#abahlala
Explore tagged Tumblr posts
Photo
BACA : https://kridhamataram.suaramerdekasolo.com/2019/11/28/abah-lala-masih-jualan-cendol-dawet/ @abahlala_86 @abah.lala_com @abahlalafans.id @abahlala_234 @thesunanhotel @imperialtaste_sunanhotel #abahlala86 #abahlala_86 #abahlala #thesunanhotel #sunanhotel (di Pantai Gunung Kidul) https://www.instagram.com/p/B5aJrQrnRvX/?igshid=lm1xtvptsfyl
0 notes
Photo
Arcobaleno Laweyan Jl. Dr. Radjiman 553 Laweyan Surakarta 57148 Buka jam 09.00 - 21.00 WA 0877-3500-1133 Masih bingung cari kebaya yang cocok untuk acara wisuda, pesta, dll?? buruan ke Arcobaleno saja atau bisa klik link dibawah ini : lazada : https://www.lazada.co.id/shop/arcobaleno-batik-kebaya-bridal tokopedia : https://www.tokopedia.com/arcobalenosolo shopee : https://shopee.co.id/arcobalenosolo #kebayaums #kebayauns #kebayaguru #hariguru #hutkorpri #kebayakorpri #kebayaseragam #kebayakondangan #kebayapesta #kebayabrokat #atasanbrokat #kebayakutubaru #kebayakatun #kebayalamaran #kebayapnssolo #kebayaputihpns #kebayapns #kebayaguru #grosirkebaya #abahlala #infosukoharjo #rabuberkebaya #ayoberkebaya #minggubuka #lembahmanah https://www.instagram.com/p/B5JmoabgxPc/?igshid=h34pzv4zsy8x
#kebayaums#kebayauns#kebayaguru#hariguru#hutkorpri#kebayakorpri#kebayaseragam#kebayakondangan#kebayapesta#kebayabrokat#atasanbrokat#kebayakutubaru#kebayakatun#kebayalamaran#kebayapnssolo#kebayaputihpns#kebayapns#grosirkebaya#abahlala#infosukoharjo#rabuberkebaya#ayoberkebaya#minggubuka#lembahmanah
0 notes
Video
Viral lagu Ojo Dibandingke The Voice Europe (hobislot77)
Viral lagu Ojo Dibandingke karya Abah Lala dinyanyikan di ajang pencarian bakat The Voice Europe #abahlala #abahlalaojodibandingke #lawak #ojodibandingke #ojodibandengke #lagujawa #lagujawaviraltiktok#hobislot77#hobislot77gacor
0 notes
Photo
04 June 2022: Lubeyimpumelelo usuki lwanamuhla, labesikhuculula igumbi elilodwa esizobambelakulo umhlangano wolusha MEETING: Ndlovuzulu Youth Development Project , siphiphende sikubeke kucace lokho: esikubone esikoleni kuyashaqisa futhi kukwenza usale UBAMBE ONGEZANSI, lesikole awukapheli unyaka sivaliwe kepha sekuyabonakala ukucekeleka phansi kwaso, singabala amafasitela abulewe, sibale izicabha ezibulewe, sibale nje nokucekeleleka phansi kwaso isakhiwo sisonke, abanye bashiya indle khona emakilasini, abanye sebephendula amanye amagumbi indawo yokulahla imfucuza, ayike eyomeno, umeno igqiba inkomo nkosimpela. Kodwa phezukwalezozinqinamba ithimba ebeliyokhuculula, lisebenze ngokuzikhandla libambisene naye uProject Director msalofu uThubalethu Shange obephelezelwa amabhoxongwana aseqenjini elisanda kusungulwa lwabasubathi abashafufusa elizibiza Ndlovuzulu Athletic Club "NAC ngamafuphi". Leliqembu kubalwa abafana abazinikele ekuthithukiseni izimpilo zabo bahlale bephilile ngako ukuzivocavoca. Ngokuzisholo kukaKaputeni wabo uthi" ngokubona uThuba Explourer ezama ukubeka kwibalazwe indawo yaseNdlovuzulu nabo baqoke ukuba bacele yena lomshovi osezakhele udumo ukuba abasize ekusunguleni iNAC (Ndlovuzulu Athletic Club). Ngokuzithoba Kanye nokukholelwa ekuthithukiseni amakhono, uThubalethu (Mathuba) usithathele phezulu wasithakasela isicelo salabafanyana abahlala khona eNdlovuzulu esigcemeni saseLoxion phansi eNqayini mawehla ngoDurban Street osuka eThafeni". Bekuyoyo iNAC ebibambisene noMathuba ekukhucululeni ikilasi nahla ngethemba lokuthi ulusha (Youth) yendawo namaphethelo izophuma ngobuningi bayou izothamela INGQOPHAMLANDO yokuthuthukiswa kwayo intsha yesigodi ngokohlelo lokuzisungulela ingqayizivele yebhizinisi lwezolimo kusetshenziswa Sona lesikole uKufakwakhe umnyango wezemfundo osesivale thaqa . Naba esidlulisa ukubonga ngosuku lwanamuhla: Khumbulani Cele, Swaphiwe Cele, Anele Dlamini, Thubalethu Shange & Busani Cele Siphinde sidlulise nokukhulu ukubonga kuMiss Zabiwe Mqadi ehlangene noMr Thubalethu Shange okuyobo abayivisile inyamazane (PROJECT DIRECTORS) More on: (at Mqangqala S.t Faiths) https://www.instagram.com/p/CeaGWCVqb0a/?igshid=NGJjMDIxMWI=
0 notes
Text
Isahluko 15
Isahluko 15
Umuntu yisidalwa esingazazi. Yize engazazi, kodwa abanye abantu ubazi njengentende yesandla sakhe, njengokungathi bonke badlule kuye “wabahlola” base bephasiswa nguye ngaphambi kokusho noma ukwenza okuthile, kanjalo sengathi ubakale bonke isimo sabo sengqondo. Bonke abantu banjalo. Umuntu ungene eNkathini yoMbuso namuhla, kodwa indalo yakhe ayiguquki. Usaqhubeka nokwenza ngendlela engenza ngayo phambi Kwami, kodwa uma ngingabhekile wenza “ibhizinisi” lakhe elihlukile. Uma sekuphelile lokho, uyabuya eze Kimi, kodwa, usengumuntu ohlukile, obukeka ezolile, eqoqekile, ukushaya komthambo kulungile. Akusikho lokhu okwenza umuntu anyanyise? Bangaki abantu abanobuso obubili obuhlukile, obunye phambi Kwami nobunye uma ngifulathele? Bangaki ababa njengamazinyane asanda kuzalwa phambi Kwami kodwa uma ngifulathele baba yizingwe ezilambile, bese beba njengezinyoni ezincane ezindiza kamnandi emagqumeni? Bangaki abakhombisa ukuba nenhloso nezinqumo phambi Kwami? Bangaki abeza phambi Kwami, befuna amazwi Ami bewomele futhi bewanxanele kodwa, uma ngifulathele, bayakhathala yiwo bawalahle, kungathi amazwi Ami ayabagqilaza? Izikhathi eziningi, ngibona abantu bekhohlakaliswa yisitha Sami, ngaphonsa ithawula ekubekeni ithemba Lami kubantu. Izikhathi eziningi, ngibona abantu beza phambi Kwami bekhala becela intethelelo, kodwa ngenxa yokungazihloniphi, ukuba nenkani okungalungiseki, sengivale amehlo Ami kulokhu akwenzayo ngenxa yentukuthelo, yize noma inhliziyo yakhe iqotho nezinhloso zakhe ziyiqiniso. Izikhathi eziningi, ngibona abantu benalo ithemba lokubambisana Nami, nokuthi wenza kanjani ukuthi phambi Kwami kube sengathi uyalala esifubeni Sami, enambitha imfudumalo yokumgona Kwami. Izikhathi eziningi, ngibona ubumsulwa, ukuphila, nokuthandeka kwabantu Bami abakhethiwe, enhliziyweni Yami ngiyathokoza uma ngibona lezi zinto. Abantu abazi ukuthi bangazithokozela kanjani izibusiso engibabekele zona ezandleni Zami, ngoba abazi ukuthi kusho ukuthini ukubusiseka noma ukuhlupheka. Ngenxa yalokhu, abantu bakude ekungifuneni ngeqiniso. Uma ngabe ibingekho into okuthiwa ikusasa, kini enimi phambi Kwami, ubani ongaba mhlophe njengeqhwa, angabi nabala njenge-jade? Ngiqinisekile uthando eninalo Ngami akuyona into engashintshaniswa ngesidlo esimnandi, noma ngezimpahla zokugqoka zezinga eliphezulu, noma ihhovisi elikhulu eliholela kahle? Noma, lungashintshaniswa nothando abanye abanalo ngawe? Ngiqinisekile, ukudlula ekulingweni angeke kwenze umuntu alahle uthando analo Ngami? Ngiqinisekile, inhlupheko nokulingwa angeke kwenze umuntu akhalaze ngalokhu engikuhlelile? Akekho umuntu owake wabonga inkemba esemlonyeni Wami: Wazi kuphela lokhu okuyichazayo okungaphandle ngaphandle kokuqonda ingaphakathi layo. Uma abantu bebekwazi ngempela ukubona ubukhali benkemba Yami, bebeyobalekela emigodini yabo njengamagundane. Ngenxa yokungazweli kwabo, abantu akukho abakuqondayo ngencazelo eyiqiniso yamazwi Ami, ngakho-ke abazi ukuthi amazwi Ami ajule kangakanani, noma aveza okungakanani ngendalo yabo, nokuthi inkohlakalo engakanani eseyehlulelwe, kulawo mazwi. Ngenxa yalokhu, ngokubheka ulwazi oluncane abanalo ngamazwi Ami, abantu abaningi bathathe isimo sokuba ndikindiki nokungafuni ukuzibophezela.
Embusweni, akuphumi kuphela amazwi emlonyeni Wami, kodwa izinyawo Zami zinyathela ngeqholo yonke indawo emhlabeni. Ngale ndlela, nginyathela phezu kwazo zonke izindawo ezingcolile nezingahlanzekile, ukuze kungaguquki izulu kuphela, kodwa nomhlaba usendleleni yokuguquka, maduze uzokwenziwa ube musha. Emkhathini, yonke into iba yintsha ekukhanyeni kwenkazimulo Yami, iveza ingxenye ethokomalisa inhliziyo ejabulisa kakhulu imizwa ivuselele nomoya, kube sengathi manje ihlala ezulwini elingaphezulu kwamazulu, njengoba kucatshangwa umcabango wabantu, kungahlushwa uSathane, kukhululekile ekuhlaselweni izitha ezingaphandle. Phezu komkhathi, inqwaba yezinkanyezi zithatha indawo eziqokelwe yona ngokusho Kwami, zikhanyisa ukukhanya kwazo ezifundeni zezinkanyezi ngamahora obumnyama. Akekho noyedwa umuntu ofuna ukugcina imicabango yokungalaleli, ngakho-ke, ngokuhambisana nobuqu bomyalelo Wami wokuphatha, umhlaba wonke ulawulwa kahle futhi usahamba ngohlelo olufanele: Akukho ukuphazamiseka okube khona, futhi ubunye bomkhathi abukaze bunqamuke. Ngikhipha amagxathu andizayo ngaphezu kwezinkanyezi, futhi uma ilanga likhipha imisebe yalo, ngivimba ukufudumala kwayo esibhakabhakeni, ngikhiphe iziwombe ezinkulu zokukhithika kweqhwa okukhulu njengezimpaphe zehansi eziphuma ezandleni Zami. Kodwa uma ngiguqula umqondo Wami, lonke iqhwa lincibilikela emfuleni. Ngokuphazima kweso intwasahlobo ibe isifikile kuyo yonke indawo ngaphansi kwesibhakabhaka, bese uhlaza olucwebile luguqula konke emhlabeni. Ngiyazulazula esibhakabhakeni, ngokushesha, umhlaba wembozwe ubumnyama ngenxa yomumo Wami: ngaphandle kwesexwayiso, “ubusuku” bufikile, emhlabeni wonke kumnyama ngangokuthi akekho obona isandla esiphambi kobuso bakhe. Ngokufiphala kokukhanya, abantu bathatha ithuba benze izinto ezizobabhubhisa, bentshontshelana bodwa. Izizwe zomhlaba zibe nokwahlukana obuxakalala, zangena esiyaluyalwini sodaka, kuze kube ukuthi azisahlengeki. Abantu bayazabalaza ekuhluphekeni, bakhale ekuhluphekeni, balile ngenxa yenhlupheko, befisa ukuthi kufike ukukhanya futhi phakathi kwabo kuphele izinsuku zobumnyama kubuyiswe impilo ebike yaba khona. Kodwa kade ngibashiyile abantu ngokuphebeza ingalo Yami, angeke ngiphinde ngimzwele ngenxa yobubi bomhlaba: Kade futhi ngabanyanya futhi ngabadikila abantu emhlabeni wonke, ngavala amehlo Ami ezimweni zomhlaba, ngafulathelisa ubuso Bami kukho konke ukuhamba komuntu, konke ukunyakaza kwakhe, ngayeka ukuthokoziswa ubungane bakhe nobumsulwa bakhe. Sengiqale olunye uhlelo lokwenza umhlaba ube musha, ukuze lo mhlaba omusha uthole ukuzalwa kabusha ngesikhathi esingalindelekile ungabe usacwila emanzini. Phakathi kwabantu, zingaki izimo ezingajwayelekile ebezilinde ukuthi ngizilungise, mangaki amaphutha okumele ngize Mina uqobo ngizowavimba ukuthi angenzeki, zingakanani izintuli okumele ngizisuse, zingaki izimfihlakalo okumele ngizembule: Bonke abantu balinde Mina, bafisa ukufika Kwami.
Emhlabeni, nginguNkulunkulu owenzayo uqobo Lwakhe ezinhliziyweni zabantu; ezulwini, ngiyiNkosi yazo zonke izidalwa. Ngiqwale izintaba ngawela nemifula, futhi ngingenile ngaphinde ngaphuma phakathi kubantu. Ubani ongalinge aphikise uNkulunkulu owenzayo uqobo Lwakhe? Ubani ongalinge aphume ebukhosini bukaSomandla? Ubani ongalinge afunge agomele, ngaphandle kokungabaza, ukuthi ngisezulwini? Futhi, ubani ongafunga agomele, ngaphandle kwephutha nelincane leli, ukuthi ngisemhlabeni? Akekho kubo bonke abantu okwaziyo ukuchaza imininingwane yezindawo engihlala kuzo. Kungenzeka yini ukuthi uma ngisezulwini, ngiba uNkulunkulu onamandla adlula awemvelo oqobo Lwakhe? Kungenzeka yini ukuthi uma ngisemhlabeni, ngiba uNkulunkulu owenzayo uqobo Lwakhe? Ukuthi nginguMbusi wazo zonke izidalwa, noma ngibona ukuhlupheka komhlaba wabantu – ngiqinisile lezi zinto ngeke kube yizo ezishoyo ukuthi nginguNkulunkulu owenzayo uqobo Lwakhe noma cha? Uma umuntu ecabanga kanjalo,[a] akenganyelwe ubumnyama kukho konke anethemba kukho? Ngisezulwini; futhi ngisemhlabeni; ngiphakathi kwezinto eziningi ezidaliwe, naphakathi kwezinkumbi zabantu. Umuntu angangithinta zonke izinsuku; ngaphezu kwalokho, angangibona zonke izinsuku. Ngokwabantu, kwesinye isikhathi ngifihlekile kanti kwesinye ngiyabonakala; ngibonakala sengathi ngikhona ngempela, kodwa kokunye angikho. Kimi kukhona izimfihlakalo abantu abangaziqondi. Kuba ngathi bonke abantu bayangilunguza ngesibona-khulu ukuze babone ezinye izimfihlakalo Kimi, benethemba lokuthi bazoqeda lo muzwa wokungaqondi ezinhliziyweni zabo. Kodwa ngisho bengasebenzisa umshini i- fluoroscope, abantu bangazithola kanjani izimfihlo ezivaleleke Kimi?
Uma abantu Bami, ngomsebenzi Wami, bekhazimuliswa kanye Nami, ngaleso sikhathi isigodlo sikadrago omkhulu obomvu sizombululwa, lonke udaka nokungcola kuzoguguleka, namanzi angcolile, avele eminyakeni eminingi edlule, azokonyiswa umlilo Wami ovuthayo, angabe esaba khona. Ngemva kwalokho, udrago omkhulu obomvu uzobhujiswa esithandweni somlilo nesibabule. Ngabe nizimisele ngeqiniso ukuhlala ngaphansi kweso Lami elibukhali ukuze ungahlwithwa ngudrago? Ngabe niwazonda ngempela amaqhinga akhe enkohliso? Ubani ozoma aqine angifakazele? Ngenxa yegama Lami, ngenxa yoMoya Wami, ngenxa yalo lonke uhlelo Lwami lokuphatha – ubani okwazi ukunikela amandla akhe onke asemzimbeni wakhe? Namuhla, lapho umbuso usemhlabeni wabantu, yisikhathi engize ngaso mathupha emhlabeni wabantu. Ngabe ukhona ongaba nesibindi angene empini egameni Lami? Ukuze umbuso uzothola umumo wawo, ukuze inhliziyo Yami izoneliseka, futhi, ukuze usuku Lwami luzofika, ukuze isikhathi sizofika lapho izinto eziningi ezidaliwe zizozalwa kabusha zikhule zande, ukuze umuntu akhululwe olwandle lwenhlupheko, ukuze ikusasa lifike, kube mnandi, lichume, futhi ukuze injabulo yesikhathi esizayo izofezeka, bonke abantu bazama ngamandla abo wonke, bengashiyi lutho ekuzikhandleni kwabo bezikhandlela Mina. Lokhu akulona uphawu lokuthi ukunqoba sekungokwami, nophawu lokupheleliswa kohlelo Lwami?
