Tumgik
#Amazwi KaNkulunkulu Amahubo
Video
youtube
INkosi UJesu Yabuya | "Ukwethulwa kwe-App Yebandla LikaNkulunkulu USomandla"
Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.
Ukuze kufezeke isifiso esikhulu sabantu abavela ezindaweni ezingafani sokufunda umsebenzi kaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina, IBandla LikaNkulunkulu USomandla lethula i-app yokuqala yomshini ophathwayo.
Wamukelekile ukuthwebula i-app yeBandla LikaNkulunkulu uSomandla:   
Google Play :  https://play.google.com/store/apps/de... 
App Store :  https://itunes.apple.com/hk/app/quan-...
Ikhasi Lokuqala Okujabulisayo okuthi shazi ekhasini lokuqala. Lalela amazwi oMoya oNgcwele emabandleni, futhi wazi umsebenzi namazwi kaKrestu ezinsukwini zokugcina. Izintombi ezihlakaniphile zizwa izwi likaNkulunkulu, zihamba ezinyathelweni Zakhe, zikhanyelwa yiwo wonke amaqiniso ayimfihlakalo, futhi ziqonda konke kweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha. Ivangeli lozalo lombuso liyiphendulo yemibuzo yakho, futhi likusiza ubone ngale kwamampunge kaSathane namanga. Lalela la mavidiyo nezihloko zezinto ezenzeka ngempela ezivela kubantu bakaNkulunkulu abakhethiwe bekhumbula inqubo yokuhlanzwa abadlula kuyo futhi basindiswa ngesahlulelo sikaKristu ezinsukwini zokugcina.
Izincwadi Chofoza kanye ukuze udawunilode amazwi amasha kaKristu ezinsukwini zokugcina, ulwazi nokufakaza kwabanqobi, kanye nezinye izincwadi. Lalela amazwi oMdali, futhi uxoxe ngokufakaza kwabantu abakhethiwe bakaNkulunkulu abahlulelwa phambi kwesihlalo sikaKristu. Indlela ekahle yokuthatha amaphuzu ukuze uqophe kalula okufundile noma nini.
Okulalelwayo Ukuqoshwa kwezintshumayelo nokufundwa kwamazwi kaNkulunkulu okulethwa ukuniselwa okukhulu nokwaneliseka, kulungise imishikashika yakho ekukholelweni kuNkulunkulu. Lalela izingoma ezintsha zombuso kuyi-inthanethi, futhi ungene enkathini entsha ngokulandela iWundlu kanye nokucula izingoma ezintsha. Dawuniloda umqulu futhi izindlela zohlelo lokudawuniloda zilula futhi ziyaphumelela ngaphandle kwe-inthanethi. Beka uphinde uphisane ngezingoma ozithandayo noma nini.
Amavidiyo Indawo yamavidiyo ihlanganisa amamuvi evangeli, izingoma zekwaya, imilolozelo nokufundwa kwamazwi kaNkulunkulu, izingoma, amavidiyo ezingoma namanye amavidiyo, okukwenza udle inqwaba yokudla kweNkathi Yombuso. Buka izindaba ezishaya emhloleni zabaholi abahlukahlukene benqotshwa amazwi kaNkulunkulu futhi uthokozele la mavidiyo ayisimanga abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe becula futhi besina ukuze bamdumise. Sengathi kunganijabulisa kahle lonke usuku lwenu!
Umsebenzisi Uhlelo Lokuzinikela Komoya lwenza kube lula ukuthi wakhe okwakho ukuzinikela futhi lukukhumbuza uma sekuyisikhathi sokuqala ukuzinikela kwamihla yonke. Amanothi nemigudu oyithandayo kuzoxhunyaniswa nenqolobane. Uchofoza kanye uxhumanise imishini ehlukahlukene.
Siyakwemukela, umuntu ofuna ukubonakala kukaNkulunkulu, axhumane nathi.
Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephuesingangenisi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo konoma iyiphi inhlangano yesithathu futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.
Okuqukethwe kule vidiyo kuhunyushwe konke abahumushi abangongcweti. Nokho, ngenxa yokwehlukana ngokolimi njll., inani elincane lokunganembi aligwemeki. Uma uthola noma yikuphi ukunganembi okunjalo, sicela ubheke umbhalo wokuqala wesiShayina, futhi ukhululeke ukusithinta usazise.
0 notes
Video
South African Gospel Song "Uyawazi Umsebenzi KaNkulunkulu"
I Umsebenzi kaNkulunkulu esenyameni awumangalisi, futhi awumboziwe yimfihlakalo. Ungokoqobo futhi uyiqiniso, njengokuthi okukodwa nokukodwa kuba okubili; awucashile futhi akunabuqili. Konke abantu abakubonayo kuyiqiniso, linjalo neqiniso nolwazi abalutholayo. Lapho umsebenzi ufika ekugcineni kwawo, ulwazi lwabo Ngaye luyovuselelwa. Futhi imicabango yalabo abamfuna ngeqiniso iyobe isiphele yonke. Lokhu akuwona nje umthelela womsebenzi Wakhe kubantu baseShayina, kodwa ukhombisa umsebenzi Wakhe wokunqoba wonke umuntu, ukhombisa umsebenzi Wakhe wokunqoba wonke umuntu.
