#alikho igama
Explore tagged Tumblr posts
Text
Holy fucking shit me and alikho were talked about in a bandcamp article
I'm damn near bouta cry rn this is insane
#joshtalk#bandcamp#knvcklehead#alikho igama#how the fuck did we get here#im bouta actually lose my mind#crazy#we did it sp9ngebob#Spotify
1 note
·
View note
Text
HLE & Hlengiwe Mhlaba – Liyinqaba Lyrics
HLE & Hlengiwe Mhlaba – Liyinqaba Lyrics
Liyinqaba Lyrics by HLE & Hlengiwe Mhlaba IGama leNkosi, liyiyo inqaba, Ophephela khona, yen’ uyakusindiswa Libongwe ngabantu, libongw ingelosi Alikho igama elihle njengalo IGama leNkosi, liyiyo inqaba, Ophephela khona, uyakusindiswa Libongwe ngabantu, libongw’ ingelosi Alikho igama elihle njengalo Ohlezi kulona, akanakwesaba Nokuba umhlaba uzanyazanyiswa Libongwe ngabantu, libongw’…
View On WordPress
0 notes
Text
HLE & Hlengiwe Mhlaba – Liyinqaba Lyrics
HLE & Hlengiwe Mhlaba – Liyinqaba Lyrics
Liyinqaba Lyrics by HLE & Hlengiwe Mhlaba IGama leNkosi, liyiyo inqaba, Ophephela khona, yen’ uyakusindiswa Libongwe ngabantu, libongw ingelosi Alikho igama elihle njengalo IGama leNkosi, liyiyo inqaba, Ophephela khona, uyakusindiswa Libongwe ngabantu, libongw’ ingelosi Alikho igama elihle njengalo Ohlezi kulona, akanakwesaba Nokuba umhlaba uzanyazanyiswa Libongwe ngabantu, libongw’…
View On WordPress
0 notes
Text
1. Yini ngempela ukwazi uNkulunkulu? Ingabe ukuqonda ulwazi lweBhayibheli nesayensi yezindaba zenkolo kungathathwa njengokwazi uNkulunkulu?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Ulwazi ngoNkulunkulu wokoqobo lubandakanya ukwazi kanye nokuzwa amazwi Akhe, nokubamba imigomo kanye nezimiso zomsebenzi kaMoya ONgcwele, nokuthi usebenza kanjani uMoya kaNkulunkulu enyameni. Ngakho, futhi, kubandakanya nokwazi ukuthi konke ukwenza kukaNkulunkulu enyameni kubuswa nguMoya, kanye nokuthi amazwi awakhulumayo angukukhuluma ngqo kukaMoya. Ngalokho, uma ufisa ukwazi ngoNkulunkulu wokoqobo, kumele wazi kuqala ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani ebuntwini kanye nasebunkulunkulwini; lokhu, ekugcineni, kumayelana nokuvezwa kukaMoya, okuyinto abantu bonke ababhekana nayo.
Kucashunwe “Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Inqubo yokwazi amazwi kaNkulunkulu kuyinqubo yokwazi uNkulunkulu, futhi kuyinqubo yokwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Ngalokho, ukwazi imibono akubhekiseli nje kuphela ekwazini ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa kubandakanya ukwazi amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu. Ngamazwi kaNkulunkulu abantu bakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu, kanti ngomsebenzi kaNkulunkulu bakwazi ukwazi isimo sikaNkulunkulu nokuthi uyini uNkulunkulu. Ukukholelwa kuNkulunkulu kuyisinyathelo sokuqala sokwazi uNkulunkulu. Inqubo yokukhula ekukholweni kokuqala kuNkulunkulu kuye ekukholweni okujulile kuyinqubo yokwazi uNkulunkulu, kanye nenqubo yokubona umsebenzi kaNkulunkulu.… Ukwazi uNkulunkulu kubandakanya ukwazi isimo sikaNkulunkulu, ukuqonda intando kaNkulunkulu, ukwazi ukuthi uyini uNkulunkulu. Kodwa noma ngabe iyiphi ingxenye yokwazi uNkulunkulu, konke kudinga ukuthi umuntu akhokhe, kudinga intando yokulalela, ngaphandle kwakho akekho ongalandelela kuze kube sekugcineni.
Kucashunwe “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ukwazi izenzo eziwuqobo zikaNkulunkulu, ukwazi ubuqiniso bukaNkulunkulu kanye namandla Akhe, ukwazi ubuqiniso bobuyena uNkulunkulu uqobo, ukwazi lokho anakho kanye nayikho, ukwazi lokho akukhombisile ngaphezu kwazo zonke izinto—lokho kubaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu olandela ulwazi lukaNkulunkulu. Lokhu kunemithelela eqondene ngqo nokuthi ingabe abantu bangangena yini oqotsheni lweqiniso. Uma ubeka imingcele ephelela emazwini kuphela ekuqondeni kwakho uNkulunkulu, uma ubeka imingcele ephelela olwazini lwakho oluncane, umusa kaNkulunkulu owubalayo, noma ubufakazi bakho obuncane kuNkulunkulu, ngalokho ngithi uNkulunkulu okholwa kuye akuyena ngempela uNkulunkulu weqiniso Uqobo Lwakhe futhi kungashiwo ukuthi uNkulunkulu omkholwayo unguNkulunkulu wokuzakhela engqondweni, akuyena uNkulunkulu weqiniso. Lokhu kungoba uNkulunkulu weqiniso nguye kuphela obusa phezu kwezinto zonke, lokho kuya kuzo zonke izinto, olawula izinto zonke. Nguye ophethe isigcino sabo bonke abantu—Nguye ophethe isigcino sayo yonke into. Imisebenzi kanye nezenzo zikaNkulunkulu engikhuluma ngaye kazigcini kuphela engxenyeni encane yabantu. Okungukuthi, akugcini nje kubantu abamlandelayo njengamanje. Izenzo Zakhe zivela kuzo zonke izinto, ekuqhubekeni nokuba khona kwazo zonke izinto, kanye nasemithethweni yokuguquka kwazo zonke izinto.
Uma ungakwazi ukubona noma ukuzwa noma yisiphi isenzo sikaNkulunkulu kuzo zonke izinto, ngeke ukwazi ukuba ngufakazi wezenzo Zakhe. Uma ungakwazi ukuba ngufakazi kaNkulunkulu, uma uqhubeka nokukhuluma ngoNkulunkulu omncane lo omaziyo, lo Nkulunkulu ophelela emibonweni yakho kuphela, osemqondweni wakho omfushane, uma uqhubeka nokukhuluma ngalolo hlobo lukaNkulunkulu, ngalokho uNkulunkulu akasoze akuncoma ukukholwa kwakho. Uma unobufakazi ngoNkulunkulu, uma usebenzisa ukuthi uwujabulela kanjani umusa kaNkulunkulu, wamukela ukuyala kukaNkulunkulu kanye nokuthobisa Kwakhe, ujabulela izibusiso Zakhe ebufakazini bakho Ngaye, lokho akwanele kakhulu, kukude nokumanelisa. Uma ufuna ukuba nobufakazi kuNkulunkulu ngendlela ehambisana nentando Yakhe, unobufakazi ngoNkulunkulu uqobo oliqiniso, ngaleyo ndlela kumele ukubone lokho uNkulunkulu anakho nayikho ukubona ezenzweni Zakhe. Kumele ubone igunya likaNkulunkulu ekulawuleni Kwakhe zonke izinto, bese ubona iqiniso lokuthi ubahlinzeka kanjani abantu bonke. Uma wamukela kuphela ukuthi ukudla kwakho nokuphuza kwansuku zonke nokuthi izidingo zakho empilweni zivela kuNkulunkulu, kodwa ungaliboni iqiniso lokuthi uNkulunkulu uhlinzekela bonke abantu ngezinto zonke, ukuthi uhola bonke abantu ngokubusa Kwakhe phezu kwazo zonke izinto, ngalokho awusoze wakwazi ukuba nobufakazi ngoNkulunkulu.
Kucashunwe “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Manje into abantu bonke abayiswele ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu akazi futhi akaqondi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu uyini empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu uwonke, kanye nentando kaNkulunkulu kusukela ekudalweni komhlaba. Lokhu kusilela akuve kuwukuthi kwande emhlabeni wezenkolo kuphela kodwa kugcwele kuwo wonke amakholwa kaNkulunkulu. Uma sekufika usuku lapho umbona ngempela uNkulunkulu futhi ubona ubuhlakani bukaNkulunkulu; uma usubona yonke imisebenzi kaNkulunkulu futhi uqonda ukuthi uNkulunkulu uyini nokuthi unani; uma ubona ubukhulu Bakhe, ubuhlakani, isimangaliso, kanye nawo wonke umsebenzi Wakhe kumuntu, yilapho uyobe sewuthole ukukholwa okunempumelelo kuNkulunkulu. Uma kuthiwa uNkulunkulu uyikho konke futhi unokuningi kakhulu, kusho ukuthini ukuthi, uyikho konke kukho konke? Futhi kuchazwa ukuthini ngokuba nokuningi? Uma ungakuqondi lokhu, kungethiwe ukholelwa kuNkulunkulu.
Kucashunwe “Bonke Abantu Abangamazi UNkulunkulu Bangabantu Abaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Noma kungathiwa umuntu uliqonda kangakanani iBhayibheli, kugcina kungamazwi nje kuphela, akukho ngaphezu kwalokho ngoba umuntu akayiqondi ingqikithi yeBhayibheli. Lapho umuntu efunda iBhayibheli, angase athole amaqiniso athile, achaze amazwi athile noma acubungule kakhulu emavesini adumile noma izingcaphuno, kodwa ngeke awukhiphe umqondo okulawo mazwi, ngoba konke umuntu akubonayo ngamazwi nje afile, hhayi izigcawu zomsebenzi kaJehova noJesu futhi umuntu akakwazi ukuxazulula imfihlakalo yomsebenzi onjalo. Ngakho-ke, imfihlakalo yohlelo lokusebenza lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yimfihlo enkulu kunazo zonke, efihlakele kakhulu futhi engacabangeki kumuntu. Akekho ongayiqonda ngokuqondile intando kaNkulunkulu ngaphandle uma Yena uqobo eyichaza futhi ephumela obala kumuntu, ngaphandle kwalokho, ziyohlale ziyimfumbe kumuntu zibe yimfihlo evalelwe unomphelo. Ungabanaki labo asenkolweni; uma beningatshelwanga namuhla beningeke nikwazi ukuqonda.
Kucashunwe “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukuqonda nokukwazi ukuchaza iBhayibheli kufana nokuthola indlela yeqiniso—kodwa empeleni, Ingabe izinto zicace kanjalo ngempela? Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umuntu oke walifunda iBhayibheli uyazi ukuthi likhuluma ngezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi seNkathi Yomthetho kanye neNkathi Yomusa. ITestamente Elidala lilanda umlando ka-Israyeli kanye nomsebenzi kaJehova kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube sekugcineni kweNkathi Yomthetho. ITestamente Elisha likhuluma ngomsebenzi kaJesu emhlabeni, osemaVangelini Amane, kanye nomsebenzi kaPawulu; akuyona yini imibhalo yomlando? Ukuletha izinto zakudala namuhla kuzenza umlando, futhi akukhathaleki ukuthi ziyiqiniso noma zingokoqobo kangakanani, zisewumlando—futhi umlando awukwazi ukubhekana nesikhathi samanje. Ngoba uNkulunkulu akabheki emuva emlandweni! Ngakho, uma uqonda iBhayibheli kuphela, futhi ungaqondi lutho ngomsebenzi uNkulunkulu aqonde ukuwenza namuhla, futhi uma ukholwa kuNkulunkulu kodwa ungawushisekeli umsebenzi woMoya oNgcwele, ngakho awuqondi ukuthi kusho ukuthini ukufuna uNkulunkulu. Uma ufunda iBhayibheli ukuze ufundisise umlando wakwa-Israyeli, ukucwaninga umlando wokudala kukaNkulunkulu amazulu nomhlaba, awukholwa kuNkulunkulu. Kodwa, namuhla, njengoba ukholwa kuNkulunkulu, futhi ushisekela ufuna ukuphila, njengoba ushisekela ulwazi lukaNkulunkulu, futhi ungazishisekeli amagama nezimfundiso ezifile, noma ukuqonda umlando, kufanele ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje, futhi kufanele ufune ukuqondisa komsebenzi woMoya oNgcwele. Uma ubungumphenyi wezinto zasendulo ubungalifunda iBhayibheli—kodwa awuyena, ungomunye walabo abakholwa kuNkulunkulu, futhi kungcono ukumane ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje.
Kucashunwe “Mayelana NeBhayibheli (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Abantu, abakhohlakele bonke bahlala ogibeni lukaSathane, baphila enyameni, baphila ezifisweni zokuzifunela, futhi akekho namunye phakathi kwabo ofanelana Nami. Kunalabo abathi bafanelana Nami, kodwa bonke badumisa izithixo ezingabonakali. Yize bevuma ukuthi igama Lami lingcwele, bahamba endleleni ephambana Nami, kanti amazwi abo agcwele ukuzidla nokuzethemba, ngoba, ekuqaleni baphambana Nami, futhi abafanelani Nami. Nsuku zonke bafuna imikhondo Yami eBhayibhelini bathole izingxenye “ezifanele” benganakile abazifunda bangaqedi bese bezisho “njengemibhalo”. Abakwazi ukuthi bafanelane Nami, abazi ukuthi kusho ukuthini ukungazwani Nami, baphinde bafunde “imibhalo” ngokunganaki. Bazicindezela ngeBhayibheli kuNkulunkulu ongabonakali abangakaze bambone, futhi abangeke bakwazi ukumbona, bazinikeze isikhathi sokubheka esikhathini sabo esiseceleni. Bayakholwa ukuthi ngikhona ngokweBhayibheli kuphela. Kubona, ngiyafana neBhayibheli; ngaphandle kweBhayibheli angikho Mina, futhi ngaphandle Kwami alikho iBhayibheli. Abanendaba nobukhona noma izenzo Zami, kunalokhu banake kakhulu igama negama lombhalo ongcwele, futhi abaningi babo bakholelwa ukuthi kufanele ngingenzi lutho engifisa ukukwenza ngaphandle kokuthi kwabikezelwa umbhalo ongcwele. Benza umbhalo ongcwele ubaluleke kakhulu. Kungathiwa nje ukuthi babona amazwi nezinkulumo zibaluleke kakhulu, ukufika ekutheni basebenzisa amavesi aseBhayibhelini ukulinganisa igama negama engilishoyo, nokungehlulela. Lokho abakufunayo akuyona indlela yokufanelana Nami, noma indlela yokufanelana neqiniso, kodwa indlela yokufanelana namazwi eBhayibheli, futhi bakholelwa wukuthi noma yini engahambelani neBhayibheli, ngaphandle kokukhetha, akusiwo umsebenzi Wami. Ingabe abantu abanjalo abazona izizukulwane ezilalelayo zabaFarisi? AbaFarisi abangamaJuda babesebenzisa umthetho kaMose ukwehlulela uJesu. Abazange bafune ukufanelana noJesu wangaleso sikhathi, kodwa ngokukhuthala balandela umthetho kwaze kwaba yilapho kufinyelela ekutheni babethele uJesu ongenacala esiphambanweni, bembeke icala bengalandelanga umthetho weTestamente Elidala nokuthi akayena uMesiya. Kwakuyini umnyombo wabo? Kwakungekhona yini ukuthi abazange bafune izindlela zokufanelana neqiniso? Babenentshisekelo ngawo wonke amazwi ombhalo ongcwele, bebe bengenandaba nentando Yami nezinyathelo nezindlela zomsebenzi Wami. Babengebona abantu abafuna iqiniso, kodwa abantu abalandela ngokomthetho amazwi ombhalo ongcwele; bebengebona abantu abakholelwa kuNkulunkulu, kodwa abantu abakholelwa eBhayibhelini. Empeleni, bebengonogada beBhayibheli. Ukuze bavikele okungokweBhayibheli, baqhakambise isithunzi seBhayibheli, bavikele isithunzi salo, baze bafika ekubetheleni uJesu onomusa esiphambanweni. Lokhu bakwenze nje ngoba befuna ukuvikela iBhayibheli, nokugcina ukuma kwegama ngalinye eliseBhayibhelini nawo wonke amazwi aseBhayibhelini esezinhliziyweni zabantu. Ngakho-ke bakhethe ukushiya ikusasa labo nomnikelo wesono ukwahlulela uJesu, ongazange ahambelane nezimfundiso zombhalo oyingcwele, ukuya ekufeni. Ingabe babengezona izinceku egameni ngalinye loMbhalo ongcwele?
Bese kwenzekani ngabantu namuhla? UKristu uzele ukuzokhulula iqiniso, kodwa babona kungcono ukumxosha ebantwini ukuze bathole umusa. Bangamane baphike ngokuphelele ukuza kweqiniso ukuze bavikele okweBhayibheli, futhi bangamane babethele uKristu obuyele enyameni esiphambanweni ukuze baqinisekise ukuba khona kweBhayibheli ingunaphakade. Umuntu angayithola kanjani insindiso Yami, uma inhliziyo yakhe iyimbi kangaka, nesimo sakhe semvelo siphikisana kangaka Nami? Ngihlala phakathi kwabantu, kodwa abantu ababazi ubukhona Bami. Uma ngikhanyisa ukukhanya Kwami kubantu balokhu behlala bebungabaza ubukhona Bami. Uma ngidedela ulaka Lwami phezu komuntu, ukuphika ngelikhulu iqholo ukuba khona Kwami. Umuntu ufuna ukufanelana ngamazwi, ngeBhayibheli kodwa akekho noyedwa umuntu oza phambi Kwami afune indlela yokufanelana neqiniso. Umuntu ubheka Kimi ezulwini, anikele ukukhathazeka okuthile ebukhoneni Bami ezulwini, kodwa akekho onginakayo enyameni, ngoba Mina engihlala phakathi kwabantu angibalulekanga nhlobo. Labo abafuna kuphela ukufanelana namazwi eBhayibheli, abafuna ukufanelana noNkulunkulu ongabonakali, bayisinengiso Kimi. Kungenxa yokuthi lokho abakukhonzayo kungamazwi afile, noNkulunkulu okwazi ukubanikeza ingcebo engelinganiswe. Abakukhonzayo uNkulunkulu ozibeka emseni womuntu futhi ongekho. Manje, abantu abanjalo bangazuzani Kimi? Umuntu uhlwempu kakhulu ngamazwi. Labo abaphikisana Nami, abenza izimfuno ezingapheli Kimi, abangalithandi iqiniso, abahlubukayo Kimi – bangafanelana kanjani Nami?
Kucashunwe “Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Labo abanaka kuphela amazwi eBhayibheli abangenamsebenzi neqiniso noma ukufuna ezinyathelweni Zami—baphikisana Nami, ngoba bangibekela umngcele ngokweBhayibheli, bangicindezele eBhayibhelini, kanjalo bayahlambalaza kakhulu Kimi. Bangeza kanjani abantu abanjalo Kimi? Abaziqapheli izenzo Zami, noma intando Yami, noma iqiniso, kodwa kunalokho ba bathathekile ngamazwi, amazwi abulalayo. Bangafanelana kanjani Nami abantu abanjalo?
Kucashunwe “Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
III.INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.
III.INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.
(UGenesise 3:20-21) Futhi u-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u-Eva; ngokuba wayengunina wabo bonke abaphilayo. INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.
Ake sibheke le ngxenye yesithathu, eveza ukuthi kunencazelo egameni u-Adamu aliqamba u-Eva, akunjalo? Lokhu kubonisa ukuthi ngemva kokudalwa, u-Adamu wayenemibono yakhe futhi eqonda izinto eziningi. Kodwa manje ngeke sicwaninge noma sihlaziye izinto ayeziqonda nokuthi kungakanani ayekuqonda ngoba leli akulona iphuzu eliyinhloko engifuna ukuxoxa ngalo kule ngxenye yesithathu. Ngakho yiliphi iphuzu eliyinhloko engxenyeni yesithathu? Masibheke umugqa othi, “INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.” Uma singaxoxi ngalo mbhalo namuhla, ningase ningayiqondi incazelo yala mazwi. Okokuqala, ake ngininike imikhondo. Sabalalisani umcabango wenu nibone ngeso lengqondo iNsimu Yase-Edene, u-Adamu no-Eva bephila kuyo. UNkulunkulu uya kubo uyobabona, kodwa bayacasha ngoba bahamba-ze. UNkulunkulu akababoni, futhi ngemva kokubamemeza, bathi, “Asikwazi ukukubona emizimbeni yethu ehamba-ze.” Abafuni ukubona uNkulunkulu ngoba banqunu. Ngakho yini uJehova uNkulunkulu abenzela yona? Umbhalo wokuqala uthi: “INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.” Manje uyazi yini ukuthi uNkulunkulu wasebenzisa ini ukuze abenzele okokwembatha? UNkulunkulu wasebenzisa isikhumba sesilwane ukuze abenzele okokwembatha. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu wenzela umuntu ijazi loboya. Lokhu kwakuyinto yokuqala yokwembatha uNkulunkulu ayenzela umuntu. Ijazi loboya impahla ebiza kakhulu ezitolo ngokwezinga lanamuhla, akuyona into engagqokwa yinoma ubani. Uma othile ekubuza: Yisiphi isembatho sokuqala esembathwa okhokho besintu? Ungaphendula: Kwakuyijazi loboya. Ubani owenza leli jazi loboya? Ungaphendula futhi: Lenziwa uNkulunkulu! Yilelo iphuzu eliyinhloko: Lesi sembatho senziwa uNkulunkulu. Ingabe akuyona into okufanele siyiphawule leyo? Manje njengoba sengilichazile, ingabe sesikhona isithombe engqondweni yakho? Kumele okungenani kube nokuthile okucabangayo ngalo. Into eyenza nginitshele lokhu namuhla akukhona ukuthi kwakuyisiphi isembatho sokuqala somuntu. Ngakho lithini iphuzu? Iphuzu akulona ijazi loboya, kodwa indlela yokwazi isimo nesiqu kanye nezinto ezembulwe uNkulunkulu ngesikhathi enza lokhu.
Kulesi sithombe esithi “INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa,” hlobo luni lwendima uNkulunkulu ayidlalayo lapho eno-Adamu no-Eva? UNkulunkulu wayevela ekuyiphi indima kubantu ababili kuphela ababesemhlabeni? Kwakuyindima kaNkulunkulu? … UNkulunkulu wadala laba bantu ababili futhi wabaphatha njengabangani Bakhe. Njengokuwukuphela kwamalungu omndeni Wakhe, uNkulunkulu wanakekela ukuphila kwawo nezidingo zawo eziyisisekelo. Lapha uNkulunkulu uvela njengomzali ka-Adamu no-Eva. Nakuba uNkulunkulu enza lokhu, umuntu akaboni ukuthi uNkulunkulu uphakeme kangakanani; akawaboni amandla amakhulu kakhulu kaNkulunkulu, izimangaliso Zakhe, futhi okubi nakakhulu ukuthi abawaboni amandla Akhe angenamkhawulo. Akubonayo nje ukuzithoba kukaNkulunkulu, uthando Lwakhe, ukukhathalela abantu, nesibopho Sakhe nendlela amnakekela ngayo. Indlela uNkulunkulu aphatha ngayo u-Adamu no-Eva iyafana nendlela abazali abakhathalela ngayo izingane zabo. Iphinde ifane nendlela abazali abangabantu abonothando ngayo, abanakekela ngayo amadodana namadodakazi abo—ingokoqobo, iyabonakala, futhi inokwethenjelwa. Esikhundleni sokuzibeka endaweni ephakeme nenkulu, uNkulunkulu wasebenzisa izikhumba ukuze enzele abantu okokwembatha. Akunandaba ukuthi leli jazi loboya lalisetshenziselwa ukuvikela isithunzi sabo noma ukubavikela emakhazeni. Ngamafuphi, lesi sembatho esasisetshenziselwa ukumboza umzimba womuntu sasenziwe uNkulunkulu mathupha ngezandla Zakhe. Kunokuthi asenze ngezindlela eziyimfihlakalo njengoba abantu becabanga, uNkulunkulu wenza into umuntu ayecabanga ukuthi ngeke akwazi ukuyenza futhi kwakungafanele ayenze. Lokhu kungenzeka yinto elula ongaboni ngisho nesidingo sokuthi ishiwo, kodwa ivumelana nabo bonke labo abalandela uNkulunkulu kodwa abebenemicabango eyinqaba ngaye ukuba baqonde ubuqotho nothando Lwakhe futhi babone ukwethembeka nokuthobeka Kwakhe. Kwenza omacaphuna-kusale abanobugovu abacabanga ukuthi baphakeme futhi banamandla amakhulu babe namahloni ngenxa yobuqotho nokuzehlisa kukaNkulunkulu. Lapha, ubuqotho nokuthobeka kukaNkulunkulu kwenza abantu babone uthando ayilo. Ngokuqhathanisa, ubukhulu bukaNkulunkulu, uthando lukaNkulunkulu, namandla amakhulu kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu amancane, akukhangi, futhi ngeke kukwazi ngisho nokumelana namagalelo angatheni. Lapho ubona ivesi futhi uzwa indaba, ingabe umbukela phansi uNkulunkulu ngenxa yokuthi wenza leyo nto? Abanye bangase bambukele phansi, kodwa abanye bayokwenza okuphambene nalokho. Bayocabanga ukuthi uNkulunkulu uqotho futhi unothando, futhi ngempela kuwubuqotho bukaNkulunkulu nothando okubenza babe nogqozi. Lapho bebona khona uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu, yilapho beyokwazisa khona nakakhulu ukuba khona kothando lukaNkulunkulu, ukubaluleka kukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, nendlela abesekela ngayo ngazo zonke izikhathi.