Uma abantu behlala kakhulu ezinsukwini zokugcina, kulapho bezozwa khona ukungabi nalutho komhlaba futhi bazophelelwa isibindi sokuphila impilo. Ngalesi sizathu, abantu abaningi babulawe ukuphoxeka, abaningi babo baphoxekile endleleni yabo, abaningi bazihlukumeze ngokuthi bakhohliseke esandleni sikaSathane. Ngikhulule abantu abaningi, ngeseka abaningi, kanti kaningi, uma abantu sebelahlekelwe ukukhanya, ngibabuyisele endaweni yokukhanya, ukuze bazongazi ekukhanyeni, bangithokozele enjabulweni. Ngenxa yokufika kokukhanya Kwami, kuba nokungithanda ezinhliziyweni zabantu abahlala embusweni Wami, ngoba nginguNkulunkulu wokuthi abantu bamthande, uNkulunkulu abantu ababambelela Kuye ngothando, bese beba nesithombe somumo Wami. Kodwa uma sekwenzekile konke, akekho oqondayo ukuthi ngabe lokhu kungumsebenzi kaMoya, noma ngumsebenzi wenyama. Lokhu kukodwa kwanele ukuthi umuntu abone imininingwane yomzuzu ekuhambeni kwempilo. Umuntu akakaze angenyanye ekujuleni kwenhliziyo yakhe; kodwa ubambelela Kimi ekujuleni komoya wakhe. Ubuhlakani Bami bukhulisa uthando, izimangaliso engiyenzayo yidili emehlweni akhe, amazwi Ami ayawuhlupha umqondo wakhe, yize kunjalo uyawanakekela. Uqobo Lwami lwenza umuntu aphelele amandla, ashaqeke futhi adideke, kodwa yize kunjalo uzimisele ukukwamukela konke. Ngabe lokhu akusona isilinganiso esinembile somuntu njengoba enjalo?
KuNdasa 13, 1992
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wasekuqaleni uthi “Uma umuntu ecabanga kanjalo.”
0 notes
Text
4. Ukubaluleka kokwahlulela kukaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina kungabonakala emiphumeleni efezwe ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina
(1) Umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina wenzelwa ukuhlanza, ukusindisa kanye nokuphelelisa umuntu, kanye nokwenza iqembu labanqobayo.
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Ngenxa yokuthi niligcinile izwi lokubekezela kwami, Nami ngizonigcina ngehora lokulingwa, elizofika ezweni lonke, ukubalinga labo abahlala emhlabeni. Bheka, ngiyeza masinyane: bambelela kulokho onakho, ukuze kungabi namuntu ozothatha umqhele wakho. Lowo onqobayo ngizomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi angeke esaya ngaphandle: futhi ngizobhala kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, okuyiJerusalema elisha, elizovela ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobe sengibhala kuye igama lami elisha” (IsAmbulo 3:10-12).
“Laba yilabo abangazange bangcoliswe yisifazane; ngoba basemsulwa. Labo yilabo abalandela iWundlu lapho liya khona. Laba bahlengwa phakathi kwabantu, bayizithelo zokuqala kuNkulunkulu nakuWundlu. Kanti emilonyeni yabo akutholakalanga manga: ngoba abanasici phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu” (IsAmbulo 14:4-5).
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Namuhla uNkulunkulu uyasahlulela, futhi anisole, futhi anilahle, kodwa yazi ukuthi ukulahlwa kwakho kwenzelwa ukuba ukwazi ukuzazi. Ukulahlwa, isiqalekiso, isahlulelo, ukusolwa konke lokhu kwenzelwa ukuba uzazi, ukuze isimo sakho sikwazi ukuguquka, futhi ngaphezu kwalokho, ukuze uzazi ukuthi ubaluleke kangakanani, futhi ubone ukuthi zonke izenzo zikaNkulunkulu zilungile, futhi zihambisana nesimo Sakhe nezidingo zomsebenzi Wakhe, ukuthi usebenza ngokuhambisana necebo Lakhe lensindiso yabantu, futhi ukuthi unguNkulunkulu olungileyo othanda abantu, nosindisa abantu, owahlulela futhi asole abantu. Uma nje bewazi ukuthi unesikhudla esiphansi, nokuthi ukhohlakele futhi awulaleli, kodwa awazi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukucacisa insindiso Yakhe ngokwahlulela nokusola akwenza kuwe namuhla, ngeke ube nayo indlela yokuzwa, okungenani ukwazi ukuqhubekela phambili. UNkulunkulu akezelanga ukuzobulala, noma ukubhubhisa, kodwa ukukwahlulela, ukusola, nokusindisa. Ngaphambi kokuphothula uhlelo Lwakhe lokuphatha oluneminyaka engu-6000 ngaphambi kokuba acacise isiphetho sesigaba ngasinye sabantu. Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ungenxa yensindiso, konke kwenzelwa ukwenza labo abamthandayo baphelele ngokugcwele, nokubabuyisela embusweni Wakhe. Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu, konke kwenzelwa ukuthi bahlukane nemvelo kaSathane endala; okungukuthi, ubasindisa ngokubenza bafune impilo. Uma ungafuni ukuphila ngeke ube nendlela yokwamukela insindiso kaNkulunkulu. Insindiso umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe futhi ukufuna impilo yinto abantu okufanele babe nayo ukuze bamukele insindiso. Emehlweni abantu, insindiso iluthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu alikona ukusola, ukwahlulela, nokuqalekisa; insindiso kufanele ibe nothando, ububele, futhi, ngaphezu kwalokho, amazwi enduduzo, futhi kufanele lube nezibusiso ezingenamkhawulo oziphiwa uNkulunkulu. Abantu bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu esindisa abantu ukwenza lokhu ngokubathinta futhi abenze banikele ngezinhliziyo zabo kuYe, ngezibusiso nomusa Wakhe. Okungukuthi, uma ethinta abantu uyabasindisa. Insindiso enjengale yinsindiso lapho kunokuhweba okuqhubekayo. Uma nje uNkulunkulu ekupha kona kuphinda phindwe ngamakhulu lapho abantu bengena ngaphansi kwegama likaNkulunkulu, futhi bazame ukwenza kahle kuNkulunkulu futhi bamnike udumo. Lokhu akuyona intando kaNkulunkulu kubantu. UNkulunkulu ufike emhlabeni ukuzosebenza ukuze asindise abantu abakhohlakele—awekho amanga kulokhu; uma kungenjalo, ngokuqinisekile ngeke azokwenza umsebenzi Wakhe ngoKwakhe. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane, nikwazi lokho kungakhathaliseki ukuthi amazwi Ami alukhuni kangakanani, okwehlela kunina kungamagama nje alukhuni kakhulu kunina, nazi ukuthi, akukhathaliseki ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwami, okwehlela nina kusangamazwi emfundiso Yami, akuyona inhloso yami ukunilimaza, noma ukunibhubhisa. Akulona iqiniso leli? Nazi ukuthi namhlanje, noma isahlulelo esilungile noma ukungabi nanhliziyo noma ukusola, konke kungenxa yensindiso. Akukhathaliseki noma namuhla kunohlelo lomuntu ngamunye ngokwemvelo yakhe, noma ukuveza obala izinhlobo zabantu, zonke izinkulumo zikaNkulunkulu ngomsebenzi zenzelwa ukusindisa labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu. Isahlulelo esilungile senzelwa ukuhlanza abantu, ukulungiswa kwenhliziyo embi kwenzelwa ukuhlanzwa kwabantu, amazwi alukhuni noma ukusola konke kwenzelwa ukuhlanza, nangenxa yensindiso. Futhi, indlela yensindiso ayifani nesikhathi esedlule. Namuhla, isahlulelo esilungile siyakusindisa, futhi yithuluzi elihle lokunihlukanisa ngamunye ngokwemvelo yakhe, ukusola ngonya kuletha insindiso ephakeme kakhulu—futhi uzothini uma usubhekene nobuso bokusola nesahlulelo? Awuyijabulelanga insindiso kusukela eqaleni kuze sekugcineni? Nimbonile uNkulunkulu esimweni somuntu futhi nabona engumninimandla onke nabona nobuhlakani bakhe, ngaphezu kwalokho, nizwile ukushawa ngokuphindiwe nokuyalwa. Kodwa aniwutholanga umusa omkhulu na? Izibusiso zenu azizinkulu ukwedlula abanye na? Umusa wenu mkhulu kunodumo negcebo eyajatshulelwa uSolomoni! Cabanga: uma inhloso Yami yokuza bekungukuzonisola nokunijezisa, hhayi ukunisindisa, kungenzeka kanjani ukuthi izinsuku zenu zifinyelele esikhathini eside kangaka? Beningakwazi yini nina, zidalwa ezinesono zenyama negazi, ukusinda nibe khona namuhla? Uma inhloso bekungukunijezisa, bengizophendukelani ngibe ngokwenyama futhi ngiqale umsebenzi omkhulu kangaka? Ingabe ngeke kuthathe nje izwi elilodwa ukunijesiza nina bantu? Ngingaba semqondweni wokunibhubhisa ngemva kokunisola? Aniwakholwa yini la mazwi Ami namanje na? Ngingahlenga abantu ngothando nesihawu? Noma Ngingasebenzisa ukubethelwa ukuhlenga abantu? Ingabe imvelo Yami elungileyo ayingcono yini ukwenza abantu bangilalele ngokuphelele. Ingabe iyakwazi ukuhlengisisa abantu kangcono?
Nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunyelwa insindiso yabantu, njengoba ngikhuluma amazwi futhi ngingajezisi inyama yabantu. La mazwi enza abantu baphile ekukhanyeni, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kukhona, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kuyigugu, ikakhulu nazi inzuzo yala mazwi kubantu, nokwazi ukuthi uNkulunkulu uyinsindiso. Nakuba sengiwakhulumile amazwi amaningi okusola nesahlulelo, akenzelwanga nina. Ngize ukuzokwenza umsebenzi Wami, nokukhuluma amazwi Ami, nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunywa ukuze ahlulele inkohlakalo yenu nokuhlubuka kwenu. Inhloso Yami yokwenza lokhu kusangukusindisa abantu, inhloso Yami akusiko ukulimaza abantu ngamazwi Ami. Amazwi Ami aqinile ukuze kube khona imiphumela efezwa umsebenzi Wami. Kungokusebenza ngale ndlela kuphela lapho abantu bengakwazi khona ukuzazi futhi bengahlukana nesimo sabo sokuhlubuka. Okubaluleke kakhulu ngalo msebenzi wamazwi ukuvumela abantu ukuthi benze iqiniso ngemva kokuliqondisisa, banze izinguquko esimweni sabo, futhi bazuze ulwazi ngabo uqobo nomsebenzi kaNkulunkulu. Ukusebenza ngokukhuluma kungaveza ubudlelwane phakathi kukaNkulunkulu nabantu, amazwi kuphela angakwazi ukuchaza iqiniso. Ukusebenza ngale ndlela kuyindlela elunge kakhulu ekunqobeni abantu; ngaphandle kwamazwi. Ayikho enye indela yokunikeza abantu ukuqonda kweqiniso okucace kangconywana nonsebenzi kaNkulunkulu, ngakho-ke esigabeni Sakhe sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhuluma kubantu ukuze avulele umuntu wonke amaqiniso nezimfihlakalo abangaziqondi, ubavumela ukuthi bazuze indlela eyiqiniso nempilo evela kuNkulunkulu, nokwanelisa intando kaNkulunkulu.
kwesithi “Kufanele Ubeke Eceleni Izibusisio Zesimo Futhi Uqonde Intando KaNkulunkulu Yensindiso Yomuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Eqinisweni, umsebenzi owenziwa manje owokuthi abantu bafulathele uSathane, bafulathele ukhokho wabo omdala. Zonke izahlulelo zezwi zihlose ukudalula isimo esikhohlakele sesintu nokwenza abantu baqonde isiqu sempilo. Lezi zahlulelo eziphindaphindiwe zonke zigwaza izinhliziyo zabantu. Isahlulelo ngasinye sinomthelela ngqo emphumeleni wabo kanti sihloselwe ukudala amanxeba ezinhliziyweni zabo khona bezoyeka zonke lezo zinto ngaleyo ndlela bagcine beyazi impilo; bazi lo mhlaba ongcole kangaka, futhi bazi ubuhlakani bukaNkulunkulu nokuba nguSomandla futhi bazi lesi sintu esonakaliswe nguSathane. Ngokwanda kwalolu hlobo lwesijeziso nesahlulelo, yilapho inhliziyo yomuntu ingalimala kakhulu futhi yilapho umoya wakhe ungaphaphanyiswa. Ukuphaphamisa imimoya yalaba bantu abakhohlakele ngokweqile futhi abakhohliswe ngokujulile, yinhloso yalolu hlobo lokwahlulela. Umuntu akanamoya, okusho ukuthi, umoya wakhe wafa kudala kanti akazi ukuthi kukhona izulu, akazi ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi akazi nangempela ukuthi uyazabalaza egodini lokufa; kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uphila kulesi sihogo esibi emhlabeni? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi lesi sidumbu sakhe esibolayo sinani, ngenxa yokukhohlakala kukaSathane, sesiwele eHayidesi yokufa? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi yonke into emhlabeni yoniwe yisintu nokuthi ngeke iphinde ilungiseke? Futhi kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uMdali uze emhlabeni namhlanje ukuzofuna idlanzana labantu abakhohlakele angabasindisa? Nangemva kokuba umuntu esezwe yonke inhlobo yokucwengwa nokwahlulelwa, isazela sakhe esifiphele, asithinteki nakancane, futhi sicishe singakwazi nhlobo ukuphendula. Isintu sikhohlakele ngokweqile! Lolu hlobo lokwahlulelwa lufana nesichotho esinesihluku esisuka esibhakabhakeni, luwusizo olukhulu kakhulu kumuntu. Ngaphandle kokwahlulela abantu kanje, ngabe akukho mphumela futhi bekuyoba nzima kakhulu ukusindisa abantu kuleliwa losizi. Ngaphandle kwalo msebenzi, bekuzoba nzima kakhulu ukuthi abantu baphume eHayidesi ngoba izinhliziyo zabo kade zafa kudala kanye nemimoya yabo kudala yaxovwa ngezinyawo nguSathane. Ukusindisa wena osubishe ekujuleni kokonakala kudinga ukuthi umenyezwe kanzima, wahlulelwe ngomfutho, yilapho-ke kuphela leyo nhliziyo yakho ebanda qa iyophaphama. Inyama yakho, izifiso zakho eziwukumosha, umhawu wakho, inkanuko yakho kwakhele kwajula kuwe. Lezi zinto zilawula inhliziyo yakho njalo njalo ngendlela yokuthi awunamandla okulahla lelijoka laleyo micabango elwayo futhi ephuphile. Awufisi ukushintsha isimo sakho samanje, ube futhi ungafisi ukuphunyuka ekuqhutshweni ubumnyama. Umane uboshiwe yilezo zinto.
kwesithi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ebhekene nesimo somuntu nangendlela abheka ngayo uNkulunkulu, uNkulunkulu wenze umsebenzi omusha, uvumela umuntu abe nolwazi kanye nomthobela Yena, kanjalo nothando nobufakazi. Yingakho, umuntu kufanele abhekane nokucwengwa nguYe uNkulunkulu, kanjalo nokwahlulelwa nguYe, ukumazi kanye nokuthenwa nguYe, ngaphandle kwalokho umuntu ngeke abe nakho ukumazi uNkulunkulu, futhi ngeke akwazi ukumthanda ngokweqiniso kanye nokufakaza ngaYe. Ukucwengwa nguNkulunkulu komuntu akukona nje okokuzuzisa uhlangothi olulodwa, kodwa kunomphumela onezinhlangothi eziningi. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu enza umsebenzi wokucwenga kulabo abazimisele ukufuna iqiniso, ukuze ukuzimisela komuntu kanye nothando kwenziwe kuphelele nguNkulunkulu. Kulabo abazimisele ukufuna iqiniso, nalabo abalangazelele uNkulunkulu, ayikho into ebaluleke ngaphezu kwale, noma ewusizo ukwedlula, ukudlula ukucwengwa. Isimo sikaNkulunkulu asaziwa noma asiqondwa kalula ngumuntu, ngoba uNkulunkulu, ekugcineni, unguNkulunkulu. Ekupheleni kwakho konke, akwenzeki ukuthi uNkulunkulu abe nesimo esifanayo nesomuntu, yingakho kungelula ukuba umuntu asazi isimo saKhe. Iqiniso umuntu akazalwa nalo, futhi akulula ukuba liqondwe yilabo abangcoliswe nguSathane; umuntu akanalo iqiniso, futhi akanawo amandla okuphila ngeqiniso, futhi uma engahlupheki, futhi angacwengwa noma ahlulelwe, lapho-ke amandla akhe ngeke apheleliswe. Kubo bonke abantu, ukucwengwa kubuhlungu, futhi kunzima ukukwemukela—kodwa noma kunjalo kungesikhathi sokucwengwa lapho uNkulunkulu enza isimo saKhe sokulunga sicace bha kumuntu, futhi azise nomuntu izidingo nezimfuno zaKhe, futhi ahlinzeke ngokukhanya okuthe xaxa, kanye nokuthenwa nokusebenzelana; ngokuqhathaniswa phakathi kwamaphuzu namaqiniso, unikeza umuntu ulwazi oluthe xaxa ngaye nangeqiniso, aphinde anikeze umuntu ukuqonda okukhulu ngentando kaNkulunkulu, ngaleyo ndlela avumele umuntu ukuba abe nothando lweqiniso nolumsulwa lukaNkulunkulu. Lezi yizinhloso zikaNkulunkulu lapho enza ukucwengwa kwethu. Wonke umsebenzi awenzayo uNkulunkulu unezinhloso kanye nokubaluleka kwawo; uNkulunkulu akawenzi umsebenzi ongenamsebenzi nanhloso, futhi akawenzi umsebenzi ongeke uhlomulise umuntu. Ukucwengwa akuchazi ukususa abantu phambi kukaNkulunkulu, futhi akuchazi ukubashabalalisa esihogweni. Kuchaza ukushintsha isimo somuntu ngesikhathi sokucwengwa, ukushintsha izintshisekelo zakhe, imibono yakhe yakudala, ukushintsha uthando lwakhe ngoNkulunkulu, kanye nokushintsha impilo yakhe yonke. Ukucwengwa ukuvivinywa kwangempela komuntu, kanye nendlela yangokoqobo yokuqeqeshwa, futhi kungesikhathi sokucwengwa kuphela lapho uthando lwakhe lungenza umsebenzi walo ophelele.
