezidingo zomuntu ngaleso sikhathi. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuhlenga abantu, ukubaxolela izono zabo, ngakho-ke sonke isimo Sakhe kwakungesokuthobeka, ukubekezela, uthando, ubumnene, ukuqinisela, umusa, kanye nomusa wothando. Wabusisa abantu kakhulu wabalethela umusa omningi, nazo zonke izinto ababengase bazithokozele, wabanika ukuze bazithokozele: ukuthula nenjabulo, ukubekezela nothando, umusa Wakhe kanye nomusa wothando. Kulezo zinsuku, konke lokhu umuntu ayehlangabezana nakho kwakuyinala yezinto okumele azithokozele: Izinhliziyo zabo zazinoxolo futhi ziqinisekile, umoya wabo wawududuzekile, futhi babeqiniswe uMsindisi uJesu. Ukuthi babengazuza lezi zinto kwakungumphumela wenkathi ababephila kuyo. ENkathini yoMusa abantu base bonakaliswe uSathane, ngakho-ke umsebenzi wokuhlenga bonke abantu wawudinga inala yomusa, ukuqinisela okungapheli nokubekezela, phezu kwalokho, umnikelo owanele wokuhlawula izono zabantu, ukuze kufike emphumeleni wawo. Lokhu okwabonwa abantu eNkathini yoMusa kwakungumnikelo Wami nje wokuhlawulela isono sabantu, okungukuthi, uJesu. Konke ababekwazi ukuthi uNkulunkulu wayengaba nomusa nokuqinisela, futhi konke abakubona kwaba umusa kaJesu kuphela kanye nomusa wothando. Lokhu kwakungenxa yokuthi babephila eNkathini yoMusa. Ngakho-ke ngaphambi kokuthi bahlengwe, kwakumele bathokozele izinhlobo eziningi zomusa omkhulu uJesu abanika wona; yilokhu kuphela okwakuyinzuzo kubo. Ngale ndlela, babezoxolelwa izono zabo ngokuthokozela kwabo umusa, futhi bebezothola ithuba lokuhlengwa ngokuthokozela ukuqinisela nokubekezela kukaJesu. Ukuqinisela nokubekezela kukaJesu kuphela okwenza ukuthi bakwazi ukuthola intethelelo nokuthokozela inala yomusa ebekwe phezu kwabo nguJesu – njengoba uJesu athi, “Angizanga ukuzohlenga abalungile kodwa izoni, ukuze izono zabo zixolelwe.” … Ngokuthanda kukaJesu abantu, ebaxolela izono zabo ebanika umusa owanele nomusa nothando, abantu bakwazi ukusindiswa, babizwa ngezimvu ezazilahlekile ezabuyiswa uJesu ngenani eliphakeme. USathane wayengekwazi ukugxambukela kulo msebenzi, ngoba uJesu waphatha abalandeli Bakhe njengomama onothando ephethe usana ezingalweni zakhe. Akazange abathukuthelele noma abenyanye, kodwa wayegcwele induduzo; akazange athukuthele phakathi kwabo, kodwa wabayeka nezono zabo wabushaya indiva ubulima nokungazi kwabo, waze wathi, “Xolela izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” Ngakho-ke inhliziyo Yakhe yaguqula izinhliziyo zabanye. Kwaba ngale ndlela lapho abantu bathola khona intethelelo yezono ngokubekezela Kwakhe.
kwesithi “Iqiniso Mayelana Nomsebenzi Enkathini Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngaleso sikhathi, uJesu wakhuluma kubafundi Bakhe kuphela ochungechungeni lwezintshumayelo eNkathini Yomusa, ezifana nokuthi bangenza kanjani, bangahlanganyela kanjani ndawonye, bangacela kanjani ngomkhuleko, bangabaphatha kanjani abanye, nokunye. Umsebenzi awenza wawungoweNkathi Yomusa, futhi wachaza kuphela ukuthi kumele abafundi nalabo abamlandelayo benze kanjani. Wenza umsebenzi weNkathi Yomusa kuphela akenzanga lutho okwezinsuku zokugcina. … Umsebenzi kaNkulunkulu enkathini ngayinye unemingcele ecacile; wenza kuphela umsebenzi wenkathi yangaleso sikhathi futhi akawenzi umsebenzi wesigaba esilandelayo singakafiki isikhathi sawo. Yingale ndlela kuphela ezokwenza ukuba umsebenzi wesigaba ngasinye ulethwe phambili. UJesu wakhuluma kuphela ngezimpawu zezinsuku zokugcina, ngokuthi ubekezela kanjani nokuthi usindiswa kanjani, nokuthi uyophenduka kanjani uvume nezono, kanjalo nokuthi usithwala kanjani isiphambano ubekezelele ukuhlupheka; akaze akhulume ngokuthi abantu ezinsukwini zokugcina kumele bangene kanjani noma kumele bafune kanjani ukwanelisa intando kaNkulunkulu.
kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayemane enze izono, azivume njengenjwayelo ngaphandle kokuguqula izindlela zawo; zazinjalo izimo zabantu zemvelo ngeNkathi Yomusa.
kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umsebenzi kaJesu wawumayelana nokuhlengwa komuntu kanye nokubethelwa Kwakhe kuphela. Ngakho, sasingekho isidingo sokuba asho amazwi amaningi ukuze anqobe umuntu. Okuningi kwalokho akufundisa umuntu kwakuthathwe emiBhalweni futhi ngisho nomsebenzi Wakhe awuzange udlulele ngale kwemiBhalo, kunalokho Wakwazi ukufeza umsebenzi wokubethelwa. Umsebenzi Wakhe wawungekho mayelana nezwe, noma ukunqoba isintu, kodwa wawumayelana nokuhlenga isintu. Waba njengomnikelo wesono wesintu, futhi akazange abe njengomthombo wezwi esintwini.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
INkathi Yomusa yashumayela ivangeli lokuphenduka, futhi uma umuntu ekholwa … Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono. …UJesu akazelanga ukuzophelelisa nokuzuza umuntu kodwa ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi: wokuzoletha ivangeli lombuso wasezulwini nokuqedela umsebenzi wokubethelwa—futhi lapho uJesu esebethelwe, umsebenzi Wakhe wafika ekugcineni.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Okuqukethwe Okuhlobene: kanjani ukuphila okuphakade
0 notes
Text
2. Yini umehluko phakathi komsebenzi walabo abasetshenziswa nguNkulunkulu kanye nomsebenzi wabaholi benkolo?
Tumblr media
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Futhi wathi, Yizwani manje amazwi ami: … Inceku yami uMose akanjalo, othembekile endlini yami yonke” (UNumeri 12:6-7).
“Maye kubelusi bakwa-Israyeli abazondla bona! abelusi akufanele bondle izimvu na? Nidla amanoni, futhi nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo: kodwa anizondli izimvu. Ezibuthakathaka aniziqinisanga, negulayo aniyelaphanga, nephukileyo aniyibophanga, nexoshiweyo aniyibuyisanga, nelahlekileyo aniyifunanga; kodwa nizibuse ngamandla nangonya. Futhi zazihlakazekile, ngenxa yokuthi umelusi engekho: futhi zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, lapho zihlakazekile. Izimvu zami zazulazula kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma aphakemeyo: yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, futhi kwangaba khona ozicingayo noma ozifunayo” (UHezekeli 34:2-6).
“Maye kinina, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu: ngokuba aningeni nina, nabangenayo niyabahlupha. Maye kinina, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide: Ngalokho niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu. Maye kinina, babhali nabaFarisi, bazenzisi! Ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nenze iphroselithe elilodwa, futhi lapho senimenzile nimenza abee umntwana wesihogo ngokuphindwe kabili kunani ngokwenu” (Mathewu 23:13-15).