II Ngoba le nyama, umsebenzi Wakhe, nakho konke Okwakhe kuzuzisa umsebenzi Wakhe wokunqoba ukwedlula konke okunye. Kuzuzisa umsebenzi Wakhe namuhla nakusasa. Le nyama iyonqoba wonke umuntu futhi iyophinda izuze wonke umuntu. Awukho umsebenzi ongcono kunalo wokuba umuntu abone, alalele futhi aqonde uNkulunkulu. Futhi imicabango yalabo abamfuna ngeqiniso iyobe isiphele yonke. Lokhu akuwona nje umthelela womsebenzi Wakhe kubantu baseShayina, kodwa ukhombisa umsebenzi Wakhe wokunqoba wonke umuntu, ukhombisa umsebenzi Wakhe wokunqoba wonke umuntu. umthombo Izwi Livela Lisenyameni
0 notes
Text
Ngenxa Yezinhlupho Ezinkulu, Ngivune Imihlomulo Emikhulu
URongguang Edolobheni LaseZhengzhou, Esifundazweni SaseHenan
Emva kokulandela uNkulunkulu uSomandla, ngafakwa ejele ngenxa yokukholwa kuNkulunkulu. Ngalezo sikhathi ngangiseyikholwa elisha futhi uNkulunkulu wayenginike amandla ukuze ngikwazi ukuma ebufakazini bami. Noma kunjalo, ngazikhohlisa ngokucabanga ukuthi nginesimo esiqotho; ngacabanga ukuthi nganginokholo olukhulu, uthando nokwethembeka kuNkulunkulu, ngakho-ke angizange nginake ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu lokwahlulela nokusolwa. Yize noma ngafunda, ngaqhathanisa ngalokho uNkulunkulu ambula ngako umuntu nabanye abantu ngangazibandakanyi mina emazwini okwahlulela kukaNkulunkulu. Ngangizimisele kuphela ukufunda ngezimfihlakalo uNkulunkulu azambulile neziphrofetho kanjalo namazwi aqukethe izibusiso; yilawa mazwi enganginentshisekelo kakhulu kuwona. Ngafunda amazwi kaNkulunkulu: “Ngokususela emisebenzini nobufakazi obahlukene, abanqobi abasembusweni bayosebenza njengabaphristi noma abalandeli, futhi labo abanqobayo ezinhluphekweni bayoba yisigungu sabaphristi embusweni. … Esigungwini sabaphristi kuyoba nomphristi omkhulu kanye nabaphristi, futhi abasele bayoba amadodana kanye nabantu baNkulunkulu. Konke lokhu kuyonqunywa ngokobufakazi babo kuNkulunkulu ngezinkathi zenhlupheko; akuwona amagama anikezwa kalula nje” (“Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Isikhathi sosizi ngeke sibe side kakhulu—ngeke siwuhlanganise nonyaka lo. Uma besingathatha unyaka besingabambezela isigaba esilandelayo somsebenzi, futhi ukuma kwabantu bekungaba buthakathaka. Uma besingaba side bebengeke bakwazi ukusimela—ukuma kwabo kunokulinganiselwa” (“Indlela Okufanele Uhambe Ngayo Isigaba Sokugcina Sendlela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngacabanga ngathi: Isikhundla embusweni siyonikezwa ngokuncike ekutheni abantu bafakaza kanjani ngezikhathi zokuhlushwa; lobu bufakazi bungaba nomthelela esiphethweni somuntu. Lapho izinhlupho zingifikela, ngiyohlanganisa amazinyo ami ngifake umdlandla owanele, futhi nakanjani ngiyonikeza ubufakazi obuhle. Ngaleyo ndlela ngiyokwazi ukuthola izibusiso ezinkulu; ngale kwalokho, izinhlupho ngeke zihlale unomphela–kuyoba yisikhathi esingaphansi konyaka. Noma ngabe kwenzekani, ngiyokwazi ukubekezelela lesi sikhathi sobunzima. Ngokubuswa yimicabango yokuthola izibusiso nganquma ukuba ngilungele impi; ngacabanga ukuthi ngokwethembela kolwami “ukholo” kanye “nentando,” ngangiyokwazi ukuba ngumnqobi ezinhluphekweni.
Umsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa abantu uyamangalisa kakhulu futhi unobuhlakani. Ngo-1996, sonke sangena ezinhluphweni ezinkulu ngokuhlela kukaNkulunkulu. Kodwa lapho izinhlupho zifika phezu kwethu, akekho owayezibona; konke kwenzeka ngokuyimvelo nje, isimo sami sangempela nesimo sami sehlazo lokuba ngusomathuba sacaca bha ngesikhathi sezinhlupho.
NgoJuni nangoJulayi 1996, ngangikwenye ingxenye yezwe ngigcwalisa umsebenzi wami obandakanya ukubhala. Ngolunye usuku, umholi wale ndawo wafika wasitshela ukuthi isimo sakamuva sasingesihle neze kanye nokuthi Udadewethu othile wayeboshiwe ngudrako omkhulu obomvu. Sithe uma sizwa lokhu, safuna ukuthandazela lo dadewethu sangacabanga ngalutho olunye, ngoba sonke sasazi ukuthi kwakuyisehlakalo esijwayelekile ukuthi abantu baboshelwe ukukholwa kwabo kuNkulunkulu eChina, izwe elishushisa uNkulunkulu ngale ndlela. Kodwa akubanga yizinsuku eziningi ngaphambi kokuba sizwe ukuthi abanye abafowethu nodade abambalwa babeboshiwe. Emva kwezinye izinsuku ezimbalwa, sezwa ukuthi abanye abaseshumini nambili nabo babeboshiwe, futhi amakholwa amaningi aziwa kakhulu ayesebenza njengabaholi emndenini kaNkulunkulu ayesohlwini oluyimfihlo lwababezoboshwa. Kwakukhona futhi nabanye abase bebekelwe umhlomulo uma betholakala. Abaholi basendaweni nabo babesohlwini lukadrako omkhulu obomvu. Ngaba nomuzwa wokuthi lokhu kwakungekuhle neze: Kwabonakala sengathi udrako omkhulu obomvu wayezama ukulimaza amakholwa ngokugadla nje okukodwa. Saba nokuthuthumela okwakuzwakala emoyeni nje kusisibekele; sasingazi ukuthi senzenjani ngaphansi kwesimo salolu hlobo; sasifuna ukuthinta ongenhla simbuze ukuthi siqhube kanjani, kodwa sasingakwazi ukumthinta. Kamuva ngathola ukuthi izinhlupho zaziqale ngenyanga edlule. Kodwa ngaleso sikhathi sasithunazekile emphefumulweni futhi singeke silokothe siqagele futhi sichaze umsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho-ke sasingazi ukuthi le kwakuyinhlupho enkulukazi. Konke esasikwazi ukukuzwa kwakuyisandla sobumnyama sikadrako omkhulu obomvu sicindezela eduze kwethu futhi asikwazanga ukuba nenqubekelaphambili emsebenzini wethu ngezizathu ezingenakuchema. Ekubhekaneni nalolu hlobo lokuhlupheka, saba nokuqonda okuncane ukuthi umsebenzi wawuvinjwe yisandla sikaNkulunkulu; uNkulunkulu wayesihola ukuba simise umsebenzi bese sicasha singalahlekelwa sikhathi sibuyela emuva ekhaya lethu. Ngaleyo ndlela sasingaphepha kangcono. Ngenxa yalokho, saphoqeleka ukuba sahlukane bese sibuyela ezweni lethu.
Ngangikade sengibe sekhaya iviki elilodwa ngenkathi udadewethu efika enginikeza incwadi ethi umfowethu webandla lethu wayeboshiwe, futhi kwakudingeka ngihambe ekhaya ngokushesha. Ngalesi sikhathi ngangifana nendluzele phambi kwamalambu; ngangingenalo ukholo futhi ngaba nomcabango owodwa kuphela enhliziyweni yami: Ukucasha ngokushesha futhi ngingavumeli udrako omkhulu obomvu angibambe; udrako omkhulu obomvu uyenyanyeka kakhulu futhi unenhliziyo embi, izindlela ezimbi azisebenzisayo ukuchitha amakholwa zinesihluku. Uma ngiwela ezandleni zamadimoni, imiphumela iyoba ngengacabangeki. Kulandela lokhu, udadewethu othile wangethula ezintabeni ukuba ngiphekele abavukuzi basezimayini. Ngangilapho nodadewethu ababili futhi sasisebenzisa ithuba lapho kwakungekho muntu ukuze sidle futhi siphuze amazwi kaNkulunkulu, sihlanganyele futhi sicule amahubo. Ngenxa yokuthi sasinawo amazwi kaNkulunkulu, usuku ngalunye lwalunothisa. Nokho, esikhathini esingaphansi kwenyanga, amaphoyisa afika endaweni futhi kwakungekho engangingakwenza ngaphandle kokuhamba endaweni. Emva kwalokho ngaya kwenye indawo yokudlela ukuze ngiyosebenza. Wonke umuntu engangihlangana naye wayengakholwa ngakho sasikhuluma ulimi olungafani; phezu kwalokho, ngangingenalo izwi