kwesithi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Athande UNkulunkulu Ngokweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi wokucwenga umuntu, umuntu uyahlupheka, uthando lwakhe ngoNkulunkulu luba lukhulu, futhi amandla amakhulu kaNkulunkulu enziwa acace kumuntu. Lapho kuncipha ukucwengwa komuntu, luyancipha nothando lwakhe ngoNkulunkulu, futhi aba mancane namandla kaNkulunkulu enziwa abe sobala kuye. Lapho kuba kukhulu ukucwengwa kwakhe nobuhlungu nalapho kwanda usizi lwakhe, luyojula nakakhulu uthando lwakhe lweqiniso ngoNkulunkulu, luyoba qotho nakakhulu ukholo lwakhe kuNkulunkulu, lujule nakakhulu ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu. Ezintweni enizodlula kuzo, nizobona ukuthi labo abadlula ekucwengweni okukhulu nasezinhlungwini, nokusebenzelana okukhulu kanye nesiyalo, bamthanda ngojulile uNkulunkulu, futhi baba nolwazi olunzulu kanye nokuqonda ngoNkulunkulu. Labo abangakaze badlule kunoma yikuphi ukusebenzelana kodwa abanolwazi olungatheni, yilokhu kuphela abangakusho: “Nkulunkulu muhle kakhulu, abantu ubanika umusa ukuze bajabule Ngaye.” Uma abantu bedlule ekusebenzelaneni nasesiyalweni, kusho ukuthi bayokwazi ukukhuluma ulwazi lweqiniso ngoNkulunkulu. Ngakho lapho umsebenzi kaNkulunkulu umangalisa ngokwengeziwe kumuntu, uba yigugu futhi ubaluleke nakakhulu; lapho ungaqondakali ngokwengeziwe kini futhi ungahambisani kakhulu nemicabango yenu, lapho umsebenzi kaNkulunkulu ukwazi kakhulu khona ukuninqoba, ukunizuza, futhi uniphelelise. Incazelo yomsebenzi kaNkulunkulu ibanzi kakhulu! Ukube akamcwenganga ngale ndlela umuntu, ukube akasebenzanga ngale ndlela, umsebenzi kaNkulunkulu ubungeke ube namiphumela futhi ubungeke ubaluleke. Lesi isizathu sencazelo engajwayelekile yokukhetha Kwakhe iqembu labantu ngezinsuku zokugcina. Ngokwedlule, kwathiwa uNkulunkulu wayezokhetha futhi alizuze leli qembu. Lapho uba mkhulu umsebenzi awenza kini, luyajula futhi luhlanzeke nakakhulu uthando lwenu, futhi uba mkhulu umsebenzi kaNkulunkulu, umuntu ukuthanda kakhulu ukuhlakanipha Kwakhe futhi luyajula nolwazi lomuntu Ngaye. Phakathi nezinsuku zokugcina, iminyaka engu-6 000 yecebo likaNkulunkulu lokuqondisa iyophela. Kungenzeka yini iphele kalula kanjalo? Lapho enqoba isintu, ingabe umsebenzi Wakhe uyophela? Ingabe kuyoba lula kanjalo? Abantu bacabanga ukuthi kulula kakhulu, kodwa lokho okwenziwa uNkulunkulu akulula ngaleyo ndlela. Akunandaba ukuthi kukuyiphi ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, konke akuqondakali kumuntu. Ukube benikwazi ukukuqonda, umsebenzi kaNkulunkulu ubungeke ubaluleke noma ube yigugu. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu awuqondakali, awuhambisani nhlobo nemibono yenu, futhi lapho ushayisana nemibono yenu, ukufakazela nakakhulu ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unenjongo; ukube ubuhambisana nemibono yenu, ubungeke ube nenjongo. Namuhla, nizwa sengathi umangalisa kakhulu, futhi lapho umangalisa, yilapho nicabanga khona nakakhulu ukuthi uNkulunkulu akaqondakali, futhi niyabona ukuthi zinkulu kangakanani izenzo zikaNkulunkulu. Ukube Wenza umsebenzi ngokunganaki ukuze anqobe kuphela abantu, ngemva kokuqedwa kwalo msebenzi, kusho ukuthi umuntu ubengeke akwazi ukubona ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Nakuba niye nacwengisiswa kancane namuhla, kuyinzuzo enkulu ekukhuleni kwempilo yenu—ngakho ubunzima obunjalo buyisidingo esikhulu kini. Namuhla, nithole ukucwengwa kancane, kodwa nakanjani kamuva nizokwazi ukubona ngempela izenzo zikaNkulunkulu, futhi akugcineni niyothi: “Izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu!” Lawo kuyoba amazwi asezinhliziyweni zenu. Ngemva kokubona ukucwenga kukaNkulunkulu isikhashana (uvivinyo[a] lwezikhonzi nezikhathi zokulungiswa), abanye abantu ekugcineni bathi: “Kunzima ngempela ukukholelwa kuNkulunkulu!” Lobu “bunzima” buveza ukuthi izenzo zikaNkulunkulu aziqondakali, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unenjongo enkulu futhi uyigugu, futhi kufaneleka kakhulu ukuthi ube yigugu kumuntu. Uma, ngemva kokuba ngenze umsebenzi omkhulu kangaka, ngingenalo noluncane ulwazi, ingabe umsebenzi Wami usabalulekile? Kuyokwenza uthi: Kunzima ngempela ukukhonza uNkulunkulu, izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu, uNkulunkulu uhlakaniphe ngempela! Unothando olukhulu! Uma, ngemva kokulubona isikhashana, ukwazi ukusho amazwi anjalo, lokho kufakazela ukuthi uwuzuzile umsebenzi kaNkulunkulu okuwe.
kwesithi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengisiswe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Engikushoyo namuhla ukwahlulela izono zabantu kanye nokungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabantu. Ukukhohlisa nokugwegwa kwabo, kanye namazwi nezenzo zabo, zonke lezi zinto ezingahambisani nentando Yakhe kuzobhekana nokwahlulelwa, futhi ukuhlubuka kwabantu kuyalahlwa njengokuyisono. Ukhuluma ngokuvumelana nezimiso zokwahlulela, futhi uveza isimo Sakhe sokulunga ngokwahlulela ukungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabo, futhi adalule bonke ubuso babo obubi. Ubungcwele bumela isimo Sakhe sokulunga; ubungcwele Bakhe empeleni buyisimo Sakhe sokulunga. Isisekelo samazwi Ami namuhla ukukhuluma, ukwahlulela, kanye nokwenza umsebenzi wokunqoba ngenxa yezimo zenu ezikhohlakele. Yilokhu kuphela okuwumsebenzi wangempela, futhi yilokhu kuphela okungabeka ngokuphelele ubungcwele bukaNkulunkulu obala. Uma ubungenaso nhlobo isimo senkohlakalo, uNkulunkulu ubengeke akwahlulele, nawe ubungeke ukwazi ukubona isimo Sakhe sokulunga. Njengoba unesimo senkohlakalo, uNkulunkulu ngeke aze akudedele. Ubungcwele Bakhe bubonakaliswa ngalokhu. … Ngenxa yalokhu kwahlulelwa nikwazile ukubona ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungile, ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongcwele. Ngenxa yobungcwele nokulunga Kwakhe unahlulele futhi waletha ulaka Lwakhe phezu kwenu. Ngenxa yokuthi angaveza isimo Sakhe sokulunga uma ebona ukuhlubuka kwesintu, nangenxa yokuthi angaveza ubungcwele Bakhe uma ebona ukungcola kwesintu, lokhu kwanele ukuveza ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe ongcwele nongenasici, kodwa futhi ohlala ezweni elingcolile.
kwesithi “Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini.
kwesithi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umuntu uphilela inyama, okusho ukuthi uphila esihogweni futhi ngaphandle kokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu umuntu wenyanyeka njengoSathane. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe ngcwele? UPetru wayekholelwa ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kwakuyisivikelo kanye nomusa okukhulu kakhulu kumuntu. Ukusola nokwahlulela sikaNkulunkulu kuphela okungenza umuntu aphaphame, azonde inyama kanye noSathane. Isandla sikaNkulunkulu esiqinile sikhulula umuntu ekuthonyweni nguSathane, simkhulula ezweni lakhe elincane, simphilise ekukhanyeni kokuba khona kukaNkulunkulu. Akukho ukusindiswa okungcono kunokusola nokwahlulela! … Ekuphileni kwakhe, uma umuntu efuna ukuhlanzwa futhi enze umehluko esimweni sakhe, uma efisa ukuphila impilo enenjongo afeze indima yakhe njengesidalwa kuyomele amukele Ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu futhi angasivumeli isiyalo sikaNkulunkulu nokushaywa nguNkulunkulu ukuba kusuke kuye, ukuze akhululeke ekukhohlisweni nasekuthonyweni nguSathane aphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Yazi kahle ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kungukukhanya, kuwukukhanya kwensindiso yomuntu nokuthi asikho isibusiso esingcono, umusa noma isivikelo somuntu.
kwesithi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma ufisa ukupheleliswa, kumele ukuqonde ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Kumele ukuqonde ngokukhethekile ukubaluleka kokusola kanye nokwahlulela Kwakhe, nokuthi kungani kusetshenziswa kubantu. Ingabe uyakwazi ukwamukela? Uma wahlulelwa kanjalo, ingabe uyakwazi ukufinyelela ezingeni elifana nelikaPetru, kanye nasolwazi lwakhe? Uma ufuna ulwazi ngoNkulunkulu kanye nemisebenzi kaMoya oNgcwele futhi ufuna nokuguqula izindlela zakho, uzoba nethuba lokupheleliswa. … okulwelayo kungafani nendlela uPetru apheleliswa ngayo, uma kunjalo, ngokwemvelo, angeke ube noshintsho endleleni yakho yokuphila. Uma ungumuntu ofuna ukupheleliswa, kumele unikeze ubufakazi, uzobe usuthi: “Kulezi zinyathelo ngezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, ngiwamukele umsebenzi wokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu futhi nakuba ngibekezelele ukuhlupheka okunzima, sengiye ngayazi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu, ngiwutholile umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ngizuze ulwazi ngokulunga kukaNkulunkulu futhi ukusola Kwakhe kungisindisile. Isimo Sakhe sokulunga sehlele kimi, sangilethela izibusiso kanye nomusa, nokuthi Ukwahlulela nokusola Kwakhe kungivikele futhi kwangingcwelisa. Ukube angisolwanga futhi ngahlulelwa uNkulunkulu, ukube akaze angithethise ngabe angizange ngimazi uNkulunkulu futhi ngabe angisindiswanga. Namuhla ngiyabona njengesidalwa, akukhona ukuthi umuntu ujabulela konke okwenziwe uMdali, kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi zonke izidalwa kufanele zijabulele isimo sokulunga sikaNkulunkulu, futhi zijabulele izahlulelo Zakhe zokulunga, ngoba umuntu kufanele asijabulele isimo sikaNkulunkulu. Njengesidalwa esonakaliswe nguSathane, umuntu kufanele ajabule ngesimo sokulunga sikaNkulunkulu. Esimweni Sakhe sokulunga kunokusola nokwahlulela futhi ngaphezu kwalokho kunothando olukhulu. Nakuba ngingakwazi ukuthola uthando lukaNkulunkulu ngokugcwele namuhla, ngibe nenhlanhla yokulubona, futhi ngibusisiwe ngakho.” Lena yindlela labo abaphelelisiwe abahamba kuyo, nolwazi abakhuluma ngalo. Abantu abanjalo bafana noPetru; bayizwile indlela uPetru aphila ngayo. Abantu abanjalo kuseyilabo abazuze ukuphila, abaneqiniso. Uma umuntu ezwa lokho kuphila kuze kube sekugcineni, phakathi nokwahlulela kukaNkulunkulu, ngokuqinisekile uyoziphunyula ethonyeni likaSathane futhi azuzwe nguNkulunkulu.
kwesithi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngike ngasho phambilini ukuthi iqembu labanqobi lizuzwe eMpumalanga, abanqobi abaphuma ekuhluphekeni okukhulu. Asho ukuthini lawa mazwi? Asho ukuthi laba bantu abazuziwe bahlonipha ngeqiniso ngemva kokwahlulelwa nokusolwa, ukusetshenzwa nokuthenwa, nazo zonke izinhlobo zokucwenga. Ukukholwa kwabantu abanjalo akufiphele futhi akukhona okucatshangwayo nje, kodwa kuyiqiniso. Ababonanga zimpawu nezimangaliso, noma naziphi izimanga; abakhulumi ngezincwadi ezinzima nezimfundiso, noma ngemibono ejulile; kunalokho baneqiniso, namazwi kaNkulunkulu, nolwazi lweqiniso likaNkulunkulu. Ingabe iqembu elinjengaleli akufanele liwenze acace amandla kaNkulunkulu?
kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wokuqala awunayo inkulumo ethi “ukulingwa kuka.”
0 notes
Text
Ngabe Umsebenzi kaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?
Njengomuntu okholwa kuNkulunkulu, kufanele uqonde ukuthi, namhlanje, ekutholeni umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina nawo wonke umsebenzi wohlelo lukaNkulunkulu kuwe, uthole ngempela ukuphakanyiswa nensindiso enkulu okuvela kuNkulunkulu. Yonke imisebenzi kaNkulunkulu emhlabeni wonke jikelele igxile kuleli qembu labantu. Unikele wonke amandla Akhe kini wakudela konke ngenxa yenu; uphinde wabuyisa yonke imisebenzi kaMoya emhlabeni wonke wayinikeza nina. Kungakho ngithi, ninenhlanhla. Ngaphezu kwalokho, ususe inkazimulo Yakhe ku-Israyeli, abantu Bakhe abakhethile, wayiletha kini, ukuze afeze inhloso yohlelo Lwakhe ngokugcwele ngani qembu labantu. Ngakho-ke, niyilabo abazothola ifa likaNkulunkulu, futhi ngaphezulu niyizindlalifa zenkazimulo kaNkulunkulu. Mhlawumbe niyawakhumbula nonke la mazwi: “Ngokuba usizi lwethu olulula, olungolwesikhashana, lusisebenzela isilinganiso esiphezulu kakhulu senkazimulo yaphakade.” Esikhathini esedlule, nisizwile nonke lesi sisho, kodwa akekho owayiqonda incazelo eyiqiniso yala mazwi. Namhlanje, nazi kahle ukubaluleka kwalokhu akushoyo. Lawa mazwi ayilokhu uNkulunkulu azokufeza ngezinsuku zokugcina. Futhi azogcwaliseka kulabo abahlushwe ngonya ngukadrako omkhulu obomvu kulelo zwe lapho ekhona. Udrako omkhulu obomvu uhlupha uNkulunkulu futhi uyisitha sikaNkulunkulu, ngakho kuleli zwe, labo abakholwa kuNkulunkulu bazithola behlazeka futhi behlushwa. Kungakho la mazwi ezoba yiqiniso kini qembu labantu. Njengoba umsebenzi wenziwa ezweni eliphikisa uNkulunkulu, wonke umsebenzi Wakhe uhlangabezane nokuvinjelwa okukhulu futhi amazwi Akhe amaningi awakwazi ukugcwaliseka ngesikhathi esifanele; ngakho abantu balungisiwe ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Lokhu futhi kuyingxenye yokuhlupheka. Kunzima kakhulu kuNkulunkulu ukwenza umsebenzi Wakhe ezweni likadrako omkhulu obomvu, kodwa kungenxa yobunzima obunjalo lapho uNkulunkulu enza izigaba zomsebenzi Wakhe ziveze ubuhlakani Bakhe nemisebenzi emangalisayo. UNkulunkulu uthatha leli thuba ukuphelelisa leli qembu labantu. Ngenxa yokuhlupheka kwabantu, izinga labo, nesimo sabantu esinobusathane kulo mhlaba ongahlanzekile, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe wokuhlanza nokunqoba ukuze kulokhu azuze inkazimulo azuze nalabo abafakaza ngezenzo Zakhe. Lokhu kungukubaluleka kwakho konke ukuzidela kukaNkulunkulu ngenxa yaleli qembu labantu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunqoba ngalabo abamphikisayo. Ngakho-ke, ukwenza kanjena kuphela okugqamisa amandla amakhulu kaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, yilabo abasezweni elingcolile kuphela abafanele ukuthola ifa lenkazimulo kaNkulunkulu, yilokhu kuphela okunganikeza ukugqama kwamandla amakhulu kaNkulunkulu. Yingakho ngithi inkazimulo kaNkulunkulu itholwa ezweni elingcolile nakulabo abahlala kulona. Le yintando kaNkulunkulu. Lokhu kufana nje nasesigabeni somsebenzi kaJesu; wayengakhazimuliswa kuphela phakathi kwalabo baFarisi ababemhlupha. Uma kwakungekhona ukuhlushwa nokukhashelwa nguJudasi, uJesu wayengasoze abe yinhlekisa noma athukwe, ngisho nokubethelwa imbala, futhi ngabe akazange athole inkazimulo. Lapho uNkulunkulu asebenza khona esikhathini ngasinye nalapho enza khona umsebenzi Wakhe wenyama, uthola udumo khona lapho azuze labo ahlose ukubazuza. Lolu uhlelo lomsebenzi kaNkulunkulu, futhi lokhu ukuphatha Kwakhe.