Kuleli qophelo, kufanele sihlobanise ingxoxo yethu nokwenzeka manje. Uma uNkulunkulu engenzela abantu abadala kusukela ekuqaleni lezi zinto ezincane eziningi, ngisho nezinto abantu abangenakuzicabanga futhi abangenakuzilindela, ingabe uNkulunkulu angabenzela abantu namuhla into efanayo? Abanye abantu bathi, “Yebo!” Kungani kunjalo? Kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu akusona esenkohliso, uthando Lwakhe olwangempela. Ngenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sikhona ngempela futhi asiyona into eyenezelwe abanye, futhi asiyona into eshintsha nezikhathi, izindawo noma izinkathi. Ubuqotho bukaNkulunkulu nothando kungalingiswa ngokoqobo ngokwenza into abantu abacabanga ukuthi ayibalulekile noma encane ngezinga lokuthi abantu abacabangi nokuthi uNkulunkulu angayenza. UNkulunkulu akazenzisi. Alikho ihaba, ukuzifihla, noma ukuziqhenya noma ubugovu esimweni sikaNkulunkulu nasesiqwini Sakhe. Akalokothi aqhoshe, kodwa kunalokho uyathanda, akhathalele, anakekele, ahole abantu abadala ngokwethembeka nangobuqotho. Akukhathaliseki ukuthi kungakanani abantu abakwazisayo kukho, abakuzwayo noma abakubonayo, uNkulunkulu nakanjani uyazenza lezi zinto. Ingabe ukwazi ukuthi uNkulunkulu unesiqu esinjalo kuyoluthinta uthando lwabantu ngaye? Ingabe kuyoyithonya indlela abantu abesaba ngayo uNkulunkulu? Ngethemba ukuthi lapho usuluqonda uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu uyosondelana kakhulu Naye futhi ulwazise ngokugcwele uthando Lwakhe nokunakekela Kwakhe isintu, kuyilapho ngesikhathi esifanayo unikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu ngaphandle kwezinsolo noma ukungabaza. Konke uNkulunkulu ayikho ukwenzela umuntu, ekwenza ngobuqotho obunokuthula okukhulu, ukwethembeka kanye nothando. Kodwa akukho ukukhathazeka noma ukuzisola anakho ngakho konke akwenzayo, futhi akaze adinge muntu ukuba amkhokhele nganoma iyiphi indlela noma abe nezinhloso zokuthola noma yini esintwini. Okuwukuphela kwenjongo yayo yonke into ake ayenza ukuthi isintu simbuyisele ngokholo nothando lweqiniso.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
#ukwazi uNkulunkulu#uNkulunkulu uThando#umusa kaNkulunkulu#IBandla LikaNkulunkulu USomandla#UNkulunkulu USomandla
0 notes
Photo
Xolisa Kwinana Nang’umthokozisi Xolisa Kwinana Nang'umthokozisi Mp3 Download Xolisa Kwinana Nang umthokozisi (Mp3) Fakaza Vibes bring Mp3 Download of the new 2020 song from the Best South African singer Xolisa Kwinana. Listen to Xolisa Kwinana 2020 songs Free Mp3 Download
#Xolisa Kwinana#xolisa kwinana - izibele#xolisa kwinana - we were foreigners#xolisa kwinana alikho igama#xolisa kwinana nangu mthokozisi#xolisa kwinana songs#xolisa kwinana umalusi#xolisa kwinana uyasondla#xolisa kwinana youtube
0 notes
Photo
Ncandweni Christ Ambassadors – Kwelizayo Ncandweni Christ Ambassadors - Kwelizayo Mp3 Download Ncandweni Christ Ambassadors - Kwelizayo Mp3 Fakaza: Ncandweni Christ Ambassadors…
#Ncandweni christ ambassadors#ncandweni christ ambassadors 2018#ncandweni christ ambassadors adam#ncandweni christ ambassadors akasoze angidele lyrics#ncandweni christ ambassadors albums#ncandweni christ ambassadors albums mp3 download#ncandweni christ ambassadors alikho igama#ncandweni christ ambassadors all albums#ncandweni christ ambassadors all songs#ncandweni christ ambassadors amandla okuphila#ncandweni christ ambassadors angeke sikhothame#ncandweni christ ambassadors asikho isihlobo#ncandweni christ ambassadors baba hlala nathi#ncandweni christ ambassadors bakhiphe moses#ncandweni christ ambassadors bakhiphe moses album#ncandweni christ ambassadors bakhiphe moses mp3 download#ncandweni christ ambassadors bheka kuhle#ncandweni christ ambassadors bika kujesu mp3 download#ncandweni christ ambassadors breaking the spirit of failure#ncandweni christ ambassadors buya nkosi jesu#ncandweni christ ambassadors buya nkosi jesu album#ncandweni christ ambassadors buya nkosi jesu album download#ncandweni christ ambassadors christ died for me#ncandweni christ ambassadors latest album#ncandweni christ ambassadors new album#Ncandweni Christ Ambassadors songs#ncandweni christ ambassadors uyalalelwa#ncandweni christ ambassadors wakhazimula ujesu
0 notes
Photo
Ncandweni Christ Ambassadors – Uyalalelwa Ncandweni Christ Ambassadors Uyalalelwa Mp3 Download Ncandweni Christ Ambassadors - Uyalalelwa Mp3 Fakaza: Ncandweni Christ Ambassadors…
#Ncandweni christ ambassadors#ncandweni christ ambassadors 2018#ncandweni christ ambassadors adam#ncandweni christ ambassadors akasoze angidele lyrics#ncandweni christ ambassadors albums#ncandweni christ ambassadors albums mp3 download#ncandweni christ ambassadors alikho igama#ncandweni christ ambassadors all albums#ncandweni christ ambassadors all songs#ncandweni christ ambassadors amandla okuphila#ncandweni christ ambassadors angeke sikhothame#ncandweni christ ambassadors asikho isihlobo#ncandweni christ ambassadors baba hlala nathi#ncandweni christ ambassadors bakhiphe moses#ncandweni christ ambassadors bakhiphe moses album#ncandweni christ ambassadors bakhiphe moses mp3 download#ncandweni christ ambassadors bheka kuhle#ncandweni christ ambassadors bika kujesu mp3 download#ncandweni christ ambassadors breaking the spirit of failure#ncandweni christ ambassadors buya nkosi jesu#ncandweni christ ambassadors buya nkosi jesu album#ncandweni christ ambassadors buya nkosi jesu album download#ncandweni christ ambassadors christ died for me#ncandweni christ ambassadors latest album#ncandweni christ ambassadors new album#Ncandweni Christ Ambassadors songs#ncandweni christ ambassadors uyalalelwa#ncandweni christ ambassadors wakhazimula ujesu
0 notes
Text
Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)
Isikhathi sokuqala uNkulunkulu aba yinyama ngaso kwakungokokukhulelwa ngoMoya oNgcwele, futhi kwakuhlobene nomsebenzi ayehlose ukuwenza. Inkathi Yomusa yaqala ngegama likaJesu. Lapho uJesu eqala ukwenza inkonzo Yakhe, uMoya oNgcwele waqala ukufakazela igama likaJesu, futhi igama likaJehova kwakungasakhulunywa ngalo, kunalokho uMoya oNgcwele waqala umsebenzi omusha, kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu. Ubufakazi balabo ababekholwa Kuye babungokukaJesu Kristu, nomsebenzi ababewenza babewenzela uJesu Kristu. Isiphetho seNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala sasho ukuthi umsebenzi kakhulu owawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova usufinyelele esiphethweni. Kusuka lapho, igama likaNkulunkulu kwakungaseyena uJehova; kunalokho wayesebizwa ngoJesu futhi kusukela lapho kuqhubeke uMoya oNgcwele waqala umsebenzi kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu. Ngakho, namuhla, umuntu osadla futhi aphuze amazwi kaJehova, futhi osenza konke ngokomsebenzi weNkathi Yomthetho—ingabe awulandeli yini lapho ngobumpumputhe imithetho? Awubambekile enkathini edlule? Uyazi ukuthi izinsuku zokugcina sezifikile. Kungaba ukuthi, lapho uJesu efika, uyobe esabizwa ngoJesu? UJehova watshela abantu bakwa-Israyeli ukuthi uMesiya uyofika, kodwa futhi lapho efika, akabizwanga ngoMesiya kodwa kwathiwa uJesu. UJesu wathi uyobuya futhi, nokuthi uyofika njengokuhamba Kwakhe. Lawa kwakungamazwi kaJesu, kodwa wayibona indlela uJesu owahamba ngayo? UJesu wahamba egibele phezu kwefu elimhlophe, kodwa kungenzeka ukuthi uyobuya mathupha phakathi kwabantu ephezu kwefu elimhlophe? Uma bekunjalo, ubengeke alokhu ebizwa ngoJesu? Lapho uJesu ebuya futhi, inkathi iyobe isiguqukile kakade, ngakho ingabe uyobe esabizwa ngoJesu? Ingabe kusho ukuthi uNkulunkulu ngeke yini abizwa ngegama elisha enkathini entsha? Ingabe umfanekiso womuntu oyedwa negama elilodwa kungamela yini uNkulunkulu uqobo Lwakhe? Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani? Anganamathela kanjani kokudala? Igama likaJesu lathathwa ngenxa yomsebenzi wokuhlenga, ngakho ingabe uzobizwa ngegama elifanayo lapho ebuya ezinsukwini zokugcina? Ingabe ubeyobe esenza umsebenzi wokukhulula? Kungani uJehova noJesu bengumuntu oyedwa, kodwa babizwe ngamagama angafani ngezinkathi ezingafani? Ingabe akukhona ngenxa yokuthi izinkathi zemisebenzi yabo zehlukene? Ingabe uNkulunkulu uqobo Lwakhe lonke angabizwa ngegama elilodwa? Uma kunjalo uNkulunkulu kumele abizwe ngegama elehlukile ngenkathi eyehlukile, futhi asebenzise igama ukuze aguqule inkathi futhi ayimele, ngoba alikho elinye igama elingamela uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi igama ngalinye likwazi kuphela ukumela ingxenye yesikhathi sesimo sikaNkulunkulu enkathini ethile; konke elidinga ukukwenza ukumela umsebenzi Wakhe. Ngakho, uNkulunkulu angakhetha noma yiliphi igama elimela isimo Sakhe ukuze amele yonke inkathi. Kungakhathaleki ukuthi kusenkathini kaJehova noma kaJesu, inkathi nenkathi imelwa yigama. Ekugcineni kweNkathi Yomusa, inkathi yokugcina isifikile futhi uJesu usefikile. Kwenzeka kanjani ukuthi nangaleso sikhathi abe esabizwa ngoJesu? Kwenzeka kanjani ukuba aqhubeke athathe isimo sikaJesu phakathi kwabantu? Ingabe usukhohliwe yini ukuthi uJesu wayengelutho olungaphezulu komfanekiso womNazaretha? Usukhohliwe ukuthi uJesu wayenguMhlengi wesintu kuphela? Kwakungenzeka kanjani ukuba enze umsebenzi wokunqoba nokuphelelisa abantu ngezinsuku zokugcina? UJesu wahamba egibele phezu kwefu elimhlophe—lokhu kuyiqiniso—kodwa wayengabuya kanjani ephezu kwefu elimhlophe phakathi kwabantu futhi abe esabizwa ngoJesu? Ukuba ngempela wabuya phezu kwefu, abantu babengahluleka kanjani ukumbona? Babengeke bonke abantu kuwo wonke umhlaba bambone? Uma kunjalo, wayengeke uJesu yedwa abe uNkulunkulu? Uma kunjalo umfanekiso kaNkulunkulu wawuyoba ukubukeka komJuda, futhi ngaphezu kwalokhu wawuyoba njalo unomphelo. UJesu wathi uyobuya njengoba ayehambile, kodwa uyawazi umqondo wangempela wamazwi Akhe? Kungenzeka ukuthi lokhu wakutshela leli qembu lenu? Konke okwaziyo ukuthi uyofika njengoba ahamba, egibele ifu, kodwa uyazi ngempela ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe uwenza kanjani umsebenzi Wakhe? Uma ubukwazi ukubona ngempela, pho-ke kufanele achazwe kanjani amazwi awakhuluma uJesu? Wathi, “Lapho iNdodana yomuntu ifika ezinsukwini zokugcina, Yona uqobo Lwayo ngeke yazi, izingelosi ngeke zazi, izithunywa ezulwini ngeke zazi, futhi sonke isintu ngeke sazi. NguBaba kuphela oyokwazi, okungukuthi, nguMoya kuphela oyokwazi.” Ukuba ubukwazi ukwazi nokubona, pho ngabe la mazwi akuwona angenamqondo? Ngisho iNdodana yomuntu uqobo Lwayo ayazi, kodwa wena uyakwazi ukubona nokwazi? Ukuba wawubonile ngamehlo akho, bekungebe kube la mazwi akhulunywe ngokuyize? Futhi wathini uJesu ngeleso sikhathi? “Kodwa lolo suku nalelo hora akekho owaziyo ngalo, cha, nezingelosi zasezulwini, kodwa uBaba kuphela. Kepha njengasezinsukwini zikaNowa, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu. … Ngakho hlalani nilungile: ngoba iNdodana yomuntu izofika ngesikhathi ningalindele.” Lapho lolo suku lufika, iNdodana yomuntu uqobo Lwayo ngeke ilwazi. INdodana yomuntu ikhuluma ngenyama kaNkulunkulu esesimweni somuntu, umuntu ojwayelekile futhi ovamileyo. Ngisho lo muntu uqobo Lwakhe akazi, ngakho wena ubuyokwazi kanjani? UJesu wathi uyofika njengoba ahamba. Ukuthi ufika nini, ngisho Naye akazi, ngakho angakutshela yini ngaphambi kokuthi kwenzeke? Uyakwazi ukubona ukufika Kwakhe? Akulona ihlaya lokho? Njalo lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, uguqula igama Lakhe, ubulili, ukubukeka kanye nomsebenzi Wakhe; akawuphindi umsebenzi Wakhe. UnguNkulunkulu ohlale emusha futhi ongagugi neze. Kuqala lapho efika, wabizwa ngokuthi uJesu; ingabe usengabizwa ngoJesu kulokhu lapho esefika futhi? Ngesikhathi efika ekuqaleni, wayengowesilisa; angaba ngowesilisa futhi kulokhu? Umsebenzi Wakhe lapho efika ngeNkathi Yomusa kwakungukubethelwa esiphambanweni; lapho efika futhi ingabe usengahlenga isintu esonweni? Ingabe angabethelwa esiphambanweni futhi? Ingabe lokho ngeke kube ukuphinda umsebenzi Wakhe? Ubungazi yini ukuthi uNkulunkulu uyohlale emusha futhi akagugi neze? Kunalabo abathi uNkulunkulu akaguquki. Kuyiqiniso lokho, kodwa lokho kubhekiswe ekungaguqukini kwesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe. Izinguquko egameni Lakhe nasemsebenzini Wakhe azisho ukuthi isiqu Sakhe sesiguqulile; ngamanye amazwi, uNkulunkulu uyohlala enguNkulunkulu, futhi lokhu akusoze kwaguquka. Uma uthi umsebenzi kaNkulunkulu awuguquki, ingabe uyokwazi ukuqeda uhlelo Lwakhe lokuphatha oluyiminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha? Wazi kuphela ukuthi uNkulunkulu akasoze aguquka, kodwa ingabe uyakwazi ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi neze? Uma umsebenzi kaNkulunkulu ungaguquki, ingabe ubengahola isintu yonke indlela kuze kube namuhla? Uma uNkulunkulu engaguquki, kungani pho esenze umsebenzi wezinkathi ezimbili? Umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili, okusho ukuthi isimo Sakhe siya ngokuya sembuleka kumuntu, futhi okwembulwayo yisimo Sakhe semvelo. Ekuqaleni, isimo sikaNkulunkulu sasifihliwe kumuntu, akazange asiveze obala isimo Sakhe kumuntu, futhi umuntu ngokusobala wayengenalo ulwazi Ngaye. Ngenxa yalokhu, usebenzisa umsebenzi Wakhe ukuze aveze kancane kancane isimo Sakhe kumuntu, kodwa ukusebenza ngale ndlela akusho ukuthi isimo Sakhe siyaguquka ezinkathini zonke. Akukhona ukuthi isimo sikaNkulunkulu sihlale siguquka ngenxa yokuthi intando Yakhe ihlala iguquka. Kunalokho, kuwukuthi, ngenxa yokuthi izinkathi zomsebenzi Wakhe zehlukene, uNkulunkulu uthatha isimo Sakhe semvelo sonke bese esambula kancane kancane kumuntu, ukuze umuntu akwazi ukumazi. Kodwa lokhu akubona ubufakazi bokuthi ekuqaleni uNkulunkulu akanaso isimo esithile noma ukuthi isimo Sakhe besilokhu siguquka kancane kancane ngokuguquka kwezinkathi—ukuqonda okunjalo kungaba yiphutha. UNkulunkulu uyaziveza kumuntu, isimo Sakhe, lokho ayikho ngempela, ngokudlula kwezinkathi. Umsebenzi wenkathi eyodwa awukwazi ukusiveza sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngakho, amazwi athi, “UNkulunkulu uhlala emusha futhi akasoze aguga” abhekise emsebenzini Wakhe, futhi amazwi athi “UNkulunkulu akaguquki” abhekise kulokho uNkulunkulu ngokwemvelo anakho nalokho ayikho. Kungakhathaleki ukuthi kunjani, ngeke ukwazi ukwenza ukuthi umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ume endaweni eyodwa, noma uwuveze ngamagama afile. Bunjalo ubuwula bomuntu. UNkulunkulu akalula njengoba umuntu ecabanga, futhi umsebenzi Wakhe ngeke ume kunoma iyiphi inkathi eyodwa. Igama elithi Jehova ngokwesibonelo, angeke lihlale limela igama likaNkulunkulu; uNkulunkulu angawenza umsebenzi Wakhe ngaphansi kwegama likaJesu. Lokhu kuwuphawu lokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubeka uya phambili.
UNkulunkulu uhlala enguNkulunkulu, futhi akasoze aba nguSathane; uSathane uyohlala enguSathane, akasoze aba nguNkulunkulu. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ukumangalisa kukaNkulunkulu, ukulunga kukaNkulunkulu nobukhosi bukaNkulunkulu akusoze kwaguquka. Ingqikithi Yakhe, nalokho anakho nayikho, akusoze kwaguquka. Umsebenzi Wakhe, nokho, uhlala uqhubekela phambili futhi uqhubeka ujula, ngoba Yena uhlala emusha futhi akasoze aguga. Kuyo yonke inkathi uNkulunkulu uthatha igama elisha, enze umsebenzi omusha futhi avumele ukuba izidalwa Zakhe zibone intando Yakhe entsha nesimo esisha. Uma, enkathini entsha, abantu behluleka ukubona ukuvezwa kwesimo esisha sikaNkulunkulu, ingabe abasoze yini bambethela esiphambanweni unomphela? Futhi ngokwenza kanjalo, bayobe benganqumi yini uNkulunkulu? Ukuba uNkulunkulu weza enyameni kuphela njengomuntu wesilisa, abantu babeyomchaza njengomuntu wesilisa, njengoNkulunkulu wabesilisa, futhi babengasoze bakholwa ukuthi unguNkulunkulu wabesifazane. Abantu-ke babezobambelela ekuthini uNkulunkulu unobulili obufanayo nobamadoda, ukuthi uNkulunkulu uyinhloko yamadoda—bese kwenzekani-ke ngabesifazane? Akulungile lokhu; ngabe akukhona ukuphatha ngokwenzelela? Uma lokhu bekunjalo, ngakho bonke labo uNkulunkulu abasindisayo bekuyoba amadoda afana Naye, futhi akukho noyedwa owesifazane obeyosindiswa. Lapho uNkulunkulu edala isintu, wadala u-Adamu futhi wadala u-Eva. Akadalanga u-Adamu kuphela, kodwa wenza bobabili owesilisa nowesifazane ngomfanekiso Wakhe. UNkulunkulu akayena uNkulunkulu wamadoda kuphela—kodwa ungowamakhosikazi futhi. UNkulunkulu ungena esigabeni esisha somsebenzi ezinsukwini zokugcina. Uzoveza okukhudlwana kwesimo Sakhe, futhi ngeke kube uzwelo nothando lwesikhathi sikaJesu. Ngenxa yokuthi unomsebenzi omusha, lo msebenzi omusha uyophelezelwa yisimo esisha. Ngakho, ukuba umsebenzi wawenziwa nguMoya—ukuba uNkulunkulu akabanga yinyama, futhi kunalokho uMoya wakhuluma ngqo ngokuduma kwezulu ukuze umuntu angabi nandlela yokuba nokuthintana Naye, ingabe wayengakwazi umuntu ukwazi isimo Sakhe? Ukuba kwakuwuMoya wodwa owawenza umsebenzi, umuntu wayengeke abe nendlela yokufika ekwazini isimo sikaNkulunkulu. Abantu bakwazi kuphela ukubona isimo sikaNkulunkulu ngamehlo abo lapho eba yinyama, lapho izwi livela lisenyameni, nalapho eveza sonke isimo Sakhe ngenyama. UNkulunkulu uhlala ngokoqobo nangempela phakathi kwabantu. Uyathinteka; umuntu empeleni angaxhumana nesimo Sakhe, axhumane nalokho ayikho nanakho; kungale ndlela kuphela lapho umuntu engakwazi ngempela ukufinyelela ekumazini. Ngaso leso sikhathi, uNkulunkulu uphinde waphetha umsebenzi lapho “uNkulunkulu enguNkulunkulu wamadoda futhi enguNkulunkulu wabesifazane,” futhi wafeza wonke umsebenzi Wakhe esenyameni. Akawuphindi umsebenzi noma kuyiphi inkathi. Ngenxa yokuthi izinsuku zokugcina sezifikile, uzokwenza umsebenzi awenzayo ezinsukwini zokugcina futhi embule sonke isimo ngezinsuku zokugcina. Ekukhulumeni ngezinsuku zokugcina, lokhu kubhekise enkathini ehlukile, leyo uJesu athi nakanjani niyobhekana nenhlekelele, futhi nibhekane nokuzamazama komhlaba, indlala, nezifo ezibhubhisayo, okuyizinto ezizobonisa ukuthi yinkathi entsha lena, akuseyona endala iNkathi Yomusa. Uma kungukuthi, njengoba abantu besho, u uNkulunkulu akasoze aguquka, isimo Sakhe sihlala sibonisa isihawu nothando futhi uthembisa wonke umuntu insindiso futhi akasoze azonda umuntu, ngakho ingabe umsebenzi Wakhe uyokwazi ukufika esiphethweni? Ngesikhathi uJesu efika lapha, wabethelwa esiphambanweni, wazenza umhlatshelo ngenxa yazo zonke izoni futhi wazinikela phezu kwe-altare. Wayesewuqede kudala umsebenzi wokuhlenga futhi wafikisa iNkathi Yomusa esiphethweni. Ngakho sikuphi isidingo sokuphinda umsebenzi wangaleyo nkathi ezinsukwini zokugcina? Ingabe ukuphinda into enjalo akwenzi kube sengathi uJesu akenzanga lutho? Ukuba uNkulunkulu akenzanga umsebenzi wokubethelwa lapho efika kulesi sigaba kodwa waqhubeka nokuthanda nokuba nesihawu, ngakho wayeyokwazi ngempela ukufikisa lo msebenzi ekupheleni? Ingabe uNkulunkulu onothando nonobubele wayengayifikisa le nkathi esiphethweni? Emsebenzini Wakhe wokugcina wokuphetha inkathi, isimo sikaNkulunkulu singesokusola nokwahlulela, embula kukho konke okuwukungalungi, ukuze ahlulele obala bonke abantu futhi aphelelise labo abamthanda ngenhliziyo eqotho. Yisimo esinjalo kuphela esingaphothula le nkathi. Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile. Ngakho, isimo esinje sigcwaliswe ukubaluleka kwenkathi kanye nokwembulwa nokukhonjiswa kwesimo Sakhe kuvezwa ngenxa yomsebenzi waleyo naleyo nkathi entsha. Akuyikho ukuthi uNkulunkulu uveza isimo Sakhe ngaphandle kwesizathu futhi ngaphandle kokubaluleka. Uma kuwukuthi, ekwembuleni umphumela womuntu ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubesengambonisa uzwelo nothando olungapheli futhi aqhubeke ukuba nothando kuye, engamfaki umuntu phansi kokwahlulela okulungile kodwa emkhombisa ukubekezela, isineke, kanye nokuxolela, futhi ethethelela umuntu noma zizimbi kanjani izono zakhe, ngaphandle kwecashaza lokwahlulela okulungile: pho ubuyoqedwa nini wonke umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu? Kunini lapho isimo esinjalo besiyokwazi khona ukuholela isintu esiphethweni esifanele? Thatha ngokwesibonelo, ijaji elihlala linothando, ijaji elinobuso obunomusa nenhliziyo ethambile. Lithanda abantu kungakhathaleki ukuthi benza izono ezingakanani futhi linothando futhi liyababekezelela kungakhathaleki ukuthi bangobani. Ngakho, kunini lapho leli jaji liyokwazi khona ukwenza isinqumo esinobulungiswa? Ezinsukwini zokugcina, ukwahlulela okulungile kuphela okuyohlukanisa abantu ngokohlobo futhi kulethe umuntu endaweni entsha. Ngale ndlela, inkathi yonke ifikiswa esiphethweni ngesimo sokwahlulela nokusola okulungileyo kukaNkulunkulu.
Umsebenzi kaNkulunkulu kukho konke ukuphatha Kwakhe ucace bha: iNkathi Yomusa iyiNkathi Yomusa futhi izinsuku zokugcina ziyizinsuku zokugcina. Kunomehluko ogqamile phakathi kwenkathi ngayinye, ngoba enkathini ngayinye uNkulunkulu wenza umsebenzi omela leyo nkathi. Ukuze umsebenzi wezinsuku zokugcina ufezwe, kumele kube nokusha, ukwahlulela, ukusola, ulaka nembubhiso ukufikisa le nkathi ekugcineni. Izinsuku zokugcina zisho inkathi yokugcina. Enkathini yokugcina, ingabe uNkulunkulu ngeke ayiqede le nkathi? Ukuqeda inkathi, uNkulunkulu kufanele eze nokusola nokwahlulela. Yile ndlela kuphela angaqeda ngayo inkathi. Inhloso kaJesu, yayiwukuba umuntu aqhubeke asinde, aqhubeke aphile, futhi aphile ngendlela engcono. Wasindisa umuntu esonweni ukuze umuntu ayeka ukwehlela ekonakaleni futhi angabe esaphila eHayidesi nasesihogweni, futhi ngokusindisa umuntu eHayidesi nasesihogweni wayenzela ukuba umuntu aqhubeke aphile. Manje, sezifikile izinsuku zokugcina. UNkulunkulu uyoshabalalisa umuntu futhi abhubhise ngokuphelele isintu, okusho ukuthi, uyoguqula ukuhlubuka kwesintu. Ngenxa yalokhu, bekungeke kwenzeke, ngesimo esinozwelo nokuthanda senkathi eyedlule, ukuba uNkulunkulu aphethe inkathi noma aphumelelise uhlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Inkathi nenkathi iveza okuthile okukhethekile ngesimo sikaNkulunkulu, futhi yonke inkathi iqukethe umsebenzi okufanele wenziwe nguNkulunkulu. Ngakho, umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu uqobo enkathini ngayinye uqukethe ukubonakaliswa kwesimo Sakhe sangempela, bese kokubili igama Lakhe kanye nomsebenzi awenzile kuguquka kanye nesikhathi; konke kusha. NgeNkathi Yomthetho, umsebenzi wokuqondisa isintu wawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova futhi isigaba sokuqala somsebenzi saqalwa emhlabeni. Kulesi sigaba umsebenzi wawuqukethe ukwakha ithempeli ne-altare, kanye nokusebenzisa umthetho ukuqondisa isizwe sakwa-Israyeli nokusebenza phakathi kwaso. Ngokuqondisa isizwe sakwa-Israyeli, UNkulunkulu wasungula indawo yomsebenzi Wakhe lapha emhlabeni. Kusuka kule ndawo, wasabalalisa umsebenzi Wakhe, wawuyisa ngaphandle ngaleya kwakwa-Israyeli, okusho ukuthi, ukusuka kwa-Israyeli, wawandisela ngaphandle, ukuze izizukulwane zakamuva ziye ngokuya zazi ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, nokuthi nguJehova owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, nokuthi nguJehova owenza zonke izidalwa. Wasabalalisa umsebenzi Wakhe ngabantu bakwa-Israyeli wawusabalalisela kude nabo. Izwe lakwa-Israyeli laliyindawo engcwele yokuqala yomsebenzi kaJehova emhlabeni, futhi kwakusezweni lakwa-Israyeli lapho uNkulunkulu aqala khona ukusebenza emhlabeni. Lowo kwakuwumsebenzi weNkathi Yomthetho. Emsebenzini weNkathi Yomusa, uJesu wayenguNkulunkulu owayesindisa umuntu. Lokho ayenakho nayeyikho kwakuwumusa, uthando, ububele, isineke, ukubekezela, ukuthobeka, ukunakekela kanye nokubekezelelana futhi okuningi komsebenzi awenza kwakuwukukhululwa komuntu. Mayelana nesimo Sakhe, kwakungesobubele nothando, futhi ngenxa yokuthi wayenobubele nothando, kwadingeka ukuba abethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu, akhombise ukuthi uNkulunkulu wathanda umuntu njengoba ayezithanda Yena, kangangokuthi waze wazinikela Yena uqobo Lwakhe lonke. USathane wathi, “Ngenxa yokuthi uthanda umuntu, kufanele umthande uze ufike ezingeni lokugcina: Kufanele-ke uzinikele kuze kube sesiphambanweni.” UJesu waphendula, “Uma nje kungenxa yesintu, ngizimisele ukubeka phansi konke okwami.” Wayeseya esiphambanweni ngaphandle kokuzicabanga, wayesehlenga sonke isintu. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu, okusho ukuthi uNkulunkulu wayenguNkulunkulu owasindisa umuntu, nokuthi ngalokho wayenguNkulunkulu onobubele futhi onothando. UNkulunkulu wayenomuntu. Uthando Lwakhe, ububele Bakhe, nensindiso Yakhe konke kwakuhambisana nawo wonke umuntu. Kwakungokwamukela igama leNkosi uJesu nobukhona Bakhe kuphela lapho umuntu wayengathola khona ukuthula nenjabulo, amukele isibusiso Sakhe kanye nomusa Wakhe omkhulu, kanye nensindiso Yakhe. Ngokubethelwa kukaJesu, bonke labo abamlandela bathola insindiso futhi baxolelwa izono zabo. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Ngamanye amazwi umsebenzi wangeNkathi Yomusa, umsebenzi wawenziwa egameni likaJesu kakhulu. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Wenza isigaba somsebenzi omusha ngemva kweTestamente Elidala futhi umsebenzi Wakhe waphetha ngokubethelwa. Lokhu kwakuwumsebenzi wakhe wonke. Ngakho, ngeNkathi Yomthetho, uJehova kwakuyigama likaNkulunkulu futhi ngeNkathi Yomusa uJesu wayemele uNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, igama Lakhe uNkulunkulu uSomandla—Onamandla onke futhi usebenzisa amandla Akhe ukuze aqondise umuntu, anqobe umuntu futhi azuze umuntu, bese ekugcineni, aphethe inkathi. Kuzo zonke izinkathi, kuso sonke isigaba somsebenzi Wakhe, isimo sikaNkulunkulu siyabonakala.