likaNkulunkulu kulolu hlobo lwendawo, futhi kwakungekho muntu engangingahlanganyela naye kangangokuthi kwakunzima ngisho nokukhuleka umkhuleko ocacile. Ngazizwa ngingedwana futhi ngilahliwe kanti nenhliziyo yami kungekho engakwenza ngaphandle kokukhononda. Ngangifuna ngisho nokukhaphela uNkulunkulu: “Ukukholwa kuNkulunkulu akulula neze futhi ngihlezi ngikhathazekile usuku lonke; ngithalaza ezweni elingenabo ubulungiswa; ingabe lezi zinsuku ziyophela nini? Ukuba ngangingakholwa kuNkulunkulu, ngiphila impilo elula nezinzile njengabangakholwa, kwakungeke kube mnandi lokho?” Yize noma inhliziyo yami yayicabanga ngale ndlela, ngangizizwa nginokwesaba futhi ngangingeke ngilokothe ngishiye uNkulunkulu, ukukucabanga nje ukushiya uNkulunkulu kwakungidalela ubuhlungu. Kodwa njengoba ngangingathandi ukufunda amazwi kaNkulunkulu ngaphambilini, ngingafuni ukulandela iqiniso, futhi ngigcwalise izibopho zami zokuthola izibusiso, ngakho-ke, ngithe lapho ngishiya izincwadi zezwi likaNkulunkulu, inhliziyo yami yayingenalo yangaba ngisho nomugqa wezwi likaNkulunkulu owasala kuyo. Ngaphandle kwamazwi kaNkulunkulu okuphila engeseka, ngangifana nje nesiwula esasilahlekelwe yingqondo. Ngangingazi ukuthi ngizenzenjani noma ngilandele ini. Kunalokho ngazabalaza usuku nosuku. Yayithini intando kaNkulunkulu? Kungani ayengihlelele lokhu? Ngingaphila futhi ngimenelise kanjani uNkulunkulu? Ngangingenawo amandla okucabanga ngalokhu, konke engangikucabanga kwakuwubunzima bami nje. Ngaleso sikhathi ukukholwa kwami kuNkulunkulu onamandla onke nosezindaweni zonke kanye nokukholwa kwami ebukhoneni bukaNkulunkulu emhlabeni wonke kwangilahlekela. Kwaze kwafika ephuzwini lapho udadewethu othile afika ukuzongimema ukuba ngivakashele abanye abafowethu nodadewethu, nganqaba, ngoba inhliziyo yami yayesaba futhi iyigwala. Ngangingenakholo namandla, ngangincike nje engqondweni nasemicabangweni yami, ngicabanga ukuthi indawo ngeke ilunge ngaphambi kokubuyela kwe-Hong Kong eChina. Ngalesi sikhathi, udrako omkhulu obomvu uyobhudukeza acindezele ngamandla futhi ashabalalise wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu. Manje kuyoba yisikhathi eside ngaphambi kokubuya kwe-Hong Kong, kufanele ngempela ngizivikele kahle. Esikhathini sezinyanga ezimbili nohhafu engangisebenze ngazo endaweni yokudlela, inhliziyo yami yaya ngokuya ideda kuNkulunkulu, kwaze kwaba sezingeni lapho ngangilivuma kuphela igama likaNkulunkulu, kodwa ngingenaye uNkulunkulu enhliziyweni yami. Inhliziyo yami esikhathini esiningi yayihehwa yizinjabulo zenyama; ngangifuna ukubalekela uNkulunkulu ngiphile impilo yabangakholwa. Nokho, esikhathini sezinsuku ezimbalwa ezalandela ngangimkhumbula kakhulu uNkulunkulu nabafowethu nodadewethu; ngangikhumbula impilo yebandla lami lakudala. Ngenkathi ngisahleli ngedwa, ngangingakwazi ukuzibamba ngikhala. Inhliziyo yami yayigcwele usizi: O Nkulunkulu, usuku lonke ngikanye nabantu abangakholwa; uma ngingasebenzi, ngisuke ngidla noma ngikhuluma ingxoxo engasho lutho. Uwena kuphela owazi ukukhenceza nobuhlungu benhliziyo yami. O Nkulunkulu, ingabe lobu busuku buzodlula nini? Siyokhululwa nini ukuba sikholwe kuNkulunkulu, njengasekuqaleni ngenkathi sihlala emndenini Wakho othokomele? Inhliziyo yami yayishoshozela sengathi igubuzelwe ukhula ngingasakwazi ukuhlala. Kwenzeka nje ukuthi kwase kusondele uMkhosi weNtwasahlobo ngase ngithatha lelo thuba ngasula emsebenzini futhi ngabuyela kubafowethu nodadewethu ngokushesha. Kamuva ngabona ukuthi kwakungemina kuphela owayenale micabango; babebaningi abafowethu nodadewethu ababegwema ukuboshwa ngudrako omkhulu obomvu ngokubalekela kwezinye izindawo ezazibhekene nenkinga efanayo. Bonke babuyela ekhaya ngoba babecabanga into efanayo. Lokhu kwakungukuholwa okuyisimangaliso kukaMoya oNgcwele.