Ohlelweni lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa, umsebenzi owenziwe enyameni unezingxenye ezimbili: Ingxenye yokuqala ngumsebenzi wokubethelwa, lapho ayidunyiselwayo; enye ngumsebenzi wokunqoba nowokupheleliswa ezinsukwini zokugcina, azothola ngawo inkazimulo. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Ngakho, ungawuthathi ngokuthi ulula kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu noma ukuthunywa kwakho nguNkulunkulu. Nonke niyizindlalifa zenkazimulo yaphakade kaNkulunkulu enesisindo esikhulu kakhulu, lokhu kwagcotshwa nguNkulunkulu ngokukhethekile. Kulezi zingxenye ezimbili zenkazimulo Yakhe, enye yambuliwe kini, ukuphelela kwenye ingxenye yenkazimulo kaNkulunkulu kunikezwe nina ukuze kube yifa lenu. Lokhu ukuphakanyiswa okuvela kuNkulunkulu nohlelo Lwakhe olwahlelwa kudala. Ukubona ubukhulu bomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu ezweni lapho udrako omkhulu obomvu ahlala khona, lowo msebenzi uma uyiswa kwenye indawo, ngabe kade wathela izithelo ezinkulu futhi ngabe wamukelwe kalula ngabantu. Umsebenzi onjalo ubungaba lula kakhulu kulabo befundisi baseNtshonalanga abakholwa kuNkulunkulu, ngoba isigaba somsebenzi kaJesu sisebenza njengesandulelo. Yingakho engakwazi ukuzuza lesi sigaba somsebenzi wokudunyiswa kwenye indawo; okusho ukuthi lapho kunokusekwa okuvela kubo bonke abantu nokubonga okuvela kuzo zonke izizwe, ayikho indawo inkazimulo kaNkulunkulu engaphumula kuyo. Futhi lokhu kuwukubaluleka okungavamile impela lesi isigaba somsebenzi esinakho kuleli zwe. Phakathi kwenu, akukho namunye umuntu othola ukuvikelwa komthetho; kodwa niyajeziswa ngumthetho, kanti ubunzima obukhulu ukuthi akekho umuntu oniqondayo, kungaba yizihlobo zenu, abazali benu abangane benu noma ozakwenu emsebenzini. Akekho oniqondayo. Uma uNkulunkulu ekulahla, ayikho indlela ongaqhubeka uphile ngayo emhlabeni. Kodwa-ke, noma kunjalo abantu angeke bakwazi ukushiya uNkulunkulu; lokhu ukubaluleka kokunqotshelwa kwabantu nguNkulunkuku, kanti lokhu kuyinkazimulo kaNkulunkulu. Lokho okuthole njengefa namuhla kwedlula okwabapostoli nabaphrofethi bakudala bonke futhi kukhulu kunalokho okukaMose noPetru. Izibusiso azisoze zitholwe ngelanga noma amabili, kufanele zizuzwe ngokuzidela okukhulu. Okusho ukuthi ufanele ube nothando oluhlanzekile, ukholo olukhulu, namaqiniso amaningi lawo uNkulunkulu akucela ukuba ube nawo; phezu kwalokho, ufanele ukuba ubhekise ubuso bakho kubulungisa ungaze uzigogobeze noma uzibeke phansi, futhi ufanele ukuba nothando olungaguquki futhi olunganciphi kuNkulunkulu. Kudingeka wenze isinqumo, njengoba kunoguquko esimweni sempilo yakho; inkohlakalo yakho kufanele yelashwe, kufanele wamukele konke ukuhlela kuNkulunkulu ngaphandle kokukhononda, futhi ulalele kuze kube sekufeni. Yilokhu okufanele ukuzuze. Lokhu yinhloso yokugcina kaNkulunkulu, nokudingwa uNkulunkulu kuleli qembu labantu. Njengoba ekunikeza, Naye ke kufanele acele kuwe ukuze akunike lokhu okudingayo nawe. Ngakho-ke, yonke imisebenzi kaNkulunkulu inezizathu, futhi kulokhu kuyabonakala ukuthi kungani uNkulunkulu njalo enza umsebenzi osezingeni eliphakeme nonezidingo eziqinile. Yingakho kufanele ugcwaliswe ngokholo kuNkulunkulu. Ngamafuphi, wonke umsebenzi kaNkulunkulu wenziwe ngenxa yakho ukuze ufanele ukuthola ifa Lakhe. Lokhu akukona kangako ukuthi uNkulunkulu athole inkazimulo kodwa kungenxa yosindiso lwakho nokuphelelisa leli qembu labantu abahlupheke kakhulu ezweni elingahlanzekile. Kufanele uqonde intando kaNkulunkulu. Ngakho ngishumayeza abaningi abantu abangenalwazi abangenambono noma umqondo: Ungalingi uNkulunkulu futhi unganqabi. uNkulunkulu usekumele konke ukuhlupheka lokho umuntu angakadluli kukona, kanti kudala wahlushwa kakhulu endaweni yomuntu. Yini enye ongeke uhlukane nayo? Yini engabaluleka kakhulu ukwedlula intando kaNkulunkulu? Yini engadlula uthando lukaNkulunkulu? Kuwumsebenzi ongumshikashika ophindiwe kaNkulunkulu ukuba awenze kule lizwe elingahlanzekile. Uma umuntu ona, azi futhi ehlosile, umsebenzi kaNkulunkulu uzofanela ukwelulwa. Vele, lokhu akubi ukuzuza komunye, futhi akuhlomuli muntu. UNkulunkulu akavinjelwa yisikhathi; umsebenzi Wakhe nenkazimulo Yakhe ziza kuqala. Ngakho-ke, noma ngabe kuthatha isikhathi eside kangakanani, angeke ashiye noma ngabe yikuphi ukuzidela uma ngabe kungumsebenzi Wakhe. Lesi yisimo sikaNkulunkulu: Angeke aphumule kuze kufezwe umsebenzi Wakhe. Uma isikhathi sifika kulapho ethola ingxenye yesibili yenkazimulo Yakhe ukuze umsebenzi Wakhe ucishe ufezwe. Uma uNkulunkulu engeqede umsebenzi Wakhe wengxenye yesibili yenkazimulo Yakhe, usuku Lwakhe ngeke lufike, isandla Sakhe angeke sisuke kulabo abakhethile, inkazimulo Yakhe ayisoze yafika ku-Israyeli, kanti uhlelo Lwakhe angeke lwafezwa. Ufanele ukubona ukuthi intando nomsebenzi kaNkulunkulu akulula njengokudalwa kwezulu nomhlaba nazo zonke izinto. Umsebenzi wanamuhla ukuguqula labo abonakalisiwe, abangenamizwa, nokuhlanza labo abadaliwe bahlukunyezwa nguSathane, hhayi ukudala u-Adamu noma u-Eva, hhayi nokwenza ukukhanya noma ukudala zonke izinhlobo zezithombo nezilwane. Umsebenzi Wakhe manje ukuhlanza bonke labo abonakalisiwe nguSathane ukuze bazuzwe kabusha babe ngabantu Bakhe babe inkazimulo Yakhe. Umsebenzi onjalo awulula njengoba umuntu ecabanga ngokudalwa kwezulu nomhlaba nezinto zonke ezikhona, futhi akufani nomsebenzi wokuqalekisela uSathane emgodini ongenamkhawulo njengoba umuntu ecabanga. Kodwa, ukuguqula umuntu, ukuguqula lokho okungekuhle kube okuhle nokuthatha lokho okungekona okwakhe kube okwakhe. Le indaba yangaphakathi yaleli banga lomsebenzi kaNkulunkulu. Ufanele uyazi, futhi ungenzi lula kakhulu izinto. Umsebenzi kaNkulunkulu awufani nanoma yiwuphi umsebenzi ojwayelekile. Ubukhulu bawo abuqondakali emqondweni womuntu, kanti ubuhlakani bawo angeke baziwe wumuntu. UNkulunkulu akadali zonke izinto kanti futhi akazibhidlizi. Kodwa, uguqula yonke indalo Yakhe ahlanze zonke izinto ezoniwe uSathane. Ngakho-ke uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omkhulu kanti lokhu kuwukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Ngemva kokufunda la mazwi, uyakholwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ulula kangaka? umthombo: IBandla likaNkulunkulu uSomandla
0 notes
Photo
Abahlala emgwaqeni bazodlala kweyoMhlaba Uthi ufunde lukhulu ngempilo nokuzithanda uMbatha olibangisa eNorway kuHomeless Soccer World Cup Lolu daba luyatholakala njengamanje kuBAYEDE ONLINE kuphela kulabo abane-akhawunti (subscription).
0 notes
Photo
Arcobaleno Laweyan Jl. Dr. Radjiman 553 Laweyan Surakarta 57148 Buka jam 09.00 - 21.00 WA 0877-3500-1133 Masih bingung cari kebaya yang cocok untuk acara wisuda, pesta, dll?? buruan ke Arcobaleno saja atau bisa klik link dibawah ini : lazada : https://www.lazada.co.id/shop/arcobaleno-batik-kebaya-bridal tokopedia : https://www.tokopedia.com/arcobalenosolo shopee : https://shopee.co.id/arcobalenosolo #kebayaums #kebayauns #hariguru #hutkorpri #terimakasihguru #kebayakorpri #kebayaseragam #upacarahariguru #kebayakondangan #kebayapesta #kebayabrokat #atasanbrokat #maribelajar #hutguru2019 #nadiem #pidatonadiem #kebayakutubaru #kebayakatun #kebayalamaran #kebayapnssolo #kebayaputihpns #kebayapns #kebayaguru #grosirkebaya #abahlala #infosukoharjo #rabuberkebaya #ayoberkebaya https://www.instagram.com/p/B5RXywbANbM/?igshid=ajrn2qjbn2cg
#kebayaums#kebayauns#hariguru#hutkorpri#terimakasihguru#kebayakorpri#kebayaseragam#upacarahariguru#kebayakondangan#kebayapesta#kebayabrokat#atasanbrokat#maribelajar#hutguru2019#nadiem#pidatonadiem#kebayakutubaru#kebayakatun#kebayalamaran#kebayapnssolo#kebayaputihpns#kebayapns#kebayaguru#grosirkebaya#abahlala#infosukoharjo#rabuberkebaya#ayoberkebaya
0 notes
Photo
Arcobaleno Laweyan Jl. Dr. Radjiman 553 Laweyan Surakarta 57148 Buka jam 09.00 - 21.00 WA 0877-3500-1133 Masih bingung cari kebaya yang cocok untuk acara wisuda, pesta, dll?? buruan ke Arcobaleno saja atau bisa klik link dibawah ini : lazada : https://www.lazada.co.id/shop/arcobaleno-batik-kebaya-bridal tokopedia : https://www.tokopedia.com/arcobalenosolo shopee : https://shopee.co.id/arcobalenosolo #kebayaums #kebayauns #hariguru #hutkorpri #terimakasihguru #kebayakorpri #kebayaseragam #kebayakondangan #kebayapesta #kebayabrokat #atasanbrokat #maribelajar #hutguru2019 #nadiem #pidatonadiem #kebayakutubaru #kebayakatun #kebayalamaran #kebayapnssolo #kebayaputihpns #kebayapns #kebayaguru #grosirkebaya #abahlala #infosukoharjo #rabuberkebaya #ayoberkebaya https://www.instagram.com/p/B5RXdmXBBn1/?igshid=ukvv8andq36f
#kebayaums#kebayauns#hariguru#hutkorpri#terimakasihguru#kebayakorpri#kebayaseragam#kebayakondangan#kebayapesta#kebayabrokat#atasanbrokat#maribelajar#hutguru2019#nadiem#pidatonadiem#kebayakutubaru#kebayakatun#kebayalamaran#kebayapnssolo#kebayaputihpns#kebayapns#kebayaguru#grosirkebaya#abahlala#infosukoharjo#rabuberkebaya#ayoberkebaya
0 notes
Text
Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu
Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu
Namuhla, ngizobe ngikhuluma ikakhulu ngendlela okumele abantu bakhonze ngayo uNkulunkulu, ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, yimiphi imibandela okumele ifezwe kanye nokuthi yini ekumele iqondwe yilabo abakhonza uNkulunkulu, nokuthi yiziphi iziphambeko ezikhona ekukhonzeni kwakho. Kumele nikuqonde konke lokhu. Lezi zindaba zithinta indlela enikhonza uNkulunkulu ngayo, nendlela enihamba ngayo endleleni yokuqondiswa uMoya oNgcwele, kanye nendlela enithobela ngayo izinhlelo zikaNkulunkulu kuzo zonke izinto, futhi zizokwenza ukuba nazi wonke amagxathu omsebenzi kaNkulunkulu kini. Uma nifika kulelo zinga, niyokwazisa ukuthi kuyini ukukholwa kuNkulunkulu, nokuthi kumele nikholwe kanjani kuNkulunkulu ngendlela efanele, nokuthi kumele nenze kanjani ukuze nenze ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Lokhu kuzokwenza niphelele futhi nilalele ngokuphelele emsebenzini kaNkulunkulu, futhi ngeke nibe nezinsolo, ngeke nahlulele, noma nicubungule, ingasaphathwa eyokucwaninga. Nangaphezulu kwalokho, niyokwazi ukulalela uNkulunkulu kuze kube sekufeni, nivumele uNkulunkulu ukuba aniqondise futhi anihlinze njengemvu, ukuze nonke nibe ngoPetru beminyaka yawo-1990, futhi nikwazi ukuthanda uNkulunkulu ngamandla enu onke kuze kube sesiphambanweni, ngaphandle kokukhononda nokuncane. Kungokwenza lokho kuphela niyokwazi ukuphila njengoPetru bawo-1990.
Wonke umuntu ozimisele angamkhonza uNkulunkulu—kodwa kumele kube ilabo kuphela abanakekela intando kaNkulunkulu futhi abaqonda intando kaNkulunkulu abafanelekile nabanelungelo lokukhonza uNkulunkulu. Kulokhu odlule kukona, kuyabonakala ukuthi abantu abaningi bakholwa ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kusho ukusakaza ivangeli likaNkulunkulu, uhambele izindawo ngenxa kaNkulunkulu, ukuchitha imali futhi ukunikela ngenxa kaNkulunkulu, kanye nokunye; ngisho nabantu abaningi benkolo bakholwa ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kusho ukuzulazula bephethe iBhayibheli ezandleni zabo, besakaza ivangeli lombuso wezulu nokusindisa abantu ngokubenza baphenduke futhi bavume izono; baningi abaphathi bezenkolo abacabanga ukuthi ukukhonza uNkulunkulu ukushumayela emasontweni emuva kokufunda esikoleni sobufundisi, ukufundisa abantu ngokufunda izahluko eBhayibhelini; abaningi abafowethu nodadewethu bakholwa ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kusho ukungashadi noma ukungabi nomndeni nhlobo, futhi nokunikela uqobo lwabo lonke kuNkulunkulu; kunabantu futhi abahlala ezifundeni ezimpofu abakholwa ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kusho ukuphulukisa abagulayo nokukhipha amadimoni, noma ukukhulekela abafowabo nodadewabo, noma ukubakhonza; phakathi kwenu, kunabaningi abakholwa ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kusho ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, nokuthandaza kuNkulunkulu zonke izinsuku, ukuvakashela amasonto yonke indawo; kanjalo, futhi, kunabantu abathi ukuphila impilo yesonto ukukhonza uNkulunkulu. Nokho, bayingcosana abantu abazi kahle ukuthi kuyini ukukhonza uNkulunkulu. Noma ngabe baningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni abakhonza uNkulunkulu, inani la labo abamkhonza ngokuqondile, futhi abakwazi ukwenza intando kaNkulunkulu, liwubala—lincane kakhulu. Kungani ngisho lokhu? Ngisho lokhu ngoba aniqondi ubunjalo bamazwi athi “ukukhonza uNkulunkulu,” futhi niqonda kancane indlela yokukhonza intando kaNkulunkulu. Namuhla, ngikhuluma kakhulu ngokukhonza ngokwentando kaNkulunkulu, kufanele nikhonze kanjani ukuze nifeze intando kaNkulunkulu.
Uma nifisa ukukhonza intando kaNkulunkulu, kumele niqonde kuqala ukuthi luhlobo luni lwabantu abathandwa nguNkulunkulu, luhlobo luni lwabantu abenyanywa nguNkulunkulu, luhlobo luni lwabantu abapheleliswa nguNkulunkulu, futhi luhlobo luni lwabantu abafanele ukukhonza uNkulunkulu. Okungenani kumele nibe nalokhu. Ikakhulukazi, kumele nazi izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nomsebenzi uNkulunkulu azowenza lapha futhi namanje. Emva kokuqonda lokhu, futhi ngokuqondiswa amazwi kaNkulunkulu, niyongena kuqala, futhi nithole umyalelo kaNkulunkulu aniphathise wona kuqala. Uma ukwazi kwenu kuvela emazwini kaNkulunkulu, futhi uma niwazi ngempela umsebenzi kaNkulunkulu, niyofanelwa ukukhonza uNkulunkulu. Futhi yilapho umkhonza lapho uNkulunkulu eyokhanyisa khona amehlo enu kamoya, anivumele ukuba nibe nokuqonda okukhulu komsebenzi Wakhe futhi nibone ngokucacile kakhulu. Uma ningena kuleli qiniso, ukwazi kwenu kuyojula futhi kube okwangempela. Bonke labo abadlule kulokhu bayokwazi ukuhamba phakathi kwamabandla bese behlinzeka abafowabo nodadewabo, uhlangothi ngalunye bathole amandla komunye ukuze banelise ukuntula kwabo, kanye nokuzuza ulwazi olunothe kakhulu emimoyeni yabo. Kuphela emva kokuzuza lomphumela niyokwazi ukukhonza intando kaNkulunkulu futhi nipheleliswe uNkulunkulu nisaqhubeka nenkonzo yenu.
Labo abakhonza uNkulunkulu kufanele babe ngabantu abasondelene noNkulunkulu, kufanele bathokozise uNkulunkulu, futhi bakwazi ukwethembeka ngamandla abo wonke kuNkulunkulu. Akukhathalekile noma nikwenza abantu bengazi, noma phambi kwabo, niyakwazi ukuzuza intokozo kaNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu, niyakwazi ukuma niqine phambi kukaNkulunkulu, futhi akukhathalekile noma ngabe abantu baniphatha kanjani, nihlala nihamba indlela yenu, futhi ninike konke ukunakekela emthwalweni kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela ukusondelana noNkulunkulu. Ukuthi abasondelene noNkulunkulu bakwazi ukumkhonza ngokuqondile yingoba baphathiswe umyalelo omkhulu kaNkulunkulu, nomthwalo kaNkulunkulu, futhi bayakwazi ukuthatha inhliziyo kaNkulunkulu njengeyabo, nomthwalo kaNkulunkulu njengowabo, futhi abakhathali noma bayazuza noma bayalahlekelwa isithembiso: Ngisho bengenawo amathemba, futhi bengeke bazuze lutho, bayohlala njalo bekholwa kuNkulunkulu ngenhliziyo enothando. Ngakho, lolu hlobo lomuntu lusondelene noNkulunkulu. Abantu abasondelene noNkulunkulu bayizethenjwa Zakhe futhi; izethenjwa zikaNkulunkulu kuphela ezingazwelana Naye ekukhathazekeni Kwakhe, nokufuna Kwakhe, nakuba inyama yabo ibuhlungu futhi ibuthakathaka, bayakwazi ukubekezelela ubuhlungu, badele lokho abakuthandayo ukuze banelise uNkulunkulu. UNkulunkulu unika imithwalo eminingi kubantu abanjalo, nalokho uNkulunkulu azokwenza kubonakaliswa kulaba bantu. Kanjalo-ke, laba bantu bayathokozelwa nguNkulunkulu, bayizinceku zikaNkulunkulu ngokwenhliziyo Yakhe, futhi abantu abafana nalaba kuphela abangabusa noNkulunkulu. Uma usuphenduke umuntu osondelene noNkulunkulu ngeqiniso, kunesiqiniseko sokuthi uyobusa kanye noNkulunkulu.