Ekuqaleni, ukuqondisa umuntu ngeNkathi Yomthetho yeTestamente elidala kwakufana nokuqondisa ingane. Isintu sokuqala sasingabantwana abazelwe bakaJehova; sasingama-Israyeli. Sasingenakho ukuqonda ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu noma indlela yokuphila emhlabeni. Okusho ukuthi, uJehova wadala isintu, okungukuthi, wadala u-Adamu no-Eva, kodwa akazange abanike imiqondo yokuqonda ukuthi bamhloniphe kanjani uNkulunkulu noma ukulandela imithetho kaJehova emhlabeni. Ngaphandle kokuqondisa mathupha kukaJehova, akekho ongakwazi ngokuqondile lokhu, ngoba ekuqaleni umuntu akazange abe nawo lo mqondo. Umuntu wazi kuphela ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, kodwa okokuthi ahlonishwe kanjani, iyiphi inhlobo yokuziphatha okwakubizwa ngokumhlonipha, umuntu wayengamhlonipha ngaluphi uhlobo lomqondo, noma, yikuphi okwakufanele akunikele ekumhlonipheni: umuntu wayengenamqondo nhlobo. Umuntu wayazi kuphela ukuthi akuthokozele kanjani lokho okwakungathokozelwa phakathi kwazo zonke izinto ezadalwa nguJehova, kodwa mayelana nokuthi iluphi uhlobo lokuphila emhlabeni olwalufanele isidalwa sikaNkulunkulu, wayengenalwazi nhlobo. Ngaphandle komuntu wokusiyalela, ngaphandle komuntu wokusiqondisa mathupha, lesi sintu sasingeke siphile impilo efanele isintu ngokwempela, kodwa sasiyothunjwa kuphela nguSathane ngesinyelela. UJehova wadala isintu, okusho ukuthi, wadala okhokho besintu, u-Eva no-Adamu, kodwa akabanikanga enye ingqondo noma ukuhlakanipha. Nakuba base bevele bephila emhlabeni, babecishe bangaqondi lutho. Ngakho, umsebenzi kaJehova ekudaleni isintu wawungakapheleli, futhi wawusekude nokuqedwa. Wayesakhe kuphela umfuziselo womuntu ngebumba wase ewunika umphefumulo Wakhe, kodwa ngaphandle kokunika umuntu ukuzimisela ukumhlonipha okwenele. Ekuqaleni, umuntu wayengenawo umqondo wokumhlonipha, noma ukumesaba. Umuntu wayazi kuphela ukulalela amazwi Akhe kodwa wayengazi lutho ngolwazi lokuphila emhlabeni kanye nolwemithetho efanele yokuphila komuntu. Ngakho futhi, nakuba uJehova wadala owesilisa nowesifazane wayeseqeda umsebenzi wezinsuku eziyisikhombisa, akazange neze aqede ukudala umuntu, ngoba umuntu wayeyigobongo nje, engenayo ingqikithi yokuba ngumuntu. Umuntu wayazi kuphela ukuthi nguJehova owayedale umuntu, kodwa wayengenalwazi noluncane lokuthi alandele kanjani amazwi noma imithetho kaJehova. Ngakho futhi, emva kokuba khona kwesintu, umsebenzi kaJehova wawusekude ukuphela. Kwakusafanele aqondise isintu ngokugcwele ukuba size phambi Kwakhe, ukuze sikwazi ukuphila ndawonye emhlabeni futhi simhloniphe, nokuthi sikwazi, ngokuqondiswa nguye, ukungena emzileni ofanele wempilo yomuntu emhlabeni. Kulapho kuphela umsebenzi owawenziwe kakhulu ngaphansi kwegama likaJehova owaqedwa khona ngokugcwele; okungukuthi, waphethwa lapho kuphela umsebenzi kaNkulunkulu wokudala umhlaba. Ngakho futhi, esedale isintu, kwafuneka ukuthi aqondise ukuphila kwesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ukuze isintu sikwazi ukuphila ngezinqumo nemithetho, kanye nokubamba iqhaza kukho konke ukwenza kwempilo ejwayelekile emhlabeni. Kulapho kuphela okwaphetheka khona ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu. Wenza lo msebenzi emva kokudala isintu wase eqhubeka nawo kwaze kwaba yinkathi kaJakobe, okuyisikhathi enza ngaso amadodana ayishumi nambili kaJakobe aba yizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. Kusuka kuleso sikhathi kuqhubeka, bonke abantu bakwa-Israyeli baba wuhlanga lwabantu olwaluholwa ngokusemthethweni Nguye emhlabeni, futhi u-Israyeli waba yindawo ekhethekile emhlabeni lapho enza khona umsebenzi Wakhe. UJehova wenza laba bantu baba yiqembu lokuqala labantu enza kubo ngokusemthethweni umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi wenza lonke izwe lakwa-Israyeli indawo yokuqala komsebenzi Wakhe, ebasebenzisa njengesiqalo somsebenzi omkhulu ngokuthe xaxa, ukuze bonke abantu abazalwe Kuye emhlabeni bazi ukuthi bamhloniphe kanjani nokuthi baphile kanjani emhlabeni. Ngakho futhi, izenzo zama-Israyeli zaba yisibonelo sokulandelwa ngabantu beZizwe, nokuthi lokho okwashiwo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kwaba amazwi okwakufanele alalelwe ngabantu beZizwe. Ngoba baba ngabokuqala ukwemukela imithetho nemiyalelo kaJehova, futhi baba ngabokuqala ukwazi ukuthi zihlonishwa kanjani izindlela zikaJehova, kanye nokuba ngabameli bohlanga lwabantu abakhethwe nguJehova. Lapho iNkathi Yomusa ifika, uJehova wayengasabaqondisi abantu ngale ndlela. Umuntu wayesonile futhi waziyekela esonweni, ngakho-ke waqala ukutakula umuntu esonweni. Ngale ndlela wasola umuntu kwaze kwaba sekusindisweni komuntu esonweni. Namuhla, umuntu usecwile ngokusezingeni lobubi elikhulu kangangoba umsebenzi walesi sigaba ungenziwa kuphela ngokwahlulela nokusola. Yile ndlela kuphela okungafezwa ngayo umsebenzi. Lona bekungumsebenzi wezinkathi eziningi. Ekusebenziseni igama likaNkulunkulu, umsebenzi kaNkulunkulu, nemifanekiso eyehlukene kaNkulunkulu ukwehlukanisa inkathi kwenye inkathi nokwenza ukuguquka phakathi kwazo, igama likaJehova nomsebenzi Wakhe kumelela inkathi Yakhe futhi kumelela umsebenzi Wakhe kuzo zonke izinkathi. Uma umsebenzi kaNkulunkulu uhlala ufana inkathi ngayinye futhi ebizwa ngegama elifanayo, umuntu angamazi kanjani? Kumele ukuba uNkulunkulu abizwe ngoJehova, futhi ngale kukaNkulunkulu obizwa ngoJehova, noma ngubani obizwa nganoma yiliphi elinye igama akayena uNkulunkulu. Noma uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu, futhi ngaphandle kwegama likaJesu akufanele abizwe ngelinye igama; ngaphandle kukaJesu, uJehova akayena uNkulunkulu, noNkulunkulu uSomandla akayena uNkulunkulu futhi. Umuntu ukholwa ukuthi kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu unamandla, kodwa uNkulunkulu unguNkulunkulu onomuntu, futhi kumele abizwe ngoJesu ngoba uNkulunkulu unomuntu. Ukwenza lokhu, kuwukulandela imfundiso, futhi kuwukuqoqela uNkulunkulu emkhawulweni othile. Ngakho, kuzo zonke izinkathi, umsebenzi uNkulunkulu awenzayo, igama abizwa ngalo, nomfanekiso awuthathayo—umsebenzi awenzayo kuzo zonke izigaba kuze kube namuhla—akulandeli umthetho owodwa, futhi akukho ngaphansi nhlobo kwanoma yimuphi umkhawulo. UnguJehova, futhi usenguye uJesu, kanye noMesiya, noNkulunkulu uSomandla. Umsebenzi Wakhe ungaguquka kancane kancane nokuguquka okuhambisanayo egameni Lakhe. Akukho gama elilodwa elingammela ngokugcwele, kodwa wonke amagama abizwa ngawo ayakwazi ukummela, futhi umsebenzi awenzayo kuzo zonke izinkathi umele isimo Sakhe. Ake sithi, lapho kufika izinsuku zokugcina, uNkulunkulu ombonayo kusenguJesu, futhi ngaphezu kwalokho ugibele ifu elimhlophe, futhi usabukeka njengoJesu futhi namazwi awakhulumayo asengakaJesu: “Thandani omakhelwane benu njengalokhu nizithanda nina, kufanele nizile bese nithandaza, nithande izitha zenu futhi nazise ukuphila kwenu, bekezelelani abanye futhi nibe nesineke niphinde nithobeke. Kufanele nenze konke lokhu ngaphambi kokuthi nibe ngabafundi bami.” Uma, ngokwenza zonke lezi zinto, ningangena embusweni Wami, ingabe lokho akukhona okomsebenzi weNkathi Yomusa? Ingabe lokhu akushoyo akuyona indlela yeNkathi Yomusa? Beningazizwa kanjani uma beningezwa la mazwi? Ingabe beningeke nizwe ukuthi lona kusewumsebenzi kaJesu? Ingabe lokhu bekungeke kube ukuwuphinda? Umuntu angayithola intokozo kulokhu? Beniyozwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ungahlala unjengoba unje manje futhi ngeke usaqhubekela phambili. Unalawo mandla angaka kuphela, futhi awukho omunye umsebenzi omusha wokwenziwa, futhi usefinyelelise amandla Akhe lapho egcina khona. Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili eyedlule kwakuyiNkathi Yomusa futhi eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili eyalandela usashumayela ngendlela yeNkathi Yomusa futhi usenza abantu ukuba baphenduke. Abantu bebezothi, “Nkulunkulu, unamandla angaka kuphela. Bengikholwa ukuthi uhlakaniphe kakhulu, nokho wazi kuphela isineke futhi unake kuphela ukubekezela, wazi kuphela indlela yokuthanda isitha Sakho, akukho okungaphezu kwalokho.” Engqondweni yomuntu, uNkulunkulu uyohlala enjengoba wayenjalo eNkathini Yomusa futhi umuntu uyohlala ekholwa ukuthi uNkulunkulu unothando futhi unesihawu. Ucabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyohlala ufana nowakudala? Ngakho, kulesi sigaba somsebenzi Wakhe angeke abethelwe futhi konke enikubonayo nenikuthintayo kufanele kungafani nalokho ebenikucabanga nebenikuzwa. Namuhla, uNkulunkulu akaxoxi nabaFarisi, noma avumele izwe ukuthi lazi, futhi labo abamaziyo bayinina kuphela enimlandelayo, ngoba ngeke abethelwe futhi. NgeNkathi Yomusa uJesu wayeshumayela ngokusobala ezweni lonke ngenxa yomsebenzi wevangeli Lakhe. Wabhekana nabaFarisi ngenxa yomsebenzi wokubethelwa; ukube wayengabhekananga nabaFarisi nalabo ababesemandleni babengazanga Ngaye, wayeyolahlwa kanjani, bese ekhashelwa futhi abethelwe esiphambanweni? Ngakho futhi, wabhekana nabaFarisi ngenxa yokubethelwa. Namuhla, wenza umsebenzi Wakhe ekusithekeni ukuze agweme isilingo. Ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu okubili, umsebenzi nokubaluleka kwehlukene, futhi nesimo sehlukene, ngakho kwakungenzeka kanjani ukuba umsebenzi awenzayo wonke ufane?
Ingabe igama likaJesu— “UNkulunkulu unathi”—lisimele sonke isimo sikaNkulunkulu? Lingamchaza ngokugcwele uNkulunkulu? Uma umuntu ethi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu futhi akufanele abe nelinye igama ngoba uNkulunkulu unesimo esingaguquki, la mazwi anjalo awukuhlambalaza ngempela! Uyakholwa ukuthi igama elithi Jesu, uNkulunkulu unathi, lilodwa lingammela ngokuphelele uNkulunkulu? UNkulunkulu angabizwa ngamagama amaningi, kodwa phakathi kwala magama amaningi, alikho igama elilodwa elingakuqoqa konke ngoNkulunkulu, alikho nelilodwa elingamela uNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho uNkulunkulu unamagama amaningi, kodwa wonke la magama amaningi awakwazi ukucacisa isimo sikaNkulunkulu, ngoba isimo sikaNkulunkulu sicebe ngendlela yokuthi singaphezulu kakhulu kunamandla omuntu okumazi. Ayikho indlela yokuthi umuntu, esebenzisa ulimi lwesintu, aqoqe uNkulunkulu ngokugcwele. Isintu sinamagama amancane kakhulu esingaqoqa ngawo konke esikwaziyo ngesimo sikaNkulunkulu: mkhulu, uyahlonipheka, uyamangalisa, akaqondakali, uphakeme, ungcwele, ulungile, uhlakaniphile, njalo njalo. Amagama amaningi ngokweqile! La magama angafiki ndawo awakwazi ukuchaza okuncane umuntu asakubonile kwesimo sikaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye abaningi benezela amagama ababecabanga ukuthi ayekwazi ukuchaza kangcono ukushisekela okwakusezinhliziyweni zabo: uNkulunkulu mkhulu kakhulu! UNkulunkulu ungcwele kakhulu! UNkulunkulu uthandeka kakhulu! Namuhla, izisho zabantu ezinjengalezi sezifike esicongweni sazo, kodwa umuntu akakakwazi ukukhuluma ngokucacile. Ngakho, ngokomuntu, uNkulunkulu unamagama amaningi, nokho akanalo igama elilodwa, futhi lokhu kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sinokuningi kakhulu kanti ulimi lomuntu luhlwempu kakhulu. Izwi noma igama elithile elilodwa alinawo amandla okumela uNkulunkulu uqobo, ngakho ingabe ucabanga ukuthi igama likaNkulunkulu lingama ndawonye nje? UNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ungcwele, kodwa awukwazi ukumvumela aguqule igama Lakhe njalo ngenkathi entsha? Ngakho-ke, kuyo yonke inkathi uNkulunkulu enza kuyo umsebenzi Wakhe mathupha, usebenzisa igama elihambisana nenkathi ukuze aqoqe umsebenzi ahlose ukuwenza. Usebenzisa leli gama kanye elibonisa ukubaluleka kwaleyo nkathi ukuze limele isimo Sakhe kuleyo nkathi. NguNkulunkulu lo esebenzisa ulimi lwabantu ukuze aveze isimo Sakhe. Ngisho lapho, abantu abaningi asebedlule ekuzweni ngokomoya futhi asebembone mathupha uNkulunkulu basezwa ukuthi leli gama elithile alikwazi ukumela uNkulunkulu ngokuphelele—awu, akukho okungenziwa ngalokhu! Ngakho umuntu akasambizi uNkulunkulu nganoma yiliphi igama, futhi umbiza nje ngokuthi “Nkulunkulu.” Kusengathi inhliziyo yomuntu igcwele uthando kodwa futhi ixakwe yizimpikiswano, ngoba umuntu akakwazi ukuchaza uNkulunkulu. Ayikho uNkulunkulu kucebe kakhulu, akukho ndlela yokukuchaza. Alikho igama elilodwa elingaqoqa isimo sikaNkulunkulu, futhi akukho gama elilodwa elingachaza lokho uNkulunkulu anakho nayikho. Uma umuntu engibuza, “Empeleni yiliphi igama olisebenzisayo?” Ngiyomtshela ukuthi, “UNkulunkulu unguNkulunkulu!” Akulona igama elihle lelo likaNkulunkulu? Akukhona ukuqoqa kahle kakhulu isimo sikaNkulunkulu? Uma kunjalo-ke, kungani nichitha amandla angaka nifuna igama likaNkulunkulu? Kungani kufanele nizihlekeze ubuchopho, nizile ukudla nobuthongo, konke ngenxa yegama nje? Luyofika usuku lapho uNkulunkulu engeke esabizwa ngegama elithi Jehova, Jesu noma uMesiya—uyobe esebizwa nje ngokuthi uMdali. Ngaleso sikhathi, wonke amagama ake wawasebenzisa emhlabeni ayofinyelela ekugcineni, ngoba umsebenzi Wakhe emhlabeni uyobe usufike ekugcineni, ngemva kwalokho ngeke esaba nawo amagama. Lapho zonke izinto sezingaphansi kokubusa koMdali, unasiphi isidingo segama elifanaleke kakhulu kodwa elingaphelele? Namanje usathungatha igama likaNkulunkulu? Usalokotha uthi uNkulunkulu ubizwa kuphela ngoJehova? Usalokotha uthi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngoJesu? Ungakwazi yini ukuthwala isono sokuhlambalaza uNkulunkulu? Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona? Ingabe ubengadinga wena—omunye wezidalwa Zakhe—ukuba ulinqume? Igama uNkulunkulu abizwa ngalo yilelo elivumelana nalokho umuntu angakwazi ukukuqonda, ngolimi lwesintu, kodwa leli gama umuntu angakwazi ukuliqonda ngokuphelele. Ungasho kuphela ukuthi kunoNkulunkulu osezulwini, ukuthi ubizwa ngokuthi uNkulunkulu, ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe onamandla amakhulu, ohlakaniphe kakhulu, ophakeme kakhulu, omangalisa kakhulu, ofihlakele kakhulu, onamandla onke kakhulu futhi akukho okungaphezu kwalokho ongakusho; yilokho kuphela okuncane okwaziyo. Njengoba kunjalo, ingabe igama nje likaJesu lingamela uNkulunkulu uqobo? Lapho izinsuku zokugcina zifika, nakuba kusenguye uNkulunkulu owenza umsebenzi Wakhe, igama Lakhe kufanele liguquke, ngoba sekuyinkathi eyehlukile.
UNkulunkulu engomkhulu kakhulu kuyo yonke indawo, kokubili phezulu naphansi, wayengangakwazi yini ukuzichaza ngokugcwele esebenzisa umfanekiso wenyama? UNkulunkulu wembatha le nyama ukuze enze isigaba esisodwa somsebenzi Wakhe. Akukho kubaluleka okutheni kulo mfanekiso wenyama, ayinabuhlobo nokwedlula kwezinkathi, futhi ayihlangene ngalutho nesimo sikaNkulunkulu. Kungani uJesu engavumelanga ukuthi umfanekiso Wakhe ukuthi usale? Kungani engavumelanga ukuthi umuntu adwebe umfanekiso Wakhe ukuze udluliselwe ezizukulwaneni zakamuva? Kungani engavumelanga abantu ukuba bavume ukuthi umfanekiso Wakhe kwakuwumfanekiso kaNkulunkulu? Nakuba umfanekiso womuntu wadalwa emfanekisweni kaNkulunkulu, kwakungenzeka yini ukuba ukubukeka komuntu kumelele umfanekiso ophakeme kaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu eba yinyama, wehla esuka ezulwini nje angene enyameni ethile. WuMoya Wakhe owehlela enyameni, owenza ngayo umsebenzi kaMoya. NguMoya ovezwa enyameni, futhi nguMoya owenza umsebenzi esenyameni. Umsebenzi owenziwa enyameni umelele ngokugcwele uMoya, futhi inyama ingenxa yomsebenzi, kodwa lokho akusho ukuthi umfanekiso wenyama uthatha indawo yomfanekiso wangempela kaNkulunkulu uqobo Lwakhe; lena akuyona inhloso noma ukubaluleka kukaNkulunkulu obe yinyama. Uba yinyama kuphela ukuze uMoya athole indawo efanele yokuhlala lapho enza umsebenzi Wakhe, ukuze akwazi kangcono ukufeza umsebenzi Wakhe enyameni—ukuze abantu bakwazi ukubona umsebenzi Wakhe, baxhumane nesimo Sakhe, bezwe amazwi Akhe, futhi bazi ukumangalisa komsebenzi Wakhe. Igama Lakhe limelele isimo Sakhe, umsebenzi Wakhe umelele ubunjalo Bakhe, kodwa akaze athi ukubonakala Kwakhe enyameni kumelele umfanekiso Wakhe; lokho kungumcabango womuntu nje. Ngakho futhi, izingxenye ezisemqoka zokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu ziyigama Lakhe, umsebenzi Wakhe, isimo Sakhe, nobulili Bakhe. Lezi zisetshenziselwa ukumelela ukuphatha Kwakhe kule nkathi. Ukubonakala Kwakhe enyameni akuhlobene nokuphatha Kwakhe, njengoba kungenxa yomsebenzi Wakhe nje ngaleso sikhathi. Kodwa ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu angabi nakubukeka okuthile, ngakho-ke ukhetha umndeni ofanele ukuze anqume ukubukeka Kwakhe. Ukuba ukubukeka kukaNkulunkulu bekuyoba nokubaluleka kokumela bonke-ke labo abanesakhiwo sobuso esifana nesakhe nabo babeyomelela uNkulunkulu. Kwakungeke lokho kube yiphutha elimangalisayo? Isithombe sikaJesu sadwetshwa ngumuntu ukuze umuntu amkhonze. Ngaleso sikhathi, uMoya oNgcwele akanikezanga miyalelo ekhethekile, ngakho-ke umuntu wedlulisela isithombe phambili kwaze kwaba namuhla. Empeleni, ngokwenhloso yasekuqaleni kaNkulunkulu, umuntu kwakungafanele akwenze lokhu. Yintshiseko yomuntu kuphela eyenza ukuba isithombe sikaJesu sihlale kuze kube namuhla. UNkulunkulu unguMoya, futhi umuntu akasoze akwazi ukuqukatha lokho umfanekiso Wakhe oyikho ekugcineni. Umfanekiso Wakhe ungamelelwa kuphela yisimo Sakhe. Okokubukeka kwekhala Lakhe, komlomo Wakhe, kwamehlo Akhe, nokwezinwele Zakhe, lokhu kungaphezulu kwamandla akho ukukuqukatha. Lapho isambulo sifika kuJohane, wabona umfanekiso weNdodana yomuntu: Emlonyeni Wakhe kwakunenkemba esika nhlangothi zombili, amehlo Akhe ayenjengamalangabi omlilo, ikhanda nezinwele Zakhe kwakumhlophe njengoboya bemvu, izinyawo Zakhe zinjengethusi elikhazimulisiwe, futhi kwakuzungeze ibhande legolide esifubeni Sakhe. Nakuba amazwi akhe ayegqame ngokwedlulele, umfanekiso kaNkulunkulu ayewuchaza kwakungewona owomuntu odaliwe. Akubona kwakuwumbono kuphela, futhi hhayi umfanekiso womuntu wasemhlabeni woqobo. UJohane wayebone umbono, kodwa wayengabonanga ukubukeka kwangempela kukaNkulunkulu. Umfanekiso wenyama kaNkulunkulu esesimweni somuntu, ungumfanekiso womuntu odaliwe, awukwazi ukumelela sonke isimo sikaNkulunkulu. Lapho uJehova edala isintu, wathi ukwenza lokho ngomfanekiso Wakhe futhi wadala owesilisa nowesifazane. Ngaleso sikhathi, wathi wenza owesilisa nowesifazane ngomfanekiso kaNkulunkulu. Nakuba umfanekiso womuntu ufuze umfanekiso kaNkulunkulu, lokhu akukwazi ukuqondwa ngokuthi kuchaza ukuthi ukubukeka komuntu kuwumfanekiso kaNkulunkulu. Futhi awukwazi ukusebenzisa ulimi lwesintu ukuchaza umfanekiso kaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uphakeme kakhulu, mkhulu kakhulu, umangalisa futhi akaqondakali kakhulu!
