#inamandla
Explore tagged Tumblr posts
kmgquote · 7 months ago
Text
Angena Amanzi Endlini
Kuyahlekwa noba sekukubi Ezinye inkinga zidinga Jesu qha Ungacingi faniba xa uthandazile ekuseni asikho isidingo sokuthandaza ntambama Intetho yesininzi inamandla Impilo iyalwelwa – Shukuma apho uleli khona Uzixelele ba namhlanje uzozimela ingxaki zakho Uzosebenzisa elithuba usenalo, uzingele isandla sikankulunkulu Ungalali ungaxolanga – Yiza uzobeka isicelo sakho…
View On WordPress
0 notes
realkingtouch · 5 years ago
Photo
Tumblr media
Sorry To Keep U Guys Waiting... Here Is The Mix,Im Finally Done With It. Please Share With Ur Mates. #WUM #Inamandla #edm #deephouse #hiibiza #afro #art #shotoniphone https://hearthis.at/kingtouch-sa-mu/noplaylist-0.4-mixed-by-kingtouch-january-2020/ https://www.sendspace.com/file/w85g70 https://soundcloud.com/kingtouch_sa/noplaylist-04-january-2020-mixed-by-kingtouch https://www.datafilehost.com/d/3003f8bc (at Embalenhle, Mpumalanga, South Africa) https://www.instagram.com/p/B7PsWEch5A4/?igshid=1ec9q0p98fwng
0 notes
unkulunkulumuhle-blog · 5 years ago
Text
Landelani Iqiniso Uma Seniliqonda
Tumblr media
Landelani Iqiniso Uma Seniliqonda
Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu kuhloselwe ukuletha ushintsho esimweni senu; inhloso Yakhe ayikhona nje ukunenza niliqonde noma nilibone bese lokho kuba yisiphelo salo. Njengoba nikwazi ukwamukela, akufanele kube nzima kini ukuqonda izwi likaNkulunkulu, ngoba ingxenye enkulu yezwi likaNkulunkulu ilotshwe ngolimi lwabantu okulula kakhulu ukuluqonda. Isibonelo, niyazi ukuthi yini uNkulunkulu afuna niyiqonde futhi niyenze; lena yinto umuntu okwazi ukuqonda okufanele akwazi ukuyenza. Okushiwo uNkulunkulu manje kucace kakhulu futhi kukhanya bha, uNkulunkulu uphinde aveze okuningi abantu abangakaze bacabange ngakho noma izimo ezihlukahlukene zomuntu. Amazwi Akhe ayaqondakala, akhanya njengonyezi ogcwele. Ngakho-ke manje, abantu sebeqonda izinto eziningi; okubahlulayo ukwenza izwi Lakhe. Abantu kumele bazi lonke uhlobo lweqiniso, bahlaziye futhi bafune yonke imininingwane yalo, bangamane nje balinde ulwazi abanikwa lona; uma benza kanjalo bayophenduka okungaphezu kokhamisa ngithele. Bayalazi izwi likaNkulunkulu, kodwa abalenzi. Uhlobo olunjena lomuntu alulithandi iqiniso, futhi ekugcineni luyobhujiswa. Ukuphila njengoPetru wama-90 kusho ukuthi umuntu ngamunye kini kufanele enze izwi likaNkulunkulu, abe nokungena kwangempela ezintweni enibhekana nazo, azuze ukukhanyiselwa okukhulu ekubambisaneni kwenu noNkulunkulu, alethe olunye usizo Lwakhe ezimpilweni zenu. Uma nilifunda kakhulu izwi likaNkulunkulu kodwa niqonda kuphela okubhalwe kulo, ningenalo ulwazi ngezwi likaNkulunkulu ekuphileni kwenu okungokoqobo, ngeke nilazi izwi likaNkulunkulu. Ngokwenu, izwi likaNkulunkulu alikhona ukuphila, kodwa liyimibhalo efile. Uma ugcina ngokubambelela emibhalweni efile, ngeke uyiqonde ingqikithi yezwi likaNkulunkulu, futhi ngeke uyiqonde intando Yakhe. Incazelo kamoya yezwi likaNkulunkulu kini iyocaca kuphela lapho niqaphela izwi Lakhe ezintweni enidlula kuzo, futhi incazelo kamoya ngamaqiniso amaningi ningayibamba kulezo zinto kuphela, futhi izinto enidlule kuzo ezinganikhanyisela izimfihlakalo zezwi likaNkulunkulu. Uma ningalenzi, akunandaba ukuthi izwi Lakhe licace kangakanani, okuwukuphela kwento eniyibambile nje izincwadi nezimfundiso eziyize leze, eseziphenduke imithetho yenkolo kini. Akuyona yini lena into eyenziwa abaFarisi? Uma nilenza futhi nilibona izwi likaNkulunkulu, liba yinto enokwenzeka kini; uma ningafuni ukulenza, kusho ukuthi izwi likaNkulunkulu kini lithi alifane nenganekwane yezulu lesithathu. Eqinisweni, inqubo yokukholelwa kuNkulunkulu iyinqubo yokubona izwi Lakhe kanye nokuzuzwa Nguye, noma uma sikucacisa, ukukholelwa kuNkulunkulu kusho ukulazi nokuliqonda izwi Lakhe, nokulibona futhi uphila ngalo izwi Lakhe; leso isimo esingokoqobo sokukholelwa kwenu kuNkulunkulu. Uma ukholelwa kuNkulunkulu futhi unethemba lokuphila phakade ngaphandle kokufuna ukwenza izwi likaNkulunkulu njengento okufanele nibe nayo ngaphakathi, kusho ukuthiniyiziwula; kufana nokuya la kudliwa khona uyobona nje ukuthi kudliwani ufike ungadli. Umuntu onjalo akasona yini isiwula?