UJesu wakwazi ukufeza umyalelo kaNkulunkulu—umsebenzi wokuhlengwa kwesintu sonke—ngokuba wanikeza konke ukunakekela intando kaNkulunkulu, ngaphandle kwamacebo Akhe nokuzicabangela Yena. Ngakho, futhi, Naye wayesondelene noNkulunkulu—uNkulunkulu uqobo Lwakhe, into eniyiqonda kahle nonke. (Empeleni, wayenguNkulunkulu uqobo Lwakhe owafakazelwa nguNkulunkulu; Ngikusho lokhu lapha ukusebenzisa iqiniso likaJesu ukucacisa indaba.) Wakwazi ukubeka phambili uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu, futhi wayehlala ethandaza kuBaba osezulwini futhi wayefuna intando kaBaba osezulwini. Wakhuleka wathi: “Nkulunkulu Baba! Feza lokho okuyintando Yakho, futhi ungenzi ngokwezinhloso Zami; ngifisa Wenze ngokohlelo Lakho. Umuntu angaba buthakathaka, kodwa kungani umnakekela? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu afanele ukukhathazeka Kwakho, umuntu ofana nentuthwane esandleni Sakho? Enhliziyweni Yami, ngifisa ukufeza intando Yakho kuphela, futhi ngifisa Wenze njengalokhu ufisa ukwenza Kimi ngokwezinhloso Zakho.” Endleleni eya eJerusalema, uJesu wezwa umunyu, kusengathi ummese uphendulwa enhliziyweni Yakhe, kepha wayengenayo ngisho encane inhloso yokushintsha izwi ayelishilo; njalo kwakukhona amandla amakhulu amqhubezela phambili ekubethelweni Kwakhe. Ekugcineni, wabethelwa esiphambanweni futhi wafana nenyama yesono, efeza lowo msebenzi wokuhlenga isintu, futhi waphakama ngaphezu kwamaketanga okufa neHayidesi. Phambi Kwakhe, ukufa, isihogo kanye neHayidesi kwaphelelwa amandla, kwanqotshwa Nguye. Waphila iminyaka engamashumi amathathu nantathu, kuyo yonke wenza njalo ngamandla Akhe onke ukufeza intando kaNkulunkulu ngokomsebenzi kaNkulunkulu ngaleso sikhathi, akanakanga inzuzo Yakhe ngokwakhe noma ukulahlekelwa, futhi ngaso sonke isikhathi wayecabanga intando kaNkulunkulu uBaba. Ingakho, emva kokuba esebhapathiziwe, uNkulunkulu wathi: “Le iNdodana Yami ethandekayo, engithokozile ngayo.” Ngenxa yenkonzo Yakhe phambi kukaNkulunkulu eyayihambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, uNkulunkulu wabeka umthwalo onzima wokuhlenga sonke isintu phezu kwamahlombe Akhe. Wamenza ukuba aphokophelele phambili ukuwufeza. Wayefaneleka futhi enelungelo lokufeza lo msebenzi obalulekile. Empilweni Yakhe yonke, wabekezelela ubuhlungu obungalinganiseki ngenxa kaNkulunkulu, futhi walingwa uSathane izikhathi ezingabaleki, kodwa akadumalanga neze. UNkulunkulu wamnika umsebenzi onjengalona ngoba wayemethemba, futhi emthanda, ngakho, uNkulunkulu uqobo wathi: “Le iNdodana Yami ethandekayo, engithokozile ngayo.” Ngaleso sikhathi, kwakunguJesu kuphela owayengafeza lo myalelo, futhi lokhu kwakuyingxenye eyodwa yokuqeda kukaNkulunkulu umsebenzi Wakhe wokuhlenga isintu ngeNkathi Yomusa.
Uma, njengoJesu, nikwazi ukunika ukunakekela konke emthwalweni kaNkulunkulu, futhi nifulathela inyama yenu, uNkulunkulu uyoniphathisa imisebenzi Yakhe emikhulu, ukuze nifeze imibandela yokukhonza uNkulunkulu. Kungaphansi kwalezi zimo kuphela lapho uyolokotha uthi wenza intando kaNkulunkulu futhi ufeza umyalelo Wakhe, kungaleso sikhathi kuphela lapho uyolokotha uthi ukhonza uNkulunkulu ngeqiniso. Uma kuqhathaniswa nesibonelo sikaJesu, ungalokotha uthi ungosondelene noNkulunkulu? Ungalokotha uthi wenza intando kaNkulunkulu? Ungalokotha uthi ukhonza uNkulunkulu ngeqiniso? Namuhla, awuyiqondi indlela yokukhonza uNkulunkulu, ungalokotha yini uthi ungosondelene noNkulunkulu? Uma uthi ukhonza uNkulunkulu, ingabe awumhlambalazi Yena? Cabanga ngalokhu: Ingabe ukhonza uNkulunkulu, noma uzikhonza wena? Ukhonza uSathane, kepha usho ngenkani ukuthi ukhonza uNkulunkulu—kulokhu awuhlambalazi uNkulunkulu yini? Abantu abaningi ngokungifihlela bafisa isibusiso sobukhulu ngesikhundla, bazigxisha ngokudla, bathanda ukulala futhi banakekele kakhulu inyama, bahlala besaba ukuthi asikho isixazululo senyama. Abawenzi umsebenzi wabo ofanele ebandleni, kodwa badla mahhala ebandleni, noma bayale abafowabo nodadewabo ngamazwi Ami, bama phezulu bese bechachaza phezu kwabanye. Laba bantu baqhubeka nokuthi benza intando kaNkulunkulu, bahlale bethi bangabasondelene noNkulunkulu—ingabe ukhona umqondo kulokhu? Uma unokukhuthazeka okufanele, kodwa ungakwazi ukukhonza intando kaNkulunkulu, ngalokho uyisilima; kodwa uma ukukhuthazeka kwakho kungalungile, futhi usasho ukuthi ukhonza uNkulunkulu, ngakho ungumuntu omelene noNkulunkulu, futhi kumele ujeziswe nguNkulunkulu! Anginalo uzwelo kubantu abanjalo! Endlini kaNkulunkulu badla mahhala, bahlala befisa ukunethezeka kwenyama, abanakho ukucabangela lokho okubalulekile kuNkulunkulu; bahlala befuna okuhle kubo, futhi abalaleli intando kaNkulunkulu. Abemukeli ukucutshungulwa uMoya kaNkulunkulu kukho konke abakwenzayo. Bahlala bakhela uzungu futhi bekhohlisa abafowabo nodadewabo, benobuso obubili, njengempungushe esinini samagilebhisi, njalo intshontsha amagilebhisi, futhi igxoba isivini samagilebhisi. Bangaba yini abangane baNkulunkulu abantu abanjalo? Ukulungele yini ukwamukela izibusiso zikaNkulunkulu? Awunakekeli impilo yakho kanye nebandla, ingabe ukulungele ukwamukela umyalelo kaNkulunkulu akuphathisa wona? Ubani ungalokotha athembe umuntu onjalo? Uma ukhonza kanje, uNkulunkulu angalokotha yini akuphathise umsebenzi omkhulu? Ingabe awubambezeli izinto na?
Ngisho lokhu ukuze wazi ukuthi imiphi imibandela okumele ifezwe ukuze ukhonze ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Uma ungayinikeli inhliziyo yakho kuNkulunkulu, uma unganiki konke ukunakekela entandweni kaNkulunkulu njengoJesu, khona-ke ngeke wethenjwe uNkulunkulu, futhi uyogcina wahlulelwe nguNkulunkulu. Mhlawumbe namuhla, ekukhonzeni kwakho uNkulunkulu, uhlala ugcine inhloso yokukhohlisa uNkulunkulu—kodwa uNkulunkulu uzokuqaphela. Ngamafushane, kungakhathaliseki konke okunye, uma utshontshela uNkulunkulu, ukwahlulela okunonya kuyoza phezu kwakho. Kumele usebenzise ithuba lokuthi usanda kungena emgudwini olungile wokukhonza uNkulunkulu ngokuqala ngokunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu, ngaphandle kokuthembeka okwehlukene phakathi. Akukhathaliseki noma ngabe uphambi kukaNkulunkulu, noma uphambi kwabanye abantu, inhliziyo yakho kufanele ihlale ibheke uNkulunkulu, futhi kumele uzimisele ukuthanda uNkulunkulu njengoJesu. Ngale ndlela, uNkulunkulu uyokuphelelisa, ukuze ube yinceku kaNkulunkulu ngokwenhliziyo Yakhe. Uma ufisa ngempela ukupheleliswa nguNkulunkulu, futhi ukuze ukukhonza kwakho kube nokuvumelana nentando Yakhe, kuzomele ushintshe imibono yakho yangaphambilini ngokukholwa kuNkulunkulu, uphinde ushintshe nendlela obujwayele ngayo ukukhonza uNkulunkulu, ukuze ingxenye enkulu yakho izopheleliswa nguNkulunkulu. Ngaleyo ndlela, uNkulunkulu ngeke akulahle, futhi, njengoPetru, uyokwandulela labo abathanda uNkulunkulu. Uma ungaphenduki, uyohlangabezana nesiphetho esifana nesikaJuda. Lokhu kumele kuqondwe yibo bonke abakholwa kuNkulunkulu.
0 notes
Text
Ngabe Umsebenzi kaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?
Njengomuntu okholwa kuNkulunkulu, kufanele uqonde ukuthi, namhlanje, ekutholeni umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina nawo wonke umsebenzi wohlelo lukaNkulunkulu kuwe, uthole ngempela ukuphakanyiswa nensindiso enkulu okuvela kuNkulunkulu. Yonke imisebenzi kaNkulunkulu emhlabeni wonke jikelele igxile kuleli qembu labantu. Unikele wonke amandla Akhe kini wakudela konke ngenxa yenu; uphinde wabuyisa yonke imisebenzi kaMoya emhlabeni wonke wayinikeza nina. Kungakho ngithi, ninenhlanhla. Ngaphezu kwalokho, ususe inkazimulo Yakhe ku-Israyeli, abantu Bakhe abakhethile, wayiletha kini, ukuze afeze inhloso yohlelo Lwakhe ngokugcwele ngani qembu labantu. Ngakho-ke, niyilabo abazothola ifa likaNkulunkulu, futhi ngaphezulu niyizindlalifa zenkazimulo kaNkulunkulu. Mhlawumbe niyawakhumbula nonke la mazwi: “Ngokuba usizi lwethu olulula, olungolwesikhashana, lusisebenzela isilinganiso esiphezulu kakhulu senkazimulo yaphakade.” Esikhathini esedlule, nisizwile nonke lesi sisho, kodwa akekho owayiqonda incazelo eyiqiniso yala mazwi. Namhlanje, nazi kahle ukubaluleka kwalokhu akushoyo. Lawa mazwi ayilokhu uNkulunkulu azokufeza ngezinsuku zokugcina. Futhi azogcwaliseka kulabo abahlushwe ngonya ngukadrako omkhulu obomvu kulelo zwe lapho ekhona. Udrako omkhulu obomvu uhlupha uNkulunkulu futhi uyisitha sikaNkulunkulu, ngakho kuleli zwe, labo abakholwa kuNkulunkulu bazithola behlazeka futhi behlushwa. Kungakho la mazwi ezoba yiqiniso kini qembu labantu. Njengoba umsebenzi wenziwa ezweni eliphikisa uNkulunkulu, wonke umsebenzi Wakhe uhlangabezane nokuvinjelwa okukhulu futhi amazwi Akhe amaningi awakwazi ukugcwaliseka ngesikhathi esifanele; ngakho abantu balungisiwe ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Lokhu futhi kuyingxenye yokuhlupheka. Kunzima kakhulu kuNkulunkulu ukwenza umsebenzi Wakhe ezweni likadrako omkhulu obomvu, kodwa kungenxa yobunzima obunjalo lapho uNkulunkulu enza izigaba zomsebenzi Wakhe ziveze ubuhlakani Bakhe nemisebenzi emangalisayo. UNkulunkulu uthatha leli thuba ukuphelelisa leli qembu labantu. Ngenxa yokuhlupheka kwabantu, izinga labo, nesimo sabantu esinobusathane kulo mhlaba ongahlanzekile, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe wokuhlanza nokunqoba ukuze kulokhu azuze inkazimulo azuze nalabo abafakaza ngezenzo Zakhe. Lokhu kungukubaluleka kwakho konke ukuzidela kukaNkulunkulu ngenxa yaleli qembu labantu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunqoba ngalabo abamphikisayo. Ukwenza kanjena kuphela okugqamisa amandla amakhulu kaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, yilabo abasezweni elingcolile kuphela abafanele ukuthola ifa lenkazimulo kaNkulunkulu, yilokhu kuphela okunganikeza ukugqama kwamandla amakhulu kaNkulunkulu. Yingakho ngithi inkazimulo kaNkulunkulu itholwa ezweni elingcolile nakulabo abahlala kulona. Le yintando kaNkulunkulu. Lokhu kufana nje nasesigabeni somsebenzi kaJesu; wayengakhazimuliswa kuphela phakathi kwalabo baFarisi ababemhlupha. Uma kwakungekhona ukuhlushwa nokukhashelwa nguJudasi, uJesu wayengasoze abe yinhlekisa noma athukwe, ngisho nokubethelwa imbala, futhi ngabe akazange athole inkazimulo. Lapho uNkulunkulu asebenza khona esikhathini ngasinye nalapho enza khona umsebenzi Wakhe wenyama, uthola udumo khona lapho azuze labo ahlose ukubazuza. Lolu uhlelo lomsebenzi kaNkulunkulu, futhi lokhu ukuphatha Kwakhe.
Ohlelweni lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa, umsebenzi owenziwe enyameni unezingxenye ezimbili: Ingxenye yokuqala ngumsebenzi wokubethelwa, lapho ayidunyiselwayo; enye ngumsebenzi wokunqoba nowokupheleliswa ezinsukwini zokugcina, azothola ngawo inkazimulo. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Ngakho, ungawuthathi ngokuthi ulula kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu noma ukuthunywa kwakho nguNkulunkulu. Nonke niyizindlalifa zenkazimulo yaphakade kaNkulunkulu enesisindo esikhulu kakhulu, lokhu kwagcotshwa nguNkulunkulu ngokukhethekile. Kulezi zingxenye ezimbili zenkazimulo Yakhe, enye yambuliwe kini, ukuphelela kwenye ingxenye yenkazimulo kaNkulunkulu kunikezwe nina ukuze kube yifa lenu. Lokhu ukuphakanyiswa okuvela kuNkulunkulu nohlelo Lwakhe olwahlelwa kudala. Ukubona ubukhulu bomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu ezweni lapho udrako omkhulu obomvu ahlala khona, lowo msebenzi uma uyiswa kwenye indawo, ngabe kade wathela izithelo ezinkulu futhi ngabe wamukelwe kalula ngabantu. Umsebenzi onjalo ubungaba lula kakhulu kulabo befundisi baseNtshonalanga abakholwa kuNkulunkulu, ngoba isigaba somsebenzi kaJesu sisebenza njengesandulelo. Yingakho engakwazi ukuzuza lesi sigaba somsebenzi wokudunyiswa kwenye indawo; okusho ukuthi lapho kunokusekwa okuvela kubo bonke abantu nokubonga okuvela kuzo zonke izizwe, ayikho indawo inkazimulo kaNkulunkulu engaphumula kuyo. Futhi lokhu kuwukubaluleka okungavamile impela lesi isigaba somsebenzi esinakho kuleli zwe. Phakathi kwenu, akukho namunye umuntu othola ukuvikelwa komthetho; kodwa niyajeziswa ngumthetho, kanti ubunzima obukhulu ukuthi akekho umuntu oniqondayo, kungaba yizihlobo zenu, abazali benu abangane benu noma ozakwenu emsebenzini. Akekho oniqondayo. Uma uNkulunkulu ekulahla, ayikho indlela ongaqhubeka uphile ngayo emhlabeni. Kodwa-ke, noma kunjalo abantu angeke bakwazi ukushiya uNkulunkulu; lokhu ukubaluleka kokunqotshelwa kwabantu nguNkulunkuku, kanti lokhu kuyinkazimulo kaNkulunkulu. Lokho okuthole njengefa namuhla kwedlula okwabapostoli nabaphrofethi bakudala bonke futhi kukhulu kunalokho okukaMose noPetru. Izibusiso azisoze zitholwe ngelanga noma amabili, kufanele zizuzwe ngokuzidela okukhulu. Okusho ukuthi ufanele ube nothando oluhlanzekile, ukholo olukhulu, namaqiniso amaningi lawo uNkulunkulu akucela ukuba ube nawo; phezu kwalokho, ufanele ukuba ubhekise ubuso bakho kubulungisa ungaze uzigogobeze noma uzibeke phansi, futhi ufanele ukuba nothando olungaguquki futhi olunganciphi kuNkulunkulu. Kudingeka wenze isinqumo, njengoba kunoguquko esimweni sempilo yakho; inkohlakalo yakho kufanele yelashwe, kufanele wamukele konke ukuhlela kuNkulunkulu ngaphandle kokukhononda, futhi ulalele kuze kube sekufeni. Yilokhu okufanele ukuzuze. Lokhu yinhloso yokugcina yomsebenzi kaNkulunkulu, nokudingwa uNkulunkulu kuleli qembu labantu. Njengoba ekunikeza, Naye ke kufanele acele kuwe ukuze akunike lokhu okudingayo nawe. Ngakho-ke, yonke imisebenzi kaNkulunkulu inezizathu, futhi kulokhu kuyabonakala ukuthi kungani uNkulunkulu njalo enza umsebenzi osezingeni eliphakeme nonezidingo eziqinile. Yingakho kufanele ugcwaliswe ngokholo kuNkulunkulu. Ngamafuphi, wonke umsebenzi kaNkulunkulu wenziwe ngenxa yakho ukuze ufanele ukuthola ifa Lakhe. Lokhu akukona kangako ukuthi uNkulunkulu athole inkazimulo kodwa kungenxa yosindiso lwakho nokuphelelisa leli qembu labantu abahlupheke kakhulu ezweni elingahlanzekile. Kufanele uqonde intando kaNkulunkulu. Ngakho ngishumayeza abaningi abantu abangenalwazi abangenambono noma umqondo: Ungalingi uNkulunkulu futhi unganqabi. uNkulunkulu usekumele konke ukuhlupheka lokho umuntu angakadluli kukona, kanti kudala wahlushwa kakhulu endaweni yomuntu. Yini enye ongeke uhlukane nayo? Yini engabaluleka kakhulu ukwedlula intando kaNkulunkulu? Yini engadlula uthando lukaNkulunkulu? Kuwumsebenzi ongumshikashika ophindiwe kaNkulunkulu ukuba awenze kule lizwe elingahlanzekile. Uma umuntu ona, azi futhi ehlosile, umsebenzi kaNkulunkulu uzofanela ukwelulwa. Vele, lokhu akubi ukuzuza komunye, futhi akuhlomuli muntu. UNkulunkulu akavinjelwa yisikhathi; umsebenzi Wakhe nenkazimulo Yakhe ziza kuqala. Ngakho-ke, noma ngabe kuthatha isikhathi eside kangakanani, angeke ashiye noma ngabe yikuphi ukuzidela uma ngabe kungumsebenzi Wakhe. Lesi yisimo sikaNkulunkulu: Angeke aphumule kuze kufezwe umsebenzi Wakhe. Uma isikhathi sifika kulapho ethola ingxenye yesibili yenkazimulo Yakhe ukuze umsebenzi Wakhe ucishe ufezwe. Uma uNkulunkulu engeqede umsebenzi Wakhe wengxenye yesibili yenkazimulo Yakhe, usuku Lwakhe ngeke lufike, isandla Sakhe angeke sisuke kulabo abakhethile, inkazimulo Yakhe ayisoze yafika ku-Israyeli, kanti uhlelo Lwakhe angeke lwafezwa. Ufanele ukubona intando kaNkulunkulu futhi ubone ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awulula njengokudalwa kwezulu nomhlaba nazo zonke izinto. Umsebenzi wanamuhla ukuguqula labo abonakalisiwe, abangenamizwa, nokuhlanza labo abadaliwe bahlukunyezwa nguSathane, hhayi ukudala u-Adamu noma u-Eva, hhayi nokwenza ukukhanya noma ukudala zonke izinhlobo zezithombo nezilwane. Umsebenzi Wakhe manje ukuhlanza bonke labo abonakalisiwe nguSathane ukuze bazuzwe kabusha babe ngabantu Bakhe babe inkazimulo Yakhe. Umsebenzi onjalo awulula njengoba umuntu ecabanga ngokudalwa kwezulu nomhlaba nezinto zonke ezikhona, futhi akufani nomsebenzi wokuqalekisela uSathane emgodini ongenamkhawulo njengoba umuntu ecabanga. Kodwa, ukuguqula umuntu, ukuguqula lokho okungekuhle kube okuhle nokuthatha lokho okungekona okwakhe kube okwakhe. Le indaba yangaphakathi yaleli banga lomsebenzi kaNkulunkulu. Ufanele uyazi, futhi ungenzi lula kakhulu izinto. Umsebenzi kaNkulunkulu awufani nanoma yiwuphi umsebenzi ojwayelekile. Ubukhulu bawo abuqondakali emqondweni womuntu, kanti ubuhlakani bawo angeke baziwe wumuntu. Kulesi sigaba somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu akadali zonke izinto kanti futhi akazibhidlizi. Kodwa, uguqula yonke indalo Yakhe ahlanze zonke izinto ezoniwe uSathane. Ngakho-ke uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omkhulu kanti lokhu kuwukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Ngemva kokufunda la mazwi, uyakholwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ulula kangaka?