Ngesikhathi uJesu efika ezokwenza umsebenzi Wakhe, kwawungaphansi kokuqondisa kukaMoya oNgcwele; wenza lokho uMoya oNgcwele owawukufuna futhi kwakungekhona okungokweNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala noma ngokwendlela yomsebenzi kaJehova. Nakuba umsebenzi uJesu ayezele ukuzowenza wakungekhona ukuzogcina imithetho kaJehova noma imiyalelo kaJehova, umthombo wakho wawufana. Umsebenzi uJesu awenza wawumele igama likaJesu futhi wawumele iNkathi Yomusa; umsebenzi owawenziwa uJehova, wona wawumele uJehova kanye neNkathi Yomthetho. Umsebenzi wabo kwakuwumsebenzi kaMoya owodwa osezinkathini ezimbili ezehlukene. Umsebenzi uJesu awenza wawungamela iNkathi Yomusa kuphela nomsebenzi uJehova awenza nawo wawungamela iNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala. UJehova wayeqondisa kuphela abantu bakwa-Israyeli nabaseGibhithe kanye nazo zonke izizwe ezingale kuka-Israyeli. Umsebenzi kaJesu weNkathi Yomusa yeTestamente Elisha wawungumsebenzi kaNkulunkulu ngaphansi kwegama likaJesu njengoba ayeqondisa leyo nkathi. Uma uthi umsebenzi kaJesu wawusekelwe kokaJehova, ukuthi akazange aqale umsebenzi omusha, nokuthi konke akwenza kwakuvumelana namazwi kaJehova, nomsebenzi kaJehova, kanye neziprofetho zika-Isaya, uJesu wayengeke-ke abe uNkulunkulu obe yinyama. Ukuba wenza umsebenzi Wakhe ngale ndlela, wayeyoba ngumphostoli noma isisebenzi seNkathi Yomthetho. Uma kunjengoba usho, kusho ukuthi uJesu wayengeke akwazi ukuqala inkathi futhi awukho omunye umsebenzi ayengawenza. Ngendlela efanayo, uMoya oNgcwele kumele kakhulu wenze umsebenzi Wakhe ngoJehova, futhi ngaphandle kukaJehova uMoya oNgcwele wawungeke ukwazi ukwenza umsebenzi omusha. Umuntu unephutha ngokuqonda umsebenzi kaJesu ngale ndlela. Uma umuntu ekholwa ukuthi umsebenzi owenziwe uJesu wawuvumelana namazwi kaJehova kanye neziprofetho zika-Isaya, ingabe uJesu wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu noma wayengomunye wabaprofethi? Ngokwalo mbono, kwakungebe khona Nkathi Yomusa futhi uJesu wayengeke abe uNkulunkulu osenyameni, ngoba umsebenzi awenza wawungakwazi ukumela iNkathi Yomusa futhi wawungamela kuphela iNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala. Kwakungaba nenkathi entsha kuphela lapho uJesu efika ezokwenza umsebenzi omusha, ukuqala inkathi entsha, ukwedlula umsebenzi owawukade wenziwe kwa-Israyeli, kanye nokwenza umsebenzi Wakhe ngokungahambisani nomsebenzi owenziwa nguJehova kwa-Israyeli noma nemithetho Yakhe emidala, noma ngokuhambisana nayiphi imithetho, kodwa ukwenza umsebenzi omusha okwakufanele awenze. UNkulunkulu uqobo Lwakhe uza ukuzovula inkathi futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe uza ukuzoqeda inkathi. Umuntu akakwazi ukwenza umsebenzi wokuqala inkathi nokuphetha inkathi. Ukuba uJesu akazange afikise umsebenzi kaJehova ekupheleni, lokho-ke kwakuyoba ubufakazi bokuthi wayengumuntu nje futhi engakwazi ukumela uNkulunkulu. Ngenxa kanye yokuthi uJesu weza waphetha umsebenzi kaJehova, walandela emsebenzini kaJehova ngokuqala umsebenzi Wakhe, umsebenzi omusha, kubonisa ukuthi lokhu kwakuyinkathi entsha nokuthi uJesu wayenguNkulunkulu uqobo. Benza izigaba zomsebenzi ezehlukene ngokucacile. Esinye isigaba sasenziwa ethempelini, kanti esinye sasenziwa ngaphandle kwalo. Omunye wale misebenzi wawungukuhola abantu ngendlela yomthetho kanti omunye wawungukunikela umnikelo wesono. Zombili lezi zigaba zomsebenzi zazehlukene ngokusobala; lokhu kwehlukanisa inkathi entsha kwendala, futhi kuliqiniso elimsulwa ukuthi ziyizinkathi ezimbili ezehlukene. Indawo yomsebenzi Wabo yayehlukene futhi umongo womsebenzi Wabo wawehlukene futhi nezinhloso zomsebenzi Wabo zazehlukene. Ngakho, zingahlukaniswa zibe yizinkathi ezimbili: ITestamente Elisha neTestamente Elidala, okuwukuthi, inkathi entsha nendala. Lapho uJesu efika akangenanga ethempelini, okufakazela ukuthi inkathi kaJehova yayisiphelile. Akangenanga ethempelini ngoba umsebenzi kaJehova ethempelini wawusuphelile, futhi wawungasadingi ukuphinde wenziwe, futhi ukuwenza futhi kwakuyoba ukuwuphinda. Kwaba ngokushiya ithempeli, ukuqala umsebenzi omusha kanye nokuvula indlela entsha ngaphandle kwethempeli, lapho akwazi khona ukufikisa umsebenzi kaNkulunkulu esicongweni sawo. Ukuba akaphumanga ethempelini ukuyokwenza umsebenzi Wakhe, umsebenzi kaNkulunkulu wawuyoma ndawonye ezisekelweni zethempeli, futhi kwakungeke kube nezinguquko ezintsha. Ngakho, lapho uJesu efika akangenanga ethempelini, futhi akenzanga umsebenzi Wakhe phakathi ethempelini. Wenza umsebenzi Wakhe ngaphandle kwethempeli, futhi, ehola abafundi, wenza umsebenzi Wakhe ngokukhululeka. Ukuhamba kukaNkulunkulu ethempelini ukuyokwenza umsebenzi Wakhe kwasho ukuthi uNkulunkulu wayenohlelo olusha. Umsebenzi wakhe wawuzokwenziwa ngaphandle kwethempeli, futhi kwakuzoba umsebenzi omusha owawungeke ubambeke endleleni yokwenziwa kwawo. Eqeda nje ukufika uJesu, waqeda umsebenzi kaNkulunkulu wangesikhathi seTestamente Elidala. Nakuba zazibizwa ngamagama amabili angafani, kwaba nguMoya owodwa owafeza zombili lezi zigaba zomsebenzi, futhi nomsebenzi owawenziwa wawuqhubeka njalo Njengoba igama lalehlukile, nokuqukethwe umsebenzi kwakwehlukile, inkathi yayihlukile. Lapho uJehova efika, leyo kwakuyinkathi kaJehova nalapho uJesu efika, leyo kwakuyinkathi kaJesu. Ngakho, isikhathi ngasinye lapho lowo nalowo efika, uNkulunkulu ubizwa ngegama elilodwa, umela inkathi eyodwa futhi uvula indlela entsha, athathe igama elisha, okubonisa ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi, okuwukuthi umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili. Umlando uhlala uqhubekela phambili nomsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubekela phambili. Ukuze uhlelo lweminyaka eziyinkulungwane eziyisithupha lufinyelele esiphethweni, kumele luhlale luqhubeka luya phambili. Usuku nosuku, kufanele enze umsebenzi omusha, unyaka nonyaka kumele enze umsebenzi omusha; kumele aqale izindlela ezintsha, kumele aqale izinkathi ezintsha, aqale umsebenzi omusha nomkhulu, futhi kanye nalokhu alethe amagama amasha nomsebenzi omusha. Ukusuka emzuzwini kuya emzuzwini, uMoya kaNkulunkulu wenza umsebenzi omusha, ungabambeleli ezindleleni nasemithethweni emidala. Futhi umsebenzi Wakhe awukaze ume, kodwa uyenzeka ngomzuzu nomzuzu owedlulayo. Uma uthi umsebenzi kaMoya oNgcwele awuguquki, pho kungani uJehova acela abapristi ukuthi bemsebenzele ethempelini, kodwa uJesu akazange angene ethempelini—noma ngabe, lapho efika, abantu baphinde bathi ungumpristi omkhulu, futhi wayengowendlu kaDavide futhi nguMpristi omkhulu neNkosi enkulu? Futhi yini enganikelanga imihlatshelo? Ukungena ethempelini noma ukungangeni ethempelini—lokhu akuyiwo umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe? Ukuba, njengoba umuntu ecabanga, uJesu uzophinda afike futhi, ezinsukwini zokugcina, esabizwa ngoJesu, futhi aqhubeke nokwehla ngefu elimhlophe, ehlela phezu kwabantu esemfanikisweni kaJesu: ingabe lokho ngeke kube wukuphindwa komsebenzi Wakhe? Ingabe uMoya oNgcwele uyakwzi ukunamathela kokudala? Konke umuntu akukholwayo yimicabango, futhi konke umuntu akuqondayo ngokuhambisana nomqondo osobala, kanye nokucabanga kwakhe; kuphambene nezimiso zomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi akuhambisani nezinhloso zikaNkulunkulu. UNkulunkulu ubengeke asebenze ngaleyo ndlela; uNkulunkulu akasona neze isiphukuphuku nesiwula, futhi umsebenzi Wakhe awulula ngendlela oyicabangayo. Ngokwakho konke okwenziwa futhi okucatshangwa umuntu, uJesu uyofika ngefu ehlele phakathi kwenu. Niyombona, futhi Naye, egibele ifu, uyonitshela ukuthi unguJesu. Futhi niyobona amanxeba ezipikili ezandleni Zakhe, futhi niyomazi njengoJesu. Uyobuye anisindise futhi, aphinde abe nguNkulunkulu wenu onamandla. Uyonisindisa, aniqambe igama elisha, futhi anike umuntu ngamunye kinina itshe elimhlophe, okuyothi ngemva kwalokho nivunyelwe ukuba ningene embusweni wezulu futhi namukelwe epharadesi. Ingabe izinkolelo ezinjalo aziyona imicabango yomuntu? Ingabe uNkulunkulu usebenza ngokwalokho okucatshangwa ngabantu noma usebenza ngokuphambene nalokho okucatshangwa umuntu? Ingabe konke okucatshangwa ngumuntu akuveli kuSathane? Ingabe bonke abantu abonakalisiwe uSathane? Uma uNkulunkulu wayenza umsebenzi Wakhe ngendlela yokucabanga komuntu, ingabe angeke abe nguSathane? Ingabe ngeke afane nezidalwa Zakhe? Njengoba nezidalwa sezonakaliswe uSathane kangangokuthi umuntu usephenduke umzimba kaSathane, uma uNkulunkulu ubezosebenza ngokwezinto zikaSathane ingabe ubengeke yini abe nokusebenzisana noSathane? Umuntu angawuqonda kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? Ngakho, uNkulunkulu ubengeke asebenze ngokwalokho umuntu akucabangayo. Kunalabo abathi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wathi uyofika ngefu. Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe washo njalo, kodwa ingabe uyazi ukuthi akekho ongaqonda izimfihlakalo Zakhe? Awazi ukuthi akukho muntu ongachaza amazwi kaNkulunkulu? Uqinisekile ngokuthi ukhanyiselwe futhi wakhanyiswa nguMoya oNgcwele? Nakanjani kwakungekhona ukuthi uMoya oNgcwele ukubonise ngendlela eqonde kangaka? Ingabe kwakunguMoya oNgcwele owakuyalela, noma waholelwa yimicabango yakho ekuthini ucabange kanjalo? Wathi, “Lokhu kwashiwo uNkulunkulu uqobo Lwakhe.” Kodwa asikwazi ukusebenzisa imibono nemiqondo yethu ukuze silinganise amazwi kaNkulunkulu. Ngokwamazwi akhulunywa ngu-Isaya, ungawachaza amazwi akhe ngokukhulu ukuqiniseka? Ingabe uyalokotha ukuwachaza amazwi akhe? Njengoba ungalokothi nokuwachaza amazwi ka-Isaya, pho kungani ulokhu ulokotha ukuchaza amazwi kaJesu? Ubani ophakeme kakhulu, uJesu noma u-Isaya? Njengoba impendulo inguJesu, kungani uzama ukuchaza amazwi akhulunywe uJesu? Ingabe uNkulunkulu angakutshela ngomsebenzi Wakhe singakafiki isikhathi? Asikho nesisodwa isidalwa esingazi, ngisho nezithunywa ezulwini ngisho neNdodana yomuntu, ngakho wena ungazi kanjani? Umuntu untula kakhulu. Okubalulekile kini manje ukwazi izigaba ezintathu zomsebenzi. Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wesigaba samanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa ngentambo enganqamuki bonke ububanzi bokuphatha kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa nguMoya owodwa. Kusukela ekudalweni komhlaba, uNkulunkulu yilokhu esebenza ephatha isintu. UyiSiqalo neSiphetho, futhi uyiLowo oqala inkathi naLowo ophetha inkathi. Izigaba ezintathu zomsebenzi, ezinkathini ezehlukene nasezindaweni ezehlukene, ngaphandle kwephutha zingumsebenzi woMoya owodwa. Bonke labo abahlukanisa lezi zigaba baphikisa uNkulunkulu. Manje, kumele uqonde ukuthi wonke umsebenzi kusukela esigabeni sokuqala kuze kube namuhla uwumsebenzi kaNkulunkulu oyedwa, umsebenzi woMoya owodwa. Ngalokhu akukho kungabaza.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?
Ngemva kokuba iqiniso lokuba yinyama kukaJesu libe khona, umuntu wayekholwa yilokhu: Ezulwini akukho kuphela uBaba, kodwa kuneNdodana, kanye noMoya imbala. Abantu bebelokhu bekholelwa, ukuthi kunalo Nkulunkulu ezulwini: uZiqu zintathu okunguYise, iNdodana, noMoya oNgcwele, bamunye. Bonke abantu banalo mbono othi: uNkulunkulu unguNkulunkulu oyedwa, kodwa owakhiwe yizingxenye ezintathu, lo mbono wabantu osugxilile uveza ukuthi kunoYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Lezo zingxenye zontathu zakha uNkulunkulu oyedwa. Ngaphandle kukaYise oNgcwele, uNkulunkulu ubengeke aphelele. Ngokufanayo, uNkulunkulu ubengeke aphelele ngaphandle kweNdodana noma uMoya oNgcwele. Ngokwemibono yabo, bakholelwa ukuthi akekho phakathi kukaYise yedwa noma iNdodana yodwa ongaba nguNkulunkulu ozimele. UYise, iNdodana noMoya oNgcwele kuphela onguNkulunkulu Ngokwakhe. Bonke abantu abasontayo, okuhlanganisa nani ngokwenu, niyakukholelwa lokhu. Kepha, mayelana nokuthi le nkolelo iyiqiniso yini akekho owaziyo, kodwa kube kufanele, ngoba ngisho nezindaba eziphathelene noNkulunkulu Ngokwakhe. Nakuba lena kuyimibono, anazi ukuthi ilungile noma ayilungile, ngoba iye yakuthonya kakhulu ukucabanga kwenu. Niye nayamukela le mibono yenkolo futhi lo shevu uye wangena wagxila ezinhliziyweni zenu. Ngakho ngokufanayo, niye nathonywa yile nkolelo nakuba uZiqu Zintathu kuyinto engekho. Okuwukuthi, uZiqu Zintathu onguYise, yiNdodana noMoya oNgcwele yinto engekho. Lena kumane nje kuyimibono ejwayelekile yabantu, nezinkolelo zabantu ezingelona iqiniso. Emakhulwini amaningi eminyaka abantu bebekholelwa kulo Ziqu Zintathu, ngenxa yokudideka okubangelwa yimibono yabantu, eyasungulwa abantu, futhi engakaze ibonwe abantu. Phakathi nayo yonke le minyaka eminingi, kuye kwavela abantu abaqavile abakholwayo, abaye banikeza "izincazelo eziyiqiniso" ngoZiqu Zintathu, kodwa lezo zincazelo zikaZiqu Zintathu ongabantu abathathu abahlukene kodwa besimo sinye azizange ziqondakale futhi azicacanga, futhi bonke abantu badidekile "ngesakhiwo" sikaNkulunkulu. Akekho umuntu oke wakwazi ukusichaza kahle; izincazelo eziningi zidlula obequnga ngokwencazelo nasephepheni, kodwa akekho ngisho noyedwa umuntu oye wayiqonda ngokugcwele le incazelo. Lokhu kubangelwa ukuthi lo Ziqu Zintathu wodumo abantu abawuthanda kangaka awukho. Akekho umuntu owake wabona ngokoqobo ubuso bukaNkulunkulu noma akekho owake waba nenhlanhla yokuvakashela lapho kuhlala khona uNkulunkulu abone izinto ezikhona lapho kuphumula khona uNkulunkulu ukuqonda ukuthi mangaki ngempela amakhulu noma izigidi zezizukulwane "ezisendlini kaNkulunkulu" noma ukuhlola ukuthi zingaki izingxenye ezakha isakhiwo sesimo sikaNkulunkulu . Nakhu ngempela okumelwe kucaciswe: ukuthi mingaki iminyaka kaBaba neyeNdodana, kanye neyoMoya oNgcwele; izimo ngazinye zomuntu ngamunye; ngempela kwenzeka kanjani ukuba bahlukane, nokuthi bahlangana kanjani babe munye. Ngeshwa, phakathi kwayo yonke le minyaka, akekho umuntu oye wazi iqiniso ngalezi zindaba. Konke nje ukuqagela, ngoba akekho oke wenyukela ezulwini wabuya "nombiko wophenyo" kubantu bonke ukuze abike ngeqiniso lale ndaba kumakholwa ashisekayo nazinikele mayelana noZiqu Zintathu. Nokho, asikwazi ukusola abantu ngokusungula leyo mibono, ngoba kungani uJehova, uYise, engazange asebenze noJesu, iNdodana, lapho edala isintu? Ukube kusukela ekuqaleni, konke kwenzeka ngentando kaJehova, ngabe kungcono. Uma kukhona umuntu okumele asolwe, akusolwe uJehova uNkulunkulu ngokwehluleka kwakhe isikhashana, ukubiza iNdodana kanye noMoya oNgcwele phambi Kwakhe lapho edala, kunalokho wakhetha ukudala yedwa. Ukube bonke babesebenza kanye kanye, babengeke yini babe munye? Ake sithi, kusukela khona kanye ekuqaleni kuze kube sekugcineni, kwakunegama likaJehova kuphela hhayi elikaJesu kusukela eNkathini Yomusa, noma ukube wayesabizwa ngoJehova ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wayengeke yini akugweme ukuhlupheka okubangelwa ukudideka kwabantu? Eqinisweni, uJehova akanakubhecwa ngakho konke lokhu; uma kukhona okumele asolwe, makusolwe uMoya oNgcwele, okwaphela izinkulungwane zeminyaka usebenza ngegama likaJehova, likaJesu neloMoya oNgcwele imbala, wenza abantu badideke bangaqondi ngezinga lokuthi bangabe bedazi nokuthi ungubani ngempela uNkulunkulu. Ukube uMoya oNgcwele Uqobo awusebenzanga ngesimo esithile noma isithombe, ngaphezu kwalokho, ukube awusebenzanga ngegama elinjengelikaJesu, kunalokho abantu bebengeke bakwazi ukuwuthinta noma bawubone, bangagcini nje ngokuzwa imisindo yokuduma, wawungeke yini lo msebenzi ube inzuzo kubantu? Yini engenziwa manje? Imibono yabantu iqongelelene yaphakama kuhle kwentaba, yaba banzi njengolwandle, kangangokuthi uNkulunkulu wosuku lwethu akasakwazi ukuyibekezelela futhi lokhu kuye kuyincithakalo ngokuphelele. Endulo ngesikhathi kusenoJehova, uJesu kanye noMoya oNgcwele phakathi kwabo bobabili, kakade abantu base benokudideka, futhi manje sekunoMninimandla Onke, okuthiwa naye uyingxenye kaNkulunkulu. Ngubani owaziyo ukuthi ungubani-ke lo Mninimandla Onke nokuthi uhlanganiswa nayiphi ingxenye kaZiqu Zintathu, nokuthi wayethukuswe kuphi kule minyaka eminingi? Abantu bangakubekezelela kanjani lokhu? Sekudlule isikhathi eside abantu bezama ukuchaza le mfundiso eyodwa kaZiqu Zintathu, kodwa manje sekukhona "uNkulunkulu oyedwa kubantu abane." Ichazwa kanjani into enje? Ningakwazi ukuyichaza le nto? Bazalwane! Benikholelwa kanjani kulo Nkulunkulu kuze kube manje? Yazi nginethulela isigqoko. Nakuba uZiqu Zintathu wawusinda uwodwa, kodwa manje niyaqhubeka ninokholo olufanayo olungenakunyakaziswa kulo Nkulunkulu oyedwa kubantu abane. Niye nanxuswa ukuba niphume, kodwa niyenqaba. Kwaze kwadabukisa! Angazi ukuthi ningabantu abanjani ngempela! Umuntu angaze akholelwe "koNkulunkulu abane" kodwa angenzi lutho ngalokho; aniboni yini ukuthi iyisimanga le nto? Bengingazi ukuthi nikwazi ukwenza isimangaliso esinjena! Niyazi ukuthini, eqinisweni, uZiqu Zintathu uyinto engekho. UNkulunkulu akanaye uYise noma iNdodana, ingasaphathwa eyokuthi kunethuluzi elisetshenziswa nguYise neNdodana ngokubambisana: uMoya oNgcwele. Wonke lawa ngamanga futhi yinto engakaze ibe khona kulo mhlaba! Kodwa la manga anomsuka futhi anesisekelo esithile, nihlakaniphe kabi ukuba ningavele nikhohliseke nje kanjalo. Kodwa, la manga abonakala eyiqiniso futhi eyimvelo, kangangokuthi awanakungenwa ngisho uSathane imbala. Okubuhlungu ukuthi yonke le mibono ingamanga futhi ayikaze ibe khona! Anikalazi iqiniso langempela; nimane niyaqagela futhi niyazicabangela nje, niyiguqule ibe yindaba yokukhohlisa abantu ukuze nethenjwe abanye nokuphatha abayiziphukuphuku ezingenakuhlakanipha nabangacabangisisi kahle, ukuze bakholelwe "emfundisweni ephusile" enkulu nedumile. Yiqiniso leli? Ingabe iyona ndlela le umuntu okumele ayamukele? Udoti wonke lo! Alikho nelilodwa igama elifanelekile! Kuyo yonke le minyaka, benilokhu nihlukanisa uNkulunkulu ngale ndlela, isizukulwane nesizukulwane besilokhu simhlukanisa kancane kancane, kangangokuba uNkulunkulu oyedwa usehlukaniswe waba oNkulunkulu abathathu, manje sekunzima kubantu ukumbuyisela abe uNkulunkulu oyedwa, ngoba niye namhlukanisa kakhulu! Ukube angifikanga ngesikhathi, angazi ukuthi beniyonhlanhlatha nize nifike kuphi! Ukuqhubeka nokwahlukanisa uNkulunkulu ngale ndlela, angaqhubeka kanjani abe nguNkulunkulu wenu? Nisengakwazi kodwa ukumbona uNkulunkulu? Nisengakwazi kodwa ukubuyela Kuye? Ukube ngifike sekwedlule isikhathi, cishe beniyoze nithumele emuva "uYise neNdodana" uJehova noJesu, kwa-Israyeli bese nani ngokwenu nithi niyingxenye kaNkulunkulu. Sesibonga khona ukuthi manje yizinsuku zokugcina. Ekugcineni! luze lwafika usuku ekade ngalulinda, futhi ukwehlukanisa kwenu uNkulunkulu kuzophela manje, ngemva kokuba sengiqede ukwenza lo msebenzi ngezandla Zami. Ngaphandle kwalokho, beniyoze nidlulele, nize ngisho nibeke bonke oSathane ezindaweni zenu zokuthandaza. Leli icebo lenu! Inhloso yenu yokwehlukanisa uNkulunkulu! Nisazoqhubeka nenza kanjalo? Ake nginibuze: Bangaki oNkulunkulu abakhona? Yimuphi uNkulunkulu ozonisindisa? UNkulunkulu wokuqala, owesibili noma yilona wesithathu obulokhu uthandaza kuye? Yimuphi kubo obulokhu ukholelwa kuye? UBaba? Noma iNdodana? Noma uMoya oNgcwele? Awusho yimuphi okholelwa kuye. Nakuba uthi uyakholelwa kuNkulunkulu kodwa eqinisweni okukholelwayo ngempela yingqondo yakho! UNkulunkulu akekho enhliziyweni yakho! Kodwa, engqondweni yakho kugcwele inqwaba "yoZiqu Zintathu"! Awuvumi?
Uma izigaba ezintathu zomsebenzi bezingahlolwa ngokuvumelana nemfundiso kaZiqu Zintathu, khona-ke kusho ukuthi kumelwe ukuthi kunoNkulunkulu abathathu njengoba umsebenzi owenziwa oyedwa ungesiwo ofanayo. Uma kukhona phakathi kwenu othi ikhona ngempela le nto kaZiqu Zintathu, akachaze ukuthi uyini ngempela lo Nkulunkulu oyedwa kubantu abathathu. Ungubani uYise oNgcwele? Ingubani iNdodana? Uyini uMoya oNgcwele? Ingabe uJehova unguYise oNgcwele? Ingabe uJesu uyiNdodana? Ngakho uyini pho uMoya oNgcwele? UYise akawona yini uMoya? Ingabe ingxenye ethile yeNdodana ayiwona yini uMoya? Imisebenzi kaJesu yayingeyona yini imisebenzi yoMoya oNgwele? Imisebenzi kaJehova okwesikhathi esithile yayiqondiswa uMoya ofana noJesu? UNkulunkulu oyedwa angaba nemiMoya emingaki? Ngokwencazelo yakho, la bantu abathathu uYise, iNdodana noMoya oNgcwele bamunye; uma kunjalo, kusho ukuthi kunoMoya omthathu, kodwa ukuze kube noMoya omthathu kusho ukuthi kunoNkulunkulu abathathu. Lokhu kusho ukuthi akekho uNkulunkulu oyedwa weqiniso; lo Nkulunkulu angaqhubeka kanjani abe nemvelo yoqobo kaNkulunkulu kuye? Uma uvuma ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, angaba kanjani nendodana aphinde abe ubaba? Akuyona yini imibono yakho leyo? Kukhona uNkulunkulu oyedwa, noMoya owodwa kaNkulunkulu, njengoba kulotshiwe eBhayibhelini ukuthi "KunoMoya oNgcwele owodwa noNkulunkulu oyedwa kuphela." Kungakhathaliseki ukuthi uYise neNdodana okhuluma ngabo bakhona noma cha, kunoNkulunkulu oyedwa, futhi le ngxenye kaYise, iNdodana, noMoya oNgcwele okholelwa kukho kuyingxenye yoMoya oNgcwele. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu unguMoya, kodwa uyakwazi ukuba yinyama aphile phakathi kwabantu, futhi abe ngaphezu kwakho konke. UMoya wakhe uyikho konke futhi uhlale ukhona. Angakwazi ukuba senyameni ngesikhathi esifanayo abe kuyo yonke indawo. Njengoba bonke abantu bethi uNkulunkulu uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, kusho ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, okwazi ukuba yikho konke! UNkulunkulu unguMoya owodwa, ungumuntu oyedwa; futhi lowo uMoya kaNkulunkulu. Uma kuya njengokusho kwakho, uYise, iNdodana kanye noMoya oNgcwele, lokho kusho ukuthi ababona oNkulunkulu abathathu, akunjalo? UMoya ungenye into iNdodana ingenye kanjalo noYise ungenye. Bangabantu abathathu abanezimo ezihlukene ezahlukile, ngakho bahlangana kanjani futhi babe yingxenye kaNkulunkulu oyedwa? UMoya oNgcwele unguMoya; kulula ngabantu ukuba baqonde lokho. Uma kunjalo, kusho ukuthi uYise unguMoya nakakhulu. Akakaze ehlele emhlabeni futhi akazange abe yinyama; unguJehova uNkulunkulu osezinhliziyweni zabantu, impela unguMoya. Uma kunjalo, yibuphi ubuhlobo obukhona phakathi Kwakhe noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obufanayo obuphakathi kukaYise neNdodana? Noma ubuhlobo obufanayo noboMoya oNgcwele kanye noMoya kaYise? Ingabe ingxenye ngayinye yoMoya iyefana? Noma ingabe uMoya oNgcwele uyithuluzi likaYise? Yikuphi ngempela okuyikona? Buyini-ke ubuhlobo phakathi kweNdodana noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obuphakathi kwemiMoya imibili noma ubuhlobo obuphakathi komuntu noMoya? Lena yimpicabadala! Uma kuwukuthi kunoMoya owodwa, kusho ukuthi ayikho indaba yabantu abathathu ngoba ngeke bangenwe uMoya owodwa, uma bengabantu abathathu abahlukene, kusho ukuthi amandla oMoya wabo ngeke afane, futhi akukwazi ukuthi kube noMoya owodwa. Le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele iwubulima! Lokhu kwahlukanisa uNkulunkulu ahlukane abe abantu abathathu, ngamunye onesiqu noMoya; angaba kanjani futhi uMoya owodwa noNkulunkulu oyedwa? Ake nisho, ingabe amazulu nomhlaba nakho konke okukuwo kwadalwa uYise, iNdodana noma uMoya oNgcwele? Abanye bathi konke lokhu bakudala ndawonye. Ngakho ubani-ke pho owasindisa isintu? Ingabe nguMoya oNgcwele, yiNdodana noma nguYise? Abanye bathi yiNdodana eyahlenga isintu. Ngakho ingubani ngempela le Ndodana? Ayikona yini ewukubonakaliswa koMoya kaNkulunkulu? UNkulunkulu esesimweni somuntu, uJesu ubiza uNkulunkulu osezulwini ngokuthi Baba. Awazi yini ukuthi uJesu wazalwa ngokoMoya oNgcwele? UnoMoya oNgcwele; noma ungathini, uJesu unoNkulunkulu ezulwini, ngoba uyisimo sikaNkulunkulu soMoya. Le mfundiso yokuthi kuneNdodana ayilona neze iqiniso. NguMoya owodwa owenza zonke izinto; uNkulunkulu Uqobo, okungukuthi, uMoya kaNkulunkulu owenza imisebenzi yakhe. Ubani uMoya kaNkulunkulu? Awuwona yini uMoya oNgcwele? UMoya oNgcwele awusebenzi yini kuJesu? Uma umsebenzi ungenziwanga nguMoya oNgcwele, (okunguMoya kaNkulunkulu) ingabe le misebenzi yenziwa nguNkulunkulu Uqobo? Njengoba ayethandaza, uJesu wabiza uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, lokhu wakwenza esesimweni somuntu odaliwe, ngoba kuphela uMoya kaNkulunkulu wawembethe inyama ejwayelekile nevamile futhi embeswe isimo somuntu. Nakuba ngaphakathi wayenoMoya kaNkulunkulu ngaphandle wayengumuntu ovamile; ngamanye amazwi, wayesephenduke "iNdodana yomuntu" okungukuthi futhi bonke abantu bakhuluma, kuhlanganise naye uJesu Uqobo, njengoba ebizwa ngeNdodana yomuntu, ungumuntu (ngabe umuntu wesilisa noma wesifazane, kunoma yikuphi onesimo sangaphandle somuntu) ozalelwe emndenini nakubantu abajwayelekile. Ngakho-ke, ukubiza kukaJesu uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, kuyefana nalapho wena umbiza ngokuthi Baba; Lokho wakusho esesimweni somuntu. Uyawukhumbula uMthandazo weNkosi, uJesu akufundisa ukuba uwubambe ngekhanda? "Baba wethu osezulwini…." Kulo mthandazo, uJesu watshela bonke ukuba babize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Futhi, njengoba naye umbiza ngoBaba, wakusho lokhu ngokombono noma esesimweni sokulingana nani nonke. Njengoba nani nibiza uNkulunkulu ezulwini ngoBaba, lokhu kubonisa ukuthi uJesu wazilinganisa nani, futhi njengomuntu wasemhlabeni owayekhethwe uNkulunkulu (okungukuthi, iNdodana kaNkulunkulu). Uma ubiza uNkulunkulu "ngoBaba," akukona yini ukuthi umbiza ngoba wena uyisidalwa? Noma kunjalo, naphezu kwegunya uJesu ayenalo ngaphambi kokuba abethelwe, wayemane eyiNdodana yomuntu, eqondiswa uMoya kaNkulunkulu (okungukuthi, uNkulunkulu), njengesinye sezidalwa zasemhlabeni, ngoba wayengakawuqedi umsebenzi wakhe. Ngakho-ke, ukuthobeka nokulalela kuphela okwamgqugquzela ukuba abize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Nokho, ngokubiza uNkulunkulu (okungukuthi, uMoya osezulwini) ngaleyo ndlela, akusho ukuthi uyiNdodana yoMoya kaNkulunkulu osezulwini. Kunalokho, kumane kusho ukuthi umbono wakhe wehlukile, hhayi kodwa ukuthi ungumuntu owehlukile. Imfundiso yokuthi kunabantu abehlukile ingamanga! Ngaphambi kokuba abethelwe, uJesu wayeseyiNdodana yomuntu ebhekene nokulinganiselwa kwenyama, engenalo igunya eliphelele loMoya. Yingakho ayenza intando kaNkulunkulu uYise ngokombono wesidalwa senyama. Yingakho athandaza kathathu eGetsemane: "Kungabi ngokuthanda Kwami, kodwa ngokuthanda Kwakho" Ngaphambi kokuba afe esiphambanweni, wayeseyiNkosi, kodwa iNkosi yamaJuda; wayenguKristu, iNdodana yomuntu, kodwa engenawo umzimba wenkazimulo. Yingakho ngokombono womuntu abiza uNkulunkulu ngoBaba. Kodwa, lokhu akusho ukuthi bonke ababiza uNkulunkulu ngoBaba bayiNdodana. Ukube bekunjalo, naningeke yini nonke nibe yiNdodana mhla uJesu enifundisa uMthandazo weNkosi? Uma namanje usakholelwa kule mfundiso, ngitshele, ngubani lo ombiza ngoBaba? Uma uthi uJesu, ungubani uYise noJesu kuwe? Ngemva kokuba uJesu esehambile le ndaba kaBaba neNdodana ayibange isaba khona. Leli cebo lasebenza iminyaka ngesikhathi uJesu eseyinyama; ngaphansi kwezimo zonke, ubudlelwane bomuntu oyisidalwa neNkosi yendalo uma ubiza uNkulunkulu ngoBaba. Asikho isikhathi sokuma kwale mfundiso kaZiqu Zintathu owakhiwa uYise, yiNdodana noMoya oNgcwele; yimfundiso yamanga le eyavela ngokuhamba kwesikhathi futhi iyinto engekho!