Emva kwezinsuku ezingezingaki ngibuyele ekhaya, udadewethu wafika ukuzongazisa ngokuhlangana ebandleni. Uma ngizwa udadewethu ethi inhlupho yayisiphelile, nokuthi konke kwase kubuyele esimweni esijwayelekile, nokuthi ngangingahamba ngiyogcwalisa umsebenzi wami wakudala, kwangithatha isikhashana ngaphambi kokuba ngibone ukuthi: “Ini? Ukuhlushwa kuphelile? Bekuwukuhlushwa lokhu? Kwakusazoba yizinyanga ezimbalwa ngaphambi kokuba i-Hong Kong ibuyele eShayina. Kwakungaphela kanjani ukuhlushwa? Akukhona engangikulindele lokhu! Sonke lesi sikhathi konke lokhu ebesibhekene nakho kwakuwukuhlushwa, manje kuphelile! Ngangikhombiseni mina ngesikhathi sokuhlushwa? Ngaphandle kobugwala nokwesaba, ngakhononda, ngabaleka, futhi ngakhaphela. Ngangingenazo neze izakhi zokholo, angisayiphathi eyokuthembeka nothando. Kulesi sikhathi uNkulunkulu uvivinye umsebenzi wami kodwa mina ngehluleka ngokuphelele.” Ngagebisa ikhanda lami ngokuphelelwa yithemba ngigcwele imizwa eminingi enhliziyweni yami. Kulesi sikhathi ngakwazi ukuqonda okwashiwo nguNkulunkulu ngaphambi kokuqala kokuhlushwa: “Ngemva kokuphothulwa komsebenzi waMi, isinyathelo esilandelayo kuyoba esokuhamba kwabantu endleleni okufanele bahambe kuyo. Wonke umuntu kumele ayiqonde indlela okufanele ahambe kuyo—lena yindlela yokuhlupheka nenqubo yokuhlupheka, kuphinde kube yindlela yokucwengisisa ukuzimisela kwakho ukuthanda uNkulunkulu. Yilawo amaqiniso okufanele ungene kuwo, yilawo amaqiniso okufanele uwanezele, indlela yokubhekana nezinto, nokuthi iyiphi indlela ongangena ngayo—kumele uziqonde zonke lezi zinto. Kumele uzihlomise manje. Uma ulinda uze ubhekane nosizi, kuyobe sekwephuzile” (“Indlela Okufanele Uhambe Ngayo Isigaba Sokugcina Sendlela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Lesi sifundo esidabukisayo singitshela ukuthi: Abantu abakwazi ukuma babe ngubufakazi enhlushweni uma bengenalo iqiniso futhi uma bethembele ezifisweni zabo. Abantu abaphila ngaphandle kweqiniso emsebenzini kaNkulunkulu ngokuqinisekile bayokwambulwa; ngeke besakwazi ukuzifihla kancane noma bakwazi ukuphinde baphile impilo yokukhohlisa. Ngaphandle kweqiniso, wakhiwe esisekelweni senhlabathi, esingeke sikwazi ukubhekana nanezivivinyo ezincanyana nje. Kungeqiniso kuphela lapho ungakwazi ukubona izinto ngokucacile, ube nokholo namandla, ukwazi ukunqoba phezu kukaSathane futhi ukwazi ukuphila iqiniso ukuze wenelise uNkulunkulu futhi ufakazele uNkulunkulu. Ngangizizonda ngempela: UNkulunkulu usesitshele lezi zinto ngesineke esikhathini eside esidlule, futhi kungani ngingazange ngikukholwe, kungani ngingazange ngikuthathe njengokubalulekile! Akusaphindeleki emuva; akukho ukwenza ngokunye ngaphandle kokufuna iqiniso ngenkuthalo endleleni ezayo.