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Isahluko 14
Isahluko 14
Isikhathi sihambe ngempela manje. UMoya oNgcwele usebenzisa izindlela eziningi ezihlukahlukene ukuze uniholele emazwini kaNkulunkulu futhi nihlonyiswe ngalo lonke iqiniso, ningcweliswe, nibe nokusondelana nobudlelwane obuseduze ngempela Nami; aninikezwanga mvume yokuba nikhethe. Umsebenzi woMoya oNgcwele awunamuzwa futhi awunandaba ukuthi uhlobo luni lomuntu. Uma nje nifisa ukufuna nokulandela—ninganikezi zaba, hhayi ukuphikisana ngezinzuzo zenu nokulahlekelwa kodwa nifuna ngokulambela nokomela ukulunga, ngakho ngizonikhanyisela. Kungakhathaliseki ukuthi niyiziphukuphuku kangakanani nokuthi aninaki kangakanani, angiziboni izinto ezinjalo. Ngibheka ukuze ngibone ukuthi nisebenza kanzima kanjani ngendlela enhle. Uma nisabambelele emicabangweni “yenu” yokuziphilela emhlabeni wenu omncane, ngicabanga ukuthi nisengozini…. Kuyini ukuhlwithwa? Kusho ukuthini ukushiywa? Kumele uphile kanjani phambi kukaNkulunkulu namuhla? Ningahlanganyela kanjani ngokugcwele Nami? Susani imicabango yenu, nizihlukanise, susani izifihlabuso zenu, nizibone kahle ukuthi ninjani, zizondeni, yibani nenhliziyo efuna ukulambela nokomela ukulunga, kukholelweni ukuthi anilutho, kulangazeleleni ukuzikhulula, kwazini ukuyeka zonke izindlela zenu zokwenza izinto, thulani phambi Kwami, nikelani imithandazo eyengeziwe, ncikani Kimi ngobuqotho, bhekani Kimi, futhi ningayeki ukusondela Kimi nokukhonza kanye Nami—lokhu kubalulekile. Abantu ngokuvamile bayazenzela futhi abekho phambi kukaNkulunkulu.
Umsebenzi wamanje woMoya oNgcwele ngempela kunzima kubantu ukuthi bangawucabanga futhi konke kungena kokungokoqobo; ngeke kukwenzele lutho ngempela ukungacabangi. Uma izingqondo nezinhliziyo zenu zingalungile, ngeke nikwazi ukuphuma. Kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni kumele niqaphe ngazo zonke izikhathi futhi niqiniseke ukuthi niyamelana nokunganaki. Babusisiwe labo abahlala beqaphile futhi belindile nalabo abathule phambi Kwami! Babusisiwe labo abahlale bebheke Kimi ngezinhliziyo zabo, abaqikelelayo ukuthi balilalela kahle izwi Lami, abaqaphela izenzo Zami, nabasebenzisa izwi Lami! Isikhathi ngeke sephuze siyaqhubeka. Zonke izinhlupho ngeke zivinjwe, zivula ukusabisa kwazo, imilomo enegazi ukuze inishwabadele nonke njengesikhukhula. Madodana Ami! Isikhathi sifikile! Asisekho isikhathi sokucabangisisa. Okuwukuphela kwendlela ezoniletha ngaphansi kwesivikelo Sami ukuba nibuyele phambi Kwami. Kumele nibe namandla afana nawomntwana womfana, ningapheli amandla noma niphelelwe yithemba; landelani izinyathelo Zami, ningakwenqabi ukukhanya okusha futhi, ekunitsheleni ukuthi kumele nidle kanjani, kumele nilalele futhi nidle ngendlela efanele. Ingabe sisekhona isikhathi sokulwa noma ukwaneliswa ukuzahlukanisa komunye nomunye? Ingabe ningalwa uma ningeke nidle ukudla kwenu futhi ningahlonyiswanga ngokugcwele ngeqiniso? Uma nifuna ukunqoba inkolo, kumele nihlome ngokuphelele ngeqiniso. Nidle futhi niphuze emazwini Ami futhi nicabangisise kakhulu ngamazwi Ami. Kumele nizidlele futhi niziphuzele ngokwenu amazwi Ami futhi niqale ngokusondela eduze kukaNkulunkulu. Lokhu makube yisixwayiso kini! Kumele nikuqaphele! Labo abahle kumele bavuke ngokushesha eqinisweni. Kumele nizikhulule kuzo zonke izinto eningafuni ukuhlukana nazo. Ngiyanitshela futhi ukuthi lezi zinto ziyingozi ekuphileni kwenu futhi azizuzisi! Ngithemba ukuthi ningancika Kimi ezenzweni zenu, ngale kwalokho okuwukuphela kwendlela ephambi kwenu indlela eya ekufeni, futhi nizoyaphi ukuze nifune indlela yokuphila? Khiphani izinhliziyo zenu ezithanda ukuba matasa nezinto zangaphandle! Khiphani izinhliziyo ezingabalaleli abanye abantu! Uma ukuphila kwenu kungavuthwa futhi nilahliwe, ingabe awuziwisanga? Umsebenzi woMoya oNgwele manje awusiko lokhu okucabangayo. Uma ningakwazi ukukhulula imicabango yenu nizolahlekelwa kakhulu. Ukube umsebenzi ubuhambisana nemicabango yomuntu, ingabe imvelo yakho yakudala nemicabango kukwazile ukuza ekukhanyeni? Ingabe benizozazi? Kungenzeka ukuthi nisacabanga ukuthi aninamicabango, kodwa kulokhu bonke ububi benu obuhlukahlukene buzovela ekukhanyeni. Zibuze ngokucophelela:
Ingabe ungumuntu olalela Mina?
Ingabe uzimisele futhi ukulungele ukuzidela bese ungilandela?
Ingabe ungumuntu ofuna ubuso Bami ngenhliziyo emsulwa?
Ingabe uyazi ukuthi kusondelwa kanjani Kimi nokukhonza Nami?
Ingabe ungathula phambi Kwami futhi ufune intando Yami?
Ingabe uyawasebenzisa amazwi engiwembula kuwe?
Ungasigcina isimo esijwayelekile phambi Kwami?
Ingabe uyakwazi ukubona amaqhinga kaSathane anonya? Uyalokotha uwadalule?
Ingabe uwucabangela kanjani umthwalo kaNkulunkulu?
Ingabe ungumuntu ocabangela umthwalo kaNkulunkulu?
Ingabe uwuthinta kanjani umsebenzi kaMoya oNgcwele?
Nikhonza kanjani ngokubambisana emndenini kaNkulunkulu?
Ningifakazela kanjani ngokunamandla?
Ukulwa kanjani ukulwa okuhle ngeqiniso?
Kumele uthathe isikhathi ukuze ucabangisise ngalamaqiniso kahle. Amaqiniso asobala ukunikeza ubufakazi bokuthi usuku lusondele kakhulu. Kumele nipheleliswe ngaphambi kwezinhlekelele—lena yindaba ebaluleke kakhulu okumele ixazululwe ngokuphuthumayo! Ngifisa sengathi beningapheleliswa, kodwa ngiyabona ukuthi ngempela anibambeki. Niqinile kodwa nokho anikusebenzisi kahle lokho futhi aniziqondanga izinto ezibaluleke kakhulu, kunalokho niqonda kuphela izinto ezincane. Kunanzuzoni ukungazinaki ngamabomu lezi zinto? Ingabe akukhona ukuchitha isikhathi lokhu? Nginibonisa ububele ngale ndlela kodwa niyehluleka ukubonisa ukwazisa futhi nenza isiphithiphithi nomsindo omningi, ingabe yonke imizamo yAmi ebuhlungu iphelele ezeni? Uma niqhubeka ngale ndlela, ngeke ngibe nesikhathi sokunincenga! Ngithi kini, ngaphandle kokuba nivuke eqinisweni, umsebenzi kaMoya oNgcwele uzophuma kini! Angeke ninikezwe lutho ukuba nidle, ukuze nikholwe njengoba nibona. Amazwi Ami akhulunywe ngokuphele, ukuthi niyalalela yini noma cha, okwenu lokho. Lapho kufika isikhathi sokuba nidideke futhi ningabi nandlela yokuya phambili futhi ningakuboni ukukhanya kweqiniso, ingabe nisayogxeka Mina? Yeka ukunganaki! Kumele ube yini umphumela uma ninamathela ngokuqinile kini ngokwenu futhi nenqaba ukuzehlisa? Ngeke yini umsebenzi eniwenzile ube yize? Yeka ukuthi yinto embi kangakanani ukuvalelwa ngaphandle lapho kwehla inhlekelele!
Manje yisikhathi esibucayi sokwakhiwa kwebandla. Uma ningakwazi ukubambisana Nami futhi nizinikele ngenhliziyo yonke, uma ningeke nishiye zonke izinto, nizolahlekelwa; ingabe nisengacabanga ngendlela ehlukile? Nginibonisile ukukhanya ngale ndlela, ngilinde nina ukuba niphenduke futhi niqale kabusha. Kodwa isikhathi asisavumi ngempela manje futhi kufanele ngicabange ngesithombe esibanzi. Ngenxa yenjongo yecebo likaNkulunkulu lokuphatha, konke kuqhubekela phambili futhi izinyathelo Zami ziqhubekela phambili usuku nosuku, ihora nehora, isikhathi nesikhathi, futhi labo abangeke baqhuke bazoshiywa. Usuku nosuku kunokukhanya okusha, usuku nosuku kunezenzo ezinhle ezenziwayo, kukhona izinto ezintsha usuku nosuku futhi labo abangakuboni ukukhanya bayizimpumputhe! Labo abangalandeli bazosuswa….
0 notes
Text
Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu
Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu
Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa zenkohlakalo, umuntu waba ndikindiki wangahlakanipha, waba idimoni eliphikisa uNkulunkulu kangangokuba ukuhlubuka komuntu kuNkulunkulu kuqoshwe ezincwadini zomlando kanti umuntu ngokwakhe akakwazi ukunikeza izizathu ezanele zalokhu kuhlubuka kwakhe – ngoba umuntu wonakaliswe kakhulu uSathane, wadukiswa nguSathane kangangokuthi akazi nokuthi abheke ngaphi. Ngisho nanamuhla, umuntu usamkhaphela uNkulunkulu: Lapho umuntu ebona uNkulunkulu uyamkhaphela, futhi noma engamboni uNkulunkulu nalapho futhi uyamkhaphela. Kukhona nalabo abathe sebebone iziqalekiso nolaka lukaNkulunkulu kodwa balokhu bemkhaphela. Ngakho ngithi umqondo womuntu ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni nonembenza wakhe ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni. Umuntu engimbukayo yisilwane esigqoke izingubo zomuntu, uyinyoka enobuthi, noma ezama kangakanani ukuvela edabukisa emehlweni Ami, angeke ngize ngibe nomusa kuye, ngoba umuntu akawutholi umehluko phakathi kokumnyama nokumhlophe, noma umehluko phakathi kweqiniso nokungelona iqiniso. Umqondo womuntu unqindekile, kodwa usafisa ukuthola izibusiso; ubuntu bakhe abuthembeki kodwa usafisa ukuba nobukhosi benkosi. Angaba yinkosi kabani, ngomqondo onjalo? Angenza kanjani, ngobuntu obunjalo ukuthi ahlale phezu kwesihlalo sobukhosi? Umuntu ngempela akanamahloni! Ungumuntu omubi kakhulu! Kulabo phakathi kwenu abafisa ukuthola izibusiso, ngiphakamisa ukuthi niqale ngokuthola isibuko nibheke ububi benu – ngabe ufanele ukuba yinkosi? Unabo ubuso balowo ongahle azuze izibusiso? Akukaze kube ngisho noluncane uguquko esimweni sakho futhi awukaze usebenzise nalinye iqiniso kodwa ufisa ukuba nekusasa elihle. Uyazikhohlisa! Uzalelwe ezweni elingcole kangaka, umuntu yilokhu ehangulwe umphakathi, uthonywe yinkambiso endala, futhi ufundiswe “ezikhungweni zemfundo ephakeme”. Ukucabangela emuva, ukuziphatha okubi, ukubuka kabi impilo, indlela yokuphila enyanyekayo, ukuphila okungenamsebenzi, indlela yokuphila namasiko onakele – zonke lezi zinto zibe nemingenela enzima enhliziyweni yomuntu zabukela phasi futhi zahlasela unembenza wakhe. Ngalokho – ke umuntu uselokhu eqhele kakhulu kuNkulunkulu, futhi ulokhu ephikisana Naye. Isimo somuntu siba sibi kakhulu usuku nosuku kanti akekho namunye umuntu onganikela ngokuzithandela noma yini kuNkulunkulu, namunye ongalalela uNkulunkulu ngokuthanda, nangaphezu kwalokho akekho namunye ongafuna ngokuzimisela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kunalokho, ngaphansi kwendawo ebuswa nguSathane, umuntu akenzi lutho kodwa ulwela injabulo, ezinikela enkohlakalweni yenyama ezweni lodaka. Ngisho noma bezwa iqiniso labo abahlala ebumnyameni abangacabangi ukulenza noma ukuthambekela ekufuneni uNkulunkulu noma ngabe babone ukubonakala Kwakhe. Abantu abonakele kangaka bangaba kanjani nethuba lokusindiswa? Bangahlala kanjani abantu abonakele ekukhanyeni na?
Isimo somuntu kufanele siguquke ukusuka ekuzazini yena uqobo nasekuguqukeni kokucabanga kwakhe, imvelo, nesimo sengqondo – ngezinguquko eziqavile. Kungale ndlela kuphela lapho izinguquko zempela zingaba khona esimweni somuntu. Isimo esonakele somuntu sisuka ekufakelweni ubuthi nokunyathelwa nguSathane, ekulinyazweni okumangalisayo nguSathane emicabangweni, ekuziphatheni, ekuboneni, nasemqondweni wakhe. Kungenxa kanye yokuthi lezi zinto zomuntu eziyisisekelo zoniwe uSathane, futhi azifani nendlela uNkulunkulu azidala ngayo ekuqaleni, ukuthi umuntu aphikisane noNkulunkulu angaliqondi iqiniso. Ngalokho, izinguquko esimweni somuntu kufanele ziqale ngezinguquko ekucabangeni, olwazini nasemqondweni wakhe okuyoguqula ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu nolwazi lwakhe lweqiniso. Labo abazalelwe ezweni elonakele kakhulu ukwedlula onke abanaki kakhulu lokho uNkulunkulu ayikho, noma ukuthi kusho ukuthini ukukholwa kuNkulunkulu. Lapho abantu bekhohlakele kakhulu, kuyancipha ukwazi kwabo ubukhona bukaNkulunkulu, kuncipha nomqondo nokubona kwabo. Umthombo wokuphikisa nokuhlubuka kwabantu kuNkulunkulu ukonakaliswa uSathane. Ngenxa yokuthi umuntu woniwe uSathane, unembeza wakhe usundikindiki, uziphetheka kabi, imicabango yakhe yedlulele futhi isimo sengqondo yakhe sonakele. Ngaphambi kokuba oniwe nguSathane, umuntu wayelandela uNkulunkulu futhi elalela amazwi Akhe emva kokuwezwa. Wayesemqondo omuhle futhi enonembeza omuhle, futhi enobuntu obuvamile. Ngenxa yokoniwa uSathane, umqondo, unembeza nobuntu bomuntu obuhle bonakala futhi konakaliswa uSathane. Ngakho walahla ukulalela nokuthanda kwakhe uNkulunkulu. Isimo sakhe sesifana nesesilwane, kanti ukuhlubuka kwakhe uNkulunkulu kwenzeka kaningi futhi kuyadabukisa kodwa umuntu uselokhu engazi futhi engakuboni lokhu futhi ulokhu ephikisa ngobumpumputhe elokhu ehlubuka. Ukwembula isimo somuntu ukusho umqondo wakhe, umbono nonembeza futhi ngenxa yokuthi umqondo nombono wakhe akulungile, nonembeza wakhe uvele waba buthuntu kakhulu, ngakho isimo sakhe sihlubuka uNkulunkulu. Uma umqondo womuntu nombono kungeke kuguquke, ngakho izinguquko esimweni sakhe ngeke zibe khona-ke, njengokulandela inhliziyo kaNkulunkulu. Uma umqondo womuntu ungalungile, ngalokho angeke akwazi ukusebenzela uNkulunkulu futhi akakulungele ukusetsheziswa nguNkulunkulu. “Umqondo ovamile” usho ukulalela nokuthembeka kuNkulunkulu, ukulangazela uNkulunkulu, ukuba sobala kuNkulunkulu nokuba nonembeza kuNkulunkulu. Kusho ukuba nenhliziyo eyodwa nengqondo eyodwa kuNkulunkulu ungamphikisi ngabomu uNkulunkulu. Labo abanomqondo ophambukile abanje. Selokhu umuntu oniwa uSathane uveze imicabango ngoNkulunkulu futhi akabanga nokwethembeka noma ukulangazelela uNkulunkulu kungashiwo lutho ngonembeza kuNkulunkulu. Umuntu uphikisa ahlulele uNkulunkulu ngabomu, ngaphezu kwalokho ajikijele inhlamba Kuyena ngenkathi esafulathele. Umuntu wazi kahle ukuthi unguNkulunkulu kodwa usamehlulela efulathele, akazimisele ukumlalela kodwa uselokhu enza izimfuno nezicelo ezinobumpumputhe kuNkulunkulu. Abantu abanjalo – Abantu abanomqondo ophambukile – abakwazi ukwazi isimo sabo esinyanyekayo noma ukuzisola ngokuhlubuka kwabo. Uma abantu benakho ukuzazi ngokwabo, kuzobe sebabuyelwe umqonjwana omncane; ngokuvama kokuhlubuka kuNkulunkulu kodwa bengazazi, kuvama umqondo ongalungile.