Lokhu kusenza sikhumbule amazwi kaNkulunkulu akuGenesise: "Masenze umuntu ngomfanekiso Wethu, afane Nathi." Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wathi "masenze" umuntu ngomfanekiso "wethu" kuba sengathi ukhuluma nothile; njengoba ethi "masenze" kusho ukuthi uNkulunkulu akayedwa. Ngenxa yalokho, abantu baye bacabanga ngokuthi bangabantu abehlukile, kwabe sekuvela imibono kaYise, yiNdodana noMoya oNgcwele. Pho unjani uYise? INdodana yona injani? UMoya oNgcwele wona unjani? Kungenzeka yini ukuthi abantu benziwa ngomfanekiso wokukodwa kwalokhu okuhlanganisiwe kwaba kuthathu? Uma kunjalo, ingabe isimo somuntu siyefana yini nesikaYise, iNdodana noma uMoya oNgcwele? Kulokhu kokuthathu, umuntu wenziwe ngamuphi umfanekiso? Lo mbono owasungulwa abantu, awulona iqiniso futhi uwunangqondo! Lo mbono wehlukanisa uNkulunkulu oyedwa abe ngoNkulunkulu abaningi. Ngesikhathi uMose abhala ngaso uGenesise, kwakungemva kokudalwa kwabantu kuhlanganise nezinye izinto ezadalwa. Ekuqaleni, ngesikhathi kudalwa umhlaba, uMose wayengekho. Kuthe kamuva, uMose ube esebhala iBhayibheli, ngakho wayengazi kanjani ukuthi nguNkulunkulu owakhuluma la mazwi ezulwini? Akukho ayekwazi mayelana nokudala kukaNkulunkulu umhlaba. EBhayibhelini, kuyiTestamente Elidala, ayiphathwa indaba kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele, kukhulunywa ngoNkulunkulu oyedwa kuphela weqiniso, uJehova, lapho aqhuba khona umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli. Ubizwa ngamagama ehlukahlukene ngokushintsha kwezinkathi, kodwa lokhu akusho ukuthi igama ngalinye libhekisele kumuntu owehlukile. Uma bekunjalo, bekungeke yini kwenze uNkulunkulu akhiwe yinqwaba yabantu? Okulotshwe kuyiTestamente Elidala kuyimisebenzi kaJehova, isiqalo semisebenzi kaNkulunkulu ngeNkathi Yomthetho. Kwakuyimisebenzi kaNkulunkulu leyo, lapho akhuluma khona, kwaba njalo, nalapho ashaya khona umthetho, wama. Akukho lapho ezibiza khona ngoYise ozosebenza, futhi akukho lapho eprofetha khona ngokuza kweNdodana yakhe ezosindisa isintu. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni kwathiwa, uNkulunkulu ube yinyama ukuze asindise sonke isintu, akuzange kufike iNdodana. Njengoba izinkathi zingafani kanjalo, nemisebenzi kaNkulunkulu Uqobo ayifani, wenza imisebenzi Yakhe ngezindlela ezehlukahlukene. Ngaleyo ndlela, ubuyena buyashintsha. Abantu bakholelwa ukuthi uJehova unguYise kaJesu, kodwa uJesu wakwenqaba lokhu, wathi: "Asizange sihlukaniswe ngokuthi Baba neNdodana; Mina noBaba osezulwini simunye. UBaba ukimi nami ngikuBaba; lapho abantu bebona iNdodana, babona uBaba osemazulwini." Siphetha ngokuthi, kungakhathaliseki ukuthi uBaba noma yiNdodana, banguMoya owodwa, ababona abantu abahlukene. Uma umuntu ezama ukuchaza, izinto zibanzima kakhulu ukucacisa indaba yabantu abathathu abahlukene, kanye nobuhlobo obuphakathi kukaYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Lapho abantu bekhuluma ngoNkulunkulu ohlukene akumenzi yini angabi ngokoqobo? Umuntu uze amehlukanise ngezigaba, umuntu wokuqala, owesibili nowesithathu; lena kumane nje kuyimibono yabantu, yimibono engenabo ubufakazi obuphathekayo, futhi engekho nhlobo. Uma umbuza lo muntu ukuthi; "Bangaki labo Nkulunkulu?" uyothi kunoNkukunkulu oZiqu zintathu onguYise, iNdodana noMoya oNgcwele: uNkulunkulu oyedwa weqiniso. Uma umbuza futhi ukuthi: "Ungubani uYise?" uyothi: "UYise, uMoya kaNkulunkulu osezulwini; uphethe konke, futhi uMnikazi wakho konke okusezulwini." "UJehova yena, ingabe unguMoya" bese ephendula ngokuthi: "Yebo!" Bese-ke umbuza ukuthi "Ingubani iNdodana?" Uyothi: "Hawu, iyiNdodana kaNkulunkulu. Bese uyambuza ukuthi "UJesu wavelaphi." Uyothi: "UJesu wazalwa uMariya ngoMoya oNgcwele." "Ingabe isimo Sakhe asiwona uMoya? Imisebenzi yakhe ayifakazeli yini ukusebenza koMoya oNgcwele? UJehova unguMoya, kanjalo nesimo sikaJesu. Ezinsukwini zokugcina, akukona yini ukuthi kusasebenza uMoya;[a] ngakho bangaba kanjani abantu abahlukene? Akuwona yini uMoya kaNkulunkulu oqhubeka usebenza ngezindlela ezahlukile?" Kanjalo awukho umahluko kulaba bantu. UJesu wazalwa ngoMoya, futhi ngokungangabazeki, imisebenzi Yakhe yayifana ncamashi nemisebenzi yoMoya oNgcwele. Esigabeni sokuqala somsebenzi kaJehova, akazange abe yinyama futhi akabonakalanga kubantu. Ngakho abantu abakubonanga ukubonakala Kwakhe. Kungakhathaliseki ukuthi wayemkhulu noma emude kangakanani, wayesewuMoya, uNkulunkulu Uqobo waqale wadala abantu, okuwukuthi uMoya kaNkulunkulu. Lapho ekhuluma nabantu esemafwini, wayenguMoya. Akekho owayemazi; kuze kwaba yiNkathi Yomusa lapho uMoya kaNkulunkulu uphenduka inyama eJudiya lapho abantu baqala khona ukumbona okokuqala uNkulunkulu esesimweni somuntu njengomJuda. Kodwa abantu babengawuqondi umuzwa wokuba kwakhe nguJehova. Kunjalo, wazalwa ngokoMoya oNgcwele, okungukuthi, wazalwa uMoya kaJehova Uqobo nokuthi uJesu wazalwa engumfanekiso woMoya kaNkulunkulu. Lokho abantu abaqale bakubona uMoya oNgcwele wehla njengejuba, wehlela phezu kukaJesu; kwakungewona uMoya owehlukile kuJesu, kepha kwakunguMoya oNgcwele. Ingabe-ke uMoya kaJesu noMoya oNgcwele bahlukene? Uma uJesu enguJesu, iNdodana, noMoya oNgcwele unguMoya oNgcwele, kodwa bangaba munye kanjani? Umsebenzi wawungeke uqhubeke uma kunjalo. UMoya okuJesu, uMoya esezulwini kanye noMoya kaJehova yinto eyodwa. Lo Moya ungabizwa ngokuthi uMoya oNgcwele, uMoya kaNkulunkulu, amandla ayisiphekupheku, uMoya oyingqayizivele. UMoya kaNkulunkulu ungafeza umsebenzi omningi. Ukwazi ukudala umhlaba, uphinde awubhubhise ngozamcolo; ukwazi ukuhlenga sonke isintu, unganqoba futhi ubhubhise sonke isintu. Wonke lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu Uqobo futhi akekho obengakwazi ukuwenza esikhundleni sikaNkulunkulu ngaphandle Kwakhe. UMoya Wakhe ungabizwa ngegama likaJehova nelikaJesu kuhlanganise nelikaMninimandla Onke. UyiNkosi noKristu. Ungaba nayiNdodana yomuntu. Usemazulwini nasemhlabeni; usezindaweni eziphezulu kakhulu emkhathini nasezixukwini. Uwukuphela kweNkosi yamazulu nomhlaba! Kusukela ngenkathi yokudala kuze kube manje, lo msebenzi ubulokhu wenziwa uMoya kaNkulunkulu Uqobo. Emisebenzini yasezulwini noma enyameni, yonke le misebenzi[b] yenziwa yilo Moya Wakhe. Zonke izidalwa, kungakhathaliseki ukuthi zisezulwini noma emhlabeni zisentendeni yesandla sikaMninimandla Onke; konke lokhu kuwumsebenzi kaNkulunkulu Uqobo futhi akekho ongakwazi ukuwenza esikhundleni Sakhe. Emazulwini, unguMoya abuye abe nguNkulunkulu Uqobo; phakathi kwabantu, uyinyama kodwa aqhubeka enguNkulunkulu Uqobo. Nakuba ebizwa ngamagama amaningi, usenguye Uqobo futhi yonke imisebenzi Yakhe ibonakalisa amandla oMoya Wakhe. Ukusindiswa kwabantu ngokubethelwa esiphambanweni kwakuwukusebenza koMoya Wakhe, kanye nokushumayela ezizweni zonke nasemhlabeni wonke ngezinsuku zokugcina. Ngaso sonke, isikhathi uNkulunkulu angabizwa ngokuthi uMninimandla Onke, uNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu okuwuphela Kwakhe. Ngakho ayikho imfundiso yabantu abahlukene, ingasaphathwa-ke le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele! KunoNkulunkulu oyedwa ezulwini nasemhlabeni!
Uhlelo kukaNkulunkulu lokuqondisa ludonsa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha futhi luhlukaniswe lwaba yizinkathi ezintathu zokuhluka ngokomsebenzi Wakhe: Inkathi yokuqala ibizwa ngokuthi yiNkathi Yomthetho YeTestamente Elidala; eyesibili yiNkathi Yomusa; kanti eyesithathu eyokugcina iphakathi nezinsuku zokugcina—yiNkathi Yombuso. Enkathini ngayinye kunesiqu esihlukile esivezwayo. Lokhu kwenzeka ngenxa yokwehluka komsebenzi, okusho izimfuno zomsebenzi. Isigaba sokuqala somsebenzi ngeNkathi Yomthetho senzeka kwa-Israyeli, isigaba sesibili senziwa lapho kuphothulwa inqubo yokusindisa kwaJuda. Le nqubo yenzeka ngokuthi uJesu azalwe ngoMoya oNgcwele njengeNdodana. Konke lokhu kwenzeka ngenxa yemfuneko yomsebenzi. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ufisa ukuwandisa umsebenzi Wakhe uze ufinyelele kwabeZizwe futhi kuzuzwe bonke abantu khona, ukuze igama Lakhe libe likhulu phakathi kwabo bonke. Ufisa ukuqondisa umuntu ekuqondeni lonke iqiniso nendlela yokuphila. Wonke lo msebenzi wenziwa nguMoya owodwa. Nakuba ekwenza lokhu ngezindlela azingefani, imigomo yomsebenzi yona ayishintshi. Lapho uhlolisisa imigomo nohlobo lomsebenzi abawenzile, uzokwazi ukuthi konke kwenziwe uMoya owodwa. Kodwa abanye basangase bathi: “UYise unguYise; iNdodana iyiNdodana; uMoya oNgcwele unguMoya oNgcwele, ekugcineni, bazokwenziwa babe munye.” Kodwa ungabenza kanjani babe munye? UYise noMoya oNgcwele kungenziwa kanjani kube munye? Uma kokubili kuye kwahlanganiswa, kungakhathaliseki ukuthi kuhlanganiswe kanjani, ngeke yini kuqhubeke kuyizingxenye ezimbili? Uma uthi benziwa babe Munye, akukhona yini lokho ukuhlanganisa izinto ezimbili? Kodwa bebengeve yini bebabili ngaphambi nokuhlanganiswa, isimo soMoya ngamunye wehlukile, futhi imiMoya emibili ngeke ihlanganiswe. UMoya awufani nento ephathekayo futhi awufani nalutho olukhona emhlabeni. Abantu bathi, uYise unguMoya, iNdodana nayo ingumoya kanye nawo uMoya bathi ungomunye uMoya, bese bethi lemiMoya iyahlanganiswa engilazini yamanzi kube uMoya owodwa, akukona yini ukuthi lapha kuhlanganiswe izinto ezintathu? Lena yincazelo engamanga ngokusobala! Lo Nkulunkulu akahlukaniswa phakathi? UYise, yiNdodana noMoya kungahlanganiswa kanjani kube kunye? Akuzona yini izingxenye ezintathu zezimo ezehlukene? Kusekhona nalabo abathi, “UNkulunkulu akashongo yini ngokusobala ukuthi uJesu uyiNdodana Yakhe ethandekayo?” UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ajabula kakhulu ngayo—lokhu kwakhulunywa nguNkulunkulu Uqobo. Empeleni uNkulunkulu wayekhuluma Ngaye, ngendlela eyehlukile, kufana ngokuthi uMoya osezulwini unikeza ubufakazi bukaNkulunkulu esesimweni somuntu Ngokwakhe. UJesu enguNkulunkulu osesimweni somuntu Ngokwakhe, hhayi iNdodana Yakhe esezulwini. Uyakuqonda lokho? La mazwi kaJesu athi: "NgikuBaba, noBaba ukimina," awasho yini ukuthi banguMoya owodwa? Akukona yini ukuthi ngokwesimo somuntu sikaNkulunkulu wazihlukanisela ezulwini nasemhlabeni? Eqinisweni, bamunye; kungakhathaliseki ukuthi isimo sinjani, kumanje nje kunguNkulunkulu ofakaza ngaye Ngokwakhe. Uyaziguqula ngokushintsha kwenkathi ngayinye, ngokuya kwemfuneko yomsebenzi ngokwezigaba ezehlukahlukene ngokwentando Yakhe, njengoba namagama abantu abambiza ngawo nawo eshintsha. Lapho eqala isigaba sokuqala somsebenzi Wakhe, wayebizwa ngokuthi uJehova, uMalusi wama-Israyeli. Esigabeni sesibili, yawebizwa ngokuthi iNkosi noKristu. Kodwa ngaleso sikhathi, uMoya osezulwini wathi uyiNdodana ethandekayo kaNkulunkulu, awushongo ukuthi uwukuphela kweNdodana kaNkulunkulu. Lokhu akwenzekanga. UNkulunkulu angaba kanjani nomntwana oyedwa? Ingabe uNkulunkulu waphenduka waba umuntu? Ngenxa yokuthi wayekwesinye isimo, wayebizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ngenxa yalokhu, kube sekuvela ubuhlobo phakathi kukaYise neNdodana. Lokhu kwakubangelwa ukwehlukana kwezulu nomhlaba. UJesu wathandaza esesimweni senyama. Njengoba ayembethe inyama yobuntu obujwayeleke kangaka, wakhuluma la mazwi esesimweni somuntu: “Umzimba wami ufana nodaliwe. Njengoba ngembatha wona ukuze ngize emhlabeni, manje ngikude kakhulu nezulu.” Ngenxa yaleso sizathu, wayengathandaza kuNkulunkulu uYise esesimweni sokuba wumuntu. Lona kwakungumsebenzi Wakhe, ukuze kufezeke injongo kaNkulunkulu. Ngeke sithi akayena uNkulunkulu ngenxa yokuthi wathandaza kuYise esesimweni somuntu. Nakuba ebizwa ngeNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, usenguye uNkulunkulu, usesimweni sokuba wuMoya futhi uyingxenye yawo. Abantu bazibuza ukuthi kungani ethandaza uma enguNkulunkulu. Kungenxa yokuthi usesemweni senyama, uNkulunkulu uphila enyameni, akuwona umoya osezulwini. Abantu bathi uYise, iNdodana noMoya oNgcwele kwakha uNkulunkulu oyedwa. Bobathathu benziwa bayahlanganiswa babe munye babizwe ngoNkulunkulu, ngenxa yalokho, ingabe usenawo amandla amakhulu. Kunalabo futhi abathi kungenxa yaleso sizathu enguMoya onamandla. Lapho iNdodana ithandaza ngokuza kwayo, empeleni yayikhuluma isesimweni somuntu wenyama. Ngoba inyama ayiphelele, yayingaphelele futhi inobuthaka lapho ingena enyameni, futhi yayihlupheka njengoba yayiqhubeka nomsebenzi Wayo enyameni. Yingakho yathandaza kuNkulunkulu uYise ngaphambi kokubethelwa Kwayo, futhi yathandaza izikhathi eziningi ngaphambi kwalokho. Yathandaza inabafundi Bayo; yathandaza iyodwa entabeni; yathandaza isesikebheni sokudoba; yathandaza phakathi kwezixuku; yathandaza lapho ihlephula isinkwa; futhi yathandaza lapho ibusisa abantu. Kungani yenza kanjalo? Ngenxa yokuthi yayithandaza kuMoya, kuNkulunkulu ezulwini, isesimweni senyama. Ngakho ngokombono wabantu, uJesu waba yiNdodana kuleso sigaba somsebenzi, nokho, phakathi nalesi sigaba akathandazi, kungani? Kungenxa yokuthi into ayibeka kuqala umsebenzi wezwi, nesahlulelo kanye nokusola kwalo. Asikho isidingo sokuba athandaze, ngoba inkonzo Yakhe ukukhuluma. Akabethelwa esiphambanweni, futhi labo abasemagunyeni abambambi. Uyaqhubeka nomsebenzi wakhe. Lapho ethandaza, wayethandaza kuNkulunkulu uYise ngokuza kombuso wamazulu, ukwenziwa kwentando kaYise kanye nokuza komsebenzi. Kuleli zinga, umbuso wawusufikile kakade, ingabe-ke wayesenaso isidingo sokuthandaza? Umsebenzi wakhe, ukuqeda inkathi, futhi azisekho ezinye izinkathi ezintsha, ingabe-ke sikhona isidingo sokuthandazela isigaba esilandelayo? Empeleni, asikho isidingo salokho!
Kuningi ukuphikisana ezincazelweni zabantu. Empeleni, lena kumane kuyimibono yabantu; engahlolisisiwe, ningase nicabange ukuthi iyiqiniso. Anazi yini ukuthi le mfundiso kaZiqu Zintathu iwumbono wabantu? Ulwazi lomuntu aluphelele. Umbono wakhe uhlale unganembile, futhi umuntu unemibono eminingi; lokhu kufakazela ukuthi usidalwa esingumuntu ngeke sikwazi ukuchaza imisebenzi kaNkulunkulu. Kuningi okusezingqondweni zabantu, kodwa okuphikisana neqiniso. Ingabe indlela yakho yokucabanga iyakubonisa imisebenzi kaNkulunkulu? Uyayiqonda yini yonke imisebenzi kaJehova? Ingabe nguwe yini njengomuntu okwazi ukukubona konke, noma ingabe nguNkulunkulu okwazi ukubona konke, kusukela phakade kuze kube phakade? Ingabe nguwe okwazi ukubona ezikhathini zakudala kuze kube sesikhathini esizayo, noma ingabe nguNkulunkulu okwazi ukwenza kanjalo? Ngakho-ke uthini? Ungamchaza kanjani uNkulunkulu? Futhi isekelwephi leyo ncazelo yakho Ngaye? Ingabe wena unguNkulunkulu? Amazulu nomhlaba nakho konke okukuwo kwadalwa uNkulunkulu. Akuwena owenza lezi zinto, pho kungani unikeza izincazelo ezingelona iqiniso? Ingabe namanje usakholelwa kuZiqu Zintathu? Awucabangi ukuthi le nkolelo iyinkinga? Kungaba kuhle ukuba manje ukholelwe kuNkulunkulu oyedwa, hhayi kwabathathu. Kuhle ukuba ngukukhanya, ngoba umthwalo weNkosi ulula.
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wokuqala awunalo igama elithi “emsebenzini.”
b. Umbhalo wokuqala awunalo igama elithi “emsebenzini.”
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
3. IBhayibheli laqokelelwa ngumuntu, hhayi uNkulunkulu; iBhayibheli alikwazi ukumela uNkulunkulu
Izikhombo Zamavesi Ebhayibheli:
“Hlolani imibhalo; ngoba nicabanga ukuthi kuyo niyoba nokuphila okungunaphakade: yiyo engifakazelayo. Futhi ngeke nize kimi, ukuze nibe nokuphila” (Johane 5:39-40).
“Mina ngiyindlela, iqiniso nokuphila: akekho oza kuBaba, ngaphandle kwami” (Johane 14:6 ).
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
IBhayibheli umbhalo womlando womsebenzi kaNkulunkulu kwa-Israyeli, futhi lilandisa ngokuningi ukubikezela kwabaphrofethi basemandulo kanye namanye amazwi kaJehova emsebenzini Wakhe ngaleso sikhathi. Ngakho, bonke abantu bayithatha le ncwadi njengencwadi engcwele (ngoba uNkulunkulu ungcwele futhi mkhulu). Phela, lokhu kungenxa yokuhlonipha kwabo uJehova okukhulu kanye nokumthanda kakhulu uNkulunkulu. Abantu bayibiza ngale ndlela le ncwadi kuphela ngenxa yokuthi abadaliweyo bakaNkulunkulu bamthanda kakhulu uMdali wabo, futhi kukhona ngisho labo le ncwadi abayibiza njengencwadi yasezulwini. Empeleni, imane iwumbhalo wabantu. Ayizange iqanjwe igama nguJehova mathupha, futhi uJehova akazange aqondise ukwenziwa kwayo mathupha. Ngamanye amazwi, umbhali wale ncwadi akuyena uNkulunkulu, kodwa abantu. IBhayibheli Elingcwele yigama elinokuhlonipha elinikwe yona ngabantu. Leli gama alizange liqokwe nguJehova noJesu emva kokuthi bekade benengxoxo ndawonye; ayiyilutho ngaphezu kokuba umbono womuntu. Ngoba le ncwadi ayibhalwanga nguJehova, kungasaphathwa uJesu. Kunalokho iyizindaba zabaprofethi, abaphostoli kanye nababoni abaningi basendulo, ezabuthelwa ndawonye yizizukulwane zakamuva ukwenza incwadi yemibhalo yasendulo, kubantu ebonakala sengathi ingcwele kakhulu, incwadi abakholelwa ukuthi inezimfihlakalo ezingeqondwe futhi ezijulile ezilinde ukudalulwa izizukulwane ezizayo. Ngale ndlela, abantu bathanda ngisho ukukholwa ukuthi le ncwadi incwadi yasezulwini. Uma kwengezwa amaVangeli Amane kanye neNcwadi yeSambulo, isimo sengqondo sabantu ngayo sihluke nakakhulu kunanoma iyiphi enye incwadi, ngakho akekho olokothayo ukuhlaziya le ncwadi yasezulwini—ngoba ingcwele kakhulu.
kwesithi “Mayelana neBhayibheli (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Phambilini, abantu bakwa-Israyeli babefunda iTestamente Elidala kuphela. Okungukuthi, ngeNkathi Yomusa abantu babefunda iTestamente Elidala. ITestamente Elisha lavela kuphela ngeNkathi Yomusa. ITestamente Elisha labe lingekho ngesikhathi uJesu esebenza; abantu emuva kokuvuka nokunyukela Kwakhe ezulwini babhala phansi umsebenzi Wakhe. Yilapho kuphela kwaba khona amaVangeli Amane, ukwengeza kulokho, kwakukhona izincwadi zikaPawulu noPetru, kanye neNcwadi yeSambulo. Emuva kweminyaka engaphezu kwama-300 uJesu enyukela ezulwini, yilapho kuphela izizukulwane ezalandela zaqoqa ndawonye imibhalo, kwaba khona iTestamente Elisha. Kuphela emuva kokuthi lo msebenzi wabe sewuqediwe, kwaba khona iTestamente Elisha; lalingazange libe khona phambilini. UNkulunkulu wayekade enze wonke loya msebenzi, umphostoli uPawulu wayekade enze wonke loya msebenzi futhi emva kwalokho izincwadi zikaPawulu noPetru zihlangene, kanye nombono omkhulu kakhulu owabhalwa nguJohane esiqhingini sasePhatimose wabekwa ekugcineni, ngoba wawuphrofetha umsebenzi wezinsuku zokugcina. Lokhu konke kwabe kungukuhlela kwezizukulwane ezeza kamuva….Lokho abakubhala, kungathiwa, kwakuhambisana nezinga le mfundo nezinga lomuntu lokukhalipha. Ababekubhala kwabe kuyilokho abantu ababedlule kukho, futhi ngamunye babenezindlela zabo zokubhala nokwazi, futhi umbhalo ngamunye wabe uhlukile. Ngakho, uma ukhonza iBhayibheli njengoNkulunkulu uwunalwazi futhi uyisiphukuphuku ngokwedlulele!
kwesithi “Mayelana neBhayibheli (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Kanti phela, ubani omkhulu: uNkulunkulu noma iBhayibheli? Kungani umsebenzi kaNkulunkulu kufanele uhambisane neBhayibheli? Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu akanalo ilungelo lokudlula iBhayibheli? Angeke yini uNkulunkulu akwazi ukushiya eBhayibhelini futhi enze omunye umsebenzi? Kungani uJesu nabafundi Bakhe babengaligcini iSabatha? Uma wayengaligcina iSabatha futhi enze ngokuhambisana nemiyalelo yeTestamente Elidala, kungani uJesu wayengaligcini iSabatha emva kokufika, kodwa kunalokho, wageza izinyawo, wamboza ikhanda, wahlephula isinkwa, futhi waphuza iwayini? Akuve konke lokhu kungekho emiyalelweni yeTestamente Elidala? Uma uJesu wayelihlonipha kakhulu iTestamente Elidala, kungani wazishaya indiva lezi zimfundiso?Kufanele wazi ukuthi yikuphi okweza kuqala, uNkulunkulu noma iBhayibheli! Njengoba eyiNkosi yeSabatha, ubengeke futhi abe yiNkosi yeBhayibheli?
kwesithi “Mayelana neBhayibheli (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukuqonda nokukwazi ukuchaza iBhayibheli kufana nokuthola indlela yeqiniso—kodwa empeleni, Ingabe izinto zicace kanjalo ngempela? Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umuntu oke walifunda iBhayibheli uyazi ukuthi likhuluma ngezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi seNkathi Yomthetho kanye neNkathi Yomusa. ITestamente Elidala lilanda umlando ka-Israyeli kanye nomsebenzi kaJehova kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube sekugcineni kweNkathi Yomthetho. ITestamente Elisha likhuluma ngomsebenzi kaJesu emhlabeni, osemaVangelini Amane, kanye nomsebenzi kaPawulu; akuyona yini imibhalo yomlando? Ukuletha izinto zakudala namuhla kuzenza umlando, futhi akukhathaleki ukuthi ziyiqiniso noma zingokoqobo kangakanani, zisewumlando—futhi umlando awukwazi ukubhekana nesikhathi samanje. Ngoba uNkulunkulu akabheki emuva emlandweni! Ngakho, uma uqonda iBhayibheli kuphela, futhi ungaqondi lutho ngomsebenzi uNkulunkulu aqonde ukuwenza namuhla, futhi uma ukholwa kuNkulunkulu kodwa ungawushisekeli umsebenzi woMoya oNgcwele, ngakho awuqondi ukuthi kusho ukuthini ukufuna uNkulunkulu. Uma ufunda iBhayibheli ukuze ufundisise umlando wakwa-Israyeli, ukucwaninga umlando wokudala kukaNkulunkulu amazulu nomhlaba, awukholwa kuNkulunkulu. Kodwa, namuhla, njengoba ukholwa kuNkulunkulu, futhi ushisekela ufuna ukuphila, njengoba ushisekela ulwazi lukaNkulunkulu, futhi ungazishisekeli izincwadi nezimfundiso ezifile, noma ukuqonda umlando, kufanele ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje, futhi kufanele ufune ukuqondisa komsebenzi woMoya oNgcwele. Uma ubungumphenyi wezinto zasendulo ubungalifunda iBhayibheli—kodwa awuyena, ungomunye walabo abakholwa kuNkulunkulu, futhi kungcono ukumane ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje.