Iqiniso umuntu okufanele alazi litholakala ezwini likaNkulunkulu, iqiniso elizuzisayo futhi eliwusizo olukhulu esintwini. Liwumuthi nokudla okudingwa imizimba yenu, into enisizayo nibuyise ubuntu benu obujwayelekile, iqiniso okufanele nihlonyiswe ngalo. Uma nenza izwi likaNkulunkulu, ukuphila kwenu kuzoqhakaza nakakhulu; uma nenza izwi likaNkulunkulu, iqiniso licaca nakakhulu. Njengoba isimo senu sikhula, izinto zasezweni likamoya nizozibona ngokucacile, futhi nizoba namandla okunqoba uSathane. Amaqiniso amaningi eningawaqondi ayocaciswa lapho nenza izwi likaNkulunkulu. Abantu abaningi baneliswa nje ukumane baqonde okubhalwe ezwini likaNkulunkulu bagxile ekuzihlomiseni ngezimfundiso ngaphandle kokuqonda ukujula kwazo ngokuzenza; akuyona yini leyo indlela yabaFarisi? Inkulumo ethi “izwi likaNkulunkulu liwukuphila” ingaba kanjani yiqiniso kubo? Ukuphila komuntu kungaqhakaza kuphela lapho umuntu enza izwi likaNkulunkulu; ngeke kumane nje kukhuliswe ukuthi ufunda izwi Lakhe. Uma nikholelwa ukuthi ukuqonda izwi likaNkulunkulu kwanele ukuze umuntu aphile, abe nesimo, kusho ukuthi ukuqonda kwenu kuphambene. Ukuliqonda ngempela izwi likaNkulunkulu kwenzeka lapho nenza iqiniso, futhi kumele niqonde ukuthi “iqiniso ningaliqonda kuphela ngokuthi nilenze.” Namuhla, ngemva kokufunda izwi likaNkulunkulu, ungase uthi uyalazi izwi likaNkulunkulu, kodwa angeke uthi uyaliqonda. Abanye bathi okuwukuphela kwendlela yokwenza iqiniso, ukuliqonda kuqala, kodwa yingxenye yakho lokhu kuphela eyiqiniso akukhona konke okuyiqiniso. Ngaphambi kokuba wazi iqiniso, usuke ungakaze uliqaphele lelo qiniso. Ukucabanga ukuthi uyakuqonda okuzwayo akufani nokuyiqonda ngempela into. Ukwazi iqiniso njengoba libhaliwe akufani nokuqonda incazelo yalo yangempela. Ukuthi unolwazi olunzulu ngeqiniso akusho ukuthi uyaliqonda noma uyalibona; incazelo yangempela ngeqiniso ivela ngemva kokulibona. Yingakho ngithi iqiniso ungaliqonda kuphela ngemva kokudlula kulo, futhi uma usudlule eqinisweni ungaqonda nezingxenye zalo ezifihlekile. Ukuqonda iqiniso ngokujulile kuwukuphela kwendlela ongazi ngayo izinto ezihambisana neqiniso, nongaqonda ngayo ingqikithi yalo. Ngakho, ungaya nomaphi ngeqiniso, kodwa uma ungenalo iqiniso, ungalokothi uzame ukuqinisekisa abantu abakholwayo, ingasaphathwa eyomndeni wakho. Ngaphandle kweqiniso ufana noshibilika eqhweni, kodwa ngeqiniso ungajabula futhi ukhululeke, akekho ongakuhlasela. Akunandaba ukuthi imfundiso inamandla kangakanani, ngeke ilehlule iqiniso. Ngeqiniso, kungagudluzwa umhlaba nezintaba kanye nolwandle, kanti ukungabi neqiniso kuholela ekudliweni izibungu; leli iqiniso elilula.