Lapho sesiqedile umhlangano, ngezwa udadewethu eveza olunye ulwazi lwangaphakathi lweCCP: Udrako omkhulu obomvu namanje usenodlame eqhubeka nokubopha amakholwa futhi kuya ngokuya kuba nzima. Lapho ngizwa lokhu, inhliziyo yami yokholo oluncane yaphinde yangihlebela: Isimo salapha simanzonzo futhi abafowethu nodadewethu bafezekisa izibopho zabo. Ingabe lokhu kulungile? Kodwa iphuzu leli langivumela ukuba ngibone ukuthi: Yize noma izimo simanzonzo, asesabi njengalokhu sasesaba ngesikhathi sezinhlupho; uma sigcwalisa izibopho zethu, izinhliziyo zethu ziba nokucophelela nokuthula sengathi wonke umuntu ukhohliwe mayelana naleya ndawana udadewethu asitshele yona. UMoya oNgcwele naye wenza umsebenzi omkhulu ebandleni; ngeke kube kudala ngaphambi komcimbi omkhulu lapho ivangeli lisabalaliswa kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Umsebenzi wethu uya ngokuya uba matasa futhi izibopho zonke ziyagcwaliswa kahle. Cishe bonke abafowethu nodadewethu bagcwalisa izibopho zabo ngemizamo yabo yonke ezikhundleni abakuzona. Isimo siyaqhubeka ngokushesha ngaphansi kukadrako omkhulu obomvu engaboni, kodwa umsebenzi uyaqhubeka ngamandla, bekungakabi khona kuboshwa okufana nalokhu kwaphakathi nezinhlupho ezinkulu. La maphuzu angivumela ngakwazi ukubona iqiniso ngokucace bha: Empeleni, udrako omkhulu obomvu ngaso sonke isikhathi uhlezi esebenza ukumelana noNkulunkulu, ukushushisa uNkulunkulu kanye nokushintsha abantu baNkulunkulu abakhethiwe; akakaze ayeke futhi ufuna ukubulala uNkulunkulu nabantu Bakhe abakhethiwe. Kwesinye isikhathi ummese wasesilaheni usesandleni sakhe awuweli phezu kwethu, kanti lokho kunguNkulunkulu esibhekelele esivikela. Kwesinye isikhathi asiboni ngisho nenhloso yakhe yokusibulala, futhi lokho nguNkulunkulu esebenzisa amandla Akhe amakhulu ukusivikela, akukhona ukuthi udrako omkhulu obomvu ubeke phansi ummese wakhe wayeka ukusishushisa. Udrako omkhulu obomvu akakaze abeke phansi ummese wakhe, akasoze awubeka phansi; ufuna ukuphikisana noNkulunkulu kuze kube sekugcineni, uma kuya ngokuya kuba nzima, ngoba udrako omkhulu obomvu unguSathane, umoya omubi. Uyazi ukuthi usuku olungcwele uNkulunkulu ayoqeda ngalo umsebenzi Wakhe wensindiso wusuku lwakhe lokugcina. Ngakho-ke, ngenkathi ukufa kusondela, naye uzabalaza kakhulu. Nokho, noma kwenzekani, umsebenzi kaNkulunkulu usebenzisa udrako omkhulu njengesembozo, yithuluzi elisebenza ezandleni zikaNkulunkulu, ithuluzi lokuhlola abantu abakhethiwe baNkulunkulu. Unya lwakhe ngeke luvimbe umsebenzi kaNkulunkulu, ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu, alunamandla phezu kwabantu bakaNkulunkulu abakhethiwe. Lapho uNkulunkulu engamvumeli ukuba azingele, abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe bazoba ngaphansi kwakhe kodwa ngeke akwazi ukubabamba. Akanakho okunye angakwenza ngaphandle kokuba semuseni kaNkulunkulu. Njengalokhu izwi likaNkulunkulu lisho: “Uma ngiqala umsebenzi Wami ngokusemthethweni, bonke abantu banyakaza njengoba nginyakaza, kangangoba abantu emhlabeni wonke jikelele basebenza ngokuhambelana Nami, “kunenjabulo” emhlabeni jikelele, futhi umuntu ugqugquzelwa Yimi ukuya phambili. Ngaleso sikhathi, udrago omkhulu obomvu ngokwakhe ngimfake esimweni sentukuthelo nokudideka ngokomsebenzi Wami, futhi, ngaphandle kokuthi akazimisele, akakwazi ukulandela izifiso zakhe, okungamnikezi ukuzikhethela ngaphandle kokuthobela ukulawula Kwami” (“Isahluko 29” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ekuhluphekeni okukhulu, uNkulunkulu wavumela udrako omkhulu obomvu ukuba ashushise abantu baNkulunkulu abakhethiwe, ngoba wayefuna ukusebenzisa udrako omkhulu obomvu futhi amsebenzisele ukuzuzisa abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe ukuze babone ngokucacile umongo kadrako omkhulu obomvu evukela uNkulunkulu. Uma uNkulunkulu wayengavumanga ukuba sizwe ukushushiswa, lapho sasingeke sikwazi ukukholwa amazwi kaNkulunkulu ambulwe mayelana nomongo wenkohlakalo kadrako omkhulu obomvu; futhi ngabe asazi ngokuthembeka kukaNkulunkulu. Ngakho-ke, uNkulunkulu uyasivumela ukuba sibone iqiniso uma sekuyisikhathi esifanele. Kungale ndlela kuphela ukuba sikwazi ukubona ukuthi konke uNkulunkulu akushoyo kuyiqiniso kanye nokuthi udrako omkhulu obomvu ngempela uyisitha sikaNkulunkulu, ukuthi ungumoya omubi, nokuthi uhlahlela abantu agwinye imimoya yabantu. Ukuba la maqiniso ayengambulwanga, ngabe namanje ngisenziwa isiwula futhi ngikhashelwa nguye; ngabe ngiyamkholwa uma ethi, “inkululeko yokukholwa” nokuthi “amalungelo asemthethweni ezakhamuzi.” Namhlanje, ngithole ukuhlangabezana uqobo nokushushiswa ngudrako omkhulu obomvu, ngibonile ubuso obusabekayo bukadrako omkhulu obomvu ehlahlela abantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo ngawami amehlo. Futhi manje ngiyazi ukuthi inkululeko nentando yeningi ayimemezelayo iyicebo nje lokukhohlisa nokuqola abantu. Manje sengiyabona ngokucacile umongo odabukisayo wedimoni elikhulu elingudrako omkhulu obomvu, futhi inhliziyo yami iyalenyanya ngempela. Sengithathe isinqumo sokulikhaphela bese ngilandela uNkulunkulu kuze kube sekupheleni.