Umthombo wokwembula isimo somuntu esonakele awulutho ngaphandle kukanembeza wakhe obuthuntu, ububi bemvelo yakhe nomqondo wakhe ongalungile, ukuba unembeza womuntu nomqondo wakhe kuyakwazi ukubuyela esimweni esijwayelekile, uzokulungela-ke ukusetshenziswa phambi kukaNkulunkulu. Kungenxa yokuthi, unembeza womuntu ulokhu undikindiki, umqondo womuntu awukaze ulunge futhi uyaqhubeka ngokuba buthuntu okwenza umuntu aqhubeke nokuhlubuka uNkulunkulu, okwenza waze wabethela uJesu esiphambaweni futhi wenqabela uNkulunkulu osesimweni somuntu ukuba angene ekhaya lakhe, futhi ulahla inyama kaNkulunkulu, ayibone njengembi futhi ephansi. Ukuba umuntu ubenobuntu nje obuncane, ubengeke akhohlakale kangaka ekuphatheni inyama kaNkulunkulu, uma ngabe ubesenomqonjwana nje ubengeke abe mubi kangaka ekuphatheni inyama kaNkulunkulu; uma ngabe usenaye unembeza omncane ubengeke “abonge” uNkulunkulu osesimweni somuntu ngale ndlela. Umuntu uphila ngesikhathi lapho uNkulunkulu eba yinyama kodwa akakwazi ukumbonga uNkulunkulu ngokumnikeza ithuba elihle kangaka, kunalokho uqalekisa ukuza kukaNkulunkulu noma azibe nje impela iqiniso lokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu futhi ubukeka ephikisana naso futhi ekhathele yiso. Kungakhathalekile ukuthi umuntu ukuthatha kanjani ukuza kukaNkulunkulu, uNkulunkulu, ngamafuphi, ubesalokhu eqhubeka ngomsebenzi wakhe enganakile—yize umuntu engakhombisanga ngisho nokuncane ukwamukela kuye, ngobumpumputhe enza izicelo Kuye. Isimo somuntu sesibe sibi kakhulu, umqondo wakhe usubuthuntu ngokwedlulele kanti unembeza wakhe unyathelwe waphela ngomubi kanti kudala wagcina ukuba unembeza womuntu ojwayelekile. Umuntu akabongi kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu ngokumnikeza impilo nomusa ongaka, kodwa ubuye wacasulwa uNkulunkulu ngokumnikeza iqiniso; yingoba umuntu akanayo nencane intshisekelo eqinisweni okwenza azonde uNkulunkulu. Akukhona kuphela ukuthi umuntu akakwazi ukunikela ngempilo yakhe kuNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela kodwa ubuye azame ukuthola usizo Kuye, afune inzuzo ephindwe kaningi kakhulu kunalokhu umuntu akunikele kuNkulunkulu. Abantu abanonembeza nomqondo onjalo bathatha konke lokhu sengathi kufanele ukuthi babe nakho, babuye bakholwe ukuthi bamsebenzele kakhulu uNkulunkulu, kodwa Yena wabapha kancane kakhulu. Kukhona abantu abanginikeze isitsha samanzi kodwa bona belula izandla bafuna ukunikezwa izitsha ezilingana[a] nezimbili zobisi, noma banginikeza igumbi lokulala ubusuku obubodwa kodwa bazama ukungikhokhisa kaningi imali yendawo. Ngobuntu obunje nonembeza onje, ungafisa kanjani ukuthi uqhubeke uzuze impilo? Naze naba yizihlupheki eziyihlazo! Kungenxa yalobu buntu nonembeza womuntu ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu uzula ezweni lonke, engayitholi indawo yokukhosela. Labo abasenawo ngempela unembeza nobuntu kufanele bakhonze futhi bamsebenzele ngezinhliziyo zabo eziphelele uNkulunkulu osesimweni somuntu hhayi ngenxa yomsebenzi awenzile, kodwa noma ngabe ubengezukwenza msebenzi nhlobo. Nakhu okufanele kwenziwe yilabo abanomqondo ophusile, futhi kungumsebenzi womuntu. Abantu abaningi baze bakhulume nangemibandela ekusebenzeleni uNkulunkulu: Abanandaba noma unguNkulunkulu noma ungumuntu, bakhuluma ngeyabo nje imibandela, bafune nje ukufezeka kwezifiso zabo kuphela. Uma ungiphekela, ufuna ukukhokhelwa imali yompheki, uma ungigijimela, ufuna imali yokugijima, uma ungisebenzela ufuna imali yokusebenza, uma uhlanza izingubo Zami, ufuna imali yokuhlanza izingubo, uma uhlinzeka ibandla ufuna ukubuyiselwa izindleko, uma uba yisikhulumi ufuna imali yokukhuluma, uma uphana ngezincwadi ufuna imali yokuzisabalalisa, kanti uma ubhala ufuna imali yokubhala. Labo engike ngasebenza nabo baze bafune nesinxephezelo Kimi, kuthi labo abathunyelwe ekhaya bafune izinxephezelo ngenxa yomonakalo wegama labo; labo abangashadile babize ilobolo, noma isinxephezelo sokulahlekelwa ubusha babo, labo ababulala inkukhu bafuna imali yomhlabi, labo abathosa ukudla bafuna imali yokuthosa, nalabo abenza umhluzi bafuna ukukhokhelwa ngalokho, futhi…. Lobu ngubuntu benu obuqhoshayo nobunamandla, futhi lezi yizenzo ezishiwo unembeza wenu ophilayo. Uphi umqondo wenu? Buphi ubuntu benu? Ake nginitshele! Uma niqhubeka kanje, ngizoyeka ukusebenza phakathi kwenu. Angeke ngisebenze phakathi komhlambi wezilwane ezigqoke izingubo zabantu, angeke ngihluphekele iqembu labantu abanje ubuso babo obuhle obufihle inhliziyo elukhuni, angeke ngibekezelele umhlambi onje wezilwane ezingenalo nelincane ithemba lokusindiswa. Mhla nginifulathela kuzoba yilolo suku enizofa ngalo, kuzoba usuku lapho nizokwembozwa khona ubumnyama, usuku lapho nizoshiywa khona ukukhanya! Ake nginitshele! Angisoze ngibe nobubele eqenjini elifana nelenu, iqembu elisezingeni eliphansi ngisho nakwelezilwane! Kunemikhawulo emazwini nasezenzweni Zami, futhi ngobuntu nangonembeza benu njengoba kunjalo, angisezukwenza msebenzi ngoba nintula kakhulu uma kuza kunembeza, ningizwise ubuhlungu obukhulu, futhi ukuziphatha kwenu okungcolile, kunginyanyisa kakhulu. Abantu abantula kangaka ubuntu nonembeza ngeke babe nethuba lensindiso; ngeke ngize ngisindise abantu abangenazinhliziyo nabangabongiyo. Uma usuku Lwami lufika, ngizokwehlisa imvula Yami yamalangabi alavuzayo kuze kube phakade kubo bonke abantwana bokungalaleli abake basusa ulaka Lwami oluvuthayo, ngizokhipha isijeziso Sami saphakade kulezo zilwane ezike zaphonsa inhlamba Kimi zangishiya, ngizoshisa unomphelo ngemililo yentukuthelo Yami amadodana okungalaleli, lawo ake adla futhi aphila Nami kodwa angakholwa Kimi, angethuka futhi angikhaphela. Ngizojezisa bonke labo abangithukuthelisa, ngizokwehlisa intukuthelo Yami yonke phezu kwalezo zilwane ezike zafisa ukuma zilinganise Nami kodwa zingangikhonza noma zingilalele, induku engishaya ngayo umuntu izowela phezu kwalezo zilwane ezike zajabulela ukunakekelwa Yimi nezimfihlo ebengizikhuluma, ezazama ukuthatha injabulo yezinto Kimi. Ngeke ngixolele muntu ozama ukuthatha indawo Yami; Ngeke ngishiye namunye ozama ukuzuza ukudla noma impahla Kimina. Okwamanje, niphephile ekulimaleni futhi niyaqhubeka niba ngamaqili ezintweni enizifuna Kimi. Mhla usuku lolaka lufika ngeke nisenza zimfuno Kimi; ngaleso sikhathi, ngizokuvumela “uzijabulele” wenelise inhliziyo yakho, ngizophoqelela ubuso bakho emhlabeni, ngeke usakwazi ukubuye usukume futhi! Masinya, nje, “ngizokhokha” lesi sikweletu—futhi ngiyethemba uzolindela ngokubekezela ukufika kwalolu suku.
Uma lezi zidalwa ezinyanyekayo zingake zibeke ngokweqiniso eceleni izifiso zazo ezinehaba zibuyele kuNkulunkulu, lapho zingaba nalo elinye ithuba lensindiso; uma umuntu enenhliziyo elangazelela ngempela uNkulunkulu, angeke-ke ashiywe nguNkulunkulu. Umuntu uyehluleka ukuzuza uNkulunkulu hhayi ngoba uNkulunkulu enomuzwa, noma, ngenxa yokuthi uNkulunkulu akazimiselanga ukuzuzwa ngumuntu, kodwa ngoba umuntu akafuni ukuzuza uNkulunkulu, futhi ngoba umuntu akamfuni ngokushesha uNkulunkulu. Kungenzeka kanjani ukuthi omunye walaba abafuna uNkulunkulu ngempela aqalekiswe nguNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi omunye walaba abanomqondo ophusile nonembeza ozwayo aqalekiswe nguNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo okhonza ngeqiniso esebenzela uNkulunkulu ashiswe umlilo wolaka Lwakhe? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ojabulela ukulalela uNkulunkulu akhishelwe ngaphandle kwendlu kaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ongakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokwanele ahlale esijezisweni sikaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ojabulele ukuyekelela konke kuNkulunkulu asale engenalutho? Umuntu akazimisele ukufuna uNkulunkulu, akazimisele ukuchithela uNkulunkulu impahla yakhe, futhi akazimisele ukunikela umzamo wempilo yakhe yonke kuNkulunkulu, kunalokho uthi uNkulunkulu usegamenxe kakhulu, ukuthi okuningi ngoNkulunkulu kuyangqubuzana nokomqondo womuntu. Ngobuntu obunje, noma ngabe beningagudluki emizamweni yenu beningasoze nizuze ukuvunywa nguNkulunkulu kungasashiwo lutho ngokuthi animfuni uNkulunkulu. Anazi yini ukuthi niyimpahla yesintu enamaphutha? Anazi yini ukuthi abukho ubuntu obuphansi ukwedlula obenu? Anazi yini ukuthi siyini “isikhundla senu sokuhlonishwa”? Labo abathanda uNkulunkulu ngempela bakubiza ngoyise wempisi, unina wempisi, indodana yempisi, umzukulu wempisi; uyisizukulwane sempisi, umuntu wempisi, futhi kufanele uzazi ukuthi ungubani ungabuye ukhohlwe. Ungacabangi ukuthi ungumuntu omkhulu: Niyiqembu elikhohlakele kakhulu labangebona abantu phakathi kwabantu. Awukwazi lokhu? Uyazi ukuthi bengizifake kwengakanani ingozi ngokusebenza phakathi kwenu? Uma ngabe umqondo wakho awusoze wabuyela kojwayelekile, nonembeza wakho ungasebenzi ngokujwayelekile, awusoze wakhululeka-ke egameni “lempisi” ngeke usinde osukwini lwesiqalekiso, ngeke usinde osukwini lwesijeziso sakho. Uzalwe umncane, into engenamsebenzi. Nifana nenqwaba yezimpisi ezilambile, inqwaba yemfucuza nodoti, futhi, angifani nani, angisebenzi kini ukuze ngithole ukusizakala kodwa ngenxa yesidingo somsebenzi. Uma niqhubeka nihlubuka ngale ndlela, ngizomisa umsebenzi Wami, ngingaphinde ngisebenze kinina futhi; okwehlukile, ngizodlulisela umsebenzi Wami kwelinye iqembu elingijabulisayo, bese ngale ndlela, nginishiya unomphelo, ngoba angizimisele ukubheka labo abayizitha Kimi. Ngalokho-ke, niyafisa ukufanelana Nami, noma ukuba nobutha Kimi?
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “izinhlamvu zegolide ze.”
#Amazwi KaNkulunkulu#insindiso#IBandla LikaNkulunkulu USomandla#Iqiniso#Nkosi Jesu#UMoya oNgcwele#insindiso kankulunkulu
0 notes
Text
Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu
Namuhla, sizobe sikhuluma ngendlela okumele abantu bakhonze ngayo uNkulunkulu ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, yimiphi imibandela okumele ifezwe kanye nokuthi yini ekumele iqondwe yilabo abakhonza uNkulunkulu, nokuthi yiziphi iziphambeko ezikhona ekukhonzeni kwakho. Kumele nikuqonde konke lokhu. Lezi zindaba zithinta indlela enikhonza uNkulunkulu ngayo, nendlela enihamba ngayo endleleni yokuqondiswa uMoya oNgcwele, kanye nendlela izinto zenu zonke ezihlelwe ngayo uNkulunkulu, futhi zizokwenza ukuba nazi wonke amagxathu omsebenzi kaNkulunkulu kini. Uma nifika kulelo zinga, niyokwazisa ukuthi kuyini ukukholwa kuNkulunkulu, nokuthi kumele nikholwe kanjani kuNkulunkulu ngendlela efanele, nokuthi kumele nenze kanjani ukuze nenze ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Lokhu kuzokwenza niphelele futhi nilalele ngokuphelele emsebenzini kaNkulunkulu, futhi ngeke nibe nezinsolo, ngeke nahlulele, noma nicubungule, ingasaphathwa eyokucwaninga. Nangaphezulu kwalokho, niyokwazi ukulalela uNkulunkulu kuze kube sekufeni, nivumele uNkulunkulu ukuba aniqondise futhi anihlinze njengemvu, ukuze nonke nibe ngoPetru beminyaka yawo-1990, futhi nikwazi ukuthanda uNkulunkulu ngamandla enu onke kuze kube sesiphambanweni, ngaphandle kokukhononda nokuncane. Kungokwenza lokho kuphela niyokwazi ukuphila njengoPetru bawo-1990.
Wonke umuntu ozimisele angamkhonza uNkulunkulu—kodwa kumele kube ilabo kuphela abanakekela intando kaNkulunkulu futhi abaqonda intando kaNkulunkulu abafanelekile nabanelungelo lokukhonza uNkulunkulu. Kulokhu odlule kukona, kuyabonakala ukuthi abantu abaningi bakholwa ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kusho ukusakaza ivangeli likaNkulunkulu, uhambele izindawo ngenxa kaNkulunkulu, ukuchitha imali futhi ukunikela ngenxa kaNkulunkulu, kanye nokunye; ngisho nabantu abaningi benkolo bakholwa ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kusho ukuzulazula bephethe iBhayibheli ezandleni zabo, besakaza ivangeli lombuso wezulu nokusindisa abantu ngokubenza baphenduke futhi bavume izono; baningi abaphathi bezenkolo abacabanga ukuthi ukukhonza uNkulunkulu ukushumayela emasontweni emuva kokufunda esikoleni sobufundisi, ukufundisa abantu ngokufunda izahluko eBhayibhelini; abaningi abafowethu nodadewethu bakholwa ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kusho ukungashadi noma ukungabi nomndeni nhlobo, futhi nokunikela uqobo lwabo lonke kuNkulunkulu; kunabantu futhi abahlala ezifundeni ezimpofu abakholwa ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kusho ukuphulukisa abagulayo nokukhipha amadimoni, noma ukukhulekela abafowabo nodadewabo, noma ukubakhonza; phakathi kwenu, kunabaningi abakholwa ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kusho ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, nokuthandaza kuNkulunkulu zonke izinsuku, ukuvakashela amasonto yonke indawo; kanjalo, futhi, kunabantu abathi ukuphila impilo yesonto ukukhonza uNkulunkulu. Nokho, bayingcosana abantu abazi kahle ukuthi kuyini ukukhonza uNkulunkulu. Noma ngabe baningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni abakhonza uNkulunkulu, inani la labo abamkhonza ngokuqondile, futhi abakwazi ukwenza intando kaNkulunkulu, liwubala—lincane kakhulu. Kungani ngisho lokhu? Ngisho lokhu ngoba aniqondi ubunjalo bamazwi athi “ukukhonza uNkulunkulu,” futhi niqonda kancane indlela yokukhonza intando kaNkulunkulu. Namuhla, sikhuluma kakhulu ngokukhonza ngokwentando kaNkulunkulu, kufanele nikhonze kanjani ukuze nifeze intando kaNkulunkulu.
Uma nifisa ukukhonza intando kaNkulunkulu, kumele niqonde kuqala ukuthi luhlobo luni lwabantu abathandwa nguNkulunkulu, luhlobo luni lwabantu abenyanywa nguNkulunkulu, luhlobo luni lwabantu abapheleliswa nguNkulunkulu, futhi luhlobo luni lwabantu abafanele ukukhonza uNkulunkulu. Okungenani kumele nibe nalokhu. Ikakhulukazi, kumele nazi izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nomsebenzi uNkulunkulu azowenza lapha futhi namanje. Emva kokuqonda lokhu, futhi ngokuqondiswa amazwi kaNkulunkulu, niyongena kuqala, futhi nithole umyalelo kaNkulunkulu aniphathise wona kuqala. Uma ukwazi kwenu kuvela emazwini kaNkulunkulu, futhi uma niwazi ngempela umsebenzi kaNkulunkulu, niyofanelwa ukukhonza uNkulunkulu. Futhi yilapho umkhonza lapho uNkulunkulu eyokhanyisa khona amehlo enu kamoya, anivumele ukuba nibe nokuqonda okukhulu komsebenzi Wakhe futhi nibone ngokucacile kakhulu. Uma ningena kuleli qiniso, ukwazi kwenu kuyojula futhi kube okwangempela. Bonke labo abadlule kulokhu bayokwazi ukuhamba phakathi kwamabandla bese behlinzeka abafowabo nodadewabo, uhlangothi ngalunye bathole amandla komunye ukuze banelise ukuntula kwabo, kanye nokuzuza ulwazi olunothe kakhulu emimoyeni yabo. Kuphela emva kokuzuza lomphumela niyokwazi ukukhonza intando kaNkulunkulu futhi nipheleliswe uNkulunkulu nisaqhubeka nenkonzo yenu.