kwesithi “Mayelana neBhayibheli (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
UNkulunkulu Uqobo ungukuphila, neqiniso, futhi ukuphila Kwakhe neqiniso kuyahambisana. Labo abehluleka ukuthola iqiniso abasoze bakuthola ukuphila. Ngaphandle kokuqondiswa, ukusekelwa, kanye nokuhlinzeka ngeqiniso, uyothola izincwadi nje, nezimfundiso, kanti, ngaphezu kwakho konke, ukufa. Ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kukhona, futhi iqiniso Lakhe nokuphila kuyahambisana. Uma wehluleka ukuthola umthombo weqiniso, kusho ukuthi awusoze wathola ukudla kokuphila; uma wehluleka ukuthola isihlinzeko sempilo nakanjani awuzukuba neqiniso, futhi kuqhelelene kakhulu nemicabango nokuqonda, umzimba wakho uwonke awuzukuba yilutho ngaphandle kwenyama, inyama yakho enuka phu. Yazi ukuthi amagama asezincwadini awabalwa njengokuphila, izincwadi zomlando ngeke zithathwe ngokuthi ziyiqiniso, futhi izimfundiso zakudala zingesebenze njengamazwi akhulunywa uNkulunkulu namuhla. Ngokuvezwa uNkulunkulu kuphela uma eseza emhlabeni futhi ephila phakathi komuntu okuyiqiniso, ukuphila, intando kaNkulunkulu, kanye nendlela Yakhe yamanje yokusebenza. Uma ungasebenzisa amarekhodi amazwi akhulunywe uNkulunkulu ezikhathini ezedlule namuhla, kusho ukuthi uwusomlando ovundulula okucashile, futhi indlela ephuma phambili yokukuchaza ukuthi ungungoti wamagugu omlando. Lokho kudalwa ukuthi uhlala ukholelwa emlandweni womsebenzi kaNkulunkulu awenza ngezikhathi esezadlula, ukholelwa esithunzini uNkulunkulu asishiya ngenkathi esebenza kubantu ngaphambilini, futhi ukholelwa endleleni uNkulunkulu ayinika abalandeli Bakhe ngezikhathi zangaphambilini. Awukholelwa endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla, awukholelwa kulokho okumangalisayo okwenziwa uNkulunkulu namuhla, futhi awukholelwa endleleni yeqiniso elivezwa uNkulunkulu namuhla. Ngakho uyaziphuphela nje futhi uqhelelene nokuqhubekayo okuyinto engephikiswe. Uma manje usabambelele emazwini angenike umuntu ukuphila, ungumuntu oqinelwa yikhanda,[a] ngoba uzigodlile, unenkani yeselesele, uqinelwa ikhanda kakhulu awufuni nokucabanga!
kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Labo abanaka kuphela amazwi eBhayibheli abangenamsebenzi neqiniso noma ukufuna ezinyathelweni Zami—baphikisana Nami, ngoba bangibekela umngcele ngokweBhayibheli, bangicindezele eBhayibhelini, kanjalo bayahlambalaza kakhulu Kimi. Bangeza kanjani abantu abanjalo Kimi? Abaziqapheli izenzo Zami, noma intando Yami, noma iqiniso, kodwa kunalokho ba bathathekile ngamazwi, amazwi abulalayo. Bangafanelana kanjani Nami abantu abanjalo?
kwesithi “Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Nsuku zonke bafuna imikhondo Yami eBhayibhelini bathole izingxenye “ezifanele” benganakile abazifunda bangaqedi bese bezisho “njengemibhalo”. Abakwazi ukuthi bafanelane Nami, abazi ukuthi kusho ukuthini ukungazwani Nami, baphinde bafunde “imibhalo” ngokunganaki. Bazicindezela ngeBhayibheli kuNkulunkulu ongabonakali abangakaze bambone, futhi abangeke bakwazi ukumbona, bazinikeze isikhathi sokubheka esikhathini sabo esiseceleni. Bayakholwa ukuthi ngikhona ngokweBhayibheli kuphela. Kubona, ngiyafana neBhayibheli; ngaphandle kweBhayibheli angikho Mina, futhi ngaphandle Kwami alikho iBhayibheli. Abanendaba nobukhona noma izenzo Zami, kunalokhu banake kakhulu igama negama lombhalo ongcwele, futhi abaningi babo bakholelwa ukuthi kufanele ngingenzi lutho engifisa ukukwenza ngaphandle kokuthi kwabikezelwa umbhalo ongcwele. Benza umbhalo ongcwele ubaluleke kakhulu. Kungathiwa nje ukuthi babona amazwi nezinkulumo zibaluleke kakhulu, ukufika ekutheni basebenzisa amavesi aseBhayibhelini ukulinganisa igama negama engilishoyo, nokungehlulela. Lokho abakufunayo akuyona indlela yokufanelana Nami, noma indlela yokufanelana neqiniso, kodwa indlela yokufanelana namazwi eBhayibheli, futhi bakholelwa wukuthi noma yini engahambelani neBhayibheli, ngaphandle kokukhetha, akusiwo umsebenzi Wami. Ingabe abantu abanjalo abazona izizukulwane ezilalelayo zabaFarisi? AbaFarisi abangamaJuda babesebenzisa umthetho kaMose ukwehlulela uJesu. Abazange bafune ukufanelana noJesu wangaleso sikhathi, kodwa ngokukhuthala balandela umthetho kwaze kwaba yilapho kufinyelela ekutheni babethele uJesu ongenacala esiphambanweni, bembeke icala bengalandelanga umthetho weTestamente Elidala nokuthi akayena uMesiya. Kwakuyini umnyombo wabo? Kwakungekhona yini ukuthi abazange bafune izindlela zokufanelana neqiniso? Babenentshisekelo ngawo wonke amazwi ombhalo ongcwele, bebe bengenandaba nentando Yami nezinyathelo nezindlela zomsebenzi Wami. Babengebona abantu abafuna iqiniso, kodwa abantu abalandela ngokomthetho amazwi ombhalo ongcwele; bebengebona abantu abakholelwa kuNkulunkulu, kodwa abantu abakholelwa eBhayibhelini. Empeleni, bebengonogada beBhayibheli. Ukuze bavikele okungokweBhayibheli, baqhakambise isithunzi seBhayibheli, bavikele isithunzi salo, baze bafika ekubetheleni uJesu onomusa esiphambanweni. Lokhu bakwenze nje ngoba befuna ukuvikela iBhayibheli, nokugcina ukuma kwegama ngalinye eliseBhayibhelini nawo wonke amazwi aseBhayibhelini esezinhliziyweni zabantu. Ngakho-ke bakhethe ukushiya ikusasa labo nomnikelo wesono ukwahlulela uJesu, ongazange ahambelane nezimfundiso zombhalo oyingcwele, ukuya ekufeni. Ingabe babengezona izinceku egameni ngalinye loMbhalo ongcwele?
Bese kwenzekani ngabantu namuhla? UKristu uzele ukuzokhulula iqiniso, kodwa babona kungcono ukumxosha ebantwini ukuze bathole umusa. Bangamane baphike ngokuphelele ukuza kweqiniso ukuze bavikele okweBhayibheli, nokuthi bangamane babethele uKristu obuyele enyameni esiphambanweni ukuze baqinisekise ukuba khona kweBhayibheli ingunaphakade. … Umuntu ufuna ukufanelana ngamazwi, ngeBhayibheli kodwa akekho noyedwa umuntu oza phambi Kwami afune indlela yokufanelana neqiniso. Umuntu ubheka Kimi ezulwini, anikele ukukhathazeka okuthile ebukhoneni Bami ezulwini, kodwa akekho onginakayo enyameni, ngoba Mina engihlala phakathi kwabantu angibalulekanga nhlobo. Labo abafuna kuphela ukufanelana namazwi eBhayibheli, abafuna ukufanelana noNkulunkulu ongabonakali, bayisinengiso Kimi. Kungenxa yokuthi lokho abakukhonzayo kungamazwi afile, noNkulunkulu okwazi ukubanikeza ingcebo engelinganiswe. Abamukhonzayo uNkulunkulu ozibeka emseni womuntu futhi ongekho. Manje, abantu abanjalo bangazuzani Kimi? Umuntu uhlwempu kakhulu ngamazwi. Labo abaphikisana Nami, abenza izimfuno ezingapheli Kimi, abangalithandi iqiniso, abahlubukayo Kimi – bangafanelana kanjani Nami?
kwesithi “Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Okokugcina, kufanele ngikhumbuze wonke umuntu: Ningabekeli uNkulunkulu umkhawulo ngezincwadi, ngamazwi, noma ngamazwi Akhe awaphimisa kudala. Linye kuphela igama elichaza umsebenzi kaNkulunkulu—musha. Akathandi ukuthatha izindlela zakudala noma ukuphinda umsebenzi Wakhe, futhi ngaphezu kwalokho akafuni abantu bamdumise ngokumbekela umkhawulo ngemisebenzi ethile. Ilokhu uNkulunkulu ayikho.
kwesithi Ekupheleni sethi Izwi Livela Lisenyameni
Incazelo kaNkulunkulu ngesiqu, ukwakhiwa, nezimpazamo zeBhayibheli nakanjani akukuphiki ukuba khona kwako, futhi akulilahli iBhayibheli. Kunalokho, kwenzelwe ukuletha incazelo enomqondo nefanele, ukubuyisa isithombe sokuqala seBhayibheli, nokulungisa ukungaqondi kahle abantu abanakho ngeBhayibheli ukuze bonke abantu babe nombono ofanele ngalo, bengabe besalikhonza, bengabe besalahleka—ngendlela eyihaba, benza ukholo lwabo olungaboni eBhayibhelini lube ukukholelwa nokukhonza uNkulunkulu, futhi abalokothi babhekane nemvelaphi yalo eyiqiniso nobuthaka balo. Kungemuva kokuba bonke benokuqonda okuhlanzekile ngeBhayibheli bezokwazi ukunganqikazi kulo futhi bamukele amazwi amasha kaNkulunkulu ngesibindi. Lena inhloso kaNkulunkulu kulezi zahluko eziningana. Iqiniso uNkulunkulu afuna ukulitshela abantu lapha ukuthi akunamfundiso noma iqiniso okungangena esikhundleni emsebenzini kaNkulunkulu wamanje noma emazwini Akhe, futhi akunalutho olungangena esikhundleni sikaNkulunkulu. Uma abantu bengakwazi ukususa inetha yeBhayibheli, abanakukwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu. Uma befuna ukuza phambi kukaNkulunkulu, kumele baqala bahlanze izinhliziyo zabo nganoma yini engangena esikhundleni Sakhe—ngale ndlela uNkulunkulu uyokwaneliswa.
ivela embhalweni othi Isethulo Sengxenye Yesibili sethi Izwi Livela Lisenyameni
Imibhalo yaphansi:
a. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “akanakusizakala.”
Funda kabanzi: iziprofetho zeBhayibheli
0 notes
Text
2. Kungani UNkulunkulu Ebizwa Ngamagama Ehlukene Ezinkathini Ezehlukene?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani? Anganamathela kanjani kokudala? Igama likaJesu lathathwa ngenxa yomsebenzi wokuhlenga, ngakho ingabe uzobizwa ngegama elifanayo lapho ebuya ezinsukwini zokugcina? Ingabe ubeyobe esenza umsebenzi wokukhulula? Kungani uJehova noJesu bengumuntu oyedwa, kodwa babizwe ngamagama angafani ngezinkathi ezingafani? Ingabe akukhona ngenxa yokuthi izinkathi zemisebenzi yabo zehlukene? Ingabe uNkulunkulu uqobo Lwakhe lonke angabizwa ngegama elilodwa? Uma kunjalo uNkulunkulu kumele abizwe ngegama elehlukile ngenkathi eyehlukile, futhi asebenzise igama ukuze aguqule inkathi futhi ayimele, ngoba alikho elinye igama elingamela uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi igama ngalinye likwazi kuphela ukumela ingxenye yesikhathi sesimo sikaNkulunkulu enkathini ethile; konke elidinga ukukwenza ukumela umsebenzi Wakhe. Ngakho, uNkulunkulu angakhetha noma yiliphi igama elimela isimo Sakhe ukuze amele yonke inkathi.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
“UJehova” yigama engalisebenzisa ngenkathi ngisebenza kwa-Israyeli, futhi lisho uNkulunkulu wama-Israyeli (Abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu) ongazwela umuntu, amqalekise umuntu futhi aqondise ukuphila komuntu. Lisho uNkulunkulu onamandla amakhulu futhi ogcwele ukuhlakanipha. … Okusho ukuthi, uJehova kuphela onguNkulunkulu wabantu baka-Israyeli abakhethiweyo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, uNkulunkulu kaJakobe, uNkulunkulu kaMose noNkulunkulu wabo bonke abakwa-Israyeli. Ngakho nakule nkathi, bonke abakwa-Israyeli ngaphandle kwesizwe samaJuda bakhonza uJehova. Bamenzela iminikelo e-altare futhi bamkhonze begqoke izingubo zabapristi ethempelini. Abanethemba lakho ukubonakala kukaJehova futhi. … Igama elithi Jehova, liyigama elithile labantu bakwa-Israyeli ababephila ngaphansi komthetho. ENkathini ngayinye nesigaba ngasinye somsebenzi, igama lami linesisekelo kodwa futhi limelela okuthile okubalulekile: Igama ngalinye limele inkathi eyodwa. “UJehova” umele iNkathi Yomthetho futhi liyisihloniphiso sikaNkulunkulu owayekhonzwa ngabantu bakwa-Israyeli.
kwesithi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
NgeNkathi Yomthetho, umsebenzi wokuqondisa isintu wawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova futhi isigaba sokuqala somsebenzi saqalwa emhlabeni. Kulesi sigaba umsebenzi wawuqukethe ukwakha ithempeli ne-altare, kanye nokusebenzisa umthetho ukuqondisa isizwe sakwa-Israyeli nokusebenza phakathi kwaso. Ngokuqondisa isizwe sakwa-Israyeli, UNkulunkulu wasungula indawo yomsebenzi Wakhe lapha emhlabeni. Kusuka kule ndawo, wasabalalisa umsebenzi Wakhe, wawuyisa ngaphandle ngaleya kwakwa-Israyeli, okusho ukuthi, ukusuka kwa-Israyeli, wawandisela ngaphandle, ukuze izizukulwane zakamuva ziye ngokuya zazi ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, nokuthi nguJehova owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, nokuthi nguJehova owenza zonke izidalwa. Wasabalalisa umsebenzi Wakhe ngabantu bakwa-Israyeli wawusabalalisela kude nabo. Izwe lakwa-Israyeli laliyindawo engcwele yokuqala yomsebenzi kaJehova emhlabeni, futhi kwakusezweni lakwa-Israyeli lapho uNkulunkulu aqala khona ukusebenza emhlabeni. Lowo kwakuwumsebenzi weNkathi Yomthetho.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Inkathi Yomusa yaqala ngegama likaJesu. Lapho uJesu eqala ukwenza inkonzo Yakhe, uMoya oNgcwele waqala ukufakazela igama likaJesu, futhi igama likaJehova kwakungasakhulunywa ngalo, kunalokho uMoya oNgcwele waqala umsebenzi omusha, kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu. Ubufakazi balabo ababekholwa Kuye babungokukaJesu Kristu, nomsebenzi ababewenza babewenzela uJesu Kristu. Isiphetho seNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala sasho ukuthi umsebenzi kakhulu owawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova usufinyelele esiphethweni. Kusuka lapho, igama likaNkulunkulu kwakungaseyena uJehova; kunalokho wayesebizwa ngoJesu futhi kusukela lapho kuqhubeke uMoya oNgcwele waqala umsebenzi kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
“UJesu” ungu-Emanuweli, okusho umnikelo wesono ogcwele uthando, ogcwele ububele futhi okhulula isintu. Wenza umsebenzi Wenkathi Yomusa, futhi wamelela ingxenye eyodwa yohlelo lokuqondisa. … NguJesu kuphela ongoMhlengi wesintu. Ungumnikelo wesono owahlenga isintu esonweni. Okusho ukuthi, igama likaJesu livela eNkathini Yomusa, futhi belilokhu likhona ngenxa yomsebenzi wokukhulula weNkathi Yomusa. Igama likaJesu libe khona ukuze abantu bangeNkathi Yomusa bazalwe kabusha futhi basindiswe, futhi liyigama elithile lokuhlenga sonke isintu. Ngakho igama likaJesu limelela umsebenzi wokuhlenga, futhi lisho iNkathi Yomusa. … “UJesu” umelela iNkathi Yomusa futhi uyigama likaNkulunkulu wabo bonke abahlengwa phakathi neNkathi Yomusa.
kwesithi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu, okusho ukuthi uNkulunkulu wayenguNkulunkulu owasindisa umuntu, nokuthi ngalokho wayenguNkulunkulu onobubele futhi onothando. UNkulunkulu wayenomuntu. Uthando Lwakhe, ububele Bakhe, nensindiso Yakhe konke kwakuhambisana nawo wonke umuntu. Kwakungokwamukela igama leNkosi uJesu nobukhona Bakhe kuphela lapho umuntu wayengathola khona ukuthula nenjabulo, amukele isibusiso Sakhe kanye nomusa Wakhe omkhulu, kanye nensindiso Yakhe. Ngokubethelwa kukaJesu, bonke labo abamlandela bathola insindiso futhi baxolelwa izono zabo.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Lapho kufika inkathi yokugcina—inkathi yezinsuku zokugcina—igama Lami kuyomele lishintshe futhi. Angeke ngibizwe ngoJehova, noma ngoJesu, ingasaphathwa ekaMesiya, kodwa ngizobizwa ngoMninimandla Onke UNkulunkulu Uqobo, futhi kuleli gama ngiyoyiqeda yonke inkathi. Ngangaziwa ngoJehova kuqala. Ngangaziwa futhi ngoMesiya, futhi abantu babengibiza ngoJesu uMsindisi ngoba babengithanda futhi bengihlonipha. Kodwa namuhla angiyena uJehova noma uJesu abantu ababemazi kudala—nginguNkulunkulu obuye ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ozoqeda ngenkathi. NginguNkulunkulu Uqobo ovukayo ekupheleni komhlaba, isimo Sami semvelo siphelelisiwe futhi nginalo lonke igunya, udumo nenkazimulo. Abantu abakaze baxhumane Nami futhi abakaze bangazi, bebelokhu bengasinakile isimo Sami semvelo. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube namhlanje, akekho owake wangibona. Lona nguNkulunkulu obonakala kubantu phakathi nezinsuku zokugcina kodwa ofihlekile ebantwini. Uhlala ebantwini, uyiqiniso futhi ungokoqobo njengelanga elishisayo nomlilo ovutha amalangabi, onamandla nogcwaliswe ngegunya. Akekho noyedwa umuntu noma into engeke yahlulelwa ngamazwi Ami, futhi akekho noyedwa ongeke angacwengwa ngomlilo ovuthayo. Ekugcineni, zonke izizwe ziyobusiswa ngenxa yamazwi Ami, futhi ziyophihlizwa zibe yizicucu ngenxa yamazwi Ami. Ngaleyo ndlela, bonke abantu ngezinsuku zokugcina bayobona ukuthi nginguMsindisi obuyile, nginguNkulunkulu uMninimandla Onke onqobe sonke isintu, owake waba ngumnikelo wesono kubantu, kodwa ezinsukwini zokugcina ngiba nayimisebe yelanga eshisa zonke izinto, kanye nelanga lokulunga elambula izinto zonke. Lowo umsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngithathe leli gama futhi nginalesi simo semvelo ukuze bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu olungile, futhi ngiyilanga elishisayo, nomlilo onamalangabi. Ukuze bonke bangidumise Mina Nkulunkulu weqiniso, babubone ubuso Bami bangempela: Angiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, futhi angiyena nje uMhlengi—nginguNkulunkulu wayo yonke indalo emazulwini nasemhlabeni nasolwandle.
kwesithi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Abanye bathi igama likaNkulunkulu aliguquki, pho kungani igama likaJehova laphenduka uJesu? Kwaphrofethwa ngokuza kukaMesiya, pho kungani kweza indoda egama layo linguJesu? Kungani laguquka igama likaNkulunkulu? Ingabe umsebenzi onjena awenziwanga kudala? UNkulunkulu akakwazi ukwenza umsebenzi omusha namuhla? Umsebenzi wayizolo ungaguqulwa, futhi umsebenzi kaJesu ungalandela lowo kaJehova. Ungeke pho umsebenzi kaJesu ulandelwe omunye umsebenzi? Uma igama likaJehova lingaguqulwa libe nguJesu, pho kungani igama likaJesu nalo lingeke liguqulwe? Lokhu akuyona into engajwayelekile, futhi abantu bacabanga kanjena[a] kuphela ngenxa yokuthatha izinto kalula. UNkulunkulu uyohlale enguNkulunkulu. Noma umsebenzi Wakhe ungaguquka negama Lakhe, isimo Sakhe nobuhlakani ngeke kuguquke kuze kube phakade. Uma ukholelwa ukuthi uNkulunkulu angabizwa ngegama elithi Jesu, lokho kusho ukuthi unolwazi oluncane kakhulu. Ungalokothi uthi uJesu yilona gama likaNkulunkulu kuze kube phakade, ukuthi uNkulunkulu uyolokhu futhi uyohlale ebizwa ngegama elithi Jesu, nokuthi lokho ngeke kushintshe? Ake sithi ngokuqinisekile yigama elithi Jesu eliqede iNkathi Yomthetho laphinde laqeda inkathi yokugcina? Ubani ongathi umusa kaJesu yiwo ongaqeda inkathi?
kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma umsebenzi kaNkulunkulu uhlala ufana inkathi ngayinye futhi ebizwa ngegama elifanayo, umuntu angamazi kanjani? Kumele ukuba uNkulunkulu abizwe ngoJehova, futhi ngale kukaNkulunkulu obizwa ngoJehova, noma ngubani obizwa nganoma yiliphi elinye igama akayena uNkulunkulu. Noma uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu, futhi ngaphandle kwegama likaJesu akufanele abizwe ngelinye igama; ngaphandle kukaJesu, uJehova akayena uNkulunkulu, noNkulunkulu uSomandla akayena uNkulunkulu futhi. Umuntu ukholwa ukuthi kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu unamandla, kodwa uNkulunkulu unguNkulunkulu onomuntu, futhi kumele abizwe ngoJesu ngoba uNkulunkulu unomuntu. Ukwenza lokhu, kuwukulandela imfundiso, futhi kuwukuqoqela uNkulunkulu emkhawulweni othile. Ngakho, kuzo zonke izinkathi, umsebenzi uNkulunkulu awenzayo, igama abizwa ngalo, nomfanekiso awuthathayo—umsebenzi awenzayo kuzo zonke izigaba kuze kube namuhla—akulandeli umthetho owodwa, futhi akukho ngaphansi nhlobo kwanoma yimuphi umkhawulo. UnguJehova, futhi usenguye uJesu, kanye noMesiya, noNkulunkulu uSomandla. Umsebenzi Wakhe ungaguquka kancane kancane nokuguquka okuhambisanayo egameni Lakhe. Akukho gama elilodwa elingammela ngokugcwele, kodwa wonke amagama abizwa ngawo ayakwazi ukummela, futhi umsebenzi awenzayo kuzo zonke izinkathi umele isimo Sakhe.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Njalo lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, uguqula igama Lakhe, ubulili, ukubukeka kanye nomsebenzi Wakhe; akawuphindi umsebenzi Wakhe. UnguNkulunkulu ohlale emusha futhi ongagugi neze. Kuqala lapho efika, wabizwa ngokuthi uJesu; ingabe usengabizwa ngoJesu kulokhu lapho esefika futhi?…Kunalabo abathi uNkulunkulu akaguquki. Kuyiqiniso lokho, kodwa lokho kubhekiswe ekungaguqukini kwesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe. Izinguquko egameni Lakhe nasemsebenzini Wakhe azisho ukuthi isiqu Sakhe sesiguqulile; ngamanye amazwi, uNkulunkulu uyohlala enguNkulunkulu, futhi lokhu akusoze kwaguquka. Uma uthi umsebenzi kaNkulunkulu awuguquki, ingabe uyokwazi ukuqeda uhlelo Lwakhe lokuphatha oluyiminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha? Wazi kuphela ukuthi uNkulunkulu akasoze aguquka, kodwa ingabe uyakwazi ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi neze?
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngakho, isikhathi ngasinye lapho lowo nalowo efika, uNkulunkulu ubizwa ngegama elilodwa, umela inkathi eyodwa futhi uvula indlela entsha, athathe igama elisha, okubonisa ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi, okuwukuthi umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili. Umlando uhlala uqhubekela phambili nomsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubekela phambili. Ukuze uhlelo lweminyaka eziyinkulungwane eziyisithupha lufinyelele esiphethweni, kumele luhlale luqhubeka luya phambili. Usuku nosuku, kufanele enze umsebenzi omusha, unyaka nonyaka kumele enze umsebenzi omusha; kumele aqale izindlela ezintsha, kumele aqale izinkathi ezintsha, aqale umsebenzi omusha nomkhulu, futhi kanye nalokhu alethe amagama amasha nomsebenzi omusha.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Luyofika usuku lapho uNkulunkulu engeke esabizwa ngegama elithi Jehova, Jesu noma uMesiya—uyobe esebizwa nje ngokuthi uMdali. Ngaleso sikhathi, wonke amagama ake wawasebenzisa emhlabeni ayofinyelela ekugcineni, ngoba umsebenzi Wakhe emhlabeni uyobe usufike ekugcineni, ngemva kwalokho ngeke esaba nawo amagama. Lapho zonke izinto sezingaphansi kokubusa koMdali, unasiphi isidingo segama elifanaleke kakhulu kodwa elingaphelele? Namanje usathungatha igama likaNkulunkulu? Usalokotha uthi uNkulunkulu ubizwa kuphela ngoJehova? Usalokotha uthi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngoJesu? Ungakwazi yini ukuthwala isono sokuhlambalaza uNkulunkulu?
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Okusho ukuthi.”