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Umsebenzi owenziwa yilowo osetshenziswa nguNkulunkulu ngowokuthi ubambisane nomsebenzi kaKrestu noma uMoya oNgcwele. Lo muntu uphakanyiswa nguNkulunkulu phakathi kwabantu, ulapho ukuze ahole bonke abakhethwe nguNkulunkulu, futhi uphakanyiswe nguNkulunkulu ukuze enze umsebenzi wokubambisana kwabantu. Ngomuntu onjengalo, okwazi ukwenza umsebenzi wokubambisana kwabantu, okuningi okudingwa nguNkulunkulu kumuntu, nomsebenzi okufanele wenziwe nguMoya oNgcwele phakathi kwabantu kungenzeka ngaye. Enye indlela yokubeka lokhu yile: inhloso kaNkulunkulu ngokusebenzisa lo muntu ngukuba bonke labo abalandela uNkulunkulu bakwazi ukuyiqonda kangcono intando kaNkulunkulu, futhi bakwazi ukufinyelela ngokuthe xaxa emigomeni kaNkulunkulu. Ngoba abantu abakwazi ukuwaqonda ngqo amazwi noma intando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uphakamise umuntu osetshenziswa ukwenza lo msebenzi. Lo muntu osetshenziswa uNkulunkulu angachazwa njengethuluzi uNkulunkulu asebenza ngalo ukuqondisa abantu, “njengomhumushi” oxhumanisa uNkulunkulu nabantu. … Ngokwengqikithi yomsebenzi wakhe nendikimba yokusetshenziswa kwakhe, umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu uphakanyiswa nguYena, ulungiselelwa nguNkulunkulu ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bese ebamba umsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Akukho muntu ongambambela emsebenzini wakhe, kuyimbambiswano yomuntu eyingxenye ebalulekile emsebenzini ongcwele. … Lowo osetshenziswa nguNkulunkulu, kwenye ingxenye, yilowo olungiswe nguNkulunkulu, futhi onezinga elithile futhi onobuntu. Usevele elungiswe futhi wapheleliswa nguMoya oNgcwele, futhi uholwa ngokugcwele nguMoya oNgcwele, aphinde, ikakhulu uma kuya emsebenzini wakhe, aqondiswe futhi alawulwe nguMoya oNgcwele — okungenxa yakho kungekho kuphambuka endleleni yokuhola abakhethwa bakaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu impela uyawumela umsebenzi waKhe uqobo, futhi uNkulunkulu wenza umsebenzi waKhe ngazo zonke izikhathi.
kwesithi “Mayelana nokusebenzisa kukaNkulunkulu umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Kungani kuthiwa ukwenza kwalabo abasemabandleni enkolo sekuhanjelwe isikhathi? Yingoba lokho abakwenzayo akuhlangene nomsebenzi wanamuhla. … Umsebenzi kaMoya oNgcwele uhlala uqhubekela phambili, futhi bonke labo abasemgudwini kaMoya oNgcwele kumele baqhubekele phambili bajule futhi baguquke, isinyathelo ngesinyathelo. Akumele lokhu kume esigabeni esisodwa. Yilabo abangawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele kuphele abaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe wokuqala, futhi bangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele. Yilabo abangalaleli kuphela abehluleka ukuzuza emsebenzini kaMoya oNgcwele. Uma ukwenza komuntu kungahambisani nomsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, nakanjani ukwenza komuntu ngeke kuhambisane nomsebenzi wanamuhla, futhi nakanjani akuhambisani nomsebenzi wanamuhla. Labo bantu abasele emuva ngesikhathi yibo abehluleka ukufeza umsebenzi kaNkulunkulu, baba yilabo bantu bokugcina abazofakazela uNkulunkulu. Umsebenzi wokuphatha uwonke, phezu kwalokho, kumele uphothulwe yileli qembu labantu. Ngoba labo abake bagcina umthetho kaJehova, kanye nalabo abake bahluphekela isiphambano, uma behluleka ukwamukela isigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi abakwenzile nje bebekwenzela ize, futhi kuyize leze. Indlela yokuchaza umsebenzi kaMoya oNgcwele ngokucacile ekwamukeleni okwenzeka lapha namanje, beyingabambelele esikhathini sakudala. Labo abangahambisananga nomsebenzi wanamuhla, futhi abangahlukaniswanga nezenzo zanamuhla, bayilabo abaphikisana futhi abangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu abanjalo baphikisana nomsebenzi kaNkulunkulu wamanje.
kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umsebenzi osemqondweni womuntu ufinyelwa kalula umuntu. Abefundisi nabaholi bezenkolo, isibonelo, bathembele eziphiweni nasezikhundleni zabo uma benza imisebenzi yabo. Abantu ababalandela isikhathi eside batheleleka ngeziphiwo zabo futhi babe negalelo kubo ngokunye abakwenzayo. Bagxila eziphiweni zabantu, namakhono kanye nolwazi, futhi bagxila kwezinye izinto ezingasizo ezemvelo kanye nenqwaba yezimfundiso ezaziwayo nezingasizo ezeqiniso (nakanjani, lezi zimfundiso ezaziwayo akufinyeleleki kuzo). Abagxili ekushintsheni ezimilo zabantu, kodwa bagxila ekuqeqesheni amakhono abantu okushumayela nawokusebenza, bandisa ulwazi lwabantu kanye nezimfundiso zezenkolo kabanzi. Abagxili ekutheni izimilo zabantu zishintsha kanjani noma ukuthi abantu baliqonda kangakanani iqiniso. Abazikhathazi ngokubalulekile kubantu, futhi abazami nokwazi izimo zabantu ezejwayelekile nezingajwayelekile. Abahlangabezani nemizwa yabantu noma abadaluli imizwa yabo, kube abalungisi umonakalo noma inkohlakalo ekubo. Abantu abaningi ababalandelayo basebenza ngeziphiwo zabo zemvelo, futhi lokho abakuvezayo kuwulwazi kanye neqiniso elingacacile lezenkolo, eliqhelelene nokwenzekayo futhi akukwazi nhlobo ukuphilisa abantu. Empeleni, okubalulekile ngomsebenzi wabo ukuthuthukisa amathalente, ukusimamisa umuntu ongenalutho abe umfundi ogogodile onethalente lokushumayela ogcina eseya kosebenza futhi ahole.
kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ukhonza uNkulunkulu ngesimo sakho esingokwemvelo, nangokuhambisana nezinto ozithandayo; ngaphezu kwalokho, ulokhu ucabanga ukuthi uNkulunkulu ujabulela noma yini ofuna ukuyenza, nokuthi uzonda noma yini ongafuni ukuyenza, futhi uqondiswa ngokuphelele yizinto ozithandayo emsebenzini wakho. Ingabe lokhu kungabizwa ngokukhonza uNkulunkulu? Ekugcineni, isimo sempilo yakho ngeke sishintshwe nakancane; kunalokho, uyoba nenkani ngisho nakakhulu ngoba ubukhonza uNkulunkulu, futhi lokhu kuyokwenza ukuthi isimo sakho esonakele sibe nzima nakakhulu. Ngale ndlela, ngaphakathi uzozakhela imithetho yokukhonza uNkulunkulu ngokuyinhloko esekelwe ebuntwini bakho, nasolwazini oluthole ngenxa yokukhonza ngokuvumelana nesimo sakho. Lokhu kuyisifundo esivela olwazini lwabantu. Kuwumbono womuntu ngokuphila. Abantu abanjengalaba bafana nabaFarisi kanye nabaholi benkolo. Uma bengavuki emaqandeni baphenduke, bazogcina bephenduke oKristu bamanga abazovumbuka ezinsukwini zokugcina futhi badukise abantu. OKristu bamanga nabakhohlisi okwakuthiwe bayovela kulolu hlobo lomuntu. Uma labo abakhonza uNkulunkulu belandela ubuntu babo futhi benze ukuthanda kwabo, khona-ke basengozini enkulu yokulaxazwa nganoma yisiphi isikhathi. Labo abasebenzisa ulwazi lwabo lweminyaka eminingi bekhonza uNkulunkulu ukuze bazuze izinhliziyo zabanye, babashumayeze futhi babacindezele, futhi baziphakamise—lobo abangakaze baphenduke, bavume izono zabo, bayeke ukuqhakambisa izinzuzo zesikhundla—laba bantu bayowa phambi kukaNkulunkulu. Bangabantu abawuhlobo olulodwa noPawulu, bazidla ngezikhundla zabo eziphezulu futhi babukise ngezimfanelo zabo. UNkulunkulu ngeke alethe abantu abanjena ekuphelelisweni. Lolu hlobo lwenkonzo lugxambukela emsebenzini kaNkulunkulu.
kwesithi “Indlela Yokukhonza Yenkolo Kumelwe Ivalwe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Buka abaholi bayo yonke imibuso namaqembu. Bonke banenkani, bazenza osiyazi, bachaza iBhayibheli ngaphandle komongo walo nangokwemicabango yabo. Bonke bancike eziphweni nasolwazini olunzulu ukuze benze umsebenzi wabo. Ukube akukho ababekwazi ukukushumayela, ingabe labo bantu bebeyobalandela? Ngemva kwakho konke, kukhona abakufundayo, futhi kuncane abangakusho ngemfundiso, noma ukwazi indlela yokunqoba abanye nendlela yokusebenzisa obunye ubuqili, abalethe ngakho abantu phambi kwabo futhi babakhohlisa. Ngokulindelekile, labo bantu bakholelwa kuNkulunkulu—kodwa eqinisweni balandela abaholi babo. Uma behlangana nalabo abashumayela indlela yeqiniso, abanye kubo bayothi, “Kudingeka sixhumane naye ngokukholelwa kwethu kuNkulunkulu.” Buka indlela abadinga ngayo imvume yomuntu othile ukuze bakholelwe kuNkulunkulu; akuyona yini inkinga leyo? Baphenduke ini labo baholi? Ingabe abakabi yini abaFarisi, abelusi bamanga, abaphikikrestu, nezikhubekiso ekwamukeleni kwabantu indlela yeqiniso?