Okubalulekile manje ukuthi nazi iqiniso kuqala, bese niyalenza, nizihlomise ngencazelo yangempela yeqiniso. Kufanele kube yilowo umgomo wenu, kungamane nje kube ukuthi abanye balandele amazwi enu kodwa balandele izenzo zenu, futhi incazelo yangempela ningayithola lapho kuphela. Akunandaba ukuthi nehlelwa yini, akunandaba ukuthi uzithela phezu komuntu onjani, yiqiniso kuphela elinganenza nime niqine. Izwi likaNkulunkulu yileli eliletha ukuphila kumuntu, hhayi ukufa. Uma ungaphili ngemva kokufunda izwi likaNkulunkulu, lingakuvusi izwi Lakhe, kusho ukuthi kukhona okungahambi kahle kuwe. Uma ngemva kwesikhathi usulifunde kakhulu izwi likaNkulunkulu wezwa izintshumayelo eziningi ezingokoqobo, kodwa usesesimweni somuntu ofile, lokho kuwubufakazi bokuthi awulazisi iqiniso, futhi awulifuni iqiniso. Uma nifuna ngempela ukuzuza uNkulunkulu, beningeke nigxile ekutholeni izimfundiso ezinkulu, nikhuthaze abanye ngazo, kodwa benizogxila ekuboneni izwi likaNkulunkulu nasekwenzeni iqiniso; akufanele yini engabe niphezu kwalokho njengamanje?
Asisiningi isikhathi uNkulunkulu azokwenza umsebenzi Wakhe ngaso kini, kodwa ungaba yini umphumela uma ningabambisani Naye? Kungani uNkulunkulu ehlale efuna nenze izwi Lakhe uma seniliqonda? Kungoba uNkulunkulu unembulele amazwi Akhe, isinyathelo senu esilandelayo ukuwenza, futhi uNkulunkulu uyokwenza umsebenzi wokunikhanyisela, aniqondise njengoba nenza la mazwi. Kunjalo nje. Izwi likaNkulunkulu lihloselwe ukwenza umuntu aqhakaze ekuphileni ngaphandle kokuphambuka noma ukugxeka. Nithi senilifundile izwi likaNkulunkulu nalenza, kodwa awukho umsebenzi kaMoya Oyingcwele eniwemukele—enikushoyo kungakhohlisa ingane kuphela. Umuntu akazi ukuthi izinhloso zenu zifanele yini, kodwa nicabanga ukuthi uNkulunkulu ngeke azi? Kwenzeka kanjani ukuthi abanye benze izwi likaNkulunkulu, bamukele ukukhanyiselwa uMoya Oyingcwele, kodwa ngandlela thize nina nenza izwi Lakhe kodwa anikutholi ukukhanyiselwa uMoya Oyingcwele? Ingabe uNkulunkulu uthatha ngomuzwa? Uma izinhloso zenu zizinhle ngempela futhi nibambisana, uMoya kaNkulunkulu uzoba nani. Kungani abanye abantu behlale befuna ukuba phambili, kodwa uNkulunkulu engabavumeli baphakame bahole ibandla? Kungani abanye abafeza umsebenzi wabo, kodwa bengaboni bazuze ukwamukelwa uNkulunkulu? Kungenzeka kanjani lokho? UNkulunkulu uhlola inhliziyo, abantu abafuna iqiniso kumele benze kanjalo ngezinhloso ezinhle—abantu abangenazo izinhloso ezinhle ngeke bakwazi ukuma. Eqinisweni, umgomo wenu ukuvumela izwi likaNkulunkulu lisebenze kini. Ngamanye amazwi, kuwukuliqonda ngempela izwi likaNkulunkulu lapho ulenza. Mhlawumbe ikhono lakho lokwamukela izwi likaNkulunkulu alibukhali, kodwa uma wenza izwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu angandisa umzila wokwamukela kulelo khono lakho elintulayo, ngakho akumele nje wazi amaqiniso amaningi, kodwa kumele futhi uwenze. Lena indaba enkulu engenakushalazelwa. UJesu wahlupheka kakhulu lapho eneminyaka engama ngoba wayenza iqiniso. Kungani imibhalo ihlale ithi washushiswa? Kungenxa yokuthi isuke ifuna ukuchaza ukuthi wahlupheka kakhulu ngenxa yokuthi ulandela iqiniso futhi wafeza intando kaNkulunkulu. Wayengeke ahlupheke kanjalo ukube walazi iqiniso kodwa wangalenza. Ukube uJesu walandela ayekufundiswa amaJuda, walandela abaFarisi, wayengeke ahlupheke. Ungafunda ezintweni ezenziwa uJesu ukuthi ukuphumelela komsebenzi kaNkulunkulu kungenxa yokubambisana kwakhe Naye, lena into okumele niyazi. Ingabe uJesu wayezohlupheka ngendlela ahlupheka ngayo esiphambanweni ukube akalenzanga iqiniso? Ingabe wayezowuthandaza umthandazo onjalo onomunyu ukube akenzanga ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu? Lokhu-ke kusho ukuthi lolu uhlobo lokuhlupheka umuntu okufanele akubekezelele.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
fakazavibes · 4 years ago
Text
DJ Derrango – Ngenze Njan Ft. Mex King Jr
DJ Derrango – Ngenze Njan Ft. Mex King Jr
DJ Derrango – Ngenze Njan Mp3 Download Free Song
DJ Derrango – Ngenze Njan (Mp3) Fakaza drops the Mp3 Download of the DJ Derrango new 2020 song, From Best South African singer.