0 notes
Text
1. Kungani uNkulunkulu Ethatha Amagama, futhi Kungenzeka Ukuthi Igama Elilodwa Limele Ukuphelela KukaNkulunkulu?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Ingabe igama likaJesu— “UNkulunkulu unathi”—lisimele sonke isimo sikaNkulunkulu? Lingamchaza ngokugcwele uNkulunkulu? Uma umuntu ethi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu futhi akufanele abe nelinye igama ngoba uNkulunkulu unesimo esingaguquki, la mazwi anjalo awukuhlambalaza ngempela! Uyakholwa ukuthi igama elithi Jesu, uNkulunkulu unathi, lilodwa lingammela ngokuphelele uNkulunkulu? UNkulunkulu angabizwa ngamagama amaningi, kodwa phakathi kwala magama amaningi, alikho igama elilodwa elingakuqoqa konke ngoNkulunkulu, alikho nelilodwa elingamela uNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho uNkulunkulu unamagama amaningi, kodwa wonke la magama amaningi awakwazi ukucacisa isimo sikaNkulunkulu, ngoba isimo sikaNkulunkulu sicebe ngendlela yokuthi singaphezulu kakhulu kunamandla omuntu okumazi. Ayikho indlela yokuthi umuntu, esebenzisa ulimi lwesintu, aqoqe uNkulunkulu ngokugcwele. Isintu sinamagama amancane kakhulu esingaqoqa ngawo konke esikwaziyo ngesimo sikaNkulunkulu: mkhulu, uyahlonipheka, uyamangalisa, akaqondakali, uphakeme, ungcwele, ulungile, uhlakaniphile, njalo njalo. Amagama amaningi ngokweqile! La magama angafiki ndawo awakwazi ukuchaza okuncane umuntu asakubonile kwesimo sikaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye abaningi benezela amagama ababecabanga ukuthi ayekwazi ukuchaza kangcono ukushisekela okwakusezinhliziyweni zabo: uNkulunkulu mkhulu kakhulu! UNkulunkulu ungcwele kakhulu! UNkulunkulu uthandeka kakhulu! Namuhla, izisho zabantu ezinjengalezi sezifike esicongweni sazo, kodwa umuntu akakakwazi ukukhuluma ngokucacile. Ngakho, ngokomuntu, uNkulunkulu unamagama amaningi, nokho akanalo igama elilodwa, futhi lokhu kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sinokuningi kakhulu kanti ulimi lomuntu luhlwempu kakhulu. Izwi noma igama elithile elilodwa alinawo amandla okumela uNkulunkulu uqobo, ngakho ingabe ucabanga ukuthi igama likaNkulunkulu lingama ndawonye nje? UNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ungcwele, kodwa awukwazi ukumvumela aguqule igama Lakhe njalo ngenkathi entsha? Ngakho-ke, kuyo yonke inkathi uNkulunkulu enza kuyo umsebenzi Wakhe mathupha, usebenzisa igama elihambisana nenkathi ukuze aqoqe umsebenzi ahlose ukuwenza. Usebenzisa leli gama kanye elibonisa ukubaluleka kwaleyo nkathi ukuze limele isimo Sakhe kuleyo nkathi. NguNkulunkulu lo esebenzisa ulimi lwabantu ukuze aveze isimo Sakhe. Ngisho lapho, abantu abaningi asebedlule ekuzweni ngokomoya futhi asebembone mathupha uNkulunkulu basezwa ukuthi leli gama elithile alikwazi ukumela uNkulunkulu ngokuphelele—awu, akukho okungenziwa ngalokhu! Ngakho umuntu akasambizi uNkulunkulu nganoma yiliphi igama, futhi umbiza nje ngokuthi “Nkulunkulu.” Kusengathi inhliziyo yomuntu igcwele uthando kodwa futhi ixakwe yizimpikiswano, ngoba umuntu akakwazi ukuchaza uNkulunkulu. Ayikho uNkulunkulu kucebe kakhulu, akukho ndlela yokukuchaza. Alikho igama elilodwa elingaqoqa isimo sikaNkulunkulu, futhi akukho gama elilodwa elingachaza lokho uNkulunkulu anakho nayikho. Uma umuntu engibuza, “Empeleni yiliphi igama olisebenzisayo?” Ngiyomtshela ukuthi, “UNkulunkulu unguNkulunkulu!” Akulona igama elihle lelo likaNkulunkulu? Akukhona ukuqoqa kahle kakhulu isimo sikaNkulunkulu? Uma kunjalo-ke, kungani nichitha amandla angaka nifuna igama likaNkulunkulu? Kungani kufanele nizihlekeze ubuchopho, nizile ukudla nobuthongo, konke ngenxa yegama nje? Luyofika usuku lapho uNkulunkulu engeke esabizwa ngegama elithi Jehova, Jesu noma uMesiya—uyobe esebizwa nje ngokuthi uMdali. Ngaleso sikhathi, wonke amagama ake wawasebenzisa emhlabeni ayofinyelela ekugcineni, ngoba umsebenzi Wakhe emhlabeni uyobe usufike ekugcineni, ngemva kwalokho ngeke esaba nawo amagama. … Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona? Ingabe ubengadinga wena—omunye wezidalwa Zakhe—ukuba ulinqume? Igama uNkulunkulu abizwa ngalo yilelo elivumelana nalokho umuntu angakwazi ukukuqonda, ngolimi lwesintu, kodwa leli gama umuntu angakwazi ukuliqonda ngokuphelele. Ungasho kuphela ukuthi kunoNkulunkulu osezulwini, ukuthi ubizwa ngokuthi uNkulunkulu, ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe onamandla amakhulu, ohlakaniphe kakhulu, ophakeme kakhulu, omangalisa kakhulu, ofihlakele kakhulu, onamandla onke kakhulu futhi akukho okungaphezu kwalokho ongakusho; yilokho kuphela okuncane okwaziyo. Njengoba kunjalo, ingabe igama nje likaJesu lingamela uNkulunkulu uqobo?
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
ENkathini ngayinye nesigaba ngasinye somsebenzi, igama lami linesisekelo kodwa futhi limelela okuthile okubalulekile: Igama ngalinye limele inkathi eyodwa. “UJehova” umele iNkathi Yomthetho futhi liyisihloniphiso sikaNkulunkulu owayekhonzwa ngabantu bakwa-Israyeli. “UJesu” umelela iNkathi Yomusa futhi uyigama likaNkulunkulu wabo bonke abahlengwa phakathi neNkathi Yomusa. Uma umuntu elangazelela ukufika kukaJesu uMsindisi phakathi nezinsuku zokugcina, kodwa esalindele ukuba afike engumfanekiso ayeyiwo eJudiya, ngakho lonke uhlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luzoma ngeNkathi Yokuhlengwa, futhi angeke akwazi uqhubekele phambili. Ngaphezu kwalokho, izinsuku zokugcina azisoze zafika, futhi inkathi ngeke iqedwe. Lokhu kungenxa yokuthi uJesu uMsindisi uhlenga futhi asindise isintu. Ngathatha igama likaJesu ngenzela zonke izoni zangeNkathi Yomusa futhi akulona igama engizoliletha ukuqeda ngesintu. Nakuba uJehova, uJesu kanye noMesiya bonke bemelela uMoya Wami, la magama abonisa kuphela izinkathi ezihlukahlukene zohlelo Lwami lokuqondisa futhi awameleli sonke isiqu Sami. Amagama abantu abasemhlabeni abangibiza ngawo awakwazi ukusiveza sonke isimo Sami semvelo nakho konke engiyikho. Amane angamagama nje engibizwa ngawo ezinkathini ezingafani. Futhi, lapho kufika inkathi yokugcina—inkathi yezinsuku zokugcina—igama Lami kuyomele lishintshe futhi. Angeke ngibizwe ngoJehova, noma ngoJesu, ingasaphathwa ekaMesiya, kodwa ngizobizwa ngoMninimandla Onke UNkulunkulu Uqobo, futhi kuleli gama ngiyoyiqeda yonke inkathi.
kwesithi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
0 notes
Text
1. Kungani uNkulunkulu ebizwa ngamagama ahlukene nangezinkathi ezihlukene? Yini ukubaluleka kwamagama kaNkulunkulu?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona? Ingabe ubengadinga wena—omunye wezidalwa Zakhe—ukuba ulinqume? Igama uNkulunkulu abizwa ngalo yilelo elivumelana nalokho umuntu angakwazi ukukuqonda, ngolimi lwesintu, kodwa leli gama umuntu angakwazi ukuliqonda ngokuphelele.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Kuyo yonke inkathi uNkulunkulu enza kuyo umsebenzi Wakhe mathupha, usebenzisa igama elihambisana nenkathi ukuze aqoqe umsebenzi ahlose ukuwenza. Usebenzisa leli gama kanye elibonisa ukubaluleka kwaleyo nkathi ukuze limele isimo Sakhe kuleyo nkathi. NguNkulunkulu lo esebenzisa ulimi lwabantu ukuze aveze isimo Sakhe.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ingabe igama likaJesu— “UNkulunkulu unathi”—lisimele sonke isimo sikaNkulunkulu? Lingamchaza ngokugcwele uNkulunkulu? Uma umuntu ethi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu futhi akufanele abe nelinye igama ngoba uNkulunkulu unesimo esingaguquki, la mazwi anjalo awukuhlambalaza ngempela! Uyakholwa ukuthi igama elithi Jesu, uNkulunkulu unathi, lilodwa lingammela ngokuphelele uNkulunkulu? UNkulunkulu angabizwa ngamagama amaningi, kodwa phakathi kwala magama amaningi, alikho igama elilodwa elingakuqoqa konke ngoNkulunkulu, alikho nelilodwa elingamela uNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho uNkulunkulu unamagama amaningi, kodwa wonke la magama amaningi awakwazi ukucacisa isimo sikaNkulunkulu, ngoba isimo sikaNkulunkulu sicebe ngendlela yokuthi singaphezulu kakhulu kunamandla omuntu okumazi. Ayikho indlela yokuthi umuntu, esebenzisa ulimi lwesintu, aqoqe uNkulunkulu ngokugcwele. Isintu sinamagama amancane kakhulu esingaqoqa ngawo konke esikwaziyo ngesimo sikaNkulunkulu: mkhulu, uyahlonipheka, uyamangalisa, akaqondakali, uphakeme, ungcwele, ulungile, uhlakaniphile, njalo njalo. Amagama amaningi ngokweqile! La magama angafiki ndawo awakwazi ukuchaza okuncane umuntu asakubonile kwesimo sikaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye abaningi benezela amagama ababecabanga ukuthi ayekwazi ukuchaza kangcono ukushisekela okwakusezinhliziyweni zabo: uNkulunkulu mkhulu kakhulu! UNkulunkulu ungcwele kakhulu! UNkulunkulu uthandeka kakhulu! Namuhla, izisho zabantu ezinjengalezi sezifike esicongweni sazo, kodwa umuntu akakakwazi ukukhuluma ngokucacile. Ngakho, ngokomuntu, uNkulunkulu unamagama amaningi, nokho akanalo igama elilodwa, futhi lokhu kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sinokuningi kakhulu kanti ulimi lomuntu luhlwempu kakhulu. Izwi noma igama elithile elilodwa alinawo amandla okumela uNkulunkulu uqobo, ngakho ingabe ucabanga ukuthi igama likaNkulunkulu lingama ndawonye nje? UNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ungcwele, kodwa awukwazi ukumvumela aguqule igama Lakhe njalo ngenkathi entsha?
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Abanye bathi igama likaNkulunkulu aliguquki, pho kungani igama likaJehova laphenduka uJesu? Kwaphrofethwa ngokuza kukaMesiya, pho kungani kweza indoda egama layo linguJesu? Kungani laguquka igama likaNkulunkulu? Ingabe umsebenzi onjena awenziwanga kudala? UNkulunkulu akakwazi ukwenza umsebenzi omusha namuhla? Umsebenzi wayizolo ungaguqulwa, futhi umsebenzi kaJesu ungalandela lowo kaJehova. Ungeke pho umsebenzi kaJesu ulandelwe omunye umsebenzi? Uma igama likaJehova lingaguqulwa libe nguJesu, pho kungani igama likaJesu nalo lingeke liguqulwe? Lokhu akuyona into engajwayelekile, futhi abantu bacabanga kanjena[a] kuphela ngenxa yokuthatha izinto kalula. UNkulunkulu uyohlale enguNkulunkulu. Noma umsebenzi Wakhe ungaguquka negama Lakhe, isimo Sakhe nobuhlakani ngeke kuguquke kuze kube phakade. Uma ukholelwa ukuthi uNkulunkulu angabizwa ngegama elithi Jesu, lokho kusho ukuthi unolwazi oluncane kakhulu. Ungalokothi uthi uJesu yilona gama likaNkulunkulu kuze kube phakade, ukuthi uNkulunkulu uyolokhu futhi uyohlale ebizwa ngegama elithi Jesu, nokuthi lokho ngeke kushintshe? Ake sithi ngokuqinisekile yigama elithi Jesu eliqede iNkathi Yomthetho laphinde laqeda inkathi yokugcina? Ubani ongathi umusa kaJesu yiwo ongaqeda inkathi?
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma umsebenzi kaNkulunkulu uhlala ufana inkathi ngayinye futhi ebizwa ngegama elifanayo, umuntu angamazi kanjani? Kumele ukuba uNkulunkulu abizwe ngoJehova, futhi ngale kukaNkulunkulu obizwa ngoJehova, noma ngubani obizwa nganoma yiliphi elinye igama akayena uNkulunkulu. Noma uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu, futhi ngaphandle kwegama likaJesu akufanele abizwe ngelinye igama; ngaphandle kukaJesu, uJehova akayena uNkulunkulu, noNkulunkulu uSomandla akayena uNkulunkulu futhi. Umuntu ukholwa ukuthi kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu unamandla, kodwa uNkulunkulu unguNkulunkulu onomuntu, futhi kumele abizwe ngoJesu ngoba uNkulunkulu unomuntu. Ukwenza lokhu, kuwukulandela imfundiso, futhi kuwukuqoqela uNkulunkulu emkhawulweni othile. Ngakho, kuzo zonke izinkathi, umsebenzi uNkulunkulu awenzayo, igama abizwa ngalo, nomfanekiso awuthathayo—umsebenzi awenzayo kuzo zonke izigaba kuze kube namuhla—akulandeli umthetho owodwa, futhi akukho ngaphansi nhlobo kwanoma yimuphi umkhawulo. UnguJehova, futhi usenguye uJesu, kanye noMesiya, noNkulunkulu uSomandla. Umsebenzi Wakhe ungaguquka kancane kancane nokuguquka okuhambisanayo egameni Lakhe. Akukho gama elilodwa elingammela ngokugcwele, kodwa wonke amagama abizwa ngawo ayakwazi ukummela, futhi umsebenzi awenzayo kuzo zonke izinkathi umele isimo Sakhe.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ingabe umfanekiso womuntu oyedwa negama elilodwa kungamela yini uNkulunkulu uqobo Lwakhe? Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani? Anganamathela kanjani kokudala? Igama likaJesu lathathwa ngenxa yomsebenzi wokuhlenga, ngakho ingabe uzobizwa ngegama elifanayo lapho ebuya ezinsukwini zokugcina? Ingabe ubeyobe esenza umsebenzi wokukhulula? Kungani uJehova noJesu bengumuntu oyedwa, kodwa babizwe ngamagama angafani ngezinkathi ezingafani? Ingabe akukhona ngenxa yokuthi izinkathi zemisebenzi yabo zehlukene? Ingabe uNkulunkulu uqobo Lwakhe lonke angabizwa ngegama elilodwa? Uma kunjalo uNkulunkulu kumele abizwe ngegama elehlukile ngenkathi eyehlukile, futhi asebenzise igama ukuze aguqule inkathi futhi ayimele, ngoba alikho elinye igama elingamela uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi igama ngalinye likwazi kuphela ukumela ingxenye yesikhathi sesimo sikaNkulunkulu enkathini ethile; konke elidinga ukukwenza ukumela umsebenzi Wakhe. Ngakho, uNkulunkulu angakhetha noma yiliphi igama elimela isimo Sakhe ukuze amele yonke inkathi.
kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngakho, isikhathi ngasinye lapho lowo nalowo efika, uNkulunkulu ubizwa ngegama elilodwa, umela inkathi eyodwa futhi uvula indlela entsha, athathe igama elisha, okubonisa ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi, okuwukuthi umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili. Umlando uhlala uqhubekela phambili nomsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubekela phambili. Ukuze uhlelo lweminyaka eziyinkulungwane eziyisithupha lufinyelele esiphethweni, kumele luhlale luqhubeka luya phambili. Usuku nosuku, kufanele enze umsebenzi omusha, unyaka nonyaka kumele enze umsebenzi omusha; kumele aqale izindlela ezintsha, kumele aqale izinkathi ezintsha, aqale umsebenzi omusha nomkhulu, futhi kanye nalokhu alethe amagama amasha nomsebenzi omusha.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Okusho ukuthi.”
Okuqukethwe Okuhlobene: Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani
0 notes
Text
Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?
Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?
Ngemva kokuba iqiniso lokuba yinyama kukaJesu libe khona, umuntu wayekholwa yilokhu: Ezulwini akukho kuphela uBaba, kodwa kuneNdodana, kanye noMoya imbala. Abantu bebelokhu bekholelwa, ukuthi kunalo Nkulunkulu ezulwini: uZiqu zintathu okunguYise, iNdodana, noMoya oNgcwele, bamunye. Bonke abantu banalo mbono othi: uNkulunkulu unguNkulunkulu oyedwa, kodwa owakhiwe yizingxenye ezintathu, lo mbono wabantu osugxilile uveza ukuthi kunoYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Lezo zingxenye zontathu zakha uNkulunkulu oyedwa. Ngaphandle kukaYise oNgcwele, uNkulunkulu ubengeke aphelele. Ngokufanayo, uNkulunkulu ubengeke aphelele ngaphandle kweNdodana noma uMoya oNgcwele. Ngokwemibono yabo, bakholelwa ukuthi akekho phakathi kukaYise yedwa noma iNdodana yodwa ongaba nguNkulunkulu ozimele. UYise, iNdodana noMoya oNgcwele kuphela onguNkulunkulu Ngokwakhe. Bonke abantu abasontayo, okuhlanganisa nani ngokwenu, niyakukholelwa lokhu. Kepha, mayelana nokuthi le nkolelo iyiqiniso yini akekho owaziyo, kodwa kube kufanele, ngoba ngisho nezindaba eziphathelene noNkulunkulu Ngokwakhe. Nakuba lena kuyimibono, anazi ukuthi ilungile noma ayilungile, ngoba iye yakuthonya kakhulu ukucabanga kwenu. Niye nayamukela le mibono yenkolo futhi lo shevu uye wangena wagxila ezinhliziyweni zenu. Ngakho ngokufanayo, niye nathonywa yile nkolelo nakuba uZiqu Zintathu kuyinto engekho. Okuwukuthi, uZiqu Zintathu onguYise, yiNdodana noMoya oNgcwele yinto engekho. Lena kumane nje kuyimibono ejwayelekile yabantu, nezinkolelo zabantu ezingelona iqiniso. Emakhulwini amaningi eminyaka abantu bebekholelwa kulo Ziqu Zintathu, ngenxa yokudideka okubangelwa yimibono yabantu, eyasungulwa abantu, futhi engakaze ibonwe abantu. Phakathi nayo yonke le minyaka eminingi, kuye kwavela abantu abaqavile abakholwayo, abaye banikeza “izincazelo eziyiqiniso” ngoZiqu Zintathu, kodwa lezo zincazelo zikaZiqu Zintathu ongabantu abathathu abahlukene kodwa besimo sinye azizange ziqondakale futhi azicacanga, futhi bonke abantu badidekile “ngesakhiwo” sikaNkulunkulu. Akekho umuntu oke wakwazi ukusichaza kahle; izincazelo eziningi zidlula obequnga ngokwencazelo nasephepheni, kodwa akekho ngisho noyedwa umuntu oye wayiqonda ngokugcwele le incazelo. Lokhu kubangelwa ukuthi lo Ziqu Zintathu wodumo abantu abawuthanda kangaka awukho. Akekho umuntu owake wabona ngokoqobo ubuso bukaNkulunkulu noma akekho owake waba nenhlanhla yokuvakashela lapho kuhlala khona uNkulunkulu abone izinto ezikhona lapho kuphumula khona uNkulunkulu ukuqonda ukuthi mangaki ngempela amakhulu noma izigidi zezizukulwane “ezisendlini kaNkulunkulu” noma ukuhlola ukuthi zingaki izingxenye ezakha isakhiwo sesimo sikaNkulunkulu . Nakhu ngempela okumelwe kucaciswe: ukuthi mingaki iminyaka kaBaba neyeNdodana, kanye neyoMoya oNgcwele; izimo ngazinye zomuntu ngamunye; ngempela kwenzeka kanjani ukuba bahlukane, nokuthi bahlangana kanjani babe munye. Ngeshwa, phakathi kwayo yonke le minyaka, akekho umuntu oye wazi iqiniso ngalezi zindaba. Konke nje ukuqagela, ngoba akekho oke wenyukela ezulwini wabuya “nombiko wophenyo” kubantu bonke ukuze abike ngeqiniso lale ndaba kumakholwa ashisekayo nazinikele mayelana noZiqu Zintathu. Nokho, asikwazi ukusola abantu ngokusungula leyo mibono, ngoba kungani uJehova, uYise, engazange asebenze noJesu, iNdodana, lapho edala isintu? Ukube kusukela ekuqaleni, konke kwenzeka ngentando kaJehova, ngabe kungcono. Uma kukhona umuntu okumele asolwe, akusolwe uJehova uNkulunkulu ngokwehluleka kwakhe isikhashana, ukubiza iNdodana kanye noMoya oNgcwele phambi Kwakhe lapho edala, kunalokho wakhetha ukudala yedwa. Ukube bonke babesebenza kanye kanye, babengeke yini babe munye? Ake sithi, kusukela khona kanye ekuqaleni kuze kube sekugcineni, kwakunegama likaJehova kuphela hhayi elikaJesu kusukela eNkathini Yomusa, noma ukube wayesabizwa ngoJehova ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wayengeke yini akugweme ukuhlupheka okubangelwa ukudideka kwabantu? Eqinisweni, uJehova akanakubhecwa ngakho konke lokhu; uma kukhona okumele asolwe, makusolwe uMoya oNgcwele, okwaphela izinkulungwane zeminyaka usebenza ngegama likaJehova, likaJesu neloMoya oNgcwele imbala, wenza abantu badideke bangaqondi ngezinga lokuthi bangabe bedazi nokuthi ungubani ngempela uNkulunkulu. Ukube uMoya oNgcwele Uqobo awusebenzanga ngesimo esithile noma isithombe, ngaphezu kwalokho, ukube awusebenzanga ngegama elinjengelikaJesu, kunalokho abantu bebengeke bakwazi ukuwuthinta noma bawubone, bangagcini nje ngokuzwa imisindo yokuduma, wawungeke yini lo msebenzi ube inzuzo kubantu? Yini engenziwa manje? Imibono yabantu iqongelelene yaphakama kuhle kwentaba, yaba banzi njengolwandle, kangangokuthi uNkulunkulu wosuku lwethu akasakwazi ukuyibekezelela futhi lokhu kuye kuyincithakalo ngokuphelele. Endulo ngesikhathi kusenoJehova, uJesu kanye noMoya oNgcwele phakathi kwabo bobabili, kakade abantu base benokudideka, futhi manje sekunoMninimandla Onke, okuthiwa naye uyingxenye kaNkulunkulu. Ngubani owaziyo ukuthi ungubani-ke lo Mninimandla Onke nokuthi uhlanganiswa nayiphi ingxenye kaZiqu Zintathu, nokuthi wayethukuswe kuphi kule minyaka eminingi? Abantu bangakubekezelela kanjani lokhu? Sekudlule isikhathi eside abantu bezama ukuchaza le mfundiso eyodwa kaZiqu Zintathu, kodwa manje sekukhona “uNkulunkulu oyedwa kubantu abane.” Ichazwa kanjani into enje? Ningakwazi ukuyichaza le nto? Bazalwane! Benikholelwa kanjani kulo Nkulunkulu kuze kube manje? Yazi nginethulela isigqoko. Nakuba uZiqu Zintathu wawusinda uwodwa, kodwa manje niyaqhubeka ninokholo olufanayo olungenakunyakaziswa kulo Nkulunkulu oyedwa kubantu abane. Niye nanxuswa ukuba niphume, kodwa niyenqaba. Kwaze kwadabukisa! Angazi ukuthi ningabantu abanjani ngempela! Umuntu angaze akholelwe “koNkulunkulu abane” kodwa angenzi lutho ngalokho; aniboni yini ukuthi iyisimanga le nto? Bengingazi ukuthi nikwazi ukwenza isimangaliso esinjena! Niyazi ukuthini, eqinisweni, uZiqu Zintathu uyinto engekho. UNkulunkulu akanaye uYise noma iNdodana, ingasaphathwa eyokuthi kunethuluzi elisetshenziswa nguYise neNdodana ngokubambisana: uMoya oNgcwele. Wonke lawa ngamanga futhi yinto engakaze ibe khona kulo mhlaba! Kodwa la manga anomsuka futhi anesisekelo esithile, nihlakaniphe kabi ukuba ningavele nikhohliseke nje kanjalo. Kodwa, la manga abonakala eyiqiniso futhi eyimvelo, kangangokuthi awanakungenwa ngisho uSathane imbala. Okubuhlungu ukuthi yonke le mibono ingamanga futhi ayikaze ibe khona! Anikalazi iqiniso langempela; nimane niyaqagela futhi niyazicabangela nje, niyiguqule ibe yindaba yokukhohlisa abantu ukuze nethenjwe abanye nokuphatha abayiziphukuphuku ezingenakuhlakanipha nabangacabangisisi kahle, ukuze bakholelwe “emfundisweni ephusile” enkulu nedumile. Yiqiniso leli? Ingabe iyona ndlela le umuntu okumele ayamukele? Udoti wonke lo! Alikho nelilodwa igama elifanelekile! Kuyo yonke le minyaka, benilokhu nihlukanisa uNkulunkulu ngale ndlela, isizukulwane nesizukulwane besilokhu simhlukanisa kancane kancane, kangangokuba uNkulunkulu oyedwa usehlukaniswe waba oNkulunkulu abathathu, manje sekunzima kubantu ukumbuyisela abe uNkulunkulu oyedwa, ngoba niye namhlukanisa kakhulu! Ukube angifikanga ngesikhathi, angazi ukuthi beniyonhlanhlatha nize nifike kuphi! Ukuqhubeka nokwahlukanisa uNkulunkulu ngale ndlela, angaqhubeka kanjani abe nguNkulunkulu wenu? Nisengakwazi kodwa ukumbona uNkulunkulu? Nisengakwazi kodwa ukubuyela Kuye? Ukube ngifike sekwedlule isikhathi, cishe beniyoze nithumele emuva “uYise neNdodana” uJehova noJesu, kwa-Israyeli bese nani ngokwenu nithi niyingxenye kaNkulunkulu. Sesibonga khona ukuthi manje yizinsuku zokugcina. Ekugcineni! luze lwafika usuku ekade ngalulinda, futhi ukwehlukanisa kwenu uNkulunkulu kuzophela manje, ngemva kokuba sengiqede ukwenza lo msebenzi ngezandla Zami. Ngaphandle kwalokho, beniyoze nidlulele, nize ngisho nibeke bonke oSathane ezindaweni zenu zokuthandaza. Leli icebo lenu! Inhloso yenu yokwehlukanisa uNkulunkulu! Nisazoqhubeka nenza kanjalo? Ake nginibuze: Bangaki oNkulunkulu abakhona? Yimuphi uNkulunkulu ozonisindisa? UNkulunkulu wokuqala, owesibili noma yilona wesithathu obulokhu uthandaza kuye? Yimuphi kubo obulokhu ukholelwa kuye? UBaba? Noma iNdodana? Noma uMoya oNgcwele? Awusho yimuphi okholelwa kuye. Nakuba uthi uyakholelwa kuNkulunkulu kodwa eqinisweni okukholelwayo ngempela yingqondo yakho! UNkulunkulu akekho enhliziyweni yakho! Kodwa, engqondweni yakho kugcwele inqwaba “yoZiqu Zintathu”! Awuvumi?