Izinhlupho zivela kuNkulunkulu, futhi isikhathi sokuphela kwazo naso sisezandleni zikaNkulunkulu. Uma umsebenzi kaNkulunkulu uletha imiphumela, uNkulunkulu nakanjani ngeke ahlehlise isikhathi. Njengalokhu uNkulunkulu asho: “Isikhathi sosizi ngeke sibe side kakhulu—ngeke siwuhlanganise nonyaka lo. Uma besingathatha unyaka besingabambezela isigaba esilandelayo somsebenzi, futhi ukuma kwabantu bekungaba buthakathaka. Uma besingaba side bebengeke bakwazi ukusimela—ukuma kwabo kunokulinganiselwa.” (“Indlela Okufanele Uhambe Ngayo Isigaba Sokugcina Sendlela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). UNkulunkulu unecebo Lakhe, futhi akalibazisi isinyathelo Sakhe esilandelayo sokusabalalisa ivangeli Lakhe. UNkulunkulu usiqonda kahle ngokuphelele, uyabazi ubuqotho bethu, uyazazi izimo zethu, futhi akazimisele ukuvumela izimpilo zethu zibe nokulahlekelwa. Ngakho-ke, uNkulunkulu ngeke ahlehlise ngisho umzuzwana owodwa, futhi sinamandla okukubekezelela konke. UNkulunkulu wenze izinhlelo zethu eziqondile emsebenzini Wakhe, ucabangile ngezimpilo zethu ngayo yonke indlela; kodwa ekuhluphekeni kwami, konke engangicabanga ngakho kwakuwukuphepha kwami nokuthi ingabe ngangibhekene noma ngangingabhekene nobunzima; angizange ngicabange ngoNkulunkulu neze. Ngempela ngizicabangela ngedwa futhi ngiyenyanyeka; anginawo unembeza osebenzayo futhi angifanelekile ukuphila ebukhoneni bukaNkulunkulu. Ekuhluphekeni kwami kwavela ubumina uqobo, nokwangenza ngaba nokuziqonda kahle ngokuphelele. Ngabona ukuthi ngangingompofu kangakanani, ngidabukisa futhi ngiyimpumputhe; ngabona ukuthi ngangingenakholo noma uthando lukaNkulunkulu, kodwa nganginokuhlubuka nokudaza inkani kangangokuthi ngangikhaphela nganoma yisiphi isikhathi noma indawo. Kulesi sikhathi, ngakwazi ukubona ingozi yami, futhi ngakuzwa ukubaluleka kokuhloma ngeqiniso; kusukela lapho selokhu nginokunxanela iqiniso. Kulesi sikhathi ngafunda amazwi kaNkulunkulu uNkulunkulu awembula ngemvelo yomuntu ekhohlakele futhi ngezwa sengathi izwi likaNkulunkulu liyavuka liphile kimina njengenkemba ebukhali nxazonke igwaza amalunga nomnkantsha futhi yambula ukungcola nokungabi nabulungiswa ekujuleni kwenhliziyo yami. Kwangenza ngabona ukuthi ngangenyanyeka futhi ngimubi kanye nokubona ukuthi ngangikhohlakaliswe nguSathane ngokujulile. Ngaqala ukuzenyanya futhi yokuziguqula; nganxanelwa ukuba ngumuntu oqinisekile. Ngezwa umsebenzi wokwahlulela nokujezisa kukaNkulunkulu kwakuhlanzisisa abantu futhi inqobo uma ngifuna ngokuphelele iqiniso, nakanjani ngingahlanzwa futhi ngisindiswe. Okokuqala ngenkathi ngizwa ubugugu bamazwi kaNkulunkulu kanye nokubaluleka kweqiniso, inhliziyo yami yaba nokujabula ngaphakathi: Ekugcineni sengingenile okholweni lwami kuNkulunkulu, ngihamba ngibheke esiqalweni esisha futhi ngiyalibona ithemba lokuthola insindiso. Ngenxa yalokho, ngabeka isisombululo: Noma ngabe kuba maginxiginxi kangakanani endleleni engaphambi kwami, ngaso sonke isikhathi ngizoqina ngingazanyazanyiswa ekulandeleni uNkulunkulu futhi ngihambe endleleni elungile yempilo.