Listen to DJ Derrango 2020 songs Free Mp3 Download
https://cdn.fakaza2018.co/wp-content/uploads/2020/09/DJ-Derrango-ft-Mex-King-Jr-_-_Ngenze-Njan.mp3
Download Mp3: DJ Derrango – Ngenze Njan Ft. Mex King Jr
View On WordPress
0 notes
biomorphisme · 8 years ago
Quote
Incanca y am inamandla ! Ndiyinkwekwe enkulu ! Angi funi ukuba yeendota ! Evil boy for live ! Yebo !
Die Antwoord // Evil Boy
(my penis is strong, i’m a big boy, i don’t want to be a man, evil boy 4 life)
5 notes · View notes
mikeconsultants-blog · 5 years ago
Video
After her first interview within the first month of joining the winning team. Inamandla i Mike Consultants. https://www.instagram.com/p/B55aTGgJ5h4/?igshid=17f4qkwif1g78
0 notes
ao3feed-briennejaime · 5 years ago
Text
Inamandla kakhulu kunangaphambili
read it on the AO3 at https://ift.tt/2ZFqTRB
by santigold96
Words: 590, Chapters: 1/1, Language: Chinuk Wawa
Fandoms: Game of Thrones (TV), A Song of Ice and Fire - George R. R. Martin
Rating: Not Rated
Warnings: Creator Chose Not To Use Archive Warnings
Categories: F/M
Characters: Jaime Lannister, Brienne of Tarth
Relationships: Jaime Lannister/Brienne of Tarth
read it on the AO3 at https://ift.tt/2ZFqTRB
0 notes
ao3jamiexbrienne · 5 years ago
Text
Inamandla kakhulu kunangaphambili
read it on the AO3 at https://ift.tt/2ZFqTRB
by santigold96
Words: 590, Chapters: 1/1, Language: Chinuk Wawa
Fandoms: Game of Thrones (TV), A Song of Ice and Fire - George R. R. Martin
Rating: Not Rated
Warnings: Creator Chose Not To Use Archive Warnings
Categories: F/M
Characters: Jaime Lannister, Brienne of Tarth
Relationships: Jaime Lannister/Brienne of Tarth
read it on the AO3 at https://ift.tt/2ZFqTRB
0 notes
kmgquote · 5 years ago
Text
Ah wema Mazixhuzula sube zixhuzuliswa yintoni? Ingaba zithungelene na? Indlela ezizwa ngazo ingapha kwamandla azo Intliziyo yazo ayifuni ukunaka izinto ezininzi Ingathi seyikhohliwe izifundiso - Kwenzakalani ngapha kweliso? Umcimbi awude ufike kumxholo Ingathi umoya uyabhudluzisa Hayi ingathi Umkhombi ndlela umkhomba ngale - Inamandla lemizwa Funuqatshelwa lemimba Seyinganakile ngetliziyo yonke Hayi Ikhona into Hayi Ikhona into Sozuve - Umqhagi emqhagini Zixhomile ezidongeni… [ 28 more words ] https://kmgquotesite.wordpress.com/2020/02/22/ifuma-ivune-ihlome/
0 notes
realkingtouch · 5 years ago
Photo
Tumblr media
A Friend Of Mine... LOVER! #luv #art #tourism #studio #yamaha #Inamandla (at Embalenhle, Mpumalanga, South Africa) https://www.instagram.com/p/B0YSyP9hL5K/?igshid=1tya12a9lhv0u
0 notes
unkulunkulumuhle-blog · 5 years ago
Text
Isahluko 10
Tumblr media
Isahluko 10
INkathi Yombuso, kakade, yehlukile ezikhathini ezedlule. Ayithinti okwenziwa ngumuntu. Kunalokho, ngenza umsebenzi Wami emva kokwehlela emhlabeni — umsebenzi okungekho muntu ongawucabanga noma awufeze. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube manje, kuyo yonke le minyaka bekulokhu kungokokwakha ibandla, kodwa akuzwakali lutho ngokwakhiwa kombuso. Nakuba ngikhuluma ngalokhu ngomlomo Wami, ingabe ukhona owazi ukubaluleka kwakho? Ngike ngehlela emhlabeni wabantu ngezwa futhi ngabona ukuhlupheka kwabo, kodwa ngaphandle kokugcwalisa inhloso yokuba sesimweni somuntu Kwami. Lapho ukwakhiwa kombuso kuqalwa, umzimba Wami wobuntu uqala ukwenza inkonzo ngokusemthethweni; okusho ukuthi, iNkosi yombuso iqala ukuthatha amandla ayo okubusa ngokusemthethweni. Kulokhu kusobala ukuthi ukwehlela kombuso emhlabeni wabantu, okungasho amazwi nokubukeka nje kuphela, kuyinto yangokoqobo ngempela; le yingxenye eyodwa yencazelo yamazwi athi “iqiniso lokwenza.” Umuntu akakaze abone nesisodwa sezenzo Zami, akakaze ezwe nelilodwa emazwini Ami. Ngisho noma kuthiwa kukhona ake wakubona, yini ayeyoyithola? Ukuba wake wangizwa ngikhuluma, yini ayeyoyiqonda? Emhlabeni wonke, abantu bangaphansi kothando Lwami, uzwelo Lwami, kodwa bonke futhi abantu bangaphansi kokwahlulela Kwami, nokuvivinywa Yimi ngokufanayo. Bengilokhu nginomusa nothando kubantu, ngisho nalapho wonke umuntu onakele ngezinga elithile; ngikhiphele esintwini ukusola, ngisho noma abantu bese bezithobile ngaphansi kwesihlalo Sami sobukhosi. Kodwa ingabe ukhona umuntu ongahaqiwe ukuhlupheka nokucwengisiswa engikuthumele? Bangaki abantu abadukuza ebumnyameni befuna ukukhanya, bangaki abathwele kanzima ngenxa yokuvivinywa kwabo? UJobe wayenokholo, noma kunjalo, kukho konke lokho, ingabe wayengazifuneli indlela yokuphuma? Nakuba abantu Bami bengase bakwazi ukuma baqine ekulingweni, ingabe ukhona, ngaphandle kokuphimisela, okukholwayo lokho enhliziyweni yakhe? Ingabe akukhona ukuthi ukhuluma ngezinkolelo zakhe kodwa enokungabaza enhliziyweni yakhe? Akekho umuntu oke wama waqina lapho ebhekene nokuvivinywa, obonisa ukulalela kweqiniso ngaphansi kokuvivinywa. Ukuba angibufihlanga ubuso Bami ukuze ngigweme ukubheka leli lizwe, bonke abantu bebezowa ngenxa yokubuka Kwami okuvuthayo, ngoba ayikho into engiyicela kubantu.
Lapho ukufika kombuso kuzwakala kakhulu−okuylapho futhi kuqala ukuduma kwamazulu ayisikhombisa—lo msindo uzamazamisa izulu nomhlaba, unyakazise indawo ephezulu futhi uthuthumelise izintambo zezinhliziyo zabantu. Ihubo lombuso liyakhuphuka esizweni sikadrako omkhulu obomvu, kufakazela ukuthi sengibhubhise isizwe sikadrako omkhulu obomvu ngabe sengimisa umbuso Wami. Okubaluleke nakakhulu, umbuso Wami uyamiswa emhlabeni. Ngalo mzuzu, ngiqala ukuthumela izingelosi Zami kuzo zonke izizwe zomhlaba ukuze zeluse amadodana Ami, abantu Bami; lokhu kubuye kusho ukuhlangabezana nezidingo zesinyathelo esilandelayo somsebenzi Wami. Kodwa ngiziyela mathupha endaweni lapho udrako omkhulu obomvu ezisonge khona, ukuze ngilwe naye. Futhi lapho bonke abantu sebengazi enyameni, futhi sebekwazi ukubona imisebenzi Yami enyameni, kuyobe sekuthi indawo yokuhlala kadrako omkhulu obomvu iphenduke umlotha futhi ishabalale kungabikho umuntu oyaziyo. Njengabantu bombuso Wami, njengoba nimenyanya ngaphakathi udrako omkhulu obomvu, kumele nijabulise inhliziyo Yami ngezenzo zenu, ngaleyo ndlela nimthele ngehlazo udrako. Ingabe ngempela ninomuzwa wokuthi udrako omkhulu obomvu unenzondo? Ingabe ngempela ninomuzwa wokuthi uyisitha seNkosi yombuso? Ingabe ngempela ninalo ukholo lokuthi