Labo abakhonza uNkulunkulu kufanele babe ngabantu abasondelene noNkulunkulu, kufanele bathandwe uNkulunkulu, futhi bakwazi ukwethembeka ngamandla abo wonke kuNkulunkulu. Akukhathalekile noma nikwenza abantu bengazi, noma phambi kwabo, niyakwazi ukuzuza intokozo kaNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu, niyakwazi ukuma niqine phambi kukaNkulunkulu, futhi akukhathalekile noma ngabe abantu baniphatha kanjani, nihlala nihamba indlela yenu, futhi ninike konke ukunakekela emthwalweni kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela ukusondelana noNkulunkulu. Ukuthi abasondelene noNkulunkulu bakwazi ukumkhonza ngokuqondile yingoba baphathiswe umyalelo omkhulu kaNkulunkulu, nomthwalo kaNkulunkulu, futhi bayakwazi ukuthatha inhliziyo kaNkulunkulu njengeyabo, nomthwalo kaNkulunkulu njengowabo, futhi abakhathali noma bayazuza noma bayalahlekelwa isithembiso: Ngisho bengenawo amathemba, futhi bengeke bazuze lutho, bayohlala njalo bekholwa kuNkulunkulu ngenhliziyo enothando. Ngakho, lolu hlobo lomuntu lusondelene noNkulunkulu. Abantu abasondelene noNkulunkulu bayizethenjwa Zakhe futhi; izethenjwa zikaNkulunkulu kuphela ezingazwelana Naye ekukhathazekeni Kwakhe, nokufuna Kwakhe, nakuba inyama yabo ibuhlungu futhi ibuthakathaka, bayakwazi ukubekezelela ubuhlungu, badele lokho abakuthandayo ukuze banelise uNkulunkulu. UNkulunkulu unika imithwalo eminingi kubantu abanjalo, nalokho uNkulunkulu azokwenza kubonakaliswa kulaba bantu. Kanjalo-ke, laba bantu bayathandwa nguNkulunkulu, bayizinceku zikaNkulunkulu ngokwenhliziyo Yakhe, futhi abantu abafana nalaba kuphela abangabusa noNkulunkulu. Uma usuphenduke umuntu osondelene noNkulunkulu ngeqiniso, kunesiqiniseko sokuthi uyobusa kanye noNkulunkulu.
UJesu wakwazi ukufeza umyalelo kaNkulunkulu—umsebenzi wokuhlengwa kwesintu sonke—ngokuba wanikeza konke ukunakekela intando kaNkulunkulu, ngaphandle kwamacebo Akhe nokuzicabangela Yena. Ngakho, futhi, Naye wayesondelene noNkulunkulu—uNkulunkulu uqobo Lwakhe, into eniyiqonda kahle nonke. (Empeleni, wayenguNkulunkulu uqobo Lwakhe owafakazelwa nguNkulunkulu; Ngikusho lokhu lapha ukusebenzisa iqiniso likaJesu ukucacisa indaba.) Wakwazi ukubeka phambili uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu, futhi wayehlala ethandaza kuBaba osezulwini futhi wayefuna intando kaBaba osezulwini. Wakhuleka wathi: “Nkulunkulu Baba! Feza lokho okuyintando Yakho, futhi ungenzi ngokwezinhloso Zami; ngifisa Wenze ngokohlelo Lakho. Umuntu angaba buthakathaka, kodwa kungani umnakekela? Kungani umuntu eyisihloko sokukhathazeka Kwakho, umuntu ofana nentuthwane esandleni Sakho? Enhliziyweni Yami, ngifisa ukufeza intando Yakho kuphela, futhi ngifisa Wenze njengalokhu ufisa ukwenza Kimi ngokwezinhloso Zakho.” Endleleni eya eJerusalema, uJesu wezwa umunyu, kusengathi ummese uphendulwa enhliziyweni Yakhe, kepha wayengenayo ngisho encane inhloso yokushintsha izwi ayelishilo; njalo kwakukhona amandla amakhulu amqhubezela phambili ekubethelweni Kwakhe. Ekugcineni, wabethelwa esiphambanweni futhi wafana nenyama yesono, efeza lowo msebenzi wokuhlenga isintu, futhi waphakama ngaphezu kwamaketanga okufa neHayidesi. Phambi Kwakhe, ukufa, isihogo kanye neHayidesi kwaphelelwa amandla, kwanqotshwa Nguye. Waphila iminyaka engamashumi amathathu nantathu, kuyo yonke wenza njalo ngamandla Akhe onke ukufeza intando kaNkulunkulu ngokomsebenzi kaNkulunkulu ngaleso sikhathi, akanakanga inzuzo Yakhe ngokwakhe noma ukulahlekelwa, futhi ngaso sonke isikhathi wayecabanga intando kaNkulunkulu uBaba. Ingakho, emva kokuba esebhapathiziwe, uNkulunkulu wathi: “Le iNdodana Yami ethandekayo, engithokozile ngayo.” Ngenxa yenkonzo Yakhe phambi kukaNkulunkulu eyayihambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, uNkulunkulu wabeka umthwalo onzima wokuhlenga sonke isintu phezu kwamahlombe Akhe. Wamenza ukuba aphokophelele phambili ukuwufeza. Wayefaneleka futhi enelungelo lokufeza lo msebenzi obalulekile. Empilweni Yakhe yonke, wabekezelela ubuhlungu obungalinganiseki ngenxa kaNkulunkulu, futhi walingwa uSathane izikhathi ezingabaleki, kodwa akadumalanga neze. UNkulunkulu wamnika umsebenzi onjengalona ngoba wayemethemba, futhi emthanda, ngakho, uNkulunkulu uqobo wathi: “Le iNdodana Yami ethandekayo, engithokozile ngayo.” Ngaleso sikhathi, kwakunguJesu kuphela owayengafeza lo myalelo, futhi lokhu kwakuyingxenye eyodwa yokuqeda kukaNkulunkulu umsebenzi Wakhe wokuhlenga isintu ngeNkathi Yomusa.
Uma, njengoJesu, nikwazi ukunika ukunakekela konke emthwalweni kaNkulunkulu, futhi nifulathela inyama yenu, uNkulunkulu uyoniphathisa imisebenzi Yakhe emikhulu, ukuze nifeze imibandela yokukhonza uNkulunkulu. Kungaphansi kwalezi zimo kuphela lapho uyolokotha uthi wenza intando kaNkulunkulu futhi ufeza umyalelo Wakhe, kungaleso sikhathi kuphela lapho uyolokotha uthi ukhonza uNkulunkulu ngeqiniso. Uma kuqhathaniswa nesibonelo sikaJesu, ungalokotha uthi ungosondelene noNkulunkulu? Ungalokotha uthi wenza intando kaNkulunkulu? Ungalokotha uthi ukhonza uNkulunkulu ngeqiniso? Uma namuhla, ungaluqondi lolu hlobo lwenkonzo kuNkulunkulu, ungalokotha yini ukuthi ungosondelene noNkulunkulu? Uma uthi ukhonza uNkulunkulu, ingabe awumhlambalazi Yena? Cabanga ngalokhu: Ingabe ukhonza uNkulunkulu, noma uzikhonza wena? Ukhonza uSathane, kepha usho ngenkani ukuthi ukhonza uNkulunkulu—kulokhu awuhlambalazi uNkulunkulu yini? Abantu abaningi ngokungifihlela bafisa isibusiso sobukhulu ngesikhundla, bazigxisha ngokudla, bathanda ukulala futhi banakekele kakhulu inyama, bahlala besaba ukuthi asikho isixazululo senyama. Abayenzi imisebenzi yabo ejwayelekile ebandleni, futhi badla mahhala, noma bayale abafowabo nodadewabo ngamazwi Ami, bama phezulu bese bechachaza phezu kwabanye. Laba bantu baqhubeka nokuthi benza intando kaNkulunkulu, bahlale bethi bangabasondelene noNkulunkulu—ingabe ukhona umqondo kulokhu? Uma unokukhuthazeka okufanele, kodwa ungakwazi ukukhonza intando kaNkulunkulu, ngalokho uyisilima; kodwa uma ukukhuthazeka kwakho kungalungile, futhi usasho ukuthi ukhonza uNkulunkulu, ngakho ungumuntu omelene noNkulunkulu, futhi kumele ujeziswe nguNkulunkulu! Anginalo uzwelo kubantu abanjalo! Endlini kaNkulunkulu badla mahhala, bahlala befisa ukunethezeka kwenyama, abanakho ukucabangela lokho okubalulekile kuNkulunkulu; bahlala befuna okuhle kubo, abalaleli intando kaNkulunkulu, konke abakwenzayo akulandeli uMoya kaNkulunkulu, bahlala behlela futhi bebophela abafowabo nodadewabo uzungu, benobuso obubili, njengempungushe esinini samagilebhisi, njalo intshontsha amagilebhisi, futhi igxoba isivini samagilebhisi. Bangaba yini abangane baNkulunkulu abantu abanjalo? Ukulungele yini ukwamukela izibusiso zikaNkulunkulu? Awunakekeli impilo yakho kanye nebandla, ingabe ukulungele ukwamukela umyalelo kaNkulunkulu akuphathisa wona? Ubani ungalokotha athembe umuntu onjalo? Uma ukhonza kanje, uNkulunkulu angalokotha yini akuphathise umsebenzi omkhulu? Ingabe awubambezeli izinto na?
Ngisho lokhu ukuze wazi ukuthi imiphi imibandela okumele ifezwe ukuze ukhonze ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Uma ungayinikeli inhliziyo yakho kuNkulunkulu, uma unganiki konke ukunakekela entandweni kaNkulunkulu njengoJesu, khona-ke ngeke wethenjwe uNkulunkulu, futhi uyogcina wahlulelwe nguNkulunkulu. Mhlawumbe namuhla, ekukhonzeni kwakho uNkulunkulu, uhlala ugcine inhloso yokukhohlisa uNkulunkulu—kodwa uNkulunkulu uzokuqaphela. Ngamafushane, kungakhathaliseki konke okunye, uma utshontshela uNkulunkulu, ukwahlulela okunonya kuyoza phezu kwakho. Kumele usebenzise ithuba lokuthi usanda kungena emgudwini olungile wokukhonza uNkulunkulu ngokuqala ngokunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu, ngaphandle kokuthembeka okwehlukene phakathi. Akukhathaliseki noma ngabe uphambi kukaNkulunkulu, noma uphambi kwabanye abantu, inhliziyo yakho kufanele ihlale ibheke uNkulunkulu, futhi kumele uzimisele ukuthanda uNkulunkulu njengoJesu. Ngale ndlela, uNkulunkulu uyokuphelelisa, ukuze ube yinceku kaNkulunkulu ngokwenhliziyo Yakhe. Uma ufisa ngempela ukupheleliswa nguNkulunkulu, futhi ukuze ukukhonza kwakho kube nokuvumelana nentando Yakhe, kuzomele ushintshe imibono yakho yangaphambilini ngokukholwa kuNkulunkulu, uphinde ushintshe nendlela obujwayele ngayo ukukhonza uNkulunkulu, ukuze ingxenye enkulu yakho izopheleliswa nguNkulunkulu. Ngaleyo ndlela, uNkulunkulu ngeke akulahle, futhi, njengoPetru, uyokwandulela labo abathanda uNkulunkulu. Uma ungaphenduki, uyohlangabezana nesiphetho esifana nesikaJuda. Lokhu kumele kuqondwe yibo bonke abakholwa kuNkulunkulu.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes
Text
Uyini umhlaba kamoya
Uyini umhlaba kamoya? Mangikuphe incazelo emfishane futhi elula nje. Umhlaba kamoya uyindawo ebalulekile, uwumhlaba ohlukile emhlabeni wezinto ezibambekayo. Ngisho kanjani ukuthi ubalulekile? Sizoxoxa ngakho kabanzi lokhu. Ubukhona bomhlaba kamoya abuhlukaniseki nobukhona bomhlaba wezinto ezibambekayo kumuntu. Umhlaba kamoya udlala indawo ebalulekile empilweni kanye nasekufeni komuntu ekubuseni kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke; yiqhaza elibanjwa yiwo leli, ngesinye sezizathu ezenza ubukhona bawo bubaluleke. Kungoba uyindawo engahlukaniseki nezinzwa ezinhlanu, akekho okwazi ukunquma ukuthi lo mhlaba ukhona noma kawukho yini. Okuqhubekayo ngomhlaba kamoya kunamathelene ngqo nobukhona bomuntu, okuwumphumela wethonya elivezwa yiwo umhlaba kamoya endleleni umuntu aphila ngayo. Kungabe lokhu kuyathintana nobukhulu bukaNkulunkulu? Yebo. Ngokusho kwami lokhu, sewuyabona ukuthi kungani sixoxa ngalesi sihloko: Kungoba sithinta ubukhulu bukaNkulunkulu, nokuphatha Kwakhe. Emhlabeni ofana nalona,—ongabonakali emehlweni abantu—ukufuza kwawo izulu, imiyalelo, izinhla zokuphatha zingaphezulu kakhulu kunemithetho nezinhlelo zanoma yiliphi izwe ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, kanti akukho noyedwa kubantu abahlala kulo mhlaba abangaba nesibindi sokuwuphazamisa noma bazithathele wona. Kungabe lokhu kuyabuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu kanye nokuphatha Kwakhe? Kulo mhlaba, kunemiyalelo yokuphatha ecacile, ukuba yizulu okucacile, kanye nemithetho ecacile. Emazingeni ehlukene kanye nasezindaweni ezahlukahlukene, kunabakhokheli ababambelela kabanzi emsebenzini kanye nasekuqapheleni imithetho nezimiso, ngoba bazi kahle ukuthi miphumela mini engalindeleka kwabephula imithetho yezulu, bazi kahle kamhlophe ukuthi uNkulunkulu ukujezisa kanjani okubi akuklomelise kanjani okuhle, kanye nokuthi uziphatha kanjani zonke izinto, indlela abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto, kanye, ngaphezu kwalokho, nokubona ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uyenza kanjani imisebenzi nemithetho yasezulwini. Kungabe lokhu kwehlukile kulokho komhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo abantu? Kwehluke kakhulu. Umhlaba ongafani nhlobo nomhlaba wezinto ezibambekayo. Njengoba kunemigomo nemithetho ezulwini, ithintana nobukhulu bukaNkulunkulu, ukuphatha, kanye, ngaphezu kwalokho, nesimo sikaNkulunkulu nalokho anakho kanye nayikho. Lokhu njengoba sekuzwakele, anicabangi ukuthi kuyisidingo kimi ukuthi ngikhulume ngalesi sihloko? Kungabe aninaso isifiso sokufunda izimfihlo zangaphakathi? Leso yisimo somhlaba kamoya. Nakuba ukhona kanye nomhlaba wezinto ezibambekayo, ngokulingana futhi ukuphathwa nguNkulunkulu ngobukhulu Bakhe, ukuphatha kanye nobukhulu bukaNkulunkulu kulo mhlaba kunqala kakhudlwana kunokomhlaba wezinto ezibambekayo. Ngokwemininingwane, kumele siqale ngokuthi umhlaba kamoya yiwo onomsebenzi wokuphila nokufa komuntu, ngoba lo msebenzi uyingxenye enqala yomsebenzi wabantu bomhlaba kamoya.
Abantu bomhlaba, ngingabehlukanisa izigaba ezintathu ngokwezinhlobo. Uhlobo lokuqala ngabangakholwa, okuyilabo abangenayo inkolo. Babizwa ngabangakholwa. Abaningi balabo abangakholwa bakholelwa emalini, balandela izinhloso zabo, bangabantu bezinto ezibambekayo, bakholelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo, hhayi ekuphileni kanye nasekufeni, noma ekukhulumeni ngemimoya nezipoki. Ngibafaka esigabeni sabangakholwa, kanti bona-ke bawuhlobo lokuqala. Uhlobo lwesibili ngabantu abambalwa abakholwayo ngaphandle kwabangakholwa. Kulabo bantu, laba abakholwayo ngibehlukanisa ngezinhlobo ezimbalwa ezinkulu: uhlobo lokuqala ngamaJuda, olwesibili amaKhatholika, olwesithathu ngamaKrestu, olwesine ngamaMuslim, olwesihlanu amaBuddha—kunezinhlobo ezinhlanu. Yizo lezi izinhlobo ezahlukahlukene zamakholwa. Uhlobo lwesithathu yilabo abakholelwa kuNkulunkulu, labo bayakuthinta nawe. Lolu hlobo lwamakholwa ngolukholelwa kuNkulunkulu namuhla. Laba bantu bahlukaniseka izinhlobo ezimbili: yilabo abakhethwe uNkulunkulu kanye nezisebenzi Zakhe. Kulungile-ke! Lezi zinhlobo ezibalulekile zihlukaniswe ngokucacile. Manje, emqondweni yenu seniyakwazi ukuhlukanisa ngokucacile izinhlobo kanye namazinga abantu. Abokuqala ngabangakholwa—sengishilo ukuthi abangakholwa ngabanjani. Abaningi kwabangakholwa bakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni; bakholwa ukuthi umoya, imvula, ukuduma kwezulu yizinto ezilawulwa yile Ndoda Endala Esesibhakabhakeni, yiyo abethembele kuyo uma belima izitshalo bevuna—kodwa uma kukhulunywa ngokukholelwa kuNkulunkulu abavumi. Singakubiza lokho ngokukholwa wuNkulunkulu? Abantu abanjalo bawela ngaphansi kwabangakholwa. Labo abangakholelwa kuNkulunkulu kodwa abakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni bangabangakholwayo; bonke labo abangakholwa wuNkulunkulu, noma abangamlandeli uNkulunkulu, bangabangakholwayo. Uhlobo lwesibili yilaba abawela ngaphansi kwezinhlobo ezinhlanu zenkolo, abakholelwa kuNkulunkulu ongaqondakali. Uhlobo lwesithathu yilabo abakholwa wuNkulunkulu owenzayoobesenyameni ngezinsuku zokugcina—labo ngabalandela uNkulunkulu namhlanje. Kungani ngehlukanise abantu ngabafaka kulezi zinhlobo? (Kungoba isiphetho sabo nalapho beya khona akuzufana ekugcineni.) Wuhlangothi olulodwa lolo. Kungoba, kuyothi lapho lezi zinhlobo ezahlukene zabantu zibuyela emhlabeni kamoya, uhlobo ngalunye luyoba nendawo ehlukile oluyoya kuyo, ziyobhekana nemithetho engafani kwethinta ukuphila nokufa, kanti yiso isizathu lesi esenza ukuthi ngibehlukanise izinhlobo ezibalulekile ezahlukahlukene.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Ulwazi Oluthandwayo: South African Christian Music - "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" Musical Documentary
0 notes