kwesithi “Isahluko 21.Ukufuna Iqiniso Kuphela Okuwukukholelwa Ngeqiniso KuNkulunkulu” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe
Uma usukholwe kuNkulunkulu iminyaka eminingi, kodwa ungakaze umlalele noma wemukele wonke amazwi Akhe, kodwa kunalokho ucele uNkulunkulu ukuthi athobele wena futhi alandele imicabango yakho, ngakho uhlubuke ukudlula bonke, futhi awukholwa. Umuntu onjena angakwazi kanjani ukulalela umsebenzi namazwi kaNkulunkulu angahambisani nemicabango yomuntu? Umuntu oyihlongandlebe kunabo bonke umuntu oweyisa futhi amelane noNkulunkulu ngenhloso. Uyisitha sikaNkulunkulu futhi ungumphikikristu. Umuntu onjalo ugcina umoya wobutha njalo mayelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu, akaze akhombise nencane inhloso yokuzithoba, futhi akakaze alalele noma azehlise noma azithobe. Uyazikhukhumeza phambi kwabanye kanti akazithobi nhlobo komunye. Phambi kukaNkulunkulu uzibona enguchwepheshe ekushumayeleni izwi futhi enekhono kakhulu ekusebenzeni kwabanye. Akalingi alahle amagugu asenawo, kodwa uwathatha njengezinto zomndeni eziyigugu ezivela kokhokho okufanele zikhonzwe, kushunyayelwe ngazo kwabanye, futhi usebenzisa ukufundisa lezo ziphukuphuku ezimthanda kakhulu. Impela bakhona abantu abanje ebandleni. Kungashiwo ukuthi “bangamaqhawe angenakunqotshwa,” isizukulwane emuva kwesizukulwane bayavakasha endlini kaNkulunkulu. Bacabanga ukuthi ukushumayela izwi (imfundiso) kungumsebenzi wabo osemqoka. Unyaka nonyaka, isizukulwane emuva kwesinye, bawenza ngomdlandla umsebenzi wabo “ocwebileyo nongaphiliseki”. Abekho abalinga ukubathinta futhi abekho abalinga ukuthi babasole obala. Baphenduka “amakhosi” endlini kaNkulunkulu, bephithizela ngenkathi bebusa phezu kwabanye iminyaka ngeminyaka. Leli qulu lamadimoni lifuna ukuhlangana bese ndawonye alibhidlize umsebenzi Wami; ngingabavumela kanjani labo develi abaphilayo babe khona phambi kwamehlo Ami?
kwesithi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Labo abafunda iBhayibheli emasontweni amakhulu, kepha akekho noyedwa oqondayo inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu. Akekho noyedwa okwazi ukwazi uNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, akekho noyedwa ovumelana nenhliziyo kaNkulunkulu. Bonke bangabantu abangenamsebenzi, abanyanyekayo, ngamunye bamile phezulu ukufundisa uNkulunkulu. Nakuba belibiza igama likaNkulunkulu, bamelana Naye ngenhloso. Nakuba bezibiza ngokwabo ukuthi bangamakholwa kaNkulunkulu, bayilabo abadla inyama futhi baphuze igazi lomuntu. Bonke abantu abanjalo bangoSathane abadla umphefumulo womuntu, amadimoni aphazamisa ngenhloso labo abazama ukungena endleleni efanele, nezikhubekiso ezikhinyabeza indlela yalabo abafuna uNkulunkulu. Nakuba “bephile qingqo,” abalandeli babo bangazi kanjani ukuthi bangabaphikuKristu abaholela abantu ekuphikisaneni noNkulunkulu? Bangazi kanjani ukuthi bangamadimoni aphilayo afuna imiphefumulo azoyidla?
kwesithi “Bonke Abangamazi UNkulunkulu Bayilabo Abaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Isinkwa Semihla Ngemihla: ukukholwa ngeqiniso  
0 notes