ningakwazi ukunikeza ubufakazi obuhle kakhulu Kimina? Ingabe ngempela ninalo ukholo lokunqoba udrako omkhulu obomvu? Yilokhu engikucela kini. Engikudinga kini nje ukuba nihambe nize nifike kulesi sinyathelo; ningakwazi ukukwenza lokhu? Ingabe ninalo ukholo lokuthi ningakufinyelela kulokhu? Yini umuntu akwaziyo ukuyenza? Akungono ukuthi ngizenzele Mina mathupha? Kungani ngithi ngehlela endaweni lapho kutholene phezulu impi? Engikufunayo ukholo lwenu, hhayi izenzo zenu. Abantu abakwazi ukwamukela amazwi Ami ngendlela eqondile, kodwa balunguza nje beseceleni. Ingabe ufinyelele emgomeni ngale ndlela? Ukwazile ukungazi ngale ndlela? Uma ngikhuluma iqiniso, kubantu abaphila emhlabeni, akekho noyedwa okwaziyo ukungibuka ngqo ebusweni, akekho noyedwa okwaziyo ukuthola umqondo ohlanzekile nongonakalisiwe wamazwi Ami. Ngakho ngiqale phezu komhlaba umsebenzi ongakaze ubonwe ngaphambili, ukuze ngifinyelele emgomeni Wami futhi ngakhe isithombe Sami seqiniso ezinhliziyweni zabantu, futhi ngale ndlela ngiqede inkathi lapho imicabango inamandla kubantu.
Namuhla, angehleli nje kuphela esizweni sikadrako omkhulu obomvu, ngiphinde ngiphendulele ubuso Bami ezulwini nomhlaba wonke, ukuze izulu nomhlaba kuthuthumele. Ingabe ikhona indawo engakutholi ukwahlulela Kwami? Ingabe ikhona indawo engenazo izishayo engizehlisele phansi? Yonke indawo engiya kuyo ngisakaze izimbewu zenhlekelele yalo lonke uhlobo. Lena ngenye yezindlela engisebenza ngazo, futhi ngokungangabazeki iyisenzo sokusindiswa komuntu, futhi engibanikeza khona kusewuhlobo oluthile lothando. Ngifisa ukwenza abantu abaningi kakhulu ukuba bangazi, bakwazi ukungibona, futhi ngaleyo ndlela bakwazi ukuhlonipha uNkulunkulu abangakaze bambone iminyaka eminingi, kodwa ongokoqobo namuhla. Kungani ngadala umhlaba? Kungani, lapho abantu bonakala, ngingazange ngibabhubhise ngokuphelele? Kungani isintu sonke siphila ngaphansi kwezishayo? Kungani Mina ngokwami ngilethe izishayo enyameni? Lapho ngenza umsebenzi Wami, abantu bonke bayakwazi ukunambitheka, hhayi okubabayo kuphela kodwa nokumnandi futhi. Ubani kubantu emhlabeni ongaphili ngomusa Wami? Ukuba abantu angibanikezanga izibusiso ezibonakalayo, ngubani obengakwazi ukujabulela ukwanela emhlabeni? Ngokuqinisekile, ukunivumela ukuba nithole indawo phakathi kwabantu Bami akusona kuphela isibusiso enisitholile, akunjalo? Ake sithi beningebona abantu Bami kodwa ningabenzi bomsebenzi, beningeke niphile esibusisweni Sami? Akekho noyedwa kini okwaziyo ukuqonda umsuka wamazwi Ami. Bantu - nikude nokwazisa amagama engininikeze wona, iningi lenu, egameni lokuthi “abenzi bomsebenzi,” lifukamela inzondo enhliziyweni zenu, futhi iningi, egameni lokuthi “abantu Bami,” linothando ezinhliziyweni zenu. Ningazami ukungilutha– amehlo Ami abona futhi angena kukho konke! Ubani phakathi kwenu owamukela ngothando, ubani phakathi kwenu olalela ngokuphelele? Uma ukufika kombuso bekungabanga nomsindo omkhulu, ingabe ngempela beniyokwazi ukulalela kuze kube sekupheleni? Lokho umuntu angase akwenze, akucabange, ukuthi uzohamba kangakanani − konke lokhu ngakumisa kusukela kudala. 