Uma izigaba ezintathu zomsebenzi bezingahlolwa ngokuvumelana nemfundiso kaZiqu Zintathu, khona-ke kusho ukuthi kumelwe ukuthi kunoNkulunkulu abathathu njengoba umsebenzi owenziwa oyedwa ungesiwo ofanayo. Uma kukhona phakathi kwenu othi ikhona ngempela le nto kaZiqu Zintathu, akachaze ukuthi uyini ngempela lo Nkulunkulu oyedwa kubantu abathathu. Ungubani uYise oNgcwele? Ingubani iNdodana? Uyini uMoya oNgcwele? Ingabe uJehova unguYise oNgcwele? Ingabe uJesu uyiNdodana? Ngakho uyini pho uMoya oNgcwele? UYise akawona yini uMoya? Ingabe ingxenye ethile yeNdodana ayiwona yini uMoya? Imisebenzi kaJesu yayingeyona yini imisebenzi yoMoya oNgwele? Imisebenzi kaJehova okwesikhathi esithile yayiqondiswa uMoya ofana noJesu? UNkulunkulu oyedwa angaba nemiMoya emingaki? Ngokwencazelo yakho, la bantu abathathu uYise, iNdodana noMoya oNgcwele bamunye; uma kunjalo, kusho ukuthi kunoMoya omthathu, kodwa ukuze kube noMoya omthathu kusho ukuthi kunoNkulunkulu abathathu. Lokhu kusho ukuthi akekho uNkulunkulu oyedwa weqiniso; lo Nkulunkulu angaqhubeka kanjani abe nemvelo yoqobo kaNkulunkulu kuye? Uma uvuma ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, angaba kanjani nendodana aphinde abe ubaba? Akuyona yini imibono yakho leyo? Kukhona uNkulunkulu oyedwa, noMoya owodwa kaNkulunkulu, njengoba kulotshiwe eBhayibhelini ukuthi “KunoMoya oNgcwele owodwa noNkulunkulu oyedwa kuphela.” Kungakhathaliseki ukuthi uYise neNdodana okhuluma ngabo bakhona noma cha, kunoNkulunkulu oyedwa, futhi le ngxenye kaYise, iNdodana, noMoya oNgcwele okholelwa kukho kuyingxenye yoMoya oNgcwele. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu unguMoya, kodwa uyakwazi ukuba yinyama aphile phakathi kwabantu, futhi abe ngaphezu kwakho konke. UMoya wakhe uyikho konke futhi uhlale ukhona. Angakwazi ukuba senyameni ngesikhathi esifanayo abe kuyo yonke indawo. Njengoba bonke abantu bethi uNkulunkulu uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, kusho ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, okwazi ukuba yikho konke! UNkulunkulu unguMoya owodwa, ungumuntu oyedwa; futhi lowo uMoya kaNkulunkulu. Uma kuya njengokusho kwakho, uYise, iNdodana kanye noMoya oNgcwele, lokho kusho ukuthi ababona oNkulunkulu abathathu, akunjalo? UMoya ungenye into iNdodana ingenye kanjalo noYise ungenye. Bangabantu abathathu abanezimo ezihlukene ezahlukile, ngakho bahlangana kanjani futhi babe yingxenye kaNkulunkulu oyedwa? UMoya oNgcwele unguMoya; kulula ngabantu ukuba baqonde lokho. Uma kunjalo, kusho ukuthi uYise unguMoya nakakhulu. Akakaze ehlele emhlabeni futhi akazange abe yinyama; unguJehova uNkulunkulu osezinhliziyweni zabantu, impela unguMoya. Uma kunjalo, yibuphi ubuhlobo obukhona phakathi Kwakhe noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obufanayo obuphakathi kukaYise neNdodana? Noma ubuhlobo obufanayo noboMoya oNgcwele kanye noMoya kaYise? Ingabe ingxenye ngayinye yoMoya iyefana? Noma ingabe uMoya oNgcwele uyithuluzi likaYise? Yikuphi ngempela okuyikona? Buyini-ke ubuhlobo phakathi kweNdodana noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obuphakathi kwemiMoya imibili noma ubuhlobo obuphakathi komuntu noMoya? Lena yimpicabadala! Uma kuwukuthi kunoMoya owodwa, kusho ukuthi ayikho indaba yabantu abathathu ngoba ngeke bangenwe uMoya owodwa, uma bengabantu abathathu abahlukene, kusho ukuthi amandla oMoya wabo ngeke afane, futhi akukwazi ukuthi kube noMoya owodwa. Le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele iwubulima! Lokhu kwahlukanisa uNkulunkulu ahlukane abe abantu abathathu, ngamunye onesiqu noMoya; angaba kanjani futhi uMoya owodwa noNkulunkulu oyedwa? Ake nisho, ingabe amazulu nomhlaba nakho konke okukuwo kwadalwa uYise, iNdodana noma uMoya oNgcwele? Abanye bathi konke lokhu bakudala ndawonye. Ngakho ubani-ke pho owasindisa isintu? Ingabe nguMoya oNgcwele, yiNdodana noma nguYise? Abanye bathi yiNdodana eyahlenga isintu. Ngakho ingubani ngempela le Ndodana? Ayikona yini ewukubonakaliswa koMoya kaNkulunkulu? UNkulunkulu esesimweni somuntu, uJesu ubiza uNkulunkulu osezulwini ngokuthi Baba. Awazi yini ukuthi uJesu wazalwa ngokoMoya oNgcwele? UnoMoya oNgcwele; noma ungathini, uJesu unoNkulunkulu ezulwini, ngoba uyisimo sikaNkulunkulu soMoya. Le mfundiso yokuthi kuneNdodana ayilona neze iqiniso. NguMoya owodwa owenza zonke izinto; uNkulunkulu Uqobo, okungukuthi, uMoya kaNkulunkulu owenza imisebenzi yakhe. Ubani uMoya kaNkulunkulu? Awuwona yini uMoya oNgcwele? UMoya oNgcwele awusebenzi yini kuJesu? Uma umsebenzi ungenziwanga nguMoya oNgcwele, (okunguMoya kaNkulunkulu) ingabe le misebenzi yenziwa nguNkulunkulu Uqobo? Njengoba ayethandaza, uJesu wabiza uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, lokhu wakwenza esesimweni somuntu odaliwe, ngoba kuphela uMoya kaNkulunkulu wawembethe inyama ejwayelekile nevamile futhi embeswe isimo somuntu. Nakuba ngaphakathi wayenoMoya kaNkulunkulu ngaphandle wayengumuntu ovamile; ngamanye amazwi, wayesephenduke “iNdodana yomuntu” okungukuthi futhi bonke abantu bakhuluma, kuhlanganise naye uJesu Uqobo, njengoba ebizwa ngeNdodana yomuntu, ungumuntu (ngabe umuntu wesilisa noma wesifazane, kunoma yikuphi onesimo sangaphandle somuntu) ozalelwe emndenini nakubantu abajwayelekile. Ngakho-ke, ukubiza kukaJesu uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, kuyefana nalapho wena umbiza ngokuthi Baba; Lokho wakusho esesimweni somuntu. Uyawukhumbula uMthandazo weNkosi, uJesu akufundisa ukuba uwubambe ngekhanda? “Baba wethu osezulwini….” Kulo mthandazo, uJesu watshela bonke ukuba babize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Futhi, njengoba naye umbiza ngoBaba, wakusho lokhu ngokombono noma esesimweni sokulingana nani nonke. Njengoba nani nibiza uNkulunkulu ezulwini ngoBaba, lokhu kubonisa ukuthi uJesu wazilinganisa nani, futhi njengomuntu wasemhlabeni owayekhethwe uNkulunkulu (okungukuthi, iNdodana kaNkulunkulu). Uma ubiza uNkulunkulu “ngoBaba,” akukona yini ukuthi umbiza ngoba wena uyisidalwa? Noma kunjalo, naphezu kwegunya uJesu ayenalo ngaphambi kokuba abethelwe, wayemane eyiNdodana yomuntu, eqondiswa uMoya kaNkulunkulu (okungukuthi, uNkulunkulu), njengesinye sezidalwa zasemhlabeni, ngoba wayengakawuqedi umsebenzi wakhe. Ngakho-ke, ukuthobeka nokulalela kuphela okwamgqugquzela ukuba abize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Nokho, ngokubiza uNkulunkulu (okungukuthi, uMoya osezulwini) ngaleyo ndlela, akusho ukuthi uyiNdodana yoMoya kaNkulunkulu osezulwini. Kunalokho, kumane kusho ukuthi umbono wakhe wehlukile, hhayi kodwa ukuthi ungumuntu owehlukile. Imfundiso yokuthi kunabantu abehlukile ingamanga! Ngaphambi kokuba abethelwe, uJesu wayeseyiNdodana yomuntu ebhekene nokulinganiselwa kwenyama, engenalo igunya eliphelele loMoya. Yingakho ayenza intando kaNkulunkulu uYise ngokombono wesidalwa senyama. Yingakho athandaza kathathu eGetsemane: “Kungabi ngokuthanda Kwami, kodwa ngokuthanda Kwakho” Ngaphambi kokuba afe esiphambanweni, wayeseyiNkosi, kodwa iNkosi yamaJuda; wayenguKristu, iNdodana yomuntu, kodwa engenawo umzimba wenkazimulo. Yingakho ngokombono womuntu abiza uNkulunkulu ngoBaba. Kodwa, lokhu akusho ukuthi bonke ababiza uNkulunkulu ngoBaba bayiNdodana. Ukube bekunjalo, naningeke yini nonke nibe yiNdodana mhla uJesu enifundisa uMthandazo weNkosi? Uma namanje usakholelwa kule mfundiso, ngitshele, ngubani lo ombiza ngoBaba? Uma uthi uJesu, ungubani uYise noJesu kuwe? Ngemva kokuba uJesu esehambile le ndaba kaBaba neNdodana ayibange isaba khona. Leli cebo lasebenza iminyaka ngesikhathi uJesu eseyinyama; ngaphansi kwezimo zonke, ubudlelwane bomuntu oyisidalwa neNkosi yendalo uma ubiza uNkulunkulu ngoBaba. Asikho isikhathi sokuma kwale mfundiso kaZiqu Zintathu owakhiwa uYise, yiNdodana noMoya oNgcwele; yimfundiso yamanga le eyavela ngokuhamba kwesikhathi futhi iyinto engekho!
Lokhu kusenza sikhumbule amazwi kaNkulunkulu akuGenesise: “Masenze umuntu ngomfanekiso Wethu, afane Nathi.” Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wathi “masenze” umuntu ngomfanekiso “wethu” kuba sengathi ukhuluma nothile; njengoba ethi “masenze” kusho ukuthi uNkulunkulu akayedwa. Ngenxa yalokho, abantu baye bacabanga ngokuthi bangabantu abehlukile, kwabe sekuvela imibono kaYise, yiNdodana noMoya oNgcwele. Pho unjani uYise? INdodana yona injani? UMoya oNgcwele wona unjani? Kungenzeka yini ukuthi abantu benziwa ngomfanekiso wokukodwa kwalokhu okuhlanganisiwe kwaba kuthathu? Uma kunjalo, ingabe isimo somuntu siyefana yini nesikaYise, iNdodana noma uMoya oNgcwele? Kulokhu kokuthathu, umuntu wenziwe ngamuphi umfanekiso? Lo mbono owasungulwa abantu, awulona iqiniso futhi uwunangqondo! Lo mbono wehlukanisa uNkulunkulu oyedwa abe ngoNkulunkulu abaningi. Ngesikhathi uMose abhala ngaso uGenesise, kwakungemva kokudalwa kwabantu kuhlanganise nezinye izinto ezadalwa. Ekuqaleni, ngesikhathi kudalwa umhlaba, uMose wayengekho. Kuthe kamuva, uMose ube esebhala iBhayibheli, ngakho wayengazi kanjani ukuthi nguNkulunkulu owakhuluma la mazwi ezulwini? Akukho ayekwazi mayelana nokudala kukaNkulunkulu umhlaba. EBhayibhelini, kuyiTestamente Elidala, ayiphathwa indaba kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele, kukhulunywa ngoNkulunkulu oyedwa kuphela weqiniso, uJehova, lapho aqhuba khona umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli. Ubizwa ngamagama ehlukahlukene ngokushintsha kwezinkathi, kodwa lokhu akusho ukuthi igama ngalinye libhekisele kumuntu owehlukile. Uma bekunjalo, bekungeke yini kwenze uNkulunkulu akhiwe yinqwaba yabantu? Okulotshwe kuyiTestamente Elidala kuyimisebenzi kaJehova, isiqalo semisebenzi kaNkulunkulu ngeNkathi Yomthetho. Kwakuyimisebenzi kaNkulunkulu leyo, lapho akhuluma khona, kwaba njalo, nalapho ashaya khona umthetho, wama. Akukho lapho ezibiza khona ngoYise ozosebenza, futhi akukho lapho eprofetha khona ngokuza kweNdodana yakhe ezosindisa isintu. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni kwathiwa, uNkulunkulu ube yinyama ukuze asindise sonke isintu, akuzange kufike iNdodana. Njengoba izinkathi zingafani kanjalo, nemisebenzi kaNkulunkulu Uqobo ayifani, wenza imisebenzi Yakhe ngezindlela ezehlukahlukene. Ngaleyo ndlela, ubuyena buyashintsha. Abantu bakholelwa ukuthi uJehova unguYise kaJesu, kodwa uJesu wakwenqaba lokhu, wathi: “Asizange sihlukaniswe ngokuthi Baba neNdodana; Mina noBaba osezulwini simunye. UBaba ukimi nami ngikuBaba; lapho abantu bebona iNdodana, babona uBaba osemazulwini.” Siphetha ngokuthi, kungakhathaliseki ukuthi uBaba noma yiNdodana, banguMoya owodwa, ababona abantu abahlukene. Uma umuntu ezama ukuchaza, izinto zibanzima kakhulu ukucacisa indaba yabantu abathathu abahlukene, kanye nobuhlobo obuphakathi kukaYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Lapho abantu bekhuluma ngoNkulunkulu ohlukene akumenzi yini angabi ngokoqobo? Umuntu uze amehlukanise ngezigaba, umuntu wokuqala, owesibili nowesithathu; lena kumane nje kuyimibono yabantu, yimibono engenabo ubufakazi obuphathekayo, futhi engekho nhlobo. Uma umbuza lo muntu ukuthi; “Bangaki labo Nkulunkulu?” uyothi kunoNkukunkulu oZiqu zintathu onguYise, iNdodana noMoya oNgcwele: uNkulunkulu oyedwa weqiniso. Uma umbuza futhi ukuthi: “Ungubani uYise?” uyothi: “UYise, uMoya kaNkulunkulu osezulwini; uphethe konke, futhi uMnikazi wakho konke okusezulwini.” “UJehova yena, ingabe unguMoya” bese ephendula ngokuthi: “Yebo!” Bese-ke umbuza ukuthi “Ingubani iNdodana?” Uyothi: “Hawu, iyiNdodana kaNkulunkulu. Bese uyambuza ukuthi “UJesu wavelaphi.” Uyothi: “UJesu wazalwa uMariya ngoMoya oNgcwele.” “Ingabe isimo Sakhe asiwona uMoya? Imisebenzi yakhe ayifakazeli yini ukusebenza koMoya oNgcwele? UJehova unguMoya, kanjalo nesimo sikaJesu. Ezinsukwini zokugcina, akukona yini ukuthi kusasebenza uMoya;[a] ngakho bangaba kanjani abantu abahlukene? Akuwona yini uMoya kaNkulunkulu oqhubeka usebenza ngezindlela ezahlukile?” Kanjalo awukho umahluko kulaba bantu. UJesu wazalwa ngoMoya, futhi ngokungangabazeki, imisebenzi Yakhe yayifana ncamashi nemisebenzi yoMoya oNgcwele. Esigabeni sokuqala somsebenzi kaJehova, akazange abe yinyama futhi akabonakalanga kubantu. Ngakho abantu abakubonanga ukubonakala Kwakhe. Kungakhathaliseki ukuthi wayemkhulu noma emude kangakanani, wayesewuMoya, uNkulunkulu Uqobo waqale wadala abantu, okuwukuthi uMoya kaNkulunkulu. Lapho ekhuluma nabantu esemafwini, wayenguMoya. Akekho owayemazi; kuze kwaba yiNkathi Yomusa lapho uMoya kaNkulunkulu uphenduka inyama eJudiya lapho abantu baqala khona ukumbona okokuqala uNkulunkulu esesimweni somuntu njengomJuda. Kodwa abantu babengawuqondi umuzwa wokuba kwakhe nguJehova. Kunjalo, wazalwa ngokoMoya oNgcwele, okungukuthi, wazalwa uMoya kaJehova Uqobo nokuthi uJesu wazalwa engumfanekiso woMoya kaNkulunkulu. Lokho abantu abaqale bakubona uMoya oNgcwele wehla njengejuba, wehlela phezu kukaJesu; kwakungewona uMoya owehlukile kuJesu, kepha kwakunguMoya oNgcwele. Ingabe-ke uMoya kaJesu noMoya oNgcwele bahlukene? Uma uJesu enguJesu, iNdodana, noMoya oNgcwele unguMoya oNgcwele, kodwa bangaba munye kanjani? Umsebenzi wawungeke uqhubeke uma kunjalo. UMoya okuJesu, uMoya esezulwini kanye noMoya kaJehova yinto eyodwa. Lo Moya ungabizwa ngokuthi uMoya oNgcwele, uMoya kaNkulunkulu, amandla ayisiphekupheku, uMoya oyingqayizivele. UMoya kaNkulunkulu ungafeza umsebenzi omningi. Ukwazi ukudala umhlaba, uphinde awubhubhise ngozamcolo; ukwazi ukuhlenga sonke isintu, unganqoba futhi ubhubhise sonke isintu. Wonke lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu Uqobo futhi akekho obengakwazi ukuwenza esikhundleni sikaNkulunkulu ngaphandle Kwakhe. UMoya Wakhe ungabizwa ngegama likaJehova nelikaJesu kuhlanganise nelikaMninimandla Onke. UyiNkosi noKristu. Ungaba nayiNdodana yomuntu. Usemazulwini nasemhlabeni; usezindaweni eziphezulu kakhulu emkhathini nasezixukwini. Uwukuphela kweNkosi yamazulu nomhlaba! Kusukela ngenkathi yokudala kuze kube manje, lo msebenzi ubulokhu wenziwa uMoya kaNkulunkulu Uqobo. Emisebenzini yasezulwini noma enyameni, yonke le misebenzi[b] yenziwa yilo Moya Wakhe. Zonke izidalwa, kungakhathaliseki ukuthi zisezulwini noma emhlabeni zisentendeni yesandla sikaMninimandla Onke; konke lokhu kuwumsebenzi kaNkulunkulu Uqobo futhi akekho ongakwazi ukuwenza esikhundleni Sakhe. Emazulwini, unguMoya abuye abe nguNkulunkulu Uqobo; phakathi kwabantu, uyinyama kodwa aqhubeka enguNkulunkulu Uqobo. Nakuba ebizwa ngamagama amaningi, usenguye Uqobo futhi yonke imisebenzi Yakhe ibonakalisa amandla oMoya Wakhe. Ukusindiswa kwabantu ngokubethelwa esiphambanweni kwakuwukusebenza koMoya Wakhe, kanye nokushumayela ezizweni zonke nasemhlabeni wonke ngezinsuku zokugcina. Ngaso sonke, isikhathi uNkulunkulu angabizwa ngokuthi uMninimandla Onke, uNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu okuwuphela Kwakhe. Ngakho ayikho imfundiso yabantu abahlukene, ingasaphathwa-ke le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele! KunoNkulunkulu oyedwa ezulwini nasemhlabeni!
Uhlelo kukaNkulunkulu lokuqondisa ludonsa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha futhi luhlukaniswe lwaba yizinkathi ezintathu zokuhluka ngokomsebenzi Wakhe: Inkathi yokuqala ibizwa ngokuthi yiNkathi Yomthetho YeTestamente Elidala; eyesibili yiNkathi Yomusa; kanti eyesithathu eyokugcina iphakathi nezinsuku zokugcina—yiNkathi Yombuso. Enkathini ngayinye kunesiqu esihlukile esivezwayo. Lokhu kwenzeka ngenxa yokwehluka komsebenzi, okusho izimfuno zomsebenzi. Isigaba sokuqala somsebenzi ngeNkathi Yomthetho senzeka kwa-Israyeli, isigaba sesibili senziwa lapho kuphothulwa inqubo yokusindisa kwaJuda. Le nqubo yenzeka ngokuthi uJesu azalwe ngoMoya oNgcwele njengeNdodana. Konke lokhu kwenzeka ngenxa yemfuneko yomsebenzi. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ufisa ukuwandisa umsebenzi Wakhe uze ufinyelele kwabeZizwe futhi kuzuzwe bonke abantu khona, ukuze igama Lakhe libe likhulu phakathi kwabo bonke. Ufisa ukuqondisa umuntu ekuqondeni lonke iqiniso nendlela yokuphila. Wonke lo msebenzi wenziwa nguMoya owodwa. Nakuba ekwenza lokhu ngezindlela azingefani, imigomo yomsebenzi yona ayishintshi. Lapho uhlolisisa imigomo nohlobo lomsebenzi abawenzile, uzokwazi ukuthi konke kwenziwe uMoya owodwa. Kodwa abanye basangase bathi: “UYise unguYise; iNdodana iyiNdodana; uMoya oNgcwele unguMoya oNgcwele, ekugcineni, bazokwenziwa babe munye.” Kodwa ungabenza kanjani babe munye? UYise noMoya oNgcwele kungenziwa kanjani kube munye? Uma kokubili kuye kwahlanganiswa, kungakhathaliseki ukuthi kuhlanganiswe kanjani, ngeke yini kuqhubeke kuyizingxenye ezimbili? Uma uthi benziwa babe Munye, akukhona yini lokho ukuhlanganisa izinto ezimbili? Kodwa bebengeve yini bebabili ngaphambi nokuhlanganiswa, isimo soMoya ngamunye wehlukile, futhi imiMoya emibili ngeke ihlanganiswe. UMoya awufani nento ephathekayo futhi awufani nalutho olukhona emhlabeni. Abantu bathi, uYise unguMoya, iNdodana nayo ingumoya kanye nawo uMoya bathi ungomunye uMoya, bese bethi lemiMoya iyahlanganiswa engilazini yamanzi kube uMoya owodwa, akukona yini ukuthi lapha kuhlanganiswe izinto ezintathu? Lena yincazelo engamanga ngokusobala! Lo Nkulunkulu akahlukaniswa phakathi? UYise, yiNdodana noMoya kungahlanganiswa kanjani kube kunye? Akuzona yini izingxenye ezintathu zezimo ezehlukene? Kusekhona nalabo abathi, “UNkulunkulu akashongo yini ngokusobala ukuthi uJesu uyiNdodana Yakhe ethandekayo?” UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ajabula kakhulu ngayo—lokhu kwakhulunywa nguNkulunkulu Uqobo. Empeleni uNkulunkulu wayekhuluma Ngaye, ngendlela eyehlukile, kufana ngokuthi uMoya osezulwini unikeza ubufakazi bukaNkulunkulu esesimweni somuntu Ngokwakhe. UJesu enguNkulunkulu osesimweni somuntu Ngokwakhe, hhayi iNdodana Yakhe esezulwini. Uyakuqonda lokho? La mazwi kaJesu athi: “NgikuBaba, noBaba ukimina,” awasho yini ukuthi banguMoya owodwa? Akukona yini ukuthi ngokwesimo somuntu sikaNkulunkulu wazihlukanisela ezulwini nasemhlabeni? Eqinisweni, bamunye; kungakhathaliseki ukuthi isimo sinjani, kumanje nje kunguNkulunkulu ofakaza ngaye Ngokwakhe. Uyaziguqula ngokushintsha kwenkathi ngayinye, ngokuya kwemfuneko yomsebenzi ngokwezigaba ezehlukahlukene ngokwentando Yakhe, njengoba namagama abantu abambiza ngawo nawo eshintsha. Lapho eqala isigaba sokuqala somsebenzi Wakhe, wayebizwa ngokuthi uJehova, uMalusi wama-Israyeli. Esigabeni sesibili, yawebizwa ngokuthi iNkosi noKristu. Kodwa ngaleso sikhathi, uMoya osezulwini wathi uyiNdodana ethandekayo kaNkulunkulu, awushongo ukuthi uwukuphela kweNdodana kaNkulunkulu. Lokhu akwenzekanga. UNkulunkulu angaba kanjani nomntwana oyedwa? Ingabe uNkulunkulu waphenduka waba umuntu? Ngenxa yokuthi wayekwesinye isimo, wayebizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ngenxa yalokhu, kube sekuvela ubuhlobo phakathi kukaYise neNdodana. Lokhu kwakubangelwa ukwehlukana kwezulu nomhlaba. UJesu wathandaza esesimweni senyama. Njengoba ayembethe inyama yobuntu obujwayeleke kangaka, wakhuluma la mazwi esesimweni somuntu: “Umzimba wami ufana nodaliwe. Njengoba ngembatha wona ukuze ngize emhlabeni, manje ngikude kakhulu nezulu.” Ngenxa yaleso sizathu, wayengathandaza kuNkulunkulu uYise esesimweni sokuba wumuntu. Lona kwakungumsebenzi Wakhe, ukuze kufezeke injongo kaNkulunkulu. Ngeke sithi akayena uNkulunkulu ngenxa yokuthi wathandaza kuYise esesimweni somuntu. Nakuba ebizwa ngeNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, usenguye uNkulunkulu, usesimweni sokuba wuMoya futhi uyingxenye yawo. Abantu bazibuza ukuthi kungani ethandaza uma enguNkulunkulu. Kungenxa yokuthi usesemweni senyama, uNkulunkulu uphila enyameni, akuwona umoya osezulwini. Abantu bathi uYise, iNdodana noMoya oNgcwele kwakha uNkulunkulu oyedwa. Bobathathu benziwa bayahlanganiswa babe munye babizwe ngoNkulunkulu, ngenxa yalokho, ingabe usenawo amandla amakhulu. Kunalabo futhi abathi kungenxa yaleso sizathu enguMoya onamandla. Lapho iNdodana ithandaza ngokuza kwayo, empeleni yayikhuluma isesimweni somuntu wenyama. Ngoba inyama ayiphelele, yayingaphelele futhi inobuthaka lapho ingena enyameni, futhi yayihlupheka njengoba yayiqhubeka nomsebenzi Wayo enyameni. Yingakho yathandaza kuNkulunkulu uYise ngaphambi kokubethelwa Kwayo, futhi yathandaza izikhathi eziningi ngaphambi kwalokho. Yathandaza inabafundi Bayo; yathandaza iyodwa entabeni; yathandaza isesikebheni sokudoba; yathandaza phakathi kwezixuku; yathandaza lapho ihlephula isinkwa; futhi yathandaza lapho ibusisa abantu. Kungani yenza kanjalo? Ngenxa yokuthi yayithandaza kuMoya, kuNkulunkulu ezulwini, isesimweni senyama. Ngakho ngokombono wabantu, uJesu waba yiNdodana kuleso sigaba somsebenzi, nokho, phakathi nalesi sigaba akathandazi, kungani? Kungenxa yokuthi into ayibeka kuqala umsebenzi wezwi, nesahlulelo kanye nokusola kwalo. Asikho isidingo sokuba athandaze, ngoba inkonzo Yakhe ukukhuluma. Akabethelwa esiphambanweni, futhi labo abasemagunyeni abambambi. Uyaqhubeka nomsebenzi wakhe. Lapho ethandaza, wayethandaza kuNkulunkulu uYise ngokuza kombuso wamazulu, ukwenziwa kwentando kaYise kanye nokuza komsebenzi. Kuleli zinga, umbuso wawusufikile kakade, ingabe-ke wayesenaso isidingo sokuthandaza? Umsebenzi wakhe, ukuqeda inkathi, futhi azisekho ezinye izinkathi ezintsha, ingabe-ke sikhona isidingo sokuthandazela isigaba esilandelayo? Empeleni, asikho isidingo salokho!
Kuningi ukuphikisana ezincazelweni zabantu. Empeleni, lena kumane kuyimibono yabantu; engahlolisisiwe, ningase nicabange ukuthi iyiqiniso. Anazi yini ukuthi le mfundiso kaZiqu Zintathu iwumbono wabantu? Ulwazi lomuntu aluphelele. Umbono wakhe uhlale unganembile, futhi umuntu unemibono eminingi; lokhu kufakazela ukuthi usidalwa esingumuntu ngeke sikwazi ukuchaza imisebenzi kaNkulunkulu. Kuningi okusezingqondweni zabantu, kodwa okuphikisana neqiniso. Ingabe indlela yakho yokucabanga iyakubonisa imisebenzi kaNkulunkulu? Uyayiqonda yini yonke imisebenzi kaJehova? Ingabe nguwe yini njengomuntu okwazi ukukubona konke, noma ingabe nguNkulunkulu okwazi ukubona konke, kusukela phakade kuze kube phakade? Ingabe nguwe okwazi ukubona ezikhathini zakudala kuze kube sesikhathini esizayo, noma ingabe nguNkulunkulu okwazi ukwenza kanjalo? Ngakho-ke uthini? Ungamchaza kanjani uNkulunkulu? Futhi isekelwephi leyo ncazelo yakho Ngaye? Ingabe wena unguNkulunkulu? Amazulu nomhlaba nakho konke okukuwo kwadalwa uNkulunkulu. Akuwena owenza lezi zinto, pho kungani unikeza izincazelo ezingelona iqiniso? Ingabe namanje usakholelwa kuZiqu Zintathu? Awucabangi ukuthi le nkolelo iyinkinga? Kungaba kuhle ukuba manje ukholelwe kuNkulunkulu oyedwa, hhayi kwabathathu. Kuhle ukuba ngukukhanya, ngoba umthwalo weNkosi ulula.
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wokuqala awunalo igama elithi “emsebenzini.”
b. Umbhalo wokuqala awunalo igama elithi “emsebenzini.”
0 notes
Text
Ncandweni Christ Ambassadors - Wakhazimula UJesu
Ncandweni Christ Ambassadors – Wakhazimula UJesu
Ncandweni Christ Ambassadors – Wakhazimula UJesu Mp3 Download
Ncandweni Christ Ambassadors – Wakhazimula UJesu Mp3 Fakaza: Ncandweni Christ Ambassadors releases another of his new 2020 song which his tilted Wakhazimula UJesu off Album Munye Umlamleli (1 Timothy 2 VS 5,4,3).
Stream, Listen Download Wakhazimula UJesu Mp3 Download, 320kbps 2020 Album datafilehost CDQ Descarger Itunes.
View On WordPress
#Ncandweni christ ambassadors#ncandweni christ ambassadors 2018#ncandweni christ ambassadors adam#ncandweni christ ambassadors akasoze angidele lyrics#ncandweni christ ambassadors albums#ncandweni christ ambassadors albums mp3 download#ncandweni christ ambassadors alikho igama#ncandweni christ ambassadors all albums#ncandweni christ ambassadors all songs#ncandweni christ ambassadors amandla okuphila#ncandweni christ ambassadors angeke sikhothame#ncandweni christ ambassadors asikho isihlobo#ncandweni christ ambassadors baba hlala nathi#ncandweni christ ambassadors bakhiphe moses#ncandweni christ ambassadors bakhiphe moses album#ncandweni christ ambassadors bakhiphe moses mp3 download#ncandweni christ ambassadors bheka kuhle#ncandweni christ ambassadors bika kujesu mp3 download#ncandweni christ ambassadors breaking the spirit of failure#ncandweni christ ambassadors buya nkosi jesu#ncandweni christ ambassadors buya nkosi jesu album#ncandweni christ ambassadors buya nkosi jesu album download#ncandweni christ ambassadors christ died for me#ncandweni christ ambassadors latest album#ncandweni christ ambassadors new album#Ncandweni Christ Ambassadors songs#ncandweni christ ambassadors uyalalelwa#ncandweni christ ambassadors wakhazimula ujesu
0 notes