Ukuhlela kukaNkulunkulu okumangalisayo kwangivumela ukuba ngingene ngokungakhaliphile ekushushisweni kanye nokuphuma ngokungakhaliphile ekushushisweni. Isivuno esasivuna kulokhu sasicace kakhulu futhi silula ukusibona. Ngenxa yentshushiso, singabona ukuthi uNkulunkulu unamandla futhi ukhaliphile; siyabona ukuthi udrako omkhulu obomvu akanamandla futhi uyisiwula. Akakwazi ukuzithiba futhi unonya, futhi akanakho okunye angakwenza ngaphandle kokuba aphonswe le nale ngumsebenzi kaNkulunkulu; uyohlale ehlulwa ezandleni zikaNkulunkulu. Udrako omkhulu obomvu uzama ngokungaphumeleli ukwesabisa abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu ngokubashushisa okunonya nokuphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Yize noma ngaphandle kubukeka sengathi intshushiso kadrako omkhulu obomvu iphezu kwabantu, eqinisweni, konke kuhlelwe yisandla esinamandla sikaNkulunkulu. Usakaza aphinde aqoqe abantu, uholela abantu ezinhlushweni aphinde akhiphe abantu bakhe ezinhlushweni; uvumela abantu ukuba babekezele kuze kube bafuna ukuphuma, kodwa ngaso sonke isikhathi weseka abantu, uyabadonsa, futhi wenze abantu bangakwazi ukuphuma. Kuphakathi kwalezi zinhlelo ezimangalisayo zikaNkulunkulu ukuba abantu bayakwazi ukubona ngokucacile ubuso obubi bukadrako omkhulu obomvu kanye nokwenyanya udrako omkhulu obomvu ukusuka ekujuleni kwezinhliziyo zabo. Abantu baphinde bakwazi ukubona amandla amakhulu kaNkulunkulu baphinde babone nothando Lwakhe, amandla akhe amakhulu nobuhlakani Bakhe. Bayacophelela kakhulu futhi abantengantengi ekulandeleni uNkulunkulu, futhi bayakwazi ukubona ukuqina kwabo nalapho besilele khona; izinhliziyo zabo zinokunxanwa okukhulu zinxanelwe uNkulunkulu neqiniso. Kunokubaluleka okukhulu ekubeni uNkulunkulu aphakamise izinhlupho; kunobuhlakani obukhulu emsebenzini kaNkulunkulu. Akekho okwazi ukubuqonda. Ngakwazi ukubamba iqhaza ezinhluphweni ezinkulu ezazihlelwe nguNkulunkulu; impela kwakuwukuphakanyiswa kukaNkulunkulu nothando olwandile kanjalo nobuqotho bami kule mpilo. Ngaso sonke isikhathi lapho ngicabanga emuva kulokhu ngigubezelwa imizwa futhi ngifuna ukunikeza ukubonga kwami okukhulu nodumo kuNkulunkulu. Ukube angibhekananga nezinhlupho, ngangingeke ngibe nokunye engingakwenza ngaphandle kokulandela ngobumpumputhe futhi, ekugcineni, ngangiyowa futhi ngibhubhe ngenxa yokungazuzi iqiniso nokungaguqulwa kwesimo sami esonakele. Uma ngangingabhekananga nezinhlupho, ngangingeke ngibe nokholo lweqiniso kuNkulunkulu futhi bengingeke ngiqonde ubunzima bomsebenzi kaNkulunkulu kanye nokuthi ukusindisa abantu kwakungelula. Ukube angibhekananga nokuhlushwa, bengingeke ngikwazi ukubona ubuso bangempela bukadrako omkhulu obomvu futhi ngabe namanje ngisazikhohlisa ngalo mphakathi wobumnyama, ngabe namanje ngisathanda lo mhlaba ngingakwazi ukulandela uNkulunkulu ngenhliziyo yensimbi. Umsebenzi kaNkulunkulu omuhle nomangalisayo onginqobile; amandla kaNkulunkulu amangalisayo nothando Lwakhe okungiholele lapho ngikhona namuhla! Kusukela manje kuya phambili, kungakhathaleki ukuthi yikuphi ukuhlushwa nokulingwa engibhekene nakho, ngizozimisela ukuncika okholweni lwami nasothandweni lukaNkulunkulu ukuba ngime njengofakazi kaNkulunkulu futhi ngiduduze inhliziyo kaNkulunkulu.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
0 notes