Abantu abaningi kakhulu bamukela ukuvutha Kwami ngokukhanya kobuso Bami. Abantu abaningi kakhulu, begqugquzelwa ukukhuthaza Kwami, baqhubekela phambili. Lapho amabutho kaSathane ehlasela abantu Bami, ngikhona ukuze ngibasindise; lapho amaqhinga kaSathane ehlukumeza izimpilo zabantu Bami, ngiyowaxosha angaphinde abuye. Emhlabeni, lonke uhlobo lomoya omubi luyazulazula lufuna indawo yokuhlala, luhamba luthungatha izidumbu zabantu oluzozidla. Bantu Bami! Kufanele nihlale ngaphansi kokunakekela nokuvikela Kwami. Ningazihlukanisi! Ningabi budedengu! Kunalokho, yibani qotho endlini Yami, futhi ngubuqotho kuphela obunganisiza nikwazi ukumelana nobuqili bukasathane. Ningalinge nenze ngendlela ebenenza ngayo ngaphambili, nenze lokhu phambi Kwami nokunye ngemva Kwami−uma nenza kanjalo ngeke nisakwazi ukuhlengwa. Ngokuqinisekile sengiwasho kaningi amazwi afana nalawa, akunjalo? Isizathu esenza nginikhumbuze ngokuphindaphindiwe ukuthi izindlela zomuntu zakudala aziguquki. Kungakucasuli lokho! Konke engikushoyo kungenxa yokuthi ngifuna ukuqinisekisa ikusasa lenu! Okudingwa uSathane indawo engcolile nenukayo; uma ungenalo ithemba lokulungiseka, futhi unokuphila okungcolile, ukwenqaba ukuqondiswa, yilapho imimoya engcolile izozitholela khona ithuba lokungena kuwe. Lapho senidlule kulokhu, ubuqotho benu buyoba yinkulumo engasho lutho, engenalo iqiniso, futhi imimoya emibi izozidla ziphele izinqumo zenu, ziguquke zibe ukungalaleli noma amaqhinga kaSathane, futhi zisetshenziselwe ukuphazamisa umsebenzi Wami. Ngaleso sikhathi ngizokushaya uze ufe, noma nini nangendlela engithanda ngayo. Akekho noyedwa obaziyo ubunzima balesi simo; bonke bamukela lokho abakuzwayo njengokungasho lutho futhi abazinaki izinto ezincane. Angikukhumbuli okwenzekile esikhathini esidlule. Ingabe usalindele ukuba ngizwelane nawe ngokuthi uphinde wakhohlwa? Nakuba abantu bemelane Nami, ngeke ngibasole ngalokho, ngoba isiqu somuntu sifushane kakhulu, ngakho angifuni zinto eziphezulu kuye. Engikudingayo nje ukuba angazishabalalisi, futhi athobele umthetho. Ngokuqinisekile akukho yini emandleni enu ukuhlangabezana nalesi silayezelo? Iningi labantu lilindele ukuba ngilembulele izimfihlakalo ezengeziwe ukuze lizitike ngamehlo alo. Nokho, uma ningaziqonda zonke izimfihlakalo zezulu, yini eningayenza ngalolo lwazi? Ingabe lungakhulisa uthando lwenu Ngami? Ingabe lungalujulisa uthando lwenu Kimi? Angimbukeli phansi umuntu, futhi angifinyeleli kalula esinqumeni ngaye. Ukuba bekungezona izimo zangempela zomuntu lezi bengingeke nginikeze abantu la magama kalula. Cabanga ngesikhathi esedlule: Sikhona yini isikhathi lapho nganinyundela khona? Sikhona isikhathi lapho nganeya khona? Sikhona isikhathi lapho ngingazange ngibe nandaba nezimo zenu? Sikhona isikhathi lapho engakusho kwahluleka ukugcwalisa izinhliziyo nemilomo yenu ngokuqiniseka? Sikhona isikhathi lapho ngakhuluma khona ngokungabi nandaba nani? Ubani phakathi kwenu ofunde amazwi Ami ngaphandle kokwesaba nokuthuthumela, esaba ngokujulile ukuthi ngizomphonsa phansi emgodini ongenamkhawulo? Ubani ongabekezeleli ukuvivinywa emazwini Ami? Emazwini Ami kukhona igunya, kodwa akulona elokwahlulela umuntu ngokunganaki; kunalokho, ngokwazi izimo zangempela zomuntu, ngaso sonke isikhathi abantu ngibabonisa umqondo ongaphakathi emazwini Ami. Eqinisweni, ingabe ukhona okwaziyo ukubona amandla Ami amakhulu asemazwini Ami? Ingabe ukhona ongamukela igolide elicolekile amazwi Ami enziwe ngalo? Mangaki amazwi esengiwakhulumile, kodwa ukhona yini oke wawazisa?
uNdasa 3, 1992
0 notes
galawelap · 7 years ago
Photo
Tumblr media
@nuz_queen - 🥇Banger Album🏆 “DollarR” OUT NOW!! GoGetit link bio☝🏿INAMANDLA💪🏾🎖 #NuzQueen #MlaziQueen #DollarR #nayilewalk #SwitchBanger (at Galwela Online Distribution)
0 notes
realkingtouch · 6 years ago
Photo
Tumblr media
Finally I'ts Time To Get Ur Head Knockin',Chech Out #NoPlayList0.3 Mixed By KingTouch! It's Been Long Overdue,Sincer Apologies To My Dear Fans... Now Please Do Enjoy The Tape! 01. KingTouch & Ed-Ward ft. Khanyi - Purple Haze (Voyage [Instrumental(Unreleased)] [The Rurals EP] WUM 2019 02. KingTouch - The Rurals (Voyage Mix) [The Rurals EP (Unreleased)] WUM 2019 03. KingTouch & Ed-Ward - Gesture (Voyage Mix) [The Rurals EP (Unreleased)] WUM 2019 04. KingTouch - Dublin (Voyage Mix) [The Rurals EP (Unreleased)] WUM 2019 05. KingTouch - The Healer (Voyage Mix) [The Rurals EP (Unreleased)] WUM 2019 06. KingTouch & Ed-Ward - Kilomi (Wicked Voyage) [The Rurals EP (Unreleased)] WUM 2019 07. KingTouch ft. Tapes - Can U Feel It (Voyage Mix) [The Rurals EP (Unreleased)] WUM 2019 08. KingTouch - Sisi Ni Afrika (Voyage Mix) [Single (Released)] WUM 2019 09. ChronicalDeep,KingTouch & Ed-Ward - First Touch (Molly Wicked Spin) [Dreams We Share Prt. 2 EP] WUM 2016 10. KingTouch ft. Tapes - Can U Feel It (Voyage Touch)[The Rurals EP (Unreleased)] WUM 2019 11. KingTouch & Bee-Bar ft. Khanyi - Hlukuhla (Just Spin) [Single (Unreleased)] WUM 2019 [BONUS TRACK] #AFCON2019 #WUM #Inamandla #Habashwe #art #NewMusicAlert #filters #blog #mzansi #southafricanmusic #inspirationalquotes #winter SoundCloud Link : https://soundcloud.com/kingtouch_sa/wum-pres-noplaylist-03-mixed-by-kingtouch DataFileHost Link: https://www.datafilehost.com/d/b43f7e26 SendSpace Link : https://www.sendspace.com/file/816rgy (at Embalenhle, Mpumalanga, South Africa) https://www.instagram.com/p/BzBm1p2hSmK/?igshid=3bi1chis4pqh
0 notes
realkingtouch · 6 years ago
Photo
Tumblr media
KingTouch SA - Haaibo (Original Mix) Get Urself This Dancefloor Killer Tune By Thee Tzatzantsa Van Tuka! Friday Feebies... #Inamandla #Habashwe #WUM #EISH SendSpace : https://soundcloud.com/kingtouch_sa/kingtouch-haaibo-original-mix WeTransfere : https://we.tl/t-1JJHIquCS3 SendSpace : https://www.sendspace.com/file/12bcpg AudioMack : https://audiomack.com/song/kingtouch-2/haaibo-original-mix DataFileHost : https://www.datafilehost.com/d/ce9982d8 #deephouse #deephousemusic #deephousevibes #deephousemix #afrohouse #afrohousemusic #afrohousedance #afrohouseuk #techno #edm #deeptechhouse #deeptechminimal #deephouse #housemusicallnightlong #progressivehousemusic @traxsource @sheldon_traxsource @marc_traxsource #traxsourcetakeover #traxsource SKIO : https://skiomusic.com/kingtouch/kingtouch-haaibo-original-mix (at eMa 1, eMbalenhle) https://www.instagram.com/p/BtnXu0ygjsr/?utm_source=ig_tumblr_share&igshid=6n3l0elj0puv
0 notes
kmgquote · 5 years ago
Text
Ifuma ivune ihlome
Ah wema
Mazixhuzula sube zixhuzuliswa yintoni?
Ingaba zithungelene na?
Indlela ezizwa ngazo ingapha kwamandla azo
Intliziyo yazo ayifuni ukunaka izinto ezininzi
Ingathi seyikhohliwe izifundiso
Kwenzakalani ngapha kweliso?
Umcimbi awude ufike kumxholo
Ingathi umoya uyabhudluzisa
Hayi ingathi
Umkhombi ndlela umkhomba ngale
Inamandla lemizwa
Funuqatshelwa lemimba
Seyinganakile ngetliziyo yonke
H…
View On WordPress
0 notes
galawelap · 7 years ago
Photo
Tumblr media
#Repost @khuzani_mpungose (@get_repost) ・・・ Hit song ubuhle bakho get yours iyalwa inamandla uzodela by Shakes🔥 (at Galwela Online Distribution)
0 notes